Bantwana baseKuphakameni baningi uNkululunkulu waseKuphakameni ababizile, kodwa abazange basabele, nabasabelile bangqindeka. Kuyinhlanhla ukubizwa usabele, ayishiyeki inzuzo, abashiya inzuzo ngezwi lakhe, bayakubizwa ngabantwana abakhethiweyo, bayakubizwa ngabantwana bakaNkulunkulu
Intshumayelo yangeSabatha mhlaka
04 June 2022: Mfundisikazi Nomcebo Mpanza.
ISIHLABELELO 136.
1 Mina ngabizwa izwi lakho
Ngasuka ngakulandela.
Ngashiya izwe lakithi
Ngesuka ngakulandela.
2 Wangibiza Nkosi ngezwi lakho
Ngali lalela izwi lakho,
Ngashiya inzuzo ngezwi lakho
Ngesuka ngakulandela.
1.Ngiyababingelela abangcwele, ngiyabonga ukuphinda ngibuye kulendawo ngokunikezwa izwi le Nkosi ukuba ngiguqe phambi kwabangcwele. Isihloko sithi MANGILIZWE IZWI LAKHO NKOSI.
Bantwana baseKuphakameni baningi uNkululunkulu waseKuphakameni ababizile, kodwa abazange basabele, nabasabelile bangqindeka. Kuyinhlanhla ukubizwa usabele, ayishiyeki inzuzo, abashiya inzuzo ngezwi lakhe, bayakubizwa ngabantwana abakhethiweyo, bayakubizwa ngabantwana bakaNkulunkulu, ngoba usuku okwathiwa asidumise ngalo, sakhethelwa usuku lwemali, nasemabhizinisini wonke luwusuku lwemali.
2.Kulikhuni kwabaningi ukushiya inzuzo, noma sebesabelile, bafika babheke ukuthi njengoba ngifika lapha ngizokwazi yini ukufika ngiqhube amabhizinisi ami njengoba abantu bebaningi. Acabange ukuthi yini engingafike ngiyenze phakathi kwalelibandla kuze ngithole imali, alikhohlwe izwi elimbizileyo. Akhohlwe ukuthi ubiziwe, sekufanele ukuthi alalele ukuthi ubizwelani, sekufanele afune ukuthi ubizweleni, kodwa bese ebheka ukuthi uma ngabe ngihleli lapha ngibona abantu abaningi kangaka, konje hlobo luni lwebhizinisi engingalenza ukuze ngthole imali.
3.Babusisiwe-ke abayishiyile inzuzo bayishiya ngezwi lakhe ngoba inzuzo ayiveli ngezinto ezihlambulukle kodwa ivela ngezinto uNkulunkulu athi asiqhele kuzo. Abanye basuke benamabhusha, lamabhusha ethengisa inyama esingadingeki, bathole ukuthi isona esibangenisela imali kakhulu. Abanye banamabhizinisi otshwala, uma esefika lapha athole ukuthi abamukelekile utshwala ngisho nemali yabo. Ebese eyahluleka ukushiya inzuzo ngezwi lakhe, athi ngingamane ngihlehle ngibuyelee emuva kunokuthi ngishiye inzuzo engaka engithola ngalolusuku.
4.Bantwana baseKuphakameni isihloko sithi MANGILIZWE IZWI LAKHO NKOSI ngoba baningi abantu abamemezanayo, kodwa mawulizwa izwi lakhe ungakwazi ukuhlukanisa ukuthi angibizwa nguye. Ukucela lokhu ukuthi mangilizwe izwi lakhe kuyinto enkulu ngoba akasekho umuntu ongaseyena uNkulunkulu. Umuntu uqoqozela abantu babe babili, babe bahlanu, uma baqala baba ishumi akasesiye umfundisi usewuNkulunkulu, useyiNkosi. Ngalokhoke lababantu nabo banamzwi,, kungakhoke kufanele ucele ukuthi angilizwe Nkosi izwi lakho ngoba baningi abantu abamemezanayo.
5.Ngithike bantwana baseKuphakameni namuhla usuku lweSabatha olungcwele kuNkulunkulu, esithunywe nokuthi sifundise ngisho abantwana bethu ngalo. Uthike uShembe izizukulwana ngezizukulwana eziyozalwa ngamaNazaretha zifanele ukuba zimdumise ngoba washo nasemthandazweni yonke yakhe ushilo ukuthi, uNkulunkulu onamandla onke, unguYise wabo bonke abamkhonzayo. Lokho kuyacaca ukuthi kukhona abantu abangasibo abantu bakhe noma badalwa nguye kodwa abafika lapha bamujikela.
6.Ngithike bantwana baseKuphakameni, abantu abahamba emhlabeni bengalizanga izwi lakhe, namhlanjena basekuhluphekeni, namhlanjena basebumnyameni ngoba abalizwanga izwi lakhe, laze laziwa imbongolo bona bengalizwa izwi lakhe. Ngithike bantwana baseKuphakameni kuyiSabatha namuhla kodwa futhi usuku lapho esikhumbula khona abazali bethu nemindeni yethu yonke, esizobacelela intethelelo phambi kwaJehova, ngoba ushilo uShembe wathi usizi lokufa luyabambatha abaningi. Size ukuzobavumela. Size ukuzobaclela intethelelo, sizobacelela ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni uJehova uMdali wezulu nomhlaba abaxolele, abakhiphe ebumnyameni ebese ebabeka ekukhanyeni.
7.Akusikho khona ukuthi njengoba singasahlabi singasayenzi imisebenzi, ingoba bona singasabadabukeli, siyabadabukela, nathi futhi siyazidabukela. Ngiyacela ukumukela le nkonzo ngo Isaiah 1 verse 15-17 “Lapho nelula izandla zenu, ngiyakufihla kini amehlo ami, yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa, izandla zenu zigcwele igazi, gezani, nihlanzeke, nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami, niyeke ukwenza okubi, fundani ukwenza okuhle, nifune ukwahlulela, niqondise abacindezeli, nahlulele izintandane, nimele umfelokazi””
8.Bantwana baseKuphakameni, uthike uNkulunkulu angeke ayamukele imithandazo yethu ngoba uyakufihla ubuso bakhe ngoba izandla zethu zigcwele igazi, noma wena ezakho zingagcwele igazi, kodwa uma uyihlo egcwele igazi noma umnewenu nawe ezakho zigcwele igazi. Bantwana baseKuphakameni kuye kube khona umuntu abaye behlale phansi bakuhleke ukubulala umuntu, bemubulalele ukuthi uyasebenza, kuyasebenzeka, nezingane zakhe ziyasebenza, konke okwakhe kuyalunga, unamabhizinisi amaningi, bese behlala phansi bamuhlelele ukuthi bengenza kanjani ukuthi bamubulale lowo muntu beseke beyamubulala lowo muntu. Uthi uNkulunkulu noma ngabe sebethandaza, uthi angeke ababheke ngoba izandla zabo zigcwele igazi!
9.Siyazi ukuthi kukhona abantu abaye bambulale umuntu ngoba bezivikela, kodwa bantwana baseKuphakameni ngikhuluma ngabantu abahlala phansi bakuhlele ukubulala umuntu, bamubulalele ukuthi uyaphumelela, bamubulalele ukuthi zonke izinto zakhe zihamba kahle, bengathandi ukuya kuye beyombuza ukuthi wenzangani wena izinto zakho zihambe kahle, ebese beyamubulala.
Njengoba bantwana baseKuphakameni kuleliviki ngithe ngiyafunda ngathola uthisha osemncane kabi kodwa ongasekho namuhla ubulewe. Ngikholwa ukuthi ukubulawa kwakhe bekuhleliwe, kuhlelwe ngabathile. Labo bantu ngabantu abangababulali. Angeke asho ukuthi wayengikhuthuza wabe esengithathela isikhali ngase ngibona ukuthi angimushaye kuqala.
10.Siyazi ukuthi kukhona abantu abasebenza ezingozini, abasembuthweni wokuvikela izwe, kanye namaphoyisa, siyazi ukuthi basebenza phakathi kwezigebengu okuthi lapho zibabona kuqala khona zibashaye kuqala kuphele ngakulowo muntu obekade evikela abantu. Siyazi ukuthi akusibona bonke abadubula bafe, kodwa kuyenzeka ukuthi isigebengu sesilidubulile leliphoyisa, elinye elizifihle lapho lishaye sisithele khona lapho. Ngisho ukuthike uNkulunkulu akabufuni ubugebengu, angikholwa ukuthi umuntu obulale umuntu ngaleyondlela kuthiwa wabulala umuntu kodwa kuthiwa wavikela umphakathi ngoba babesebaningi abantu ababesazobulawa ilowo muntu.
12.Ngithike bantwana baseKuphakameni le ncwadi bantwana baseKuphakameni ngiyifundela ukuthi namhla, siletha umnikelo wokuthi nalabo abahamba benegazi uNkulunkulu azigeze izandla zabo, zihlanzeke nazo, uNkulunkulu akwazi ukubabheka njengoba ebheke abanjalo abasuke benze kahle nabantu abaxolisele uNkulunkulu waze wawuza umkhuleko walabobantu.
13.Ngithike bantwana baseKuphakameni nginomuzwa wokuthi uma ichazwa indaba yabantu abangasekho, enhliziyweni yami kufika ukuthi namuhla nabakade beme phambi kwakhe uNkulunkulu kodwa bangayigcina imithetho, nabala ukuyamukela bethi uNkulunkulu akekho, ngithi namuhla, ngiyathemba ukuthi uma sifunda AmaHubo 51 verse 11-12. AmaHubo 51 verse 11-12 “Ungangilahli ebusweni bakho, ungangamuki uMoya wakho Ongcwele, buyisela kimi ukuthokoza kwensindiso yakho, ungiphathe ngoMoya ovumayo” Amein. Bonke bamile phambi koMdali, bayacela namuhla ukuthi ungangilahli Nkosi, abanye babetshelwa bengavumi ukuzwa, kodwa endaweni yosizi wonke umuntu uthi ungangilahli Nkosi yami, ababekholwa kodwa bengayigcini imithetho namuhla bacela ukuthi Nkosi ungangamuki uMoya wakho OyiNgcwele, ngoba leligama elithi ungangamuki lichaza ukuthi into oke waba nayo ongasafuni ukuba ikulahlekele.
14.Sebeyacela namuhla ukuthi uNkulunkulu akangabaphuci uMoya oyiNgcwele ngoba sebeyazi ukuthi bazophucwa ngoba uMoya OyiNgcwele abawugcinanga endaweni enhle baphinda basuka benawo uMoya Ongcwele bayokwenza okungcolileyo. Ngithike bantwana baseKuphakameni, ngithena mangilizwe izwi lakho.
15.Ngelinye ilanga bantwana baseKuphakameni njengoba evikini eliphelile bengikhuluma ngendaba yensindiso kaThixo, ngikhuluma ngomuntu owathandwa uNkulunkulu esilwaneni esasihlezi kuye simbulalela abantwana. Ngithike bantwana baseKuphakameni ake ngiqhubeka kancane, ngikhumbula indaba yami, ngikhumbula ukuthunywa kwami. Ngingakafiki ekuthunyweni, ngabona isimangaliso uNkulunkulu waseKuphakameni esenza ezweni laseVenda. Kwahamba kwahamba kwafika iNkosikazi, le Nkosikazi yayisigule singasekho isibhedlela angazange aye kuso, engasekho udokotela angazange aye kuye. Nabantu abakwazi bamakhambi base behlulekile, esephelile esemnance esewuqhotho nje.
16.Sathi sikhonzile kuyiSabatha wafika lo Nkosikazi, wathi, angisaboni ngisho emehlweni, ngishawa ikhanda ngendlela eyisimanga, wathi lineminyaka, lingishaya ubusuku nemini. Uthike lo Nkosikazi lelikhanda uma limushaya kube ngathi kugedla izinsimbi ekhanda lakhe. Amehlo ayesehlala ebomvu esakhala aze adela izinyembezi. Wathike uzwile ukuthi kukhona umuntu okuthiwa uShembe, kwafika isikhathi kwathandazwa, lwabikwa usizi lwakhe kuNkulunkulu waseKuphakameni wahambake njalo uNkosikazi. Nasevikini elilandelayo wabuya, kodwa alizange liphele lelikhanda, lalilokhu limshaye njalo, evikini lesithathu wabuya wafike wathi uyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni, sathi amein. Bantwana baseKuphakameni wayithola ingubo emhlophe waba umNazaretha ngayo, kodwa limshaya ikhanda lingaqhelile.
17.Bamubuza abantwana bakhe bathi: “Mama ngempela usasontela ukwenzani ufa kanje, ugula kanje ngoba awuphili awusindi? Wathi sengikhonzela ukuthi mhlawumbe uma ngifika phambili ngiyofika ngiphile.” Ngikhuluma amazwi akhulunywa ile nkosikazi.
18.Kodwa bantwana baseKuphakameni ngolunye usuku le Nkosikazi ngayibona ifika, ngamangala ngiyibona ihamba masinyane, wathi uma ifika wamemeza ngolimi lwakubo wathi: Akabongwe uJehova!” Ngangazi ukuthi abongwe kuphi ngoba ngimazi efa nje! Wayesefika ehlala phansi wathi: “Nasi isimangaliso, wathi namuhla uNkulunkulu uyinqobile lento engishaya ngekhanda.
Wathi ngithe uma ngisuka lapha ngeSabatha, lasho ukungiqeda, uthi ngabiza abantwana bami ngabatshela ukuthi uma ngingafa manje, ningabahluphi laba bantu, nibayeke bafike bazongingcwaba. Uthi ngiwathathile lamafutha ekuthiwa angiwagcobe ngawafaka wonke ibhodlela ekhanda, uthi ngibona kahle ukuthi ngiyafa manje, uthi ngawafaka wonke ekhanda ngangabe ngisazazi ukuthi ngiyini. Uthi zase zithanda ukuthula lezizinhlungu.
19.Uthike ngase ngithi kubantwana ake ningilethele ikama ngoba ngase ngifana nohlanya ngoba uma selingiphethe ngibamba zona lezizinwele ngizibhekise le ngizibhekise le! Umuntuke onezinwele ezinkulu, unezinwele nje loya nkosikazi. Uthi ake ngikame ngoba ngiyaqala ukulizwa lithule, uthi uma ngithi ngiyakama, uthi ngizwe ukuthi kukhona into elana ekhanda, uthi ngibize abantwana ngithi aningihlole ukuthi yini lena ephazamisa ikama futhi ngizwe ubuhlungu, bathi abantwana: “Hawu mama isipikili!
20.Bantwana baseKuphakameni angeniswa emishinini yonke ebonisa odokotela abazange basibone isipikili. Bafika naso sinegazi safakwa ebhodleleni lesi sipikili. Kwakhushukwa kwayiwa kuBaba, kwakusekhona uBaba uThingo, safika sinjalo ebhodleleni kuyotshengiswa uBaba ukuthi siphume enhloko yomuntu obeneminyaka egula elala esibhedlela esewuqhotho. Laphela ngalelolanga lelikhanda mhlazane kuphuma lesi sipikili, kwaba ukuphela lanqamuka ngasolesosikhathi wabuya umzimba wakhe bantwana baseKuphakameni!
21.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngeke ngiziqede zonke, kodwa lokhu okulapha eduze ngifisa ukuthi ngikukhulume lokhu safika. Ngenye imini, kwafika nomunye umama wangena naye wathi uyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni, savuma sathi amein kunjalo. Ngike ngayithinta le ndaba evikini eliphelile, kodwa lo mama wabuya ngakusasa esekhala, ngicabanga ukuthi mhlawumbe ubaba wakwakhe ulwile naye kodwa ngixakwa ukuthi uhamba naye.
22.Wafika lo mama wathi: “Njengoba ngikhethe iNkosi, kufike umuntu wathi unguShembe, wathi ezulwini akushiwongo ukuthi amein, ngoba mina ngenza ubugebengu, angiyanga ukuyonika inyanga imali yayo, ebeyingilapha. Ngoba naye lo mama wayekhetha iNkosi nje wayeqale wafika wacela umkhuleko, wanikezwa wase eyaphila. Wathatha isinqumo sokuthi angeke esayinika inyanga imali yayo, kodwa uthi kwafika umuntu owathi unguShembe, wathi: “Hamba uyonika inyanga imali yayo, uma ungayiniki awuzukuba yilo iNazaretha futhi uzohlupheka.
23.Wayekhala umama ethi iNyanga ayikaze imsize ngalutho. Uma siletha amafodo sifike sibuza ukuthi imuphi uShembe ofike kuwe?” Wafike wakhomba iNKosi iLanga lapho igqoke khona isudu, wathi nguye kanye ubegqoke kanje. Uthi wamubuza uBaba ukuthi awunamali nje, wathi njengoba uthi awunayo imali kanti ubaba wakwakho akakuniki yini imali? Uthi ngasho ngathi ‘akanginiki Baba imali’, wathi umtshele ukuthi ngith akakunike imali uhambe uyokhokhela inyanga’. Uthike umtshelile ke njengoba elana nje. Bahamba ngaso leso sikhathi ubaba nomkakhe beyokhokha imali yalenyanga, waqala phansi wathi: “Ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni!” sathi amein.
24.Ngithike bantwnaa baseKuphakameni zibancane nje izinto esiye sizibone zincane kodwa zisivimbele izinto ezinkulu uNkulunkulu ongabe uyasenzela. Mina nje bengingaboni ukuthi ubengahlehla aye kumuntu ongamusizanga ngalutho abuye athathe imali amunike, kodwa uShembe wafike wakuphikisa lokho. Khona bantwana baseKuphakameni lakhula ibandla kwangena nomunye umama naye. Wajabula naye wathi namuhla ufike lapho kunoNkulunkulu khona. Kodwa bantwana baseKuphakameni yababuhlungana indaba yakhe, angazi ukuthi kwenziwa yini ukuthi iNkosi lapho osuke abantu bakhona bengazwanga lutho ngayo yenze izimangaliso. Sajabulake sathi hhawu amein wangena lo mama, naye ngeviki elilandelayo wabuye esekhala, sithi yini.
25.Uthi “Kungabe kudala ngifikile esontweni ngivinjwa ixoxo.” “Hawu ixoxo?” Uthi livele likhule, likhule, likhule phambi kwami lize licishe lilingane nethole. Livimba ukuthi ngingezi enkonzweni yeSabatha. Uthi lithi: “Kanti lwawuthi angizokwenzeni lapha.?” Uthike lomama baya enyangeni ngoba befuna kube nomuntu ozobheka umuzi.
Uthi inyanga yathi kufanele kubulawe ixoxo, bese lo muthi usebenza ngalo lelixoxo ukuthi limbelwe lapha ekhaya lihlale libheka khona. Uthike ixoxo lithi, ‘mina wawuthi angizokwenzani njengoba manje ungasekho kimi, manje sewubhekwe uShembe, mina uthini ngami owangishiyisa abantwana bami?”
26.Wayekhala ethi akumina engalibulala, labulawa inyanga, angazani nalutho nokufa kwalo, ekhala. Siwenze umkhuleko, sithandaze, sithandaze, sithi cha nakanjani linqobekile. Sibone kushaya u10, kushaya u11, uyongena esekhala, athi belime phambi kwakhe. Sagcinake bantwana baseKuphakameni sahambake umhlangano owawukhona laphana eGoli lapho sathi sifika kwabakhona abantu, ngoba babakhona abantu abathatha indaba engalingani nabo, abayibona kahle ukuthi lena ifuna ubuso bukaShembe ayimfuni omunye umuntu.
27.Kulapho laba bantu esabafica emhlanganweni bakhipha khona isaluleko bathi ayikho inkinga, wena hamba laphana endlini uthenge ithikithi, kusho izangoma, ulithengele ithikithi lesonto lelixoxo, uthathe lelithikithi njengoba kwenziwa kubantu, ulifake laphaya okuhanjiswa khona amathikithi!
28.Kodwa wathi uyangitshela lo okade eselulekwa ukuthenga ithikithi lesonto ethengela isele, ngasuka ngejubane ngaya kuMfundisi uMthethwa, ngathi nangu umuntu ethi akwenziwe nje. Wathi umfundisi uMthethwa: “Uphi lowo, akabizwe!” Wambuza uMfundisi wathi: “Njengoba uthi lelixoxo alithathelwe ithikithi uthi alithengelwe ingubo, uchaza ukuthi alingene lizokhonza nathi, ekubeni lona oze nalo uzothi alisuswe kuye, kodwa wena uthi alingene lizokhonza nathi?”
29.Ngithike bantwana baseKuphakameni akufiki namuhla ukuthi kubekhona abantu abaye beyithathe indaba yomuntu bese bekhuluma njengoba uzwa ukuthi sake saba nabo abathi akuthengwe ithikithi, kuthengelwe ixoxo! Kwadlulwake bantwana baseKuphakameni kwagcina kufikiwe kuBaba, lanikelelwa ixoxo. Alizange lisabuya bantwana baseKuphakameni wabe eseyakhululeka umama, akabongwe uJehova!
30.Sengikhulumake bantwana baseKuphakameni ngokuthunywa kwami. Ngelinye ilanga uye uthi mhlawumbe uma uNkulunkulu ekuthuma, uthi mhlawumbe uNkulunkulu uyolinda ube mdala noma mhlawumbe ukholwe. Kodwa ngenye imini nami ngangingazi lutho, kodwa iNkosi iLanga yayilokhu ingilandele, ngibona ukuthi yayingilandela ngoba ingibona ukuthi ngizoba ingozi ngoba angikholiwe.
31.Ayikho into engangibona ingasiza, engangisiza nje kumuntu, ngangishesha kabi ukufika nginganandaba ukuthi ngubani, yangibonake iNkosi ukuthi kuzohamba kuhambe ngibe ingozi noma ngilimale ngoba ngangingeke ngibahlule bonke abantu! Yafikake iNKosi ngelinye ilanga yathi ngiyakuthuma hamba uyelapha eBetrhel, iseMpumalanga, kodwa indawo engingayazi mina, sikude kakhulu naleyondawo.
32.Yathike iNkosi, hamba uyelapha yana, yathi kunomunye umuzi laphana, kunomntwana, lo mntawana sewuze manje useyisixhwala, akasafundi, akasakwazi ukuhamba, kanti ukhona nomunye omelamayo kodwa kugonwa yena ngoba akasakwazi ukuhamba. Wathi uBaba kukhona isilwane, wathi sihleli lapha phezu kwalomuzi, wathi kulo muzi bangamaNazaretha, wathi kodwa futhi abakholwa, abayigcini imithetho. Wathi kungakho noma bebuya namafutha abusisiwe, wathi lesisilwane siyawathatha lamafutha ngoba lamafutha asuke engenawo uMoya kaNkulunkulu ngenxa yezenzo zabo, bengamaNazaretha, ithike iNkosi iLanga, hamba, ngathi angikwazi lapho. Yathi hamba! Wakhipha amatshe ayisikhombisa, wawafaka ejekeni, ayethe angithele amanzi kuwo, abila, kwangathi kufakwe amatshe aphuma emlilweni. Wathi: “Lamanzi uwathathe bese uhamba nawo. Wathi lamatshe akusiwona amatshe, kodwa izingelosi eziyisikhombisa ezizohamba nawe!”
33.Ngasuka bantwana baseKuphakameni, ngisuka eVenda, ngadlula eGoli ngaya eMpumalanga, ngabamba amatekisi aya eBethel, kodwa ngangingazi kulomuzi, kodwa ngangazi ukuthi okabani, kodwa ngingazi ukuthi kukuphi. Ngathi uma ngehla etekisini, ngabuza, igama lelokishi lakhona, sengilikhohliwe, kwakuyindawo nje entsha esanda kubakhona, nalo baba wayenginikile lona.
Bangiyalela itekisi ngangena lapho, uma sengifika lapho la phakathi ngikhuluma nomunye umama ngithi ngifuna abantu abangamaNazaretha ngingabatholaphi, ngiyazi mina zibanibani. Athi awu ngiyazi sesedlulile kancane, awuthi ame udrive ngizokuphelezela mina ngiyokubeka khona. Ngithi cha uma ungangiyalela noma ungangibekanga khona, wangiyalela wase eyanqandeka ngahamba bangcwele.
34.Ngathi uma ngifika khona, bavuma bathi kukhona la, yaqhamuka ingane, yangibingelela, ngavuma ngathi baphi abadala, yathi ubaba akekho, usemsebenzini, umama ukhona. Ngathi awumbize umtshele ukuthi kukhona omfunayo. Wangena umntwana eside isikhathi engaphumi lo mama. Ngahlala, ngathi angazi ngizolalaphi sekuntambama, uma lo mama engavumi ukuphuma, kodwa ukhona ngoba sebeshilo bathi kukaMethula la.
35.Kuthike kade aphume lo mama, bese ngiyamtshela, umuntu nje, ngicabanga ukuthi wayemncane nje mina uma ngimubuka, ngabona sengathi ngimdala nje mina kunaye. Ngimbuzeke, hawu waphuza kangaka ukuqhamuka, muntu kaNkulunkulu ngoba umuzi wabo wawusho ukuthi ngamaNazaretha.
36.Athi cha, ngiyaxolisa kungenxa yesimo somntwana, umntwana lona uyagula ukhala ubusuku nemini, manje noma ezolala ngiyamulungisela. Lokho wakusho emuva kokuba ngimchazele ukuthi ngithunywa iNkosi yaseKuphakameni. Ithi angize lapha, angazi noma kukhona yini lapho kunengane, ithe iNkosi kunengane egulayo, kodwa esagonwayo kodwa futhi seyilanyiwe engasakwazi ukuya esikoleni.
37.Wavele wakhala lo makoti, wakhala lomama, wathwala izandla ekhanda wangena endlini wavala. Waphuma waphinde wakhala, ngangingasazi noma ukhalela ukuthi nangu umuntu ezongihlolela yini! Wathi ngampela njengoba ungibona ngiphuze ukuphuma, umtanami uyagula futhi angisagoni yena omncane, ngigona yena, ebese qalile esikoleni, kodwa sengaya ngayobatshela ukuthi angeke esaqhubeka. Wayeseyamthatha lo mntwana waphuma naye, weza lapha naye lapha kimi.
38.Ngathi ngithunywa iNkosi, ithi iNkosi lo mntwana ubanjwe isilwane, lesi ssilwane esihleli lapha phezu kwendlu, ithi iNkosi nina aniwugcini umthetho ningamaNazaretha, aniligcini nakahle iSabatha, okunye uBaba akangitshelanga ukuthi benzani, ngathike ithi iNkosi noma senilanda amafutha, amafutha enu uMoya kaNkulunkulu uyanqandeka, bese ethathwa ilesi silwane, sizigcoba ngawo ngoba nenza lokhu enikwenzayo. UBaba wangitshela ngisho ukuthi ngisho lo muzi abahlala kuwo waqala waba umuzi wakwaKhumalo, wathi uBaba lesi silwane sashiywa ilo Khumalo mhlazane ehluleka ukukhokha, ebese eshiyake isilwane wathi akunakuhlala muntu kulomuzi. Ngase ngiyamutshela nalokho ukuthi yathi iNkosi sashiywa ngabantu ababehlala lapha, laba banatu abakwaKhumalo. Waphinde wathwala izandla ekhanda!
39.Wathi: “Ngampela lo muzi lona sawuthenga nje wawukade uhlezi abantu bakwaKhumalo. Yayingitshelile iNkosi enkulu yaseKuphakameni yathi ubothi ke uma uya esiguqweni noma ngo 00:00 bese ngiyaphuma ngithathe lamanzi, bese ngiwasebenzisa, ngithathe inhlabathi kulo muzi ngiyithele emanzi ukuze lamanzi azofika phezulu, ngifake lamanzi kulenhlabathi bese ngishaya kakhulu laphana phezu kwendlu.
40.Kodwa nginalo uvalo ngoba ngangiwumuntu nami ngangingekho ngcwele, nganginalo uvalo, kodwa ithemba lokuthi uBaba wathi angeke ngenzeke lutho. Ngasibona bantwana baseKuphakameni isilwane sehla, kodwa asehlanga siyisilwane, kwakungathi kwehla ithayi lemoto njengoba ayapakwa amadala, kwangathi kwehla lon lathi qimi phansi, ngithe ngithi eceleni ngase ngibona inja, esamuntu yaphuma yabaleka.
41.Ngakhuza ingcwele, ngakhuza ingcwele ngathi: “Uyesabeka Nkosi yokuPhakama!” Ngase ngingena endlini umntwana ngase ngimugezisa njengoba uBaba wayeshilo. Azizange bantwana baseKuphakameni ziphele ngisho izinsuku ezimbili, ingane yasukuma yama, ingane yabuyela esikoleni ngeNkosi yaseKuphakameni, akabongwe uThixo! Banjaloke abantu abathi uma bona babe nenhlanhla yokuhlengwa.
42.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngahlala kulo muzi, ngoba lo makoti wayesehlale ebabaze njalo, wayesethi akayikhulume lento kubantu abangamaNazaretha, ngabona sekufika abantu abaningi, ngifuna ukuvuka ngihambe, ngangingathunyiwe okunye. Bangikhalela abantu bathi bayacela ukuthi angibacelele kuShembe nabo, ukuthi ngibasize akusibobodwa abahluphekile.
43.Ngathola ukuthi kukhona omunye ubaba oboshiwe, eboshwe bantwana baseKuphakameni ngalesisitayela esikhona sokuthi uma umuntu umzonda, isono esikhulu esingabhekwa esokuthi ubengidlwengula, akubuzwa nokubuzwa uvele ushaqwe amaphoyisa uyovalelwa. Ngithike bantwana baseKuphakameni kanti lo mfana uyinyanga, uyinyanga lo mfana umuntu engathi uma ngase ngithola, ngathola ukuthi uzalwa umuntu, laba ababakhile ezweni lakithi, uzalwa intombi yakhona kwaHadebe, ilana okugane khona umzala wami lo okade elapha.
44.Uyinyanga nje enkulu, ezinye izinyanga engathike azikuthandanga lokho, zabe sezifuna amantombazana, zawacela ukuthi akaze, amantombazane awathi uwadlwengulile omabili, uwathumbile wawadwengula, ewadlengulela kwakhe. Kanti lelilanga abathi ubadlwengule ngalo, uNkosikazi wakhe wayengayanga emsebenzini, lo muntu uyinyanga nje uyiNazaretha!
45.Okwathi uma senginaye ngambuza ukuthi uyiNazaretha kanjani eyiNyanga, wathi kwathiwa angilethe izikhwama zibusiswe, uthi kwasho abashumayeli khona laphana ekhaya elikhulu. Bathike angilethe izikhwama zibusisiwe, ngabuza ukuthi zabusiswa nguBaba, wathi cha ngabashumayeli, uthi bathi angikhiphe umnikelo, sengiyokwazi ukuthi ngilaphe ngesiNazaretha, uthi wazikhiphake nezimbuzi abazifuna, ngase ngiyathula ngoba ngangingathunywanga lokho.
46.Bantwana baseKuphakameni, eboshiwe kanjalo, umkakhe weza wazongikhalela, wathi umyeni wami uboshiwe, kuthiwe wadlwengula, ilanga okuthiwa wadlwengula ngalo, ngangiyile emsebenzini, ngangikhona, ngangingayile angikaze ngaphuma ngisho ukuya ezitolo, ngahlala naye kwaze kwaba liyashona ilanga, futhi akekho umuntu wesifazane owake wafika layikhaya. Wathi kodwa uphakathi ejele, ngizocela ukuba uShembe angikhumbule!
47.Bantwana baseKuphakameni, ngaphuma nami ngayoguqa ngaphandle ngathi Nkosi yaseKuphakameni bese ngiqedile kulokho obungithume khona, kodwa sengicelela laba abakhalayo, laba asebengivimba bathi ngingahambi nabo, bathi angibacelele kuwe ubasindise nabo.
48.Ngayishoke indaba yalowo mnumzane owayeboshiwe, ngaseke ngahlala nomNazaretha. Ngathi sengihleli wabuye wafika lo muntu wasezulwini, angazi ukuthi njengoba ngishilo ngithi mhlawumbe iNkosi iLanga yayingibona ukuthi ngiwumuntu ongakholwa, ifuna ukuthi icente enhliziyiyweni yami ngizosaba mhlawumbe nganginakukuzwa uma kukhulunywa ngendaba kaNkulunkulu. Wafika wathi uBaba: Cha, amanzi lawo uma esekhona akageze ngawo.” Ngathi: “Usejele Baba.” Bantwana baseKuphakameni ngabona isimangaliso umuntu ekhishwa ejele ngendlela engaqondakali, wathi uBaba iLanga: “Uma kukhona ingane yakhe, wathi geza yona, kuyogezeka yena ngaphakathi ejele.” Wathi leyongane niyithathe niyivalele, bese niyakhiya, nikhande ijele, nilikhande khona kwakhe, wathi uthandaze, ebese uhamba uyovula, kodwa esenikelile unina walengane. Ebese uyavula bese uthi phuma zibanibani ejele, ubize igama lalona oboshiwe, kodwa kuphuma lona, waphuma umntwana. Akuzange kuphele isikhathi umkakhe wangitshela ukuthi njengoba icala lilokhu lihlehla, kwathiwa hhayi icala lungosuku oluthile. Ngacelwa kwathiwa angime ukuhamba, kwahambake kuyothethwa icala.
49.Uma efika enkatolo lamantombazane bantwana baseKuphakameni, afika onke edakwe ephelile, umfana lona vele uyiNazaretha unesihluthu. Uma efika amantombazane athi nje asimazi lona, thina yilona esimaziyo, ulimele lana, lona unesihluthu unenhlikinhliki yezinwele, akusiye lona owasidlwengula, washo nalona omunye wathi wayeklebhukile lana enesibazi lana futhi enezinyo elihlephukile. Waphuma umfana ngoNkulunkulu waseKuphakameni, ngamtshela ngathi uhambe uyobonga kuShembe, kodwa uyisho le ndaba ukuthi abashumayeli basho njena, uzwe ukuthi uShembe uzosho yini ukuthi benzakahle abashumayeli.
50.Ngithike bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu uyasebenza ngomuntu ongasho lutho njengami, ngangihlala ngosebenza lokho njalo, ngangihlala njalo bantwana baseKuphakameni ngizwa. Ngesinye isikhathi bayasiza labo othi uma ufika mhlawumbe kulelibandla bakuhlukumeze, ngoba bayasiza ukuthi inhliziyo yakho ihlale iseduze noThixo, ngoba ngangiwumuntu njalo ngangihlangana nezinto ezimbi.
51.Kodwa bese ngithi Shembe, wena wangibiza ngezwi lakho ngasuka ngakulandela, ngiyacela ukuthi ungikhokhele ngezikhathi zonke, ngiyacela ukuthi ngingaphucwa muntu ubuNazaretha ngoba ngasuka ngakulandela!
52.Ngithike bantwana baseKuphakameni namhlanjena sineNkonzo yokucelela abantu abangasekho, njengoba umuntu uma esejele akaziphumeli yena, ukhishwa umuntu ongekho ejele. Nathike namuhla sinjalo bantwana abaseKuphakameni. Nganginjalo bantwana baseKuphakameni, ngangihlala njalo ngithunywa izinto ezinzima.
53.Ngake ngakusho kulelibandla ukuthi kwake kwabakhona abantu abafunda bagogoda emfundweni ephakeme, bagcina ngokugqoka amajazi emfundo, abazange bawuthole umsebenzi, babezalwa nguBaba oganwe amakhosikazi amabili, laba bantwana bengawutholi nje umsebenzi. Kodwa ngenxa yezinto uShembe ayesezenzile endaweni yakuleliya lizwe, ephikisana enqanda ngisho ixoxo, esindisa abantu, abantu babezitshela izihlobo zabo ngalezi zimanga ezenziwa uShembe ezweni labo!
54.Wafika lo mnumzane naye wakhala ngezingane zakhe amadodana akhe amabili awafundisile kodwa umsebenzi akawutholi. Nalapho bantwana baseKuphakameni uShembe waphinde wasenza isimangaliso, ngoba nakhona lapho uShembe waphinde wangithuma ukuthi lo mnumzane angimnikeze amanzi awasebenzise, kanti lo baba iNkosikazi yakhe endala, iseyamxosha ngisho endlini, seyamakhela nje, muhle umuzi walobaba, kodwa wakhelwe nje ikamelwane elingatheni ngaphandle uhlala khona.
55.Uthike lo Baba, njalo uma kusihlwa kunento emhlebelayo, uthi kodwa akayizwa ukuthi ithini, uthi uyakhanyisa nalapha phansi kombhede yonke indawo angatholi lutho, kodwa uma ethi uyacima nje kube khona into emhlebelayo. Uthike lo Baba bantwana baseKuphakameni ngaso sonke isikhathi ngivuka umzimba usushone phansi ngizibone nabantu bengangithandi kahle.
56.Uthike nabantwana ebengihlala nabo, uthi abantwana bami ababili abafundile abasahlali nami sebehlala lapha kumama wabo omncane, ngoba nangalesi sikhathi bezocelelwa umsebenzi wabe ehamba naye unkosikazi omncane. Umama walabantwana cha, akumhluphi yena ukuthi laba bantwana asebekhulile abaganiwe abasebenzi, bakhuliswe iloya omncane.
57.Awu, lo baba, bese ngithi cha, kulungile baba, ake sithandazeni, sithandaze, ahambe ubaba, sisale, kodwa mhlazane ezokukhululwa, uBaba iLanga washo wathi mnikeze amanzi, akuyanga mina khona. Ngakhipha amanzi ngamnikeza ngathi ubofika uchele, uchele kuwo wonke umuzi yonke indawo.
58.Wathi angazi ukuthi ngizongena kanjani ngoba angingeni lapha kulendlu enkulu, unkosikazi usewangakhela nje lapha engihlala khona, lapha endlini kuhlala yena yedwa. Ngase ngiyamtshela ngathi yazi yini, fika uqale ngaye umchele, uthi izwi le Nkosi selifikile phezu kwethu, bese uchela zonke izindlu. Uthi wahamba wenza lokho, wachela yonke indawo ngamanzi abusisiwe. Uthi ngakusasa uma ethi uyavuka wathola kunogolokoqo lwenyoka, uthi yayisikhathele engathi ibishawa, uthi ngamemeza ngabiza umphakathi.
59.Uthi wafika umphakathi uzomelekelela kulenyoka, engakanani inyoka, uthi engakanani imamba, uthi sayikhipha, umphakathi wangilekelela, uthi ngaze ngabiza omunye umfana ngathi akayidlivize ngemoto. Uthi izinhlamba ezazithukwa ilo mkami omdala, uthi akasethukanga, uthi akangithukanga phambi kwabantu washiya angalazi.
60.Uthike lo baba ngaqala ke ukulala uma sengichelile le nyoka isifile. Ngithe ngithi ngiyalala, uthi nangu umfana wami uze kimi uyakhala, uthi ngithi hawu yini, baba kukhona into ekhuluma nathi, ikhuluma nathi ekamelweni asiyizwa ukuthi ithini. Hawu uthi ngivuke, ngithathe wona lawomanzi sihambe siye laphana kulo nkosikazi omncane. Ngithathe wona lamanzi ngichele, uma bethi beyabuka iyo le nyoka ebeyilaphana, useyithuthile manje lo mama useyibeke ngapha, yabulawake!
61.Kodwa engiqkuqondile bantwana baseKuphakameni, njengoba ngingashumayeli ngixoxa kodwa ngixoxa indaba yabathu abathandwa uNkulunkulu. Akuphelanga neviki, umfana wahamba, angimazi wayeyephi, uthi wahlangana nemoto yomlungu imile, umlungu imhlupha, ngamsiza lo mlungu ngamphushisa imoto, uthi ayi yagcinake iduma imoto. Wasema umlungu wathi, hawu usebenzaphi, uthi ngathi angisebenzi, hawu awusebenzi, ngamtshela umlungu ukuthi nginani, nginani kodwa angiwutholi umsebenzi.
62.Wathi hawu ngempela ngampela yini into engingakwenzela yona, wathi ngicela ukuthi ke ngikubone ngelanga eliwukuthi, wambhalela ngelanga okufuneka bahlangane khona. Kodwa into eyaba isimanga, uthike umlungu: “Le moto ongisize ngayo, inezinyanga ezintathu ngiyithengile, sengikupha yona.”
63.Uthi umfana ngathwala izandla, ngathi angizwa, wathi sengikupha yona, wabe ehamba nami kwafika emzini wakhe wabhala yonke into, imoto ngayithola, wafika sebehamba ngayo ekhaya, wathola imoto umlungu wamufaka emsebenzini.
64.Bantwana baseKuphakameni kwaqala kwaba kuhle, kwaba kuhle laphana kwalobaba, nalomama wathuka zaze zaphela izinhlamba, kodwa uShembe wangena wayixosha inyoka eyayivimbela abantwana ukuthi bengawutholi umsebenzi, wathi uyoyifaka kwalona omncane, uShembe wayinqoba nakhona. Abantwana bakhe abamemukeli kahle, laba ababafana nje ababili bahlala kulona omncane.
65.Ngithike bantwana baseKuphakameni zinjaloke izinto uShembe azenza ukuze kube nebandla eVenda, babaleka bashiya amabandla ayekhona lapho, labo abafuna ukuthi bashiye inzuzo ngezwi lakhe.
66.Sengizake kulokhu kwabantwana, uthike uNkosazana kusamele kulelibandla sibe nenkonzo yabantwana, ukhulume ngezigaba ezimbili.mAbantwana labo abasengabantwana impela, abaseneminyaka emibili, abanye njalo bathe ukuhluka kulabo. Wathike kufuneka kube nenkonzo yabo ekhuluma ngokubusiswa. Wathike inkonzo futhi yabantwana yokweluleka izingane njengamakhosazana asekhulile nayo iyadingeka, kodwa wagxila kakhulu kule yabantwana. Wathike umtshele uBaba uMelusi ukuthi akhumbule ukuthi, liyangihlula leligama abambiza ngalo uJesu njengomuntu ofunde kakhulu. Ngithike bantwana baseKuphakameni wathi:
Isihlabelelo.
“Vumelani abantwana
Ukuza kuJesu
Simenyiwe namhlanje
Ukuza kuJesu
Simuthande simukhonze
Imihla ngemihla.”
67.Angazi noma ngibhede ngafikaphi ngoba isihlabelelo samaKrestu asifani nalesi sikaShembe. Uthike uBaba uMelusi akukhumbule lokho, abantwana ababe nenkonzo yabo, ilokhoke uBaba athi besengikushiyile, bengithi ngikushiyele usuku, mhlazane sizokhuluma indaba yabo. Abantwana kuthiwa uma sebonile bese sibasola kodwa asikaze sizihluphe sibe nenkonzo yabo yokubaxwayisa nokubafundisa, kodwa silindela ukuthi bone uma sebonile bese siyabajezisa.
INkosi ibusise enikuzwile!