Exodus 31 verse 15. “Ngalokho abakwa Israel bayakuligcina iSabatha, balilonde ezizukulwaneni zalo, libe isivumelwano esiphakade, liwuphawu phakathi kwami nabantwana bakwa Israel, kuze kube phakade”
Uphawu lwesibili uma ungena endlini yesonto, nalu umshumayeli elichaza, uthi iSabatha liwuphawu phakathi kwesivumelwano sami nabantwana bakwa Israel ukuthi iSabatha liwuphawu lwesibili mawungena endlini yesonto ukuthi ngiyakuzwa Mfundisi wami, usukukhulume konke, uthini ngeSabatha
Intshumayelo kaMfundisi uNtuli mhlaka 09 August 2022 eNewcastle..
1.Angfunde izwi phakathi kwalenkonzo esikuyo. Ngizovula ngencwadi ka-Amos 8:11. “Bhekani izinsuku ziyeza, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakuthuma indlala ezweni, kungabi indlala yesinkwa, kungabi eyokomela amazwi, kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova. Bayakuzulazula kusukela olwandle kuze kube selwandle, kusukela enyakatho, kuze kube sempumalanga, bahamba hambe befune izwi likaJehova kepha abayikulifamana. Ngalolosuku izintombi ezinhle, nezinsizwa, ziyakudangala ukoma, abafunga icala laseSamaria, bathi ‘kuphila kukankulunkulu wabo, dani’ nokuthi ‘kuphila kothandiweyo wakho Bherisheba.”
2.Iyangithinta kakhulu bantwana bokukholwa le ncwadi ngoba lento eyishoyo kuhambe kwahamba yafika emhlabeni. Sibe khona isikhathi lapho kubekhona indlala yezwi likaNkulunkulu, kwabakhona indlala lapho khona abantu siphithiza, sifuna indaba kaNkulunkulu, kodwa asaze sayithola.
3.Singabantu abazalwe ngabazali babafundisa ukukholwa, kodwa kuhambe kwahamba sabanenkinga, sathi uma sifunda izincwadi zethu zebhayibheli, siqhathanisa nesikwenzayo, kwaphambana. Salomela izwi likaNkulunkulu likhona ezincwadini, kodwa amabandla esikuwona enqaba ukuba siligcine izwi likaNkulunkulu.
4.Uthi noma uzama, kuthiwe hhayi, hhayi, hhayi, ungagijimi lapha, akukholwa lapha uze udlule ekhaya, kunesaga esisho njalo. Uthi uma uzama ukwenza izwi elisebhayibhelini bethi akukholwa lapha uze udlule ekhaya. Kwayisaga lesi bantwana bokukholwa esivimba abantu ukuthi benze izwi likaNkulunkulu.
5.Uma ngifika kulencwadi bantwana bokukholwa ngiyaye ngificwe ilowo muzwa, ukuthi yake yangifica lento nami, ngithi ngisendlini yokukholwa, kodwa ngingakwazi uku comply encwadini yokukholwa, ngi comply ezimfundisweni zabantu. Isho njalo enye incwadi ithi:
“Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami, kodwa bangikhonza ngeze bafundisa izifundiso ezimiyalo yuabantu” (Matthew 15 verse 8-9).
6.Bantwana bokukholwa, sizele lokho, sizele lokho ngokuholwa uBaba uMelusi ophakathi kwethu, sizele ukuqeda indlala emhlabeni, angaba bikho umuntu othi ngiyakufisa ukukholwa, kodwa angazi ngizoshonaphi ngoba sengibathe ngiya ngapha, abantu bangitshela lokhu, sengithe ngiyangapha kanti ngishonephi?
7.Siphumele obala thina, saba ngamaNazaretha kaNkulunkulu ngampela, akulona nje igama lethu ukuthi singamaNazaretha kaNkulunkulu, kodwa kuyisenzo at the same time. Ngokuba iNazaretha likaNkulunkulu, kuyisifungo osuke usithathe emhlabeni, ukuthi ngizohamba ngendlela kaNkulunkulu, akuzona izibongo esibongana ngazo. Asizibongi uma sithi singamaNazaretha kaNkulunkulu. singamaNazaretha kaNkulunkulu ngempela, singamaNazaaretha kaNkulunkulu ngesenzo, sihamba lapho indlela uNkulunkulu athi ayihambe khona. Noma ngabe abantu bayakuthanda lokho noma ngabe abakuthandi, kodwa sihamba lapho uNkulunkulu athi ayihambe khona.
8.Singumthombo oyisimangaliso bantwana bokukholwa, ozele specifically ukuzoqeda indlala yezwi likaNkulunkulu emhlabeni. Abasekho abantu abangathi namhlanjena, bengifisa ukukholwa, kodwa bengingazi ukuthi ngizokholwa yini. Bonke abantu bayothi lafundwa izwi sahluleka ukulenza! Njengoba asho uMprofethi wathi kohamba isikhathi kufike amaNazaretha athi sehlulwa ukulenza Nkosi, thambisa izwi lakho, bonke abantu bazosho njalo, bazothi thambisa izwi likaJehova Baba uMelusi, siyahluleka ukulenza. Bazokhala kanjalo namhlanje, ngoba lifikile bantwana bokukholwa, lifikile silinikiwe, kwehla umuntu wasezulwini, wadela ubukhosi basezulwini, asikwazike ukulithambisa, asikwazi ukulincekethisa, asikwazi
ukungalenzi ngoba liyizwi lezulu.
9.SingamaNazaretha bantwana bokukholwa, siyizwi likaNkulunkulu, siwukufuna kukaNkulunkulu, siyibandla eliyintando kaNkulunkulu, sihamba lapho uNkulunkulu athi asihambe khona. Ezinye izindawo esike sihambe kuzo ngokuthunywa uNkulunkulu, kufika lapho abantu abangathandi kahle khona, befise sengathi bengathatha indlela evuna izinhliziyo zabo, kodwa asikwenzi lokho.
10.Kwesinye isikhathi sihamba lapho imindeni yethu ingathandi khona, uma uNkulunkulu esesihola ethi asihambe lapho, sihamba lapho, noma imindeni yethu ingathandi, kodwa sihamba lapho. Silapha nje emndenini yethu sathi uma sithatha lezindaba sizizwa uBaba uMelusi ezixoxa ngokukholwa kwasezulwini, ezixoxa lezindaba, sabona ukuthi nansi into ebesiyomele, nansi into ebesiyifuna.
11.Sagijima bantwana bokukholwa sayosho emindenini, sayiqoqa, sayibeka lapha, sayixoxela ngezindaba ezinhle eziyizwi likaNkulunkulu. Yathi imindeni, never, sikushonisephi lokhu okwethu, sikushonisephi lokhu, sikushonisephi lokhu? Ngoba phezu kwenkolo base bekhande inkolo futhi, inkolo phezu kwenkolo. Noma usuthi uvusa inkolo kaNkulunkulu uyayiqhwanda, bathi manje sesinalena, siyenzenjani le yethu, bantwana bokukholwa siyenzenjani le yethu?
12.Bantwana bokukholwa abantu-ke baye bezame ukumelana nendaba yethu, becabange ukuthi bamelene nje nebandla, asilona nje ibandla bantwana bokukholwa, siwumbuso kaNkulunkulu. Uma uYeshua ethi intando yakho ayize emhlabeni, umbuso wakho mawufike, siwukufezeka kwaleso sprofetho, siwukufezeka kwalowo mthandazo.
13.Lelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu lizele lokho ukuthi umbuso kaNkulunkulu awufike lapha emhlabeni, intando kaNkulunkulu ayenziwe lapha emhlabeni. Abantu bayazama ukusiphikisa, bethi hhayi ningenwe yini, ningwene yini? Bonke abantu abaphikisana nathi, baphikisana noNkulunkulu, bonke abantu abaphikisana nathi baphikisana nebhayibheli. Ngoba akukho bantwana bokukholwa esikukhulumayo esivele sikucabange nje bese kuyacatshangwa, bese kuhlangana inqunquthela bese ikukhanda.
14.Njengamabandla onke okuyaye kuthiwe kuyaye kubenebhodi elike lihlangane, liyiqondise indaba yesonto, angeke ngithi kaNkulunkulu, indaba yebandla. Lapho asinayo into enjalo, sinayo i-constitution yasezulwini, sinayo incwadi yasezulwini, okwathi mhla uNkulunkulu eyilethile wangathumela zingelosi, wangathumela baprofethi, wehla yena uqobo lwakhe, wazokhuluma entabeni wathi ngifuna lokhu, ngifuna lokhu.
15.Kufanele ngabe bonke abantu abakholiwe, bayafuna ukuthi mhla uNkulunkulu edela ubukhosi bakhe weza emhlabeni, wafike wathini? Kodwa bonke bafuna ukwazi ukuthi wathini uMzwakhe Mbuli uma ephuma ejele, bacaphune amazwi akhe, wathini uMandela uma ephuma ejele, bacaphune amazwi abo. Kodwa mhla uNkulunkulu ephume ezulwini weza emhlabeni, abantu abathi bakholiwe abanendaba nalokho!
16.Kufanele engabe lawo mazwi siwasho ngekhanda ukuthi wathini uNkulunkulu mhla ebize abantu, mhla ezehlele yena eze kubantu, wathini? Simkhonze noma silala, simkhonze noma sivuka ngoba kuyinto enkulu ukuthi uNkulunkulu edele ubukhosi bakhe ngenxa yabantu.
17.Ngithi-ke ivangeli like lihambe kwesinye isikhathi lihambe lapho khona abantu abangathandi khona, kodwa siyaye sithi khetha eyakho, khetha eyakho ngoba izindlela zimbili. Asikwazi ukuthi sishiye indaba kaNkulunkulu, ngoba indaba kaNkulunkulu, kakhulukazi mina, ngiyababona abanye, kakhulukazi mina, ithe uma ifika kimi, yafika ngigqitshwe emgodini, yafike yangiqhwanda indaba kaNkulunkulu, yangikhipha, yangizimbula, ngaphuma. Ngithe uma sengiphumile, yase ingigeza, bantwana baseKuphakameni ngaze ngawumuntu. Angikwazike mina kakhulukazi ukuthi uma indaba kaNkulunkulu ngiyikhuluma, bese ngithi abantu bazothini, nginganecala phambi kukaNkulunkulu, ngoba ngiqhwande yiyo, yangigeza!
18.Bantwana bokukholwa, zimbili izikhala zokuchitha ezivame ukuchitha indaba kaNkulunkulu. Ukuchithwa kwendaba kaNkulunkulu kuqhamuka ngezintuba ezimbili. Intuba yokuqala yokuchitha indaba kaNkulunkulu, ukuthi abantu baziqoqe bebe yi-type ethile bese bekhanda imigomo ethile abazibekela yona bodwa, bese lemigomo beyenza ibe mikhulu kunenqubo yokukhonza uNkulunkulu.
19.Baqhamuka kanjani abantu lapho na? Baqhamuka nge-angle, bese bethi usiko lwethu lolu, bese manje ngisho izwi likaNkulunkulu kufuneka lime, lime, limiswe usiko lwabantu. Kanti yini usiko? Kuhlangana amadoda esibongo sakwaNtuli, amanye anezinhliziyo ezimbi, amanye athakathayo, amanye anjeyana, bese enquma ukuthi izingane zalapha kwaNtuli zonke sizigawula umunwe mayizalwa. Uma kuzalwa ingane layikhaya, siwugawula umunwe, uma sesiyigawulile umunwe, uma kungeyona eyalayikhaya izofa, uma kungeya lapha ekhaya izophila. Uyabona ukuthi lento vele ubuhlungu osudlule kubona sebungaku bulala nje bona bubodwa noma kungeyalapha ekhaya.
20.Kodwa usiko into enjalo bantwana bokukholwa, kuhlangana abantu, abantu phaqa, phaqa phaqa, abangabantu, bese beyinquma lento bese beyakha. Bese nina zizukulwana eziqhamukayo, bese nithi hhayi asikwazi ukweqa lolusiko, olwabadala, ungabe usazibuza ukuthi babemazi yini uNkulunkulu laba bantu abadala osukhuluma ngabo, abaqala lelisiko, awunandaba uyalandela nje. Uzoba nenkinga. Intuba yokuqala yokuthi abantu bechithe inkolo kaNkulunkulu ngamasiko abo!
21.Asifunde incwadi, uthini uYeshua, ngoba kwakukhuluma indodana kaNkulunkulu lapha. Yathini ngamasiko ethu njengabantu kanye nezwi likaNkulunkulu, ikuphi okukhulu umuntu othi ngikholiwe mina?
Matthew 15 verse 1
AbaFarisi nababhali basolwa ngenxa yezimiso zabo
(Mark. 7:1)
“1Khona abaFarisi nababhali bafika kuJesu bevela eJerusalema, bathi: 2“Yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na?”
22.Baya ngeshodi laba bantu, beya kuYeshua, bathi yeyi Yeshua yini le eyenzekalayo, manje nanku umgoqo, nanti ihegana, labekwa okhokho bethu abadala, obaba bethu, nampa abafundi bakho beleqa, manje yini le abayenzayo? “Ngokuba abahlambi izandla nxa bedla isinkwa.”
23.Ashaya umthetho amadoda ayizimpunga lapha ukuthi kuyohlanjwa izandla mande kudliwe, awuthinti lutho (mawungazihlambile). Kepha waphendula (Yaphendula ingonyama kaJuda), wathi kubo: “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na?”
24.Yini nina neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yosiko lwenu na? Kubuza owasezulwini manje ukuthi lamasiko eseniwenza abe makhulu kangaka, asedlula uNkulunkulu, kanti lamasiko ayini kunoNkulunkulu, yini edala ukuthi neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yamasiko enu?” Banjaloke abantu, uye ethi umuntu noma kuthiwa ibhayibheli akwenziwa lokhu, athi umuntu ‘cha, phela lapha usiko lakithi lolu, njengamaZulu, usiko lwethu lolu njengabantu bakwaNtuli, bese bechitha indaba kNkulunkulu ngenxa yezwi labantu!
25.Lesi sizwe singikhonza ngeze, singikhonza ngemiyalo yabantu kodwa inhliziyo yaso ikude nami. Singikhonza ngeze. Ngithike bantwana bokukholwa, intuba yokuqala leyo, uma ungumuntu ofuna uNkulunkulu, ungabi umuntu o-too attached kuyizinto eziyisintu, ngoba isuntu inkolo, noNkulunkulu unenkolo, bese zilwa enhliziyweni yakho, ungabe usazi ukuthi uzokwenzenjani. Kodwa uma ngabe uzifundisa ukuthi ngaso sonke isikhathi ube umuntu wezwi likaNkulunkulu, uyosinda ezingovolweni zamasiko, amadoda anezinhliziyo ezimbi, ahlangana anquma ugwayi katiki athi akudlulwa la.
26.Izwi likaNkulunkulu, lalizosiqhwanda kulokho, njengoba ngithi langiqhwanda nami, langiqhwanda kukho lokho, ngoba kukhona nami lapha engangibhajwa khona, sengibhajwa ngoba kuthiwa usiko, kuthiwa hhayi izingane zalayikhaya zidlula lapha, kanti ngiyagqitshwa, ngiyaqgisthwa! Kodwa wafika lo Nkulunkulu bantwana baseKuphakameni, wase efika engizimbula!
27.Ngixoxake isikhala sokuqala, bengixoxa isikhala sokuqala sesiko, uma abantu behlangene, befuna ukuchitha umthetho kaNkulunkulu. Baye behlangane bethi thina maZulu, thina lapha kwaNtuli senza kanjena, bese uthi hhayi ibhayibheli lithi, bethi hhayi hhayi hhayi sithinta okwakwaNtuli manje.
28.Angazi kanti ngoba uShembe uthe “khumbula namhlanje ukuthi wenze isivumelwano sokuthi uyohlala endlini kaJehova, kuze kube sekupheleni kwezinsuku zakho.” Uma usungowakwaNtuli ungasayena ohleli endlini kaJehova, zisuke seziphelile yini izinsuku zakho na? ngoba uthe uShembe khumbula, wathi khumbula, uthe khumbula ukuthi njalo wenze isivumelwano noJehova uNkulunkulu wakho ukuthi uyohlala endlini yakhe, kuze kube sekupheleni kwenzisuku zakho.
29.Uma ngabe usuthi wenza okwakaNtuli lapha usukuyeka lokhu uJehova akushilo, usuke izinsuku zakho sezimi kanjani, amasiko-ke bantwana bokukholwa ambatha izinhliziyoi zabantu, bese beyichitha indaba kaNkulunkulu, bese bewuchitha umthetho kaNkulunkulu, bewuchithe ngoba sebeziqoqile bayisigungu, ikomidi lokuchitha umthetho kaNkulunkulu ngokwesibongo noma ngokwe type! Inkinga-ke esiyaye sibe nayo kakhulu.
30.Enye inkinga esiba nayo thina lapha eMzansi Africa, inkinga yemimoya! Imvama abantu uma niyibandla, baye befune ukuthi nina nithini ngalokhu? Nithini manje ngoba mina ngazalwa layikhaya, nginesiphiwo sokuthi mina kunogogo ohlala kimi, ophila kimi. Nginogogo mina ohlala kimi, manje isiko lithi logogo kufanele ngihambe ngiyomthwasela, ngiyonqwamba, ngakhe isigodlo, ngenzeni, ngibe isangoma, isiko lami lelo, njengomuntu okholiwe awukwazi ukungijaja kulokho.
31.Ihehe, ihehe, ngithena siyibandla bantwana bokukholwa elihamba lapho othe uNkulunkulu asihambe khona, uma ethe uNkulunkulu asihambe lapho, noma ngabe kumnandi kuwe, noma ngabe kubuhlungu kuwe, kodwa sizowanyathela amalahle thina, kodwa sizowanyathela with a smile ngoba amalahle asezulwini lawa! Athi-ke umuntu, hhayi mina, njengoba siyibandla likaNkulunkulu njena, bantwana bokukholwa sihamba ngokwebhayibheli, imvama kuye kuvuke abantu abathi mina nginesiphiwo sokuthi mina ngibe isangoma. Yini ningangemukeli endlini yenu, yini ningijaje? Hhayi mntwana kaNkulunkulu, asikujaji, asikuzondi, kodwa uNkulunkulu wethu ukhulumile ngawe kithi.
32.Konke esizokwenza, ungakuthathi personally, ungakuthathi kabi, sihamba thina ngomgwaqo-nqubo esiwunikwe uNkulunkulu, noma kumnandi, noma kubi, sizohamba lapha. Haa, uthini uNkulunkulu, ningaphendukeli, hamba nayo Mshumayeli. Nginesiko mina, nginogogo okuyena ohlala kimi, nginethalente!
Leviticus 19 verse 31 “Ningaphendukeli kwabanamadlozi, nakubathakathi.” Nisibona nje, nangebhadi, nange mistake, asiphendukeli konamadlozi, nakubathakathi, noma yini. “Ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo” uNkulunkulu uthi laba bantu abanamadlozi, bangcolile, manje asikwazi ukusondela kubona ngoba bazosingcolisa, kusho uNkulunkulu uBaba wethu. “NginguJehova uNkulunkulu wenu” kush uJehova uNkulunkulu wethu!
33.Ngakho-ke namhlanje ngizosho lapha e-Newcastle ukuthi umuntu uma eyisangoma ebona ngihlehla ngingasondeli kuye, engasho ukuthi lento i-personal, azi ukuthi kusho uBaba osezulwini, wathi uma ngisondela kuye ngozongcola and angifuni ukungcola ngifuna ukuya ezulwini. Uze asayine, athi “NginguJehova uNkulunkulu wenu” uma eseyichaza lento uNkulunkulu.
34.So, ubudlelwane bethu nezangoma, asinabo ubudlelwane nesangoma, nobuncane bantwana bokukholwa, nokuncane nje, uma ngabe uthanda ubungoma uyaphuma phakathi kwethu and uqhashe, ngoba uma ungaphumi uzokhishwa yithi, hamba nayo Mshumayeli, uyakhuluma uNkulunkulu manje, lapha e-Newcastel.
35.Incwadi kaLevi 20 verse 26 “Niyakubangcwele kimi ngokuba mina Jehova ngingcwele” Niyoba ngcwele nina enibizwa ngegama lami ngokuba mina Jehova ngingcwele. “nginahlukanisile nabezizwe ukuba nibe ngabami” Ngase nginihlukanisa nganiqoqa nganenza amaNazaretha kaNkulunkulu ukuba nibe ngabami.
36.“Owesilisa noma owesifazane elikubo idlozi” Uma kukhona nje noma owesifazane lapha noma owesilisa, elikubo idlozi benziwe njani? “Noma umthakathi” nokuthakathayo nje. “Bobulawa nokubulawa” uma sibakhanda ngamatshe lapha “Bakhandwe ngamatshe igazi labo libe phezu kwabo,” baphinde babe nesono sokuthi sibabulele! Siyobashaya sibashaye sibashaye, bese izandla zethu ziba mhlophe, bese kungcola ezakhe lo esimbulele, -ngoba uthi uNkulunkulu uma kukhona phakathi kwenu okuyisangonyana, nokumthakathi kukhandeni ngamatshe, nikuqede, futhi aniyikuba nacala, igazi lakhe liyoba phezu kwakhe. Yeyi uyayizonda uNkulunkulu lento, niyabona?
37.Pho ungasondela kanjani, uma uthanda uNkulunkulu ungasondela kanjani? Uma uthi ngiyamuthanda uNkulunkulu, kodwa ugona izitha zakhe, uhamba nezitha zakhe usuke ukhohlisa bani? Bantwana bokukholwa ngithena siyizwi likaNkulunkulu, siwukufuna kukaNkulunkulu, ngaso sonke isikhathi uma simile, sikhuluma indaba kaNkulunkulu, kasinayo enye indaba esingayikhuluma, asinakho okunye esingakusho ngaphandle nje kokuba sikhulume indaba kaNkulunkulu, asinayo enye into esingayikhuluma.
38.Bantwana bokukholwa, baye bethi abantu hawu Nkosi yami, lelibandla leli, linjani lelibandla leli, lase lisizonda kangaka! Bantwana bokukholwa nginegunya mina lokuthi ngiyizonde vele lemimoya ekhohlisa abantu, ngoba kwake kwathi ngelinye ilanga lemimoya isingitshele izinto eziningi, yathi angeke ngibe ukuthi angeke ngisebenze, angeke uze uganwe. Kukhona isangoma laphana eSkhawini, esake sangitshela ukuthi wena ngeke uganwe, sathi wena ngeke ube ilutho. Kodwa wafika uNkulunkulu owangimbula sengigqitshwe isangoma, wangiqhwanda, wathi uma esengigezile, ngabona sengiganiwe, ngathi washa sangoma! Ngathi uma sengibona, ngabona uNkulunkulu esengigezile, ngabona sengisebenza ngaphinde ngathi washa sangoma!
39.Ngalo Nkulunkulu ongimbululile, namhlanje zonke lezo zibopho ezaziboshwe abobumnyama, wafika uNkulunkulu wazikhulula, namhlanjena nami sengicambalele nabangcwele abamagama abo alotshiwe encwadini yokuphila! Haa bantwana bokukholwa, bekuthi angihlabelele, izwi lami liyanqaba, kodwa bekungifanele ukuhlabelela mina. Bekungifanele ngoba sithandiwe kakhulu, sithandwa uNkulunkulu, esiqoqa bantwana bokukholwa, esilanda kude! Esilanda emavungwini, esivukuza bantwana bokukholwa, asikwazi ukungayikhulumi lendaba, ngoba lithe izwi esivule ngalo, kuyoba khona indlala yezwi likaNkulunkulu, lapho abantu khona bengasenasikhathi sokukhuluma indaba kaNkulunkulu, sebehla benyuka!
40.Kuthiwa izintombi ezinhle nezinsizwa ezinhle ziyokwehla zenyuka zifuna indaba kaNkulunkulu, lithi ibhayibheli azikuyifumana. Namhlanje size lapha e-Newcastle sizothi indaba kaNkulunkulu iyafumaneka. Bantwana bokukholwa, ingozi enkulu eyehlela abantu kakhulu, ukuthi bengayifuni indaba kaNkulunkulu noma isikhona phakathi kwabo, bayichithe indaba kaNkulunkulu noma isifikile phakathi kwabo, bengaze bayamukela, badonswe okwabo, bamemeze okwabo, bayichithe indaba kaNkulunkulu, ngoba indaba kaNkulunkulu bantwana bokukholwa ibhaliwe phansi, akuyona into ohambe ufuna ukuthi kazi kukholwa kanjani, kazi ngingenza njani ukuze ngikholwe. Indaba kaNkulunkulu ilotshiwe ezincwadini ezingcwele zikaNkulunkulu.
41.Sithe uma sifika lapha, sangena lapha sashiya izicathulo ngaphandle ngoba besifuna ukuthi lendawo, ngoba sesibize isonto, sathi sontweni, sontweni, simemeza izingelosi zezulu ukuthi zibe phakathi kwethu, uma kungena izingelosi zezulu lendawo ebese iba ngcwele, akube isafana nezindawo zonke, ilokho okuye kwenze ukuthi ngokwenkolo yemfundiso yebhayibheli, uma usungene endlini wabiza igama likaJehova, leyondawo ibangcwele, awubusakwazi ukungena nezicathulo kuyo. Funda Mshumayeli (Mshu Skhakhane).
Exodus 3 verse 5, “Wathi ngilapha, wayesethi ungasondeli lapha, khumula izicathulo zakho ezinyaweni zakho ngokuba lendawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele” Ngokuba lendawo esesimi kuyo njengamanje isiwumhlabathi ongcwele ngoba sekume uMshumayeli laphana wamemeza wathi “Sontweni, sontweni” zase zehla izingelosi zezulu ziba phakathi kwethu. Uma sesingena lapha bantwana bokukholwa, asisakwazi ukuthi le ndawo siyi treat njengendawo (nje) ngoba le ndawo esingena kuyona isincwele!
42.Funda uJoshua, wathi uma esebona ingelosi isiphambi kwakhe, wase ekhipha izicathulo uJoshua, into yokuqala owathi uma ebona ukuthi ingelosi lena esimi phambi kwami, wayesekhumbula ukuthi into yokuqala okufanele ngiyichithe manjena izicathulo, ngoba njengoba sekumi ingelosi nje lana eduze kwami, lomhlabathi lona usungcwele! Joshua 5 verse 13. “Wathi uJoshua esengase Jerico wase ephakamisa amehlo akhe, wabona, bheka nanso indoda malungana nayo, enenkemba yayo ihoshiwe esandleni sayo, uJoshua waya kuyo, wathi kuyo ‘uvuna thina noma izitha zethu na?’ yathi ‘qha, ngifikile njengesikhulu sebandla likaJehova’ uJoshua wase ewa emhlabathini wakhuleka, wathi kuyo ‘ithini iNkosi yami encekwini yayo na’
Isikhulu sebandla likaJehova sathi kuJoshua ‘Khumula isicathulo sakho onyaweni lwakho, ngokuba indawo omi kuyo ingcwele, uJoshua wenze njalo” Wathi uma esebona uJoshua ukuthi lona isikhulu sezulu lesi, wase ewa phansi ngobuso, uthe esewile, sase simkhumbuza isikhulu sezulu ukuthi le ndawo osumi kuyona manje ngoba sekumi mina isikhulu sezulu isingcwele, khumula izicatho ezinyaweni zakho. Ilokho bantwana bokukholwa uma singena lapha sikhumula izicathulo, asenziwa ukuthi singabantu abangazithandi izicathulo, asenziwa ukuthi singamaqaba, kodwa senziwa ukuthi sihamba ngezwi likaNkulunkulu!
43.Ngithe uma ngabe lithi asihambe lapho, sihamba lapho, noma kumnandi, noma kukubi kodwa thina sihamba lapho. Oh, oh, oh, ngisakhuluma eyamadlozi, ngiyagxumagxuma manje, funda Izikronikhi lapho, 10 verse 13 wokuqala, ukuthi uma umuntu wenzekileke okhonza uNkulunkulu, wayesegijima ethi ngiyabhula, uye ethini uNkulunkulu? Uye ethi mtanami ubuzama, kulungile? Uthini uNkulunkulu, ake sizwe ibhayibheli ukuthi uthini uNkulunkulu uma sekwenzekileke wathi hhayi phela nami baneziphiwo laba bantu ake ngiyozwa ukuthi bathini, uthini uNkulunkulu uma umuntu ehambe wayobhula kumuntu onedlozi engabuzi kuyena, ifunde Mshumayeli.
44.1 Izikhronikhi 10 verse 13 “Wafa kanjalo-ke uSawuli ngesiphambeko sakhe, aphambuka ngaso kuJehova, ngenxa yezwi likaJehova angaligcinanga, nangokuba kade eyile konedlozi, ukuba abuze kuye, engabuzanga kuJehova, ngalokho uJehova wambulala wabuyisela umbuso kuDavide indodana kaJese.” UJehova-ke wambulala uSawuli, ngoba engabuzanga kuye, ehambe wayobuza konedlozi. UJehova wambulala, wathi uma esembulele, wathi uJehova angikaqedi ngawe ngoba uhambe wayobhula konedlozi, wase ethatha ubukhosi endlini kaSawuli, wabuhambisa endlini kaJese, wabunika uDavide. Ingozi ukusondelana nabanamadlozi uma ukhonza uJehova!
45.Usuke ufuna ukubona ulaka lukaJehova ngamehlo, usuke ufuna ukubona impi phakathi kwakho noJehova, declaring a war ukuthi Jehova ngifuna ukubona ukuthi kuzokwenzekani. Uma uke wathinta ubungoma, asihlangani bantwana bokukholwa nezinto eziwukubhula, nezinto eziwubungoma, hhayi ngoba lokho sikucabanga, ingoba uNkulunkulu usho njalo!
Ngithe ngivula ukukhuluma ngathi singamaNazaretha kaNkulunkulu, siyizwi likaNkulunkulu, siwukufuna kukaNkulunkulu, sihamba lapho athe uNkulunkulu asihambe khona, asihambi kwenye indawo.
46.Baye bethi-ke abantu kodwa thina lapha kwaNtuli, siyahlaba nje, manjena uma kuhlatshiwe, kufuneka ngenzenjani manje ngoba kuhlatshiwe lapha kwaNtuli, angisakwazi ukuthi manje ngingabi bikho ekhaya, uma kuhlangenwe funa ngibe khona, kuwusiko lwethu lokho selokhu kwathi nhlo! Asho njalo amaZulu uma efuna ukuchitha umthetho kaJehova, avele athi selokhu kwathi nhlo. Funda Mshumayeli Exodus 22 verse 20. “Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa.” Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa! Ngiyamthanda lo ’Yedwa’ “Uyakubhujiswa nokubhujiswa” ingakho singamaNazaretha kaNkulunkulu singazihlanganisi nezinto ezikanjalo, ingoba uJehova usibekele umthetho kulokho, akuyi ngokuthi thina sithandani, akuyi ngokuthi okhokho babethandani, kuya ngokuthi uJehova uthandani!
47.Ngithena siyizwi likaNkulunkulu, bonke abaphikisana nathi baphikisana nebhayibheli, bonke abaphikisana nathi baphikisana noNkulunkulu and angibazi bayogcinaphi, ngoba awukwazi ukuphikisana noNkulunkulu bese uthi ukholiwe. Ngithike inkinga iyaye ibe khona-ke lapho bantwana bokukholwa. Kodwa baye bethi abantu nibhizi nisibelesela ngezincwadi zakudala, nifunda izincwadi zakudala nina, thina sesisesivumelwaneni esisha manje, sila kwi New Testament, nenziwa ukuthanda izincwadi ezindala nina, yini ningaphucuzeki. Yini kanti ngoba sesisesivumelwaneni esisha namhlanje? Esithini, dololo, kodwa isivumelwano esisha asibizwa ngegama, kuthiwa nje isivumelwano esisha. Akesizwe ukuthi wathi uma efika uYeshua wathini yena imfundiso yakhe.
48.Matthew 5 verse 17. Kukhuluma iNdodana-ke manje, bonke abantu abathi bakholiwe, abakholwa ngaphansi kwayo, nanti ivangeli layo yona. “Ningathi ngize ukuchitha umthetho nabaprofethi, angizanga ukuchitha, ngize ukugcwalisa, ngokuba ngiqinisile ngithi kini, kuze kudlule izulu nomhlaba, akusoze kwadlula gamana linye nasichashana sinye somthetho” Ngakumisa lapho-ke Mshumayeli, ngabamisa lapho eGemistorn, ngabuza ngathi seledlulile yini izulu nomhlaba? Bathi cha. Hamba nayo. “Kuze kufezeke konke, ngakho-ke oweqa owodwa kulemiyalo emincinyana, efundise abantu kanjalo, kuyakuthiwa omncinyana embusweni wezulu, kepha oyigcinayo ayifundise, uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu”
49.Owugcinayo, ngiyathanda uma kufika lapho, oyigcinayo, 1, 2 ayifundise, kuyokuthiwa mkhulu embusweni wezulu, njengoba silapha nje sincinda lelozembe bantwana bokukholwa, lwezi likaNkulunkulu, siyazama nokugcina, siyazama nokufundisa, yini senze lokhu, ngoba sifuna mhla sifayo, nathi sibalwe kanye nabantu ababezama ukuthi benze intando kaNkulunkulu ukuze babe bakhulu ezulwini. Haa, bantwana bokukholwa ngithe kuza isikhathi esinzima lapho khona izintombi nezinsizwa ziyozulazula, zifuna izwi likaNkulunkulu zingalitholi. Ngiye ngibe nombuzo la ukuthi kulelibhayibheli, ukuthi uma zifuna izwi likaNkulunkulu, zizulazula zingalitholi, kusuke kuzokwenzeka kanjani ngoba amasonto agcwele nje, ungaphuma ngapha isonto, uphume ngapha isonto, wonke lama directions engimi kuwona anesonto, pho izwi likaNkulunkulu lizongatholakali kanjani? Funda Mshumayeli isihlabelelo.
50.Isihlabelelo samaNazaretha verse 13-14 (kwezinye verse 3-4 womthandazo weSabatha). “Mesabeni uJehova zizukulwana ngezizukulwana” it even worse for amaNazaretha ukungawugcini umthetho kaMose esesiwufundile ngokuba uMprofethi u-Isaya Shembe wakhipha isiqalekiso ngabantu abangawugcini umthetho kaMose, uYeshua indodana kaNkulunkulu wakhipha isiqalekiso kubantu abangawugcini umthetho kaMose wathi bayoba mncane embusweni wezulu. So, ayikho double up la.
51.“Nigcine imithetho yakhe anilobela yona uJehova ngeNceku yakhe uMoses, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi” Ukuze nithi uma nidumisa la emhlabeni, bese ukudumisa kwenu kuba into eyemukelekile ezulwini. “Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe” uma nike nangakwenza lokho “Akayikwamukela imithandazo yenu” niyofana nefoni engena simcard. “Akasoze anehlisela izibusiso” Angeke izibusiso nizithole “uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine” INkosi ikubusise Mshumayeli.
52.Uyabona uthi ukholiwe, uthi ngikholwa mina, kodwa bese kuthiwa imithandazo yakho angeke yemukelwe, bese kuthiwa izibusiso ngeke uzithole, uyikholwa elinjani? Uqhubeke uthi ngikholiwe, uthi cha imithetho kaMose, angizukuyigcina mina, uyikholwa elinjani, isiqukuza i-cellphone engana network. Uma ngabe uzonda imithetho yabaprofethi, uthi ulandela uYeshua, esebemubiza ngo-Jesus, okuyindaba ende nayo leyo. Kodwa ethi uYeshua uma ngabe ungayigcini le imithetho kaMose uzoba mncane embusweni wezulu kodwa ukusebenzele ukuba mncane embusweni wezulu, ungafuni ukushintsha uthi yini le ekuthiwa angiyenze ukuze ngibe mkhulu embusweni wezulu, ungabinandaba, uqhubeke ungayigcini lemithetho, uyichithe, uze wakhe ukukholwa okusho okuthi asisaphili ngaphansi komthetho, okufike uYeshua engasekho ngoba uYeshua ukhulumile, hhayi ukuthi wafika nje wehla wenyuka, waphindela emumva, ukhulumile. Wathi nansi imithetho igcineni.
53.“Haa, kodwa inkinga ebakhona, kulula bantwana bokukholwa ukudusa abantu. Into engiyifundile ukuthi kulula ukudukisa abantu abayinqwaba, abayi million, ubadukise impela, abayi billion ubadukise impela. Yini edala ukuthi ubeduse na, ukuthi zonke izincwadi zokukholwa ubafundise ukuthi lezi zincwadi ziyi diary noma ziwumhlobiso nje owuphathayo uma uya esontweni, kodwa ungalokothi ulifunde. Ukuthi liphathe ibhayibheli, kodwa ungalifundi, ligcine nje uma uya esontweni, abalifaki abanye ngisho ezikhwameni, baliphatha ngezandla, kodwa uma uthi phakathi libhalwe ukuthini, hhayi awumeke, awumeke, asisekho lapho, sesiphila thina kwi New Testament, asisaphili kwi old, pho aniliklayi ngani nithathe lo piece eniwufunayo, niliphathe elenu lonke?
54.Ngokuliphatha lonke kuchaza ukuthi ulidinga lonke, kodwa ngokufuna ukubalekela indaba kaNkulunkulu, ngokufundiswa ukubalekela indaba kaNkulunkulu, usuliklaye phakathi ngenqondo yakho. Ngiye ngithike mina, izimpawu zendlu kaJehova zisobala nje. Akuyona into ongaze uthi Nkosi yami ngiyohamba ngiyolinda entabeni ukuze ngazi ukuthi lendlu engingena kuyona, indlu kaJehova noma akuyona, ngifuna umoya ozongitshela lokho. Uchitha isikhathi ngoba uphethe incwadi yokukholwa. Ithini incwadi kanti? Incwadi uyifundile uMshumayeli. Uthe indlu kaJehova uma senithi ingcwele, uma niyibiza ngokuthi isonto noma ithempeli, anikwazi ukungena nezicathulo kuyona, lokho kuwuphawu lokuqala lokuthi le ndawo esesingene kuyona, ingeka Jehova noma cha. Uphawu lokuqala lolo, ungayiphinda nokuyiphinda. Funda.
55.Exodus 31 verse 15. “Ngalokho abakwa Israel bayakuligcina iSabatha, balilonde ezizukulwaneni zalo, libe isivumelwano esiphakade, liwuphawu phakathi kwami nabantwana bakwa Israel, kuze kube phakade”
Uphawu lwesibili uma ungena endlini yesonto, nalu umshumayeli elichaza, uthi iSabatha liwuphawu phakathi kwesivumelwano sami nabantwana bakwa Israel ukuthi iSabatha liwuphawu lwesibili mawungena endlini yesonto ukuthi ngiyakuzwa Mfundisi wami, usukukhulume konke, uthini ngeSabatha.
56.Ufuna manje ukukholwa, njengoba uthi ufuna ukukholwa kwangampela, ufike ubuze okokuqala ukuthi Mfundisi wami, izithathulo uma usungena nazo endlini yokukholwa, kwenzeke kanjani ngoba incwadi yami engiyifundayo ithi izichathulo zisala ngaphandle uma indawo sithi ingcwele. Ethi hhayi, hhayi phela. Ubese uthi Mfundisi wami ngoba namhlanje sihlangene nge Sunday, asihlangananga ngeSabatha, yini mfundisi wami iSabatha singaligcini ngoba uphawu lokuthi lendlu ekaNkulunkulu noma cha, lolo uphawu lwesibili. Ngithike abantu abafuna ukweduka, bazedukele nje, empeleni ukweduka kuyi choice, akusona isehlo esehlela umuntu, ngoba uma umuntu ekhetha ukuthi indaba kaNkulunkulu akayifuni, kodwa ngifuna ukuthi ngihambe ngendlela ethandwa yimi. Ngithi mina khetha eyakho ngoba izindlela zimbili, khetha eyakho. Ngithike izimpawu zendlu kaJehova zisobala bantwana bokukholwa, ukuthi lendlu engingena kuyona, ekaJehova noma qha kusobala ngoba uNkulunkulu ushilo yonke into ayilindele endlini kaJehova nabantu abalindele endlini kaJehova. Banjani abantu endlini kaJehova, banjani, kuze ungadideki, ukuze ungaphazamiseki, uzofica abantu abanjani endlini kaJehova, uma bengenjalo phuma ubaleke. Uphawu lwesithathu.
57.Leviticus 19 verse 27. “Aniyikudilinga amakhanda emaceleni, ungoni isilevu sakho emaceleni” Usho njalo uNkulunkulu, uphawu lolo, ngithe olwesingaki, olwesithathu. UNkulunkulu uJehova uMdali wethu ubabekile ozobafica endlini yokukholwa, ukuthi banjani abantu. Uze athi abantu bami bengaba priest bami. Ifunde Mshumayeli. Leviticus 21 verse 5. (Imithetho yaba-Priest). Banjani abantu uNkulunkulu abatshale ezindlini zokusonta, okufuna ukuthi uma ungena endlini ufike ubuke izicathulo ezinyaweni, ebese ubuka i-date, usuku abahlangene ngalo. Awukashunyayezwa, uphethe ichecklist yakho eyibhayibheli, ngoba awukwazi ukuba nokukholwa, ukukholwa okungasuki ebhayibhelini, ukukholwa okusuka ekhanda, ngoba sinanokukholwa okungama billions and billions. Kanti ukukholwa kunye, izulu linye ukwenza intando kaBaba osezulwini. Funda Mshumayeli. “Abayikuzigega amakhanda abo” abaPriest bami, abakaNkulunkulu uJehova ubabeke uphawu abakhe abapriest, wathi abami abapriest abayikuzigega amakhanda abo, njengoba ubabona nje. “Bangaziphuculi isilevu sakho emaceleni” abakuyiziphucula izilevu zabo laba priest bami. “bangazigcabi emzimbeni” hhawu asigcabi-ke nhlobo nangengozi. “bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo”
58.Lokho, uma usukwenzile konke, ubangcwele, ilapho khona okuhlangana khona nobungcwele, i-junction leyo yokuhlangana nobungcwele, kule checklist engikunika yona, before ungene, before ushunyayezwe, before uthandazelwe, ichecklist ngoba ungena nebhayibheli kodwa ungalifundi. Ufice izangoma esontweni zibhuquza, abantu bethi hhayi unesiphiwo, kodwa ibhayibheli alifundayo uthi uNkulunkulu angiyifuni lento, kodwa uyakholwa, uyaqhubeka nje, lo muntu hhayi akaqondile ukuya ezulwini, uzodlala nje, ujoyine i-society yokuthi kube mnandi akafuni ukuya ezulwini. Ngoba uma ufuna indaba kaNkulunkulu, awujoyini njengoba ujoyina i-society, uba ne-checklist ukuthi njengoba ngingena endlini, ziphi izicathulo, nihlangene ngoLwesingaki, ngoba yonke lento ibhaliwe encwadini engcwele. Ayi bengizowuyeka u-Exodus 25 angiwufunde ngoba uzothi umuntu iSabatha lami lingomsombuluko, ethi omunye iSabatha lami li-everyday, uma sebezishaya sengathi bakholwe kakhulu, elami iSabatha li every day. Ngizokubuza ukuthi ngoba iSabatha linemibandela, lemibandlela yeSabatha uyigcina every day, hamba nayo.Exodus 35 verse 1
59.Umyalelo wesabatha. “UMose wabutha yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Yilawa mazwi awayalile uJehova ukuba niwenze. 2 Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa. 3 ANIYIKUBASA MLILO EZINDLINI ZENU NGOSUKU LWESABATHA.”
60.Ngibuza laba abathi iSabatha labo li-everyday, ngibuza ukuthi kushuthi umlilo awubaswa every day ezindlini zabo, iSabatha lami li every day, iSabatha lami lingoMsombuluko, lo Msombuluko owubiza ngeSbatha uyawucisha umlilo, cha awucishi, nijoyine nje iSociety, niyadlala, awufuni yona indaba kaNkulunkulu. Uma ubufuna indaba kaNkulunkulu bekufuneka ibhayibheli libe i-checklist yakho ukuthi uzibheke ngalo wena ukuthi ngisahamba khona yini endabeni kaNkulunkulu, ngisekuyo yini indaba kaNkulunkulu. Kodwa mangabe ungafuni yona indaba kaNkulunkulu, ufuna ukuzijoyinela nje i-society awunaki futhi awunandaba!
61.Izimpawu zokuqala lezi engizibonayo uma ngingena endlini yesonto, zifunda incwadi, uJohane bani, uJohane 5? Ngoba baye bethi abantu hhayi nina lento yenu yoMoses, eniyifundayo, nifunda indaba yoMose nina, thina asisekho lapho, awu usemuva lo mfundisi obefike laphana, siqale sambona ngokuthi ahambe ngezinyawo ukuthi hhayi hhayi, lo mfundisi uwrong, ehamba ngezinyawo. Kuthiwe ngezinyawo, kuthiwe ngezinyawo nya nya nya phansi, kuthiwe ayikho into ongayilalela kumuntu ohamba ngezinyawo. Kodwa lokhu kuhamba ngezinyawo ngikunikwe umthetho kaJehova olethwe uMoses.
62.Lokhu kuhamba ngezinyawo yathi uma ifika indodana uYeshua yase ifika ithi lemithetho kaMose, ningayibukeli phansi anoyigcina ngoba iyona enimangalelayo, iyona enibophayo, funda uJohame 5. Johane 5 verse 44-47. “44Ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa,” Kubuza lapha uYeshua asebemubiza ngoJesu manje, uthi ningakholwa kanjani nina enidumisana nodwa” “Ningalufuni udumo oluvela kuNkulunkulu yedwa, na?” Anifuni lutho oluvela kuJehova yedwa. 45“Ningacabangi ukuthi ngiyakunimangalela kuBaba” Ningacabangi ukuthi mina Yeshua ngizonimangalela kuBaba. “Ukhona onimangalelayo, uMose enithemba kuye. 46 Ngokuba uma benikholwa nguMose, beniyakukholwa yimina, ngokuba yena waloba ngami. 47 Kodwa uma ningakholwa yimibhalo yakhe” Uma imibhalo yakhe nithi isivumelwano esidala “Niyakukholwa kanjani ngamazwi ami na?” Niyokholwa kanjanike amazwi amin a?
69. ISIHLABELELO
1 Ilizwi lenkosi
Selifikile phezu kwethu,
Nathi masilamukele
Ngezinhliziyo ezimhlophe