Umuntu okholiwe uyakwazi ukumbona ngoba ukukholwa, kunganjengoku sindiswa, kuyisenzo esibonakalayo umnikazi waso engashongo lutho! Ukusindiswa ukukhuluma uzibike wena, kodwa ubungcwele isenzo esibonakala kuwe ngisho uthule! Ukukholwa kwasezulwini isenzo sokuthi lo muntu lona uyakholwa yini noma akakholwa, ngamanye amazwi uyayenza yini into efunwa uNkulunkulu noma akayenzi?
Inkonzo yesabatha mhla ka 20 August 2022.
32. ISIHLABELELO
1 Angijengawe Baba
Ngozama ngiphelele,
Ukuba ngibenjengawe
Ngezikhathi zonke.
2 Ngithokoze nganeliswe
Ekukukhonzeni,
Ngihlanganyele nabaNgwele
Abahleli belindile.
3 Anginjengawe Baba
Nkulunkulu wethu,
Ngozama nokho ngawe
Ukusokhela isibani sami.
4 Anginjenga Baba
Ukunxanela kungonisile
Ngembese ngezika Davide
Ezizoqeda lonke icala lami.
1. Kulesi sihlabelelo uBabamkhulu uthi “anginjengawe Baba, kodwa ngiyozama ngiphelele ukuba ngibe njengawe.” Lokhu kuchaza ukuthi njengoba silapha nje sifisa ukuba sibe njengoNkulunkulu, kodwa futhi akekho umuntu ongaba njengoNkulunkulu, noma ngayiphi indlela, kodwa sonke siyazama. Kuthiwe sakhiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu kodwa noma kunjalo, asifani noNkulunkulu! Umbuzo-ke uthi uma sakhiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu kodwa singafani noNkulunkulu, pho yini le esifuna ukuba sifane naye ngayo? Into esifuna ukuba sifane noNkulunkulu ngayo ukungabi nasono! Ngoba u-verse 2 uthi: “Ngiyothokoza nganeliswe ekukukhonzeni, ngihlanganyele nabangcwele abahleli belindile”
2. Kusho ukuthi ukuze sifane noNkulunkulu, sibe ngcwele, kofanele ukuthi silinde, ngoba uShembre uthi: “Ngihlanganyele nabangcwele abahlale belindile.” Abantu abangcwele-ke ngabantu abahlale belindile. Yini umuntu ongcwele, ukuba ngcwele ukuba njani? Ukubangcwele kusho isimo sokuphila noma kusho impilo yasezulwini. Uma umuntu ephila ngempilo yasezulwini, lowo muntu ubizwa ngokuthiwa ungcwele. Ukuphila impilo yasezulwini, ukuphila kanjani?
3. Ukuphila impilo yasezulwini ukuphila impilo engenaso isono. Ngamanye amazwi ukuphila impilo yokugcina umthetho kaNkulunkulu. Simple as that. Ukuphila impilo yasezulwini, ukuphila impilo enganasono, ukuphila impilo enganasono, kusho ukuphila impilo yokuthi ngaso sonke isikhathi ugcine umthetho kaNkulunkulu. Ngaso sonke isikhathi uhlale ulindile noma ulindele ukugcina umthetho kaNkulunkulu, ungcwele-ke.
4. Kujwayelekile ukuthi amanye amabandla njengamaKrestu, ethi asindisiwe. Leligama lokuthi sisindisiwe angilazi ngokokukholwa ukuthi lisho ukuthini, angilazi ngokwenkolo kaJehova ukuthi lisho ukuthini. Ngisafunda isikole ngaba usihlalo we-SCM, i-SCM kwakuyi Student Christian Movement. Ngesikhathi ngiwusihlalo we-SCM, ngangiphila nabantwana abasindisiwe, nabafana besindisiwe namantombazane esindisiwe. Kodwa angazi ukuthi yini ababeyibone kimi ukuze bengenze usihlalo wabo. Kodwa ngelinye ilanga abanye abafundi ababebabili, kwakuwu Sibisi noMahlangu. Kodwa uSbisi wagcina engumfundisi la kwa Stegeni, ushone kuleminyaka nje eyedlule.
5. Laba bafana base beza kimi, bethi Mpanza siyakubona ukuthi ukukholwa kwakho kujulile, kodwa osekusele ukuthi usindiswe? Ngase ngithi ukusindiswa ukwenzenjani, ngoba nithi ukukholwa kwami kujulile kodwa sekusele ukuba ngisindisiwe? Ukuze nibone ukuthi ngisindisiwe, ukuze naneliswe ukusindiswa lokhu enikufuna kimi kufanele ngenzenjani?
6. Bathi laba bafana: “Kufanele ukuthi ume phambili enkonzweni bese usho phambi kwebandla ukuthi ususindisiwe!” Ngathula kodwa ngathi ngenhliziyo, ukusuka nje ngiye phambili ngifike ngithi ngisindisiwe, sengisindisiwe njalo? Kodwa bona basho njalo, futhi babeqinisile ngoba sengizihambile izindawo eziningi zemikhosi yabantu abasindisiwe, ngaso sonke isikhathi baye besho ukuthi basindisiwe noma behlangana nawe endleleni baye bethi basindisiwe. Kodwa angikaze ngibezwe bethi ‘singcwelisiwe noma singcwele’, baye bethi sisindisiwe, abasho ukuthi singcwele!
7. Lokhu ukuthi balibalekele leligama lokuthi bangcwele ukuthi vele abekho ngcwele, ikhona belibalekela igama lokuthi bangcwele, ngoba vele abekho ngcwele futhi abakaze bazihluphe ngokwazi ukuthi ukubangcwele kuchaza ukuthini, ngoba amabandla amaningi ayakufundisa ukuthi iba ngosindisiwe, kodwa uma usubuza ukuthi isenzo sokusindiswa simi kanjani abakwazi ukuba bekuchazele lokho.
8. Ngoba uma ukusindiswa kusho ukuma phambili ufike utshele umuntu ukuthi usindisiwe, kodwa ungasindisiwe, kodwa usho ngomlomo ukuthi usindisiwe, umehluko imuphi, ngoba noma imuphi umuntu engasho ukuthi ngisindisiwe. Manje-ke umehluko phakathi komuntu othi usindisiwe ekusho ngomlomo kodwa singekho isenzo esishoyo ukuthi usindisiwe, ukwazi ukukubona kanjani ngoba ukuthi usindisiwe umlomo wodwa okhulumayo?
9. Kodwa umuntu othi ungcwele, noma ngabe akashongo ukuthi ungcwele, ungahlala nomuntu ongcwele, kodwa ngeke ziphele izinsuku ezimbili noma olilodwa nje ungabonanga ukuthi lo muntu ungcwele, ngaphandle kokuthi eze esho ukuthi ungcwele. Kodwa ngeke wehluleke ukubona umuntu ongcwele. Ikhona labafana bathi ukukholwa kwami kujulile, kodwa sekusele ukuthi ngisindiswe, ngoba babeyibona impilo engiyiphilayo, futhi bekuzwa ukukhuluma kwami ukuthi ngingumuntu ongcwele, yize babengaze bangizwe ngisho ngiphethe inkonzo ngibikela ibandla ukuthi ngingcwele!
10. Babethi ukukholwa kwami kujulile, ngoba babebona ukuthi lo muntu lona ukholiwe kakhulu ngaphezu kwethu, kodwa manje ngoba ebandleni labo abakaze bafundiswe ngokuthi umuntu okholiwe uba njani, bese bethi sekusele ukusindiswa. Umuntu okholiwe uyakwazi ukumbona ngoba ukukholwa, kunganjengoku sindiswa, kuyisenzo esibonakalayo umnikazi waso engashongo lutho! Ukusindiswa ukukhuluma uzibike wena, kodwa ubungcwele isenzo esibonakala kuwe ngisho uthule! Ukukholwa kwasezulwini isenzo sokuthi lo muntu lona uyakholwa yini noma akakholwa, ngamanye amazwi uyayenza yini into efunwa uNkulunkulu noma akayenzi?
Uma umuntu eligcina iSabatha, uma umuntu engabuphuzi utshwala, uma umuntu engawubhemi ugwayi, uma umuntu engaligundi ikhanda. Uma umuntu engayenzi nje yonke into ephambene nomthetho kaNkulunkulu, lowo muntu lowo ukholiwe, lowo muntu lowo ungcwele! Ngamanye amazwi, ubungcwele isimo sokuhlala empilweni yokugcina umthetho kaNkulunkulu!
11. Kodwa sekuhlanganiswa konke ukuba ngcwele, kusho ukuthanda uNkulunkulu, kusho ukwenza okuthandwa uNkulunkulu, kusho ukungasuki empilweni yakho yokuhlanzeka ngaso sonke isikhathi, ukholiweke mawunjalo, ungcwele mawunjalo!
12. Manje-ke kukhona abantu abangazi lutho ngokukholwa, yikho-ke sebethi sisindisiwe, ngoba abakwazi ukuthi benikeze indlela yokukholwa ngalendlela le esifundiswe ngayo uShembe, ngalendlela esifundiswe ngayo uYeshua, ngalendlela esifundiswe ngayo yibo bonke abaprofethi, ngalendlela yokugcina umthetho kaNkulunkulu njengoba sifundiswe uMose, so-ke indlela engcono ukuthi ethi umuntu sisindisiwe, noma angenke akuchaze kahle ukuthi ukusindiswa kuyisimo sokuba njani empilweni esiyikhethelwe nguJehova!
13. Ku-Deuteronomy 6 verse 1-3 kuthi “Nanku umyalelo nezimiso nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wenu oyala ukuba nikufundise futhi nikwenze, ukuze umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, ugcine zonke izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho, wena nendodana yakho, zonke izinsuku zokuhamba kwakho, kwandise imihla yokho yonke” Esikufundiswe uMose ukuthi sihlale ebungcweleni, into esiyifundiwe uMose ukuthi sihambe ngendlela kaNkulunkulu. Kukhona into-ke abantu abaningi abangaze bayilandela uma sekuziwa ekukholweni kwala ebandleni lamaNazaretha.
14. Uma ngabe ukholiwe ngampela awusheshi ufe! Kodwa ukuthi uma ukholiwe ungasheshi ufe, akusiyo into okuthuka kuhlangene ukuthi yenzeke(coincident), kodwa isibusiso esibhalwe phansi ukuthi uma uhamba ngokugcina izimiso zikaJehova awuzukusheshe ufe, izinsuku zakho ziyanda ezweni!
15. Ngake ngakhuluma ngelinye ilanga ukuthi ngake ngaba u-Director wamakhosi akwaZulu cishe ebe ko 300. Kuwo wonke lawamakhosi, emakhosini angamaNazaretha inkosi eyafa isencane, nayo ife ngokuduktshulwa, yaba yinye! Kodwa wonke amakhosi angayiwo amaNazaretha ayefa emancane, onke. Angazi ukuthi kanjani, yayingekho nje iNkosi endala ngaphandle kokuthi leyo Nkosi ibe iNazaretha. Emakhosini angasiwo amaNazaretha, inkosi engiyaziyo eke yakhula, nguMntwana wakwaPhindangene kuphela!
16. Lokhu kwafakazeleka kakhulu uma amakhosi esenikezwa imvume yokuthi uma esekhulile, bese ebeka abantwana babo ukuba bebe amakhosi noma bese khona. Ngathola ukuthi ayikho neyodwa iNkosi engayilo iNazaretha ekhulayo, onke amakhosi ayaye abe nabantwana egcine engamakhosi ebese ephathelwa esekhona, kwakungamakhosi aseNazaretha. Ngamanye amazwi lento ifakazisa ukuthi uma ngabe uliNazaretha, awusheshe ufe, uma ngabe uyiNazaretha, izinsuku zakho ziyanda ezweni, lokho saqale sakuzwa ngoShembe, kodwa nala eBhayibhelini kubhaliwe. Uthi uShembe, ‘ugcine zonke izimiso zikaJehova nemiyalo yakhe engikuyala ngakho nendodana yakho ukuze izinsuku zokuhamba kwakho zandiswe imihla yakho yonke. Izinsuku zakho zokwandiswa ukuthi ukuhamba kwakho kuqonde, ugcine izimiso zikaJehova!
17. Manjeke angazi ukuthi lento ingahlala kanjani ezinqondweni zenu ukuthi simesabe uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi ngoba uma wesaba uNkulunkulu uba yisimangaliso emhlabeni, ngoba uNkulunkulu uhlale eseduze kwakho! Ngike ngakhuluma noMkhokheli ngathi ukube abantu bayazi ukuthi sinenhlanhla engakanani ngokukhonza uNkulunkulu, uyakhuluma kuNkulunkulu, ucele ukuthi ngicela ukuphila, uphile! Ucele ukususa noma yini oyibonayo ukuthi ingase ithikameze impilo yakho, ucele kuNkulunkulu ukuthi, ‘Nkulunkulu isuse lento, bese uNkulunkulu uyayisusa.
18. Ucele kuNkulunkulu uthi: “Nkulunkulu ngicela ukuthi izinsuku zami zande ezweni, kube njalo. Nkosi njengoba silapha nje ngiyafisa ukuthi lento ihlale ezinqondweni zethu ukuthi njengoba silapha nje, uma sicela ukuthi sikhule sizokhula ngoba kwasho ingelosi yathi niyokhipha umnikelo, nicele kuNkulunkulu ukuthi Nkosi ngalomnikelo, ngicela ukuba izinsuku zami zande emhlabeni ngize ngihambe emhlabeni sengikhulile kakhulu. Yathi lo mnikelo ufana nomshwalense, uwukhipha every three months, R100 wokuthi njena izinsuku zami Azande ezweni, ngingahambi emhlabeni ngimncane. Inkulu kabi leyonto. Ithi ingelosi celani ukuthi noma sekufike izinsuku zenu zokuhamba emhlabeni, senibadala, kodwa ningakuzwa ubuhlungu bokuthi uma ufa kuthathe unyaka ugula ube yiyo yonke into kungaziwa ukuthi kwenzenjani, abantu baze bakufikufisele ukuthi uhambe emhlabeni.
19. Ithi ingelosi, njengoba nihamba ngezimiso zikaJehova, uJehova unguBaba wenu, konke enikucela kuye, uzonenzela khiona, uma nje nihamba ngezimiso zakhe!
Celani kuNKulunkulu ukuthi uma sekufike izinsuku zokuhamba emhlabeni, ningakuzwa ubuhlungu obukhulu, nizwe nje lobo buhlungu bokuthi usuyafa, kodwa hhayi ubuhlungu obeqile.
20. Nasi nje lesi salukwazi, unina kamfundisi uMdlolo, ubesonto eBuhleni, kodwa ehlale eza la, ikhona njena namhlanje nizokwazi ukuthi nimphelezele noma ningamaNazaretha ase-NCG ngoba ubeza la esontweni noma engaytilo Ilunga lalelibandla. Okubalulekile kithi ukuthi uhambe kahle, akagulanga, uvele wahamba nje.
21. Uthi-ke uShembe “ngithokoze nganeliswe ekukukhonzeni.” Leligama elithi ‘ngithokoze ngeneliswe ekukukhonzeni’ lichaza ukuthi ukukukhonza kwami uNkulunkulu akube ngokuphelele! Kade ngicabanga indaba kaMfundisi uMdlolo, uMfundisi uMdlolo ushonelwe unina, kodwa weza esontweni, kade sinaye ekuseni, kodwa kushone unina. Omunye ubezothi hhayi ngizokwenzani esontweni ngishonelwe. UMfundisi uMdlolo ngaso sonke isikhathi, noma kumakhaza noma kunjani, umthola eza emthandazweni wantambama. Uyathokoza ekukhonzeni uNkulunkulu. Ukwenza empilweni yakhe yonke, ingababikho into engaphezu kokukhonza uNkulunkulu. Uthi-ke uShembe mangithokoze ekukukhonzeni, ngihlanganyele nabangcwele abahleli belindile. Nami, angihlanganyele nabangcwele, njengoba nje uMfundisi uMdlolo kade ehlanganyele nabangcwele noma kushone unina, ngoba njengoba silapha njena singabangcwele, ukuba ngcwele akukhona ukuthi uzoze ube ngcwele ngoba usufile. Ula emhlabeni uma uphila impilo yabungcwele ungongcwele.
Uthi-ke uShembe nami kangihlanganyele nabangcwele ekukukhonzeni, ngihlanganyele nalaba abahleli belindile, ngihlanganyele nalaba ngaso sonke isikhathi abahlala belindele ukukholwa. Ngoba kukhona abantu abakholwayo nje kodwa bengalindeli lutho, bengazihluphi ngokucabanga indaba kaNkulunkulu. Kodwa uma silapha sihlanganyela noNkulunkulu, singabantu abalindile.
22. Uthi anginjengawe Baba Nkulunkulu, ngozama nokho ngawe ukusokhela isibani sami, uwena Nkulunkulu oyonginikeza amandla ukuthi ngisokhele isibani sami. Kodwa kunento ekhona eyinkinga. Uthi uShembe “anginjengawe Baba, ukunxanela kungonisile.” Yini ukunxanela? Ukunxanela ukufuna into yasemhlabeni, uma uthi into ngiyinxanele kusho ukuthi ngiyayifisa. Anginjengawe Baba ngoba ukunxanela, ukufisa izinto wena ongazithandi, kungonisile.
23. Sonke njengoba silapha izono siye sizenziswe ukunxanela, sizenziswe ukufisa, bese siyazenza, ukuzenza lezo zono bese siyaphuma endleleni kaNkulunkulu. Angazi-ke uShembe uthi “Ngembese ngezikaDavide ezizoqeda icala lami” angazike ukuthi wayesho ukuthini lapha, kodwa uma ungakubheke uyothola ukuthi kuwo wonke amakhosi ayekhona, ayikho iNkosi eyayifana noDavide, wonke, kodwa kwakungasho ukuthi uDavide wayengenaso, kodwa lapha uShembe uthi uma ngembethe izingubo zikaDavide, ngoqeda icala lami, zizokwazi ukuthi ziliqede icala lami.
24. Manje-ke ngithena kulesisihloko, asihlale silindile njengabangcwele, singasuki kuNkulunkulu, asiphile njalo ngalokho okufunwa uNkulunkulu ukuthi siphile ngakho.
Inkosi Ibusise enikuzwile