Ngoba uBabamkhulu entshumayelweni yakhe yango 1927, wasifundisa ukuthi abantu abangasekho siyobanikelela kuNkulunkulu, sibanikelele sibacelele intethelelo kuzo zonke iziphambeko abazenzile bese la emhlabeni, sibacelele kuNkulunkulu ukuthi akabathethelele ngoba uyasho naye uBabamkhulu
Inkonzo yangeSabatha ekuseni mhlaka 20 August 2022. NguMfundisi Sphelele Msane.
ISIHLABELELO 148.
1 Sisa ndinda wasimisa
Sabashiya babephuza,
Samlandela uphunga elihle
Makabongwe uJehova.
2 Nanamuhla basa banjiwe
Abagcinelwe ubumnyama,
Bakhululekile ababiziweyo
Makabongwe uJehova.
3 Siyazidinga ezokumbonga
Thina ababiziweyo sasabela,
Simbonge odumisekayo
Makabongwe uJehova.
4 Bamenyeziwe emathuneni
Sebephumile sibabonile,
Bangenile emzini oyiNgcwele
Makabongwe uJehova.
5 Sihlawulelwe siyakholwa
Obaba bafa endulo,
Avulekile amathuna abo
Makabongwe uJehova.
1.Ngiyabonga bantwana baseKuphakameni ukungilekelela, isihloko sanamuhla sithi: “Inkinga esibhekana nayo ekukhonzeni imimoya yamadlozi.” Kukhona indaba eyake yakhulunywa uBaba uMelusi esikhathini esiphambili, indaba owayethi wayeyixoxelwa ilo muntu wasezulwini, ingelosi. Uthi-ke lo muntu wasezulwini komunye umndeni bekunendoda engumthathakathi, ibulala umndeni, isibulele yabaqeda abafowabo. Yabulala nomfowabo, kwasala umfelokazi nomfana wakhe. Kodwa uNkulnkulu wamzwela lomfelokazi obese efelwe yindoda, ngoba nalendoda yagcina ngokufa. Isifile, waqala lomndeni ukusimama, ngoba kwathi lomfana oyedwa osesele nonina, wakha umuzi omkhulu, omuhle Kuthe esewakhile umuzi wabamuhle, base befika abeluleki, bameluleka bathi njengoba lo muzi sewakhiwe, sekushoda nje into eyodwa, kushoda nje ukuthi wakhe indlu yabadala ebese uyababuyisa uzobangenisa ekhaya.
2.Nangampela lo mama wabe esayasithatha lesi saluleko abamutshela sona, wayakha le ndlu, wase ewenza lo mcimbi wokulanda abantu abadala. Ngesikhathi ethi ulanda laba bantu abadala, lomthandazi owayemlandile ebamemeza, kwase kusukuma yona kuqala lendoda yagijima yazongena ngaphakathi. Lomsebenzi wokungenisa abadala waba mkhulu, kodwa kwathi ngabo lobo buhlwa lomthakathi osewafa wafike waklinya yona lenkosikazi ibiyenza umsebenzi wokungenisa abadala, kwasa sekufe yona, idili lokungenisa abadala laphenduka isililo esidalwa umthakathi ongeniswe nguye lomama ekhaya lakhe, esewafa!
3.Usizi-ke engikhuluma ngalo lokukhonza imimoya yamadlozi, ngoba ukube lo mama akazange awenze lomcimbi wokuthi athi ulanda abantu abadala uzobafaka ekhaya, lo mthakathi wayengeke aze abuye azongena layikhaya. Kodwa ngenxa yokuthi lento yokuykhonza amadlozi, siye sithi uma siyenza, siyenze singenakho ukuqonda, singenakho futhi nokwazi ukuthi iwubungozi kangakanani;nanokuthi sisuke singenakho ukuqonda nokwazi ukuthi umuntu uma kwenzekile wahamba emhlabeni ewumthakathi noma esefile uwumthakathi. Uma umuntu ehambe emhlabeni ewumbulali, noma esefile uwumbulali futhi. Manjeke uma umuntu ehambe eyisidakwa ephuza utshwala noma esefile uyisidakwa, uma ebuya engena kuwe, uzokushintsha akwenze nawe uthande ukuphuza utshwala.
4.Inkinga leyo esihlangabezana nayo ekukhonzeni lemimoya yamadlozi, ukuthi kuyekwenzeke ekhaya, kufundiswe ingane, kuthathwe ingane, iyiswe esikoleni ifike ifundiswe, ifunde esikoleni iqede isikole ihambe iye e-univeristy, iwumntwana ophilayo ongenzi lutho, ongazenzi izinto eziphambene, ohamba ngeziyalo zabazali bakhe.mKodwa kuthi, mhlawumbe kothi ngesikhathi esesebenza lo mntwana, bese layikhaya kwenziwa umcimbi mhlawumbe kuthiwe kubuyiswa umkhulu walayikhaya noma mhlawumbe kubuyiswa ukhokho noma ubani walayikhaya ongasekho, kwenziwe umcimbi kugaywe utshwala, kuhlatshwe kwenziwa kuthiwe uyabuyiswa.
5.Kuyothi kusuka lapho, le ngane ebihamba kahle, iziphethe kahle, ifundile, yahamba yayofunda yasebenza mhlawumbe isiqalile manje ukwenza izinto ezinhle la phakathi kwekhaya. Kuyothi iyabonakala le ngane isiyisidakwa sotshwala. Kuxakeke wonke umuntu ukuthi le ngane kade iphila nje iziphethe kahle, kwenzeka kanjani manje yase ingena otshwaleni, yase ingena ensangwini kwenzenjani? Kanti ilo moya esewulandiwe wazofakwa layikhaya, kulandwe umoya womuntu obedla insangu, afike layikhaya, ngelanga ayongena ngalo nje, angene ezinganeni, izingane bese zenza into ephambene nomthetho kaNkulunkulu.
6.Kuyatholakala ekhaya izinga lokuphuza utshwala seliphezulu, kodwa kade bungaphuzwa utshwala layikhaya, kodwa ezinganeni sekuyatholakala sekunengane ephuza utshwala. Yini, isingenwe ilo moya womuntu olambile, kwathiwa akazongeniswa layikhaya ngoba uyena oyinhloko yalelikhaya. Afike awushaye umuzi awubhubhise awuqede ngotshwala nangensangu, ufe uphele ngoba once umuzi waqala wagxila ezindabeni zotshwala, wagxila ezindabeni zensangu, kugcina sekuphele nenhlonipho, uma esebenza, asebenze into engabonakali ukuthi iyaphi.
7.Ngiyakhumbula siselaphana e-Pinetown, bazokhumbula ababekhona, sake saba noMshumayeli uMkhize wase Maritzburg, uMshumayeli uMkhize omdala wase Maritzburg. Uthi uMshumayeli uMkhize ngelinye ilanga ekhuluma, naye wayesekuyo lento yokukhonza kwamadlozi. Uthi kwakuke kuthi esesontweni, ebese lifika lelikhehla, angisakhumbuli kahle noma kwakukhokho wakhe noma kwakuwumkhulu wakhe. Kodwa uthi uMkhize wayethi uma esesontweni ayibone le ndoda imi ngaphandle kwethempeli ibhizi ibhema insangu, ebese eyaphuma esontweni ahambe ayobhema. Kwesinye isikhathi ethi ephakathi esontweni, ifike ingene le ndoda imthethise, ithi akasukume ahambe ayobhema ngoba ibhema ngaye, ukuze yona ikwazi ukubhema, kufanele kube uyena obhemayo.
8.Uma ungathi uyayilandela lento, ungathola ukuthi lento yayisukela kokukuthi lomuntu wayelandiwe wabuyiswa wazongeniswa ekhaya, kodwa wathi uma efika ekhaya, wangaba ukuphila, wafaka usizi lokuhlupheka ngoba uma ucabanga ukuthi kungathi ngila esomtweni ebese kuqhamuka umuntu afike angithethise athi angiphume la, angiyeke ukukhonza uNkulunkulu angihambe ngiyobhema insangu lapha ngaphandle!
9.Usizi lolo olunzima kabi ukuthi ungazokhishwa umoya esontweni uthi phuma uhambe uyophuza utshwala, womile ufuna ukuphuza utshwala. Kodwa kuzo zonke lezinkinga esibhekana nazo, sisuke singafakwanga omunye umuntu, sisuke sizifake thina. Sithi uma sikwenza lokhu sithi hhayi ngoba obabamkhulu, hhayi ogogo bethu. Bese siyakhohlwa ukuthi laba bantu esithi siyabalanda sizobafaka layikhaya, uma umuntu wayehamba eyisidakwa, uzobuya futhi eseyisidakwa. Uma wayehambe ethakatha uzobuya futhi ewumthakathi, kwakheke abathakathi ekhaya. Kuthiwe hhawu umthakathi uhambile sesizosala siphumule, kuyabonakala kuqubuka omunye. Kuye kuze kuthiwe hhayi kushuthi njengoba ethakatha nje ufuze usibanibani. okungenzeka ukuthi ngesikhathi eseyingane wamuthatha wamugcaba, kuthiwe hhayi unohlanga lukasibanibani ikho ethanda ukuthakatha nje naye, usibanibani owayethakatha.
10.Kanti cha into esisuke siyakhe thina, sahamba sayolanda umoya sazowufaka ngaphakathi kwekhaya bese kuthi lo moya usidalela ukufa, usidalela nosizi, kuhlushekwe ekhaya, kungene umoya womuntu ekhaya, umuntu owayengathandi ukuthi abone ikhaya liye phambili, wayengafuni ukubona ikhaya lakheka liba lihle. Niyothi ningawulanda lo moya wallaba bantu abangasekho, ebese kufika lo muntu abhidlize yonke into uma kukuthi besekuqalile kunomsebenzi kusetshenzwa, alwe nabo bonke abantu abasebenzayo abafakele amabhadi ngisho emsebenzini, bazondwe abelungu baze bagcine bexoshwa emsebenzini, ngoba uyabona ukuthi oh lo muntu uyena owakha leliyakhaya ngoba yena wahamba vele nangesikhathi esaphila wayengathandi ukuthi lelikhaya lakheke.
11.Alithathe ikhaya alibhekise phansi ngoba uzolibhekisa phansi ngokuthi ashaye laba bantu abasebenzayo, kube ibona abafaka ezintweni ezizokwenza ukuthi kuphele lomsebenzi abathi bayawusebenza, ngoba yini, ufuna kwande ukuhlupheka ekhaya. Iyona nkinga esike sibhekane nayo leyo ekukhonzeni imimoya yamadlozi. Okunye esesiphindwe sakufundiswa thina layikhaya, ngayo le ndaba yokuhlabela amadlozi, yafika ingelosi yasifundisa, yakhuluma kubaholi bethu ukuthi lento yokuhlabela amadlozi, siyakwenza sithi siyahlaba sihlabela amadlozi, sithi sihlabela imimoya yabantu bakithi abangasekho kanti asihlabeli yona. Omubi usebonile ukuthi iliphi i-point angakwazi ukulibamba ngalo, sibambeke singakwazi ukunyakaza. Wase eqhamuka kithina manje, ezozenza umuntu wala emndenini osewahamba, nithi nihleli ekhaya kufike umakhelwane azothi umakhelwane, hhayi kufike ugogo walayikhaya, kimi ngesibonakaliso noma ngephupho, ngimubone eme lapha ngaphandle wathi uyagodola. Uthi angizosho ukuthi lokhu wahamba layikhaya akambethe, uhleli emakhazeni, uhleli nasemvuleni.
12.Bese nigijima nitatazela nithi nizama ukumsiza, kanti akusiyena, umoya nje omubi osuzifihle ngaye, ocashe ngaye, ngoba uyazi ukuthi nizogijima nilandele lento, uzothi uma efika laphana umakhelwane nangampela layikhaya kugijimwe kutatazelwe, angeniswe. Ngelanga ayothi engena ngalo nje lokwenziwa komcimbii, ilanga okuyongena ngalo usizi nokuhlupheka Phakathi kwekhaya. Kodwa thina la emaNazaretheni kaNkulunkulu, wasikhumbula uShembe, wasithumela ingelosi ukuthi ayizosikhipha kuloludaba ngoba wayekade evele eshiye uShembe esikhiphile kuloludaba. Kwintshumayelo kaBabamkhulu yango 1927 wasiyala uBabamkhulu ukuba singawahlabeli amadlozi, kodwa owathi siyokwenza wathi siyobanikelela elatini ukuze bakhululwe la ababoshwe khona, uNkulunkulu abangenise ethembeni Elisha elingumoya wakhe. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi sagcina sesiyilahlile le Ndlela UShembe owayesibeke kuyo.
13.Ngoba ngizokhumbula nje kukhona intshumayelo yeNkosi iLanga lapho ayekhuluma khona ngokuthi uBabamkhulu ngesikhathi esezohamba emhlabeni, wazila wahamba wayohlala yedwa. Ngithi iseBhekumesiya uma ngikhumbula kahle. Lapho owahamba wayohlala khona yedwa, ngisho umuntu owayemulethela amanzi, kwakuke kuthi uma kuthunywe ingane kuthiwe ayihambise amanzi, yayingawabeki endlini la owayehleli khona, yayifika nje iwabeke ngasemnyango bese ewathatha. Kwaba isikhathi nje eside lapho engekho kumaNazaretha ehleli lapha elindile, eyobuza kuNkulunkulu, ethi ngoba Nkulunkulu uthi usuzongithatha, laba bantu bazosala bebe njani, lento engibafundise yona, bazosala beqhubeka yini nayo. Akuzukusala yini kudliwa ingulube la eKuphakameni, akuzukusala yini kungena utshwala, akuzukusala yini kwenziwa imithi, laba bantu abazekubuyela yini ekudleni imithi nasezinyangeni nasezangomeni.
14.Kodwa uNkulunkulu wamukhombisa ukuthi kuzosala kubenjani eKuphakameni. Uma esebuyake uBabamkhulu esechaza ukuthi uNkulunkulu umkhombiseni. Uthi ubone abantu ebebashiye bengenayo imvunulo, kodwa ubabone sebevunula, besina, wamukhombisa uNkulunkulu ukuthi ubuNazaretha buzosala bube buhle kanjani. Nangampela ubuNazaretha abuphelanga emveni kokuhamba kukaBabamkhulu, kwakhula kwaqhubeka kwaya phambili.
Kodwa kuthe uma kuhamba iNkosi iLanga, kuhamba iNkosi iNyangayezulu, sase sisala manje, saphuma kulendlela abaprofethi bangesikhathi esiphambili baseKuphakameni abasishiye kuyona. Sase siduka, saduka manje sangena kulendaba yokukhonza amadlozi, le okwakuthiwa asingawakhonzi.
15.Njengamanje uma ungathi uyakumaNazaretha ufike ukhulume kumaNazaretha ukuthi wathi uBabamkhulu amadlozi awakhonzwa la eKuphakameni, mhlawumbe ungasinda ngeNkosi usikelela ukuthi angakubulali ngoba iyonanto ayaziyo manje amaNazaretha ukuthi ukuze ube iNazaretha, uba iNazaretha ngokuthi uhlabele abantu abangasekho. Lento kodwa uNkulunkulu noBabamkhulu owasishiya esisule kuyona, noBaba iLanga noBaba iNyangayezulu. Ngike ngalalela nje intshumayelo yeNkosi iNyangayezulu lapho eyayikhuza khona inkosikazi eyayithi ifuna ukugaya utshwala emzini yayo. Kodwa phezu kwakho lokho noma uthi uyayifaka intshyamyelo ayayizwa, amaNazaretha ayiphika yize kunjalo. Sekungase yikho-ke ukuthi manje ubuthatha into ebhalwe phansi, kukhuluma yona iNkosi iNyangayezulu, kodwa uma beyilalela bese beqhamuka nezindlela zabo bethi hhayi kodwa kungu kuthi, ngoba abafuni ukwenza lento eyashiwo uShembe. Njengoba washo uBaba iLanga ukuthi emva kwakhe kuyofika abantu kulobubuNazaretha abayofika bazi, abangayofuna ukutshelwa ukuthi la eKuphakameni kuhanjwa kanjani.
16.Ibandla lamaNazaretha libhekene nalenkinga elibhekene nayo, ingenxa yalaba bantu abathi befika la bafika bazi, bangafuna ukutshelwa. Sabuye saba nenkinga-ke yokuthi abantu abadala okuyibona ababekhona esikhathini esiphambili bangafuna ukukhuluma iqiniso ukuthi makwenziwa into, bawubuka umsebenzi kaNkulunkulu wonakalapha phambi kwabo. Kodwa Siyabonga eNkosini yaseKuphakameni ngabaholi bethu uBaba uMelusi noMa uMkhokheli omkhulu ngoba ukube kuthiwa abekho bona ngabe sisenkingeni, le nkinga ngabe siphakathi kuyona, ngoba besivele siyiwo amaNazaretha nathi besihamba ngayo le Ndlela yokuthi kufanele sihlabele abantu abangasekho singayiboni futhi ukuthi isidalela izinkinga ngoba bekuye kuthi uma ushayeka, uthi uyabuyela, kuthiwe hhayi lento oyenzile, kungashiwo ukuthi iyabheda, kuthiwe awuyenzanga kahle, uyiqale phansi uphinde uyenze! Noma kuthiwe kukhona okunye okusele okufanele udlule kukho lapha ukuze kuyima ufika empumelelweni.
17.Kodwa njalo kuhlezi kukhonjwa nje phambili, kuthiwe hhayi sekusele ukuthi manje, ukwenze lokho kuphindwe kuthiwe kukhonjwe okunye kuthiwe sekusele ukuthi. Uthi uyadlulela kukhona, bakubuyisele kulapha oqale khona, kuthiwe hhayi laphana akuhambanga kahle. Iyona mpilo ebesiphila ngayo leyo, namanje amaNazaretha asaphila ngayo, kodwa uma uthi uyabatshela ukuthi hhayi lento njengoba kuthiwa kuzolunga, kuzolunga, ngeke kuze kulunge ngoba uNkulunkulu akayivumi lento, noShembe ufike wasisusa kulokhu. Uma uthi uyabatshela, uthatha izintshumayelo uzibeka la zamakhosi aphambili, baziphikisa bezibona ukuthi zisho lento abayenzayo ukuthi ayenziwa la eKuphakameni, kodwa ngokuthi bona bazi ukuthi bethi abafuni ukulahla obabamkhulu babo. Noma usubatshela ukuthi ingelosi isifikile yasitshela ukuthi laba bantu akuyikho ukuthi ingoba kuyimndeni yasemakithi eseyahamba ngampela kodwa ngabantu ababi laba, umoya omubi lo, osuke usuzenze umuntu wakini ongasekho, wasemndenini ongasekho.
18.Kodwa kuye kube likhunike, ziqhubeke izinkinga umuzi uze ufe uphele ngoba abantu bengafuni ukuzwa izwi likaNkulunkulu. Kodwake siyabonga thina ngoba uNkulunkulu wasiqoqa wazosibeka la, wasikhipha kulenkinga yokukhonza lemimoya yamadlozi, le mimoya yabantu abangasekho, yasibhekisa kuyena kuphela ngoba uma usuqalile wawukhonza lo moya, uyajika ube uNkulunkulu wakho, kanti uthe uNkulunkulu singabi nabo abanye onkulunkulu ngaphandle kwakhe, wathi singazakheli abanye onkulunkulu noma ngabe abegolidi noma ngabe abani. Ngizocela nje Mfundisi ivesi elilodwa, ngithi u-Exodus 20 verse 23, kodwa sesihambe sahamba thina sase sizakhela abethu onkulunkulu, sase sibakhonza, ibona laba abasinikeza lolusizi esibhekene nalo.
19.Expodus 20 verse 23. “Aniyukwenza lutho olungaphandle kwami, onkulunkulu besiliva nawonkulunkulu begolide, aniyikuzenzela bona” Angithi niyezwake ukuthi uNkulunkulu utheni? Uthi aniyikuzenzela onkulunkulu begolide nonkulunkulu besiliva kodwa sihambe sahamba thina sagcina sesizakhele abethu onkulunkulu, obekuthi noma ufuna ukuyocela, wazi ukuthi kufanele uthole imbuzi uhambe uye emsamu uyocela. Kuthi uma kukhona okutholile, uhambe uthi uyokubonga lapha emsamu, kubuye kuhliphike futhi ngoba vele unkulunkulu wakho lowo ozakhele yena. Kodwa into eyinkinga isekutheni uma sekuhlukana inyama nomphemfulo, uzoya kuphi njengoba uqhela nje, ubaleka kuNkulunkulu ngoba uNkulunkulu ushilo ukuthi asingazikhonzi ezinye izinto ngaphandle kwakhe, asikhonze yena kuphela. Kodwa ngokuthi sithanda izinto ezibonwayo, neziphathekayo, sagcina sesilandela, sesihamba sikhonza lemimoya yamadlozi okuyiyona esidalela ukuhlupheka.
20.Kuhlushekwa nje kangaka, ilemimoya le, ngoba imizi eminingi ifile ibulawa ilemimoya, kodwa abakwazi ukuphuma kuyona ngoba umuntu eyesaba ethi ‘hhayi uma ngilahla ngizobe ngilahla okhokho bami hhayi ngilahla omkhulu bami, sakhula kwenziwa thina layikhaya, manje asikwazi ukukuyeka’, noma bebona ukuthi akubi nalo usizo. Manje okubi kakhulu ukuthi lento uma isiyenziwa ngisho nabantu abangamaNazaretha, ekubeni uShembe wasifundisa kahle, wasifundisa uBabamkhulu ukuthi singayenzi lento. Kodwa amaNazaretha asevese aphenduka aba izilwane, aphenduka aba namakhanda alikhuni, angafuni ukulalela into eshiwo uNkulunkulu, agxila kulento uNkulunkulu athi asisuke kuyona ngoba waphinde wasilethela noMprofethi ukuthi azosigudluza kuyona.
21.Ngoba uBabamkhulu entshumayelweni yakhe yango 1927, wasifundisa ukuthi abantu abangasekho siyobanikelela kuNkulunkulu, sibanikelele sibacelele intethelelo kuzo zonke iziphambeko abazenzile bese la emhlabeni, sibacelele kuNkulunkulu ukuthi akabathethelele ngoba uyasho naye uBabamkhulu ukuthi ngesikhathi befika… Uthi uBabamkhulu kwenye intshumayelo yakhe, ngesikhathi thina boShembe sifika la emhlabeni, imimoya yokhokho benu yayihlala emathanjeni njengemimoya yezinyoka. Yikhona kwesinye isikhathi kwakuthi uma kunezinkinga emakhaya, umnumzane bese ahambe ayongena esibayeni, afike akhulume, uma kukuthi kuvele into embi ekhaya, afike akhulume. Abanye bathi kufuneka uye emsamu uyothetha ukuthi indaba izinto zonakale ekhaya, bashonephi manje laba bantu ngoba ibona okufanele ngabe babheke ikhaya leli?
22.Noma kwenzeka mhlawumbe kuthiwe izingane ekhaya azigani noma ziyahamba ziyogana ziyabuya emendweni, bese umnumzane engena esibayeni ayothetha ukuthi kwenzakalani. Uthike uBabamkhulu imimoya yokhokho benu yayihlala emathanjeni njengemimoya yezinyoka, kukhulunywa nabo ezibayeni. Kodwa kwathi ngesikhathi sesifika thina boShembe, yavuka lemimoya yoyihlo, yahlabelela ngenjabulo, yayongena ezulwini. Ikhona manje sekungasafanele siyokhuluma naye emsamu nasezibayeni, ngoba laba owathi uma efika UShembe washumayela izwi kubona, baphenduka balizwa, bahamba bayongena ezulwini, bathethelelwa kuzo zonke iziphambeko zabo, njengoba nesihlabelelo esisihlabelelile siyasho sithi ‘bamenyeziwe emathuneni, sebephumile sibabonile bangenile emzini oyingcwele!’
23.Kodwa manje sifike sihlabelele sithi baphumile emathuneni, bangeni emzini oyingcwele, siyaphinde futhi thina ngapha emakhaya, siyabahlabela sithi sibapha ukudla. Ibaphi manje laba abadla emsamu ngoba isihlabelelo siyasho sithi bangenile emzini oyingcwele, laba esesibenzela ukudla manje, sekuyibaphi futhi? Kodwa uma uthi uyabatshela abantu ukuthi hhayi lezinkinga esinazo nje zidalwa ilemimoya esyihlabelayo ngoba akuyo imimoya enokuphila, imimoya enokufa, abantu baye beqinise amakhanda. Noma isihlabelelo besiphethe besifunda. Ngizocela nje Mfundisi ungifundele laphana kuJohane 5 verse 25.
Johane 5 verse 25.
24.“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapho abafileyo abayokulizwa izwi le Ndodana kaNkulunkulu, abezwayo bayakuphila” Amein.
Lelivesi lifakazela yona lento eshiwo uBabamkhulu ukuthi imimoya yobabamkhulu eyayihlala ezibayeni, ngesikhathi efika yena yashunyayezwa yaphenduka yahamba yayongena emzini okhazimula ngaphezu kwelanga nenyanga, ngoba ilowo asithembisa wona uShembe ukuthi uma siziphathe kahle sise la emhlabeni, siyohamba siyongena kuwona. Kodwa manje thina siye sitholakale sesenza okunye, incwadi ikhona phambi kwethu, nesihlabelelo sikhona phambi kwethu sisifunda.
25.Njengoba sisho nje nesihlabelelo 159 ukuthi “1 Namhlanjena lizwakele Lelo lizwi laphakade, Amathuna abaNgcwele Ahlabelela ngenjabulo Ukwenama koMsindisi WabaNgcwele kuzwakele. 2 Amasango alowo muzi Avulelwa abaNgcwele, Zabahlabelela ngenjabulo Izisekelo zalowo muzi, Halalisani webathengwa Ngokungena kulowo muzi. 3 Nazi izithunywa zabaNgcwele Sabelani niyabizwa, Nina abalele kulomhlaba Izwi lakhe ohlezi phakade Halalisani zindlamafa Ngokungena kwabaNgcwele. 4 Wajabula uSimakade Ngokuvulwa kwamathuna, Lezwakala icilongo Lokuvula amasango Jabulani webathengwa Ngokungena kulowo muzi. 5 Siyakubonga weNkosi yethu Thixo waseKuphakameni Bonganini wemabandla, Awahleli kweliphezulu Nazo izixuku zalomhlaba Seziyongena kweliphezulu.”
26.Isihlabelelo lesi esabhalwa uMprofethi u-Isaya Shembe, ekhuluma yona indaba yabantu abangasekho, sithi asifakazelane naleyencwadi kaJohane 5 verse 25 esiyifundile. Sikhuluma into efanayo ukuthi abantu abangasekho bayashunyayezwa baphenduke bayongena ezulwini. Kodwa sitholakale thina futhi sesenza okuphambene nalokhu okushiwo uShembe, sithi hhayi balambile, sesiyakwazi ukubabona ukuthi balambile, bomile. Siyeka nje ukwenza into elula, esayifundiswa uShembe ukuthi uthathe umnikelo, uye elatini, unikele, ubanikelele usho ukuthi uzobakhumbula la abakhona, ngicela uNkulunkulu ukuthi abathethelele. Ngoba ngokwenzanjalo mhlawumbe laba bantu ababengavumanga ukuphenduka nokukholwa, bengagcina sebethethelelwa ngokulokhu sibacelela thina ukuthi uNkulunkulu akabakhumbule la abakhona, bahambe bayongena ezulwini ngoba into ebalulekile ukuthi abantu bayongena ezulwini kunokuthi babuye beze emsamu. Kodwa manje ngokuthike thina siye sifune ukuthi silokhu sihlaba senza zonke izinto, lokhu kuhlaba okungasiyisi phambili, okusibhekisa emuva ngoba ukuhlaba kwethu nokwenza kwethu ezinye izinto kusidalela izinkinga. Ikhona ngithena isihloko sithi inkinga esibhekana nayo ngokukhonza imimoya yamadlozi.
27.Ngoba ekukhonzeni kwethu imimoya yamadlozi, kuba khona ukufa kuphela emakhaya, akubibikho ukuphila, imizi ayakheki, izingane ziphenduka zibe into engelutho, ngenxa nje yalemimoya esiyilandelayo, esilokhe sayilandela thina sithi sikhonza yona singafuni ukubuyela kuNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu wasithanda thina, siyakubonga lokho eNkosini yaseKuphakameni. Ngoba kubantu abakhona emhlabeni, bebaningi bedalwe uNkulunkulu, thina sakhetha ukubuyela kuyena uNkulunkulu. Wake washo uBaba uMelusi ngesikhathi esiphambili, ngicabanga ukuthi uma ngikhumbula kahle sasingakaphumi ngisho eBuhleni, wathi ithena ingelosi kohamba kuhambe kubekhona abantu abayothi, ‘hhayi thina asisayiboni lento manje, sibona kuncono ukuba sibuyele kuBabamkhulu, sibuyele kulamazwi ashiwo uBabamkhulu.’ Kodwa namhlanje ithina esibuyele kulamazwi ashiwo uBabamkhulu.
28.Ngoba ungawahamba wonke amabandla amaNazaretha uwaqede, akekho oyofika kuwo kushunyayelwa ngentshumayelo yango 1927, bonke bayayibalekela, ngoba yini, abafuni ukubuyela kuBabamkhulu. Kodwa thina la e-NCG ngoba sibuyele kuBabamkhulu, ikhona sibuyele kuzo zonke izintshumayelo zikaBabamkhulu. Le ehlaba izangoma ngeke uyifice kwenye indawo, uyoyifica la kuphela, kodwa uBabamkhulu wahamba eshilo ukuthi izangoma ziyilati likaSathane, usebenza ngazo ukuphikisa uNkulunkulu. Kodwa uma uthi uya emabandleni amaNazaretha uzofica zikhona izangoma, izona ezishaya umthetho futhi, ngeke uyenze enye into eqhamuka kuwe, yonke into eyenziwa lapha iphuma ezangomeni. Zenza yonke into, zigcotshiwe, zingabagcotshwa, zingabafundisi, zingabakhokheli, ziyiyo yonke into, izona ezishaya umthetho ngoba vele uSathane usebenza ngazo ukuphikisa uNkulunkulu.
29.Ngoba uNkulunkulu uma efuna abantu bezwe izwi lakhe uthumela uMprofethi ukuthi azofundisa izwi lakhe ukuthi uNkulunkulu ukhonzwa kanjani, kodwa omubi uma efuna ukuphikisa uNkulunkulu, uthumela izangoma ngoba isangoma asiyikhulumi into efunwa uNkulunkulu, ngaso sonke isikhathi sikhuluma into ephambene nefunwa uNkulunkulu. Uma ulandela isangoma awukwazi ukulandela isangoma uphinde ulandele uNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uzokutshela ukuthi utshwala ungabuphuzi, isangoma sikutshele ukuthi buphuze.
UNkulunkulu akavumi ukuthi uphuze igazi, kodwa isangoma siyakutshela ukuthi nquma imbuzi ithi ingakafi sithi ngena ngaphansi kwayo uphuze igazi. Manjeke uNkulunkulu wasikhipha thina kulezo zinto, kodwa namhlanje amaNazaretha abuyele kulezo zinto, kodwa sengathi uNkulunkulu engawakhumbula amaNazaretha ngoba ayibandla lakhe. Lento esiyibonile, lento esiyizwile, sagijima seza la e-NCG, sengathi engaphinde futhi awaqoqe amaNazaretha abuye azohamba ngendlela yakhe.
30.Ngoba uma kona amaNazaretha, kubonakala amaNazaretha enza into, abanye abantu bazi ukuthi ibandla lamaNazaretha bazi ukuthi ilona bandla elikwazi ukuqondisa izinto zomsamu. Kodwa akunjalo, uma uthi uyakhuluma ubatshela ukuthi usuke ulandela izinkinga uma ulandela lento yokuhlaba, ufaka iziphandla, konke. ubonakala sengathi wena uyiNazaretha elingacacile eliphika indaba yomsamu, kodwa uNkulunkulu noBabamkhulu wasifundisa ukuthi indaba yomsamu singahambi ngayo!
31.Siyacela nje eNkosini yaseKuphakameni ukuthi lezi zindlebe asipha zona ukuthi sizwe izwi lakhe, alibeke emlonyeni wabaholi bethu uBaba uMelusi noMama uMkhokheli, zihlale zivulekile njalo. Uma bekhuluma nje abaholi bethu silalele konke abasitshela khona ngoba kufuneka sihlale sazi ukuthi njengoba size lana nje konke akukho esikwaziyo kodwa konke esizokuthola sizokuthola kuvela kubaholi bethu. Ngoba ibona abephethe i-direction yokuthi njengoba sihamba nje sibheke ngaphi, uma kujika bona, nathi sijike la abajika khona. Kungathi bethi asiyeni ngapha bese uthi hhai mina ngizwe kuthiwa uyafika noma uhambe ngapha, cha cha. Ngiyakhumbula nje esikhathini esiphambili, wake wayikhuluma lento uMfundisi uMpanza, sasisengale ezansi, ekhuzake indaba yokuthi uma sihamba, siye sihambe kuthiwe izimoto zizohamba zisilandela, mhlawumbe imoto le ihamba phambili, bese kuba imoto kaBaba siyahambake nje.
32.Kwenzeka-ke ngesinye isikhathi sathi siya KwaMashu, sathi uma siphuma la, kukhona izimoto esazifica sezimi phambili ku stop sekufanele manje sime sidlulise zona, kodwa bekuthiwa asihambe silandelane. Ngokuthi abantu bathi bayawazi umgwaqo, kuthi makuthiwa akuhanjwe ngapha bona bese besheleleka befuna siyobafica ngaphambili. Wayikhuza lento uMfundisi uMpanza wathi hhayi uma kuthiwa siyahamba sihamba noBaba sonke kufanele silandele yena. Ngoba kuyenzeka ukuthi lapha phambili sewuyaqhamuka wena sesikufica usume phambili manje, asisakwazi uhambe ngaphi. Babeningi, abanye ababehambe ngaleyondlela, esabafica sebengaphambili, ngicabanga ukuthi abasekho manje, kodwake kwaqala kanjalo kuthi makuthiwa akuhanjwe kubhekwe le, athi umuntu ngoba ngiyazi mina kuyiwaphi, ngiyohamba ngiyoma endaweni ewukuthi.
33.Lento bayithathe ngokwasemhlabeni, noma sekula ebandleni bazothi abaholi kwenziwa ukuthi athi umuntu hhayi noma wenze kanje ugcine ufikile la ekade kusho khona umholi, kanti hhayi akuhambi kanjalo. Kufanele nje sizifundise nje ukuhamba silandele abaholi bethu, ababekwe phambili ngoba ibona abaphethe i-direction, sizolandela bona, uma bethi kuyamiwa la siyama. Ungaphiki ngokuthi wena uyazi bese uhamba ngezakho izindlela ezinqamulelayo uthi uyanqamulela ngoba uzolahleka, uzoshayisa!
34.Isihloko-ke ebengikhuluma ngaso bekuyiso lesi sezinkinga ebesibhekana naso, sengizibalile, kakhulukazi nje lezi ezimbili engiqale ngazo zalomama uBaba uMelusi owake wakhuluma ngaye ukuthi wathi uNkulunkulu esebasizile wabasusela endleleni umuntu obebhubhisa umndeni, bona baqala phansi bayomlanda lo muntu. Into yokuqala nje owathi uma eyenza wafike waqhubeka la owayegcine khona, nakuMshumayeli uMkhize wase Maritzburg kwenzeka into efanayo. Wabanenhlanhlake uMshumayeli ngoba wathi uma efika la e-NCG, kukhona isikhathi la okwake kwathiwa asenze khona iminikelo yoku divorce yona lemimoya ngoba sase sambe kakhulu nayo lemimoya sizitshela ukuthi iyona eyosisa phambili, ngoba ngiyakhumbula sinabaningi uma kufika uBaba uMelusi noma uMkhokheli sizwa kuthiwa kukhona ingelosi eNqobizitha, sazitshela ukuthi ila sizokwenza izinto eziqondile zomsamu wethu ngoba sizobe sikuthatha engelosini.
35.Kanti hhayi sishaye eceleni, ingelosi iza nenye indlela. Sasijabule impela sazi ukuthi uma siya kuMkhokheli, uzofike asitshele into eqondile ukuthi kuhamba kanjani, indaba yokuhlabela amadlozi ihamba kanjani. Kodwa kwathi uma sekuphakathi nendawo satshelwa ukuthi lento ebenihamba ngayo ayikho, izindaba zaqala khona kwiZwi Lomzansi, kwathiwa hhayi lento ayikho, saqala laphoke isisefo sasefa-ke! Kade sibaningi, kodwa kwathi uma sekuchithwa le ndaba yomsamu, abantu bahlehla baphindela emuva ngoba umuntu akafuni ukuphuma odakeni, kunzima ukuphuma odakeni noma ebona ukuthi hhayi engathi ngixova udaka la kodwa akuphumeki, uye ephike ngokuthi ngoba kade lixovwa osibanibani, kushuthi nami kufanele ngilixove, noma esebona ukuthi kuyasinda, athi ngoba usibanibani usathwele, nami ngizothwala. Inkinga-ke leyo esike sibhekane nayo singafuni ukuyeka izinto ngoba sithi sibona obani benzani.
36.Kukhona enye insizwa esake sakhuluma nayo nje noMvangeli uNzimande, yayifike la izobona uMa. Ithi, ‘hhayi ukuthi asiliboni iqiniso elikhulunywa uBaba uMelusi, sesiyalibona impela iqiniso noma sikhona ngale ekhaya elikhulu, inkinga sisaba abantu ukuthi sizothi siyaphuma siza ngapha kuthiwe hawu usibanibani usehlubukile!’ Uyabona uke ubambeke impela, izinto uzibone ukuthi cha, nakhuya la ekukhanya khona, kodwa uhlale ebumnyameni ngoba usaba ukuthi nje abantu bazokuthuka bekuthukele ukuthi ume ekukhanyeni. Ileyonto okufanele singayisabi bantwana basezulwini, ukuthi simi ekukhanyeni, noma bengasithuka beze beme ngonyawo olulodwa, kodwa uma besithukela ukuthi sibuyele kuBabamkhulu, kunganikhathazi lokho. Ilawo mazwi ebenginawo,
iNkosi ibusise enikuzwile.