Skip to content

MASIBUYELENI KUJEHOVA UNKULUNKULU WETHU

Abezizwe bayichitha inkolo kaJehova eyayinoMsindisi ovela ezulwini, bayichitha neNdodana kaNkulunkulu, base besibumbela umsindisi wabo!

Lokho bakwenziswa ukuthi babemzonda uNkulunkulu onguJehova, ngoba basebazi ukuthi unguNkulunkulu ohlale elwela amaHebheru ayisitha sabo esikhulu!

1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi: MASIBUYELENI KUJEHOVA UNKULUNKULU WETHU.
 
2.Ekhasini 83-84 lencwadi kaProf. Rudolph R. Windsor ethi FROM BABYLON TO TIMBUKTU, uthi: “IMPI KA-ANTIOCHUS YAYA IYOKWESEKA UMENELAUS, UMHOLI WESIGEJANE ESASIHAMBISANA NESIRIYA.
 
3.NGENXA YALOKHO, AMAJUDA AMANINGI ABULAWA; AMANYE ABALEKELA EZINTABENI NASEGIBHITHE.
 
4.AMAJUDA ASALA EJERUSALEMA YILAWO AYESEKA IZINKAMBISO ZIKA-ANTIOCHUS.
 
5.KWASHAYWA UMTHETHO OWAWENQABELA UKUGCINWA KWEZINSUKU EZINGCWELE, ISABATHA, KANYE NOKUSOKA.
 
6.UMFANEKISO OBAZIWEYO KAJUPITER WAMISWA ETHEMPELINI ELINGCWELE NGENHLA KWE-ALTARE.
 
7.KULO MFANEKISO ABANTU BENZA IMIHLATSHELO YEZINGULUBE, ISILWANE ESIYISINENGISO KUMAJUDA.
 
8.NGENXA YOKUZINGELWA NGEZIZATHU ZENKOLO, UMPRISTI OMKHULU U-ONIAS III OWAYEBEKWE NGOKUSEMTHETHWENI, KANYE NAMANYE AMAJUDA BABALEKELA EMAZWENI ASE-AFRIKA NJENGASEGIBHITHE NASEKHURENE (Lybia).
 
9.IMBANGELA EYAHOLELA EKUFUDUKENI KWAMAJUDA KWABA YIZIMPI, UKUHLUKUNYEZWA NGOKWENKOLO, KANYE NOHWEBO.
 
10.LESI SIMO SENZA UKUBA KUGCINE KUNAMAJUDA AFUDUKELA E-AFRIKA.
 
11.NGONYAKA KA 65 B.C. IZIMPI ZAMAROMA NGAPHANSI KUKA JENENE UPOMPEY ZALITHUMBA IJERUSALEMA.
 
12.NGO 70 A.D. UJENENE UTITUS WAWUQEDA NGENKEMBA UMBUSO WAMAJUDA.
 
13.NGESIKHATHI SALABA BABUSI, KWENZIWA IZINTO EZININGI EZIBUHLUNGU KULAWO MAJUDA AYESELE EJERUSALEMA.
 
14.KUSUKELA NGESIKHATHI SIKAPOMPEY KUYA KWESIKA JULIUS CAESAR ALINGANISELWA ESIGIDINI AMAJUDA ABALEKELA E-AFRIKA, EXOSHWA WUKUZINGELWA NOKUGQILAZWA NGAMAROMA.
 
15.IZIMAKETHE ZAZIGCWELE IZIGQILA EZINGAMAJUDA AMNYAMA.
 
16.KU DUTERONOMI 28:64 KUTHI: “UJEHOVA UYOKUHLAKAZELA EZIZWENI ZONKE, KUSUKELA KOLUNYE UHLANGOTHI LOMHLABA KUZE KUFIKE KOLUNYE.
 
17.UYOKHONZA LAPHO ABANYE ONKULUNKULU BEMITHI NAMATSHE ONGABAZIYO WENA NOKHOKHO BAKHO.”
 
18.“LESI SIPROFETHO KANYE NEZINYE EZIQUKETHWE KUDUTERONOMI 28:15-68 ZEHLELA AMAJUDA AMNYAMA EMVA KOKUBA ENGAYITHOBELANGA IMITHETHO KANKULUNKULU.
 
19.IZIZWE EZININGI ZATHUTHELA AMAJUDA EBUGQILINI, AMADODANA KA-ISRAEL ASABALALELA KUWO WONKE AMAZWEKAZI OMHLABA.”
 
20.Lo mlando ovezwe yilo mbhali uyavumelana nosencwadini yokuqala kaMaccabees, iSahluko 1 lapho kuchazwa kabanzi ngokuhlukunyezwa kwamaJuda yisizwe samaGriki.
 
21.Incwadi ka Maccabees ngenye yezincwadi zeBhayibheli kodwa engafakwanga kuleliBhayibheli esilifundayo, lamaProtestanti.
 
22.Esewuchazile lo mlando lo mbhali, kodwa kunento eyethusayo kuwo, esiphoqayo ukuba siwucubungule kahle lo mlando othinta izimpilo zethu.
 
23.Uthi lo mbhali: “LESI SIPROFETHO KANYE NEZINYE EZIQUKETHWE KUDETORONOMI 28:15-68 ZEHLELA AMAJUDA AMNYAMA EMVA KOKUBA ENGAYITHOBELANGA IMITHETHO KANKULUNKULU.
 
24.IZIZWE EZININGI ZABUTHELA AMAJUDA EBUGQILINI. AMADODANA KA-ISRAEL ASABALALELA KUWO WONKE AMAZWEKAZI OMHLABA!”
 
25.Umbuzo okumele sizibuze wona ukuthi kanti uDuteronomi 28 ukhuluma nesizwe esimnyama yini?
 
26.Ngabe la madodana ka-Israel okhuluma ngawo lo mbhali isizwe esimnyama?
 
27.Pho uma ngabe ama-Israel kwakuyisizwe esimnyama, kwenzeka kanjani ukuthi zonke izithombe zabantu eBhayibhelini zibe ngezaba mhlophe?
 
28.Uma kuyithina esiyinzalo ka-Israel, kusobala ukuthi noYeshua onguMsindisi akaze abe ngumlungu, ngoba naye wayeliJuda, eyinzalo yawo la maJuda ayehlukunyezwa.
 
29. Futhi lokhu kukhomba ubuqiniso balokho okushiwo wuSolwazi uTudor Parfitt (2003) lapho ethi sisekhona, asilahlekanga, siyiziwe sakwa-Israel wakudala, encwadini yakhe esihloko sithi: THE LOST TRIBES OF ISRAEL: THE CREATION OF A MYTH.
 
30.KuMathewu 24 nguye uYeshua owaprofetha ngokubhidlizwa kweThempeli laseJerusalema, ngamaRoma, ngo 70 A.D.
 
31.Pho uYeshua waseba ngumsunguli wenkolo yabezizwe nini, ngoba ngo 65 B.C amaRoma ahlasela athumba iJerusalema, kwathi ngo 70 A.D aqeda umbuso wamaJuda ngenkemba?
 
32.Impendulo yalo mbuzo siyithola encwadini ka Dr Koster ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE, ekhasini 62, lapho ethi:
 
33.“ABEZIZWE BABEMFUNA UMSINDISI, KODWA HHAYI ONGUMJUDA. BABEWE NYANYA AMAJUDA, BEMNYANYA FUTHI NONKULUNKULU WE-TESTAMENTE ELIDALA, (OKUNGUJEHOVA). BANCAMELA UKUZAKHELA UMSINDISI OSAMGRIKI.”
 
34.Lo mbhali ukucacisile ukuthi imisebenzi kaYeshua yantshontshwa kanjani ngamaRoma ase akha ngayo umsindisi wabo ongasiyo iNdodana kaNkulunkulu!
 
35.Njengoba esho uDr Koster, kuyi Testament Elisha, lakhishwa igama lika JEHOVA nelika YESHUA, ngoba lezi zizwe zazimzonda uNkulunkulu okwiTestament Elidala!
 
36.Lokhu kufakazelwa yizimpi ezazihlale ziba khona kusukela eminyakeni yoMbuso wamaGriki, ngokweNcwadi kaMaccabees, nango 65 B.C. phakathi kwamaRoma namaJuda.
 
37.Kuyinto esobala-ke ukuthi kuDuteronomi 28 uJehova wayebhekise esizweni samaHebheru, okuyithi!
 
38.Abezizwe bayichitha inkolo kaJehova eyayinoMsindisi ovela ezulwini, bayichitha neNdodana kaNkulunkulu, base besibumbela umsindisi wabo!
 
39.Lokho bakwenziswa ukuthi babemzonda uNkulunkulu onguJehova, ngoba basebazi ukuthi unguNkulunkulu ohlale elwela amaHebheru ayisitha sabo esikhulu!
 
40.Emva kwesikhathi abezizwe bakha lo msindisi uDr Koster okhuluma ngaye, base bemmatanisa noYeshua, ukuze sicabange ukuthi uYeshua nomsindisi wabo yinto eyodwa, kanti akunjalo!
 
41.Ayikho imfundiso kaYeshua ethi ukufa kwakhe kuchitha umthetho kaJehova, ngoba ngokwemfundiso kaYeshua umthetho kaJehova umi ngunaphakade!
 
42.Ngithe enkozweni edlule, amaFilisti ayengazi ukuthi angamnqoba kanjani uSamson, ngoba wayengcwele!
 
43.Abakwenza ukuqale bethole imfihlo yamandla akhe.
 
44.Sebeyitholile, bamhlubula kuJehova ngokumgunda ikhanda!
 
45.Nempela ngokususa ubungcwele bakhe, uJehova wabe usuyasuka kuye!
 
46.Kanjalo nakithi, abezizwe babazi ukuthi amandla ethu asebungweleni bethu, okungukugcina umthetho kaJehova!
 
47.Lokho bakufunda emibhalweni kaMose eyimigogodla yenkolo yethu!
 
48.Kwakubalulekile-ke kwabezizwe ukuba basihlubule kuJehova ukuze nakithi uJehova engabe esasondela!
 
49. AmaJuda ayeqhubeka nokugcina isivumelwane sawo noJehova, njengeSabatha nokusoka, amaRoma ayewabulala kabuhlungu!
 
50.Isizwe esachitha iSabatha siyisitha sikaJehova, ngakho ke uYeshua akakwazi ukusungula inkolo echitha lokho owayekushumayela!
 
51.Ekuqaleni inkolo yabezizwe yayingu mbutho owawu sungulelwe ukulwa nenkolo kaJehova.
 
52.Ngu Constantine lombutho owawenza inkolo, wayesethi naye uselikholwa, kanti wenzela ukuyiqeda kahle inkolo kaJehova esengaphakathi kwale yabezizwe!
 
53.Sebeyichithile inkolo kaJehova ngamaCreeds, bavusa yonke imikhosi yezithixo zabo.
 
54.Inkolo kaJehova yachithwa ngobuqili bokuthi kulandelwa isivumelwano esisha!
 
55.Kodwa uYeshua uthi umuntu ongawugcini umthetho kaJehova ngenke angene ezulwini, Mathewu 5:19. UYeshua akasoze achitha umthetho kaNkulunkulu!
 
56.Njengoba uYeshua wafa eliJuda, wembuka nini kumaJuda ukuze asungule inkolo yesizwe esabhubhisa isizwe sakubo?
 
57.Njengoba esho uDr Koster, uMaccabees ukuchazile ukuthi isizwe samaGriki sawahlukumeza kanjani amaJuda.
 
58.Kanjalo namaRoma ngo 70 A.D ayebulala amaJuda angu 500 ngosuku, ashaya imithetho echitha yonke imikhosi kaJehova, kuhlanganisa neSabatha!
 
59.Ku-Eksodusi 19:5 uJehova uthi: “NGAKHO-KE UMA NILALELA NGOKUCOPHELELA IZWI LAMI, NIGCINE ISIVUMELWANO SAMI,
 
60.NIYAKUBA YISABELO SAMI ESILIGUGU PHAKATHI KWAZO ZONKE IZIZWE, NGOKUBA UMHLABA WONKE UNGOWAMI.”
 
61.UJehova uyaqhubeka kuDuteronomi 28:1-14 uthi: “KUYOTHI UMA ULALELA NOKULALELA IZWI LIKAJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO, UQIKELELA UKUGCINA YONKE IMIYALO YAKHE ENGIKUYALA NGAYO NAMUHLA,
 
62.UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO UYOKUPHAKAMISA PHEZU KWAZO ZONKE IZIZWE ZOMHLABA. ZONKE LEZI ZIBUSISO ZOKWEHLELA KUWE, KUBE EZAKHO:
 
63.UYAKUBUSISWA EMZINI, UBUSISWE NASENSIMINI.
 
64.SIYAKUBUSISWA ISITHELO SESIBELETHO SAKHO NESOMHLABA WAKHO, NESEMFUYO YAKHO.
 
65.KWANDE AMAKONYANE EZINKOMO ZAKHO NAWEZIMVU ZAKHO. (Okusho ukuthi wena nenzalo yakho noceba!)
 
66.UJEHOVA UYOKWENZA IZITHA EZIKUVUKELAYO UKUBA ZEHLULWE PHAMBI KWAKHO!
 
67.UJEHOVA UYAKUYALA ISIBUSISO SEBE PHEZU KWAKHO, EZINQOLOBANENI ZAKHO, NAKUKHO KONKE OKWENZAYO!
 
68.UJEHOVA UYAKUKUMISA UBE YISIZWE ESINGCWELE KUYE NJENGOBA AFUNGA KUWE, UMA UGCINA IMIYALO KAJEHOVA, UHAMBA EZINDLELENI ZAKHE!
 
69.BONKE ABANTU BOMHLABA BAYAKUKUBONA UKUTHI UBIZWE NGEGAMA LIKAJEHOVA, BAKWESABE.”
 
70.UJehova wafunga ukuthi uma sigcina umyalo wakhe uyosenzela zonke lezi zinto ozibalile!
 
71.Kodwa ku Duteronomi 28:15-68 uJehova uthi: “KOTHI UMA UNGALALELI IZWI LIKAJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO, UKUBA UQIKELELE UKUGCINA YONKE IMIYALO YAKHE NEZIMISO ZAKHE, ENGIKUYALA NGAKHO NAMUHLA, ZONKE LEZI ZIQALEKISO ZIYOKWEHLELA:
 
72.UYAKUQALEKISWA EMZINI UQALEKISWE NASENSIMINI.
 
73.ISITHELO SESIBELETHO SAKHO NESOMHLABATHI WAKHO, AMANKONYANE EZINKOMO ZAKHO NAWEZIMVU ZAKHO, KUYAKUQALEKISWA.
 
74.UJEHOVA UYOKWEHLISELA KUWE ISIQALEKISO, UKUDIDEKA NOKUSOLWA KUKHO KONKE OYOKWENZA, UZE UBHUJISWE, AHSABALALALE NGOKUSHESHA, NGENXA YOBUBI BEZENZO ZAKHO, NGOKUBA UNGISHIYILE.
 
75.UJEHOVA UYOKWENZA IZITHA ZAKHO ZIKUNQOBE, UYAKUZIHLASELA NGANDLELANYE, UBALEKE NGEZINDLELA EZIYISIKHOMBISA.
 
76.UYOBA YINTO EYESABISAYO KUYO YONKE IMIBUSO YOMHLABA. ISIDUMBU SAKHO SIYOKUBA UKUDLA KWAZO ZONKE IZINYONI ZEZULU NOKWEZILWANE ZOMHLABA, AKUYIKUBA BIKHO OYOZIPHAZAMISA.”
 
77.Ekwehlulweni kwamaZulu empini yaseNcome izidumbu zamadoda azingcwatshwanga, zadliwa ngamanqe, izimpisi nezinja!
 
78.UJEHOVA UYOKUSHAYA NGOKUHLANYA, NGOBUMPUMPUTHE NANGOKUDIDEKA KOMQONDO.
 
79.AWUYIKUPHUMELELA EZINDLELENI ZAKHO, UYAKUCINDEZELWA KUPHELA, UPHANGWE, KODWA KUNGABIKHO MUNTU OKUHLENGAYO.
 
80.IZITHELO ZOMHLABATHI WAKHO NAWO WONKE UMPHUMELA WOKUSEBENZA KWAKHO, UYODLIWA YISIZWE ONGASAZIYO, WENA UCINDEZELWE KUPHELA, UCHOTSHOZWE NSUKU ZONKE.
 
81.UJEHOVA UYOKUYISA ESIZWENI WENA NOKHOKHO BAKHO ENINGASAZI, NIYOKHONZA LAPHO ABANYE ONKULUNKULU BOKHUNI NAMATSHE.
 
82.UYAKUBA YINTO ESABISAYO NESIGA, NOMBHINQO PHAKATHI KWEZIZWE ZONKE LAPHO UJEHOVA EYAKUKUXOSHELA KHONA.
 
83.Kunjengoba kwenzeka nje kuma-African Americans nakwamanye ama-Afrika angasekho kuleli zwekazi.
 
84.UJEHOVA UYOTHUMELA KUWE ISIZWE ESIVELA KUDE, ESIHLWITHA NJENGOKHOZI.
 
85.KUYOBA YISIZWE ONGAYIKUQONDA ULIMI LWASO, ISIZWE ESIBUSO BASO SIGCWELE UNYA, ESINGENANDABA NOMUNTU OMDALA, NESINGENALUZWELO KOMUSHA!
 
86.SIYAKUDLA ISITHELO SEMFUYO YAKHO, NESOMHLABATHI WAKHO UZE UBHUJISWE,
 
87.UMA UNGAQAPHELI UKWENZA WONKE AMAZWI ALO MTHETHO ALOTSHWE KULE NCWADI UKUBA ULESABE IGAMA LAKHE ELIDUMISEKAYO ELITHI ‘UJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO.’
88.Kuyadinga ke ukuthi njengoba uJehova wayesikhethile ukuba sibe yisizwe sakhe, sizibuze ukuthi asiyigcinanga ngani imithetho yakhe?
 
89.Ku-Izikronike zesibili iSahluko 7:13-15, uJehova uthi: “UMA NGIVALA IZULU, IMVULA INGANI, ABAZITHOBE ABANTU BAMI BAKHULEKE, BAPHENDUKE EZINDLELENI ZABO EZIMBI.
90.NGIYAKUZWA NGISEZULWINI, NGITHETHELELE ISONO SABO, NGIPHILISE IZWE LABO.
 
91.MANJE AMEHLO AMI AYOKUVULEKA, IZINDLEBE ZAMI ZILALELE UMKHULEKO OWENZIWA KULE NDAWO.”
 
92.Uma isizwe sonile, sasiyaye sivume izono zaso, bese uJehova esithethelela!
 
93.Ku-Nehemiya 9:1-3, kuthi: “KWATHI NGOSUKU LWAMASHUMI AMABILI NANE LWALEYO NYANGA, ABAKWA-ISRAEL BAHLANGANA NGOSUKU LOKUZILA UKUDLA, BAMBATHA INDWANGU YAMASAKA, BAZITHELA NGOMLOTHA.
 
94.ABOZALO LUKA-ISRAEL BAZEHLUKANISA KWABEZIZWE, BAMA, BAVUMA IZONO ZABO NOBUBI BOKHOKHO BABO.
 
95.BAMA EZINDAWENI ZABO, KWASE KUFUNDWA UMTHETHO KAJEHOVA UNKULUNKULU WABO. BAVUMA IZONO ZABO, BADUMISA UJEHOVA UNKULUNKULU WABO!”
 
96.Njengoba uJehova esho, uma sizithoba, sicele intethelelo, sibuyele kuJehova, uJehova uyosithethelela, sibuye sibe ngabantwana bakhe njengoba singabantwana bakhe kakade!
 
97.Lo mkhankaso wokubuyela kuJehova kumele usukunyelwe ngabefundisi abaneqiniso ekukholweni.
 
98.Kuze abaphathi bezwe abahlanganisa amakhosi ezizwe ezahlukene kuMzansi!
 
99.Sonke sibuyele kuJehova uNkulunkulu wokhokho bethu!
 
INkosi ibusise izwi layo.
 
Le ntshumayelo iyatholakala ku YouTube othi: Rev Mpanza NCG.
UHla lweMithombo
 
1. Koster, C.J., 2004, Come Out of Her my People, Northriding: Institute for Scripture Research.
 
2. Parfitt, T., 2003, The Lost Tribes of Israel: The Creation of a Myth, London: Phoenix.
 
3. Windsor, R. R., 2003, From Babylon to Timbuktu: A History of the Ancient Black Races Including the Black Hebrews, Atlanta: Lushena Books.
 
Online publications
https://youtu.be/I6cJ3rQDr3k (accessed 23 August 2022)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *