Hhayi ukuthi uNkulunkulu akaboni, abantu izono bazenza ngendlela yokuthi baze becabange ukuthi uNkulunkulu akekho, becabange ukuthi uNkulunkulu akayiboni yonke lento abayenzayo, kanti uthule nje uyabuka, kodwa uyazi ukuthi uzohlanganaphi nomuntu nomuntu, yisiphi isikhathi lapho umuntu nomuntu uNkulunkulu ozomdinga khona!
Inkonzo yesabatha lomhla ka 27August 2022.
181. ISIHLABELELO
1 Phakama Kuphakama
Ngegama leNkosi,
Zivuse zonke izizwe zakithi
Zisesebuthongweni
Ngegama leNkosi
Zivukele kuwe
WeKuphakama.
2 Sinosizi ngesizwe sakithi
Sihawukele Nkosi sizintandane
AsinaMkhululi
Ngaphandle kwakho
Ongasikhulula ekuboshweni.
3 Usidelengani Nkosi kangaka
Buyela kithi usithethelele,
Obaba bethu bona abasekho
Sithweleke thina izono zabo.
4 Shaya Nkosi uphozise
Wena sonile
Siyavuma ebusweni bakho
Singabakabani
Uma silahlwa nguwe
Buyela kithi Nkosi yoxolo.
1.Isihloko salenkonzo sithi UBUNAZARETHA BUZELE UKUSIMAMISA NOMA UKUVUSA IBANDLA LIKANKULUNKULU, ubuNazaretha buzovusa ibandla likaNkulunkulu. Ngifikelwa usizi, ngifikelwa ukudabuka ngoba abantu basemhlabeni bacabanga ukuthi kuyadlalwa, abantu basemhlabeni, bacabanga ukuthi njengoba sithunywe ukuba siqondise indaba kaNkulunkulu siyadlalwa.
2.Njengasesikhathini sikaNowa, abantu ababoni ukuthi isikhathi sikaNowa sizofika futhi, mhlawumbe esikaNowa sasingcono kunalesi esizohamba sihambe sifike. Futhi asizukufika sesifile, siyofika siphila. Abantu bacabanga ukuthi i-coronavirus le eyafika kwakuyinto enzima, abacabangi ukuthi kuseza ukuhlupheka, kuseza usizi, kuseza ukukhala nokugedla kwamazinyo okwedlula lokhu kwe coronavirus. Ngiyanibongela nina enikwazile ukuzocasha ngaphansi kwaNKulunkulu!
3.UNkulunkulu ufike edale umuntu, emdale emenze ebe muhle, emenze ehlakaniphe, emenze engabanaso nje isici, kodwa into ekuye kube nje ubuhle nokuhlakanipha. Uma uNkulunkulu esemunikile lento, kakhulukazi ukuhlakanipha, nabo ubuhle, bese umuntu ebona ukuthi ungaphezulu kwaNkulunkulu, engacabangi ukuthi ngosuku uNkulunkulu engakwazi ukukwenza ugxizamathe, ngosuku uNkulunkulu engakwazi ukukwenza ukuthi ube isilwane ngisho ebusweni, ngosuku uNkulunkulu engakwazi ukukwenza uhlupheke ngendlela engakaze ibekhona, uvaleke amehlo, ungakwazi ukukhuluma, ungazi lutho nje, ube into enganamsebenzi, ungafile, uNkulunkulu uyakwazi ukukwenza lokho.
4.Ngakho-ke ukuba siyazi ukuthi uNkulunkulu ukhona, ngabe kuye kuthi uma ngabe uhlakaniphile, uma umuhle, uma ucebile unayo yonke into, ngaso sonke isikhathi ubonge uNkulunkulu, uthi ‘Nkulunkulu ngiyabonga ukuthi ungenzile ngahlakanipha kodwa abanye abantu ubenze baba izilima’, ‘ungenzile ngaba muhle abanye abantu ubenze baba babi, ungenzile ngaba umuntu, kanti noma ubungangenza ngibe isilwane ibingekho into engingayenza.’
5.Ngoba konke esiyikho asinayo asizikhetheli, njengoba ngiwumuntu omnyama nje angizikhethelanga ukuthi ngingaba umlungu, nomlungu angeke ebe umuntu omnyama noma engathanda kangakanani, njengoba ngiwumuntu wesilisa nje ngeke ngibe umuntu wesifazane noma ngingathanda kangakanani. Uma ngiwumuntu wesifazane ngeke ngibe umuntu wesilisa!
6.Njengoba ngihlakaniphile njee, lokhu kuhlakanipha ngikuphiwe uNkulunkulu, kungaphela njeu-15 minutes ngiyisilima ngigxiza amathe, kungaphela u-15 minutes ngingenalo iso, kungaphela u-15 minutes ngidla utshani ngingelutho, kodwa ngoNkulunkulu ungenzile ukuthi ngibe ilento engiyiyo!
7.Kodwa ishwa elikhona ukuthi uma abantu sebehlakaniphile bese beqala manje bebukela phansi uNkulunkulu, bese bebona ukuthi uNkulunkulu akalutho, uNkulunkulu uyinto engekho, njengoba ngihlakaniphile nje, ngizenzile ukuba ngihlakaniphe, angenziwanga uNkulunkulu!
8.Manje kuyinhlanhla ukuthi uthi ula emhlabeni uhlakaniphile, ube yiyo yonke into, wesabe uNkulunkulu, uthande uNkulunkulu, ubonge uNkulunkulu! Ngoba abantu abaningi la emhlabeni bacabanga ukuthi lokhu abayikho bazenze bona! Uma umuntu emuhle ebese ebona ukuthi lobubuhle bemvelo abenele, angizenze mina ngibe muhle kakhulu kunalokhu! Lokhu engiyikho akwanele, bese efuna lokhu okuzoba artificial and uNkulunkulu uyakwenyanya lokho!
9.Ngiyafisa ukuba nginitshele nina eniphambi kwami nabangilalele, ukuthi njengoba ngimi phambi kwenu nje, ngithunywe uNkulunkulu ukuthi ngime phambi kwenu and into engiyikhulumayo ilalelwe ezulwini. Engikukhulumayo kuyokukuyisa ezulwini noma esihogweni, kuye ngokuthi uthathe kuphi, wayeka kuphi ngoba ngithunywe uNkulunkulu!
10.Izingelosi zagcina ukubakhona emhlabeni ngesikhathi sabantwana bakwa Israel, emva kokuba abantwana bakwa Israel behluliwe ngabezizwe, uNkulunkulu wasuka kubantu, uNkulunkulu uze wabuya kubantu ngoShembe uBabamkhulu. Ngakho-ke uma abantu becabanga ukuthi bazozikhethela ukuthi iliphi ibandla abazokholwa kulo, noma linemfundiso ephika umthetho kaNkulunkulu, uma abantu becabanga ukuthi bazozikhethela ukuthi bakholwa kanjani, kufanele bekwazi ukuthi bayathanda abathandi baya ekulahlweni, ayikho indlela!
11.UNkulunkulu lo esifuna ukuthi uma sifa siye kuye, ukhonzwa ngokuhamba ngezimiso zakhe kuphela. Ngiyakuphinda futhi lokho. UNkulunkulu lo onguMdali wezulu nomhlaba, lo othi uBabamkhulu umuzi wamaNazaretha la esiya khona ukhazimula ngaphezu kwelanga nenyanga, lowo Nkulunkulu siyathanda asithandi kufanele ukuthi uma sifuna ukuthi siye ezulwini sihambe ngezimiso zakhe!
12.Kodwa okubi kunakho konke, ngisho singakayi ezulwini kufanele abantu bekuqonde ukuthi uNkulunkulu usebuyile emhlabeni, njengoba esebuyile, kukhona abantu abazolahlwa behlakaniphile! Abantu abaningi bazoya ekulahlweni behlakaniphile, noma kanjani bazoya ekulahlweni, ngoba bantwana baseKuphakameni into uNkulunkulu ayikhulumile akayishintshi!
13.Njengoba bengisho ekuseni, lezi ziqalekiso uNkulunkulu owazisho ngoMose, zasehlela, futhi zisazosehlela, ngoba uma ngabe bezingeke zisehlele, bekokusho ukuthi uMose akasiye uMprofethi, uma uMose engesiyena uMprofethi, kushukuthi uNkulunkulu akekho. Uma lezi zinto ezibhalwe ku Deuteronomy 28 zingeke zisehlele kobe kusho ukuthi uMose akasiyena uMprofethi. Uma uMose engesiyena uMprofethi kushukuthi uNkulunkulu akekho, ngoba akekho omunye umuntu ongaba uMprofethi uma uMose engesiyena uMprofethi.
14.UNkulunkulu uthena uMprofethi othunywe yimi nombona ngoba into ayikhulumile yenzeke, kusho uNkulunkulu ukuthi uma uMprofethi ekhuluma into ingenzeki leyonto kuyobe ayiveli kuye uNkulunkulu, kodwa uma leyonto ivela kuNkulunkulu, uMprofethi into ayikhulumile iyokwenzeka! Ngakho-ke lento uMose owayikhuluma ku-Deuteronomy 28 izokwenzeka esizweni esimnyama, futhi ayikenzeki yonke, isazokwenzeka kakhulu!
15.Njengamanje kuba sengathi uNkulunkulu usenza kancane ngoba ebona ukuthi senikhohliswe kakhulu, anisazi, yikho ethumele ingelosi ukuba izovusa ibandla lakhe emhlabeni. Ayizile ingelosi ukuzodlala bantwana baseKuphakameni. Uma abantu bengabuyeli kuJehova, bazozibonela ukuthi uJehova uyinto enjani. Kwake kwaba khona uzamcolo, kodwa okuzovela kungaphezulu kwazamcolo ngoba kuzosehlela sibhekile, hhayi ukuthi siyoze sife.
16.Ukukholwa kuJehova kulula, kuqondile, hamba ngezimiso zakhe kuphela ngoba asikwazi ukuthi singenza uNkulunkulu isilima, asikwazi ukwenza lokho, ukuthi singenza uNkulunkulu isilima bese sitanasa, ngeke kwenzeke lokho! Abantwana bakwa-Israel bambiza uNkulunkulu esezulwini, bathi akazobakhipha ebugqilini eGibhithe, bangachaza ukuthi uzobakhipha kanjani, bathi nje ‘Nkosi Nkulunkulu wobaba sikhiphe ebugqilini baseGibhithe.’ Wehla uNkulunkulu ezulwini wazobakhipha ngezindlela eziningi. Kwaze kwaba nezinhlupho ezilishumi uFaro engafuni ukudedela abantwana bakwa Israel bephume eGibhithe, kodwa bagcina bephumile ngaloNkulunkulu wethu esithi uJehova!
17.Sebephumile wahamba nabo iminyaka engamashumi amane, wenza zonke izimangaliso ezingakaze zenzeke, waletha ukudla okuvela ezulwini, waletha amanzi avela ematsheni, wenza zonke izimangaliso ongekho unkulunkulu owake wazenza, nongazenza, iminyaka engu 40 ehamba nabantu, bakhula baze bafa bezalana endleleni, baba isizwe. Bathi beyofika eKhenana.
18.Kodwa okwenza bafike eKhenani bengasaphelele ukuthi bona kuNkulunkulu, wayesethi uNkulunkulu le nzalo imbi, kuncono ngifike eKhenana nenzalo yabo, hhayi laba bantu, ngoba laba bantu uNkulunkulu owayefikele kubo wabenzela yonke, abazange basuke ezonweni zabo zokukhonza abanye onkulunkulu, uNkulunkulu wasebabulala bonke-ke! Manje noma ungumKrestu, noma ungumNazaretha, noma ungummMolem, kodwa yazi ukuthi ezulwini kubhekwe ukuba uhambe ngezimiso zikaJehovanje, ngithunywe ukuba ngimemezele lokho emhlabeni, ukuthi bonke abantu abafuna ukungena embusweni wezulu, abagcine umthetho kaJehova owawuletha kithi ngenceku yakhe uMose! Uma ungafuni ukuthatha lesi saluleko engikunika sona, uzobona ukuthi impilo yakho izogcina kanjani! UNkulunkulu uyakwenqaba ukuthi lomhlaba ubuswe uSathane ekhona yena, lomhlaba ube ngokaSathane, uyakwenqaba lokho uNkulunkulu!
19.Uthi uNkulunkulu izulu nomhlaba ngokwakhe, uthi uSathane, hhayi nginikeze umhlaba ube ngowami, uthi uNkulunkulu izulu nomhlaba kokubili kungokwami. Anikwazi lokho ukuthi umhlaba uyabangwa, ubangwa uNkulunkulu noSathane, and bonke abantu sebelandele uSathane. Wena ongamlandeli uSathane you are an exception, kodwa abantu abaningi balandela uSathane, bezwa okushiwo nguSathane!
20.Kodwa indlela ekugcineni ozobashaya ngayo uNkulunkulu abantu abamhlubukile, iyadabukisa; bazomanzi abantu uNkulunkulu ukuthi uma esekudikile uba yinto enjani! UJehova wakubeka obala ukuthi uma simhlubuka sizokwehlelwa isiqalekiso, wazibala izinto ezosehlela. Nempela uNkulunkulu samhlubuka, zasehlela iziqalekiso, kodwa eziningi zisazosehlela. UJehova wathi uma uMprofethi ekhuluma into ingenzeki, koba lowomprofethi akathunywanga nguye, kodwa othunywe nguye sombona ngoba ekhuluma into yenzeke!
21.Zonke izinto ezakhulunywa nguMose ngathi, zenzeka, ezinye zisazokwenzeka, ngoba wabe enguMprofethi kaJehova. Uma uMose engakhuluma into ingenzeki, kungasho ukuthi wayengesiye uMprofethi kaJehova. Uma uMose engasiye uMprofethi kaJehova, kungasho ukuthi uJehova akekho, ukukholwa kwethu kuyize. Ngakho ke siyathanda asithandi, konke lokhu uJehova okusho ngoMose ukuthi kuzokwenzeka kithi, kuzokwenzeka! Asikwazi ukuthi sihlubuke uJehova emva kokuba esenzele yonke into, wasibiza ngabantwana bakhe phezu kwezizwe zonke zomhlaba!
22.UNkulunkulu wathi asigcine iSabatha, kodwa asifuni ukugcina isabatha, silichitha ngenkani! UNkulunkulu wathi singagundi amakhanda ethu, kodwa thina sigunda ngenkani, okukhulu kakhulu, kugunda nalabo abathi bangabafundisi, baphethe izwi leNkosi! Kodwa bangabafundisi bamanga, abaphethe izwi leNkosi, kodwa bangabadukisi!
23.Ngake ngasho ngathi eminyakeni yo-60s, kwavela i-Satanist, kwaqala e-America ukuthi kubekhona ibandla le Satanism.U-LaVey mhla ezovula ibandla le Satanism e-America, wafika ephuce ikhanda, wafaka ukhololo. Kwakugcwele izintatheli zamaphepha zizokuzwa ukuthi lenkolo yeSatanism ihamba kanjani. Enye intatheli yabe isimbuza uLavey ukuthi kushukuthini ukuthi ephuce ikhanda bese efaka ukhololo? Ngaleso sikhathi wayengekho umuntu ophuca ikhanda ngaphandle kweziboshwa, ingasakhulunywa eyabelungu.
24.Uthi ke uLavey, lokhokhololo usho ukuthi ungumfundisi, ukuphuca ikhanda kusho ukuthi ungumfundisi omelene noNkulunkulu. UNkulunkulu uthi abalandeli bakhe abangaligundi ikhanda, kodwa mina engimele uSathane siyakuphikisa lokho, abalandela uSathane ngenke bashiye izinwele, bayaphuca ekhanda, ngoba uma beshiya izinwele kobe kusho ukuthi balawulwa nguNkulunkulu!
25.Ngaleso sikhathi abantu babeziqhenya ngezinwele zabo, ngisho abezepolitiki babengagundi, ubobona izithombe zoZuma, ombheki, oRamaposa, oTutu, nabaningi, ezithombeni zabo abagundile. Kodwa namuhla baphuce amakhanda bonke, ngisho abefundise baphuce amakhanda. Umsunguli we Satanism, uLavey, wathi ukuphuca ikhanda luphawu lweSatanism, njengoba ukungagundi kuluphawu lokukhonza uNkulunkulu, lobungcwele! Namuhla bonke abantu, kuhlanganisa nabefundisi baphuce amakhanda, kodwa bayakuphika ukuthi bangamaSatanist, yize kwasho umsunguli weSatanism ukuthi ukuphuca ikhanda kuyinkolo emelene nemithetho kaNkulunkulu, uphawu lweSatanism!
26.U-LaVey wayibala yonke impilo yamaSatanits aphikisa ngayo uNkulunkulu. Wabala ukuchitha iSabatha, ukudla ingulube nayo yonke imithetho kaJehova esaeBhayibhelini. Wathi maningi amaSatanist asenkolweni yobuKrestu, wathi kodwa bayakufihla ukuthi bangamaSatanist, ngoba bayesaba ukubhekana noNkulunkulu, yikho bezifihla nje. Wathi basenkolweni kaJehova ngoba bemesaba uJehova, kodwa inkolo abayithandayo iSatanism, yikho bethi noma bethi bangamaKrestu, kodwa belandela izimfundiso zeSatanism. Lento ngangiyifunda encwadini yayo iSatanism!
27.Namhlanje uthola bonke abantu bephucule amakhanda, uma bengawaphucile bawagunda emaceleni, bese beshiya isihluthu esingaklanywa! Kodwa bonke laba abaphucula amakhanda, lunye usuku lapho bezobhekana khona noNkulunkulu! Bakwenzelani konke lokhu? Njengoba washo uLavey, bazibeka uphawu lokuthi bona bangabaka Satane, bakusho ngezenzo, kodwa bayakuphika ngomlomo wabo!
28.Ngiyayikhumbula intshumayelo kaBabamkhulu okuthiwa wathi eNtabazwe uphume namadoda amabili, amtshela ukuthi uShembe bayomlandela nomaphi lapho eya khona, bayokuphikisa konke akushoyo. Uyothi uthi abantu abahlale phansi, bona bethi abame, uma ethi abame, bathi bona abantu abahlale phansi! Ilokho okwenzakalayo manje, abantu bafundiswa ukuthi beyiphikise yonke imithetho kaJehova, bephikise noma yini eshiwo nguNkulunkulu!
29.Uma ethi uNkulunkulu asigcine iSabatha, abantu bathi ngeke siligcine, uma uNkulunkulu ethi abantu abangagundi, bagunda ngenkani, uma ethi ayingadliwa ingulube, bayidla ngenkani, uma ethi abangawahlabeli amadlozi, bengazihlangamnisi nobungoma, konke lokho bakwenza ngenkani, uma ethi ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami, bazakhela abanye onkulunkulu ngenkani!
30.Hhayi ukuthi uNkulunkulu akaboni, abantu izono bazenza ngendlela yokuthi baze becabange ukuthi uNkulunkulu akekho, becabange ukuthi uNkulunkulu akayiboni yonke lento abayenzayo, kanti uthule nje uyabuka, kodwa uyazi ukuthi uzohlanganaphi nomuntu nomuntu, yisiphi isikhathi lapho umuntu nomuntu uNkulunkulu ozomdinga khona!
31.Izono zethu zehlukene kabili, kukhona izono esazenza sisengamaHebheru, lezi athi uNkulunkulu usiqalekisa ngazo ku-Deuteronomy 28, esizibona zenzeka manje. Akekho umuntu ongaphika ukuthi bonke abantu abamnyama bayizigqila zezizwe zonke emhlabeni wonke, akekho umuntu ongaphika ukuthi siyinhlekisa ezizweni zonke!
32.Isono sesibili ilesi esisenze sesingamaZulu, izono ezenziwa amakhosi akithi, oDingana noSEnzangakhona, nabanye, njengoba uBabamkhulu ebabalile! Uthi uma ucabanga indaba yomuntu omnyama, ungaze wazi ukuthi kanti konakalaphi kithi?
33.Iningi labantu abamnyama liyahlanya, kodwa aliboni ukuthi bayahlanya, izinto ezenziwa abantu abamnyama uthi uma uzicabanga kume ingqondo, kodwa abazihluphi ukuthi bebheke imbangeli yayo yonke lento. Kodwa imbangela yayo yonke lento isiqalekiso esisithwele nenzalo yethu! Kodwa abantu abafuni ukuwamukela lamaqiniso! Njengoba nje amadoda ebhizi edlwengula abantu besifazane, ebulala abantu besifazane, efika abantu behleli ebadubule benze yonke lonto, abantu ubezwa besola amaphoyisa, besole i-minister of police namaphoyisa, bethi amaphoyisa akenzi lutho. Ngabe sidalelwe ukuthi siphile ngokuhlale sigadwe ngamaphoyisa, sizilwane yini?
34.Yebo, noma singakuphika, sithi asizona izilwane, kodwa izenzo zethu zithi siyizo, yikho sifuna amaphoyisa okusigada, ngoba umuntu uyingozi ngaphezu kwesilwane, ngoba uyisilwane esihlakaniphile, esikuplanayo ukwenza okubi, kanti isilwane asiplani lutho.
35.Ngihlalile enkantolo, ngikufunde lapho ukuthi umuntu omnyama uyingozi kakhulu kunesilwane. Uma ngabe welusa uyazi ukuthi ngeke uziqhathe izinkomazi, ngeke uziqhathe izinkabi ngoba imvelo yazo azidalelwe ukulwa. Inkomazi idalelwe ukuthi izale abantwana futhi yeneliswa ilokho. Inkabi idalelwe ukuthi iboshelwe futhi yeneliswa ilokho, ngeke inkabi uyiqhathe nenye inkabi, ngeke inkomazi noma isithole usiqhathe nesinye isithole, ngoba akukho enqondweni yaso ukuthi kufanele ivele ilwe nje. Kodwa uma ngase uthathe inkunzi uyibongele nje, ivele ibhonge iye kwenye inkunzi iyokulwa, ileyonto eyaziyo inkunzi, ukulwa!
36.Manje uma ungumuntu osakwazi ukuqhathwa, kufanele uqonde ukuthi uyafana nenkomo, ngoba akekho umuntu osile ongalokhu ethi siyaqhathwa, siyaqhathwa! siqhathwa niqhathwa ngoba nizinkomo, uma ungayona inkomo umuntu ukuqhatha kanjani ungumuntu?
37.Ngamanye amazwi wamukela ukuthi lo umuntu uyaphila ekhanda uyakwazi unkungiqhatha, kodwa mina ngiyinkomo ngiyaqhatheka! Namhlanjena ayikho into eyingozi emhlabeni njengomuntu omnyama. Osopolitiki abamnyama esikhundleni sokubhekana nalenkinga, bafuna ifihlwe!
38.Ngihlale ngisho ukuthi ngibe imantshi e-regional court iminyaka ecishe ibe ngaphezulu kwa 2 years. Ngangazi njeukuthi ngothetha maphi amacala. Ngangijwayele ukuthetha amacala okubulala, ukudlwengula, namanye. Ngahlala 2 years ngihleli ehotela nabelungu, bese kuba inkantolo kude buduze nalapho engihlala khona, inazo zonke izimantshi zabamhlophe, kuyimi kuphela imantshi emnyama. Into engayibona lapha ayisuki enqondweni yami.
39.Zonke izimantshi abelungu, abashushisi abelungu, omabhalane abelungu, amaphoyisa abelungu, abameli abelungu. Uma ngiya lapha enkantolo, ufica zonke izinkantolo zigcwele abantu abamnyama bodwa, iziboshwa abantu abamnyama, ama witnesses abantu abamnyama bonke. Ku Tea-time kufanele ngixoxa ngamacala abantu abamnyama nabelungu, umuntu nomuntu uxzoxoxa ngamacala ashaqisayo enziwa ngabantu abamnyama. Nami ngizojoyina kulezinxoxo! Ngaze ngahamba sengihlale iminyaka emibili enkantolo ngingakaze ngimbone umlungu evela phambi kwami ngecala elithinta iviolence, kodwa uthole amacala anesihluku esesabekayo enziwa ngabantu abamnyama kubantu abamnyama!
40.Abanye badlwengula amantombazane, abanye badlwengula amakhosikazi abanye babulala amakhosikazi amantombazane, abanye babulalana bodwa, uma usuthi uthetha lelicala awukwazi ukuthola ukuthi lo muntu uze wabulawa nje ngoba ebenzeni, awukwazi! Yini, isiqalekiso! Ngenkathi kuqhamuka i-New South Africa, kwakushawa umthetho ePhalamande othi asingaba bikho isigwebo sentambo. Lokhu osopolitiki abamnyama bakwenza ngoba bazi ukuthi abantu abazohlala benikwa lesi sigwebo abantu abamnyama. Kodwa manje lomthetho othi asingababikho isigwebo sentambo usuyinkinga kubo,ngoba ngendlela yesihluku ababulalana ngso, iyashaqisa! futhi abantu abamnyama ababulali abelungu babulalana bodwa, abantu abamnyama abadlwenguli abelungu badlwengulana bodwa!
41.Umuntu uvele efike nje ethaveni ehlohle ngesibhamu, eqothule ngesibhamu abantu bengenze lutho! Bancono nosomatekisi ngoba besuke bexabene, noma nabo besuke bexabene ngento engasho lutho, kodwa abantu abamnyama njengamanjena babhubhisana bodwa, badlwengulana bodwa, bantshontsha izingane, bakha imithi ngabantu, benza lokhu nalokhu okunyantisa igazi, umuntu ekubulalele nje ukuthi eyokwakha umuthi ngawe, yini yona leyo?
42.Uthi Nkulunkulu kulesi siqalekiso sakhe abantu abayoze basibone, uthi ngiyonenza iziwula, ngonenza nihlanye, niyoba inhlekisa ezizweni zonke, nibe imihlola, nibe yinto engaziwa ukuthi yini, nize nibhubhe niphele. Kusho uNkulunkulu. Ucabanga ukuthi uNkulunkulu leyonto ayishilo ayizukwenzeka, ayikwazi ukungenzeki, izokwnzeka. Kunezinto eziningi lapha ku Deuteronomy 28 engingazibalanga ezizokwenzeka kubantu abamnyama, ngoba sinesiqalekiso, kodwa hhayi ukuthi lesi siqalekiso singesisuse. Kodwa abantu ikakhulukazi laba abafundile, ibona abaziphukuphuku ngendlela eyisimangaliso, abantu abafundile yibo abangakholwa, nabayiziphukuphuku ngendlela ongeke uyiqonde.
43.Awungitshle, kungafike isizwe siqede iSabatha, ethi umuntu uma ngabe egcina iSabatha simbulale, simbulalele ukuthi ugcina iSabatha, umuntu simbulalele ukuthi usoke ingane yakhe. Uyazi ukuthi ama Greek ayenzenjani, uma befica ingane yakho isokile, babeye befike beyibulale phambi kwakho, bese besithatha isidumbu sayo besigaxa entanyeni yakho, size sibolele khona entanyeni isidumbu sengane yakho. Udle naso, wenze yonke into ulokhu usigaxe entanyeni size sibolele emzimbeni wakho, ujeziselwa ukuthi uyisokeleni ingane yakho. Kodwa uma uthi ubheka ibhayibheli uthe uNkulunkulu ukusoka kwethu kuyisivumelwane sethu naye.yini eyayenza amaGreek namaRoma amzonde kangaka umuntu osokile nogcina iSabatha, ngoba babebona ukuthi kusho uNkulunkulu ukuthi abantu basoke, bagcine iSabathi? Babazi ukuthi uma sigcina iSabatha, sisoka uJehova uzoba ngakithi, bese bengakwazi ukusinqoba besenze izigqila zabo! Kodwa khona lapho uthole nomuntu omnyama eselekelela izitha, engafuni ukugcina isabatha! Nokusoka bakwenza ngoba kusho abenzempilo ukuthi abasoke, kodwa ngokukaNkulunkulu, abazimisele ukusoka! Ungathi ngabantu abanjani abacabanga kanjalo?
44.Abantu ababegcina iSabatha sekunemithetho yokuthi bengaligcini iSabatha, babebulawa ngezindlela ezixakile, kwakungelutho kumaRoma ukuthi uthathwe uphila, uqhathwe namabhubesi, akubulale, akudle phambi kwabantu, kuhlekwe kubenjeyaya, bejatshuliswa ukubona abantu bakithi bedliwa ngamabhubesi. Konke lokhu kungukujeziselwa ukuthi ugcina iSabatha. Kodwa bese kuthi uma sebebonile ukuthi isabatha niligcina noma senibulawa, bese benifundisa ukuthi, hhiya ningaligcini isabathi ngoba manje sesisesi vumalanweni esisha, nempela sikwamukele lokho, bese sililahla isabatha ngokuthi liphikwa isivumelwano esisha! Ekuqaleni sibulawelwe ukugcina isabatha ngoba kungafanele silandele inkolo kaJehova, kodwa manje sesililahla ngoba sesisesi vumalanweni esisha. Konke lokhu ukufundiswa isitha sakho!
45.Lo muntu oyisitha sakho ubulalele bonke abantu abagcina ISabatha kodwa all of the sudden uyakwazi ukushintsha ebese ethi no, akube uwena oshumayela ukuthi iSabatha alingagcinwa, akube uwena oshumayela ukuthi umthetho kaNkulunkulu angawugcinwa, nawe bese uphuma uhambe uyoshumayela ukuthi iSabatha alingagcinwa, uhambe uyoshumayela ukuthi umthetho kaNkulunkulu awungagcinwa. Kodwa ufundile uvele uvume nje into ezobhubhisa wena!
46.Namhlanje abantu bazi ukuthi kukhona uJesu, kodwa mawungambuza nje ukuthi kwenziwa yini umlando kaJesu ungababikho? Awukho umlando kaJesu ngoba wakhiwa, umuntu onjani onganamlando? Abantu bayavuma manje ukuthi uJesu kwakuYeshua, kodwa uma ungabuza ukuthi uYeshua ukuze ebe uJesu washintshwa ubani, eshintshelwani, eshintshwa nini, ayikho impendulo! Ngeke uze uthole ukuthi uJesu wayephila ngamuphi unyaka, akufundwa lokho eBhayibhelini! Kodwa ukuphila kukaJesu akuyona into endala kangako, akukho ngisho ngaphezu kuka 2000 yyears uJesu wayelapha emhlabeni.
47.Bonke abantu abakhulu wonke umlando ngabo ubakhona, kodwa uYeshua lo owayeliJuda, emnyama, uvele eqhamuke nje esengu Jesu omhlophe, eseliRoma noma iNtaliyana, kodwa kungachazwa ukuthi njengoba lezi kwakuyizizwe ezimbili ezahlukene, futhi ezazihlala zilwa, kwenzeka kanjani, nini ukuthi uYeshua ongumJuda, omNyama osenkolweni kaMose iJudasm, sithole sesifundiswa ukuthi usengumsunguli wobuKrestu, okuyinkolo yabezizwe, naye useliRoma noma iNtaliyane, usechitha umthetho kaJehova? Kodwa ngoba semukela noma yini esiyifundiswa abezizwe, asizihluphi ngalowo mbuzo!
48.Kodwa okwenzeka ukuthi ngo 65 BC engakazalwa uJYeshua, amaRoma ahlasela iJerusalema alinqoba. Wathi ezalwa uYeshua wazalwa kwi colony yamaRoma. Umbuzo ukuthi uYeshua wasuka kanjani kubantu bakubo wayeseba senkolweni yamaRoma, kanjani ngoba wayeyiJuda and siyakwazi ngokomlando ukuthi amaRoma ayewabulala amaJuda, siyazi ngokomlando ukuthi ama-Greek ayewabulala amaJuda, zikhona izincwadi ngisho eBhayibhelini ezifakaza ngalokho!
49.Kodwa umuntu omnyama akanendaba nalokho, uma umlungu ethi uJesu weza wazosifela, ukuthi kwakunini kumi kanjani akundaba yakhe leyo, into ebalulekile kuyena ukuthi umlungu utheni. Ukuthi lokhu okushiwo umlungu kuyakha kanjani i-sense, akakwazi ukuzihlupha ngalokho, cha! Into esobala ebhalwe eBhayibhelini esilifundayo, incwadi ye-IZENZO, ungathola abantu abangamaKrestu abafundile abangodokotela bethi abaphostili bahamba bayoshumayela ubuKrestu, a Doctor of Religion akakwazi ukukubona kwiZenzo ukuthi abaphostoli abakaze bebe ngamaKrestu, abakwazi ukukubona lokho, kubhaliwe ukuthi baphuma eJerusalema, siyazi ukuthi bonke abafundi bakaYeshua babe ngamaJuda, bemnyama, amaJuda aqala nini manje ukuba ebe ngamaKrestu. Baqala nini ukuba babe ngamaKrestu ngoba ubuKrestu basungulwa ngamaRoma kanti ubuJuda, i-Judaism buqhamuka enkolweni kaMose, yona le eyachithwa ngamaRoma, lezi zinkolo zaba synegised nini, kanjani?
50.Asifundiswa ngani ukuthi i-synergy phakathi kobuKrestu ne-Judaism kwaqala nini ukuze kube yinkolo eyodwa? When did this synergy start? Hhayi akukho, uma nje umlungu ethena uJesus! Nakhu kwi New Testament alikho igama elithi Jehova, alikho igama elithi Yeshua, kodwa yonke lento izizathu zokungabibikho kwayo size siyifunde ezincwadini zabelungu bamaqiniso, u-Dr Koster lo obengikhuluma ngaye obhale incwadi ethi ‘COME OUT OF HER MY PEOPLE’ ungumKrestu, amaKrestu lawa abhale leliqiniso, o-Dr Koster abathi lento lena akusiyona into kaJehova into yamaRoma, amaRoma asikhonzisa izithixo zawo, bese enza sengathi lokhu kuhlangene nenkolo kaJehova!
51.Kodwa ngesikhathi ichithwa inkolo kaJehova, kwakwenzelwa abantu abamnyama, inhloso kwakuwukuchitha amaHebheru, ngoba kwakwaziwa ukuthi amaHebheru athandwa uNkulunkulu, manje ngoba ethandwa uNkulunkulu, asibakhiphe kuNkulunkulu wabo ukuze sibanqobe ngoba babekwazi lokho, babewufunda umlando obhalwe uMose, befunda nokuthi uSamsoni wayenamandla kangakanani ehamba noNkulunkulu. Ziningi kabi izinto ezenziwa uNkulunkulu ezimpini, uNkulunkulu wayekwazi ukuthi ngesikhathi so Gideon evele ekhiphe impi yezingelosi, zivele zibulale laba bezizwe bonke, kwesinye isikhathi kuvele kuqhamuke amatshe emkhathini, ebashaye bebaleke behluleke ngoba amaHebheru ayehamba noNkulunkulu!
52.Babona ukuthi laba bantu uma behamba noNkulunkulu, ngenke sibenze lutho, ukuhlakanipha kwethu ngeke kusebenze, ngoba laba bantu bakwazi ukuthi behlale noNkulunkulu for forty years uNkulunkulu elethe ukudla emhlabeni bedle. Nicabanga ukuthi lezi zethembiso ezazivela kuNkuunkulu zazingenke zifezeke uma sasisamkhonza?
53.Ukube samkhonza uNkulunkulu ngabe asinendaba nokuthi abelungu bahlakaniphe kangakanani, abelungu banjani, ngabe siyaphila, siphila ngendlela kaNkulunkulu. Siyisizwe sikaNkulunkulu, kwasho uNkulunkulu ukuthi niyoba isizwe sami niyosatshwa izizwe zonke, kwenye indawo uthi bayocela kini nina kodwa ngeke nicele kubo.
Kodwa abantu abamnyama uze umangale ukuthi badliswani, kungathi wazi ukuthi umuntu uyisitha sakho, bese uthatha noma yini akutshela yona, noma kusobala kanjani ukuthi lento ayikwazi ukuba liqiniso, uyithathe nje ngokuthi lento lena ikhulunywe umlungu?
ISIHLABELELO 120.
1 South Africa vuka
Zokhele izikhuni zakho,
Zisondele zonke izizwe
Ziwothe umlilo wakho.
2 South Africa vuka
Ulibase iziko lakho,
UJehova uThixo wakho
Akunike elakho iziko.
3 Asikho esinye isisekelo
Kuwena Africa,
UJehova ukuphela
Uyisibani sakho.
54.Nina esenimbonile uNkulunkulu nayiqonda indaba kaNkulunkulu, namathelani kuNkulunkulu! Uma sinamathela kuNkulunkulu, sobona izimangaliso! Ngesikhathi sikaNowa bonke ababelizwa izwi likaNowa basinda ekufeni, nangesikhathi se-Coronavirus sasinda thina esasikhonza uNkulunkulu ngeqiniso,sihamba ngezimiso zikaJehova! UNkulunkulu uzobonisa ngathi ukuthi akasiyona inganekwane, uzozibonisa ngathi ukuthi ukhona, ngoba bonke laba bantu abaphikisa uNkulunkulu ngoba bebona mina phambi kwabo, ngoba becabanga ukuthi ngizithumile, lukhulu usizi abasazo bhekana nalo!
55.Njengamanje akusekho muntu esimncengile, sesikhulumile manje, kodwa sizoqhubeka sibatshela lelivangeli elingakafiki kubo ukuthi abantu ababuyele kuJehova, abanye abagcine iSabatha, abantu abayeke ukubiza umuntu ngonkulunkulu. Abantu abayeke ukukhonza amadlozi nezangona, abantu ababuyele kuNkulunkulu, noma amaNazaretha noma amaKrestu, abantu ababuyele kuNkulunkulu, abahambe ngezimiso zikaNkulunkulu. Uma kungenzeki lokho, soke sibone ukuthi ubani oyogcina, sobe kasithunywanga ezulwini, sobona ukuthi ubani oyogcina phakathi kwethu nabo ukuthi ubani othunyiwe.
56.Siyazi ukuthi sithunywe uNkulunkulu, siyazi ukuthi uNkulunkulu ufuna ukukhonzwa, siyazi ukuthi uNkulunkulu ukhathazeke kangakanani ukuthi bonke abantu manje sebekhonza uSathane abasenandaba noNkulunkulu, siyakwazi lokho, kodwa okufanele bekwazi abantu ukuthi akuzukugcina bona, kodwa into ezobehlela ibuhlungu, ngeshwa uma umuntu esevelelwa into embi akube kusabamnandi ukumhleka, kodwa uma umuntu umtshela into eyodwa enqaba ukuyenza, kufanele uthini? sengibatshelile abantu ukuthi ngaso sonke isikhathi ezulwini kufunwa ukuthi kukhonzwe uNkulunkulu.
57.Kodwa abantu bakhonza onkulunkulu babo, abanye basonta ngesonto, abanye benza lokhu nalokhu, bacabanga ukuthi lento yokuthi kufanele bekhonze uNkulunkulu izokwedlula, kanti ngeke yedlule, futhi ngendlela ezobashaya ngayo, ngiyesaba ukuyicabanga! Uma abantu bacabanga ukuthi siyadlala, soke sibone ukuthi kogcina bani phakathi kwabo noJehova!
INkosi ibusise enikuzwile