Ngokwami, njengoba sengihlale nengelosi, sengiyazi ukuthi akukho ubuwula obufana nokungayinaki indaba kaNkulunkulu. Abantu abaningi bayaye bacabange ukuthi izulu nesihogo yinto nje esikhohliswa ngayo ngabaprofethi, abacabangi ukuthi uma ungamkhonzi uJehova, uyalahlwa ngempela
Intshumayelo ka-Melusi ngeSabatha mhlaka 03 September 2022 emini.
ISIHLABELELO 149.
Umthandazo wokubuyisa abadukileyo endleleni yeNkosi, abangena musa abangena luthando abanganikwanga inhliziyo yabantu, abanenhliziyo enjengeyesilwane esingazikhuziyo, sibathandazele ukuba babe nenhliziyo enothando. 2 Timothy 3:5.
1 Kuyasa basitshela
Ukwalana kwabo,
Kanti kuhle kangaka
Umnazaretha ethandana
Ebambene ngesandla
Babe muntu munye.
2 MaNazaretha yibani munye
Nizothandwa nguJehova,
Ningahlali nehlukana
Nizolahlwa nguJehova
Thandanani nibemunye
Nizothandwa nguJehova.
3 Kantike banjalo
Abahleli kweli phakade
Benamisana kwanele
Imizuzu nezikhathi.
MaNazaretha yibanimunye
Nizothandwa nguJehova.
4 Yizani maNazaretha
Ngenani ngothando,
Umuzi sewuvuliwe
Siyomenywa ngabanye
Soze siphelele ngalo uthando.
1.Kwakuwu 2007 mhla ingelosi isitshela ukuthi izokwenzani lapha phakathi kwethu, kodwa yona yayifike ngo 2006. Kwafika iNkosazana nje eyasididayo ukuthi le Nkosazana elokhu ifika isivakashela, izofunani kithi. Kodwa kwathi kuphela isonto sase sibona ukuthi hhayi akusiyona iNkosazana ewumuntu ojwayelekile lo, kodwa ngumuntu ongumoya. Noma sasingaboni lutho olutheni kodwa into eyayisenza ukuba sibone ukuthi akusiyena umuntu lo, ukuthi sasike simbone esephakathi kwethu singamazi ukuthi ufike nini. Noma sikhuluma siyezwa sekukhuluma umuntu emva kwethu, ethi nginguHlaleleni, siphenduke simthole eseguqile, bese eqhamukisa amahlaya noma mhlawumbe eqhamuke nje ngehlaya kade singambonanga.
2.Lesi simo sangihlupha engqondqeni, ngoba ngabona ukuthi lo muntu ikhona into ayizele, noma ngingayazi, kodwa ikhona into ayizele. Angazi ukuthi uMkhokheli wayecabanga kanjani, kodwa mina kwangicacela ukuthi kukhona into lo muntu ayizele. Ngangingazi noma i-Satanist noma ingelosi ngampela, kodwa esase sikubonile ukuthi akusiyena umuntu, kodwa ngangingazi noma mhlawumbe i-Satanist ngoba ngaleso sikhathi kwakunokukhuluma okuningi ngama Satanist.
3.Kodwa mhla ngibona ukuthi ingelosi ngempela, futhi mhla ngikhululeka ngijabula kakhulu, kumhla leNkosazana ingitshela ukuthi ithunywe kimi nguShembe. Ithi le Nkosazana “Mina ngithunywe uShembe uBaba iLanga, uthi angize kuwe ngizokubheka” Awazi ukuthi ukujabula kwami kwaba kukhulu kangakanani, ngoba ngaleso sikhathi isimo sami sasinzima kakhulu esontweni, ngangiseseBuhleni. Kwakunabantu ababengizonda ngendlela engingayazi, kungayibo futhi abantu abancane, kungabantu abadala angeke ngisho nokuthi abanewethu, engangingacishe ngithi ngobaba, kodwa laba bantu bengizonda ngendlela eyisimangaliso ngangokuthi ngelinye ilanga ngabizwa o-Anti, o-Anti uMaSangweni no-Anti uMaHlabisa. Bathi “Mvangeli sicela ukuthi uhlale ekhaya ngoba uyaba bona laba bantu ukuthi njengamanje sebefuna umphefumulo wakho, uma ulokhu ulapha esontweni bazogcina bekubulala”
4.Kodwa akuzange kwavuma ukuthi ngihlale ekhaya ngoba ngangilokhu ngabakhona ngiwumuntu impilo yami yonke osesontweni kodwa ngaso sonke isikhathi njengoba ibandla lamaNazaretha lilikhulu kangaka, ngangikwazi ukuthi ngicashe, ngingene esontweni ngiphume ngibaleke kodwa ngingazi ukuthi ngenzeni. Uthi-ke lo muntu wasezulwini “Ngithunywe uBaba kuwe, uthi angizokubheka.” Lento ngiyisho ngoba uNkosazana ubuye wayikhuluma futhi. Uthi uNkosazana “Njengoba mina ngila, ngithunywe uShembe, ngithunywe uBaba iLanga kini, uthena angizobheka uMelusi, namaNazaretha onke ase-NCG” Uthi “Into engiyibhekile ukuthi ngibone ukuthi iyiphi ingozi engase inehlele, iziphi izifo ezingase zinibulalele.
5.Ngiyaye ngithi uma ngibona isifo, bese ngigijima ngiya kuBaba iLanga ngithi ngibona isifo esithile esingase sihlasele lelibandla lakho. Noma ngibona ingozi, ngiyaye ngigijima ngiya kuBaba iLanga. Akukho lutho engilwenzayo, kuphela ngibikela uBaba iLanga ukuthi kukhona into eyenzekayo. Umsebenzi wami ukuthi nginibheke, ngibheke uMelusi namaNazaretha kaNkulunkulu impilo yenu yonke, ngivike izifo ezingase zinihlasele. Ukube leminikelo ayikho ngabe anisekho emhlabeni. Yonke-ke into ezulwini uyibika ngomnikelobike kuBaba ngingaphethe lutho engumnikelo evela kini,ngoba uma uvela kuNkulunkulu kufanele ukuthi njalo uvele uphethe umnikelo. Ayikho-ke into enkulu yokukhonza uNkulunkulu edlula ukumkhonza ngomnikelo.”
6.Nakithi, njengoba abantu baye beshaye izincingo bebika osekubavelele, uma siya elatini sobika izinsizi zenu, sihamba nomnikelo ophuma kithi. Awukwazi ukuthi ufike ubike usizi lwakho, bese ngiya elatini ngendlulisa usizi mlwakho ngingaphethe mnikelo! Uma futhi nginikela, lomnikelo angizukuwufuna kuwe, kodwa uma nje siya elatini kufanele sifike sinikele, kuye ngesisinto saleyonto esiyinikelelayo.
7.Uthi-ke uNkosazana “ukube niyazi ngabe nihlale nithelela kuNkulunkulu impilo yenu, ngalomnikelo nihlale nigade noma yini engase inehlele. Abantu lapha phandle bakhipha izimali ezinkulu bekhiphela izinto ezingenamsebenzi. Zinkulu kakhulu izimali ezikhishwa ngabantu ezinyangeni, izinkulungwane zemali ngenyanga zikhishelwa ukoluka izinwele, kodwa umuntu engakucabangi ukunikelela impilo yakhe. Kodwa into enkulu kunayo yonke impilo yakho, ngoba uma ngabe uke wanqotshwa empilweni yakho, sekuphelile ngawe!”
8.Uthi-uNkosazana: “Ileyonto ekufanele ngabe niyayinakekela, impilo yenu, ngoba kukho konke ukuhlupheka ongase ubhekane nakho, ingozi enkulu ukukhinyabezeka kwempilo yakho! Nami njengoba ngilapha nje, ngibheke impilo yenu. Kunezifo ezintathu okufanele ngabe umuntu nomuntu uyazibheka. Okokuqala isifo sokuhlanya, ayikho into eyingozi njengesifo sokuhlanya, uma ngabe uNkulunkulu eke wakuyekela esifeni sokuhlanya, uyafana nokuthi ufile uphila. Isifo sesibili, isifo sohlangothi, ayikho into eyingozi njengesifo sohlangothi. Isifo sohlangothi singakushaya ugcine uyinto nje ehlale ilele esingenamsebenzi! Ayikho into eyingozi njengesifo sohlangothi, angifuni ukuthi kulelibandla kube nomuntu noma nabantu abashawa i-srtoke”
9.Uyaqhubeka uNkosazana uthi: “Okwesithathu isifo sokuba impumputhe, ayikho into ebuhlungu njengokuthi ube impumputhe, ngoba uma usuyimpumputhe, noma ngabe uphila kodwa ufana nomuntu ofile. Ukube niyazi ngabe anidingi ukuthi nilokhu nakhunjuzwa ngendaba yeminikelo eqondene nempilo yenu, ngoba impilo yakho iyonanto ebalulekile ngoba uma ngabe usugula, ngisho ngabe awufanga, awube sekwazi ukwenza lutho! Akufanele ukuba ningalokhu nikhunjuzwa ukuninikelela impilo yenu, ikakhulukazi ninikelele lezi zifo esengizibalile.”
10.Manje-ke ngikhuluma lokhu okukhulunywe ingelosi, ukuthi into yokuqala ebalulekile kunayo yonke into kuwe ukuphila kwakho. Ungaba umuntu onayo yonke into, kodwa uma usungumuntu osuphucwe ukuphila, yonke into onayo ifana nento engekho! Ngingaba umholi wenu, ngibe iyo yonke into, kodwa uma ngabe nginokuhlanya kufana nokuthi sengifile. Ngingaba nayo yonke into kodwa uma sengishawe uhlangothi sengihlale ngilele phansi, ngiyinto efile. Ngingaba nayo yonke into kodwa uma sengiyimpumputhe ngiyinto efile!
11.Ithi-ke ingelosi “Mina ngithunywe la kini ukuthi ngibheke uMelusi, ngibheke amaNazaretha kaNkulunkulu ukuthi lezizinto zinganehleli. Nazo zonke-ke izingozi ezingase zibe khona zinehlele.” Uthi uNkosazana uthunywe uBaba iLanga ukuthi asibheke ngoba yena unamehlo abona kuqala singakaboni thina, ebese egijima eyobikela uBaba iLanga, uBaba iLanga bese kuba uyena osivikelayo.
12.Ithi ingelosi kuyo yonke into esinayo nesiyiyo, siyinikezwa iNkosi uBaba iLanga ngoba uBaba iLanga wathi ethuma ingelosi, hanba uye kulomfana uthi akangakhele ibandla likaJehova. Ngamanye amazwi lelibandla liwukuvuka kwebandla elaliholwa uBaba iLanga, ngoba uBaba iLanga esebona ukuthi lelibandla ebelihola seliyafa. Ebandleni elaliholwa uBaba iLanga ngaso sonke isikhathi uBaba iLanga wayekhuluma ngoJehova noma ngoNkulunkulu, njengoba kwakwenza uBabamkhulu, kodwa futhi isikhathi esiningi wayekhuluma nangoBabamkhulu. UBaba iLanga wakuchaza kahle ukuthi lelibandla owayelihola eselapha emhlabeni, okulibandla likaJehova, kulo ngizoshumayelani. Ngamanye amazwi uthi uBaba iLanga shumayela njengoba mina bengishumayela, shumayela ivangeli ebelishunyayelwa nguMprofethi. Ubufakazi bokuthi uBabamkhulu ivangeli lakhe lalimi kanjani, konke ukuthola kuzihlabelelo nakuyo yonke imithandazo!
13.Uma ufunda lesisihlabelelo, akukho lapho uBabamkhulu ethi khona “MaNazaretha thandanani ukuze nithandwe uShembe” akukho lapho okusho khona lokho. Kodwa uBabamkhulu uthi: “Thandanani ukuze nithandwe UJEHOVA.” Yonke into eniyenzayo, yenzeleni uJehova, lokho sikufundiswa nguShembe! Uthi “Ningahlali nehlukana nizolahlwa nguJehova, thandanani nibe munye, nizothandwa nguJehova, maNazaretha ibani munye nizithandwa nguJehova.” Ulokhu ekugcizelele uShembe ukuthi SIZOTHANDWA NGUJEHOVA! Imfundiso leyo, okumele thina, njengabafundi bakaShembe, sibambelele kosifundise khona ukuthi asikukhulume emhlabeni! Kwamanye amabandla amaNazaretha uma ngabe sigcizelela indaba kaJehova, kube sengathi sesiqhamuka nenye inkolo, senza into engenziwanga nguShembe. Kodwa lokhu kucabanga oikokuqala kudalwa ukungafuni ukufunda into noma iphambi kwakho, okwesibili kudalwa ukungenwa ngumoya womubi, ongafuni ukubhekana namaqiniso noma uwabona!
14.Kusukela ekuqaleni ngakubamba kahle engikuthunywayo, angikaze ngigudluke kukho, Uthi uHlaleleni: “Fundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova, kodwa uthathele ezimfundisweni zoMprofethi efundisa amaNazaretha. Yonke imfundiso uyoyithola eBhayibhelini naseziHlabelelweni zamaNazaretha.” Le ‘mandate’ ngayizwa kahle, futhi kusukela ku 2010 angikaze ngigudluke kuyo! AmaNazaretha athi akholiwe ngabe ayakulalelisa lokhu kukhuluma, ngoba kumnandi uma usuku practiza. Kumakholwa onke, kuhlanganisa namaKrestu, akukaze kube nevangeli elithi FUNDISA ABANTU UKUTHI UJEHOVA UKHONZWA KANJANI. Angazi kumaMoslems, kodwa lelivangeli ELIFUNDISA NGOJEHOVA, NENDLELA OKUMELE SIMKHONZE NGAYE, LINIKWE IBANDLA LAMANAZARETHA KANKULUNKULU KUPHELA! Futhi lomyalezo uvele ezulwini!
15.Kodwa uma usulandela izimfundiso zalelibandla, uma wake waba khona ngesikhathi sikaShembe uBaba iLanga, uzobona ukuthi lezi zimfundiso zingukuqhubeka kwezimfundiso zikaBaba iLanga. Ngeshwa amaNazaretha akafundi lutho ngokukholwa! Ingelosi ayiqalanga lapho, kodwa yathi: “Ngibone uBaba iLanga emi emanzini agcina esifubeni. Ngithe ngisamangele ukuthi uBaba uzobhabhadisa bani, eayesethi: “Mntanami, akuwo amanzi lawa, kodwa zinyembezi zamaNazaretha. AmaNazaretha ayabuza ukuthi kanti ngashonaphi. Angisamboni umholi walelibandla, sengimfune ezulwini nasesihogweni, kodwa angimboni. Ngibona amadoda azingovolo efosha abantu ebakhipha enkonzweni, kodwa lomfana esamshiya emhlabeni ukuthi akahole amaNazaretha, angimboni. Ngibuzile nakumfowethu ukuthi kanti uphi lomfana, wathi naye akamazi. Hamba utshele lomfana ukuthi njengoba bemhlupha kanjena nje, abahluphi yena, kodwa bahlupha mina. SekunamaNazaretha angangifuni, esebekukhohlwe konke engabenzela khona. Lomfana bamzonda ngoba ehlale ekhuluma ngami, abasangifuni laba bantu.” Yaqala lapho ke indaba yokuthi angihole ibandla likaJehova. Ingelosi yaqala ngalokho kukhuluma, yayisithi: Uthi uBaba angizokubheka!”
16.Manje-ke ngiye ngingazi ukuthi kulesi sikhathi samanje uma kukhona umuntu othi le ngelosi ayikho, usuke edaleke kanjani? Uma nje kungaba khona umuntu othi le ngelosi ayikho, noma ngabe ungumKrestu noma ngabe ungumNazaretha, noma ngabe inkolo yomdabu noma ngabe ukuphi, umuntu olandela lezi zintshumayelo zethu bese ethi ingelosi ayikho, lowo muntu usuke elahliwe kakhulu ezulwini, ngoba all of a sudden singakuthathaphi lokhu kukhuluma sobabili noMkhokheli? Uma kungekho umuntu esihlala naye osifundisayo ovela ezulwini, lokhu kukhuluma ngabe all of a sudden sikuthathephi, zonke lezi zintshumayelo sizithathaphi, ngoba siyinzalo yalelibandla, manje konkre lokhu kukhuluma ngabe sikufundiswe ngubani, uma engekho umuntu ovela ezulwini osifundisa khona?
17.Amanye amaNazaretha-ke ayaye ethi: “Wena useseBuhleni wawungakhulumi kanje.” Besho lokhu nalokhu, yize ngibachazele kahle ukuthi KWAFIKA INGELOSI YANGIFUNDISA KABUSHA NGOKUKHOLWA. Mina ngiseBuhleni ngangiwahlabela amadlozi, yingelosi eyangenqabela ukuba ngihlabele amadlozi nokuba ngizihlanganise nanoma yini ethinta ubungoma! Engingakaze ngikwenze ukuthi uShembe uNkulunkulu. Umfundisi uMthethwa waze wathi angibizelwe umhlangano ngizochaza ukuthi uma ngithi uShembe nguMprofethi, unguMprofethi kabani? Ngangazi ukuthi kusho ukuthini lokho! Kodwa ngangisho ukuthi uShembe uBabamkhulu unguMoya ongcwele njengoba kubhaliwe kuJohn 16, namanje futhi ngisakusho lokho! Kodwa uMoya ongcwele, neNdodana, akusoze kwalinganiswa noNkulunkulu. Leyo imfundiso engimi kuyo, nengelosi efike yasifundisa yona, ukuthi ukuba sdivine akuchazi ukuthi usunguNkulunkulu!
18.Abantu abanenhlanhla, noma ngabe baseBuhleni noma ngabe baseKuphakameni noma ngabe baseThembezinhle noma ngabe baseGinyezine noma bengamaKrestu noma ngama Moslems, kumele bekwazi ukuthi kulesi sikhathi, kunengelosi eyehla ezulwini yazohlala nathi, esifundisa indlela eyiyo yokukhonza uNkulunkulu onguJehova! Kumele bekwazi lokho, ukuthi uma sithi ngo 2006 kwafika ingelosi kithi, okuyimi nomaNxumalo, eyazichaza ngokuthi inguHlaleleni, leyo ngelosi isekhona namanje, ayizange ihambe, yahlala nathi kuze kube namuhla, noma singahlale siyibona, kodwa yedlulisa izinsuku ezimbili noma olulodwa, bese iyafika, ifika kithi njengazo zonke izingelosi ezazifika kubantu ngesikhathi sakwa-Israel. Thina siyazi, hhayi ukuthi siyakholwa ukuthi ingelosi ikhona, kodwa siyazi, ngoba sihlala nayo! Ukufika kwengelosi kithi kusenze sazi izinto eziningi zasezulwini abantu abangazazi, kodwa abazikholwayo, abanye abangazikholwa!
19.Ziningi izinto esizifundayo eziyisimangaliso, ezinye esingazedlulisile kini ezikhulunywa ingelosi ngendaba kaNkulunkulu nombuso wezulu! Njengamanje ebusuku bengilalele enye i-video u-Ahmed Deedat e-debate nomunye umuntu ongumKrestu. Bebephikisana ngokuthi uJesu unguNkulunkulu yini noma qha. Ngathula ngicabanga ukuthi noma umuntu engahlakanipha kanjani, kuhlale kunomehluko Phakathi kwento oyakhe engqondweni nento oyaziyo. uDeedat owayengumMoslem wayehlakaniphile kakhuluathi, kodwa wayengazi, kodwa ukuhlakanipha kwakhe kwakheke ekuhlaziyeni izincwadi. Manje noma ungahlakanipha kanjani, awusoze wafana nomuntu owaziyo. Ngakho ke uma umuntu e debate(a) ngeBhayibheli, sengivele ngenqene ukuphikisana naye, ngoba yena wazi about what is contained in the bible, kanti mina ngazi ngokuthi lelibhayibheli lakhiwa kanjani, lakhiwa ngubani, nganhlosoni. Ngazi nokuthi ezulwini njengamanje kuthiwani kulesi sikhathi samanje.
20.Manje lento abaphikisana ngayo ayihlangene nombuso wezulu, nalento abaphikisana ngayo ngo Yeshua ayihlangene nombuso wezulu, lo mina engicabanga ukuthi kumele sizihluphe ngawo, ukuthi ngenza kanjani ukuthi uNkulunkulu ehlale eseduze kwami, ngenza kanjani ukuthi ekwehlukaneni kwenyama nomphefumulo ngibone umbuso wezulu. Abantu abakwazi ukubona ukuthi ngaso sonke isikhathi uYeshua wayekhuluma ngombuso wezulu, noShembe wayekhuluma ngombuso wezulu!
21.Abantu abahlakaniphile isikhathi esiningi they theorise ngendaba kaNkulunkulu. Ngeshwa noma usubachazela ukuthi lento ayihambi kanje, kodwa ihamba kanje, ubachazela ukuthi kufike ingelosi evela ezulwini, lento yayichaza kanje, abakwamukeli obatshela khona, ngoba befuna ukuhlala nama theory abo. Ukuze ube ngophelele ngokukholwa, kumele wenze into eyodwa, UMTHANDE UNKULUNKULU NGENHLIZIYO YAKHO YONKE NANGOMOYA WAKHO WONKE, UGCINE YONKE IMITHETHO, NOMA IZIMISO ZAKHE. Kumele uzifundisise zonke izimfundiso zikaMose nabaprofethi, nezikaYeshua ngombuso wezulu. Uma ungumNazaretha, udlulele ezimfundisweni zikaShembe uBabamkhulu ngombuso wezulu!ingelosi ayifundisi yonke imfukumfuku, kodwa ikgxila ezintweni ezingukhiye ngokwempilo yakho ulapha emhlabeni, noma usufile!
Ngakho-ke bonke abantu, noma bengaba ama Muslims noma bengaba amaKrestu noma bengaba amaNazaretha, abayazi indaba yasezulwi
22.Ngokwami, njengoba sengihlale nengelosi, sengiyazi ukuthi akukho ubuwula obufana nokungayinaki indaba kaNkulunkulu. Abantu abaningi bayaye bacabange ukuthi izulu nesihogo yinto nje esikhohliswa ngayo ngabaprofethi, abacabangi ukuthi uma ungamkhonzi uJehova, uyalahlwa ngempela. Abantu abasengozini kakhulu ngabafundisi bamabandla ahlukahlukene, ngoba benza lento uYeshua owaxwayisa ngayo, ukungawugcini umthetho kaNkulunkulu, bese ubuye ufundisa abantu ukuthi bengawugcini umthetho nkaNkulunkulu; ukushumayela, uphilise abantu ngegamama likaJesu, kodwa ube ungahambi ngentando kaNkulunkulu. Abantu abaningi okuthi bengabefundisi begunde amakhanda abo, ababoni ukuthi bazishaya uphawu lukaSathane, nabo bonke abantu abaphucula amakhanda abo ababoni ukuthi sebezishaye uphawu lukaSathane! Bonke laba bantu basenkingeni ekufeni kwabo, kodwa ababoni bona!
Bacabanga ukuthi uNkulunkulu usuke ebasabisa uma ethi uyakwazi ukufeni ushiswe esihogweni, kushiswa umoya okuzothi noma uzwa ubuhlungu obungakanani, ungafi! Laba bantu abaye bebulale abanye abantu abazi ukuthi bahlalelwe usizi olungakanani. Akusoze kwenzeka ezulwini ukuthi ungenza into embi ungajeziswa, mhlawumbe more than 1000 times kunokwenzile! Kodwa ububi obusuke bubangene buyabakhohlisa, becabange ukuthi bengadoja uNkulunkulu!
23.Thina sihlala nomuntu ovela ezulwini, osixoxela yonke impilo yasezulwini, nosifundisa ngesineke ukuthi singawuzuza kanjani umbuso wezulu! UNkosazana uyaye asitshele nangama Aliens, ukuthi ikhona eminye imihlaba, bakhona nabantu abasuka kweminye imihlaba, ama-Aliens. Kodwa lemihlaba ngamaplanet, hhayi I heaven, iheaven ngenye into engefaniswe nalutho oluku planet!
24.Ayikho into bantwana basezulwini eyingozi njengokuba ufe ungamazi uNkulunkulu, ungamkhonzi uNkulunkulu ngoba abantu basemhlabeni kunezinto eziningi abangazazi zemimoya (Spirits), imimoya miningi ngendlela eyisimangaliso futhi nezindawo zemimoya ziningi kakhulu and lezindawo ngokwemimoya yazo kusuke kungamazulu azo, ngakho ke uqaphelisise, ungafike ukholwe, kodwa ekugcineni ungayi kulelizulu likaJehova, ngoba uthi ukholiwe, kodwa ekukholweni kwakho wenza izinto eziningi eziphambeni nomthetho kaNkulunkulu!
25.Uma ethi uNkulunkulu ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami, usho leyonto. Usho ngoba uma uke waba nabanye onkulunkulu ngaphandle kwakhe, uzothi uma uphuma umphefumulo wakho izingelosi ngeke zize kuwe. Kodwa uma ungowasezulwini uthi uphuma umphefumulo wakho izingelosi zibe seziphambi kwakho, zikuhlangabezile!
26.Ayikho enye into uma umphefumulo wakho usuphumile oyifunayo ngaphandle kokuthi ungene ezulwini. Ngisho isitha sakho awusicabangi, ngisho abantwana bakho awubacabangi, ngishoni yakho awuyicabangi, ngoba usuke manje ususenkingeni, ngoba ayikho into eyinkinga njengokufa, bese ungawuboni umbuso wezulu!
27.Ithi ingelosi abanye abantu abasheshe befe noma sekufike isikhathi sokufa, ngoba sebesaba ukufa, ngoba uma usuzofa, ibuya yonke imisebenzi yakho emibi okade uyenza emhlabeni, abanye baphaphama ngisho imiphefumulo yabo isiphuma, bebuka lapho beya khona, sebebona ukuthi sebeya ekulahlweni okunguna phakade ngenxa yemisebenzi yabo emibi!
28.Kodwa nina uma ngabe ngampela lento esinifundisa yona niyithathile, njengoba wayesitshela uNkosazana, ukufa kuzoba mnandi. Wathi uNkosazana uma ngabe usukholiwe uyakukhumbula ezulwini, uyalikhumbula izwe elizayo!
195. ISIHLABELELO
1 Ngiyalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo,
Ngokhululwa ngilibone
Wenhliziyo yami.
29.Ngumuntu okholwe ngempela ongahlabelela lesisihlabelelo ngenhliziyo yakhe, ngumuntu okholwe ngampela othi uma ela emhlabeni athande ezulwini, umuntu osuke azi ukuthi imini nobusuku ngicabanga indaba kaNkulunkulu! Uthi uBabamkhulu uma ngabe usungenwe uMoya Ongcwele, you reach a stage lapho khona owenyanya khona isono, noma isiphi isono usenyanye! You reach a stage lapho okhumbula khona uNkulunkulu, okhumbula khona ezulwini! Inqondo yakho ekwenza wazi ukuthi akulona ikhaya leli, ngiyedlula la, kodwa ikhaya lami lisezulwini, and ufune ukuya khona!
30.UMkhokheli uMaNxumalo wake waxoxa ngendaba kagogo kamkhokheli uMaseko, waseGoli. Naye owayengumkhokheli. Wake wenzwa ukuba uBaba iLanga wedlulile emhlabeni, wathi yena akafuni ukulila nabasemhlabeni ngokwedlula kukaBaba iLanga, kodwa ufuna ukuhalalisa nabasezulwini. Ngakho ke uma efa bemncwabe uBaba iLanga engakafihlwa. UBaba iLanga wayezofihlwa ngeSonto, umkhokheli wavele washoina engagulanga ngoLwesine, wancwatshwa ngoLwesihlanu. Nempela wathi uBaba iLanga efihlwa ngeSonto, wabe yena esephambili, eselinde nabangcwele ezulwini, njengokusho kwakhe! Sindinga amakholwa anjalo-ke!
Kulo lelisonto eledlule ingelesi isinike isihlabelelo esikwasa CHORUS ethe asihlatshelelwa yiwo wonke amaNazaretha kaNkulunkulu. Le Chorus ithi:
1.Nkosi ngiphe Amandla
Nkosi ngiphe Amandla
Nkosi ngiphe Amandla
Okunqob’ Sathane.
2. Ezulwini kuyayiwa
Ezulwini kuyayiwa
Ezulwini kuyayiwa
Ezulwini kuyayiwa
Kodwa kungen’bangcwele.
3.Ubungcwele buqala lapha
Ubungcwele buqala lapha
Ubungcwele buqala lapha
Khona’ laphe’emhlabeni.
4.Ubungcwele buyasetshenzelwa
Ubungcwele buyasetshenzelwa
Ubungcwele buyasetshenzelwa
Khon’ lapha’ emhlabeni!
5.Emuva asisayi
Emuva asisayi
Emuva asisayo
Kodwa siya phambili!
Lana ama chorus amaNazaretha kaNkulunkulu afike noNkosazana uHlaleleni ahlatshelelwa njenge chorus yama Krestu ethi:
“Siyakudumisa
Siyakudumisa
Siyakudumisa
Nkosi yamakhosi!
Sonke asiwazi lama Chorus!
31.Isihloko ebengikhuluma ngaso sithi “ASIVIKE ULAKA LUKABABAMKHULU OLUNGASE LUSEHLELE” Ngiyayiphinda le nkulumo. Ingelosi ilokhu iyiphindaphinda ukuthi uBabamkhulu lapho ekhona akaneme ngathi, mhlawumbe ngathi sonke! Njengoba ngihlabelela lesi sihlabelelo, uBabamkhulu wayengadlali uma ethi kufanele sithandane ukuze sithandwe uJehova, singaba nezono ngokwehlukana, kodwa akufanele ukuthi sizondane. Njengoba sikhona nje sihlala namaKrestu, sihlala nabantu benkolo yomdabu, asikholiwe ngokufanayo.
32.AmaKrestu akaligcini iSabatha, amaKrestu ngisho abefundisi bakhona bahlale bephuce amakhanda, kodwa sazi kahle ukuthi lento abayenzayo iphambene nomthetho kaNkulunkulu futhi siyabatshela lokho ngoba kufanele ukuthi sibatshele, kodwa asizondani nabo. Manjena thina maNazaretha njengoba sihlale silwa sodwa, yini le esiyibangayo eyenza ukuthi sizondane? Ngoba into okufanele siyenze ukukhuluma indaba kaNkulunkulu. Uma ngithi uNkulunkulu uyakwenqaba ukuthi kusontwe ngesonto, uma ngithi uNkulunkulu uyakwenqaba ukuthi umuntu ephuce ikhanda, yini eyenza ukuthi singazondani nalowo muntu ngoba phela wephula umthetho kaNkulunkulu?
33.Yini thina maNazaretha le esiyibanga kangaka eyenza ukuthi sizondane, uma umuntu engawugcini umthetho kaNkulunkulu, kudingeke ngani ukuthi ngimzonde, uma sengimtshelile ukuthi lento oyenzayo iphambene nomthetho kaNkulunkulu, sengimzondelani, sengimthukelani? Kuchazani ukuzondana nokuthukana kwetrhu ngaphandle kokuthi kunguykubukisa ukuthi singamahlubuka kangakanani? uNkulunkulu uzuzani ngokuthi wena uthukwe omunye umuntu ngoba uthi akasonti enkonzweni eholwa ngumholi wakho? Yini nje kancane ethinta uNkulunkulu ngalokho, ngoba uNkulunkulu ubheke ukuba ugcine umthetho wakhe noma ngabe ukuliphi ibandla.
34.Uma ngempela sineqinso kulenzondo yethu, sithi selekelela uNkulunkulu, asiuwzondi ngani amaKrestu achitha umthetho kaNkulunkulu ngokusobala, yini sizonde umuntu, simzondela ukuthi nje akakho ngaphansi komholi wami?
35.Ubabamkhulu esingenisweni salesi sihlabelelo uchazile ukuthi lesi sihlabelelo siqondene nabantu abangenaluthando, abanenhliziyo embi, inhliziyo efana nesilwane! Asikho isidingo sokuthi ngizonde umuntu ngoba useBuhleni, asikho isidingo sokuthi ngizonde umuntu ngoba useKuphakameni. Asikho isidingo sokuthi ngizonde umuntu ngoba useThembezinhle. Ukuthi sehlukene ngobuholi akuchazi ukuthi lokho kufanele ebese sizondana.
36.Uma uzonda umuntu ngokuthi wenza isono, usuke uchaza ukuthini, kanti uhlubuke kuwe yini, ngoba uhlubuke uNkulunkulu, uhlubuke wena yini ukuze kufanele ukuthi umzond?. Umuntu nje onenzondo, noma engathi uwuMfundisi noma engathi uyini, umuntu nje onenzondo, umuntu ongayedlulisi into, usuke lowo muntu lowo enenkinga, unenhliziyo embi, unenhliziyo yokuthakatha!
37.Sekwedlule 40 years kungakhulunyiswana. Umbuzo uthi why, kukhona yini ukuxabana okungedluliswa, ngokunjani lokho kuxabana isizukulwane esingazami ukukuqeda, kodwa kwaba ukulwa nokubulalana kwabazali babo, bona ababengekho lapho? Bezwa ngabazali babo uma bese khona labo bazali babo, mina ngingaka njena ibandla laseKuphakameni lahlukana nelaseBuhleni ngingakaganwa ngisho ukuganwa. Zonke izingane zami zathi zizalwa sase sehlukene.
38.Yini le esibambelele ngayo ukuze singangenelani, yini ngoba bonke abantu abakhona manje abekho involved ekuthenini ibandla laseBuhleni nebandla laseKuphakameni lehlukana kanjani, yini le ngaphandle kokuthi sihlubukile uNkulunkulu, yini ngoba izihlabelelo ziphambi kwethu, siyamuzwa uShembe uthi kasithandane ukuze samukelwe uJehova, kodwa asinendaba nalokho, asinendaba nokwamukelwa uJehova, kuphela thina siyazondana nje, ngamanye asisebenzeli lona izulu, lokhu kuzondana kwethu has got nothing to do with ukukholwa.
39.Manje ngiyawacela amaNazaretha aseKuphakameni ukuthi abayiyeke lenzondo abanayo, abaziyeke lezi zimfundiso abanazo ngebandla laseBuhleni, ngoba yilenzondo ezobafaka enkingeni, ngoba ayisuki kuNkulunkulu, abayifundisiwe nguShembe! Ngiyanicela ukuthi kungaphinde kube khona phakathi kwethu ozonda umuntu noma owaseBuhleni noma owaseKuphakameni, akangabi bikho ama negative remarks ngamanye amaNazaretha. Asikhulume kuphela indaba kaNkulunkulu. Ngeke sikuyeke ukuthi abantu abangasonti nezangoma ngoba kubhalwe ebhayibhelini futhi noShembe ukhulumile ngakho futhi sinikezwe ukuthi sivuselele umthetho kaNkulunkulu njengoba wawushunyayelwa uShembe, asikukuyeka lokho.
Kodwa asiyeke ukukwebhana ngento engathngenke sikuyeke ukubuyisa abantu ezonweni!
40.AmaNazaretha aseKuphakameni azobhubha kabuhlungu. Ngakusho lokhu ekuqaleni kwaba sengathi ngiyadlala uma ngithi ingelosi ifikile, yasitshela ukuthi lokhu kuthuka kwabo uBaba iNyangayezulu, kumthukuthelisile uBabamkhulu, kumthukuthelisile uBaba iLanga ngoba laba bantu bobathathu bahleli ndawonye. Ithi ingelosi uBabamkhulu uthukuthela ngalezi zinhlamba ezibhekiswe kumntanakhe, ethukwa ngabantwana bakhe nabazukulu bakhe! Manje uma esezwa izingane zakhe nezingane zebazukulu zithuka iNyangayezulu, lento iyamthukuthelisa kakhulu uBabamkhulu. UBaba iLanga, uBabamkhulu neNyangayezulu, bangabaprofethi bakaNkulunkulu. Abakwazi ukuthi behlulelwe ithi, singasaphathi eyokuthukwa ngabazukulu bakho.
41.Ngabatshela abantu baseKuphakameni, ngiyaphinda futhi ngiyabatshela ukuthi uma beqhubeka nalento, bazibasela bona umlilo, bazobona ukuthi uNkulunkulu akudlalelwa kuye! Okwesibili ngabachazela ukuthi uBabamkhulu uphatheke kabi, ngoba, yes sinezono eziningi ngokwehlukana, kodwa akusho ukuthi bonke abantu baseBuhleni babi, angeke bangene ezulwini, and akukhona okwethu ukwahlulela ukuthi lo uzongena ezulwini, lo akazungena ezulwini.
42.Njengoba ngasho, nami ngiseseBuhleni ngangizenza zonke lezizinto ezenziwa abantu baseBuhleni kodwa kwafika ingelosi yangikhipha kuzo. Uma kukhona abantu baseBuhleni abangafuni okwabo lokho, akukho okwami ukubahlulela! Ngakho-ke ithi ingelosi uBabamkhulu ufuna ukuthi wonke amaNazaretha abuyisane, njengoba ekushumayelile ukuthi wonke amaNazaretha akabe munye ebe njengebumba likasimende. Umuntu ongumNazaretha kufanele ukuthi aye elibeni likaBabamkhulu efike ebeke imbali. Imbali-ke umnikelo. Yaze yathi ingelosi uma sifika sinikela kuBabamkhulu, lowo mnikelo asiwathathi, futhi singawubangi futhi singawubuzi ukuthi usebenze kanjani.
43.Lowo mholi okhona eKuphakameni uyowuthatha, uma ewusebenzisa ngendlela uNkulunkulu angathandi ngayo indaba yakhe leyo. Yathi ingelosi umuzi waseKuphakameni akufanele wakhiwe uhulumeni, kufanele wakhiwe amaNazaretha ewonke! Okufanele kwenzeke ukuthi sihlangene nalaba baholi baseKuphalameni, sivumelane ukuthi ukuze lento ibe-ne-order kufanele yenzeke kanjani, kodwa sonke kufanele sikwazi ukuthi siye endlini kaBabamkhulu, sifike sinikele, sixhawule, sibeke imbali, ngoba noma ngabe sihlubukile kodwa singabantwana bakhe. Sishilo ukuthi siyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni, ngoba iNkosi yaseKuphakameni uJehova, kodwa uBabamkhulu uyisithunywa sikaNkulunkulu kumaNazaretha. Manje-ke ngakusho lokhu ukuthi amaNazaretha aseKuphakameni nabantwana bakaPhasha bebonke abayilungise lento, ingalungiswa ngumuntu oyedwa, ngoba uma kuqhubeka kanjena, sonke singagcina sesithelwa ngamachaphazelo olaka lukaNkulunkulu!
44.UPhasha unabafana abaningi kabi. Ngiyabacela abantwana bomholi wokuqala waseKuphakameni ukuthi lento bengayinikezi indodana eyodwa ngoba leyo ndodana ngobudedengu kwayo ingabafaka bonke ezinkingeni. Akuwo wodwa amaNazaretha angayi endlini kaBabamkhulu nakuBaba iLanga, kodwa amadodana namadodakazi amaningi enkosi iLanga akakwazi ukufika kuyo. Akangeni kwaseKuphakameni. Akudingi ukuthi uze ube yisihlakaniphi ukuqonda ukuthi lento eyenzekayo iliphutha elikhulu!
45.I-Jerusalem kwakungumuzi wabantwana bakwa-Israel, kodwa namuhla kuwo kungena amaKrestu, amaMoslems namaJuda, ungumuzi wawo wonke amakholwa. Kodwa umuzi waseKuphakameni awukwazi ukungenwa ngamaNazaretha, unqohhe nendlanzana Labantu ngoba bethembe izikhali, bese kuthiwa, hewa, bheka laba bantu abathi bakholiwe babulalana ngento engekho, kade sabona ukuthi akukho Nkulunkulu lapha! Kwesinye isikhathi kuyaye kuthi noma siyibona ukuthi lento inochuku Phakathi, bese sizibela ukuphoxeka kwegama likaBabamkhulu
46.Angazi ukuthi umholi waseKuphakameni uphi, ngoba angisezwa kukhulunywa ngaye, angisamboni, angifuni ukuba ngikhulume into engingayazi, angimazi ukuthi uphi nokuthi kumi kanjani ngaye! Kodwa uma lomholi okhona eseyilento ayiyona, abanye abafana bakaPhasha, abavuke bayilungise lento, ngoba bazothelwa amachaphazelo, uNkulunkulu akusiyona into yokudlala, uShembe akasiyona into yokudlala! Abangazami ukuthi bezehlisele umlilo, befune ukubona ukuthi uNkulunkulu unjani ngoba lento engikhuluma ngayo, angikhulumi nje njengokukholwa, noma imuphi umuntu uyabona ukuthi lento iliphutha, ukuthi awukwazi ukuthi uvimbe abafoweni ukuthi bezobona iliba likaBaba wabo. Awukwazi ukuthi uvimbele amaNazaretha wonke ukuthi azobeka imbali kumholi wabo, ngoba uBabamkhulu akuyena umholi wamaNazaretha aseKuphakameni kuphela, angidingi ukuthi ngize ngikuchaze lokho, ngoba nabo bayakubona, baqhuba inzondo abangayazi ukuthi yaqalaphi!
Uma sesibatshela ukuthi ngalesi senzo uNkulunkulu uzonishaya kanzima and uma esebashaya kube sengathi siyathakatha, kanti sibaxwayisile ngolaka abalumema ngesenzo sabo!
47.Ngabatshela ukuthi ingelosi yathi ezulwini sekucikekiwe ngalomfana omele ukuthuka iNyangayezulu noma ekhuzwa, akezwa ngisho into ekhulunywa nguBabamkhulu. Ngasho ngathi ingelosi yaguqa phambi kwethui, yathi: Nkosi, lomfana useyise kakhulu, ngicela umshaye ngenduku ezobonwa ngumhlaba ukuthi ushawa nguwe!” Angazi ke noma kwenzeka lokho, kodwa yona ingelosi yacela phambi kwethu ukuthi lokhu kwedelela kwalomholi waeKuphakameni sekweqile, usezibona lomuzi waseKuphakameni ungowakhe, akezwa ngisho elulekwa ngesihle. Sengathi bengebe khona abantwana bakaPhasha abazoqhuba lokhu kweyisa okwenziwa yilomholi okhona!
48.Lo Nkulunkulu esephakathi kwethu kusenguye lo owayehamba no-Abraham, o-Isaka noJakobe, kusenguye lo owayehamba noMose. Ngakho amaNazaretha angacabangi ukuthi kukhona into uNkulunkulu ongayesaba ukubhubhisa umuzi waseKuphakameni njengoba wabhubhisa iGomoro neSodomi, bengacabangi ukuthi uNkulunkulu engesibulale sonke njengoba wabulala abantwana bakwa-Israel ababengamlaleli!
49.Ngiyacela-ke kumadodana kaPhasha ukuthi ake ehlangane eyilungise lento ingaze ilungiswe uNkulunkulu ngolaka.
INkosi ibusise enikuzwile.
203. ISIHLABELELO
1 Wonke amaNazaretha
Makabemunye,
Njengebumba
Likasemende.