Skip to content

IMISEBENZI KANKULUNKULU WETHU AYINAKUFANISWA NALUTHO

Abantu abaningi bajaha ukuba uNkulunkulu abenzele konke, kodwa bebe bengamkhonzi! UShembe wasifundisa ukuthi uJehova unguyise wabo bonke abamkhonzayo, nawe-ke mkhonze, ukuze abe nguBaba wakho, ungesabi lutho ukumbiza uma ususebunzimeni!

IMINI YESABATHA MAYIBENHLE KWABANGCWELE. ISIHLOKO SANAMUHLA SITHI UBUDLELWANO PHAKATHI KWANKULUNKULU NEZITHUNYWA ZAKHE.
 
1.Incwadi kaJohane 14 verse 25-26 “Ngikhulume lokho kini ngisahlezi nani. Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.
 
2.Ngaphambi kokuthi uYeshua ehambe emhlabeni wasethembisa ukuthi uyothi uma esehambile bese efika esicelela kuNkulunkulu uMoya Ongcwele ukuba uhlale nathi, lo Moya oyiNgcwele wawubiza ngokuthi uMduduzi.
 
3.Kuba nezimpikiswana eziningi ke ukuthi uYeshua ngenkathi ekhuluma ngoMoya oyiNgcwele wabe eqonde bani? Kwamanye amakholwa uMoya Oyingcwele kuthiwa wathululeka ngesikhathi se-Pentecoste, njengoba siyaye sifunde kwiZenzo 2.
 
4.Kodwake namhlanje sizobheka ukuthi uShembe yena uthi lo Moya Oyingcwele uyisima kanjani! UShembe unencwadi ebizwa ngokuthi izihlabelelo zamaNazaretha.
 
5.Kuyisihlabelelo 58, okuyisihlabelelo sokuthandazela abagulayo, ivesi lokuqala lithi “Baba wethu osezulwini, sisebusweni bakho, aliphathwe ngobungcwele igama lakho” I-Chorus bese ithi “UMoya wakho mawuze Nkosi ubaphilise abantu bakho”
 
6.Ivesi lesithathu lithi “Lowo owasethembisa wona ngoJesu Krestu iNkosi, wathi awuyikusishiya sisodwa, uyosithumela uMoya Oyingcwele.” Lelivesi liyefana neliku Johane 14 verse 25-26, lapho uYeshua ethi:“Ngiyocela kuBaba ukuba athumele uMoya Ongcwele.”
 
7.Uthike uShembe “Lowo Moya owasethembisa wona uYeshua, wathi ngeke asishiye sisodwa, uyosithumela uMoya Oyingcwele, iwona Moya ongcwele ophilisa abasuke begula.
 
8.Kuyisihlabelelo 139 ivesi lokuqala lithi “Ufikile olandelwa yizizwe, ufikile simzwile. Babazani wemadoda, babazani zizwe nonke.”
 
9.Ivesi lesine lithi “Ufikile uMthokozisi, mlandeleni zizwe nonke. Mlandeleni makhosikazi akithi mlandeleni zintombi zakithi.”
 
10.Nalapha futhi uShembe usakhuluma yona leyondaba esiyithola ku Johane 14 verse 25-26 ukuthi uShembe unguMthokozisi lo uYeshua okhuluma ngaye.
 
11.Ngakho-ke kusobala kumuntu ongumNazaretha ukuthi uShembe uMprofethi uthi uMoya ongcwele lo uYeshua owakhuluma ngawo, unguShembe, wehlela kumaNazaretha! Kusihlabelelo 138 verse 4 uShembe uthi ufikile uMthokozisi. UMthokozisi nguMoya Oyingcwele.
 
12.Ngakhoke ayikho indlela yokuthi umuntu ongumNazaretha engaphika ukuthi uYeshua ngenkathi ekhuluma ngoMoya ongcwele, wayekhuluma ngoShembe!
 
13.Lo Moya ophilisa amaNazaretheni ilowo Moya uYeshua owakhuluma ngawo, wathi angeke asishiye sisodwa, uyokusithumela uMoya ongcwele!
 
14.Uma sikhuluma ngobudlelwano phakathi kukaShembe noYeshua, akugcini nje lapho uShembe ezichaza yena ukuthi uYeshua wayekhuluma ngaye, kodwa ubonise nangezenzo ukuthi ibandla lamaNazaretha lakheke phezu kwezimiso ezisuselwa ezimfundisweni zikaYeshua!
 
15.Ibandla lamaNazaretha lakhiwe phezu kwezimiso noma kwesisekelo somthetho kaJehova owagcwaliswa nguYeshua!
 
16.KuMathewu 5:17-19 uthi uYeshua “Angizile ukuchitha umthetho nabaprofethi kepha ngizowugcwalisa.” Uma kuba khona umuntu emva kwami ongeke awugcine umthetho kaMose nabaprofethi, abuye afundise abantu ukuthi abangawugcini umthetho kaMose, lowo muntu uyoba ngomncane embusweni wezulu.
 
17.Uyaqhubeka uYeshua uthi: “Kodwa uma kuvela umuntu agcine imithetho kaMose nabaprofethi, abuye afundise abantu ukuthi abagcine umthetho kaNkulunkulu, lowo muntu kothiwa mkhulu embusweni kaNkulunkulu.
 
18.Uma efika uShembe wabhala umthandazo weSabatha okuyiwona ofundisa ngenkolo yobuNazaretha.
 
19.Kuvesi 3 woMthandazo weSabatha uShembe uthi: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane; nigcine imithetho yakhe anilobela yona uJehova ngenceku yakhe uMose ukuze ukudumisa kwenu kwanu kwamukeleke kuThixo Wemikhosi.”
 
20.Ngalelivesi uShembe wayegcwalisa amazwi kaYeshua athi oyovela emva kwakhe agcine, abuye afundise ukugcinwa komthetho
kaNkulunkulu, uyoba mkhulu embusweni wezulu!
 
21.Ilamavesi afundisa ukuthi ubuNazaretha bakhelwe phezu komthetho kaMose owafika wagcwaliswa nguYeshua!
 
22.Namuhla ngifisa ukukhuluma ngendaba yentombazane yaseCameroon engake ngayikhuluma ngaphambili. Igama layo nguClaudina Mambu.
 
23.Le ntombazane yayi-Satanist, yenza izinto eziningi ezimbi. Yake yaginqa ibhasa kwafa abantu abawu 48.
 
24.Kodwa ngamandla kaNkulunkulu le ntombazane yaphenduka, ngagcina isingumuntu osindisiwe!
 
25.Ngonyaka 2010, isikholwa, yabe isibuzwa iphepha laseCameroon, i-Post, ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi iyeke ukuba i-Satanist, ngoba iyona eyayizivumele ukuthi yabulala abantu abangu-48?
 
26.Le interview yayimhla ka 29 August 2010. Njengoba le-interview sayihumushela esizulwini, ngizoyifunda njengoba sayihumusha!
 
27.Lapha intatheli ye-Post iyayibuza lentombazane ithi: “Njengamanje buyini ubudlelwane bakho nabantu basembusweni?” (Uma ikhulumake ngabantu basembusweni ikhuluma ngabantu abangama-Satanist.)
 
28.Uyaphendula-ke u-Claudine Mambu uthi: “Angisenabudlelwane nabo selokhu ngaphuma kubo, ngathi mina nabo sehlukaniswe igazi likaJesu NOMOYA ONGCWELE OWAZICHAZA KIMI WATHI UNGUSHEMBE, UNGUMTHOKOZISI, WAZIBONAKALISA KIMI EYISIMO SOMUNTU ONGUM-AFRIKA. Ngalesi sizathu,ngiyazi ukuthi angeke besangenza lutho.”
 
29.Into eyisimangaliso ukuthi le ntombazane ingeyase-Cameroon, yayingakaze izwe ukuthi kukhona uMprofethi wase-Africa okuthiwa nguShembe!
 
30.Kodwa lapha ithi kwafika kuyo uJesu ehamba noMoya oyingcwele owazichaza kuyo ngokuthi unguShembe, wazibonakalisa eyisimo somuntu wase-Africa!
 
31.U-Claudine Mambu uthi kwakunguShembe uqobo lwakhe owazichaza ngokuthi unguMoya Oyingcwele!
 
32.Kodwa lenkulumo ka-Claudine Mambu ifakazela okwashiwo nguye uShembe ukuthi unguMoya ongcwele, lapho kusihlabelelo 139 ethi: “Ufikile uMthokozisi.”
 
33.Manje sekuchaza uClaudine Mambu ongazi lutho ngoShembe, uthi wahlangana nomuntu onguMoya oyingcwele owayehamba noJesu, nguyena owamkhipha ekuhluphekeni!
 
34.Iyaqhubekaka i-Post ithi: “Uzama ukusitshela ukuthi uMoya Oyingcwele, lo uJesu owawuthembisa amakholwa, unelinye igama ngaphandle kwaleli lokuthi nguMoya Oyingcwele, kungabe uMoya Oyingcwele ungumuntu noma uMoya nje ongena kubo bonke abenezi nhliziyo ezimnene?”
 
35.Intatheli, nayo eyayingamazi uShembe, yayichaza ukuthi ngokobuKrestu uMoya Ongcwele ilona owaba sePetecoste, ongasiye umuntu.
 
36.UClaudine uyaphendula uthi: “UMoya Oyingcwele noJesu bayinto eyodwa, kodwa ukuze abantu bomhlaba bakwazi ukwenza umehluko phakathi koMoya Oyingcwele noMoya omubi, uMoya Oyingcwele kwadingeka ukuthi ubenesidumbu somuntu, wabe usunikwa igama lasezulwini kwathiwa uShembe, leligama lalibhaliwe nasemahlombe akhe, ngalibona uma esephenduka ehamba.”
 
37.Lenkulumo ka Claudine iyisimanga! Uma ungase ufunde incwadi yami ethi IZWI LEZULU, bese ufunda ku-Page 31 paragraph 4, kulapho ngachaza khona indaba eyakhulunywa uMprofethi.
 
38.UMprofethi Isaiah Shembe, ngenkathi eqala ukuba uMprofethi, uthi: “Ngabona kuvuleka isifuba sami, kwase kuphuma umuntu, lo muntu owayeyisimo soMoya.
 
39.Okwathi uma esese mkhathini, ngabona kubhaliwe emahlombe akhe ukuthi “Shembe.” Wabuye wabuya lo muntu, wafike wakhuluma nami wathi: “Wena unguShembe, ngoba ngaphakathi kwakho kuhlala mina Shembe.”
 
40.UMprofethi u-Isaiah Shembe wabona uShembe woMoya engena kuye, wayesethi loShembe onguMoya, umprofethi unguShembe ngoba kuyena kuhlala loShembe onguMoya!
 
41.Namhla, emva kwesikhathi eside kangaka ngayibhala lencwadi ngo Babamkhulu, sekuvela intombazane yase Cameroon izofakaza ngalesi sibonakaliso sikaBabamkhulu!
 
42.UMprofethi uthi wabona kubhaliwe emahlombe aloShembe owangena kuye ukuthi “Shembe”, njengoba nami ngabhala kanjalo ku-Page 31 paragraph 4 wencwadi ethi “Izwi lezulu.”
 
43.Kusukela ku page 143 kuya ku page 148 walencwadi, ngichaza kabanzi ngoMoya Oyingcwele onguShembe. Kodwa namuhla uClaudina usezongifakazelo ngoShembe onguMoya ongcwele, yize yayingazi lutho ngaleli gama!
 
44.Iyaqhubekake intatheli ye Post ithi “Kwakunjani ukukhuluma nomuntu wasezulwini, wathembisa ukuthi uzowusindisa kanjani umhlaba kulomoya omubi?”
 
45.UClaudine uthi: “Akakhulumanga okuningi, ngaphandle kokuthi athi kumele ngiphenduke.
 
46.Wakhuluma wathi umbuso kaNkulunkulu usufikile, ususe South Afrika, abashumayeli bezwi lakhe sekuseduze balishumayele i-Afrika yonke. Kungaleso sikhathike lapho oyonqotshwa khona umoya Omubi.”
 
47.Uyaqhubekake uClaudine uthi: “Uma ngingakutshela iqiniso, ngangimesaba lowa muntu, kodwa kwathi uma eqhubeka ekhuluma, ngezwa ngingenwa uthando olumangalisayo enhliziyweni, ngaze ngafikelwa ukukhala, ngafisa sengathi engathi ukuhlala kancane angahambi.
 
48.Uma umndeni wami ungase ube nemali, singathutha siyohlala e-South Africa, sibe izakhamuzi zakhona, ngoba mhlawumbe uyothi ufika lo mbuso kaNkulunkulu la e-Cameroon, ngobe sengaba ngamathambo amhlophe.” Amein!
 
49.Kuyamangalisa lokhu kukhuluma kwa Claudine kokuthi nguMoya ongcwele onguShembe ozokwazi ukuthi anqobe i-Satanism.
 
50.Kodwa okukhulu kunakho konke ukuthi loMoya oNgcwele ungumuntu wasezulwini!
 
51.Leligama lomuntu wasezulwini uClaudena lalikumuntu onguMoya ongcwele, noBabamkhulu uthi lo muntu wangena kuye, wayesethi “Wena unguShembe ngoba ngaphakathi kwakho kuhlala mina Shembe!”
 
52.Nengelosi yathi uma isichazela ngoShembe, yathi: “UShembe” ligama lesikhulu sasezulwini!
 
53.No Claudenaufakazi ngokuthi uShembe ligama lo Moya wasezulwini ofana noJesu, oyaye usuke ezulwini wehlele kumuntu emhlabeni!
 
54.Ngithi ke kuba kuba isimanga uma sekuvela umuntu engumNazaretha ekuphika ukuthi uShembe unguMoya Oyingcwele, bese ethi uShembe nguNkulunkulu, eshiye into enobufakazi ngisho ngaye uShembe, bese ezolwela ukuthi akulandelwe lokhu okushiewo nguye!
 
55.Uthi-ke u-Claudine abashumayeli bezwi likaShembe sebekhona e-South Africa, kufanele beshumayele i-Africa yonke, befundise ngaloShembe owuMoya oyiNgcwele!
 
56.Umbuzo uthi abantu base-South Afrika bazoshumayela kanjani ngoShembe onguMoya ongcwele ngoba amaNazaretha afundisa umhlaba okuphambene nalokhu esakufundiswa nguye uShembe, ukuthi unguMoya ongcwele uYeshuwa owakhguluma ngawo kuJohane 16!
 
57.Into okufanele icace kahle ukuthi uShembe uMoya Oyingcwele, njengoba nengelosi yathi uma ifika kithi yathi: “Ngithunywa uBaba iLanga, uthi fundisa abantu ngoShembe owuMoya Oyingcwele, lo Shembe owangena 
kuBabamkhulu, uBabamkhulu waba uShembe ngawo.”
 
58.Uthi ke lomuntu wasezulwini: “UBabamkhulu embethwe nguShembe onguMoya ongcwele, wafundisa amaNazaretha ngokudumisa uJehova!
 
59.Lelibandla lamaNazaretha liyibandla likaShembe onguMoya Oyingcwele ovela ezulwini, nowangena kuBabamkhulu, okwathi ngokwembathwa yiloShembe, uBabamkhulu osenyameni waba nguMprofethi womkhathi!
 
60.Ngokwemfundiso yobu Nazaretha, uShembe onguMoya ongcwele uyefana kwamanye amakholwa noYeshua, uyisithunywa sikaJehova esizovuselela emhlabeni inkolo kaJehova owayiletha kithi ngenceku yakhe uMose!
 
61.Ngesinye isikhathi iNkosi iLanga ishumayela, ithi: “Thina balapha eKuphakameni sikholwa ukuthi uMoya kaJesu wehlela kuShembe. Wathi uma uShembe esuka ezweni lakubo, uNkulunkulu wamyekisa zonke izinto owayezithanda nowayezenza, uMoya kaJesu wehlela kuye.
 
62.Wathi uma uShembe efika lapha ezweni lakithi wawuchela loMoya kaJesu, loMoya ongcwele, lomoya owenza abantu bathandane.”
 
63.Ngakho-ke akudingeki ukuthi ukuze ube ngumNazaretha kufanele ucabange uShembe ngokwesibongo, ngoba igama elithi “Shembe” lavela ezulwini, ngeloMoya Oyingcwele!
 
64.Uma wazi ukuthi kukhona uMprofethi u-Isaiah Shembe (ukuthula kube kuye), onguMqali wendlela yobuNazaretha, uyobe uyamazi uShembe!
 
INkosi ibusise izwi layo. 
Lentshumayelo iyatholakala ku Youtube othi Rev Mpanza NCG

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *