Skip to content

UBANI INYANGAYEZULU

Bayothi, kodwa sasikhipha amadimoni, siprofetha ngegama lakho, senza imisebenzi emikhulu ngegama lakho, manje wenqabelani ukuba singene ezulwini?

Uthi-ke uJesu, ngoniphika ngithi anginazi ngoba nobe ningakwenzanga engathi kuMathewu 5:19 kwenzeni, OKUNGUKUGCINA UMTHETHO KANKULUNKULU!

Intshumayelo yangesabatha lomhla ka 17 September 2022.
132. ISIHLABELELO
Umthandazo wesikhonzi sehlupheko uShembe kwelase Ntanda ngomhlaka 5 September 1926.
 
1 Mina ngikhumbule esivinini
Ngogcina ngivalelise,
Abaningi bayongiphelekezela
Ngokumthanda uJehova.
 
Chorus: Kuhle kangaka ekhaya lethu
Lapha siyakhona,
Igolide nesiliva elihle
Alithathi lutho.
 
2 Bamenywa ngowayelenga emthini
Esiphambanweni,
Emthini wokudelwa
Umhlaba wazamazama.
Chorus:
 
3 Wayevuma ezami izono
Emthini wokudelwa,
Izinkanyezi ziwile
Ilanga lafiphala
Umhlaba wazamazama
Amatshe adabuka.
Chorus:
 
4 Mina ngaphunyuzwa
Ngowayelenga emthini,
Senizwile wozani
Ezami zagqitshwa kanye naye
Ethuneni, senizwile wozani.
Chorus:
 
1.USeptember inyanga yesikhumbuzo seNkosi inyangayezulu. UBaba iNyangayezulu wazalwa mhlaka 25 September 1906, emapulazini aseNtabazwa eFree State lapho okwakwakhe khona uMprofethi. Wahamba emhlabeni mhla ka 25 September 1995, eBuhleni eseneminyaka engu 89. Amagama akhe agcwele ngu Amos Kula Shembe. Wayeyindodana yokugcina kumadodana amathathu kaBabamkhulu.
 
2.Wafika eNatal ngo 1913 ungakakhiwa umuzi waseKuphakameni, bafikela emzini weNdia eNanda, bafika bahlala nawo. Yikho waqanjwa ngokuthi ngu Kula, okuzwakala kuyigama eliyisidlaliso.
 
3.Waqala ukufunda khona ezikoleni ezincane zaseNanda, uMatric wawenzela eMazimtoti. Eqeda uMatric waya e Fort hare lapho wafunda khona uB.A, wabuye wafundela ubuthisha. Waba nguthisha ezindaweni eziningi eNatali nase Cape Province, wafundisa iminyaka eminingi waze wathatha impesheni. Wafundisa eManzimtoti, efundisa i-English ne History. Esinye sezifundiswa zakhe eseManzimtoti kwakungumtwana wakwaPhindangene.
 
4.Kulentshumayelo angizugxila kuyimpilo yakhe ejwayelekile ephilwa yibo bonke abantwana, kodwa ngizogxila ekutheni kwasekukhuleni kwakhe ezulwini kwakwaziwa ukuthi ungummprofethi kaJehova, nanokuthi ezulwini kwakwaziwa futhi ukuthi uyohambe ahambe abe ngumholi wamaNazaretha!
 
5.Emva kokusishiya emhlabeni kukaBabamkhulu, ngo 1935, ibandla lamaNazaretha labe seliholwa iNkosi iLanga kwaze kwaba sekupheleni kuka 1976. Emva kweNkosi iLanga ibandla laholwa ngokusemthethweni ngu Baba iNyangayezulu, lisahlangene, khona eKuphakameni.
 
6.Cishe kwathatha izinyanga ezingaphezulwana kweziyisithupha, kwase kuvela indodana kaBaba iLanga, uLonda, esethi nguye okumele abe ngumholi. Kulowo mbango kwafa amaNazaretha cishe angu 4, khona emzini waseKuphakameni. Ngenxa yalezi zimpi, uBaba iNyangayezulu wawushiya umuzi waseKuphakameni, wabe eseyokwakha umuzi waseBuhleni bokuPhakama, eMatabetulu. Nokho lapha angizukhuluma kabanzi ngokwehlukana kwebandla, kodwa ngikhuluma ngeNkosi iNyangayezulu as a person!
 
7.Kwathi iNkosi iLanga isingumholi wamaNazaretha, cishe eminyakeni yama 50’s, lathi iLanga amaNazaretha akabhale zonke izindaba azaziyo ngoBabamkhulu, ngoba uma kungenziwa lokho, konke esikwaziyo ngaye kuzonyamalala. AmaNazaretha aqala-ke abhala kakhulu, akubhalile akunike uDlomo owayesengumabhalane osebenza ngokugcwele esontweni. Lezi zincwadi ezagcina sezishicilelwe phansi ngu Dr Becken noProfessor Eutheizen,ezisihloko sithi THE STORY OF ISAYA SHEMBE, zingama volume angu 8. Kulamavolumu ngithathe izindaba ezithinta uBaba iNyangayezulu njengoba zazixoxwa ngamaNazaretha emva kokuba uBaba iLanga ethe amaNazaretha akazibhale phansi.
 
9.Izindaba eziningi ngazifunda ziseyisizulu zisekuDlomo, kodwa njengoba ngisho nje, zingama volume awu 8, ziningi kakhulu izinto ongakwazi ukuzikhumbula phakathi. Mina ngazifunda zisekuDlomo, ngabuye ngazifunda sezingama volume ayehlanganiswe yilaba belungu. Angazi ukuthi zaya kanjani kulaba belungu, kodwa kwathi uma sezibuya uDr Beckeni wazininka umshumayeli uSibisi, uma ngingaphosisi. Izikhathi eziningi ngazicela kuSibisi, kodwa wenqaba nazo. U-Advocate Themba Mnyandu wayihlanganisa lemibhalo, incwadi yokuqala ithi ISIKHONZI SENHLUPHEKO, ishicilelwe ngo 2019.
 
10.Ngakho-ke nginifundela ngobufakazi bezikhonzi zikaShembe uBabamkhulu, ngezinto ababezizwa, futhi bezibona behamba noBabamkhulu, kodwa ezibhalwe ngesikhathi seLanga. Iningi labantu ababenikeza ubufakazi babengafundile, futhi bengasizwa muntu ekubhaleni ngobufakazi ababaziyo. Ubufakazi buka PHUMILE MAPHUMULO buhamba kanje:
 
11.“OFata ababili abamhlophe basemaRomeni bafika ngesithuthuthu eKuphakameni, bafike bathi: “Shembe sicela usinike oyedwa wamadodana akho siyomfundisa, sizokwakhela indlu enkulu eyisitezi, sikunike nemali eningi, ngeke uhlupheke ngoba konke okudingayo siyokunika khona.”
 
12.Uthi-ke uPhumile eKuphakameni kwafika abelungu abango Fata ababili begibele isithuthuthu esisodwa, babeze kuBabamkhulu, base becela ukuba abanike enye yamadodana akhe ukuba iyofundiswa yibo ezikoleni zamaRoma. Ngaphezu kwalokho, bamethembisa uBabamkhulu ukuthi uma ekuvuma lokho akazukuhlupheka, ngoba bazomnika imali eningi, bemakhele nendlu eyisitezi.
 
13.UBabamkhulu wabe esebaphendula-ke laboFata basemaRomeni, ethi: “Oh bantabami, nizongenza ngidelele, ngabe lezi zingane ezami yini? Cha, AKUZONA EZAMI, ZACELWA KUNKULUNKULU NGAMAKHOSI AKWAZULU ALELE OTHULINI LOMHLABA. BATHANDAZA KUJEHOVA UKUBA ABUYISE IZWE LABO ESELIZICUCU, LABA BANTWANA BAYOLIQOQA IZWE LIBUYELE ESIMWENI ESIHLE, NGAKHO KE ABASIBO ABAMI.”
 
14.Emva kokuba laba belungu behlulekile ukuba uBabamkhulu abanikeze omunye wabantwana bakhe ukuba beyomfundisa, uthi ke lonkosazana: “Emva kwaleyongxoxo uShembe wasibiza sonke ukuba size eMosethemba, okuyindlu yamakhosazana, wasibikela ngenkulumo okade enayo nalaba belungu ababehamba ngesithuthuthu, wasitshela ukuthi batheni nanokuthi yena uphendule wathini, wase ebuza ukuthi ukufundisa abantwana bami kuyanisinda yini, ngoba laba bantwana bangamakhosi enu?”
 
15.Ngamanye amazwi uthi uBabamkhulu laba bantwana ababili bayanisinda yini ukuthi nibafundise ngoba bangamakhosi enu, angazi noma niyayizwa yini leyonkulumo? Kumele labantwana ababili bafundiswe ngamaNazaretha njengoba bengamakhosi amaNazaretha, bengafundiswa ngamaRoma!
 
16.Ubabamkhulu wayenza lolusiko olwenziwa kwaZulu, ukuthi uma inkosikazi izozala inkosi, yona iyaye ilotsholwe yisizwe. Kwaqala lapho ukuthi laba bantwana ababili baziwe ngokuthi ngamakhosi amaNazaretha. Uthi-ke uBabamkhulu laba bantwana bangamakhosi enu, manje bayanisinda yini ukuthi nibafundise? Athi amaNazaretha hhayi abasisindi, kwase kukhishwa umnikelo oqondene nokufundisa laba bafana ababili, uBaba iLanga noBaba iNyangayezulu.
 
17.KumaRoma uthena uBabamkhulu laba bantwana akubona abami, bacelwa kuNkulunkulu, ukuze ngabo kubuyiswe izwe lwakwaZulu. Ngakho-ke mina angikwazi ukuthi ngininikeze imvume yokuthi laba bantwana befundiswe yini, ngoba ngabantwana bakaNkulunkulu! Kusho uBabamkhulu, akakhulumanga ngoBaba iLanga yedwa, wakhuluma ngabantwana ababili!
 
18.Ngizobuye ngibheke ubufakazi buka NONGILISHA MDLULI okuthinta iNkosi iNyangayezulu. Wachaza ukuthi igama elithi yi Nyangayezulu lisho ukuthi ‘umnikazi wezulu.” Ngezulu asichazi i-heaven, kodwa kusho izulu elidumayo, ithunder!
 
19.Uthi-ke uNongilishi. “Ngelinye ilanga kwafika indoda eKuphakameni yabika kuShembe uBabamkhulu ukuthi umuzi wayo ushawe umbani, wayesethi uBabamkhulu: “Hamba uye esitolo, eKuphakameni, uzofica abafana ababili, khuluma nomncane ngoba nguye ophethe imibani eyisikhombisa. Lendodaya yaya esitolo esiseKuphakameni, kodwa yamangala ukuthi laba bafana basebancane. Yafika le ndoda esitolo yayisithi: “Ngithunywe uBaba wenu komncane, ngizobika ukuthi umbani ushaye umuzi wami, ngitsheliwe ukuthi omncane unemibani eyisikhombisa.” INyangayezulu yakhipha iduku ngesandla ekhukhukhiwini lakhe walinikeza le ndoda. Wathi: ‘hamba, ungakhulumi namuntu endleleni uze ufike ekhaya lakho, ekhaya ulichome iduku endaweni ethize, umbani ngeke uphinde udlalele emzini wakho!”
 
20.Ngangikhona-ke mhla uBaba iNyangayezulu esichazela indaba yokuthi lemibani eyisikhombisa isibusiso sayo wasithola kanjani kuBabamkhulu. Uthi-ke uBaba iNyangayezulu “Niyasazi isibusiso? Ngasithola mina kuShembe, ngangingayanga esikoleni ngalelolanga, ngizihlalele ekhaya, kanti uShembe uyangibuka esendlini yakhe eSimothi.
 
21.Wangibiza, ngangena endlini ekhona uMfundisi uMbatha, wathi angiguqe, ngaguqa phambi kwakhe, wabeka isandla phezu kwami wathi: “UNkulunkulu akubusise, yonke imibani yezulu iyophelela kuwe, uma izulu liduma kakhulu ulikhuza, liyophela!” Ngaphuma lapho ngahamba.”
 
22.Lendaba yokuthi uBaba iNyangayezulu nguyena ophethe izulu nemibani yalo, thina e-NCG saqala sayizwa ngoNkosazana uHlaleleni. Kodwa mina ngangivele sengazi kancane ngoba ngamuzwa uBaba iNyangayezulu eshumayela ngakho enkonzweni. Kodwa angikwazanga ukuthi kusho ukuthini. Kodwa ingelosi yasichazela, yathi njalo uma kuduma izulu, noma kungolwesihlanu, sibona ukuthi lingase line, liphazamise inkonzo, anonikela NICELE KUYINYANGAYEZULU UKUBA ANINIKE INKONZO, NGOBA NGUYE OPHEZTHE IZULU. Njalo ke ngolwesihlanu siyaye sicele kuyiNkosi yamaNazaretha, iNyangayezulu ukuba isiphe isabatha.
 
23.AmaNazaretha ase NCG ayakwazi lokho, nokuthi mhlawumbe kusukela ngo 2010 kukabili noma kathathu lapho izulu lake lana ngesikhathi senkonzo yesabatha. Kwala ngisho imvula itshengisa u-100%, livele liguqubale, uma sekungena inkonzo livele lise eNqobizitha, kodwa libe lina kwenye indawo! Kanjalo, nokuvikeleka ekushaweni umbani wezulu thina sikucela kuyiNyangayezulu.
 
24.Siyakwenza lokhu ngokufundiswa ingelosi, kodwa kwangimangalisa uma sengithola ukuthi nangesikhathi sikaBabamkhulu, wathi uBabamkhulu yiNyangayezulu enikwe amandla okuvimba izulu!
 
25.Ngake ngachaza ukuthi yathi ingelosi amaNazaretha aseBuhleni enza iphutha ngokuqamba umholi wawo ngokuthi uNyazilwezulu, ngoba unyazi lungukufa noma nini lapho lukhona, alukaze lube ngukuphila. Yathi ingelosi: “Lokhu kokuthi bethi lomholi uNyazi, bamqamba ngokufa, okuyaye kuthi uma liduma, bebiza uNyazi, bese konakala izinto, izulu libulale amaNazaretha ngisho enkonzweni, ngoba basuke belubizile. Yabe isithi: “Ukuba kuya ngami ngabe bayalishintsha leligama, ngoba lizokwenza amaNazaretha inhlekisa yokuthi bethi bengamakholwa belokhu beshawa ngumbani ngisho besenkonzweni, ngoba ubizwa yibo!”
 
26.Akufanele izinto ezi-spiritual, uzithathe literally, ngoba ukungazi kwakho kungase kukulethele imbubhiso. Uthi uNgilishi, kwathatha isikhathi eside bengakwazi ukwehlukanisa phakathi kwaBaba iLanga neNyangayezulu, ngoba uBabamkhulu wayevele ethi: “Ngibizelani umfowetyhu!” uma esho inkosi iLanga, athi: “Ngibizelani uMayekisa!” uma esho iNyangayezulu. Bona bengaqondi ukuthi umfowabo ngubani, uMayekisa ngubani. Kodwa baze bakuqonda lokho later ukuthi ngoMayekisa usho iNyangayezulu, ngomfowabo usho iLanga.
 
27.Lokhu kukhuluma kuyadida, ngoba angenke uze uqonde ukuthi kwakusho ukuthini ukuthi kuthi umuntu umzala, kodwa umbize ngomfowenu. Kodwa lenkulumo ifakazela esakuveza okwakhulunywa yingelosi ngoBaba iLanga. Yathi uBaba iLanga eseyinsizwa wayesemgidini esina, uBabamkhulu ebukela umgidi enabelungu. Base abelungu bembuza ukuthi usho kanjani ukuthi uBaba iLanga uzalwa nguye, ngoba unomzimba wama-Arab?
 
28.Waphendula uBabamkhulu wathi: “UJehova enganika umuntu noma yimuphi umzimba ngokuthanda kwakhe.” Waseqhubeka uBabamkhulu ethi: “Kodwa lomntwana AKUSIYE OWAKWASHEMBE, KODWA NGOWAKITHI!” Ithi ke ingelosi: “Badideka abelungu ukuthi usho ukuthini uma ethi: “LOMNTWANA AKASIYE OWAKWASHEMBE, KODWA NGOWAKITHI!” ingelosi yama lapho, nathi ayasichazela ukuthi kusho ukuthini lokho!
 
29.Ekuhlaleni kwethu nengelosi sifunde izinto eziningi ngezwe lemimoya, ngingaba ngowakwaMpanza ngokwenyama, kanti ezulwini ngingenye into. Ngiyaye ngibone abantu bekhuluma baze bakhihlize amagwebu ngathi, bese uyazithulela nje, ngoba ngisho ukhuluma, umuntu ongafuni ukuzwa uyaye engezwa lutho!
 
30.Kodwa ngizama ukuchaza into eyodwa ukuthi uBaba iNyangayezulu okokuqala uyiNkosi yethu ngoba kwasho uBabamkhulu wathi amakhosi enu omabili. Ngakho ke, leligama lokuthi uBaba iNyangayezulu noBaba iLanga ngamakhosi, kwasho uBabamkhulu ukuthi ngamakhosi enu.
 
31.Okwesibili, laba bantwana uthi uBabamkhulu bacelwa amakhosi akwaZulu alele othulini lomhlaba, bebacela kuNkulunkulu! kashongo uBabamkhulu ukuthi bebacela kuye, kodwa wathi amakhosi akwaZulu abacela kuNkulunbkulu, ngakho ke akusibo abakhe, yize ngokwenyama baziwa ukuthi bazalwa nguye! Uthi ke uBabamkhulu laba bantwana akusibona abami.
 
32.Uma ngibheka abezizwe babesaqhuba lobu buqili kwabo ngoba babefuna ukuthi uBaba iLanga noma uBaba iNyangayezulu ayofunda ezikoleni zabo bese uma esefunda achitha lobu bungcwele okufike nomprofethi, eqale aphike isabatha, adle ingulube, bese ajatshuliswe izindlu ezinhle ezizitezi, akhohlwe ngumsebenzi kaNkulunkulu! Njengoba ngihlale ngisho inkolo yobuKrestu isikhathi esiningi imelene nokuchitha umthetho kaNkulunkulu, ngoba uma behamba engezimemezelo zezwi likaJehova, uJehova uzoba seduze kwabo!
 
33.Babefuna ukuqeda ngalenkolo ngokuba bathathe umntwa kaShembe bamgxishe okwabo, bese iyaphela lento kaNkulunkulu. Lokhu engikushoyo angikucabangeli, kwasho yena uBaba iLanga ukuthi emva kokuhamba kukaBabamkhulu emhlabeni, okokuqala kwafika kuye uMafukuzela, naye owayengumfundisi wezi mission, wathi uthunywe ngabelungu abakhulu, bathi angaqhubeki nokuhola ibandla lamaNazaretha, ngoba libandla lamaqaba, uzothi abezwa bebe belwa bebanga ibandla, njengoba sekwenzeka nje.
 
34.Bathi akeze kubo kumabandla abo aphucuzekile, bazomthatha ayofunda phesheya, ebuye bemenze umbhishobhi emabandleni aphucuzekile, kungathi efundile enoB.A ebe elokhu eyohlala namaqaba. Lamazwi aphuma kuMafukuzela ngokuchaza kukaBaba iLanga. Uthi uBaba iLanga: “Wakhuluma, wakhuluma, ngathula nje ngambuka, angaze ngamphendula. Wabathe, uthi, ‘uthini kulokhu engikutshela khona?’ uthi uBaba:L “Ngathula nje ngambuka, waze wasuka wahamba esejabhile!” Manje babezikhohlisa, becabanga ukuthi ngoba bahlale bekhohlisa abantu abamnyama, okuhlanganisa naye uMafukuzela, bengakhohlisa noBabamkhulu! Lenkulumo kaMafukuzela ikhona encwadini ka-Advocate Mnyandu ethi IZINTSHUMAYELO ZENKOSI IULANGA
 
35.Ngakho-ke sinobufakazi ngoBabamkhulu ukuthi uBaba iNyangayezulu uyiNkosi yethu, sinobufakazi ngoBabamkhulu ukuthi iNyangayezulu wacelwa ngamakhosi akwaZulu kuNkulunkulu, sinobufakazi ngoBabamkhulu nangengelosi ukuthi iNyangayezulu ayisiye umuntu ofana nathi, kodwa ngumuntu wasezulwini okwazi ukumisa izulu ukuba lingani, uBabamkhulu owathi yibo laba okukhulunywa ngabo kuSambulo 11:3.
 
36.Ngixwayisa-ke lamaNazaretha ayaye athuke iNyangayezulu, athi ubambele laba baholi ababekwe yibo, bethi umuntu wasezulwini ubambele abantu basemhlabeni, bengaboni ukuthi bamema isiqalekiso ukuba sibehlele kanye nezizukulwane zabo!
 
37.Njengoba kuvela, iNkosi iNyangayezulu kwasho uMprofethi ukuthi bangabantu basezulwini benoBaba iLanga, naye akusibona abakhe. Ama Nazaretha-ke ayaye aphatheke kabi uma ngithi sinabaprofethi abathathu abathunywa nguNkulunkulu kulelibandla. Kodwa bonke laba baholi abakhona babebekwa ngamaNazaretha, hhayi unkulunkulu, futrhi ekwenza lokho ngokwabo, nawo engathunyiwe nguNkulunkulu!
 
38.Akekho kubaholi abakhona bamaNazaretha akwaShembe ongathi wabekwa uNkulunbkulu ukuba ahole ibandla, kumbe wabekwa ngumzali wakhe naye owabe engumholi. Akekho! UNkulunkulu uma ebeka umholi, uyakusho lokho phambi kwebandla. uBabamkhulu wakusho izikhathi eziningi ukuthi uBaba iLanga neNyangayezulu bangabaholi bamaNazaretha bakusasa, ekusho lokho kuyi Hamente! Kwagcina ngoBaba iLanga neNyangayezulu ukumenyezelwa nguShembe ukuthi bangabaprofethi bakaNkulunkulu, kusho uBabamkhulu!
 
39.Uma sizichaza lezi zinto ayaye athi amanye amaNazaretha yini nina nithi abaprofethi uBaba iLanga neNyangayezulu, ababalwa ngani laba abanye? 40.Asikwazi ukubala abantu abangakaze bebalwe uNkulunkulu, ngoba lokhu esikukhulumayo kwakukhulunywa uBabamkhulu, kodwa laba abanye babekwe amaNazaretha abazange babekwa nguNkulunkulu.
 
41.UBaba iNyangayezulu wabekwa uNkulunkulu, akabekwanga ngisho uBabamkhulu, wabekwa uNkulunkulu, kusho yena uBabamkhulu! Uthi-ke uBabamkhulu laba amakhosi enu, ngakho-ke kufanele befundiswe yini!
 
42.“Omdala uzoba iNkosi eThembelimbe, omncane uzoba iNkosi ehlale eJudiya” Namanje uBaba iLanga waze wakha umuzi wakhe ngaphandle kwaseThembelimbe okuthiwa kuseKwazini. EKwazini umuzi kaBaba iLanga. EJudiya umuzi kaBaba INyangayezulu, lokho kwenziwa uBabamkhulu, wakukhuluma wakutshela amaNazaretha.
 
43.Okuhle ngoBabamkhulu ukuthi yonke into wayeyenza phambi kwamaNazaretha, ngakho-ke lezi zinto zazixoxwa amaNazaretha. Angizukukhulumake ngokuthi bagcotshwa kanjani, ngoba niyakwazi, noma abanye bekuphika, kodwa lapha bengiveza izinto iningi lenu elingazazi!
 
44.Manje-ke le ndaba yokuthi uBaba iNyangayezulu unemibani eyisikhombisa naye wayikhuluma wasichazela lokho, ngangikhona-ke mina. Njengoba bengikhuluma ekuseni ngithi uJakobe wabusisa uJuda, indodana yakhe. Wathi “ULibo lobukhosi ngeke luphume endlini yakho” kuze kube namhlanjena sonke thina maZulu siyindlu kaJuda, nengonyama iwumndeni kaJuda!
 
45.Manjena-ke sithola uBaba iNyangayezulu ukuthi wabusiswa uBabamkhulu, waze wathi uma izulu liduma noma lishaya imibani, uwena owazi ukuthi ulimise. AmaNazaretha awakwazi lokho, kodwa noNkosazana ufike wasitshela lokho. Yikhona ngiye ngithi ngiye ngingazi noma kanti noNkosazana nguye yini owayehamba noBabamkhulu, ngoba nguye oyaye asixoxele izzindaba zikaBabamkhulu, zeNkosi iLanga nezeNkosi iNyangayezulu!
 
46.Ngathi uma ngabe ngibuza kuNkosazane ukuthi yimuphi okunguyena umholi osemthethweni, owaseBuhleni, eKuphakameni naseGinyezinye, engakabi bikho owaseThembezinhle, yathi ingelosi: “Angibazi mina laba baholi okhuluma ngabo. Mina engikwaziyo ukuthi uNkulyunkulu waphuma neNyangayezulu eKuphakameni!”
 
47.Manje ungase uzibuze ukuthi uma iNyangayezulu yacelwa amakhosi akwaZulu kuNkulunkulu njengoba sichazelwa uBabamkhulu, lokho sekuzoqedwa yithi ngokuthanda kwethu kanjani? Njengoba ethi uBabamkhulu uBaba iNyangayezulu uyiNkosi yenu, lokho kuzophela kanjani? Lokhu kokuthi uBaba iNyangayezulu uphethe imibani yezulu, kuzoqedwa ngamaNazaretha kanjani?
 
48.Manjena-ke ngifuna ukuthi amaNazaretha ayiqonde lento ngoba abafuni ukufunda abantu, abafuni, ngathi uma ngisho ngithi ngiyazicela lezincwadi benqaba, zihleli nje, ngoba laba belungu bazibuyisa emva kokuba sebezihumushile bazibuyisa, ngazicela kuSibisi wenqaba siseseBuhleni sonke, ngoba mina ngangizifunda, futhi ngibhala ngazo, wenqaba nazo kimi umshumayeli uSibisi, kodwa zanikwa abelungu!
 
49.U-Advocate Mnyandu uze wazihumusha back esezithatha ezincwadi ezibhalwe abelungu. Ngamanye amazwi uhumusha lezi ncwadi from English to Zulu zibe zikade zibhalwe ngesiZulu, ngoba singeke sizithole kubantu bakithi!
 
50.Ngisho ukuthi-ke ukuthi uBaba iNyangayezulu uyiNkosi yaseKuphakameni, bese kuqhamuka abanye bethi hhayi wayebambele, ebambele bani? Uma usuthi uyabuza ukuthi uma uthi uBaba iNyangayezulu wayebambele, wayebambele bani, awuyitholi impendulo eqondile! Kodwa uBabamkhulu usitshelile ukuthi uBaba iNyangayezulu iNkosi yethu, uBabamkhulu usitshelile ukuthi uBaba iNyangayezulu wacelwa kuNkulunkulu ecelwa ngamakhosi akwaZulu alele othulini lomhlaba.
 
51.Ngisho ukuthi-ke uNkosazana uhlala engitshela ukuthi ngingavumeli indaba kaBaba iNyangayezulu iphele emhlabeni, ngoba uBaba iNyangayezulu ubalulekile kulelibandla lase-NCG. Nalokhu nje ukuthi ngikhulume ngaye ngitshelwe uNkosazana, wathi: “Khumbula phela ukukuthi lena inyanga kaBaba iNyangayezulu, ayikwazi ukuthi ize iphele ungakhulumanga lutho ngaye!
 
52.Manje, sinenkinga-ke ukuthi uma senza izinto esizitshelwa ezulwini, siye sithukwe ngabantu, besithukela into abangayazi! Njengoba ngikhuluma ngeNyangayezulu nje kusho uNkosazana wathi uyaphela manje u-September, phela kufanele ukhulume ngoBaba iNyangayezulu, ungakhulumi ngoBaba iLanga kuphela, uBaba iNyangayezulu mkhulu kulelibandla, uBaba iNyangayezulu uthembe wena ukuthi ngawe, naye ngeke akhohlakale emhlabeni noma engasekho! Senza kanjalo-ke!.
 
Isihlabelelo 203.
Wonke amaNazaretha
Makabemunye
Njengebumba
Likasimende.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *