Skip to content

MASETHEMBEKE PHAMBI KUKA JEHOVA

Ngahamba ngayotshela ubaba uMazibuko ukuthi uShembe usengisindisile angisasiboni nalesi silwane, wathi, “Sekufanele uwulahleke manje lomuthi ngoba uShembe usekukhombisile ukuthi isangoma asilutho, futhi asigcini ngokungahlambuluki, iSangoma siyakwazi ukuloya umuntu esimulaphayo.”

101. ISIHLABELELO
1 Lukhozi olunamaphiko
Phakamisa iphiko lakho,
Singene sizifihle kuwe
Dwala labadala.
 
2 Nqaba yimbe asinayo
Ngaphandle kwakho,
Esingazifihla kuyo
Thina bampofana bakho.
 
3 Sikhukhukazi esihle
Simi phambi kwakho
Akuyiso iJerusalema kuphela
Owayithandayo.
 
4 Sithande usifukamele
Sikhukhukazi esihle,
Sisebusweni bakho
Sikhukhukazi sasezulwini.
 
1.Ngibabingelele abangcwele, ngibonge ukuguqa kulendawo, ngibonge Nkosi yami ukuthi uJehova uphindile wasivumela sonke ukuthi siphinde singene sizobuthane kulendlu. Ngiyabonga nakho-nje ukunikezwa inkonzo, mhlampe uNkulunkulu waseKuphakameni kukhona ayothi uma esengibuka ngiguqile abese uyangikhumbula kukho lapho angibona khona ngingahambi kahle, mhlambe ngiyothola inhlanhla yokuqondiswa abese nami uyangipha ukuhlakanipha lokho akunikeza amaqhawe akhe aphambilini asendulelayo.
 
2.Isihloko sithi MASETHEMBEKE PHAMBI KUKA JEHOVA. Njengoba eseshilo ubaba uMelusi ukuthi iSabatha namuhla bantu nonke esikhumbuza amazwi afika noShembe, ephinda esikhumbuza ukuthi kulo lona leli Sabatha nakuyo yona lenyanga kuphinda kube yilapho esikhumbula khona iNkosi iNyangayezulu.
 
3.Ngiyazibongela phambi kuka Shembe ukuthi ngafika ngalesikhathi kuphethe yena, okwathiwa uNgumphethi wembhenge, namuhla amaNazaretha ayakuphika lokho, kodwa uNkulunkulu usekuvezile ukuthi wayengumphethi wembenge, usekuvezile uNkulunkulu ukuthi kwahamba kwagcina kuphi. Kuyimini enkulu yeSabatha, kuhlangene nokukhunjulwa kweNkosi iNyangayezulu.
 
4.Ngiyafisa ukusho ukuthi nami uJehova wangithanda ngathi ngiuqala ukwazi ukuthi kukhona umuntu okuthiwa nguShembe, ngaqala ngaye amehlo ami abona yena kuqala, kodwa ngafike ngadideka mhla ngikuzwa ukukhuluma ngifika kuthiwa nguShembe, kodwa ngelinye inlanga ngadideka uma iNkosi iNyangayezulu ithi, “Nizawushawa uShembe ngoba nami njengoba ngimi lapha angisilutho, kodwa uShembe uma ningawugcini umthethon wakhe angeke nishaywe yimi,” wathi, “Ngoba iNkosi yanisthela konke,” wathi-ke, “ UShembe uzonishaya.”
 
5.Ngase ngiyazibuza ukuthi uShembe wakuphi futhi manje, ngoba ngithe uma ngifika laphayana kwathiwa nanguya laphana uShembe, nami ngangifuna ukwazi yena ngoba ngangikakaze ngilizwe leli gama ezweni lakithi. Ngalesi khathi ngiqala ukubona amaNazaretha, ngangibona omunye ubaba owayemdala kubo engangibabonile amaNazaretha ngase ngibona ukuthi uyena onguShembe, kodwa ngahamba ngahamba ngahamba ngathola ukuthi akusiye uShembe, uShembe angikamuboni.
 
6.Ngaqala ukumbona eJudiya emzini weNkosi, ekuyilapho futhi engabhabhathiswa khona, ngabhabhathiswa ngumfundisi uMadlala. INkosi iNyangayezulu bantwana bakwethu uJehova wabe esithandile ngayo, kodwa asibonanga ukuthi uJehova uyasithanda. Ekuhambeni kweNkosi iLanga, ibandla laholwa nguye uBaba iNyangayezulu (njengoba sengishilo ukuthi ngafica yena).
 
7.UBaba iNyangayezulu ngiyamkhumbula, ngimkhumbula ngifika kuye ngigula sengiwuqhoshwana, ngangihlushwa isilwane esasifika ngisho emini, ngangingakwazi ngisho ukuphuza amanzi ngoba sasingafuni ngisho ukungibona ngidla. Ngangiphathwa isibeletho esasibuhlungu kube ngathi sinenhlabathi, kwakuthi uma nje kuke kwaba namafu, ngiqale ngilale phansi.
 
8.Ngithi-ke bangcwele akukho lapho engangingasafikile khona ngalesi silwane, ngoba sasingasafihlekile, sasizifikela sona ngoba sasithunywe ukuthi asizongibulala. Kodwa bantwana baseKuphakameni inhlanhla engayithola ngathi ngikomunye umama ongumthandazi futhi oyinyanga okwakuthiwa uyakwazi ngempela, uyena ongasinqoba ngoba wayebasizile abantu ngokusho kwabantu ababesikhombisa yena.
 
9.Ngafika nami wayesethi angihlale ngoba lesi silwane sinamandla kakhulu, kodwa lesilwane salwa kakhulu ngesikhathi sengihlala kwalomama, sasisho ukungibulala. Kwathi ngenye imini kuzosa kube yiSabatha ngingazilutho ngisewumuntu nje osebandleni lamaKrestu, kwase kufika umprofethi uBabamkhulu, wafika ehamba ngehhashi, ehamba nezigidi ngezigidi engeke ngikwazi ukuzibala kodwa ngathi uma ngithi ngiyajabula nami ngoba kwakungathi ufikele ekhaya komama.
 
10.Ngathi uma ngithi ngiyaya kulezi zinkulungwane, ngangakwazi ukufika kuzo, kodwa wase uBaba ukhipha amakhosazana amabili eza lamakhosazana (kwakungesiwo ngisho amakhosazana kwakungama shesha kungena). Zafika lezi zingane zathi kimi, “Uthi uBaba asikusthele ukuthi…” ngoba ngathi ngase ngiphethe ukudla ngithi ngipha labantu ababehamba noBaba.
 
11.Bathi, “UBaba uthi asikutshele ukuthi labantu ohamba nabo angeke bakudle lokudla ngoba kuphekwe ngeSabatha, wayesethi uBaba asikutshele ukuthi uma ngabe ufuna ukusehlula lesi sitha esibhekene nawe esikubulalayo, uthi uBaba asikutshele ukuthi gcine iSabatha.” Ngangingalazi isabatha. Kimi kwakungenye into engangingayazi nje, eyayingakaze ibekhona ngisho ezweni lakithi ukuthi yini iSabatha. Kodwa bantwana baseKuphakameni ngahamba ngibuza kubantu ngiseGoli, ngangilaphana e-Extention 2 eThokoza, lapho okwakunalomama khona.
 
12.Ngase ngihamba bese bathi abantu cha…Oh angihlehle ngibuyele laphana uBabamkhulu esho njena, ngicela ukuhlehla ngikusho konke okwenzeka. Uma uBabamkhulu esethena angigcine iSabatha ngabe ngaleyo mini ngakwazi ukuvuka, ngakwazi ukunyathela. Ngase ngiyacela kulomama ukuthi ngicela ukuthi ngiye kwababa omncane (kwakukhona ubaba omncane wami owayelaphana eThokoza, kanti nase Sipedi nganginaye futhi omunye ubaba omncane owayekhona).
 
13.Ngase ngithi-ke ngisaya kubaba omncane, wathi, “Uzizwa unconywana?” ngathi, “Ngizizwa nginconywana ngingakwazi ukuhamba.” Ngakwazi ukuhamba, ngasuka ngezinyawo e-Extention 2 ngaze ngayofika eBulati. Ngangingayi khona kwababa omncane, ngangifuna ukuyobuza ukuthi yini iSabatha, ngibuza kubantu ngoba kwakuneSonto lamaKrestu.
 
14.Ngafika lapho ngabuza uma ngihlangana-nje nabantu kodwa wase uyangintshela omunye engahlangana naye wathi, “Hhayi uma ufuna iSabatha funa umuntu okuthiwa uShembe,” wathi, “Hhayi bakhona abantu ungathola laphana…” wase engiyalela omunye umuzi wakwa Mazibuko okhona laphayana. Wathi, “Uma uhlangana nomuntu-nje onesihluthu uyikhulume lendaba, ibona abazi lendaba abazi uShembe.”
 
15.Ngangena kwababa uMazibuko ngayichaza lendaba njengoba ngiyichazile, kodwa bantwana baseKuphakameni okwavela lapho uShembe wabona ukuthi ngizolashwa, kodwa ngizokufa. uNkulunkulu wayengithande kudala, kwakuvele kukhona izinto ayezibekile kimi ukuthi uma sengiholelwa ophathe bese ziyavuka lezi zinto ziyasebenza.
 
16.Umuthi walomuntu ngesinye isikhathi wayethi anganginika ngigule kakhulu, ngelinye ilanga ngibone sekusondela yena, kodwa kulokhu kubakhona umuntu owayeqhamuka abe kude ngingamboni, athi, “Lomuntu lona usefuna ukuthi akwenze isigqila, uzosuka lapho, uzogcina ethi kufanele uthwase, usekubonile ukuthi wena unamandla okuthi ubone ubhule,” kodwa ngangingakaze ngibone lutho.
 
17.Bantwana baseKuphakameni konke-ke lokhu, ubaba uMazibuko sengiyile lapha ngibuya zenzeka lezinto zemithi engithi ngingayidla kusuke yonke into kuqhamuke izinto engingaziboni kahle. Ngaphinde ngabuyela kubaba uMazibuko ngoba sengitholile ukuthi uyamazi uShembe, bakhonza khona.
 
18.Ngathi, “Baba lenyanga engilaphayo uma ngidle umuthi wayo kwenzeka nje kwenzeke nje kwenzeke nje, angazi kukhona umuntu oqhamukayo umuntu ole kude angimuboni ukuthi ungubani, kodwa uyangitshela ukuthi manje uyangixwayisa ukuthi lomuntu manje usefuna ukwenza imali ngami, manje ufuna ukubhula, usebonile ukuthi ngingabhula kakhulu mina kunaye, ngimenzele abantu, wathi awuyukuphinde uye kini, ukubophe izinyawo nezandla uyomenzela imali.”
 
19.Ngase ngimutshela ubaba uMazibuko, wathi ubaba uMazibuko, “Mntanami lapha eKuphakameni amanga awaqanjwa, kodwa ngizakunikeza nanka amanzi abusiswe nguShembe,” wathi, “Ake kuthi uma ekunikeza lemithi uhambe nje njengoba ubuye uhambe ubuyele emuva noma khona la phakathi, uma ekunika lomuthi uwuchele ngalamanzi abusisiwe, uwuchele uShembe uyakukhuluma.” Ngangingazi ukuthi kuzokhuluma uShembe wakuph,i ngoba sasazi uJesu.
 
20.Ngakwenza lokho, lomama kwakuthi njalo ekuseni abhule ngaphambi kokuba akunikeze umuthi, wayeshaya amathambo abhule ukuthi kufuna akunike muphi umuthi. Wathi uchele lo asuke ekunike wona ungacheli izikhwama zakhe, uchele lo akunika wona, lo othi ungawudla bese kwenzeka izinto ezimbi. Ngakwenza lokho, wathi uyawathatha bangcwele amathambo uyawashaya, wabathi uyawashaya wabathi uyawashaya wawathatha wawabuyisela esikhwameni wangasazi wazulazula wazula zula.
 
21.Uthe esuka lapho wabe esethi kimi usaya eKomatiport lapho athwasa khona, wathi uyabona ukuthi izinyanga ezinye sezimphambanisele, akasakwazi manje ukubona amathambo, wathi ubuyela khona lapho athwasa khona kugobela wakhe, wathi angike ngiihambeke nami ngibuyele ekhaya. Mina ngangizolashwa, ngizolashwa-nje ngangingazile ukuzothwasa kodwa ngangizolashwa.
 
22.Bantwana baseKuphakameni kanti ubaba uMazibuko usho njena ngakhumbula ukuthi mhlambe kwakungenxa yokuthi ngelinye ilanga ngangike ngivuke ekuseni nami angazi ukuthi kwakwenzeka kanjani, ngangibese ngimxwayisa ngeszinto ezithile, ngimutshele nje engathi ngiyamxoxela nje. Ngangikhule-ke nginjalo kodwa ngangingaze ngaba yiso isangoma.
 
23.Bantwana base Kuphakameni, kunjalo ngazi uShembe, ngase ngimazi uShembe ngobaba uMazibuko engangibuze kuye, kodwa ngangazi uJesu engangikhuliswe ngoJesu ekhaya babengamaKrestu. Sakhula sazi ukuthi akukho okunye ngaphandle kuka Jesu. Wase-ke lomama-ke useyahamba-ke useyakhona le. Ngesikhathi ehambile lomuntu owayememeza engingamboni ulapha kude wayelokhu eshilo ethi, “Uyolanda imithi esabekayo!” wathi, “Usebonile ukuthi manje usuyabaleka manje usufuna ukuya kuShembe.”
 
24.Ngoba namanzi ngangingathi ngiyawaphuza lamanzi ngizizwe ngiba umuntu. Ngangiwaphuza ngizwe ngikhumbula nento ebesengiyikhohliwe, okunye ngangivele nje ngikhohlwe ukuthi lomama wenzeni zonke izinto ayenzenza ezazingasafanele ukuthi azenze kodwa ngangithi ngingaphuza lamanzi ngikhumbule yonke into ukuthi konje uke wenza nje.
 
25.Wahambake umama, wayengitshelile ukuthi ngibuye nini, wafikeke wakuthola ayekulandile okwaziwa nguye, kodwa ngathi ngiyafika ngalolo suku ayethena angibuye ngalo ngamfica ehleli ekhoneni ekhala, ngoba angimile uthe ubaba uMazibuko, “Ungawulahli lomuthi uthuthe nawo noma uyaphi kodwa-nje uthi ungacabanga-nje uthathe lokhu ukuthele ngamanzi, uthi Shembe khuluma manje kwenzakalani ngami?” Nngangikwenza lokho, angazi ukuthi ngangikwenza kangaki ngoba ngangithi ngingacabanga-nje ngigijime ngithathe lamanzi ngithele lomuthi.
 
26.Ngamfica ehleli lapha ekhoneni ekhala, lapha kungumgibe khona kugaxwe lama hiyakhe ezangoma, wawuphukile unqamukile, wathi unqanyulwe izilwane. Ngathi ngiyambuka ngamthola angensenazo izinwele, edlavuzekile nje edlavuzeke wadlavuzeka engathi kukhona umuntu okade emgunda egundwe njengomthakathi uma ebuya le (kukhona indawo ngapha eSwazini okwakuminyiswa abantu abanukene kuthiwa kuyiwa emhlahweni).
 
27.Lona-ke wayebuya egundwe kabi, amaSwazi amuhluthula amucutha amucutha izinwele wabuya eyinto eyinhlekisa kuthiwe wuye lona onukiwe isangoma sifike samshaya. Manje-ke ngithike bantwana baseKuphakameni, ngamudabukela ngase ngiyakulibala lokhu kwaMazibuko abekusho.
 
28.Uthi-ke lomama uthe uma isitimela sesiyongena e-Spring, uthi kwafika abantu uthi bafike bambamba bamgunda bamgunda, nalowo muthi abewunikiwe uthi bawuthatha bawukhipha ngefasitela isikhwama sonke basilahla, bamushiyela ithikithi lokwehla esitimeleni.
 
29.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, ngabuyela kubaba uMazibuko ngayokusho, wathi, “Mntanami ngikutshelile ukuthi lapha eKuphakameni amanga awakhulunywa, ngangingeke ngisho mina ngiwumuntu ukuthi lomama wenzani.”
 
30.Wathi, “UShembe usekhulumile-ke,” wathi, “Ubengeke agundwe, kusho ukuthi ugundwe ngabasezulwini, ubefuna ukukubulala impela lomama ufuna ukusebenza ngawe umsebenzi wezinyanga.” Ngaphunyulwake bantwana baseKuphakameni kanjalo, izwi lokuqala lathi, “Uma ufuna ukwehlula isitha sakho, gcina iSabatha.” Ngase ngiligcinake bantwana baseKuphakameni, ngiphethe lomuthi sengiyaligcina iSabatha, sengiwuphathele ukuwuchela.
 
31.Ngangithi noma ngihamba ngiguqe ngiwufake kulendwangu ngihambe nawo uma ngifika lapho ngifika khona noma ngivakashile ngikhumbule ukuthi kunento okufuneke ngiyenze ngikhiphe amanzi ami abusisiwe ngichele laphayana. Sagunda isangoma, lo asanikelwa ngamagwababa ezulu ngoba wayehlutheke wahlutheka, kodwa uthi kwafika abantu, akasho ukuthi kwafika izilwane, ngambuza ukuthi labantu ungabakhomba yini uma ungase ubabone, uthi angeke ababone.
 
32.Ngahamba kanjalo bantwana baseKuphakameni, ngaphunyula kanjalo ezangomeni uShembe ayengisindisile. Ngahamba ngayotshela ubaba uMazibuko ukuthi uShembe usengisindisile angisasiboni nalesi silwane, wathi, “Sekufanele uwulahleke manje lomuthi ngoba uShembe usekukhombisile ukuthi isangoma asilutho, futhi asigcini ngokungahlambuluki, iSangoma siyakwazi ukuloya umuntu esimulaphayo.”
 
33.Ngabese-ke ngiyahamba sengiya nabo eJudiya lapho engabona khona iNkosi yaseKuphakameni iNyangayezulu, lapho engayifica ikhuluma ngoShembe khona kodwa ngangitshelwa ukuthi nangu uShembe ngangihamba nondlunkulu wakwa Dlamini eDumbe. Uyena owangiphatha ehamba nami, ngisho ukubhabhadiswa ngangena ngoMnazaretha walowo ndlunkulu, uyena owafika wathi, “Akufanele-nje uhambe ungabhabhadiswanga.”
 
34.Angazi ukuthi wayebonani. Ngempela-ke kulapho bantwana baseKuphakameni uBaba iNyangayezulu ayethi abantu abavume izono (engihlala ngikhuluma ukuthi ngaba nomngane wami okwathi uma sekufike kuye kuthi asho ukuthi kuphi akwenzile, wavele wathi, “Baba ngone konke,” wathi, “Umhlaba unjena-nje kungami.” Waphuma wathi bengifuna ukusuka kulomuntu ngoba akabukeki, sesisobabili ngithi, “Ntundu uthini manje?” wathi, “Bengifuna ukubaleka.”)
 
35.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, ngiphakamisa ubukhulu, ubukhulu buka Jehova angithanda kwabuya kwehla uMprofethi ezulwini engibona ukuthi nakhu ngiphethwe izandla zabantu ekungafanele ngiphathwe yizo. Wangilamulela bantwana baseKuphakameni ngoba kunalento ebonwa ngabantu engingayiboni, isangoma sasibonile ukuthi sizakuba rich ngami and sasizoba rich ngoba uNkulunkulu wahlanyela enye into kimi, abantu bathi uma sebeyibona abantu ababengizwa ngikhuluma babethi, “Hhayi unedlozi elikhulu kabi lomntwana unedlozi elisabekayo.”
 
36.Kanti cha nginoNkulunkulu osabekayo ongafaniswa nalutho. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni iNkosi iNyangayezulu ngiyayikhumbula ngifika kuyo ngibika lesi silwane, kwakukhona omunye umama owayezobika umntwana wakhe owangathi uphambana umqondo. Lapho iNkosi iNyangayezulu… ngaba semva kwalomama wathi, “Baba umntanami…” (wayeyiNazaretha nalomfana eyiNazaretha, embambhe ngesandla) wathi,
 
37.“Ngibona engathi uyaphambana ngoba manje uye athi-nje ufuna isimbo, siphi isimbo sakhe ufuna ukuyokumba imithi.” Wathi uBaba iNyangayezulu, bayamazi-ke abantu bonke, wathi uBaba, “Pho awumniki ngani ngoba uyakuchazela ukuthi ufuna isimbo, ufuna ukuyomba umuthi wakhe, manje mina uthi angale umuntu efuna isimbo? Akashongo ukuthi ufuna uNkulunkulu, akasho ukuthi ufuna uShembe.” Athi, “Musa ukumephuca isifiso sakhe.”
38.Akhale lomama abe wuhlanya khathi uBaba esho nje. Kwagcine ethi akahlale alinde, kwafika mina nami ngabika lendaba yalomama, ngibika indaba yalesilwane ngathi, “Baba lesi silwane noma singasabheki kimi kodwa siyangifungela, ngelinye ilanga sathi sizongithola esitolo, ngake ngahlala ngangaya ezitolo ngoba sathi sizongithola esitolo.”
 
39.Ngamtshela uBaba noma waqala-nje kwangathi uyahleka uBaba, wathi, “Hawu sithi sizokuthola esitolo?” ngathi mina, “Yebo baba ngisibona silapha ekhaya,” ngamtshela ukuthi uBabamkhulu wathi angigcine iSabatha. Wathi, “Sithi sizokuthola esitolo? Noma uligcina iSabatha sithi sizokuthola esitolo, uyaligcina iSabatha?” Ngathi, “Yebo baba angisakudli ukudla okushisayo ngesabatha,” kodwa ngangiwumuntu nje wezwe.
 
40.Wathi uBaba angikaze ngiligcine iSabatha, wathi, “Sizakuthola esitolo ngoba awufuni ukugcina iSabatha.” Wagcina uBaba ethe iNkosi ingibusise wathi angihambe, la eKuphakameni kwakusenomthetho wokuthi wawungazi bholofithi wena, wawungathi uma uhluphekile uzibholofithe ubone ukuthi into engakusiza ngamafutha noma ngamanzi noma intambo noma yini, wawufika ubike. Wayesethi-ke uBaba angihambe-ke ngiyothenga amafutha ngiwalethe azowabusisa.
 
41.Ngakwenza lokho namanzi, ngase ngiba namanzi engiwanikwe uShembe lawana anginqobela nawo ngangiwanikwe ngubaba uMazibuko owayelaphana eMngadi eSpreti. Ngawathatha amanzi ngathi ngoma ayemancane, ngathola okuyisigujana nje okuncane. Ngathi nje ngisuka ngawagambalazela wonke ngingazi ukuthi athelwa emanzini, ngagambuzela namafutha lawa ngangijabula ngangingakaze ngiwabone.Ngawakha ngawo umunywe ngawadla, ngagila nje iziga ngijabulela nje ukuthi ngiwanikezwe uBaba angiqoda amaNazaretha bathi, “Akufanele ukuthi wenze njena.” “Kufanele ukuthi kube njani?”
 
42.Kwathiwa, “Sewonile ukuthi uphuze lamanzi, bekufuneka ukuthi uwathele phezu kwamanye ube nawo.” Babenginakekelake laba engangifike nabo, bahamba bayongifunela amanye kodwa ngawashaya ngawaqeda ngawashayela phezulu, uBaba esengitshelile ukuthi sizawuhamba. Sahamba lapho bantwana baseKuphakameni, asizange siphinde sibuye sibuye, sasukka ngoba kwase kukhuluma umuntu owayegcotshwe ezulwini, owayenelungelo lokusinqoba.
 
43.Ngithi ngiyamkhumbula uBaba eqeda indlala ezweni lakithi komunye umuzi kwaMahlaba. UBaba iNyangayezulu wakha umuzi owasubhidlikile, ewakha ngamandla kaNkulunkulu owayemubekile ngoba uNkulunkulu akakubeki kuphela kodwa uyakunikeza amandla okuthi kuyakufika abantu kuwe abahluphekile, lamandla uyowathatha uwasebenzise lapho.
 
44.Kwathi umuzi sewubhidlika bebanga ukuphela kokudla, umyeni ethi, “Yilona othatha ukudla akuse kubo ngoba kuseduze.” Kodwa kwakusekhona abantu abanesihawu, kwakusekhona abantu abanozwelo kulelibandla, kwathi uma eyixoxa indaba, wayixoxa namakhosikazi angamaNazaretha base bethi, “Awulunge siyahamba siya eLinda, asambe nawe siye kuShembe.” Waseke esukumake umakoti ehamba nabo, uma efika le kwathi sekusele-nje abantu abahlanu phambi kwakhe, iNyangayezulu yambiza yathi,
 
45.“Kwenzenjani?” wathi, “Baba ngiyahlupheka umyeni wami useyangixosha uthi ngintshontsha inkuku nemali ngiyiyise ekhaya.” Wathi uBaba, “Wena uyintshontshelani?” wathi, “Baba angikaze ngiyithathe yonke into nje ngithi ngiyayiphatha ivele iphele, ngithenge isaka uma ngike ngathi impuphu ngipheka ngicaphuna kanye livele liphele isaka. Nokudla nje uma ngikuphekile noma ngikupheke kube kuningi ngizothi ngiphaka nje ngiphakela abantwana anginazo ngisho izingane eziningi kodwa kuyaphela.
 
46.Yayisithi-ke iNyangayezulu, “Uye umbone yini lona ofika uma abantwana bakho bedla afike ababuke?” Wathi-ke umakoti, “Cha akekho baba umuntu ofikayo,” wathi uBaba, “Kukhona umuntu ofike ahlale abuke abantwana bakho bedla.” Wakuphika lokho lomakoti, wayesethi-ke uBaba akake ayohlala phansi acabange kahle, wahamba-ke wahlala phansi.
 
47.Wabuya wathi, “Baba sengicabangile yikati engike ngilibone lifike lihlala nabantwana bami uma bedla bese lisukuma uma sebeqedile.” Wathi uBaba, “Akulona ikati umuntu,” wathi, “Ilona ikati Baba umuntu angikaze ngimubone.” Wayesethi uBaba, “Hamba uyofuna amanzi uze nawo la, ngizokubusisela wona uyobuye ungitshele ukuthi yikati yini leli.” Wawabusisa-ke uBaba, wahamba kanjalo umakoti ebuyela ekhaya.
 
48.Wathi uBaba, “Ufike uchele emzini wakho ugezise nabantwana bakho ugeze nawe, uma ngabe lelikati seliqhamukile uhambe ulibheke nize niqede ukudla, uma selisukuma ulilandele noma lingangena emzini wenkosi ungene kulendlu eliyongena kuyo ubuye ungitshele ukuthi ikati yini?” Nangempela bantwana baseKuphakameni wenza njalo lomakoti wahlala walinda esebaphile abantwana ukudla laqhamuka ikati lazobabuka, lababuka lababuka baqeda ukudla laflathela lahamba.
 
49.Wenza lokho iNkosi eyayikushilo walilandela, laye lafike langena komunye umuzi. Walilandela langena endlini wangena nalo, uthe uma esefika laphana isalukwazi sithi, “Hawu nguwe? Hawu!” uma esebona ukuthi isalukwazi, wathi kwangathi uyaquleka kancane wathi, “Hawu yini uzoqulekela lapha?” wathi, “Hhayi nginekhanda elivame ukungihlupha.” (washo njalo namhla engitshela (audio unclear)).
 
50.Uthi-ke, “Ngathi bengilandela ikati.” Uthi sathi isalukwazi, “Akukho kati la yimi engiqeda kungena la.” Uma efika la kunezijumbana zikashukela zempuphu zayo yonke into nemali, izijumbane izijumbane angazazi kubekiwe nje phansi njengeminikelo yebandla. Wahamba-ke uMamshengu wase ebona lapho ukuthi iNkosi iNyangayezulu yabe iqinisile ukuthi akulona ikati umuntu. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngiyamukhumbula uBaba nangomusa ayenawo kodwa umusa wakhe wawumuhle ngoba umusa wakhe kwakungesiwona umusa osebenza endaweni engafanele.
 
51.UBaba waliphatha ibandla yedwa kwaze kwafika izinsuku zakhe zokugcina, uBaba iNyangayezulu waba isambatho sebandla lonke. Nangezikhathi ephethe yena akuzange kube khona loku kuxabana okungaka ngoba iNkosi iNyangayezulu yayinekhambi elihle kabi lokunqoba amanga ngoba uBaba wawuthi uma ufika uzoqambela umuntu amanga, athule uyothi uma esembona lowo muntu aqale athumele ukuthi kuyobizwa wena engakabizwa lowo muntu, abese eyiqala indaba kubonakale lapho ukuthi ubunamanga.
 
52.Amanga-ke kuleli bandla awazange ayithole indawo ngezikhathi zikaBaba iNyangayezulu, ngoba uBaba iNyangayezulu ibandla wayeliphethe ngokukhulu ukuhlakanipha. UBaba iNyangayezulu wabonakala ukuthi ungumgcotshwa kaNkulunkulu, owaphathiswa into kaNkulunkulu futhi nayo yavuma ukuhlala kuye.
 
53.UBaba iNyangayezulu wamsebenzela uNkulunkulu noma izitha zazimhlasele akazange abuyele emzini wakhe ayohlala athi amaNazaretha ayabona ukuthi ngiyahlaselwa kodwa uBaba wakhetha ukuyozula emahlane ekhumbula isibopho esaboshwa nguJehova ngaye mhlazane ebagcoba beboba bili noBaba iLanga. UBaba iNyangayezulu uyena owakha umuzi waseBuhleni neminikelo abe eyithola, akazange uBaba leyo minikelo azicebise ngayo.
 
54.UBaba akazange abe umholi okhonze ubucwebe cwebe, nemoto abehamba ngayo wayehamba ngayo ngoba engeke ahambe ngezinyawo njengomuntu owayesekhulile. Ngithi-ke siyamkhumbula namuhla simkhumbula ngoba waba nokwethembeka phambi kuka Jehova, wathembeka kubantu ababe kade bekhona, wathembeka kubantu ababengekho, wathembeka phambi kukaJehova.
 
55.UBaba iNyangayezulu wayenenhliziyo enhle kangangokuthi wakwazi ukukhulisa afindise izingane zeNkosi iLanga ezabe ezinye zingamufuni. Omunye umuntu wayengathi, “Angisazifuni nje noma iyiphi ukuthi ihlale nami.” Kodwa uBaba iNyangayezulu akuzange kube njalo, uBaba iNyangayezulu kuphethe yena akekho umuntu owayengaba namandla okuxosha noma munye umuntu, angiyiphathi-ke eyabafundisi.
 
56.Esephathekile esegula kwake kwabakhona isikhathi lpho ibandla elaxokozela khona kwabakhona abafundisi abakhishwayo kodwa uBaba wathi uma ebuza wathumela wathi ababuye abafundisi, ngubani lona onesibindi sokuxosha abafundisi? Abafundisi ngubani okwazi ukubaxosha? Ibandla labumbeka, sazwana kwaba mnandi ngoba sasiphethwe umuntu oneqiniso, sasiphethwe umuntu owayengumphethi wembenge, sasiphethwe umuntu owayenoMoya kaNkulunkulu bantwana baseKuphakameni.
57.Ngithi-ke bangcwele ngiyamkhumbula uBaba noma abengenabo ubunjinga obungako ibandla lalinikela kodwa kwakunganikelwa kangaka, kodwa uBaba iNyangayezulu ngezikhathi zobandlululo, wahamba wafika eGoli wafikela laphana kwaNkomo eRockvile eSowetho, walala emzini kaNkomo emzini womuntu enguShembe, noma engumgcotshwa kaJehova agcontshwa emncane, uJehova wabeka into yakhe kuye, kodwa wangena emzini kaNkomo walala, ngoba wayesebenza umsebenzi wakhe ayekade ewuthunyiwe, wayengathunywanga ukuthi kufanele ukuthi aye endaweni ngoba ezakwakhelwa indlu enkulu ekuzoba ngeyakhe.
 
58.Akazange uBaba iNyangayezulu abe nomuzi eGoli, akazange abenayo indlu, kodwa wafikela emzini wabantu wayesebenza kuze kube sebusuku abantu befika bezobika ngoba wayegcotshwe nguJehova. Akazange abufune ubucwebe cwebe, akadumanga ngobunjinga waduma ngokusebenzela uJehova, waduma ngokulunga, waduma ngokungaphindiseli, waduma ngokuzehlisa phambi kukaJehova. Amazwi akhe athini?
 
59. Athi bonke abahamba nami abangayi ukuyokulwa ngoba kuzochitheka igazi uJehova abese eyahamba phakathi kwethu, ngoba impokophelo yakhe yayiwukuthi uJehova akahlale ekhona phakathi kwabantu. Ngalawo mazwi awasho wahlukanisela abantu ukuthi imuphi umuntu ongumgcotshwa kaNkulunkulu, kodwa owayengagcotshiwe wabanikeza izikhali abantu wathi ababulale abantu kodwa ogcotshiweyo wathi, “NINGANGENI NILWE NICHITHE IGAZI, UNKULUNKULU UZOHAMBA.”
 
60.UNkulunkulu-ke wabona ukuthi akasenayo indawo lapha kulomuzi, wayesehamba noBaba iNyangayezulu ngoba iNyangayezulu yamesaba uJehova, ayizange izesabe yona ayizange izihloniphe yona yamusaba uJehova seyibhekene nezitha yathi, “Akunanandaba noma ngimdala akuthiwe ngabaleka, akuthiwe ngiyigwala, kodwa uJehova yena ngimesabe.”
 
61.Sagcina lapho bangcwele ukuba noShembe, sagcina lapho ukuba nomuntu owesaba uJehova, sagcina lapho ukubona amehlo ethu abona uBabamkhulu ngaye ngoba yena wayebekwe wuye ethunywe nguJehova. Kwacacela bonke abantu ngisho ababengekho, yavuka into eyayibekwe uJehova, yavuka lapho kufanele kufe khona abantu, yavuka yasebenza yathi wena ungumgcotshwa kaNkulunkulu, abantu kufanele babaleke bakhosele kuwe, ungalichithi igazi!
 
62.Wonke umhlaba wabona ukuthi nangu umuntu onikezwe indaba kaNkulunkulu, nangu umholi waleli bandla. Nangempela bangcwele ngisho impumputhe engaboni ngisho uhlanya ngishoni ngisho isiphukuphuku, wawuthi uma uthi ufuna uShembe zikutshele zithi uShembe ungapha.
 
63.Sasedlula sedlula ngamabhasi sizinkulungwane siphikelele lapho kukhona khona umngcotshwa kaThixo, kwodwa ukuba ngumgcotshwa kaNkulunkulu kwabonakala lapho uma ngabe ehlaselwa ingane eyizala, ngoba yayizalwa ngumfowabo, angasho lutho angaphindiseli. Ngokusaba umuntu omdala angabuyiseli, uma uzibona ngokuthi uyiqhawe ngoba ushaye umuntu omdala wangabuyisela, kuyakubuyisela uJehova!
 
64.Abalandeli babephikelele ukufa kodwa ayizange isho lutho (iNyangayezulu) yathi abangalichithi igazi. Ngiyikhulumela lendaba ukuthi abantu ababengekho bangathi uma ngabe bebona izinto ezenzeka namuhla laphana emzini kaNkulunkulu eBuhleni bacabange ukuthi izinto ezazikhona, cha izinto ezifika noSathane, uma esehambile uNkulunkulu kubonakala ngamathuluzi kaSathane, uthi uyakhuluma ubone abantu begaxe izibhamu besho ukufa manje bethi, “Ngingakubulala manje mina.”
 
65.Asikwazi lokho thina sifika kuBaba iNyangayezulu, asikuzwanga lokho ngoba sasifundiswa ukuthi ungakucabangi ukukhipha umphefumulo womunye umuntu. Ngafica abantu bekusaba lokho ukuthi uShembe washo njalo kodwa namhlanjena izinkulungwane nezigidi zivele zithi zingashaya umuntu zichithe igazi egcekeni lomuzi kaNkulunkulu, kuchithwe igazi lokho kukhombisa kona ukuthi akasekho uNkulunkulu owayekade ehamba nobaba iNyangayezulu kwakhiwa lowa muzi.
 
66.Wawungadingi ukuthi uze uyofika kuBaba eBuhleni, wawuthi uma uthi uma wehla etekisini, uma usungena ngaphakathi ejalidini laseBuhleni, wawuzwa ukuthi usunyathela komunye umhlaba. Wawuphila wawuya-nje usuyoba ukuthi, “Ngiye ngihlushwe into ethize,” kodwa ufike uphila ngoba uMoya kaNkulunkulu owawembhethwe uBaba iNyangayezulu wawumbatha bonke abantu abagulayo balapheke bengakafiki kuye.
 
67.Ngithi-ke siyamkhumbula, simkhumbulela ukuthula akwakha kuleli bandla nezimfundiso abefundisa ngazo abantu, akukho akushintsha kulokho uBaba iLanga ayekushilo. Nezihlabelelo akazange abe nazo wayethi uma ekhuluma athi ayikho into engizoyenza kini ngoba iNkosi yanitshela, anifuni ukuzwa.
 
68.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, amazwi nami engizibongela ngawo kuShembe okuthi kwathi uma sekufika isikhathi esinzima, wafika uShembe wathi hamba wangiqoqela ezandleni zaloyo owayengumphethi wembhenge bantwana baseKuphakameni uBaba iNyangayezulu ngisho nanamuhla noma ngabe esesusiwe kulomhlaba kodwa iNkosi iNyangayezulu noma uthi uyanikela uye uzwe ukuthi ukhuluma ngomuntu owembhethe uMoya kaNkulunkulu.
 
69.Bonke abantu abamethuka, bonke abambiza ngamagama amabi bathi uyena owahlukanisa ibandla, kodwa namhlanjena kuphendula uJehova, ababembeke phezu kwekhanda lakhe uBaba namhlanjena angisabi ukusho ukuthi uJehova uyaphendula uma esephendula akekho umuntu oyophikisa impendulo kaJehova.
 
70.Bakhuluma abantu abazi uBaba iNyangayezulu, bakuphika okunye bathi akukaze kwenzeke kanjena, kodwa zathi izitha zikaJehova akasiye umuntu, wenza lokhu nalokhu nalokhu nalokhu, ayengakufanele, wayebambele, kodwa bona labo ekwakuthiwa… ngihlehle kancane, ngithi ngimangale ukuthi ngoba bahlala bathi, yathi iNkosi , “VUSA OMUNYE ENDLINI YAMI.”
 
71.Khona-ke uma kuwukuthi uBaba iNyangayezulu wayevukile naye ngoba wayengo wakhona kwaShembe ngoba lento babese beyisusile kuJehova bayenza ifa lomndeni kwathiwa akafanele yena kodwa ofanele kwathiwa iloyo ozalwa nguBaba iLanga, kodwa lo ozalwa nguBaba iLanga akazalwa nguye uMprofethi.
 
72.Kodwa umprofethi wathi “Vusa omunye endlini yami” UBaba iNyangayezulu nguyena ongowendlu kaBabamkhulu! Kwakunani uma iNkosi iNyangayezulu kube yiyo ethatha ubukhosi bukayise, uma ngabe lento yayidonselwa kubantu isuswa kuNkulunkulu, ukuthi kwakuyicala ngani uma ngabe ethatha into kayise omzalayo?
 
73.Kwakuyicala kuBaba iNyangayezulu ukuthi ahlale esihlalweni sikayise kodwa kwakungesilona icala uma kuhlala umzukulu weNkosi iLanga. Uma lento beyithatha beyidonsa beyiyisa kubantu bathi yifa lakwaShembe, ifa lomuntu lithathwa indodana yakhe, kwase kusele yena yedwa owayeyindodana yoMprofethi, kodwa umntwana kaBaba (iLanga) wayengeyona indodana yoMprofethi.
 
74.Ngithi-ke bangcwele namuhla uJehova uyaphendula, uphendula phakathi kwezigidi, bonke abantu bayabona ukuthi iNkosi iNyangayezulu yayigcotshwe nguJehova, yahamba emhlabeni asikaze siyizwe ukuthi icela intethelelo ithi ayibizelwe abathile. Asikaze iNkosi sizwe nokuthi ihlaselwe ngabantu kodwa yahamba ngesikhathi uJehova ayibize ngaso, yahamba kamnandi yahambela emzini wayo, yaphethwa imbenge yasuka yahamba yabuyela kuyise owayeyidalile.
 
75.Ngithi-ke kodwa namhlanjena laba abakade bephakanyiswa kuthiwa yibona abayibona, namhlanjena bacosha amaphepha, namhlanjena bamangalelwa inhlalisuthi abayiphethe. Waze wahamba uBaba iNyangayezulu akakaze ahheme ngisho ukuhhema, noma ubesemdala akuzange kushiwo ukuthi useyahhema uBaba, akakaze ahheme kodwa laba okuthiwa yibona okufanele babekwe, namhlanjena babuya ezibhedlela zabantu abahlala beboshiwe, ngoba kuphendula uJehova.
 
76.Engikushoyo ukuthi akazukuhlanya yedwa akahlanye nezinceku zakhe ezaimfakazela, ngithi uNkulunkulu akaziveze ngoBaba iNyangayezulu, zonke lezinhlamba athukwa ngazo, bonke abathuki bakhe uNkulunkulu akabakhombe ngomunwe, akhombe ngawo umuntu owayezibize ngoJehova athi ungishilo.
 
77.Namuhla uJehova uyafika uzolanda ubukhulu bakhe, uzolanda igama lakhe, wathi uma eselithatha kwasala umuntu ntu ntu! Kwasala umuntu kwase kuyacaca ukuthi cha uwumuntu nje uwumuntu ntu ntu ntu ntu! INkosi iNyangayezulu yabekwa nguJehova, ingumphethi wembenge kaThixo. Basazohlanya bonke abamethukayo, ngithi abahlanya bonke! iNkosi ibusise enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *