Skip to content

INGOZI YOKWETHEMBELA EMTHINI

Abantu abaningi uJehova bamxosha ngokuzama ukuphila izimpilo eziningi ngesikhathi esisodwa!

Ngelinye ilanga umuntu aphile impilo yaseZulwini, impilo yokukhanya, kodwa abuye atholakale esephila impilo yasebumnyameni, impilo yokulahlwa!

Imini yeSabatha ayibeyinhle kwaba Ngcwele. Isihloko sanamuhla sithi: Ingozi yokuthembela emithini.
 
1.Inncwadi kaLevi 20: 25-26:
“Ngalokho anohlukanisa izilwane ezihlambulukileyo nezingcolileyo, izinyoni ezingcolileyo nezihlambukileyo. Ningenzi imiphefumulo yenu inengeke ngesilwane noma ngenyoni noma ngantoni enwabuzelayo emhlabeni engizahlukanisile nani ngathi zingcolile.”
 
2.Esikhathini esiphambili sake sachaza ukuthi iBandla likaJehova uNkulunkulu wethu lafikela entabeni yase Sinayi.
 
3.UJehova wazifikela yena emhlabeni evela eZulwini elethe lenkolo, wabe eseyidlulisela ku-Mose nakuba-Profethi ukuba bayiqhube njengokuyala kwakhe.
 
4.Emva kwaba Profethi kwaba nguYeshua, naye owafika wakha iBandla phezu kwesisekelo seBandla lika Jehova.
 
5.Wagcizelela ku-Mathewu 5:17-19 ukuthi umthetho kaJehova awunakushintshwa, nokuthi owushintshayo uyokwamukela ukulahlwa.
 
6.Emva kwaYeshua lapha eMzansi ne Afrika uJehova wathumela uMprofethi u-Isaiah Shembe. Okunguye owavuselela izimfundiso zikaMose nabaProfethi, wathi asikhonze uJehova ngokugcina imithetho yakhe owasilobela yona ngo-Mose.
 
7.Sesakuchaza futhi ukuthi isifungo sobungcwele sisho ukwamukela indlela yokuphila engafani neyabanye abantu. Lokho okusho ukuphila ngokulandela umkhondo wezimemezelo zezwi likaJehova.
 
8.Kulencwadi engiyifundile uJehova ukhuluma ngokungcola nokunengeka kuye okudalwa ukudla izilwane ezingcolile. Uthi uJehova uma udla isilwane esingcolile uba yisinengiso kuye!
 
9.Kodwa isihloko sanamuhla sikhuluma NGENGOZI YOKUTHEMBELA EMITHINI Igama elithi umuthi ngokwejwayelekile lisho isihlahla.
 
10.Kanti ungasho uqondise kunoma yintoni engeyiso isihlahla uthi ngumuthi uma ibulala noma iphilisa!
 
11.Amagxolo noma amahlamvu esihlahla akhiwe ngenhloso yokuphilisa kuthiwa ngumuthi.
 
12.UShembe kuvesi 45 woMthandazo we-Sabatha uthi “Kuyisono khona lokho ukuphatha umuthi ngesandla sakho ulikholwa, uyokufa nokufa!”
 
13.Lapha uShembe wabe engasho izihlahla zodwa, kodwa noma ntoni nje ewumuthi ongavumelekile ekukholweni ngezizathu ezahlukene.
 
14.UShembe wasiyala ngokuthi umuntu ongumNazaretha engawuphathi umuthi, futhi engawudli. Kunezizathu eziningi ezenza ukuthi uma ulikholwa kungafanele uzihlanganise nomuthi.
 
15.Isikhathi esiningi umuthi uthakwa nezinto wena ongumNazaretha uNkulunkulu ongakuvumeli ukuba uzidle noma uziphathe ngesandla sakho.
 
16.Kwesinye isikhathi umuthi wakhiwa ngendlela engamukelekile ku-Nkulunkulu, bese ufana nesithixo kumuntu ongumNazaretha kaThixo!
 
17.Ngakhula ngingakholelwa ekusebenzeni komuthi, ngoba ngangizalwa ngamakholwa ayengawuphathi umuthi.
 
18.Kodwa sengiyimantshi kwangiphoqa ukuthi ngenze ucwaningo ngomuthi, ngoba ngangihlale ngithetha amacala athinta ubuthakathi.
 
19.Ocwaningweni lwami ngazihlanganisa nezinyanga ezinkulu, ezinye ezithwalisa abantu, kanjalo namakholwa ayekade eyizinyanga nayekade esebenzisa imithi engakakholwa.
 
20.Noma imithi eminingi iyizihlahla, kodwa imithi emibi ngempela iyimithi ethakwa ngezinto ezinomphefumulo, kungaba izilwane noma kube abantu.
 
21.Kepha thina esisebenzisa lemithi sisuke singazi ukuthi lemithi yakhiwe ngani, kanjani.
 
22.Eminye imithi yakhiwa ngezitho zezilwane ezahlukene njengezinyoka, izingwenya, oxamu, amakati, izinja; njalo njalo.
 
23.Eminye imithi yakhiwa ngezitho zomzimba yabantu. Lezi zilwane ezisuke sezigayiwe zaqothwa uyazidla wena uthi udla umuthi, kanti udla into engcolile lomuthi owakhiwe ngayo!
 
24.Kwesinye isikhathi lezi zilwane uma zibulawa kusetshenziswa isihluku esiyisimangaliso.
 
25.Kungabanjwa umdlwane wenja noma wekati ukhishwe amehlo uphila, bese uyadedelwa, lamehlo kwenziwe ngawo umuthi.
 
26.Kwesinye isikhathi umdlwane wenja noma wekati ufakwa ebhodweni uphila, kubaswe wosiwe ngaleso sihluku esihlasimulisa umzimba!
 
27.Nomuntu uyacwiywa izitho zomzimba efile noma ephila, kwenziwe umuthi ngaye.
 
28.Ungase ucabange-ke ukuthi uma uNkulunkulu efika kuwe ulikholwa efica lemithi, engahlala kanjani nawe, angasondela kanjani kuwe?
 
29.Akakwazi ukusondela ngoba nawe usungcolile njengomthaki womuthi.
 
30.Ngake ngakhuluma indaba yomakoti owabe ehlushwa imfene ephusheni. Lomakoti wabe engumNazaretha, kodwa njalo ebone ephusheni ehlaselwa imfene. Ethi uma ekhala ngoShembe lemfene ingamnaki.
 
31.Ebese lomakoti azibone eseyinja, egaqe ngamadolo ekhokhonta lemfene. Bese imfene ingenwe luvalo, isuke ibaleke!
 
32.Sisemhlanganweni eBuhleni, lomakoti wabe esebuza kuMkhokheli umaNxumalo ukuthi leliphupho elihlale limhlasela lichazani? Kodwa noMkhokheli wahluleka ukulichaza.
 
33.UMkhokheli wabe esebuza kimi, nami angaze ngazi. Kodwa sase siyayixoxa lendaba, sihlekiswa ngumuntu ozithola ehamba ngezinyawo ezine njengenja, ekhonkotha imfene bese iyambalekela!
 
34.Ngazo lezo zinsuku sase sivakashelwa yingelosi uHlaleleni. Uthi-ke lomuntu waseZulwini,
35.“Nginizwile nixoxa indaba yalomakoti, niyenza ihlaya, kodwa yona lento ayihlekisi, iyadabukisa kakhulu!”
 
36.Sase siyalalela-ke. Isithi iNgelosi: “Lomakoti ungumNazaretha, kodwa ekhaya lakhe ufuye inja! Uyazi kodwa ukuthi umuntu ongumNazaretha akayifuyi inja.
 
37.Kepha yena wathi angeke ahlukane nenja yakhe ngoba imvikela ezigebengwini nakubathakathi ukungangeni emzini wakhe.
 
38.Ngenkathi lomakoti esho njalo, uShembe onguMoya ongcwele ube useyasuka kuye, nezingelosi ezimbhekile zadeda kuye, ngoba ukhethe ukugadwa yinja!
 
39.Njengoba eselapha emhlanganweni, lenja emgade ekhaya ayikwazanga ukungena emhlanganweni!
40.Ithi-ke ingelosi: “Kodwa lomakoti akanitsheli lonke iqiniso; izwi limtshelile ephusheni ukuthi akayikhonkothe lemfene, izobaleka! Eseyikhonkotha, nempela yethuka yabaleka!”
41.Waqhubeka lomuntu wasezulwini wathi: “Noma lomakoti ethi yena ungumNazaretha, kodwa unonkulunkulu ababili, unamathemba amabili.
42.Uthembele ekukholweni, kodwa kolunye uhlangothi uthembele enjeni yakhe. Yikho-ke ilizwi lithe akayikhonkothe lemfene, izobaleka!”
 
43.Yaqhubeka iNgelosi yathi “Kodwa akulokho kuphela, lomakoti othi ungumNazaretha, kodwa akakholwa, unebhodlela lomuthi aligcina emzimbeni wakhe.
 
44.Akehlukani nalo! Lomuthi wakhe uthakwe ngamafutha ezinyane lemfene!
 
45.Lelizinyane lemfene labulawa ngesihluku, laphucwa unina ngenhloso yokwakha ngalo umuthi. Manje lemfene emhlaselayo ayisikho ukufa, yalethwa nguye!
 
46.Lemfene iyalifuna lelizinyane layo, kodwa ilibona ligonwe yilomakoti; kodwa yena akaboni, akaqondi ukuthi ngalomuthi awugcinile ugone imfene!”
 
47.Ithi-ke iNgelosi “Noma ungathandaza kanjani, ngeke ukwazi ukuyixosha lemfene kulomakoti, ngoba iyisithixo sakhe, ingunkulunkulu wakhe, kodwa yena akaboni!
 
48.UNkulunkulu-ke akahlali endaweni enjalo. Uyasuka kumuntu ohlanganisa ubungcwele nemithi, noma engaba umNazaretha.
 
49.Isikhathi esiningi uma umuthi uthakwa uphenduka ube umoya waleyonto othakwe ngayo.
 
50.Uma uthaka umuthi ngenyoka uphenduka ube umoya wenyoka. Uma uwuthaka ngamafutha ekati uphenduka ube umoya wekati, njalo njalo!
 
51.Abantu abasebenzisa imithi bayaye bakhulume nemimoya abafuna isebenze kulemithi, bebize onkulunkulu babo!
 
52.Umuthi uyakhulunyiswa bese wenza leyonto okuthiwa awuyenze, kodwa uyisimo somoya othize.
 
53.Ithi-ke iNgelosi “Uma kuthakwa isitho somzimba womuntu kwenziwa ngaso umuthi, umoya walowomuntu uyasilandela isitho somzimba wakhe.
 
54.Uma lomoya womuntu ufike uthola ukuthi isitho somzimba wakhe sikomunye umuntu, lomoya isikhathi esiningi ufike ulwe nalomuntu,
 
55.bese umuntu ezithola ehlaselwa imimoya ongayazi, kanti lemimoya yalethwa nguye; yalethwa imithi yakhe!
 
56.Noma ungathandaza, noma ubize abathandazi, lemimoya akukho muntu ozakwazi ukuyisusa kuwe, ngoba igcinwe nguwe kuwena, ingunkulunkulu wakho!”
 
57.Abantu abaningi bayaye bahlaselwe imithi yabo. Isikhathi esiningi umuthi awubi ilento owulandele yona, uyaphenduka ube wukufa kuwe!
 
58.Kodwa wena ungaboni, uze uhambe uyofuna abelaphi, nabo behluleke, ngoba lesi sifo osuke uthi asisuswe kuwe sisuke siyisi thixo sakho!”
 
59.Kuyinto ejwayelekile ukuthi abantu bazigcabe bethi bayaziqinisa. Ayikho inkinga kumuntu osuke evele ekholelwa emithini.
 
60.Kodwa ukuthi uthi ungumNazaretha, uphila impilo yobungcwele, ubuye uzigcabe ngomuthi, usuke usuzahlukanisile noNkulunkulu!
 
61.Umuntu ongumNazaretha akayidli into engcolile njengoba kubhaliwe ku-Bahluli 13:4 kuya ku-5.
 
62.Ngento engcolile sisho into othe uJehova ingcolile kithi, noma kubantu basemhlabeni kungathiwa imnandi, inempilo, njengengulube nje!
 
63.Ungawufaka kanjani umuthi emzimbeni ungazi noma lomuthi uthakwe namafutha engulube? Kuleso simo uJehova uzosondela kanjani kuwe?
 
64.Abantu abaningi uJehova bamxosha ngokuzama ukuphila izimpilo eziningi ngesikhathi esisodwa!
 
65.Ngelinye ilanga umuntu aphile impilo yaseZulwini, impilo yokukhanya, kodwa abuye atholakale esephila impilo yasebumnyameni, impilo yokulahlwa!
 
66.Impilo enjalo ayemukelekile ku-Nkulunkulu! Uma uqala uphila impilo embaxambili, uJehova uyasuka kuwe ngokushesha! Ulokhu uthi wena ukholiwe, kanti uNkulunkulu kudala wasuka kuwe!
 
67.Noma usuthi uyambiza angakuphenduli, ebekude nawe, engawemukeli umthandazo wakho, angakwehliseli nezibusiso; konke okwakho kubhede!
 
68.Kanti ubalekelwe ubungcwele! Uma uzigcabile awuthandazeleki, ngoba umthandazo ufike uxoshwe izinhlanga ezikuwe!
 
69.Ulokhu uthi uNkulunkulu akayiphenduli imthandazo yakho, kanti nguwe oxoshe uNkulunkulu ngalemithi enganandawo ku-Nkulunkulu,
 
70.kodwa wena osuyenze yaba yingxenye yokuphila kwakho, ithemba lakho alisekho ku-Jehova kuphela!
 
71.Asigcini ngokuziqinisa ngokuzigcaba, kodwa siqinisa nemizi yethu ngokuyibethela ngemithi.
 
72.Ukuthatha umuthi ungumNazaretha uwugqibe emzini wakho uthi uyabethela, kungukuzingcwaba!
 
73.Kwaku nenkosikazi eyakholwa lapha eBandleni lamaNazaretha, yakhetha iNkosi yaseKuphakameni.
 
74.Ithe isithi iya esontweni kwavuka isele esangweni layo, lakhula laba ngange nkomo, lase liyakhuluma, lathi:
 
75.“Wena wangibulala wangomisa wabe usuzongigqiba lapha esangweni, wathi angibheke umuzi wakho.
 
76.Manje usuthi usuyakholwa, umuzi wakho usubhekwe ngu-Shembe. Mina-ke owami umsebenzi sekuyini, kanti wawungibulalelani ungishiyisa abantwana bami?”
 
77.Leli sele leza naye esontweni. Noma ethi ulalele inkonzo elibone selingange nkomo, libange umsindo, engayizwa nentshumayelo.
 
78.Lilokhu ixoxo limbuza lithi “Kanti njengoba mina wangishiyisa abantwabami, wangibulala, wangomisa, wangibeka esangweni lomuzi wakho, wawuthi angenzeni?”
 
79.Lesi simanga senzeka kulonkosikazi engalele, esesontweni elalele inkonzo!
 
80.Wayibika kumaNazaretha lenkinga yaleli sele; inkinga yokusonta nexoxo!
 
81.Kodwa namaNazaretha akaze azi ukuthi azolisusa kanjani lelixoxo kulonkosikazi! Laze lahamba ngokubikwa enkosini iNyangayezulu!
 
82.Mhlawumbe ekukholweni kwakhe akazivumanga izono, akashongo ukuthi emzini wakhe ubethele ngexoxo!
 
83.Angikholwa nokho ukuthi yilonkosikazi owayebulale lelixoxo, kodwa lalibulalwe ngowayezobethela, kanti emzini walonkosikazi sekubethelwa usizi nokufa!
 
84.Umuzi womNazaretha ubethelwa ngokugcina isabatha, nangokuhlala njalo wendlala inhliziyo yakho emkhondweni yezimemezelo zezwi likaJehova!
 
85.Ngokwenza njalo umuzi wakho usuwubethele, usuyindawo engcwele, usuyokweluswa uvikelwe yizingelosi zikaJehova! Ungawuphathi umuthi ngesandla sakho ulikholwa, uyokufa nokufa!
 
INkosi ibusise lokho enikuzwile.
 
Lenkonzo iyatholakala kufacebook no youtube othi Rev. Mpnza NCG.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *