UNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba kuphela onezulu elijezisayo nelibusisayo, ngamanye amazwi impilo yethu njengamakholwa angaphansi kwaJehova, iyaqhubeka, ngenkathi inyama yethu ifa, impilo yethu iyaqhubeka. Uma ngabe ubuziphethe kahle uzobusiswa ungene ezulwini likaNkulunkulu, uma ubuziphethe kabi, uzoya esihogweni uyoboshwa noma uboshwe noma kuphi.
70. ISIHLABELELO
1 Ngowela ngijabhile
Emfuleni wase Huze,
Ngaphesheya kwawo he!
Ngoyamkela intokozo yami.
Chorus: Imana efihliweyo
Ngoyifumana khona.
Netshe legama lami.
Ngolifumana khona.
2 Ebengiyilindele
Phezu komfula waseHuze.
Kulapho izincwadi zophenywa
Zemisebenzi yethu.
Chorus:
3 Uma wenele injabulo
Hamba masinyane,
Uma wenele injabhiso
Woyifumana khona.
Chorus:
4 Bonke abakhulu nabancane
Bayakwabelwa ngalokho
Okulotshiweyo
Ezincwadini zabo.
Chorus:
5 Hayi weNkosi yami
Ungayiphenyi eyami incwadi
Ngubani oyakuma
Ethenteni yakho Nkosi.
1.Isihloko salenkonzo sithi: “Izinkanuko zenyama ziphelela enyameni.” Inkanuko isifiso, kodwa isifiso zokwenza into engemukreleki kahle emphakathini. Kodwa kwesinye isikhathi siyaye sifise izinto okungasho ukuthi azemukelekile emphakathini, kodwa okuthi noma zemukeleka emphakathini, kepha zingemukeleki ekukholweni. Ukunikeza isibonelo nje, ukudansa, nokuyobukela umdanso kwamukelekile emphakathini, kodwa akwamukelekile ekukholweni, ikakhulukazi ebandleni lamaNazaretha. Uma unguumNazaretha awukwazi ukubuye futhi ube umdansi, uma uwumNazaretha awukwazi ukuhamba uyobuka lapho kudanswa khona, noma kudansa obani noma kudanswa kanjani, into nje ekuthiwa umdanso ayimukelekile lapha.
2.Awukho umthetho othi ungalidlali ibhola uma ulikholwa, kodwa okuyikho ukuthi ekudlaleni ibhola kunezinto eziningi othola kumele uzenze, kodwa eziphambana nokukholwa. Ibhola esikhathini esiningi lidlalwa ngesabatha, awukwazi ukuyeka ukuya enkonzweni ngoba uthi uyodlala ibhola, noma uyobukela ibhola. Kodwa bakhona abantu ebandleni lamaNazaretha abakwenzayo lokho,abayaye benze ukuthanda ibhola kwedlule umthetho kaNkulunkulu! Bakhona abangabadlali bebhola, nabathanda ukubukela ibhola!
3.Kukhona inkulumo eyakhulunywa uNkosazana nengangithi umkhokheli uzoyikhuluma, angazi noma wayikhuluma sengiphumile yini. Uthi uNkosazana amaNazaretha ayamhlubuka uNkulunkulu ngenxa yeTV, kuthi noma kuyisikhathi sokuthandaza abanye abantu bengayi emthandazweni ngoba bewbona ukuthi bazoshiwa uHlelo oluthile, abanye okuthi bethandaza bebe bejahe ukuyobukela uHlelo oluthile, bese bethi uma bethandaza bethi: “Tatata, tatata!” ngoba bejahe uhlelo. Ithi ke ingelosi lokho kuthandaza akwemukelekile ezulwini, okuseqinisweni kungukwedelela uNkulunkulu, ngoba loluHlelo lwakho uluthatha ngokuthi lubaluleke kakhulu kunokuthandaza!
4.I-TV inezinhlelo eziningi ezingamakhi umuntu onguumNazaretha, okuseqinisweni okungafanele nokuthi uzibukele uma ulikholwa ngempela! Kuma selula kukhona lento ebizwa ngokuthi i-Tik talk. Lento imbi kabi, ukuba izwe lakithi liyaphila, akufanele ukuba lento ikhona, ikakhulukazi ngoba amaselula aphathwa kakhulu zingane ezincane! Angazi ukuthi kothi kukuphi leli liyito enje! Uma engalibhubhisanga leliilzwe, angazi ukuthi logcinaphi. Sengathi amakholwa ngampela angaqinisa ukufundisa izingane zawo ngalamanyala atholakala kuT V nako facebook, ngoba uma singakwenzi lokho, nazo ngosuku olukhulu olwesabekayo ziyobhujiswa nabaningi!
Ukugcina kwayo yonke lento, ukubhujiswa! Noma ngingazi ukuthi kokwenzeka nini, kodwakhona kuzokwenzeka!
5.Ku facebook ngke ngabona izithombe eziningi zabantu besifazane beveze amabele, abanye bavezwa benza I sex, abanye bavezwa bekhuluma imikhuba ehlasimulisa umzimba! Konke lokhu kungukwakha isizwe, ubuntu base South Afrika! Lamanyala anje ngenke uwathole kumazwe amaningi ase-Afrika, kodwa lezi zinto zitholakala eSouth Afrika! Hesh nakho phela! Labantu besifazane ababonakala beveze amabele akungakho ukuthi kuhlangene ne culture, kodwa kuhlangene nokudonsa izinkanuko, ngisho zezingane, bese kucashwa nge culture.
6.UShembe wawavumela amakhosazana akithi ukuthi emgidini asine eveze amabele, ngoba ngaleso sikhathi kwakulusiko lakwaZulu, ukuveza amabele kungasho lutho kuyintombi. Kodwa uthe uma uNkosazana efika, wathi noma lokhu kulusiko lakwaZulu, kodwa alukho ezulwini, ezulwini umzimba awuvezwa, ngakho ke amakhosazana aseNCG akazusina eveze amabele, ngoba kulesi sikhathi samanje ukuveza amabele akusasho lento eyayi yiyo KwaZulu, kodwa manje sekungukudonsa izinkanuko.
7.Ngenkathi esho lokhu uNkosazana ngangingakakuboni, kodwa namuhla ngibone sekulokhu kuvezwa amantombazane aveze amabele anhlobonhlobo, okubonisayo ukuthi akuseyikho lokhuya kwakwaZulu, kodwa sekungukukhangisa ngomzimba wabesifazana, kukhangiswa ngocansi, kukhangiswa nangazo zonke izithombe ezingamanyala ezibonakala kofacebook! God save South Afrika!
8.Lezi zinto esilokhe sizibuka ku-Facebook ezingamanyala zichaza ukuthini? Ziyakha noma ziyabhidliza? Kwabanye abantwana mhlawumbe they can enjoy seeing them, kodwa umphumela wokuzithanda isihogo! Nibafundise abantwana bamaNazaretha ukuthi lezi zinto abazibuka kuma facebook zakhelwe ukubhubhisa konke abayikho, ngakho-ke bafunde ukusenyanya isithombe esiyinto ongenke ukwazi ukuyibukau nabazali bakho!
9.Kunezinto engingakaze ngizibone ngikhula, kodwa namhlanjena zibukwa zingane ezingakabi ngisho neminyaka eyisihlanu, ezingakazi nokuthi ukwenza ucansi kusuke kwenziwani, kodwa lapha kufacebook nakumaT.V kuyatshengiswa! Isizwe esimnyama sineshwa, ngoba kuthiwa siphethe izwe, kodwa sivumela zonke izinto ezakhelwe ukusiqeda, kodwa sona asiboni! Sohlale senziwa iziwula nje, njengoba kwenziwa enkolweni, manje sekuthathwe amasiko ethu, ekuqaleni aye mahle, kodwa asesetshenziswa ukukhangisela ubumnyama, kodwa abantu abaziwula ezibona kungukukhanya!
10.Lesi sihloko-ke sithi INKANUKO YENYAMA IPHELELA ENYAMENI. Uma ngithi inkanuko yenyama iphelela enyameni, ngichaza ukuthi inkanuko yasemhlabeni ayedluleli ezulwini.
11.Ngifisa ukuba amaKrestu, amaNazaretha nama Moslems azi ukuthi noma sizinkolo ezahlukene, kodwa thina sinoNkulunkulu oyedwa, uJehova onguMdali wezulu nomhlaba! Futhi sinebandla elilodwa, nezulu elilodwa!
12.AmaKrestu namaNazaretha ayasho ngomlomo ukuthi akhonza uJehova kodwa okuseqinisweni akamkhonzi uJehova, ngoba ukukhonza uJehova ukugcina umthetho wakhe, noma ukuhamba ngezimiso zakhe. Ukuthi ugcina muphi, uyeke muphi umthetho kaJehova akukhona ukukhonza uJehova lokho, ikakhuluykazi ukuthi uma ungawugcini umthetho kaJehova, bese ubeka izizathu ezakhiwe nguwe ukuthi kungani ungawugcini.
13.Ama Moslems ayamkhonza uJehova njengenkolo, noma laphaya nalaphaya nabo behluleka ukugcina umthetho kaJehova. Umehluko phalkathi kwamaMoslems nezinye izinkolo, njengamaKrestu namaNazaretha, ukuthi wona akuthi ngoba ehlulwa umthetho kaJehova bese eyawuchitha. Ngenke iMoslems ulizwe lithi ngoba liyabhema, bese lithi alikho icala ekubhemeni, noma lithi ukungabhemi akukho emthethweni we-Islam. Kodwa iNazaretha uma lihlabela amadlozi, noma liba yisangoma, lofundisa ukuthi akuphambene nomthetho kaNkulunkulu ukuhlabela amadlozi, noma ukubhula.
14.Kanjalo, nomKrestu uma engawugcini umthetho kaNkulunkulu uyaye afune isizathu sokuthi kungani engawugcini umthetho kaNkulunkulu. Isizathu esikhulu ukuthi ‘thina asisaphili ngaphansi komthetho’ uma kuza esabathweni, evele athi isabatha laqedwa!
15.Kunento eyinkinga amaKrestu abhekene nayo, lento ukuthi amaKrestu akayazi inkolo yawo, noma akawazi umlando wenkolo yawo. Uma uthi uyabafundisa inkolo yawo, bayaye babone sengathi uyabagxeka, kanti akunjalo. Kusithathe isikhathi eside ukuba amaKrestu azi, noma amanye esaphika, ukuthi indodana kaMaria eyayiliJuda akukaze kube nguJesu. Namanje kunamaKrestu amaningi angazi ukuthi okuseqinisweni uJesu akakaze abe khona njengomuntu, kodwa okwaba khona isithixo samaGriki namaRoma.
16.Njengomlando oliqiniso, uYeshua onguMesaya nowayeliJuda wabakhona, okwathi uma amaGriki namaRoma ehlula amaJuda ngo 70 A.D, ayichitha inkolo yamaHebheru, okwakungamaJuda, amchitha uJehova noYeshua, base bezenzela owabo umsindisi, kodwa ekumenzeni, benza sengathi kusenguye uYeshua wamaJuda. Uma ungumKrestu okholelwa ukungena ezulwini, kumele ukwazi lokhu, ngoba yonke inkinga enkolweni yethu iqala lapho. Ubu Krestu akukaze kube khona ngesikhathi sikaYeshua, nabaPostoli abakwazi!
17.Lokhu ngikuveza ukuze uma ufuna ukukhonza uJehova, uqonde ukuthi inkolo yakho isukaphi iyephi. Inkolo yethu isuka kuMose iye kubaprofethi, igcine kuYeshua. Emva kwaYeshua yaqedwa ngamaRoma namaGriki, kodwa kwathi lenkolo asebezakhele yona base beyi ‘fuse’ or synegise noma beyihlanganisa nenkolo yethu ukuze kuthi uma beyichitha kube sengathi lokhu kuyichitha kwayo bakususela ezintweni ezashiwo ngabaprofethi bakaJehova!
18.Wonke umuntu olandela izintshumayelo zethu kusukela ngo 2010, useyabona ukuthi iNgelosi uHlaleleni ikhona, ihamba nathi! Okuphikayo lokho, hhayi ukuthi akaboni, kodwa usebenzela uSathane, ubona ukuthi uma engavuma ukuthi ikhona lengelosi, azizukufezeka izinhloso zakhe! Ekuhlaleni neNgelosi, ngifunde izinto eziningi ezibalulekile ekukholweni. Okokuqala ukuthi uNkulunkulu munye, umthetho kaNkulunkulu munye, ibandla likaNkulunkulu linye, nombuso kaNkulunkulu munye.
19.Ukuze lento uyizwe kahle, izulu lifana nombuso wethu e- South Afrika, umthetho kaNkulunkulu ufana ne Constitution yase South Afrika, ibandla lifana nokuba yi Citezenship yakho e South Afrika. I South Afrika ine Constitution eyodwa, kodwa ngaphakathi kwayo kunamaqembu amaningi alwela ukuhumusha le Constitution eyodwa, kodwa ukwenza kwayo kuyehluka noma onke ephokophele ukungaphikisani nomthethesisekelo. Awukwazi ukwenza into ephikisanayo ne Constitution yase South Afrika ngoba uthi wena uyi DA, noma i-ANC, kumbe i-IFP. Kanjalo, awukwazi ukuchitha umthetho kaNkulunkulu ngoba uthi ungumKrestu, noma ungumNazaretha. Uma wenza njalo uzolahlwa ezulwini, ngoba lapha siya khona ayikhulunywa indaba yebandla noma inkolo okuyo, kuphela ukuthi abafuna ukungena ezulwini ngabagcina umthetho kaNkulunkulu!
20.Uma ufuna iqiniso lokukholwa, ubothatha iBhayibheli, bese ufunda ukuthi lento oyifunda ebhayibhelini iyafana yini nalento oyenzayo. Lo Jesu engifunda ngaye ku-New Testament, nguye yini uYeshua onguholi enkolweni kaJehova ekuyi Testamente elidala Read with your own understanding, hhayi uthathe into esho enye into bese uthi isho enye into ngoba wafundiswa ngumfundisi wakho womlungu!
21.Zonke izincwadi zeTestament Elisha, ngaphandle kwe-Izenzo eyabhalwa ngamaRoma, zabhalwa ngamaHebheru. Kodwa emva kokwehlulwa ngamaRoma, eziningi zashiswa, kwathi ezisalayo zahunyushelwa esiGrikini nasesiLatinini
22.Kodwa amaKrestu amnyama okumele akwazi ukuthi zathi uma sezihunyushelwa esiLatinini, lezi ncwadi zangagcina ngokuhunyushwa kodwa zase zi-editwa ukuze zihambelane nenkolo yobuKrestu.. UJehova wakhishwa kwathi ‘Nkosi, uYeshua kwathiwa ‘Jesus’ uMesaya kwathiwa Kresto, nokuningi engingekubale lapha. Enkolweni kaMose akukaze kukhulunywe ngo “Baba wethu osezulwini,” kodwa kwakukhulunywa ngo ‘Jehova uNkulunkulu wethu.” Funda kuyiTestamente elidala. Kodwa ngoba igama elithi ‘Jehova selichithiwe, kwase kufakwa u’Baba wethu osezulwin’. Laba bantu ababenza lokhu babekwenza ngokusemthethweni, bebizwa ngokuthi ngama CORRECTOS.
23.Ukunikeza isibonelo, uYeshua akaze asho ukuthi uyiNdodana ezelwe iyodwa. Okuseqinisweni i-1st version yesiGriki ayinawo lombhalo. Kodwa lombhalo wafakwa kusukela ku 2nd vesion yesiGriki ukuze uYeshua ehambelane nesimo salabonkulunkulu baseBabiloni, oTamud, ngabanye abathathu, lapho uzwa kukhulunywa ngonina kankulunkulu noyise kaNkulunkulu!
24.Incwadi kaMathewu isuselwa ezincwadini zamaHebheru ezibizwa ngokuthi THE GOSPEL OF THE NAZAREENS. Uma ungathatha verse by verse we Gospel of the Nazareen uliqhathanise noMathewu, uyothola ukuthi bungakanini ubuqili obenziwe ekuhumusheni ivesi nevesi! Noma imuphi umKrstu wazi uJesu esikhundleni sikaYeshua, wazi ukuthi uJesu iNdodana EZELWE YODWA KANKULUNKULU. Lokhu kokuthi OEZELWE IYODWA kuyinkolo ejulile, kodwa eyakhiwe, engaveli kuYeshua. UYeshua wathi uyindodana kaNkulunkulu, uyindodana yomuntu, ngoba lolu ukululimi olwalusetshenziswa ku-Old Testament, kodwa manje kuJesu sekusho enye into!
25.Ekufikeni kweNgelosi, yasivezela izinto ezingi engangingazazi, kodwa okwakubalulekile ukuba ngizazi uma ngizofundisa abantu ukubuyela kuJehova. Ngoba uma singanalo ulwazi ngomlando wenkolo yethu, miningi imibuzo esizoba nayo, engaphenduleki. Njengalona nje othi sizoze sibuyele kuJehova nje sasesuke nini kuye ngoba okhokho bethu bazi uMvelinqangi? Lombuzo ungawuphendula uma uwazi umlando wethu!
26.Ngeshwa siyisizwe esamukela noma yini esiyitshelwa abezizwe, kungakhathaleki ukuthi ayiwenzi kangakanani umqondo! Ake ngenze isibonelo: onke amaKrestu anenkolo enkulu yokuthi akasenasono ngoba uYeshua wasifela izono esiphambanweni. Kodwa ku Mathewu 13:41-43, kuthi: “Indodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenzi bokubi, zibaphonse esithandweni somlilo, lapho okuyoba khona ukukhala nokugedla kamazinyo. Kepha abalungileyo, bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise, onendlebe akezwe.”
27.Uma ngempela ulifunda iBhayibheli kufanele uzibuze ukuthi ngoba kuthiwa asisenasono, kanjani, ngoba uYeshua nguye futhi othi ababi boshiswa esihogweni? Awufundiswa lamazwi kaYeshua okunguyena ongumlandeli wakhe, kodwa ufundiswa okuthiwa kwashiwo uPaul ongumfundi kaYeshua. Ukuthi asisenasono, nokuthi sokusha esihogweni ngenxa yezono zethu, lezi zinkulumo ziyaphikisana, kodwa umKrestu akakuboni lokho!
28.Asiboni ukuthi ngokuthi asisenasono, kwakuyindlela yabezizwe yokusifundisa ukuthi singawugcini umthetho kaJehova, bese uJehova asilahle. Abezizwe abanankinga ngokungawugcini umthetho kaJehova, ngoba vele akaze asho uJehova ukuthi abagcine umthetho wakhe! Kodwa thina esinesibopho sokugcina umthetho kaJehova, siyekiswe ngabezizwe, ukuze okwethu kubulalwe yithi, ukuze uJehova asilahle, bese besithola sesinganaNkulunkulu!
29.NgokwesiHebheru uSawule kuthiwa ngu Shaul. Siyaye sifundiswe ukuthi uShaul wayebulala amaKrestu, kodwa uShaul waze wafa engakaze ahlangane nobuKrestu, ngoba ubuKrestu inkolo eyavela cishe ngo ngo 325 A.D, kanti uYeshua wahamba emhlabeni ngo 36 A.D! U Shaul, owayengu mFarisi, wayebulala amaNazaretha, waphendulwa nguYeshua waba ngumNazaretha, wagcina esengumholi wamaNazaretha. Lokho amaCorrectos akulibala ukukukhipha noma akushintshe athi wayengumKrestu.
31.Kubhalwe kahle ku-Izenzo 24:5 ukuthi, amaJuda, okwakungabaFarisi, bamzingela uShaul ngoba ngaleso sikhathi wayengumholi wamaNazaretha, okwakulibandla likaYeshua. “Lendoda…….ingumholi wehlelo lamaNazaretha.” Manje sekuphumaphi ukuthi wayengumholi wamaKrestu?
32.Okwesibili sifundiswa ukuthi uShaul wayengu Sawule, uthe uma esengumlandeli kaYeshua wabe eseba NGU PAUL. Ngisho ungafunda izahluko zonke ze-Izenzo, lento esiyitshelwayo ayikho eBhayibhelini. Ekuqaleni ufunda ngo Sawuli, uthi usafunda ngo Sawuli, uyezwa usebizwa ngo Paul, ungazi ukuthi ushintshe nini, kanjani? Funda nawe eBhayibheli lakho, bese usitshela ukuthi uSawuli washintsha nini, kanjani waba nguPaul? eBhayibhelini lesiHebheru uShaul unguShaul kuyo yonke indawo!
33.AbaFarisi, abaSadusi namaNazareens babekholwa bonke enkolweni kaMose, kodwa sebengama bandla ehlukene ayebizwa ngamaSects. Manje ke abaFarisi babewahlasela amaNazaretha angaphansi kwaYeshua, njengoba nathi sihlale sihlaselwa ngamaNazaretha akwaShembe ethi sedukile, kodwa sonke singaphansi kwaBabamkhulu okunguye onguMprofethi wethu!
34.UYeshua ukuhola amaNazaretha wayebekwe nguMprofethi uJohane, okunguye owasungula iNazareen Sect. UJohane wayenguMprofethi enkolweni kaMose, kwathi ngoba abezizwe bechitha konke okukaJehova, base bethi NGUMBHABHADISI. Ayikho i- title okuthiwa nguMbhabhadisi enkolweni kaMose! UYeshua wagcotshwa nguMprofethi uJohane ukuba abe ngumholi wamaNazareen, emva kwakhe kwase kuba nguShaul, esephendukele ebuNazaretheni.
35.Uma ungumKrestu uphikisa into efundiswe uYeshua, ukukholwa kwakho kusuke kumi kanjani, ngoba imfundiso-nkolo ithathelwa kumsunguli wenkolo? Uma ungumNazaretha uphikisa imfundiso kaShembe uBabamkhulu, ukukholwa kwakho kusuke kumi kanjani? Ubu Nazaretha busekelwe yizimfundiso zoMqaliwendlela, uBabamkhulu! Konke ukukholwa kwamaKrestu akuthatha ezimfundisweni zikaYeshuya ezisuselwa ezimfundisweni zikaMose, kanjalo nokukholwa kwamaNazaretha kwesekelwe zimfundiso zikaShembe ezesuselwa kuyizimfundiso zikaMose. Kunjalo nakuma Moslems, inkolo yobu Islam yakhiwe zimfundiso zoMprofethi uMahomed ozisusela ezimfundisweni zikaMose! AmaKrestu, amaNazaretha, nama Moslems, inkolo eyodwa enoNkulunkulu oyedwa, nomthetho owodwa.
36.Isihloko salenkonzo sithi izinkanuko zenyama ziphelela enyameni. Namuhla ngifisa ukuba sibheke leliqiniso abantu abaningi abangalinaki. Ziningi izinkolo ezikhona emhlabeni, kodwa ayikho inkolo efana nenkolo kaJehova, kodwa abantu abakunaki lokho.
37.Zonke izinkolo ezikhona ziyakhuluma ngezinto eziningi, kodwa azikhulumi ngempilo yasezulwini ukuthi ikhona, nokuthi uma ikhona imi kanjani! Zonke zinonkulunkulu abakhuluma ngozoba nakho empilweni yakho esenyameni, kodwa zingachazi lutho ngempilo yakho lapho umphefumulo usuwehlukene nenyama. UNkulunkulu wanginika inhlanhla ongekho umuntu kulesi sikhathi samanje onayo. Kusukela ngo 2006 sihlale neNgelosi kuze kube namuhla. Uma ngikhuluma ngeNgelosi, angikhulumi ngeNgelosi yomuntu, njengoba ngiye ngizwe amanye amaNazaretha ethi kukhona iNgelosi kaMpanza!
38.Angazi noma ikhona yini into enjalo, kodwa thina sathunyelwa iNgelosi kaJehova ukuba izosifundisa ngoJehova, ngomthetho kaJehova nangesimo sombuso wezulu! Ngiyazi ukuthi kumaNazaretha, kumaKrestu, nakuma Moslems kukhona abantu abakholwe ngempela, abafuna iqiniso ngombuso wezulu. ingelosi isitshela izinto eziningi ngoba sihleli nayo, ezinye esingekho isidingo sokuzikhuluma kubantu, kodwa lapha ngizokhuluma ngezinto ezizosiza labo abafuna ukuya ezulwini.
39.Akengenze isibonelo ngenkolo yoMdabu. Inkolo yoMdabu inonkulunkulu okuthiwa nguMvelinqangi. Kodwa uMvelinqangi ungunkulunkulu ongakaze akhulume. Ngakho ke akukho lutho ongaluchaza ngoMvelinqangi ngaphandle kwalezo zinto abantu abazakhe engqondweni zabo base bezenza inkolo, kodwa abanganasi qiniseko noma zikhona yini.
40.Kodwa uJehova unguNkulunkulu okhulumayo, futhi obonwayo. Unonyaka owafika ngawo lapha emhlabeni, futhi wathi uma efika phakathi kwethu, yena uqobo lwakhe weza nemithetho owathi asiyigcine, wasitshela into oyithandayo nento oyenyanyayo. Ayikho into enjalo kwabanye onkulunkulu! Mhla elethe inkolo akavelanga kuMose kuphela, kodwa wazibonakalisa ubukhona bakhe kuyisizwe sonke!
41.Enkolweni yoMdabu siyakholwa ukuthi umuntu akafi, uyavuka ngomoya. Nenkolo kaJehova injalo, siyazi ukuthi izobhubha inyama yethu, kodwa umzimba womphefumulo awuzukufa. Kodwa inkolo yoMdabu, njengazo zonke ezinye izinkolo, ayicacisi ukuthi kwenzekani kumuntu ofile, bese evuka esengumoya!
42.Uma umuntu esefile, kuthiwa uya kwabaphansi, kodwa kukhona into ebalulekile zonke izinkolo ezehlulekayo ukuyichaza, echazwa inkolo kaJehova kuphela! Uma bengingumthakathi, ngithakathe abantu abaningi, noma bengiyinkabi, ngithengelwa ukubulala abantu, noma bengiyi serial killer ngihlalela ukubulala abantu ngibacwiye, noma ngidlwengule abantu besifazane bese ngibabulala, kodwa ngife ngingakaze ngibanjwe, ngoba emva kokufa kwenyama umphefumulo wami uyavuka uphile, pho ngijeziswa kanjani ngokwenkolo yoMdabu ngamacala engiwenze ngisesenyameni kodwa engingajeziswanga ngawo enyameni?
43.Akakho umuntu osenkolweni yoMdabu ongakunika impendulo egculisayo, ngoba kulenkolo ayaziwa into okuthiwa isono, ayikho ingelosi, futhi asikho isihogo! Ngaleyoi ndlela kulenkolo THERE IS NO JUSTICE, uma umuntu efe engaboshwanga, ayikho enye indawo lapho oyoke ajeziswe ngezono zakhe ozenze esesenyameni! Kodwa ezulwini akunjalo, uma ufe wonile, noma ungajeziswanga enyameni, umoya wakho uyojeza!
44.Ngabe ngokwenkolo yoMdabu abantu abajezi ngoba kungekho ngempela ukujeza, noma ukuthi okuseqinisweni abazi ngokwenzeka ekufeni ngoba yinkolo eyakhiwe yibo belapha emhlabeni? Asazi!
45.Uma nje sengifile sengifile, ukuthi ngenkathi ngiphila ngone kangakanani, ayikhulunywa leyo! Ngamanye amazwi, bonke abantu abafile bayafana, umthakathi, nekholwa kuyafana ekufeni, kungcwele konke! Ngabe leli yiqiniso, noma kungenxa yokuthi ulwazi lwenkolo abayakhile lusuke seluphelile?
46.Inhlnhla yokuhlala nomuntu wasezulwini kufike kwehluke lapho ke, ngoba yena ukuchazela ngokuphuma komphefumulo, nohambo lomphefumulo, nokuthi uma umphefumulo usufike ezulwini wehlulelwa kanjani.
47.Abaprofethi benkolo yoMdabu yizangoma; isangoma singakubhulela yonke into, nomthandazi engahlola aqeqebule, kodwa akakwazi ukukutshela noma ofile ungenile ezulwini ngobungcwele bakhe, noma usesihogweni noma ejele ngezono zakhe. Yikho kulezi zinkolo bonke abantu uma sebefile baba yinto enkulu, behlatshelwe, bebuyiswe nasekhaya, kungabhekwa ukuthi laba bantu besese nyameni bebephila nhloboni yempilo! Abakhi belezi zinkolo kusuke seluphelile ulwazi lwabo ngomuntu osefile, njengoba noBabamkhulu washoi njalo, wathi ulwazi lwethu ngalomuntu luphela lapho isidumbu singeniswa ethuneni!
48.Uma sithi izinkanuko zenyama ziphelela enyameni, sichaza ukuthi noma into oyenza emhlabeni ungayithatha ngokuthi inhle kanjani, noma ikujabulisa kanjani, kodwa uma usufile, lokho obukwenza, kodwa kuyisinengiso kuJehova, kuphenduka kube lusizi oluyisimangaliso. Esihogweni ngempela uyazidla izilonda zakho, uziphuze izinyembezi zakho! Thina sihlala nomuntu ovela ezulwini, oyaye asibonise ukusuka nokuhlala kwempilo yomphefumulo ezweni esiya kulo!
49.Zonke izinkolo azichazi lutho ngokuboshwa nokukhululwa komphefumulo, ngoba it is either azazi, noma azikuvezi ngoba nalaba onkulunkulu kwabona basabheke ukwahlulelwa, ngakho bayayigwema indaba YOKWAHLULELWA! Uma usathane esazohlulelwa, yimuphi omunye unkulunkulu ongazukwehlulelwa?
50.Ngiyanimema bafowethu nodadewethu abafuna ukubona umbuso wezulu, noma ungumKrestu noma ungumNazartetha noma ungumMoslem, ayikho into oyikhanukela emhlabeni ozohlangana nayo ezulwini. uma ufuna ukuya ezulwini, uboqala uselapha emhlabeni ukuthanda izinto ezithandwa nguNkulunkulu, ngoba izinto eziningi esizithandayo lapha emhlabeni azitholakali ezulwini. Ubuhle namagugu asemhlabeni aphelela emhlabeni!
51.Thina sithandiwe ngoba enkolweni yethu kunabaprofethi abahlale bexhumene noNkulunkulu wethu. Namhla uJehova uvele wehlisa ingelosi ezulwini yazosichazela ngayo yonke impilo yasezulwini nempilo yabalahliwe! Okumele ukwazi ukuthi akusoze kwenzeka ukuthi ungenza into embi kumuntu noma kuNkulunkulu, ungajeziselwa yona. uNkulunkulu wethu IS GOD OF JUSTICE! Yikho nje uma umuntu enza okubi kithi singamenzi lutho, kodwa sivele sibhekise kuMdali wethu, ngoba noma kanjani kuza isikhathi lapho esazokwahlulelwa ngemisebenzi yakhe emibi nemihle!
52.UNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba kuphela onezulu elijezisayo nelibusisayo, ngamanye amazwi impilo yethu njengamakholwa angaphansi kwaJehova, iyaqhubeka, ngenkathi inyama yethu ifa, impilo yethu iyaqhubeka. Uma ngabe ubuziphethe kahle uzobusiswa ungene ezulwini likaNkulunkulu, uma ubuziphethe kabi, uzoya esihogweni uyoboshwa noma uboshwe noma kuphi.
53.Kodwa kwezinye izinkolo akukho lokho, enkolweni yoMdabu okuyiyo eseduze kwethu, asitshelwa lutho ngokujeziswa komthathakathi noma umbulali ezulwini loMdabu! Inkolo kaJehova is real and practical, kanti ezinye izinkolo zakheke ngenkolelo, onkulunkulu bazo bagijimela umuntu osesenyameni, bese singacacisi ukuthi kwenzekani kumuntu ongasekho enyameni, osesemoyeni. Ujeziswa kanjani umuntu okwathi esesemhlabeni wasebenzela usathane kukho konke akwenzayo?
54.Njengoba ngiphambi kwenu nje angikwesabi ukufa, nokho zimbili izinto ezenza ngifune ukuphila okwamanje. Okokuqala, ngihlalele ukuthi ngathunywa ukuba ngivuse inkolo kaJehova, umsebenzi engawunikwa angikawuqedi! Okwesibili ngihlalele ukuthi angikakhuli kangako, uma ngihamba manje nizokhala kakhulu, ileyonto engiyesabayo. Noma ngazi ukuthi ekugcineni ngohamba emhlabeni, kodwa ukukhala kwenu ikhona okungenza ngishawe uvalo lokuthi angingafi, okungenani angife sengimdala kakhulu, nalomsebenzi okuthiwe angiwenze usunezimpande!
55.Kodwa ukuthi kukhona ukwesaba kokuthi uma ngifa ngizoyaphi, akukho, akukho nhlobo nje ukwesaba, ngoba ngiyazi ukuthi uma ngihamba emhlabeni ngiya ezulwini! Yini ngazi ukuthi ngiya ezulwini? Yingoba uNkulunkulu uthumele umuntu wasezulwini kimi ukuthi azohlala nami, wase engifundisa ukuthi ukuze uhlale kahle ezulwini kufanele wenze lokhu nalokhu nalokhu.
56.Uma kungase kufike umuntu wase USA, ezohlala nawe, ebese ngempilo yase USA k, ehleli nawe, abuye ehambe futhi eya e-USA, ungekufise ukuthi uye e-USA? Kungathi uma kufika isikhathi sokuthi uye e-USA, ushawe uvalo, noma uzojabulela ukuthi uzogibela ibhanoyi uye e-USA? Injalo ke impilo yethu ngombuso wezulu, siyathanda kakhulu ukuya khona ngoba sihlala nomuntu ovela khona! Into engiyesabayo kuphela inina enizosala ngemuva, kodwa mina ayikho into engiyesabayo ngokufa, ngoba ngiyazi ukuthi uma umoya wami usuka esidunjini, uzoya ezulwini!
57.Ngingaba nenkingani ezulwini, ngoba lo muntu engihleli naye ungifundise konke ngempilo yasezulwini, ukuthi uma wenza lokhu nalokhu uselapha emhlabeni uyohlala kahle kwelizayo, futhi ngiyambona naye, ngiyabona ngaye ukuthi kuhle ezulwini! Uma ngabe unikela ucela ukuthi awuthi uma uphuma umphefumulo wakho ubheke ezulwini, kuyokwenzeka lokho?
58.Lomuntu esihlala naye usebonise ngezinto eziningi ukuthi uNkulunkulu ukhona, nokuthi uma uhamba ngezimiso zikaJehova, uJehova ukwenzela konke okucelayo uselapha emhlabeni, nasezulwini. Muhle ngalokho ke loNkulunkulu wethu!
59.INgelosi esihleli nayo has demonstrated to us, ukuthi uma ukholwa, uma ucela into kuNkulunkulu iyenzeka, usekuvezile lokho kakhulu. Ziningi izinto ingelosi ezivezile ukuthi uma sinamathela kuNkulunkulu bese sicela into siyayithola, ziningi, eyi ziningi!
INkosi ibusise lokho enikuzwile