Skip to content

KHUMBULA IMUVA LAKHO ULINDE UQINISE

Abantu bafuna into ejabulisa bona, uma ukhuluma ngento eyojabulisa uJehova, abantu bayahlehla. Washo umuntu kaNkulunkulu wathi, “BANINGI BAMENYIWE KODWA BAYINGCOSANA ABAZONGENA.”

Inkonzo yeSabatha ekuseni mhlaka 22 October 2022: NguMfundisikazi Nomcebo Nxumalo Mpanza.
 
237. ISIHLABELELO.
J.G SHEMBE
 
1 Ngiyathanda mina ukukhonza
Inkosi yezulu,
Inhliziyo ayivumi
Ukukhulula umphefumulo wami.
 
2 Ngenze Nkosi isiboshwa
Noma kubuhlungu njalo,
Ukuze umoya ukhululwe
Ngosuku lweNkosi.
 
3 Jabula wena ongaboniyo
Umhlaba nengcebo yawo
Vula amehlo omphefumulo
Abone ikhaya labaNgcwele.
 
1.Ngibabingelele abangcwele, ngiyikhethe iNkosi yaseKuphakameni. Isihloko sithi KHUMBULA IMUVA LAKHO ULINDE UQINISE. Ngiyabonga eNkosini yaseKuphakameni eyathuma ubaba uMelusi, nemthumayo futhi ukuthi ayabe kanjani inkonzo. Ngiyazibongela nami ukuba ngiguqe nginikwe, ngibonga ngizicelela kuShembe ukuthi ngingaphakami noMubi kodwa ngiphakame nabangcwele bakhe ngoba bona bawukukhanya futhi bangabaqinisileyo. Ngibuyela laphana kulesi sihloko bantwana bokukholwa ngiphinde ngikhulume ngigcine kuleli vesi engigcine kulo. “NGIYATHANDA MINA UKUKHONZA INKOSI YEZULU, KODWA INHLIZIYO AYIVUMI UKUKHULULA UMOYA WAMI.”
 
2.Asazi bangcwele ukuthi bangaki abantu abathe uma bemukela uNkulunkulu, inhliziyo yawukhulula umoya. Ithi-ke iNkosi yaseKuphakameni kuleli vesi engigcine kulo ithi, “JABULA WENA ONGABONIYO UMHLABA NENGCEBO YAWO,” ithi, “VULA AMEHLO OMPHEFUMULO ABONE IKHAYA LABANGCWELE.” Nami ngizozicelela eNkosini enkulu yaseKuphakameni ukuthi avuleke amehlo omphefumulo wami, nami ngilibone ikhaya labangcwele. Baningi abantu abasuke bekhona emabandleni wonke kodwa abangazange bayithole inhlanhla yokuthi kuvuleke amehlo bese bebona ikhaya laba ngcwele. Baningi abantu ababona abantu abaningi, nasemaqenjini akhona emhlabeni emubusazwe noma umuntu kubonakala ukuthi iqembu lakhe lincane kodwa iqiniso likhulu, kodwa abantu bayalilahla iqiniso baye lapho okunezinkulungwane khona.
 
3.Kodwa-ke ukuya lapho okunezigidi khona basuke befuna ihlathi lapho abazofihleka khona ngoba lapho iqembu noma ibandla lilincane awukwazi ukufihleka, abantu bathanda indawo lapho abazo fike bafihleke khona. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni bayajabula abantu abavulekelwa ngamehlo emiphefumulo yabo bese beyalibona ikhaya laba ngcwele ngoba noma ungaba lapha endlini kodwa uma amehlo omphefumulo wakho engazange avuleke ubese ulibona ikhaya labangcwele, usalindelwe isililo esesabekayo ezinsukwini ezifihliweyo eziyawufika kuwe nakimi. Ngithi-ke uma ngikhuluma ngendaba yokuthi khumbula imuva lakho, ngikhuluma ngomuntu owayesezidelile owasebona ukuthi noNkulunkulu naye uyabafakazela noma uyababusisa abazondi bakhe, ohlupheke waze wabona ukuthi kwaba yicala ukuthi abe khona emhlabeni.
 
4.Kodwa kwathi khona lapho kusenjalo uNkulunkulu wakuletha ukukhanya kuye, uNkulunkulu wamkhumula izingubo ezingama nikiniki wamembesa izingubo ezihlanzekile ezinhle. Waqala wase uyabukeka nezifo emzimbeni zabaleka namathunzi eyembeswe wona asuka kuye waba ngumntwana kaNkulunkulu waba muhle kwaphela ukuhlupheka wayithola imisebenzi wathola umuzi wathola ngisho imoto, waqala waba ngumnumzane ngoba usenakho konke, waganwa waba nezingane. Ngithi-ke bangcwele ngikhuluma ngabanjalo ukuthi kuhle ukuba ungalikhohlwa imuva lakho lohambo lwakho lokuhlupheka osuka kulo. Angisho imuva lokuyohlabela oyihlomkhulu kodwa ngikhuluma ngosizi owawulwembhethe owawusucabanga nokuzibulala kodwa uNkulunkulu wenza lokho akwenza endodeni ekholwayo u-Abrahama okwathi uma kuthiwa kufanele ukuthi abe nomnikelo, akazange ahambe alale endleleni achuthele izingane zabanye abantu abambe zona abese uyonikela ngazo, kodwa wathatha yona leyakhe okwakuwukuphela kwayo abeyihluphekele ayeyicele kuJehova kodwa ngokuthanda uNkulunkulu wathi, “Uma uNkulunkulu ekufuna lokho, lomntwana ngangimunikezwe nguye.”
 
5.Wathatha ingane yakhe kuphela kwayo waya nayo lapho okwakufanele ukuthi ibulawe khona, kanti uNkulunkulu wayefuna ukumbona ukuthi namuhla njengoba esenomntwana usenalo yini loluthando ayekade enalo ngesikhathi engenamntwana ecela kuye ukuthi amkhumbule. Wathola lomntwana esekhulile nenkosikazi yakhe isikhulile kodwa wamthatha yena nommese eyonikela ngaye ukuthi abe ngumhlatshelo kaJehova, wathi uma esethi uyawuthatha lommese, kwafika masinyane uNkulunkulu waveza okufanele ukuthi akuhlabe. Kwaqhamuka izinyane le lemvu wase ehlaba lona. Kwase kuyagcwala ukukholwa kwakhe kwagcwaliseka phambi kuka Jehova, wambona uJehova ukuthi usenguye yena loyana osathembela kuye. Ngithi-ke bangcwele namhlanjena ngithi asikhumbule imuva lethu ukuthi sifike kuShembe sinjani, izinsizi zethu bezingakanani, sikhumbule namadla ethu nezimali zethu esasihambe sizinikeza abakhohlisi, sikhumbule.
 
6.Ukukhumbula lokho kosenza ukuthi sibese siyalinda siqinise ngoba siyobe sesikhumbulile ukuthi uma ngabe loNkulunkulu ngingafanele ukumlinda, wayengangenzela kanjani izinto ezinjena ngoba uma usuhluphekile awubi nawo umndeni, akekho umuntu oba nomndeni ehluphekile. Uma uba nomndeni usuke ungahluphekile, uma ungenamuzi uhlupheka ubamba lapha kudilika umndeni uyashabalala kuwe, awuze waba naye nokhumbulayo ukuthi, “Angike ngiyombona lapho aqashe khona, ake ngihambe nami ngiyombona umfowethu noma ngike ngihambe ngiyombona umzala wami lapho.” Akafuni ukuza ngoba uyazi ukuthi kuzofanele uma esehamba afake isandla esikhwameni athi, “Nakhu uzosala ubona.” Ubalekela lokhoke. Iba nomuzi uyoba nendathane yomndeni.
 
7.Ngithi-ke kulesi sikhathi sihluphekile sigqoke amanikiniki, asibanga nawo umndeni kodwa owasondela kithi kwaba nguJehova. Ekukhaleni kwethu nasekudabukeni kwethu owezwa ukukhala kwethu kwaba uJehova. Kulawo manikiniki esasiwagqokile, asizange sakhunyulwa imindeni ephilayo nengasekhokho kodwa sakhunyulwa nguNkulunkulu waseKuphakameni owafika wasibona ukuthi sihluphekile wayesesikhumula loko esinikeza izingubo ezintsha. Ngithi-ke bangcwele namuhla ake sikukhumbule lokho ngoba uma ngabe sikukhumbula loko sizokwazi ukuba silinde siqinise njengoba iNkosi isho ukuthi, “LINDANI NIQINISE NGOBA ANILWAZI USUKU NESIKHATHI.” Umhlangano bantwana baseKuphakameni, kungumhlangano nje indaba ayiqali khona emhlanganweni, indaba iqala mhlazana uzihlanganisa noJehova.
 
8.Umhlangano utshelwa ngawo usuzihlanganisile noNkulunkulu bese uyatshelwa ukuthi uma usungumntwana kaNkulunkulu kufanele ukuthi uhambe kanjani, kunezimiso zikaJehova ezimisela amakholwa ukuthi ayohamba ahambe bese eyema lapha. Inzima indaba yokugcina umthetho kaNkulunkulu ngoba ayinawo ushukela kodwa iyababa inopelepele. Abantu babuka imizi yabo, athi umuntu, “Ngingashiya umuzi wami ngihambe ngiyohlala esigangeni? Ngiyowakha indlu eyokwakhiwa ngamahlokohloko ngiyohlala khona ngishiye umuzi wami omkhulu kangaka.” Akukhohlwe ukuthi lomuzi isisekelo sawo nguNkulunkulu. Abantu bafuna into ejabulisa bona, uma ukhuluma ngento eyojabulisa uJehova, abantu bayahlehla. Washo umuntu kaNkulunkulu wathi, “BANINGI BAMENYIWE KODWA BAYINGCOSANA ABAZONGENA.”
 
9.NoShembe simuzwa ethi wabona izinkulungwane ngezigidi zimisiwe esigodini sosizi, akashongo ukuthi wabona idlanzana labantu limisiwe uthi, wabona izinkulungwane nezigidi zimisiwe esigodini sosizi. Ngoba amahlathi lawa esibaleka sizifihle kuwo asinakuhamba nawo, bayangena abantu kulamahlathi kodwa uma sekufika izinsuku ezifihliweyo sezifikela yena yedwa uma esefika phambili lamahlathi awekho lapho ekade ebalekela khona azifihle. Abafuni abantu ukuza entweni esasuka phansi ngoba bayazi ukuthi bazosheshe babonwe. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni lapho engizwa ngifikelwa ukumbonga loNkulunkulu, ngimbonga ngingaphezi. Sebake bafika abantu lapha kuleli bandla abathi bazocasha, bathola ukuthi akucasheki ngoba azikababikho lezinkulungwane nezigidi eziphenduka zibe yihlathi lapho kubalekela khona izigebengu.
 
10.Babona ukuthi alikho ihlathi lapha kuleli bandla, akucasheki. Abanye basuke bethunyelwe kuthiwe ngena… umuntu aze abhabhadiswe abhabhadiselwe ukuzokona izinto, abhabhadiselwe ukuzothatha isinqumo sokuthi mhla efayo akadliwe zingonyama angafiki lapho ekuyiwa khona. Bayafika abantu lapha kuleli bandla bethunywe izitha, kodwa loNkulunkulu esihamba naye uyabashisa bephume ngejubane ngoba usuke yena ebabona. Umuntu ofika la kuleli bandla elethwa nguSathane, emthumele ukuthi eze la, usuke ethi uzocasha afane nathi. Ufike ahluke kakhulu ngoba noma ethi usengenile phakathi kwethu kodwa utholakala enza izinto lezi ekuthiwe azifihle, agcine esezenza khona laphayana nje eshashalazini. Akekho-ke umuntu ophila lapha kulomhlaba noma lapha eNingizimu Afrika ongazi ukuthi i-NCG iyibandla lika Nkulunkulu, noma ngabe abantu bengaba baningi kanjani uma ngabe bengasiwo amaNazaretha kaNkulunkulu sebebanjiwe bayaxoshwa, baphume baphele kusale ingcosana eyingcosana kaNkulunkulu, ezolinda ezofuna uJehova.
 
11.Akukaze kwenzeke emabandleni amanye ngoba noma umuntu angadelela uNkulunkulu, akaxoshwa ngoba kuthiwa kuzokwehla umnotho, kuzokwehla udumo lwabo ngoba udumo lwabo lusezinkulungwaneni ezingenamsebenzi noNkulunkulu, ezingenandaba nokugcinwa komthetho kodwa ezizokwenza ukuthi ohamba phambi kwazo abe nodumo lwazo iziwengu. Uma ngithi, “Iziwengu” ngikhuluma ngomuntu oyaye engabi nayo into enhlizweni yakhe emusa kuleyo ndawo kodwa ophakamisa amehlo wabona izinkulungwane, wagijima wayozishumeka khona. Noma eseyedwa akazazi ukuthi wayezofunani lapha, ngisho nje eguqile kuthandazwa akazi ukuthi kufanele athini ngoba akazi ukuthi weza ezokwenzani kodwa wajabulela ukuthi azobalwa naye kuthiwe ulapha ezinkulungwaneni.
 
12.Akazi lutho ngoNkulunkulu, akazi lutho ngoJehova futhi akakukhathalele lokho, kuphela uma elapho efihleke khona. Alikho-ke ihlathi ebandleni lika Nkulunkulu. Ngiyaye ngizwe abantu abazikhonza bona noma abanodumo lokuthi baningi, babona engathi siphatheka kabuhlungu ngokungabi khona kweziwengu kuleli bandla. Babona engathi sihluphekile ngoba iziwengu zingekho nje la, balilela thina ngoba bazi ukuthi into ekufanele ibonakale ukuthi ikhona abantu abaningi kodwa ngisho uJesu washo wathi, “BANINGI ABAMENYIWE,” wathi, “BAYINGCOSANA KODWA ABAZONGENA.” Ngiyaphinda ngithi uthi uShembe wabona izigidi nezinkulungwane zimisiwe esigodini sosizi, zazingeke zisadlula ngenkani ngoba zase zifike kwelinye izwe, zazingasekho lapha, nama hlathi ebesesele khona lapha emhlabeni.
 
13.I-NCG ibandla eliyisikolo sokufundela ukungena ezulwini, asisibo abantu abakhe i-company noma i-society ekufanele ukuthi ibe nabantu abaningi, alakhelwe phansi kokuthi kufanele ukuthi kukhule umnotho kodwa uNkulunkulu yena angakhuli ezinhlizweni zabantu. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni wonke umuntu noma ngabe omubi esefike phambi kwakho ekwenzisa into oyibonayo ukuthi nawe ayikaze yenziwe ngisho enkolweni nje yesintu, ayikaze yenziwe kodwa ubese ukhumbula imuva lakho uthi, “Konje ngafika ngigqoke ibhulukwe elinjani?” Uthi umfundisi wakithi uNtuli wayegqoke ophaqa ngoba engenakho okunye ngaleso sikhathi. Ngithi-ke uma uke wakhumbula ukuthi wafika ugqokeni, wafika unjani uzokwazi ukubona ukuthi lomuntu othi yenza lento umuntu ofuna ukukubuyisela lapha esililweni.
 
14.Ngibuyela-ke ebungcweleni, inkolo kaNkulunkulu sifundiswe ukuthi siyigcine ihlanzekile ingcwele njengoba umnikazi wayo engcwele. Sifundiswe ukuthi lenkolo siyiphakamise ngisho ezindlini zethu kubantwana bethu, sifundiswe ukuthi lenkolo sicule ngayo noma sihamba kuphi ngoba lenkolo inkolo kaJehova eyakhelwe abantu abafuna ukuthi babe ngabantwana baNkulunkulu beselapha emhlabeni baphinde babe ngabantwana baNkulunkulu nasezweni esiya kulo. Kuyihlazoke ukuthi ungahola abantu, abantu ungabafundisi lutho ngoNkulunkulu owadala wena, ngoNkulunkulu owathuma uShembe. Abantu kuphela into efuneka kubo ukuba banikele kodwa abantu bangafundiswa ngoNkulunkulu bangafundiswa nangokufa ukuthi ukufa kukhona.
 
15.Bengafundiswa abantu ukuthi ekufeni kukhona isigodi sosizi, uShembe washo njalo, awuthi ungafa uqubuke sewuqubuka ezulwini. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kungumhlangano kaJehova, kuhle sikhumbuzane nomunye akhumbule ukuthi wayephethe luphi usizi abese ekhumbula ukuthi lwaphela kanjani, uke wakhumbula ukuthi lwaphela kanjani uzokwazi ukuthi alinde ngeqiniso uNkulunkulu. Kuyothi uma kuvela izwi lithi nangu uMenzi wezulu nomhlaba, phumani nimhlangabeze akayukuba nakho ukuthi anqikaze, angeke afune ukuthi aye ezintabeni acele ukuthi zidilikele phezu kwakhe kodwa uyophuma agijime agijimele ukuthi nangu uMenzi wezulu nomhlaba ebengimlindile kusukela ngazihlanganisa noJehova nginokulinda ngimlindele ukuthi noma angaqhamuka empumalanga noma entshonalanga noma eningizimu noma enyakatho, uyongithola amehlo ami nokulinda kwami kumlindile kuze kufike yena ngiyosuka ngejubane ngihlangabeze ngiyohlangana nabangcwele.
 
16.Ngoba anginaso isici kodwa nginenkolo, inkolo yokuthi uJehova mkhulu kunako konke, inhliziyo yakho itholakale icebile kodwa icebe ngoJehova ukuthi uJehova mkhulu. Uma wazi ukuthi uNkulunkulu mkhulu, ukwesabeka kwakhe kube kuwe noma uhamba wedwa endleleni nase ndlini yakho ukufundise lokho ukuthi akwesatshwe uJehova, akahlonishwe uMenzi wezulu nomhlaba udumo lwakhe lungasuki olimini lwakho lungasuki enhlizweni yakho. Nomaphi lapho ukhona udumo luka Jehova lume phambi kwakho ngoba uyabona ukuthi wena ungumuntu owumuntu wokudumisa uNkulunkulu. Uthi ungakhumbula ukuthi wawunjani bese uqala phansi uba nokukholwa okohlanzekile uthi Nkosi umkhulu ngoba wakwazi ukuthi mina engangingaselutho emhlabeni wangigeza.
 
17.Uma uNkulunkulu esekugezileke uba nabafwenu ube nodade wenu ube no anti ube nomalume ube nayo yonke into, kuvumbuka ngisho owayekade engasezi athi uze kuwe akutshele ukuthi uzalwa ngu anti kayihlo ngoba nakhu usugeziwe usunomuzi kodwa wawuhlupheka uphuma ungena ugcinwa ngabantu ongahlobene nabo nasekuqasheni uphuma ungena, abamazi omunye umuntu bazi wena nomkakho nezingane zakho kodwa abakaze bambona umuntu owake wafika wathi ungumzala wakho noma wathi ungumntwana kababa omncane wakho, akaze waba khona. Kodwa mhla uJehova ekukhipha kulolo usizi, uzoba nabo abakini kovumbuka othi-nje yena uzalwa umalume kayihlo. Uyokufuna aze akuthola ngoba manje usungumuntu, uNkulunkulu usekwenzile waba ngumuntu.
 
18.Konke asikukhumbule ukuthi kwenzeka ngoNkulunkulu, konke kungoJehova, konke esinako okwasilungela kungo Jehova kungoShembe owafika wasitshela ukuthi sesiphelelwe yikho konke wathi, “Bizani uJehova,” wathi, “Uyakuza anisindise.” Nangempela sambiza wasisindisa loNkulunkulu waseKuphakameni. Ngikhuluma bantwana baseKuphakameni ngemuva ukuthi uma ngabe silikhohlwa imuva lapho esisuka khona sizongamazi uNkulunkulu, sizongalindi ngeqiniso ngoba sizobe sesikhohlwa sesibona ukuthi kwakuvele kunjena. Inhliziyo ethi, “Kwakuvele kunjena nenhliziyo ethi “Kwakuvele kuzoba njena” isuke leyo nhliziyo ikulandulela ukuthi wena udalelwe ukulahlwa awusiye umuntu lapha emhlabeni nasezulwini, awukufanele wena ukuba umntwana kaNkulunkulu.
 
19.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, kuyiSabatha kungumhlangano, engathi uJehova iNkosi yomusa engathi nathi ingasithanda, izinhliziyo zethu zihlutshwe zingangeni namakhasi endaweni kaNkulunkulu. Inhliziyo ehlutshiwe akukho okunye ekudumisayo akukho okunye ekwesabayo, inhliziyo ehlutshiwe ayizihlanganisi namadili abantu, ayizihlanganisi nemikhosi eyenzelwe abantu abangasekho, ayizihlanganisi nomndeni ongakholwayo ngoba mhla uzihlanganisa noJehova akukhulunywanga lutho ngomndeni kodwa kwakhulunywa indaba yakho wathi uyamkhetha uNkulunkulu waseKuphakameni onguJehova, kwathiwa amein ezulwini kwathiwa amein lapha emhlabeni.
 
20.Wanikwa umthetho ukuthi kufanele ukuthi uhambe kanjani, umake wena ungumntwana kaNkulunkulu ubonakala usuthumela nemali eyalapho kuthiwa khona kuyobe kuhlangene khona umndeni kuthiwa kuyobe kukhunjulwa noma kubuyiswa ukhokho waleso sizwe sakini. Bese uthi, “Cha mina ngiyobe ngingekho kodwa-ke nasi isipheko,” usuvele usukhona lapho, uNkulunkulu uthanda umuntu oyiqhawe umuntu ongasisona isidlova kodwa umuntu osaziyo isifungo sakhe asithatha noNkulunkulu, ongabe lekhu enqikaza athi, “Manje njengoba manje ekhaya kithi sekusele mina ngedwa, bathembele kimi bonke imina ekufanele ukuthi ngikhulume. Bengeke ngiye yini bese ngiyabuya ngiyahlambuluka?”
 
21.Asinayo inkolo enjalo yokuthi abantu bahambe bayocwila esizibeni esawaywa, uJehova wasifundisa ukuthi sisixwaye bese begijima bazohlambuluka ngeshumi, ishumi lelo abayolikhipha kwaTalagubhe lapho kufuneka abanjalo, lapha kufuneka abantu abangamaqhawe, abantu abakufelayo ukukholwa umuntu angabi nandaba ukuthi uzoba ngumshiza nje yendwa. Ukukholwa khwakho… ungezwa umuntu kuthiwa, “Hhayi umntanakhe unedili elithile, umntanakhe akakholwa.” Baningi abantu abazophenduka loya nkosikazi owaphenduka isiduli sikasawoti etsheliwe ukuthi akabheke phambili kodwa wayesebheka emuva. Baningi abantu abathi beyihamba indlela kaNkulunkulu kodwa kuthiwe umntanakhe ongakholwa, uzoba nento ethile kufanele ukuba uyise ebe khona. Bese-ke eba uyise.
 
22.Awukwazi ukuthi ungahlehla uyoba uyise womuntu ongekho kuJehova, ukuthi ungahlehla uyojoyina idili uNkulunkulu athi akalifuni kuwe. Uyolijoyinela ngoba nakhu umntanakho, awusiloke ikholwa usuke ubonakala ukuthi wena awusiye umuntu owanikezwa into enhle wena ufana nalesilwane engeke ngasibiza ngegama, ekuthi noma sinikezwa into iyinhle ihlanzekile kodwa ngaphambi kokuthi siyifake emlonyeni siqala siyifake udaka kuyisikhathi siyidla leyonto leyo. Akuwubufanele ubuhle, awulifanele izulu awukufanele ukuthi ube ngumntwana okhethekile oyohlangana nabasezulwini ngoba noJesu wabatshela abendlu yakubo wathi, “ANGISENABABA ANGISENAMAMA, UMNDENI WAMI YILABA.” Wakhomba abantu akholwa nabo, uma ngabe ukholo lwakho lusanqandeka luyojama emndenini uyothemeleza uthi, “Ngeke ngidle ngeke ngisho lutho kodwa kufanele ukuthi ngibe khona phela ngithi-nje ukuthemeleza kancane.”
 
23.Hhawu bangcwele sake saba nawo amaqhawe kuleli bandla, ake abakhona amaqhawe. Sake saba nomvangeli uNgiba, umvangeli uNgiba wakholwa bantwana baseKuphakameni. Ngithi bantwana bokukholwa wathi uma ngabe indodakazi yakhe ilostholwa, wathi umvangeli abangezi ukuzolobola kwakhe ngoba yena waphuma kulezo zinto ngoba yena sewangena kuNkulunkulu, wathi abaye kubafowabo bayokhuluma nabo lezo zinto ngoba umntwana wakhe akekho kulokhu kukholwa. Ngeke yena ethi esekholwa aphinde ahlehle ayokhuluma izinto zabantu. Wathi-ke umfowabo, “Uyokhuluma wena ngeke ngikutshele ngisho ukuthi uyonqumaphi, uyokhuluma nje wena.” Lwafika usuku kwathiwa indodakazi yakhe iyashada, uMvangeli wathi cha kuzoya abafwethu labo abangakholwa.
 
24.UMvangeli akazange afune ukuthi ayothemeleza azwakale esegedeza eyokhuluma laphana nomanukelana. Kodwa wathi, “Mina sengiwumntwana kaNkulunkulu, mina ngikhuluma ngento ethinta uJehova kuphela angisayikhulumi enye into.” Kusho-ke amaqhawe ezulu, isho njalo lensizwa kubantu babeseduze ithi, ayi uma sekufika isikhathi sokuthi iyocasha ngoba yayifunwa izitha zayo lapho eyayisebenza khona kodwa bathi yathi, “Kodwa ezulwini kuphilwa kahle angeke ngiphile ngokucasha, ezulwini uma sengikhona ngiyohamba kahle ngikhululeke ngeke ngihambe ngifihlwa ngicasha.” Wavuma yena uMvangeli ngenhliziyo yakhe wathi usefuna ukuthi ayophila ezulwini lapho azokhululeka khona bantwana baseKuphakameni.
 
25.Isilele lensizwa kaNkulunkulu, iyaphenduka iyalubona usizi ibona umntwana wayo uyakhala, iyafika kuye ithi, “Hamba uye lapha e-NCG, ufike ulubike lonke lolusizi. Ufike usho yonke lento lena, wathi uzofike usizakale.” Wafika umntwana ozalwa nguMvangeli, elayelwe nguyise wathi akeze lapha ebandleni afike ayisho yonke into emhluphayo, wathi uNkulunkulu uyokusiza. Akazange asho ukuthi hamba ufune imbuzi, ngoba wafela ekukholweni wayovuka ezulwini, wangena emzini okhazimulayo owashiwo nguShembe. Uma ubekade esesihogweni ubengeke akhulume lokhu kukhuluma okunjena. Wamuqhuba wathi akeze lapha, noma umntwana yena engezwanga ukuthi uyise uthini kusho ukuthi akakholwa lapha kodwa wafika wazinikelela lezo zinto lezo. Wathi, “Njengoba izinto zakho zimnyama…” wabuya lomntwana wathi, “Lokhu ngeza lapha nganikela, ubaba ethe angize la,” wathi, “Mama izinto zami,” wathi-nje, “Sengiyalotsholwa ngingashada noma kunini.”
 
26.Anjaloke amakholwa, abafela ekukholweni bayakuvuka bakhulume ngoNkulunkulu nasezinganeni zabo bayovuka ngoNkulunkulu bathi, “Hamba uyomemeza uNkulunkulu.” Ngithi-ke sinabo bantwanabaseKuphakameni abantu lapha abangamaqhawe. Sasinomkhokheli, sasimthanda kakhulu ayesthanda kakhulu lomkhokheli kodwa kwafika isikhathi lapho agula khona. Kwakuthi mhlazana ezwa ubuhlungu silokhu simcelela ukuphila kodwa wathi umkhokheli uKhuzwayo, “Ngiyacela ukuthi ungicelele kubaba uMelusi ukuthi angicelele kuBaba ILanga ukuthi ngicela angithathe.” Kwasinda kithi ukuthi singasho kanjani kubaba ukuthi akathathe umuntu osebenza kangaka, umuntu owondla abntwana bakhe, wayesebenza umkhokheli uKhuzwayo esiza nakwakhe ekwazi ukusebenza yena yendwa izingane ziphila.
 
27.Singasho kanjani ukuthi umuntu onothando olungaka lokukholwa ukuthi sithi akahambe, kodwa wabona ukuthi asikuceli lokho wabuye wafika wathi, “Hhayi ngicelela kubaba uMelusi ukuthi angicelele ukuthi uBaba iLanga angithathe.” Uma sezohambake uyafika lapha uthi, “Ngizonikela,” wazinikelela zonke izinto ayekade ezozinikelela egula bangcwele emthanda uShembe noma enikela athi, “Ngiyacela ukuthi iNkosi yaseKuphakamini ingikhumbule, ngiyacela ukuthi ngiyibone uma sengihamba.” Ngithi, “Uzohamba uyaphi mkhokheli.” Athi, “Ngicela ukuthi ngimbone uShembe.” Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni-ke yase ihamba kwaba khona unkosana la wakwa Shawuka, abaningi bangangifakazela ukuthi leya nkosana yayimthanda uNkulunkulu. Kwathi sekunzima yacela ukuthi abayilethe kwakuyisabatha bafika bama la ngaphandle wathi ubaba abangene.
 
28.Wangena ephethe ibhuku lakhe lika 23, lelibhuku elalibhalwe yonke iminikelo ayikhiphile. Ngavele ngakhala ukuthi efika nawo lamabhuku. Ngithike bantwana baseKuphakameni sibe nabo kuleli bandla abantu abazinikela kuNkulunkulu noma sekukubi noma sekubuhlungu kunjani abazange basuke kuNkulunkulu. Wathi unkosana ka Shawuka, “Ngilethe nanka amabhuku.” Ayebhalwe yonke iminikelo ayeyikhipha ngisho egula wayeyithumela athi, “Umnikelo ka-23,” ulethwe, kuhlale kufika abantu ngiwuthathe ngiwudlulisele kuMshumayeli. Ngisenayo i-message angibhalela yona esesibhedlela, ngithi-ke bangcwele uNkulunkulu waseKuphakameni kungathi angabakhumbula nathi asiphe leyo nhlanhla abayithola laba engibabalile, abathi noma ukufa sekubhekene nabo kodwa bangaphuma emzileni kaJehova, bathi bafuna ukubona uShembe.
 
29.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, umthetho kaNkulunkulu asiwugcineni siwugcine nabantwana bethu. Sikufise ukuthandwa uShembe, singoni kuye ngoba yena ungumfula oyogeza isono sethu. Nguyena esiceba kuye, siyoceba kubani uma sizonela kuye. Ngithike bantwana baseKuphakameni kukhona ngisho abantu okwakufanele bafe kodwa uShembe sathi uma sibika laba bantu okwakufanele bafe baphila bantwana baseKuphakameni, omunye wabo nanguya umfundisi uKhathi ukhona. Esase silindile ukuthi singezwa elinye igama noma kunini simbona ukuthi uyaphela nasemzimbeni, angazi noma uMfundisi uyakukhumbula yini lokho ukuthi wake waphela-nje waphela, oMubi ebukisa ngaye kodwa loNkulunkulu kaShembe wala ukuthi kube njalo wathi, “Cha lomntwana uyangisebenzela ngisamdinga nokuthi aphilele izingane zakhe.”
 
30.Wakhumbula uShembe nokuthi wamupha umhlambi wezingane, wathi akabe uyise nje womhlambi wezingane ezingakaze kodwa zilale zingadlile. Wathi, “Cha akakhule nje phakathi komuzi wakwa Khathi, akwazi ukushumayela atshele abantu ngoNkulunkulu.” Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngifikelwa nje usizi lokuthi nkosiyami nami angikhali kodwa ngiyazicelela nami kuShembe ukuthi ngiyizuze nami leyonhlanhla eyatholwa ngabanye ukuthi noma ukufa sekume phambi kwabo kodwa bakhumbule iNkosi yaseKuphakameni. Umkhokheli uKhuzwayo wayevame kakhulu ukuthi noma kunini wayezathi, “Angisathandi nje mkhokheli, ngicela ungikhulule angisathandi. Ngicela utshele uBaba ukuthi akangicelele kuBaba iLanga angithathe.”
 
31.Kuhle ukukhumbula kini, kwaba buhlungu kodwa ngiyambongela. Sasingeke sikubonge ukufa kodwa ngiyambongela ukuthi wakhumbula kubo, wakhumbula ekhaya kubo lapho avela khona, wakhumbula uShembe owamufundisa ukukholwa. Wathi, “Tshela uBaba iLanga ukuthi akangithathe.” Waze wagcinake wazikhulumela yena, bakhona abantu abawubuka lomhlaba bawubone ukuthi awusilutho awunanjabulo awunampilo enhle, babone ukuthi lapho bengaphila khona kahle kukuNkulunkulu. Ngithi bangcwele ilokho engathi iNkosi silindile sonke kuyilo mhlangano, uJehova asihawukele nathi siwuzuze umusa sibe ngabantwana bakaNkulunkulu noma sesibhekene nobubi obunjani singagudluki emthethweni kaNkulunkulu. Simthande uJehova noma sesicwiliswe ezizibeni ezinezingwenya, simthande noma sesiphoswa emahlathini anezingonyama sifike.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *