umoya osuke usembathile phakathi kwalendlu la esikhonza khona uNkulunkulu, singavumi usuke kuthina, usembathe size siyolala, size sivuke futhi ulokhu usembathe njalo nje, ukuze amachaphazelo, izono zingasondeli kuthina, ngoba thina asibona abantu bala emhlabeni uvanzi, into nje echithekile, ukuthi uma kuthi umuntu akaye lapha, akaye lapha aye lapha. Siqoqekile sakhelwe inkambi yokuthi thina singabantwana basezulwini!
INTSHUMAYELO KAMFUNDISI UNGUBANE MHLAKA 22 OCTOBER 2022.
(Ngokubuka ukuthi umfundisi uNgubane usekhulile, sabona singekho Isidingo sokumnika inkonzo sithi akashumayele. Kodwa ekuseni namuhla iuNkosazana uHlaleleni ufikile, wathi uNgubane kumele simnike ithuba akhulume ngoba ungumfundisi walelibandla. Ngibe sengithi naye akebeke amazwi njengomfundoisi wakulelibandla.)
1.Ukuphakama kwami akube kuhle kwabangcwele. Eyi ngehlelwe isehlo, kodwa-ke bekufanele sehle. Okokuqala uMelusi umholi walelibandla, angizukubala-ke ukuthi kwaqalaphi, kwagcinaphi. Kodwa la ngezansi, sisasonta lapha, kwakuyiSabatha, ngithi kwasekuphele inkonzo.
Angikaze ngimuzwe ebusisa omunye umuntu njengoba wayengibusisa, angikhumbuli uma inkonzo ila eNatali njengoba silapha nje ngike ngingabi bikho. Angikaze ngizwe ebusisa umuntu ngendlela angibusisa ngayo.
Ababekhona ngaleso sikhathi mhlawumbe bayokhumbula kancane, mhlawumbe angeke bekhumbule. Kodwa kuze kube khona namhlanje, ayi, ayi angikaze ngizwe umuntu ebusiswa ngalendlela angibusisa ngayo.
2.Njengoba ngingaka nje emehlweni sekwaba nenkungu, kwakhona ngingaboni uma ngiya phambili, kodwa ngibona, ayi angazi, selokhu ngaqala ukusonta sengimdala kangaka. Mina-ke ngimdala ngampela, njengoba kuthiwa ngimdala nje, ngimdala, njengoba umuntu wasezulwini ethi ngimdala nje, uqinisile, ngimdala impela. Ngoba ngisho uZuma lo okade ewuMongameli, uzalelwe phambi kwami, ngibhekile, ngangilusa khona, ngesikhathi ubaba kaZuma eyiphoyisa, nomkhwe wakhe uZuma, elobola uZuma, elobola umaka Zuma, kwagcwala isibaya kwaMzobe, ubaba wathatha mina ngoba sasibaningi kakhulu kithi wathi angiyolusa khona.
3.UZuma wazalelwa emhlweni ami, ugogo wakhe wayembiza ngokuthi uGedleyihlekisa. Ngiyadlulake lapho. Ngenzela ukuthi ongazi ukuthi ngazalwa ngamuphi umnyaka, abone ukuthi cha, uma kuthiwa ngimdala, mdala lo muntu, ngoba noZuma mdala phela manje uZuma. Usekhalelwa nayibandla lakhe ukuthi hhayibo nithi lo muntu akayoba u-Chairman kanjani ngoba phela usekhulile lo muntu mdala, mina-ke ozalwe ngino 19 years kuya ko 20 mhlawumbe 22, kuzothiwa ngiyingane, ayikaze ibe khona ingane engaka, njengoba ngimhlophe nje qwa qwa, qwa qwa njengempuphu ngiyingane?
4.Ngikhona emhlabeni ngoba uMelusi wathi angihlale, uyena uMelusi owathi hlala, uyoze udonswe ngesikhumba, ushinsthe izigcawu, kunjaloke ngoba umuntu uma enomoya wasezulwini uma ekhuluma. abantu abaningi baye bethi hhayi uyakhuluma nje, kanti ukhuluma into okuyona yangempela.
5.Njengoba ningibona nje namhlanje nakhu ngiyakhuluma, kukhuluma umuntu omdala kulelibandla, ngimdala! Ibandla ngisuke nalo e-Pinetown, ngesikhathi lisuka phansi iSanlami liya phezulu, ngifika uMshumayeli uMalinga, lathi akahambe ayongihlambulula, wahamba wangihlambulula. Futhi angisoze-ke ngiphuma la ngoba sengobekwa endaweni yami yokugcina, alikho elinye ibandla engingaya kulona. Amakholwa kaNkulunkulu ngicela angithandazise kakhulu ukuthi umndeni wami, sibuye sizosonta layikhaya, ngoba alikho ibandla elinje ngaleli emabandleni onke akhona. Amabandla akhona angeke ngiwaqede ukuwabala, nobani uma ngingase ngithi akangibalele wona angeke ewaqede, ngoba alikho ibandla eliyofana nalelibandla, ngoba lelibandla ibandla elingalona elasemhlabeni elasezulwini!
6.Thina esikhonza la, esisonta la, noma seliphumile isonto, umoya osuke usembathile phakathi kwalendlu la esikhonza khona uNkulunkulu, singavumi usuke kuthina, usembathe size siyolala, size sivuke futhi ulokhu usembathe njalo nje, ukuze amachaphazelo, izono zingasondeli kuthina, ngoba thina asibona abantu bala emhlabeni uvanzi, into nje echithekile, ukuthi uma kuthi umuntu akaye lapha, akaye lapha aye lapha. Siqoqekile sakhelwe inkambi yokuthi thina singabantwana basezulwini!
7.Ngichaza-ke ukuthi-ke ngalokho lapha endlini singaphinde sihlukane, ukukhuluma sihlukane, asibize abanye abanenhlanhla bazokuzwa, basondele kuthina, bangene la, njalo njalo, singabi nomoya omubi, singavumi omubi angene kuthina. Asiqinise kakhulu ngokuthandaza ukuthi uNkulunkulu omkhulu ezulwini, awehlise umoya wakhe, awehlisele kuthina siqine, ukuthi uma kuqhamuka into embi, singafuni ingene kuthina, kube ithina esithi into embi, ayisuke kulowa muntu ahlanjululwe angene la, sikhule kanjalo.
8.Namhlanje sigcwele kulelitende elikhulu kangaka, ngangithi njalo uma ngifika ekuseni ngize enkonzweni, ngibone siwuhhafu, namhlanje sigcwele kuphumele emuva. Igceke ayikho indawo yezimoto, yonke iqonde nje ngqo. Iqonde nje ngqo! Lokho esikutshelwayo, akukho okunye esiyokuthola ngaphandle, ilokhu nje! Futhi uma ubheka, ubhekisisa kahle, uNkulunkulu usikhethele umuntu owaziyo ukuthi uhlakaniphile, futhi akanqeni ukutshela abantu ukuthi izinto eziyiqiniso njengoba linjalo. Yonke into esiyitshelwe layikhaya, uma singayithathi siyifake emqondweni wethu nasezinhliziyweni zethu, kuyobe kuyithina esesizilahlekisele.
9.Njengoba eyichaza nje uBaba uMelusi, asenze njengoba eyichaza, angithi kade eyichaza nje manje, asenze kulento ayiyona, nathi sinamathele kulento ayichazayo. Nathi singafuni ukuthi isono sinamathele kuthina, nathi sazi ukuthi le ngelosi ayizile kuyena kuphela, ize kulelibandla, abantu beza nje la, beza nje, beza nje, ingelosi iyabaqoqa ukuthi abeze la ngoba alikho elinye ibandla eliyoba njengaleli bandla.
10.Lokho angikhulumi ngoba ngithi uMelusi wangibusisa, angikaze ngizwe ebusisa umuntu ngendlela angibusisa ngayo, kwagxeka yonke into finish, nya! Kwakusho ukuthi uBaba, ngizothi nje amagama amabili, uBaba ngesikhathi elanda uMprofethi, lapha ngakubo kwaMfundisi uMdlolo, eMthandeni.
11.Ngijabulile ngabona bekhomba bethi uMprofethi uShembe, nakhu ngaphesheya komfula la owayefikela khona, ngathi ewu ngaze ngayibona le ndawo ekade ngangifisa ukuyibona. Engisho ukuthi-ke, ngeshwa ingelosi angazi ukuthi ize yangikhetha ngoba iyazi ukuthi angikwazi ukukhuluma, angisona isikhulumi, bekwenzenjani, kodwa ibiyenza umsebenzi wayo, ibone kufanele nje umuntu omdala, naye ake aphawule. Ngifike layikhaya ngaba uMhlambululi, ngaba uMshumayeli, ngaba uMvangeli namhlanje ngiwuMfundisi.
12.Ngicela ukuthi-ke uBaba, kwakuthiwa akalande uMprofethi, ama missions lapha KwaMaphumulo, athi le nkolo ayilethayo, ayifanele, angazi nami ngangingekho ngoba into engizwayo. Ngisho ukuthi-ke ngalokho, ebese ethi uMprofethi kubaba, “ngifase ngezinsimbi”, athi ubaba, “ngeke ngikufase, asambe nje.” Kushuthi uBaba-ke endleleni, athi, “Awenze ndoda, wenze okuncane lapha nje.” Wathi uMprodethi: “Hhayi alukho nje uthongwane engizokunika lona, wena izingane zakho zonke zizoba abaprofethi.” ngaleso sikhathi-ke sasilikhuni kakhulu kithi ngoba ubaba vele kwakuwumuntu ozibhincele, kanjalo, engazi lutho ngokukholwa.
13.Kanti uMqaliwendlela uyazi ukuthi uma sesizaliwe sofunda ngaleyondlela esiyifunda ngayo, nathi soyithola le ndawo yakhe okuyiyona yona yangampela. Namhlanje kithi abasekho bonke abantu, uBaba wayeganwe amakhosikazi awu 5, owokugcina kwakuwudadewabo kamakaZuma owayemganile, noma engaphelelanga-ke ekhaya, wahamba. Kwakungebantu kwakuyinkungu le, abantu ababa sesikoleni babili kuphela. Owakwethu nendlu elama unkosikazi omdala, 2, inqwaba kwakungamabhinca nje, ayi kwasho ukuthi bayayigqokela-ke ngendlela abazigqokela ngayo nje abantu.
14.Ngakho-ke lelithuba-ke engilithole namhlanje, bengingazi nami ukuthi ngingase ngilithole namhlanje, ukuthi akube khona amazwi athile njengomfundisi walapha ekhaya, ngiwabeke, kodwa nje, noma ngihamba, noma inini, angikhohlwa izibusiso, UBaba uMelusi azikhipha lapha, ayi kuze kube namhlanje, akekho umuntu owake wambusisa bukhoma, ngicabanga ukuthi lokho mhlawumbe kwenziwa ukuthi UShembe lo, wathi kubaba abantwana bakho boba amaNazaretha, ileso sehlo, angazi, ngiyakhuluma-ke ngoba phela kuyaqagelwa, futhi-ke angiyena umuntu ojwayele ukukhuluma kakhulu, ukukhuluma izinto ezinganamsebenzi isikhathi esiningi.
15.Ngithi-ke njengoba silapha endlini, singamakholwa, sesikubonile lokhu kukholwa ukuthi akukhona lokhu okufana nalamabandla akhona la emhlabeni, kuhlukile kakhulu, futhi angazi ukuthi umuntu odidwa ilento, uyobe unanhloboni yebhadi, ngoba uma udidwe ilokhu kukholwa lokhu uMelusi asishumayeza ngakho nabanye aba esebeqala ukuthi basishumayeze ngakho, akukho okunye ukukholwa oyobuye ukuthole.
16.Uma udidwe ilamazwi uMkhokheli osuke ewabeke, angazi-ke ukuthi ufuna kuzalwe bani ozoqala elinye ibandla elizocisha leli, ngoba leli ngeke licishe, elasezulwini, sihleli lapha nje ezulwini siyabukwa. Ngiyacela-ke ukuthi, nani makholwa ningicelise ukuthi ngiphile, uma isikhathi sokuphila sesiphelile, ngigoduke, ayikho inkinga, uma nje isikhathi sami sesiphelile la emhlabeni, kungalokhu kubanjwa kuyekwa kutatanyiswa. Kodwa engikucela kakhulu ukuthi umndeni wami, ningithandazise makholwa, ngifisa sengathi ngingathi uma sengigoduka sengihamba emhlabeni ngoba sengiyagoduka, angiseyena umuntu esekuyokuthiwa ufile uNgubane, sengiyagoduka, wangitshela uMelusi ngelinye ilanga wathi ayikho inkinga insizwa yakwaNgubane, isihleli nje, ayigoduki ngoba yesaba ukuthi abantu bazokhala! Kwakulapha endlini, akukudala kakhulu!
17.Sengisho ukuthi ke ngiyothokoza, noma udidekile nje enqondweni, ngicela uShembe afake umoya wakhe ongcwele, kusuke yonke le nkungu ekhona, kuvuleke amehlo, ubuye uze la futhi, wonke umndeni wami, sibuye sonke, sizokhoza la uJehova. Konke okwakwenzakalile ngendlela okwenzakala ngayo, kudlule ngoba ayikho into engadluli.
18.Ngisho ukuthi-ke makholwa lelithuba engiliphiwe, lincane kinina ngoba phela liqondene nami, kodwa kumina likhulu ngendlela eyisimangaliso ngoba kukhuluma umuntu wasezulwini, ukhuluma futhi kumuntu oyothi uma edlula eqonde ezulwini onganacala namuntu. Eyi, eyi makholwa, nami angilutho, angilutho, angilutho ngampela, ngangiwutho kuqala, sisagijima emathekisini nezibhamu, kujahwa abantu kunjeya, kunjeya, wangidonsa uShembe, wathi eh eh woza ngala, wena awufanele ukuba lapha, bayaphela abantu!
19.Namanje kusathwele izibhamu eHammarsdale, angazi ukuthi izibhamu laba bantu ziyobakhathaza nini, bagcina sebengasena shiyamene, sebeziphethe. Ayi kulungile, mhlawumbe iNkosi iyoke ibakhumbule! Ngisho ukuthi-ke ngibonga kakhulu, kakhulu, Melusi uma ngabe umuntu wasezulwini ebeke lamazwi osuwabekile phakathi kwalendlu yasezulwini, ngicela ukuthi nami iNkosi ingiphe amandla, la ngibambe khona, ngibambisise, la ngibambe ngibambisise kakhulu.
20.Ngeke ngikuxoxe okunye okwakuvele kuzivunguvungu zasesemhlabeni, akunasidingo lokho, kodwa kukhona izinsizwa esake saba nazo la, zathi zisathi, sathi hambani, hambani, ukukholwa nikubona kukude nina, hambani, ezazinamandla impela, izingqonyela ngamandla, ngiyemake lapho, ngizoqhubeka. Ngisho ukuthi-ke sengathi kungephinde kwenzeke lokhu okwakwenzeka, sivukelwa abantu inyanga yonke benza imihlangano bodwa. Isabatha, abantu bafika ngesikhathi sabo abasithandayo, kuyagidwa ngakusasa, abaguli, abanankinga emehlweni, babona kahle, abezi emgidini.
21.Hawu, laba bantu lempi engaka eyani, kusho ukuthi laba bantu bahlohla impi, sizobhubha la, kusho ukuthi bathenga izibhamu le, bayahloma, benzani, kwasho ukuthi hhayi mabenza into yasebumnyameni, mabathathe okungokwabo, basale abasezulwini. Nakhu namhlanje, kukhona yonke inhlobo esinayo, akekho umuntu ongekho lapha ekhaya manje. Sekukhona odokotela kukhona yonke into, kukhona o stuff nurse, kukhona o nurse, kukhona othisha, abanye sebethathe izimpesheni, kukhona yonke into la, ayikho into ongathi uyayifuna, kwanele. Kuphela inqola ayiqhubeke iye phambili!
22.Lokhu uMelusi asifundisa khona, ngeke ukuthole ndawo, kukhulu kakhulu, uyasifundisa uMelusi, sicela lamandla anawo angapheli, aze ahambe naye emhlabeni. Asale komunye futhi oyoza ngakuyena ukusifundisa, kuyafundwa layikhaya indaba yebhayibheli. Angikaze ngibone into enje, angikaze ngiyibone, ngiyayiqala ngqa.
23.Angikaze ngikubone lokhu okwenziwa uMkhokheli, ngiyakuqala ngqa, ngithi-ke nje, iNkosi sengathi ingababamba njalo ngoMoya wayo Ongcwele, baqhubeke njalo kuze kufike nezingane zethu, sizifuna zila, noma zingekho okwamanje, zilapho ezikhona, wonke umuntu wakwaNgubane, njengoba wathi uMqaliwendlela kubaba ozala mina, izingane zakhe zoba amaNazaretha, akekhoke umuntu ozohamba kwenye indawo ngaphandle kwale engikuyona.
24.Njengoba ngibekiwe nje la, ngibekelwe ukuthi izingane zami zize zifike la ngaphambi kokuthi ngihambe, ngicelake ningithandazise makholwa amahle, ukuthiu umndeni wami uma uthole ukuthi zibheke ngala, ngala, azibheke eNqobizitha, indawo yawo iseNqobizitha. Ngicabanga ukuthi lokho engikubekile mhlawumbe uma kukhona okusalile kophinde lifike izwi lithi hhayi awuqhubeke, ngicabanga ukuthi kwenele, noma kungazwakali kahle emadlebeni abantu ngoba ukukhuluma sesibadala asisakwazi, niyoxola bandla, kodwa mhlawumbe hhayi ngithi kwenele, angazike mhlambe kukhona la engishiye khona, angazi, bengithi lokhu esengikushilo mhlawumbe kwenele, nesikhathi phela siyabheka layikhaya siyasisebenzisa.
INkosi ibusise enikuzwile