Nalapho uhamba endleleni ucabange uJehova, noma ulala ucabange uJehova noma uvuka ucabange uJehova. Itheni iNkosazana ekuseni? Ithena noma uvuka, noma ulala, noma uzwa umzimba wakho ukhathele, ungakwazi ukuthi uvuke uthandaze, ungakwazi ukufaka ingubo emhlophe, kodwa asho lamazwi athi “Nkulunkulu onamandla onke, Yise wabo bonke abamkhonzayo, busisa ukuvuka kwethu kwanamhlanje, usigcine ngomsawakho” Amein.
Iinkonzo yangesabatha lomhlaka 30 OCTOBER 2022.
ISIHLABELELO 195.
1 Ngiyalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo,
Ngokhululwa ngilibone
Wenhliziyo yami.
2 Ngokwenama kangaka nani
Uma ngilibona lelo lizwe,
Engilithnda ngingalibonanga
Wenhliziyo yami.
3 Wenhliziyo yami
Unga mdeli uJehova,
Ulidwala lenhliziyo yami
Ungumthunzi wokuphephela.
4 Nguyena owangithanda
Ngalithanda ngokulizwa
Lelo lizwe elizayo
Wenhliziyo yami.
5 Wenhliziyo yami
Unamathele kuJehova
Selikhalile elokuqala
Sengilindele elisibili.
Amen. Amen. Amen.
1.Lelibandla, libandla okokuqala lisha, lisungulwe ngo 2010. Okwesibili, lelibandla akulona ibandla lasemhlabeni, ibandla lasezulwini. Ngiyazi ukuthi njengoba sibaningi kangaka, abanye baphendulwe nje zintshumayelo, kodwa abawazi umlando ophelele nowokuthi sisho ngani ukuthi lelibandla elasezulwini.
2.Ngo 2006 kwafika ingelosi kimi noMkhokheli, ngaleso sikhathi sasingaqondi ukuthi ingelosi, kodwa emva kwesikhathi sabona ukuthi ingelosi le. Kwakuwu September 2006, angilwazi usuku ngoba sasingakanaki lutho. Kwase kuthi ngo October 2006, ingelosi yathatha uMkhokheli, yahamba naye izinsuku eziwu 7.
3.Ngokusho kukaMkhokheli yafike yangena emfuleni omkhulu, uthi yavula inansuka, yayisithi akabambelele kuyo, yayisingena emanzini, kuthe ebona wayesephumela kwelinye izwe angalazi. Sithi-ke wangena kulowo mfula ngoba yena wabona lokho. Kodwa ukuthi kulelizwe owaphumela kulo kwakukuphi asazi.
4.Kunezinto ezenzeka kulelo lizwe, okufanele ukuthi sonke esingamaNazaretha kaNkulunkulu siziqonde, noma ezinye zazo singazazi ukuthi zisho ukuthini okwamanje, ngoba izinto layikhaya siye sizinikezwe ngamacozu. Into yokuqala esingayazi ukuthi yayisho ukuthini, ukuthi uMkhokheli uthi wabona kunabantu ababili, omunye egqoke kabi, ehlupheka, omunye eswenkile, kwase kuthiwa akakhethe kulaba bantu ukuthi ubani umyeni wakhe. Uthi kwaba nephunga elimtshelayo ukuthi lo owumyeni wakhe ilo obukeka ehluphekile. Uthi wase ehamba eqonda kulo ohluphekile. Uthi wathi uma ngabe esemkhethile, lo muntu wayesephenduka esegqoka kahle, sekuba yimi.
5.Ukuthi lokho kwenzeka kanjani, nokuthi kwaba kanjani ngibe semanzini, angazi, kodwa ilokho uMkhokheli akushoyo, nokuthi emva kwalokho kwaba nomshado omkhulu owaba phakathi kwami naye owawuhanjelwe izikhulu zasezulwini. Konke lokho angikwazi ukuthi kusho ukuthini, nengelosi ayikaze isichazele ngakho.
6.Okwesibili nokubalulekile ukuthi ngenkathi uMkhokheli ekulelizwe, akazange ahlangane noShembe, kodwa wahlangana namadoda ayezintshebe, uNkosazana owamchazela ukuthi ngamaJuda. Lama Juda iwona ayemfundisa ngobuNazaretha, nangoShembe! Lokhu noma uNkosazana engakaze akuchaze kabanzi, kodwa sesiyakubona ukuthi kwakusho ukuthini, ngoba uMkhokheli uthi kwakunendoda eyintshebe eyodwa okwakuyonake eyayihlala naye lo 7 days imfundisa zonke izinto. Ziningi kakhuluke izinto uMkhokhokheli owazifunda uma ekulelizwe.
7.Uthi umkhokheli uBaba iLanga, neNyangayezulu noBabamkhulu, akafikanga kubo, kodwa watshengiswa ingelosi ukuthi loyana uBabamkhulu noBaba iLanga neNyangayezulu, kodwa akafikanga kubo. Kodwa uth-ke wabona uBaba iLanga, okwakunguyena owanginikeza incwadi enkulu, kodwa ngaleso sikhathi wayengazi ukuthi imina. Niyayazi leyo ndaba, sesiyazike manje ukuthi lokho kwakusho ukuthini ngoba uNkosazana wabuye wakuchaza ngo 2014 sekunaleli bandla.
8.Emva kokuba uMkhokheli ebuye kulelo lizwe ngo October 2006, lento noMkhokheli yayimshayise uvalo kakhulu, sasingayikhulumi, sayikhohlwa ngoba sasingafuni ukuthi siyikhulume, asizange sayikhuluma nakubantu. Kuyaye kube khona into oyaye uthi uma ngabe uyibonile, uthi uma uyicabanga ulwele ukuthi uyikhohlwe ngoba inzima kakhulu.
9.So leyo ndaba asizange saze sayikhuluma ngaphandle kokuthi mhlawumbe ngiveze kwabanye ukuthi umkhokheli ungene emanzini. Lokhu ngakwedlulisela kum fundisi uKhumalo nomfundisi uButhelezi ababengabaphathi bami! Kodwa ukuthi lapha kulelizwe noma lapha emanzini kwakwenzekani, asizange saze sayixoxa leyo ndaba, yayaziwa ithina sobabili ngoba yayinzima kakhulu futhi nathi singayazi ukuthi ichaza ukuthini.
10.Ngithena lokho kwenzeka ngo October 2006, kwaba u 2007, sihleli nayo ingelosi ingayikhulumi le ndaba, kwaba u 2008 ingakhulunywa le ndaba, nengelosi ingasho lutho ngayo. Kwaba u 2009, kwase kuthi ngo 2010 ingelosi yayise ingithuma ukuthi ngisungule lelibandla. Lokho futhi kubalulekile kunina ukuthi nikwazi ukuthi lelibandla lasungulwa ngo 2010. Kodwa ingelosi okokuqala yafika mhlaka 04 January 2010, yangitshela lokho, ngangakwenza lokho, kodwa ngaze kaphoqeleka ukukwenza emva kuka August 2010, kwase kuthi ngo mhlaka 30 September 2010 ngase ngimemezela ukuthi sengiyaphuma eBuhleni, sengithunywe ingelosi ukuthi ngisungule lelibanda.
11.Okunye okubalulekile ukuthi mhlaka 26 March 2011 mina nomkhokheli sagcotshwa ingelosi khona layikhaya ukuthi sesingabaholi balelibandla. UMkhokheli uke wakhuluma ekuseni, lento obeyikhuluma ekuseni ikhulunywe iyona ingelosi ekuqaleni, yathi ngiyaye nginizwe nikhuluma ngezincwadi ezimbili, u-Isaya neZenzo, kodwa anginizwa nikhuluma ngencwadi yesithathu. Sase siyasho ukuthi sesikhohliwe ukuthi iyiphi incwadi eyafundwa, ngoba le ncwadi sasingayijwayele. Kodwa le ncwadi ibalulekile ngoba yafundwa ingelosi mhla ingigcoba.
12.Ngiyafisa ukuthi ngiyiphinde le ncwadi noma uMkhokheli ekhulumile ngayo ekuseni. Incwadi le ka-Zakhariya 3 verse 1-7, kodwa ingelosi yayifunda yafika ku-8. Le ncwadi ithi: “Wayesengibonisa uJoshua uMpriest omkhulu, emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye uMpriest oMkhulu.”
13.UJoshua wayemi phambi kwengelosi kaJehova kodwa noSathane naye wayekhona emelene nalo Mpriest omkhulu.
14.“UJehova wathi kuSathane, ‘uJehova uyakukhuza Sathane, yebo uJehova olikhethile iJerusalema uyakukhuza. Lo akasiso isikhuni esaphulwe emlilweni na?”
15.Lo Joshua akayiso yini isikhuni esiphulwe emlilweni na?’ “UJoshua wayembethe izingubo ezincolile.’ UJoshua wayemi phambi kwengelosi, efake izingubo ezincolile kodwa emi phambi kwengelosi.
“16.Yasho kwababemi phambi kwayo, yathi bheka ngidedisile kuwe ububi bakho, ngiyakwembathisa kuwe ezobukhosi, ngase ngithi ababeke isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe, embathiswe izingubo ingelosi kaJehova isemi khona”
17.Lamazwi ashiwo ingelosi mhla ingigcoba ingigqokisa lezizingubo engizigqokile. Yangigqokisa lezi ngubo kodwa isigqoko singakabi bikho yayisithi asisithenge.
18.Ngithena lento angiyichaze ngoba ngijwayele ukuthukwa ngamaNazaretha engithukela lezi zingubo. Kodwa lezi ngubo mhla ingelosi ingigqokisa zona yakhuluma ngalokhu. Nokuthi njengoba ngachaza ukuthi nginguMpriest omkhulu, yakuchaza ukuthi ngimi kulendawo kaJoshua, nginguMpriest omkhulu ngoba ngingumholi webandla.
19.Akukhona ukuthi ngazalwa ngingcwele, akukhona ukuthi ngazalwa ngihlanzekile, kodwa wangikhetha uNkulunkulu, yangikhumula ingelosi lezi zinguba ebengizigqoka yayisingigqokisa lezi zingubo engizifakile, yanginikeza lesi sigqoko ukuthi ngisigqoke njengoba kwenzeka kuJoshua.
20.Lento engiyikhulumayo incwadi engayifundelwa ingelosi ngenkathi ingifaka lesi sigqoko lesi, lesi sigqoko angisifakile ngoba ngizenza uShembe kodwa ngisifake ngoba ingelosi yangifaka sona mhla ingigcoba. Lokho kufanele ukuthi bonke abantu, noma inina, noma amaNazaretha afuna iqiniso likaNkulunkulu, noma amaKrestu afuna iqiniso likaNkulunkulu, azi ukuthi njengoba ngimi phambi kwenu nje, njengoba ngikhuluma nje ngagcotshwa ingelosi, ngagcotshwa uJehova. “Ingelosi ka-Jehova yafunga kuJoshua yathi usho kanje uJehova sebawoti, uthi khuluma nami, uma uhamba ngezindlela zami, ugcina inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami, ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abami lapha” Njengoba ngihamba phambi kwenu nje!
21.Manje ke okokuqala, ngoba asikaze sikuchaze lokhu kakhulu, ukuthi ingelosi ngenkathi ingigcoba, apart from ukuthi ifunde incwadi ka-Isaya eyayiyiqondanise nami ukuthi uma sengiphethe lesisikhundla ngingazenzi ngibemkhulu ngoba ngiphathisiwe umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa okunye kwakho ukuthi ngagcotshwa ingelosi yangikhumula izingubo engangizigqokile, yangifakisa lezi zingubo.
22.Ayikho into esiyaziyo eyake yenzeka emlandweni ngaphandle kwalokhu esikufunda ngoJoshua, angimazi ukuthi lo Joshua imuphi, kodwa akushiwo yena lowa Joshua owalandela uMose, ngoba igama elithi ‘Joshua’ laliliningi. Kodwa ngagcotshwa ngokwasezulwini, hhayi ngilele, ngayalwa ukuthi angikhulume indaba kaNkulunkulu kuphela!
23.Lokho kufanele nikwazi ukuthi angikwazi nangesinye isikhathi ukuthi ngiphume kukho ngoba ngenkathi ngigcotshwa kwakhuluma uNkulunkulu. Ithi indaba ingelosi kaJehova yafunga kuJoshua, yathi, uJoshua lona. Le ngelosi, yayimile, ifunga kimi. “Usho kanje uJehova Sebawoi, uthi uma uhambe ngezindlela zami, uhamba ngezindlela zikaJehova, ugcine inkonzo yami, ugcine umthetho kaJehova, uyakwahlulela endlini yami.”
24.Ngamanye amazwi uma ngihambe ngendlela kaJehova, ngithenjisiwe ukuthi ngiyokwahlulela abantu bakaJehova, ngiyokwahlulela endlini yami, kusho uJehova, ugcine namagceke ami, ngiyakunika ukuba uhambe phakathi kwalaba bantu ophambi kwabo.
25.Nginikiwe ukuthi ngihambe phambi kwenu, nginikwe nguJehova, kodwa lamazwi ngiwatshelwe ingelosi ukuthi uma ngabe uhambe kahle, nakhu oyokuzuza ukuthi uma ngabe uhambe kahle phambi kwaJehova ngiyozuza lokhu nalokhu. Njengoba ngisebenza nje ngiyazi ukuthi uma ngabe ukuhamba kwami kube kuhle phambi kukaJehova, ekufeni kwami ngizoba mkhulu ezulwini. Noma ngingebe mkhulu lapha emhlabeni, kodwa uma ngihambe ngendlela kaJehova ngethenjisiwe ukuthi ngoba yinto enkulu ezulwini!
26.Anginandaba nobukhulu balapha, kodwa kubalulekile ukuthi uma ngabe umoya wami uhlukana nesidumbu sami, njengoba kuthiwa ngohamba phambi kwenu, ngiyohamba phambi kwenu ngisho sengafa, kusho uJehova. Ngakho-ke ngiyafisa ukuthi ngikucacise ukuthi kubalulekile kulelibandla ukuthi uwazi umlando webandla likaJehova ukuthi umi kanjan. Usasi isisekelo salokhu kukholwa ukuthi simi kanjani.
27.Ngizofunda incwadi ka Deuteronomy 6 verse 4-9:
“Yizwa Israel uJehova uNkulunkulu wethu, UJEHOVA MUNYE.” kusho uMose uthi “Yizwa Israel uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova munye” Yonke le ncwadi uma uyifunda, ungayifundeli abantwana bakwa Israel, ikhuluma nawe ukuthi isisekelo salenkolo ukuthi uJehova munye.
28.“Wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo wonke amandla akho.” Uma ngabe ukulelibandla kufanele wazi ukuthi ukukholwa kwakho ukuthi uthande uJehova, ngoba uJehova munye, umthande uJehova ngayoyonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo wonke amandla akho.
29.Konke lokho kokuthathu ukwenza ngokuthi ubonakalise ukuthanda uJehova. Ukuthanda uJehova akukhona nje ukuvele usho ngomlomo ukuthi uyamthanda uJehova. Ukuthanda uJehova kumele ukubonakalise ngezenzo ukuthi ngempela uyamthanda uJehova!
30.“Lawa amazwi engikuyala ngawo namuhla, ayakuba senhliziyweni yakho, ubafundise impela abantwana bakho, uwakhulume lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.” Lokhu kukhulunywa nguMose ukuthi mthande uJehova ngendliziyo yakho yonke nangomphefumulo wakho wonke nangamandla akho onke. Lokhu kumthanda uJehova ukubonise kuyo yonke indawo. Ubafundise abantwana bakho ukuthi abaphile ngokuthanda uJehova.
31.Nalapho uhamba endleleni ucabange uJehova, noma ulala ucabange uJehova noma uvuka ucabange uJehova. Itheni iNkosazana ekuseni? Ithena noma uvuka, noma ulala, noma uzwa umzimba wakho ukhathele, ungakwazi ukuthi uvuke uthandaze, ungakwazi ukufaka ingubo emhlophe, kodwa asho lamazwi athi “Nkulunkulu onamandla onke, Yise wabo bonke abamkhonzayo, busisa ukuvuka kwethu kwanamhlanje, usigcine ngomsawakho” Amein.
32.Lokho kusho ukuthi noma usendleleni, noma ulele noma uhamba, noma ukhathele, kodwa uyamthanda uJehova ngenhliziyo yakho nangomoya wakho wonke, nangamandla akho onke osenawo. Ithi-ke ingelosi noma ngabe ungasathandazanga ngokuthi ufake ingubo emhlophe, noma ungasathandazanga ngokuthi uhambe uye kwenye indawo, kodwa noma ngabe sekuthiwa uyagula ulele, asho lamazwi.
33.Noma ngabe kuthiwa njena ukwaze ukuguqa wangaya ndawo, noma ngabe usembhedeni, kodwa asho lamazwi, ngoba uma uwashilo njengoba ngisho njena, ithi ingelosi ayabhalwa ezulwini ukuthi ubumkhonza uJehova, noma wehlulekile ukuvuka kodwa ubumkhonza uJehova!
34.Uthi-ke uMose nasendleleni uhamba, mkhonze uJehova, uzifundise ngalamazwi ukuthi uJehova ngiyamthanda ngenhliziyo yami yonke, nangomoya wami wonke nangamandla ami wonke. Nezingane zakho uzifundise ukuthi uNkulunkulu uyathandwa, ukukhonza uNkulunkulu ukumthanda!
35.“Uyakuwabopha abe luphawu esandleni sakho, abe isikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, uyowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho.” Ngamanye amazwi lamazwi esawafundiswa uShembe ukuthi esigcabheni sakho kubhalwe ukuthi “DUMISANI UJEHOVA” noma uthi “SIDUMISA UJEHOVA KULENDLU” Ukubhale lokho esigcabheni somnyango wakho. Nasesangweni lakho ukubhale ukuthi “DUMISANI UJEHOVA”
36.Ukubhale emasangweni akho, noma usedolobheni noma uselokishini noma ukuphi ubhale esangweni lakho ukuthi DUMISANI UJEHOVA, ngenkathi uthi DUMISANI UJEHOVA esangweni lakho, noma imuphi umuntu uzoqonda ukuthi lendlu lena eyomNazaretha.
37.Noma ukubhala esigcabheni sakho ukuthi DUMISANI UJEHOVA noma KUDUNYISWA UJEHOVA KULENDLU, umuntu noma imuphi uyoqonda ukuthi umuzi lona womNazaretha, uma ngabe amaNazaretha akwamanye amahlelo engakwenzi lokho, thina asikuqale phansi sikwenze, ngoba lelibandla ngelikaJehova.
38.Ebengiqonde ukukusho ukuthi sesikhulumile kabanzi ngoShembe, kodwa uShembe ungumuntu wesibili enkolweni kaJehova, ikhona uShembe kumthandazo weSabatha kuverse 3 ethena “MESABENI UJEHOVA NIGCINE IMITHETHO YAKHE ANILOBELA YONA UJEHOVA NGENCEKU YAKHE UMOSE UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHO”
39.Lokho kungenxa yokuthi ukudumisa uJehova emhlabeni sikunikezwe iNceku yakhe uMose. Ngakho-ke akufanele ukuthi sikhohlwe uMose. Namhlanjena ngiyanitshela ukuthi noma ngingazi ukuthi lamadoda ayehleni noMkhokheli ngokwamagama kwakungobani, kodwa ngiyazi ukuthi kwakungabaprofethi bakwa Israel, ngiyakwazi lokho. Angazi noma kwakuMose, kodwa angikholwa ukuthi uMose wayengekho, ngoba ungumsunguli wenkolo kaJehova. Kunezinto eziningi engatshengiswa zona kusekhona uNobesethu engingeke ngikwazi ukuzikhuluma manje, kodwa ezijule kakhulu ngalelibandla.
40.Ngaleso sikhathi ngangingazi ukuthi kuyohamba kuhambe kube nalelibandla. Kodwa enginitshela khona ukuthi lama doda akwa Israel nalamadoda amaJuda ayenoMkhokheli kulelozwe ayekulona, kwakungabaprofethi bakwa Israel; kodwa angiwazi amagama abo ukuthi kwakungobani. Ikhona ngiyaye ngisho ngithi uma ngabe sihambe kahle kulokhu kukholwa, ngiyazi ukuthi uMose lapho ekhona uyajabula, bonke abaprofethi bakwa Israel, uBabamkhulu lapho ekhona uyajabula. Angisaphathike uBaba iLanga ngoba uyena cishe ohola lelibandla ngokusobala!
41.Ngakho-ke lelibandla libhekwe uBaba iLanga kodwa noBaba iLanga angeke enze lutho uma thina singasenzi okufanele, ngoba noma umuntu ethunyiwe ezulwini, kodwa uyamuhlubuka uNkulunkulu, enze lokhu angakuthunywanga. Kuyinhlanhla ukuthi uma uthunywa ezulwini ukubuke ukuthi ngithunyiwe ezulwini. Ngoba abantu uma bembathiswa izingubo ezifana nalezi bayaye bakhohlwe ukuthi abasiwo amakhosi phambi kwaNkulunkulu, kodwa bazisebenzi!
42.Uthi-ke uMose nasemnyango yethu sikubhale ukuthi kulendlu kudunyiswa uJehova. UShembe wath nikubhale ukuthi DUMISANI UJEHOVA wathi uma nithanda nibhale ukuthi KULENDLU KUDUNYISWA UJEHOVA. Nasemasangweni ethu sikubhale ukuthi DUMISANI UJEHOVA. Kumele ukuthi uma sifika emzini yethu sikubhale ukuthi DUMISANI UJEHOVA, singakukhohlwa lokho!
43.Nasezimotweni zethu zonke sikubhale ukuthi DUMISANI UJEHOVA. Yonke imoto yalapha eNCG ayibhalwe ukuthi DUMISANI UJEHOVA, ngoba lokho sikufundiswe uMose noShembe.
Ngiyakuphinda ukuthi mina angisiyena uShembe, uShembe iNceku kaNkulunkulu. Ukhulumile ngayo lapha uZakharia 8 engingakufundanga. Kodwa mina nginguMpriest omkhulu kaJehova, angisiyena uMprofethi, nginguMpriest omkhulu kaJehova. Lesi sigqoko engisifakile, ngisinikezwe ingelosi, lezi zingubo engizembethe ngizinikezwe ingelosi.
44.Kusukela kuverse 13-15 uyaqhubeka uMose uthi “Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, wokhonza yena, ufunge igama lakhe, aniyikulandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu abanizungezile ngoba uJehova uNkulunkulu wakho ophakathi kwakho unguNkulunkulu onomhawu, funa intukuthelo yakhe inivuthele, inichithe ebusweni bomhlaba.”
45.Noma ngamaNazaretha noma ngamaKrestu noma ibaphi abantu abangakhomba umuntu bese bethi hhayi unkulunkulu lona, kuqhamuke abantu bebize abaholi babo bethi ngonkulunkulu, kodwa thina maNazaretha kaNkulunkulu siyaliwe uMose ukuthi singabanabo abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova, singabakhulekeli abanye onkulunkulu, singakuphathi nje ukuthi kukhona omunye umuntu ongaba unkulunkulu ngaphandle kukaJehova!
46.Uthi uMose kufanele sikwazi ukuthi lo Nkulunkulu wethu owuJehova uwuNkulunkulu onomhawu, uma ethola senza into enjena, uyosibulala! Uthi-ke uMose, funa intukuthelo yakhe inivuthele inichithe ebusweni bomhlaba! Uyochithelwa nje ukuthi uthena ukhonza uJehova wase uba nomunye umuntu ombiza ngokuthi unkulunkulu!
47.Angikhulumi ngabanye abantu, uma bethanda bengasho ukuthi uYeshua unkulunkulu, uma bethanda bengasho ukuthi uShembe uNkulunkulu, noma ngabe baqonde muphi uShembe, akumsebenzi wethu lowo. Kodwa thina eNCG singalokothi sibize umuntu ngoNkulunkulu, ngoba thina sitshelwe nguBabamkhulu ukjuthi uNkulunkulu wethu munye, nguJehova!
48.Noma sisinda, sisindiswa uJehova, ngoba uyena uJehova owuMsindisi wethu, noma ngabe kufanele ukuthi silwe, izikhali zethu uJehova, izihlangu zethu uJehova, ayikho enye into esinayo ngaphandle kukaJehova. Kumele sikhonze uJehova ngeqiniso, bese sibona ukuthi lokhu kuzibonakalisa owakwenza esizweni sakwa-Israel, angenke yini nakithi azibonakalise ubuNkulunkulu bakhe!
49.Uthi-ke uMose kuverse 20-25 “Lapho indodana yakho ikubuza ukuthi buyini ubufakazi, izimiso nezahlulelo uJehova uNkulunkulu wethu aniyale ngakho na? Uyakusho kuyo indodana yakho ukuthi sasizigqila zikaFaro eGibhithe, uJehova wasikhipha eGibhithe ngesandla esinamandla!”
50.Into yokuqala leyo, ukuthi kungani kufanele sikhonze uJehova, sikhuluma ngoJehova ngoba okhokho bethu babezigqila eGibhithe, bathi uma bembiza uJehova, wehla ezulwini, wabakhipha eGibhithe. Ngakho kufanele ukuthi siiwazi umlando wokuthi uJehova wabakhipha kanjani okhokho bethu eGibhithe!
51.Kunezinhlupheko ezilishumi uJehova owalwa ngazo noFaro waze wagcina emnqobile uFaro. UFaro wavuma ukuthi uyabakhipha abantwana bakwa Israel eGibhithe emva kokunqotshwa yiunhlupheko yeshumi. Kumele ubuke inhlupho nehlupho ukuthi wenzani uJehova kuFaro ukuze egcine ehlulekile!
52.Ngoba uthi uMose uma izingane zakho zibuza ukuthi kungani simkhonza kangaka uJehova, uthi uMose uyobatshela abantwana bakho ngesikhathi esizayo njengoba nami nginitshela nje, ukuthi uJehova wabakhipha okhokho bethu eGibhithe ngesandla esinamandla, wamehlula uFaro. Okhokho bethu babeboshelwa njengezinkabi eGibhithe, behlupheka! UFaro waze washaya umthetho othi akubulawe izingane zabo zabafana. kodwa wafika lo Nkunkulu wethu wamunqoba uFaro. “UJehova wenza izibonakaliso, ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibhithe, naphezu kwaFaro, naphezu kwayo yonke indlu yakhe phambi wamehlo ethu.
53.Ngamanye amazwi zonke izimangaliso ezenziwa uJehova kuFaro nabantu baseGibhithe, wazenza kubo bonke abantu, isizwe saseGibhithe sibuka. Kungagcini ngokubuka kwesizwe saseGibhithe nokhokho bethu bebuka. UJehova wake wenza isimangaliso mhla ehlula ngempela uFaro. Wathi UJehova abantwana bakwa Israel bayobulala izinyane bese igazi lalelo zinyane beligcoba esicabeni sabo ngoba babehlala ndawonye nabantu baseGibhithe, bewumndeni owodwa.
54.Kodwa wathi nje uNkulunkulu iyothi uma ifika ingelosi izobhubhisa, ibona leligazi, ibone ukuthi umuzi wabantwana bakwa Israel, bese ingabulali lutho kulowo muzi. Njengoba ngisho nje ngithi emzini yenu kubhaleni ukuthi DUMISANI UJEHOVA, ngoba ukuthi DUMISANI UJEHOVA kuzoniphilisa kanye nabantwana benu. Kubhaleni ukuthi DUMISANI UJEHOVA ilokho esikunikiwe.
55.Kodwa abantwana bakwa Israel banikezwa igazi ukuhi abagcobe igazi ezicabheni zemizi yabo. Wayesethi le ngelosi iyobulala onke amazibulo aseGibhithe, uma sikhuluma ngamazibulo, ingelosi yayibulala ngisho amazibulo ezinkomo, ngisho nawezinkukhu uma zazikhona, nawezimbuzi uma zazikhona, nawabantu bonke baseGibhithe kuhlanganisa nezibulo le nkosi uFaro. Kwathi kusa kwasa efile onke amazibulo, wonke umuntu nje ozalwe kuqala efile.
56.Wabona uFaro ukuthi no engenke amelane nalokhu. Uthi-ke uMose, lokhu uNkulunkulu wakwenza phambi kwethu. Lezi zibonakaliso, lezi zimangaliso uJehova wazenza phambi kwethu. Ngamanye amazwi, yonke into eyenziwe uJehova inesizathu noma awusazi isizathu, kodwa sikhona.
57.Thina nje esesihlale nengelosi, noma ungaqhamuka namuphi umbuzo engelosini, ingelosi ivele ibe nesizathu, ikuchazele into ongakwazi ukudlula kuyo, ngoba uvele uchazeleke ngokucacile ukuthi lento imi kanje. NoNkulunkulu wethu-ke unjalo, yonke into ayenze kithi inesizathu.
58.Uma ethi UNkulunkulu asimkhonze, uthi asimkhonze yena ngoba yena wazimisela ukusikhulula, wasikhulula. UNkulunkulu wenza izinto ezingakaze zenzeke emhlabeni wonke ukuthi esikhiphe eGibhithe ehambe nathi iminyaka engamashumi amane, elethe ukudla ezulwini, sidle. Amanzi avele ephume etsheni siwaphuze.
Nezinto eziningi uNkulunkulu owazenza, esenzela zona, Ngakhoke laba baprofethi njengoMose nabaprofethi bakwa Israel noYeshua, babesazosifundisa ngalowo Nkulunkulu onguJehova. NoShembe weza lapha emhlabeni ethunywe ukuthi ezogcinezelela ngalo Nkulunkulu owuJehova.
59.Ngakho-ke laba baprofethi babazi kahle ukuthi abazimele, bazisebenzi zikaJehova. Kodwa thina, baqala abezizwe bakhohlisa abantu, basho lokhu nalokhu, ekugcineni kwathiwa uJesu ulingana noNkulunkulu, uNkulunkulu mthathu emunye, kwashiwo yonke lento, uJesu waphenduka waba unkulunkulu ngokwakhe!
60.Ngokuthi uJesu ephenduke ebe unkulunkulu okwakungasiyena uYeshua, namaNazaretha asebiza abaholi babo ngoNkuunkulu bethi balingisa amaKrestu. Ayikho inkinga yokulingisa umuntu odukile, ngoba nawe uyaduka njengaye! amaKrestu athi uJesu unkulunkulu, kwayena loJesu abakhuluma ngaye bengasho uiYeshua, kodwa besho isithixo! Kodwake amaKrestu ayekhohlisiwe, engazi lutho ngaloJesu abamkhonzayo!
61.AmaNazaretha abe esethi, hhayi ngoba namaKrestu athi uJesu uNkulunkulu, noShembe ke nguNkulunkulu. Kodwa amaNazaretha wona ahlubukile ngoba ayazi ukuthi umprofethi akaze asho ukuthi unguNkulunkulu! AmaNazaretha uma ekhuluma ngoShembe akasho yena umprofethi, kodwa asho abaholi babo abangoShembe ngesibongo!
62.Njengoba amaKrestu ahlanganisa inkolo kaJehova nenkolo yabo, base bethi kunemfundiso yabaprofethi echitha inkolo kaJehova, namaNazaretha ahlanganisa igama lomprofethi nesibongo sakwaShembe ukuze uma bekhuluma ngoShembe kungaziwa ukuthi kukhulunywa ngobani, base bethi uShembe uNkulunkulu, kanti ngaloShembe bakhuluma ngabaholi babo!
63.Inkolo kaMose, okuyinkolo kaJehova yi-Judaism, akusiyo Christianity. Enkolweni ye Judaism ayikho lento ekhulunywa lapha, kodwa ngoba emehlweni abantu bonke lento yahlanganiswa kwase kuthatha izinkulumo zabaprofethi, njengomprofethi uJeremia, bese kuthiwa wasichitha isivumelwane esidala, kanti kuyisu yokuchitha umthetho kaJehova kube sengathi uchithwa ngumprofethi wakhe!
64.Emva kwalokho kwakhiwa uPaul ongekho esikhundleni sika Shaul, njengoba kwakhiwa uJesu esikhundleni sikaYeshua, ukuze ngabo kuqeddwe inkolo kaJehova! uYeshua waba umNazaretha kodwa manje imfundiso ithi Sekuthiwa uPaul wayehlasela amaKrestu, kodwa ngesikhathi sikaShaul ubuKrestu babungekho, uShaul wayehlasela amaNazaretha!
65.So namaNazaretha asebenzise igama likaShembe uMprofethi, ngoba ukuthi Shembe kwakuyigama. Base bethi ngoba namadodana akhe abizwa ngoShembe, base bethi noma imuphi umuntu othi uwumholi usenguuShembe, bese bemenza eba mkhulu kunoMprofethi, bethi hhayi uShembe uNkulunkulu! Uma sebethi uShembe uNkulunkulu base bechitha yonke imithetho kaJehova nekaMprofethi ngokuthi hhayi kusho uShembe.
66.Ngike ngezwa kuba nombuzo wokuthi amaNazaretha azobakhona yini emkhosini wokubekwa kwengonyama ubungesabatha. Impendulo yalo obebuzwa ithe konke bayokuzwa ngomholi wabo. Kuyinto ethusayo uma uzwa umuntu ongumNazaretha ethi bayokuzwa ngomholi wabo noma bazoya yini emcimbini wasemhlabeni ngesabatha, ngoba noma ubani ongumNazaretha uyazi ukuthi awukho umcimbi ongahanjelwa ngamaNazaretha ngeSabatha.
67.Lempendulo ibichaza ukuthi uma kungaba nombuzo othi namaNazaretha ayoyidla yini inyama ngesabatha, noma ayophuza yini ngesabatha, ngingaba nempendulo yokuthi hhayi sokuzwa ngomholi wethu noma sokuphuza yini utshwala, kumbe soyidla yini inyama eyobe iphekwe ngesabatha!
68.Lesi simo senza ukuthi umholi wabo kube nguye onqumayo ukuthi umthetho kaNkulunkulu noma imfundiso yomprofethi iyalandelwa yini. Lokhu kuyethusa kakhulu ukuthi kanti ibandla lamaNazaretha limi kanja?
69.Kodwa ngibonile ukuthi impendulo yalo obebuzwa ibinokuhlakanipha, ngoba ukube uke wathi: “Cha, thina njengamaNazaretha asiyihambeli imicimbi eba ngeSabatha, umbuzo wesibili ubuzothi, kanjani, ngoba umholi wenu wake wanithatha ngesabatha wanisa eMabhide Stadium, nahambela umcimbi wasemhlabeni ngesabatha, usuthini manje? Bese engabe esazi ukuthi uzophendula athini!
70.Kungakho kulelibandla kungamele nakanjani kube nomuntu esimbiza ngoNkulunkulu, ngoba vele ekugcineni uma engahlakaniphile uzozibona esenguNkulunkulu ngempela, bese ezinika igunya lokuphikisa umthetho kaNkulunkulu esiwunikwe nguShembe!
71.Uthi-ke uMose “Wasikhipha lapho ukuba asingenise ezweni owalifungela obaba!” UJehova okhokho bethu wabakhipha eGibhithe wahamba nabo iminyaka engamashumi amane, baze bakhula ababephume bezingane, baganwa baze bazala abantwana, behamba noJehova for 40 years, uJehova ebabheke imini nobusuku, ebavikela endlaleni, ebavikela ezitheni ezazibahlasela, ebafake emaphikweni akhe!
72.“UJehova wasiyala ukugcina zonke izimiso zakhe, nokuthi kumele njalo simesaba, simhlonipha uJehova uNkulunkulu wethu, kube kuhle kithi njalo, ukuba asiphe ukuphila njenganamuhla. Kuyakuba ngukulunga kithi uma sigcina yonke lemiyalo phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu njengalokho esiyalile!”Amein, Ngamanye amazwi ukuqonda ukuthi kungani kufanale ukuthi kuyo yonke into esiyenzayo singasuki kuJehova, kungoba uJehova wafunga ngathi. Uma kuthiwa uJehova wafunga ngawe, yinto enkulu kabi leyo, okumele uma uhlakaniphile uziqhenye ngayo, uyibambisise!
73.UJehova into ayifungile akayishintshi, njengoba kukade kusho ingelosi nje lapha ukuthi uJehova wafunga ukuthi uma ngikwenze kahle konke okuythuiwe angikwenze, uJehova uyokwenza ukuba ngibe mkhulu ezulwini, nginehlulele nina engibekwe phambi kwenu! UJehova akasoze ayishintsha into oyifungile ukuthi uyoyazi, ngaphandle uma kwenze mina ukuba ashintshe!
74.Kufungiwe ezulwini ukuthi njengoba ngimi phambi kwenu njena, uma ngihambe ngalendlela yakhe, uJehova uyongenza ngibe umehluleli wenu. Kufunge uJehova lokho, kusho imgelosi, kodwa yathi ithunywe uJehova ukuthi ayingitshele ukuthi kufungiwe ngami ukuthi uma ngiyenzile lento kaNkulunkulu, nganitshela yonke indaba kaNkulunkulu, ezulwini ngiyoba umahluleli wenu.
75.UJehova wafunga ngabantwana bakwa Israel ukuthi uma behambe kahle phambi kwakhe uyobenzela lokhu nalokhu, nalokhu; wafunga futhi ukuthi uma bemhlubukile uyobaqalekisa, behlelwe ukuhlupheka kanye nezizukulwane zabo, njengoba siyilento esiyiyo kungenxa yeziqalekiso ezehlela okhokho bethu emandulo! Isiqalekiso sinzima usinikwa ngumuntu, kangakananike usinikwa nguNkulunkulu!
76.Manjena-ke ngiyacela ukuthi onke amaNazaretha kaNkulunkulu eyazi leyondaba ukuthi kuyo yonke into esiyenzayo, ningakukhohlwa ukuthi njalo uma sivuka sithi NKULUNKULU ONAMANDLA ONKE, YISE WABO BONKE ABAMKHONZAYO, VUKA NATHI NAMHLANJE.
77.Uma senolala ningakhohlwa ukuthandaza nithi: NKULUNKULU ONAMANDLA ONKE YISE WABO BONKE ABAMKHONZAYO LALA NATHI NAMHLANJE USIGCINE NGOMUSA WAKHO! Amen! Ningakukhohlwa ukubhala ezindlini zenu ukuthi DUMISANI UJEHOVA noma nithi KUDUNYISWA UJEHOVA KULENDLU. Ningakukhohlwa lokho!
Inkosi ibusise enikuzwile!