Skip to content

SIKHUMBULA UJEHOVA MHLA EGCOBA IZINCEKU ZAKHE

Ivangeli lalapha, ngisho ingane encane iyazi ukuthi ivangeli lalapha e-NCG, elokuthi abantu abasabe uJehova, izikhathi eziningi kukhulunywa ngoJehova ukuthi uma ngabe sesimsabile, sekufanele ukuthi sigcine umthetho wakhe ngoba ubhale kanjalo umuntu wasezulwini uShembe, wathi uma kuba singamesabanga lo Jehova, uma kuba singawugcinanga umthetho wakhe, uyakwenqaba ngisho nokwamukela umkhuleko wethu aphinde anqabe ngisho nokusehlisela izibusiso ngoba senqabile ukugcina umthetho wakhe.

Inkonzo yangesabatha mhla ka 29 OCTOBER 2022.
 
ISIHLABELELO 71
1 Nkosi yami ubungithanda
Zingakaqini izintaba,
Kwaphakade wangigcoba
Ngiwukuqala kwendlela yakho.
 
2 Ngingumsebenzi wakho wasendulo
Ingakaqini imimango,
Nemithombo yamanzi
Ingaka mpompozi ngamandla.
 
1.Ngibabingelele abangcwele, nginqamula nje isihlabelelo ngoba nephimbo lami alikho, alilihle kahle njengoba kunjena. Ngibongela ukuthi ngikwazi ukukhuluma, iNkosi yomusa ingithethelele. Ngithi angigcine nje ngamavesi amabili, ngibonge esihlalweni sobukhosi, lapho ngithunywa ukuthi angiguqe phambi kwabangcwele. Ngicela-ke ngesihloko esithi SIKHUMBULA UJEHOVA MHLA EGCOBA IZINCEKU ZAKHE UKUBA ZIMSEBENZELE.
 
2.Bantwana baseKuphakameni, abantu bayafika, bafike bamangale, abanye bacasuke, bacasukele ukuthi hawu kulokhu kwavula umhlangano, ilaba nje ababili abakhulumayo noma abashumayelayo. Siboshwa izibopho, uma kukuthi ugcotshiwe, akekho umuntu ongagcotshwa nje kuphela, kodwa anganikezwa izimiso nemigomo ukuthi uzohamba kanjani. Uma ngabe ungumholi njengoba ngake ngasho ngathi, uNkulunkulu usuke ekubeka ukuthi ube uthisha kubantwana bakhe, konke ukubeke kuwe ukuthi ukwedlulise.
 
3.Uma kuyinyanga yomhlangano, uJehova usuke elindele ukuzwa iziNceku zakhe azigcobe ukuba zihole ibandla lakhe ukuthi zithini izifundiso ezizifundisayo kubantu. Ilokhu ke okusibophayo njengoba ngake ngasho ukuthi ayikho ingane engaphuma iye esikoleni bese ifika uthisha engafundisi bese ingane enye ifundisa ezinye izingane. Kodwa izingane zisuke zilindele ukuthi uthisha uza nasiphi isifundo namuhla.
 
4.Kanjalo nomuntu ogcotshiwe ukuba ahole abantu, ebahole ngokwesaba komthumileyo, kufanele ukuthi aguqe, uJehova ambuze ukuthi abantu ubafundisani, uyabatshela yini abantu ukuthi abesabe uJehova noma uthi abasabe yena.
 
5.Lelibandla ibandla likaJehova, ngalokho asinakuhlala thina phansi ngoba abantu abahlala phansi banikeze abantu, babanika ngoba basuke bazi ukuthi abadumisi muntu bona, kuzodunyiswa bona. Basuke bebheke, belalela ukuthi badunyiswa kangakanani ilabo bantu. Abesabi muntu ngoba konke okwabo kuphelela kubo. Uma uNkulunkulu ekubeka, asazi ukuthi abanye babekeke ngayiphi indlela, kodwa thina siyawazi amazwi akhulunywa kithi ukuthi kufanele senze kanjani.
 
6.Ngithena evikini eliphelile uma ngabe umuntu ongumntwana kaNkulunkulu engazange akucele ukuthi uNkulunkulu avule amehlo enhliziyo yakho ukuba ibone ikhaya laba ngcwele. Ngisho njalo ngicaphuna lamazwi eNkosi yaseKuphakameni eyasibhala laphana ku 237 uma ngingaphosisi.
 
7.Usho njalo uthi, vula amehlo omphefumulo wami abone ikhaya labangcwele. Ngithi-ke bayajabula labo abakucela lokho, futhi bakuthola, ngoba uma ngabe engavulwanga amehlo omphefumulo wakho, ufana nesiqwanga esingahlutshiwe, esisambozwe ngamakhasi. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni uma umuntu ebekwa, naye futhi uyazi ukuthi ongibekile ngongithumile, ngalokho mina angikho ngaphezulu kwakhe. Njengoba ngimesaba nje kufanele ngifundise abantu ukuba bamesabe.
 
8.Ikho-ke lokhu okwenza ukuthi sibuyele emazwini
esayalwa ngawo uma ngabe kungumhlangano, abantwana bakaNkulunkulu balalele amazwi noma iziyalo esiphathiswe zona njengabaholi. Ziningi izincwadi ezavulwa kakhulu zibhekiswe kuBaba uMelusi njengomuntu owumholi ohola umkhumbi ka-Jehova.
 
8.Ngithi zintathu, nami bese ngizilibele, kodwa sengiyakhumbula ukuthi sakhuluma kakhulu ngayo, kwabakhona incwadi eyayeluleka ukuthi uBaba engesabi, lapha ku-Isaya. Eyesibili yayeluleka ngodumo lukaJehova eyayiku-IZenzo lapho eyayikhuluma khona ngodumo inkosi uHerodi engalidlulisanga kuJehova ukuthi aluse kuye, kodwa wagcina eshayiwe ulaka lukaJehova. Kwaba incwadi yesibili leyo eyayeluleka uBaba ukuthi noma abantu bengagcwala bebe izigidi, kodwa angalokothi athathe udumo lukaJehova, ngoba owalithatha washawa waphela, wadliwa zimpethu ngaso leso sikhathi.
 
9.Eyesithathathu yokugcotshwa kwaba u-Zakhariya 3 verse 1-8. “Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye. UJehova wathi kuSathane: “UJehova uyakukukhuza, Sathane, yebo, uJehova olikhethile iJerusalema uyakukukhuza; lo akasiso isikhuni esophulwe emlilweni na?” UJoshuwa wayembethe izingubo ezingcolileyo; wayemi phambi kwengelosi. Yathatha yasho kwababemi phambi kwayo, yathi: “Mkhumuleni izingubo ezingcolileyo.” Kuyena yathi: “Bheka, ngidedisile kuwe ububi bakho; ngiyakukwembathisa ezobukhosi.”
 
10.Ngase ngithi: “Mababeke isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe.” Base bebeka isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe, bamembathisa izingubo, ingelosi kaJehova isemi khona. Ingelosi kaJehova yagomela kuJoshuwa, yathi: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.”
 
11.Ilawo mazwi bangcwele engithena uma ngikhunjuzwa ngase ngiyawakhumbula ukuthi sasivame kakhulu ukukhuluma ngawo siselaphana ezansi. Bantwana baseKuphakameni lamazwi afundwa mhla uBaba uMelusi egcotshelwa ukuphatha nokuhola lelibandla, kwaba incwadi yokugcina lapho ayegcotshwa khona.
 
12.Ngenye yezincwadi eyaba nzima kakhulu bantwana baseKuphakameni, kungakho ngazo zonke izikhathi ekhuluma elwa nezinto azibonayo ukuthi zizochitha umthetho kaNkulunkulu, ngoba uma ngabe uthunyiwe uzama ukufuna injabulo, uyifunela lona okuthumile ukuthi uma ufika phambi kwakhe ajabule, ajabulele ukuthi ukuthumile, wase uwenza umsebenzi wakhe, wawenza kahle, noma ungaqhubekisa, kodwa uqhubekise ngento enhle uNkulunkulu ayothokoza ngayo.
 
13.Ngithe-ke bantwana bokukholwa, ikho-ke lokhu niyohlala njalo uma kuwumhlangano kaJehova nakwezinye izikhathi bese siyawakhumbula lamazwi ukuthi asizange sigcotshelwe ukuba bakhulu, kodwa sagcotshelwa ukuba senze uNkulunkulu, sikhumbuze abantu ukuthi uNkulunkulu mkhulu yena yedwa, akalingani namuntu, akekho omunye owake walingana naye nosazokuba khona olingana naye.
 
14.Ivangeli lalapha, ngisho ingane encane iyazi ukuthi ivangeli lalapha e-NCG, elokuthi abantu abasabe uJehova, izikhathi eziningi kukhulunywa ngoJehova ukuthi uma ngabe sesimsabile, sekufanele ukuthi sigcine umthetho wakhe ngoba ubhale kanjalo umuntu wasezulwini uShembe, wathi uma kuba singamesabanga lo Jehova, uma kuba singawugcinanga umthetho wakhe, uyakwenqaba ngisho nokwamukela umkhuleko wethu aphinde anqabe ngisho nokusehlisela izibusiso ngoba senqabile ukugcina umthetho wakhe.
 
15.Ilelivesi esigxila kulo, elibalekelwa ngabantu abaningi, bayalibalekela lelivesi uShembe afakaza ngalo wathi kuyakuthi labo abalizwayo lelilizwi engiliphathisiwe kodwa bese beyawugcina lo mthetho, bengagcini ngokuwugcina kuphela, kodwa baphinde bafundise nazo izingane zabo, bazifundise ukuba zesabe uJehova. Kungakho silapha nabantwana bethu ngoba umthetho walenkolo uthi phuma nabantwana bakho bonke ngoba uNkulunkulu waseKuphakameni ufuna lokho. UShembe ukubhale phansi wathi sibafundise abantwana, wathi uNkulunkulu asinike lokho kuhlakanipha, namadodana namadodakazi ethu, abe lapho esisuke sikhona.
 
16.Kungakho njena emzini wamaNazaretha ufika namhlanje kulenga izingidi ngoba asinabo abantwana esingabenza izingidi ngoba uthi umnikazi walelibandla nabantwana benu, nibafundise ukwesaba lo Jehova. Uma nje uma silapha sisesikoleni, uma ingane yakho ingekho esikoleni ayinakwazi ukuthi ikwazi noma isithole isibusiso sokufunda umthetho kaNkulunkulu.
 
17.Yathi ingelosi ngelinye ilanga, yathi abantwana balelibandla, yathi kufanele bazi ukuthi njengoba besifunda isikole bese beyaphasa, abakulwele ukuthi nalemithetho UShembe ayishilo ukuthi uJehova ufuna igcinwe, nakhona bakulelwe ukuthi baphase nakhona, bazithole iziqu ezitholwa ngamaqhawe.
 
18.Bantwana baseKuphakameni iNkosi yomusa yasithanda, yasivulela, yasitshela ukuthi uma ngabe sifuna ukuya emzini okhazimulayo, kufuneka senzenjani, isistshela lokhu mahhala kodwa namhlanje izikole zonke zassemhlabeni ukhipha imali ufake ingane yakho khona, uma ingenayo imali, ayikwazi ukufunda.
 
19.Kodwa uShembe wavula izikole, wavula izikole zasezulwini ezingenwa mahhala, kuphela okwakho ukuthi ufike ufunde, ufundele ukuthi uNkulunkulu ebe ngakuwe, akuthande uselapha emhlabeni, umthande uselapha, wenze yonke imithetho yakhe, intando yakhe uyenze ulapha emhlabeni. Uxhumane noNkulunkulu ugcine ungasekwesabi ukufa. Usho njalo, uthi uma ngabe lelivangeli elafika noShembe selingene lagamanxa ezinhliziyweni zenu, niyombona uJehova futhi niyakukhumbula ikhaya enavela kulo ngoba uma ngabe umuntu engakhumbuli ekhaya kuyaye kuthiwe ubhungukile ngokwenzwe nasemhlabeni.
 
20.Baye bahambe bayokhuluma nanabantu abadala ukuthi nangu umntwana ohambe ekhaya engabuyi, baye nasezinyangeni, bafune izinto zokuphephetha ukuthi lo mntwana akhumbule ekhaya, kodwa thina sinikezwe amazwi ukuthi uma ngabe sesimthanda lo Jehova ngezinhliziyo zethu zonke nemiphefumulo yethu yonke,
siyakuzithola sekumnandi ezulwini sikhona lapha, sesikhumbula ikhaya ngoba sesibonile ukuthi alifani namakhaya lawa esikhashana alapha.
 
21.Ngalokho-ke kuwumgomo webandla ukuthi asizeni nezingane zethu ukuze nazo zisithole lesi sikole, zifunde ngoba uma zilapha, ziyafundiswa ukuthi umuntu akahloniphi uNkulunkulu yedwa, kodwa uyabahlonipha nabantu, nabantu abadala. Bayafunda abantwana uma ngabe belapha.
 
22.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, uJehova ubekade enomhlangano nathi, kulokhu kusuke lo mhlangano, uNkulunkulu usasigcinile, siyeza endlini yakhe. Siphinde sihambe siyomdumisa njengoba washo njalo UShembe wathi akadunyiswe ngokusina, akadunyiswe ngezigubhu ezinamandla. Siye sihambe-ke siyosina siyomdumisa ngawo lo mgidi ekwathiwa asimdumise ngawo, ngiyamkhalela umuntu oyaye athi mina angizukuba khona kulo mhlangano ngizoba khona kulowa. Athi noma ekhona athi hhayi mina ngizakusina ngo July kodwa engazi ukuthi lo July uzomfica ekhona yini.
 
23.Ngithike bantwana abaseKuphakameni uJehova ubenomhlangano nathi, namhla iSabatha, bonke abaholi bakaJehova bayamemeza bathi Isabatha namuhla bantu nonke nina enimesabayo uJehova. Bayamemeza bathi ungasebenzi ngalo, lingelokuphumula yena, lingelokudumisa yena yedwa.
 
24.Kodwa abaholi abazigcobile bayakwazi bona ukuthi bathi cha, kukhona umnoumzane osimemile, uthi kunomemulo wengane yakhe, ucela nje ukuthi ahlotshelwe ibandla lamaNazaretha, lifike lapho khona lomcimbi uzoba muhle, kuthiwe abafike bezohlobisa umcimbi wabantu.
 
25.Kodwa uthi owafika nalokhu kukholwa uMprofethi wethu, ukuthula kube kuye, uthi iSabatha namuhla bantu nonke nina nabantwana benu mesabeni uJehova, uthi ningasebenzi bantu bakhe ngaleliSabatha, uthi lingelokudumisa yena yedwa! Udumiseka kanjani-ke uJehova emadilini omhlaba, udumiseka kanjani lapho okunomemulo khona, lapho eqhamuka khona ziyakubaviyela, naleyontombi enomemulo iphethe umkhonto lona uShembe owafika wabaphuca abantu bewuphethe, wathi bengaphinde bewuphathe ngoba uyisakhali esimbi esingenawo umlando omuhle.
 
26.Wabanikeza izimboko zokukholwa wathi seniyothi uma nisina bese kuphila abantu ebebekade bezokufa, ukuthi-ke uma ngabe kuqhamuka umnumzane ezosimema ngalolusuku. Usuke esembonile lowo mholi ukuthi akathunywanga, kodwa usuke ezithume yena, kungakho engeke esabe ukuthatha abantu abayise kulelodili lalowo memulo, ngoba ibandla lingelakhe, uyena onqumayo onezwi kulo. Usezenze waba izulu, wazenza waba umhlaba.
 
27.Yikho-ke ayokulihola aliyise lapho kunomemulo khona ukuba ibandla lihlangene nabantu abadle izintelezi, abantu abaphethe imikhonto eseke yabulala ngisho abantu. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni silapha, kuhle la ngaphandle ebuhleni babantu lapha emhlabeni, kukhona umntwana owake wakhuluma umntwana walapha ekhaya, yathi ingane, ingezanga eSabatheni, yathi ingane ‘hawu kanti umhlaba mubi kangaka ngeSabatha!’
 
28.Wayenyathele nje endaweni engafanele wamiswa, kodwa wathi lo mntwana esebuyile, wathi bengingazi ukuthi umhlaba mubi kangaka ngeSabatha, wathi awuve umubi. Wathi uNkulunkulu angisize ngize ngiyazi imithetho kaNkulunkulu, ngingabuyi ngiphambuke ngoba umhlaba mubi.’
 
29.Into eyenza lo mntwana abone umhlaba umubi, lo mntwana kusho ukuthi inhliziyo yakhe yahlutshwa, yikho akwazi ukubona ukuthi umhlaba mubi kangaka ngeSabatha ngoba wayengafanele ukuthi abone ubuhle bawo, ngoba uJehova uphambene nomuntu obona ubuhle bomhlaba ngeSabatha, aze angabakhona enkonzweni ngoba efuna ukubuka ubuhle bomhlaba.
 
30.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni singabantwana abangamaNazaretha kaNkulunkulu yedwa, futhi leligama lisenza simthande kakhulu uNkulunkulu, leligama lenza ukuthi umkhumbule uJehova, umkhumbule uMprofethi wakhe owafika nalemfundiso, namhlanjena eseyigqitshiwe, igqitshwe phansi komhlaba ukuze izizukulwane ezizayo nezikhona manje zingawazi lomthetho.
 
31.Kodwa saba nenhlanhla bangcwele thina, saba nenhlanhla eyisimangaliso ukuthi noma besingalutho, kodwa uNkulunkului wabheka, wabona ukuthi abantu abangakwazi ukuthi le ndlu kaNkulunkulu, le ndlu yami ivuke, angithume, ngikhulume kuShembe umuntu wami ebese ehamba ngoba unamandla unegunya lokuthuma ingelosi, zihambe ziyosho ukuthi ayakhiwe lendlu kaNkulunkulu. Base bayezwa abakhethiweyo, basuke, uthi uShembe, kukhona abasukayo bawushiye umlanza, amaqhawe kaNkulunkulu ayazikhethela.
 
32.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni sikuyo le ndawo esingeke sigudluke kuyo, noma kungabakhona umcimbi wesikhulu esingakanani, noma ngabe sehle ngebhanoyi, sathi nje cababa phansi kwathiwa asiyobonwa ngeSabatha, asikulungele thina ngoba lolusuku, usuku lukaJehova yedwa, nemincwabo yangolulusuku, noma ngabe bekungumfowethu noma ngabe bekuwungudadewethu kodwa uma bethi bayamfihla namuhla, angizihlanganisi nalowomncwabo ngoba akufanelanga ukuthi ngokuhamba kukadadewethu ngizithuke sengilahlekelwa uNkulunkulu ebekade ngimkhonza obekade kunguyena obenza ukuthi kuze kushaye lesisikhathi ngisaphila.
 
33.Baningi abantu abahlakaza ikusasa labo, balihlakaze ngemindeni, athi umuntu angikwazi ukuthi ngingaba bikho kufanele ukuthi ngibekhona, kodwa uNkulunkulu esemkhethile yena, noma ngabe uyiNkosana, noma ngabe uyiNkosikazi noma ewuMshumayeli kodwa uNkulunkulu uma esethena unguMshumayeli, usho ukuthi wena iba incwadi efundekayo phakathi kwabantu, kube nguwe oshoyo kubantu ukuthi uJehova wathi kungasetshenzwa ngalolusuku, kodwa sekubonakala wena usuhamba phambili, uyovela uvela emincwabeni, kuncwatshwa ngeSbatha, uyavuma ukuthi umuntu wakini akayogqilazwa ithuna, akayohlala ethuneni ngoba wena owazi uNkulunkulu, awusamsizanga ngalutho, usuyovela laphana, uvela kubantu ngoba uzobe ungawugqokile umNazaretha.
 
34.Vele kawufanele ukuwugqoka ngoba vele uhlubukile, bekuzoba inhlamba uma utholakala ugqoke umNazaretha. Vele uma usuze wazikhulumela, usuke sewugcwalisa ukuthi usuke usuphumile kuJehova kodwa usuwele ezandleni zikaSathane. Ngithi-ke bangcwele uNkulunkulu sengathi engasithanda, namhlanjena asazi ukuthi uma uJehova esewuphothula lo mhlangano wakhe, asazi ukuthi usiphathele siphi isipho, usiphathele siphi isibusiso, asazi ukuthi uphetheni emthwaleni eza nawo. Kodwa uzobuka ukuthi uma ngabe kulomhlangano sihambe kanjani, kuwo wonke lamaSabatha besikuphi, kuyoyonke imigidi, besikuphi.
 
35.Abantu-ke bayazikhethela, bazikhethela bona, athi angizukuya kuleliSabatha leli, ahambe aye la athanda khona, angizukuya emgidini kulelisonto leli, kukhona lapho engisazoke ngiye khona, ayi angizukuya sengoya makuvalwa. Kobanjalo ezinsukwini zokugcina, konke akukho uShembe akubekile okungenaso isizathu nokunganakukusiza kodwa uzikhethela wena into eyohlaba umphefumulo wakho ibe ngameva, uzikhethela wena ukuthi umphefumulo wakho uma uphuma uyokwiliza esizibeni noma uyodlizwa zingonyama ehlathini. Uwena ozikhethelayo ngoba uJehova uyahlushekelwa.
 
36.Bantwana baseKuphakameni ngisho njalo, ngithi bangcwele uNkulunkulu aze asikhumbule, kuthi njengoba njena esewuphopthula umsebenzi wakhe, ebese eyikhumbula leminikelo ekade siyinikela sicela kuyo. Simbonile uJehova eminikelweni ebesicela ukuthi akasiphe umsebenzi, akasibusisele amabhizinisi ethu, akasivulele lapho okuvalwe khona, sambona evula, sambona uJehova esikhumbula.
 
37.Walubona usizi elalibhaliwe emnikelweni owawuyincwadi esasibhalela uJehova kodwa sambona efika evula lapho obengeke kuvule muntu khona kodwa yena wavula. Yebo sinesiqubulo lapha kulelibandla bantwana baseKuphakameni, engihlala ngithi lesi siqubulo senzelwe abantwana bakaNkulunkulu ukuthi bakhumbule.
 
38.Njengoba yasho ingelosi kufanele engabe kukhona ngisho amaCD lapho okuyothi umuntu ngamunye esehamba endleleni, athi uma eselifaka, noma ngabe sewunezinkinga ezingakanani noma bewuzohlangana nani athi nje uma eselifakile, liyamkhumbuza, liyasho ukuthi ‘Nkosi ngiphe Amandla okuthi nginqobe uSathane.’
Ngiyalithanda lapha elisho khona ukuthi ‘ubungcwele buqala lapha emhlabeni,’ buqala la ubungcwele, awukwazi ukutholakala ungcwele ungazanga ubengcwele lapha emhlabeni. Umntwana kaNkulunkulu, akazikhetheli yena ukuthi ukuthi yena uzokwenza ngesikhathi esiwukuthi.
 
39.Bakhona-ke abantu abafana namazinyo axegayo, alindelwe ukukhishwa aphume, ahlukane nezinsini, uma izinyo lixega, ulibona ukuthi liyaxega, alisafuni ukuhlala ensimini, liyakufanela ukuba uma lingasawi liwiswe ngabantu ngoba alisafuni ukuhlala ensinini. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ukhona umholi owasho njalo, wathi ziyamazi umelusi, ngempela ziyamazi umelusi wazo wayeqinisile, ziyamazi umelusi wazo ngoba uma umelusi wazo ethi uNkulunkulu unifuna lapha, njalo uthi ibani lapha.
 
40.Izimvu zona lezo yena angumelusi wazo zithi uBaba uthena akufanele sikwenze lokhu, kodwa izinyo elixegayo eselilindele ukuhlukana lingasafuni ukuhlala ensinini. Alikhishwa nangalokhu abelungu abalikhipha ngakho, ukuthi kuyakufuneka ukuthi kube khona umuntu ozohlala aphethe udlawu lokuthi nje alidonse ngaso leso sikhathi ngoba vele alisebuhlungu ngoba vele liyaxega alisajulile ensinini, selifuna nje umuntu alidonse ngodlawu noma itanye liphume lihlukane kahle nensimu.
Ngithi-ke bangcwele, kuyiSabatha bantwana baseKuphakamenim ngiyacela kuJehova ukuthi asikhumbule, ngiyacela kuNkulunkulu ukuthi angavumi ukuthi omubi ahlakaze umsebenzi wakhe. Angavumi uJehova ukuthi le ndlu yakhe iwiswe izitha zakhe, kodwa bonke abayothi bayazama uNkulunkulu abachithe ngengalo enamandla.
 
41.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni bazohlumula abantu ebebekade besemhlanganweni ngezinhliziyo zabo, abanye basuke besebenza, basuke besemsebenzini. Kodwa kukhona abantu abasuke bengasebenzi engaswele, ethi nje cha umzimba wami awuvumi, sengiyoya ngesikhathi esithile. Uyadlula uNkulunkulu.
 
42.Ingelosi ike yakhuluma ngokuthandaza, yathi ingelosi amakholwa awasathandazi, umthandazo wantambama nowasekuseni, wathi-ke noma uSathane edlangile, ebashaya abantu, ebashaya ngokuphelelwa ngamandla, akushaye ngokushisa okwesabekayo ungakwazi ngisho.
Uthi-ke guqake khona ungasembethe (ingubo emhlophe) guqa usho leligama elithi “NKULUNKULU ONAMANDLA WONKE, YISE WABO BONKE ABAMKHONZAYO, KUBUSISE UKUVUKA KWETHU KWANAMUHLA, USIGCINE NGOMUSA WAKHO” Amein.
 
43.Uphinde uthi “NKULUNKULU ONAMANDLA WONKE, YISE WABOBONKE ABAMKHONZAYO, LALA NATHI NAMHLANJENA, USIGCINE NGOMUSA WAKHO” Amein. Uthi noma esethi ngimshayile akasafikanga laphana, embathe ezakhe, kulungile kushaye inhliziyo yakho, leli elithi uNkulunkulu onamdla wonke unguYise wabo bonke abamkhonzayo, liyamshaya, usubhaliwe ezulwini ngokuthi wena uthandazile khona sewukhasa ngamadolo, esekwenqabele, kodwa ushilo wathi ‘Nkulunkulu onamandla wonke.’
 
44.Uthi-ke bese kuba khona-ke isigaba sesibili esithandwa kakhulu ngabantu i-TV. Uthi bahlala bebheke izinhlelo, okuthi uma zikhona ezinye ezingena khona ngo 18:00, kuthi uma mhlawumbe kuba khona oyedwa athi hawu nakhu sekungu 6, uthi bayoguqa phansi, uthi akusathandazwa, ngisho abantu abagcotshiwe, bayothi tetetetete! Amein
 
45.Uthi-ke owakuphi uNkulunkulu ongalalela lokho ngoba inhliziyo yakho ayikho lapho, uthi tetete nje, ujahe lapho,uthi engasukuma athi qhoko, ufuna leyanto. Uthi ukube kuya ngaye ngabe ama TV awavulwa nje, u-5 avalwe emva kokuba sekwedlule umthandazo. Abangasebenzi, bangawavuli nje, bayivale ngo 8, ivulwe emva kwa 9 sekuphele umthandazo.
 
46.Ngithi-ke bangcwele sinenhlanhlake ukuthi kukhona umuntu osibukayo ebese eyehla ezosifundisa, kodwa nje bangcwele, ngithi nami uNkulunkulu engathi engangibala namuhla uma ebala abantu akade bekhona emhlanganweni, uma ebala abantu abangene kulendlu ebese eyangikhumbula.
 
47.Kodwa nje sengiphethe ngithi:
ISIHLABELELO 246.
Ukukholwa kwami
Kuyangisebenzela
Ukukholwa kwami
Kuyangisebenzela.
 
48.Bangcwele ngiye ngisho njalo sekunzima, ngingazi ukuthi ngizothathani ngihlanganise nani endlini, ngingumama ongasebenzi, ngingumama ophila ngokusebenza umsebenzi wezandla, sengingasazi ukuthi ngizothathani ngihlanganise nani, nayi incwadi kaMasipala, iyasho ukuthi kufunekani, angazi, bese ngiyahlabelela lesi siqubulo, isiqubulo salelibandla.
 
49.Mase ngiyasho ukuthi konje ukukholwa kwami kwathiwa kuyakungisebenzela, bese ngihlabelela njengoba kade ngihlabelela, bese ngiyahlala ngiyathula ngibone izinto zingihambela kahle. Bonke abantu abakholwayo kuye, owehla nalamazwi uMprofethi u-Isaya Shembe, silapha nje, konke bantwana baseKuphakameni kungaye, ingubo esiyigqokile, sigqokile, kungaye, ingubo yokukhonza, nasebhayibhelini ikhona, kodwa sasingeke siyisukele, kodwa kwehla yena wazosho ukuthi mbathani le ngubo emhlophe ukuze ninqobe umhlaba, engathi uJehova engawavula amehlo emiphefumulo yethu, silibone ikhaya labangcwele.
 
INkosi ibusise amazwi ayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *