Incwadi kaJohane 16:7-8:
“Kepha mina nginitshela iqiniso, kunifanele ukuba ngihambe, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi ngenke eze kini. Kodwa uma ngihamba, ngiyakumthumela kini.
Lapho esefikile yena, uyokulambulela izwe ukuthi leduke kangakanani mayelana nesono, nangokulunga, nangokwahlulela. Amen!”
Imini yesabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi: UMOYA ONGCWELE UYESHUA OWAKHULUMA NGAWO WEHLELA KUSHEMBE.
1. Incwadi kaJohane 16:7-8:
“Kepha mina nginitshela iqiniso, kunifanele ukuba ngihambe, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi ngenke eze kini. Kodwa uma ngihamba, ngiyakumthumela kini.
Lapho esefikile yena, uyokulambulela izwe ukuthi leduke kangakanani mayelana nesono, nangokulunga, nangokwahlulela. Amen!”
Noma ukuthi’ Shembe’ sekuyisibongo, kodwa uShembe ligama loMprofethi u-Isaya Shembe owaliqanjwa nguyisemkhulu uNhliziyo.
Ngakho ke kulentshumayelo uma ngikhuluma ngoShembe, ngiqondise kuMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
2. Kuningi ukuphikisana kokuthi uMoya ongcwele, njengokuloba kukaJohane 16, ungubani.
3. Kodwa lokhu kuphikisana kwamabandla akugxilile ekutheni uYeshua wathini, kunalokho kugxile ekutheni ibandla lami lingifundiseni.
Kodwa lapha angizukugxila ekutheni ibandla lomuntu nomuntu limfundiseni ngomoya ongcwele, kepha ngizobheka amazwi kaYeshua njengoba wawakhuluma.
4. Kulenkulumo engenhla uYeshua wakhuluma ngomuntu oyedwa, umuntu obuye abe nguMoya, wathi ukuze lomuntu eze emhlabeni, kumele yena abuyele ezulwini.
5. Uthi-ke uYeshua!“Kunifanele ukuba ngihambe, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi ngenke eze kini.”
6. Okwesibili uthi uYeshua, lomuntu uyoyiqondisa inkolo kaJehova. Uthi uYeshua:
“Lapho esefikile yena, uyokulambulela izwe ukuthi leduke kangakanani mayelana nesono, nangokulunga, nangokwahlulela.”
7. Kubalulekile-ke ukuthi uma ufunda imibhalo, ungayihumushi ngokuthi ibandla lakho likufundiseni, kodwa ngokuthi wena njengoba ufunda, uzwani!
8. Uzithathe ngokuthi awukholiwe, bese uzibuza ukuthi ngokuzwa kwakho uthini lombhalo!
Ngiyimantshi oBonjeni, ngahlangana nendoda yakwa Hlophe, lomnumzane wangixoxela indaba eyisimanga, engifisa ukuba bonke abantu abakuthandayo ukukholwa ngokweqiniso, bayilalele kahle.
9. UHlophe ngowaseSwazini, esigodini saseDzingeni ku Hhohho District. Wazalwa ngo 1918.
10. Uthi kwathi ngo 1930, eneminyaka engu 12, eluse izinkomo edlelweni, kwehla umuntu emkhathini. Lomuntu wayegaxe abafana ababili emahlombe akhe.
11. Lomuntu wase ekhuluma naye ethi: “Mfana, uyothi uma usibiza uthi singoBaba basezulwini. Ileyo Ndlela oyosazi ngayo.”
12. Wabe esekhomba isikole esiseNazareen Mission, ethi: “Uzohamba uyofunda kulesiya sikole, yimina engizosala ngikwelusela izinkomo.”
13. Nempela uHlophe izinkomo wazishiya kuloBaba wasezulwini, waya ukofunda kulesi sikole athunyelwe kuso.
14. Njalo loBaba wasezulwini afike athi uHlophe akaye esikoleni, yena bese esala elusa izinkomo zakubo.
15. Ngelinye ilanga, uthi uHlophe wabona sekufika isistela kubo ligibele ihhashi, lathi lizomcela ukuba eyohlala emishini ukuze athole ithuba lokufunda, ngoba bayabona ukuthi uyakuthanda ukufunda.
16. Bavuma ekhaya, nempela wahamba wayofunda esehlala eNazareen mission. Esesemishini wayefunda ekuseni, emini aluse amathole asemishini, wagcina esekholwa kulelibandla.
17. Kodwa uthe esethi uyabhajadiswa, wafika lomuntu, wathi “Cha, awuzukubhajadiswa wena lapha, ngoba yimina engikuthumele lapha, ngoba ngifuna ukuba ube ngumfundisi wami.”
Awabe esabhajadiswa-ke uHlophe ebandleni eliKhatholika, noma abesonto engabachazelanga lutho.
18. Uthi uHlophe lomuntu wabuye wanyamalala, waze wakhula, waganwa. Kodwa ngobunye ubusuku esemdala, eseganiwe, wafika lomuntu kuHlophe ebusuku, kodwa engalele.
19. Wamthatha wahamba naye, wayomtshengisa indawo lapho uHlophe okumele emakhele khona umuzi. Uthi-ke uHlophe ngenkathi ehamba nalomuntu, babendiza!
20. Waze wafika kulendawo, wayikhomba ukuthi ufuna uHlophe emakhele lapha umuzi.
Ekuseni uHlophe wayixoxa emndenini wakhe lendaba yalesi simanga salomuntu othi akamakhele umuzi. Wabe eseya enduneni eyocela lelinxiwa kuyo, induna yavuma. Wabuye wanyamalala futhi lomuntu, uHlophe wabe eseya eSouth Afrika eyosebenza ePiet Retief.
21. Esese Piet Retief, wafika futhi loBaba wasezulwini kuye ebusuku, wamvusa, wathi akabuyele eSwazini, ngoba lapha eSwazini uzovakashelwa yinkosi. Kumele kuthi njalo ekuseni evuke ashanele igceke alinde inkosi. Wathi uHlophe akukwazi ukuthi inkosi ingavakashela yena ngoba ungumntukazana, futhi akanayo imali yokubuyela eSwazini. Ngalenkosi uHlophe wayecabanga inkosi uSobhuza.
22. Wabe lomuntu esemthinta kanzima emhlane, esethi: “Ngikuthinta kanje ukuze ungakukhohlwa engikutshele khona.” Lapho amthinte khona kwaba buhlungu sengathi ushiswa li-ayina; kwasala isibazi, nami engasibona.
23. Uthe uHlophe esahamba endleleni, kwavele kwaqhamuka isalukazi, samnika u 5 shillings. Wethuka ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi eyinsizwa anikwe imali isalukazi? Kodwa yasheshe yabuya ingqondo ukuthi lemali ivela kuloBaba oyisimanga.
24. UHlophe wabe esebuyela ekhaya eSwazini, wafika wayixoxa lendaba yokubuyiswa yilomuntu onguBaba wasezulwini. Kwase kuthi njalo ekuseni avuke ashanele lonke igceke lakhe njengoba eyaliwe.
25. Uthi uHlophe, ngobunye ubusuku, sekuhwelela, likhemezela linezinkunku, wabona isithunzi somuntu eduze komuzi wakhe. Wathi uma esondela, wathola ngempela ukuthi ngumuntu.
Wambuza lomuntu ukuthi ungubani, futhi ufunani lapha ebusuku?
26. Wabe esethi lomuntu kunomfana wakhe ohamba naye omthume kulomuzi ukuba amcelele indawo yokulala. Kodwa lomfana abaze bambona.
27. Ekuseni uHlophe waya kuye eyombuza ukuthi ungubani, futhi uze ehlwele nje uphumaphi. Wabe esethi uHlophe lomuntu abamenzele itiye.
28. Kuthe amanzi esebila, kwatholakala ukuthi izinkambi azikho. Kwathi besatatazela, lomuntu wavele wacaphuna emoyeni, wabuya no Five Roses usavaliwe, wathi: “Nazi izinkambi mnumzane uHlophe.”
29. Besathuswa yilokho, bathola nokuthi ubisi alukho. Wavele futhi lomuntu wacaphuna emoyeni, wabuya ne Condensed milk ivaliwe, wathi: “Nalu ubisi mnumzane uHlophe.” Lento yenzeka nje abantwana abebenza itiye bakhona.
Abantwana baphuma babaleka, babiza wonke umndeni ukuba bezobona lomuntu onoyise, ukuthi akusiye umuntu.
30. Nomndeni wonke wagijima weza kulendlu uHlophe okuyo, nalomuntu wabona ukuthi sebeyamxwaya.
31. Ngaso leso sikhathi lomuntu wajika, zaphela emehlweni abo lezi zingubo ezimakiniki ebezembethe; babona esegqoke izingubo ezikhazimulayo, naye eseyinsizwa enhle encane, ekhazimulayo!
32. Baqala manje bonke abantu bahlehla, besaba kakhulu, babona ukuthi akusiye umuntu lo!
33. Kwatholakala ukuthi abasakwazi ukufika nakuHlophe lo osevevezela ehamba nalomuntu!
Kwase kuyacaca ukuthi lenkosi uHlophe ebelokhu eyilindele, nguye lomuntu. Naye uHlophe wabona ukuthi akusiye umuntu lo!
Wayese sukuma lomuntu, ethi: “Hlophe, ngitshengise lonke igceke lakho, sengijahe ukuhamba, ngisaya eNingizimu, ngibuye ngiye eNyakatho.”
34. UHlophe wahamba naye emtshengisa igceke, kwaba sengathi umbonisa igceke lakhe.
Kuthe uma abantu bembuka lomuntu bathola ukuthi uhamba emoyeni, akathinti phansi.
Wavalelisa wahamba. Uthe engamamitha ako 300 kusuka kubo, wavele wanyamalala.
Kwasengathi iyakhohlakala lendaba. Kuthe ngo 1960, kwafika uMbazini emzini kaHlophe ehamba edayisa obhayisikidi.
35. Ekuseni uMbazini enza umthandazo wokuvuka, uHlophe wabona lesi sihlabelelo samaNazaretha esinoShembe uBabamkhulu.
36. Uthe uma ebona kuso ifodo likaBabamkhulu, wethuka kakhulu uHlophe, wasebuza kuMbazini ukuthi walithathaphi ifodo lalomuntu, ngoba yena wazi ukuthi lomuntu akekho lapha emhlabeni!
37. Wabe uHlophe esemtshela konke akwaziyo ngaloBaba wasezulwini. UMbazini wabe esemtshela ukuthi lo ngumholi webandla lamaNazaretha, kodwa wahamba emhlabeni ngo 1935, manje ibandla seliholwa yindodana yakhe.
38. Uthi-ke uHlophe: “Ngise kulendodana yakhe, ngifuna ukuyibona! Uma kuyiyo le owayefike kimi nayo, ngizoyazi, nayo izongazi, ngoba mhla engelusela izinkomo wayaye afike nayo.”
39. Ngenye inyanga uMbazini wehla noHlophe waya eMziphathe lapho okwakunomhlangano khona, kukhona uBaba iLanga.
40. Wathi uHlophe esesangweni eMziphathe, wezwa sekumemeza umuntu ethi: “UHlophe waseSwazini, iyamfuna iNkosi!’ bamane baxakeka benoMbazini ukuthi ngubani owazi uHlophe waseSwazini. Kodwa wathi uMbazini akaye uHlophe!
41. Wafica uBaba iLanga ehleli eduze komuntu ebeke ekhanda lakhe ingubo owayemthandazela ngayo.
42. Imbona uHlophe iNkosi iLanga, yasukuma yamhlangabeza, yabe isithi: “HLOPHE WAYA ESIKOLENI UKOFUNDA NJENGOBA SAKUTHUMA?” Wathi uHlophe: “Yebo Baba, ngaya!”
43. UBaba iLanga wabe esethatha iBhayibheli elabe liphezu kwetafula, esethi akavule incwadi yamaKhosi esibili isahluko sesibili, kuvesi 8-10. Wayivula wayifunda, kuthi:
“U-Eliya wathatha ingubo yakhe wayisonga, washaya amanzi ahlukana kabili, bawela bobabili emhlabathini owomileyo.
44. Kwathi sebewelile, u-Eliya wathi ku-Elisha: “Cela engiyayikwenzela khona ngingakasuswa kuwe. Wathi u-Elisha: “Makuphindwe kabili uMoya wakho phezu kwami.”
45. Kepha wathi: “Ucele into elukhuni, nokho uma ungibona ngisuswa kuwe, kuyakuba njalo kuwe, kodwa uma ungangiboni akuyikuba njalo.”
Emva kokufunda lencwadi, iNkosi iLanga yabe isithi: “Unenhlanhla Hlophe, ngoba ubonile inkazimulo kaNkulunkulu!”
46. Lengubo obethandazela ngayo isiguli, wayisonga kahle, wabe eseyinika uHlophe, esethi: “Kusukela manje usungumshumayeli waseKuphakameni.
47. Uyosebenzisa lengubo ukuthandazela abantu ezweni lakini eSwazini.” Ngaso leso sikhathi wathathwa uHlophe wasiwa kobhajadiswa.
48. Lomuzi okwathiwa uHlophe akawakhe, wafika uBaba iLanga wawuvusa, iMvelabusha temple!
UHlophe wahamba emhlabeni mhla ka 29 June 1998 esengumfundisi kulelibandla, njengokusho kukaBaba wasezulwini ngo 1930 ukuthi uHlophe ungumfundisi wakhe! Amen!
49. Ekuqaleni ngithe lendaba ungayilaleli ngokwemfundiso yebandla lakho noma ngokwenkolo yakho. Kodwa ibuke ngokuwena, bese ubheka incwadi engiyifunde ekuqaleni. Ekulaleleni lendaba ungathi loShembe owahlangana noHlophe wayeyini?
50. UYeshua ku John 16, wathi uyothuma umuntu ongumoya. Ngabe lomuntu owahlangana noHlophe kwakungumuntu ofana nathi, noma kwakungumuntu ongumoya? Uma lomuntu wayengumoya, wayengu moya omubi, noma kwakuyi dlozi, noma kwakungumoya ongcwele?
51. Uthi uYeshua uMoya oyingcwele uyosivezela ukuthi seduke kangakanani ngesono. Lo Shembe owabonwa ngumfundisi uHlophe nguye owabonisa ukuthi abezizwe bayasidukisa uma bethi akusona isono ukungawugcini umthetho kaNkulunkulu!
52. Uthi ke uShembe: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe uJehova owayiloba ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo wemikhosi.”
53. Kulendaba-ke uShembe wasibonisa ukuthi ungumoya, kodwa hhayi omubi, noma wedlozi, kodwa unguMoya ongcwele othunywe ezulwini ukuvuselela imithetho kaJehova!
54. Zonke izimfundiso zikaShembe zingokudumisa uJehova nokugcina imithetho yakhe.
55. Yikho-ke sithi uShembe uMprofethi unguMoya ongcwele!
iNkosi ibusise izwi layo.
Lenkonzo iyatholakala kufacebook page naku YouTube othi Rev Mpanza NCG.