Skip to content

UJEHOVA UFANELWE UKUBONGWA NGABAMUKHONZAYO

Kodwa bantwana baseKuphakameni kufanele ukuthi sicele kuJehova ukuthi lokhu kukholwa singakwephucwa uSathane.

MFUNDISIKAZI NOMCEBO NXUMALO MPANZA mhlaka 05 November 2022.
 
234. ISIHLABELELO. 15
J.G SHEMBE
UMTHANDAZO.
 
1 Wena ufanele ukubongwa
Ngiyakubonga nami,
Lona udumo lungo lwakho
Emhlabeni wonke.
 
Chorus: Wena ufanele ukubongwa
Ngiyakubonga nami,
Mayiguqulwe eyami intando
Ifane nayo eyakho.
 
2 Ezulwini nguwe wedwa
Imiphefumulo ingeyakho
Awukhethi ibala lomuntu
Awubheki isono.
Chorus:
 
3 Bonke abakudumisayo
Ngothando nangeqiniso,
Ngenhliziyo ethobekileyo
Uyabemukela wena.
Chorus:
 
1.Ngiyababingelela abangcwele, ngibingelela, ngibonga ukunikezwa ithuba lokukhuluma. Ngiphinde ngiyikhethe iNkosi yaseKuphakameni. Isihloko sithi ‘uJehova ufanele ukubongwa ngabamkhonzayo.’ Njengoba sengishilo bantwana basekuphakameni, usuku lokumbonga, usuku lokudumisa yena yedwa njengokuba ishilo iNceku yakhe isikhonzi senhlupheko, uMprofethi u-Isaya Shembe esingaye la, okunguyena owamukela le nkolo, wamukela uJehova ukuthi kube uyena oyivuselelayo njengoba yayikhona emandulo kodwa yase iyabulawa njengoba isiqala futhi ibulawa nala.
 
2.Bantwana baseKuphakameni ngiphakamisa udumo nokubonga eNkosini enkulu yaseKuphakameni, ngibonga umusa wayo ohlezi phakade. Kade sisemhlanganweni, lapho abanye bamahlelo ahlukene ekuthe kuphakathi kwenkonzo yomhlangano, kodwa bazithuka sebenqamuka naphakathi sekuthiwa abanye abahambe beyoncwaba lapho ekusuke kuvele khona isifo
 
3.Kodwa thina esifanele ukumbonga uJehova thina esimkhonzayo, simbonga phansi kwesizathu sokuthi akagcinanga nje ngokuthi esethembe ukuthi sibe indlu kaNkulunkulu noma kwakhiwe lendlu kaNkulunkulu. Kodwa wasinikeza ingelosi ezohamba phambi kwethu ezosibonela okungalungile, isibonele nezono zethu iphinde isifundise futhi ukuthi asikhulume kanjani noNkulunkulu.
 
4.Sangena emhlanganweni bantwana baseKuphakameni ngoba ingelosi yathi asiqale sivume izono phambi kwaNkulunkulu. Ngeke ukuthole lokhu phambi kwamanye amahlelo. Lokhu kwenziwa ukuthi yonke into yenziwa ingabo. Kodwa thina sinikezwe ingelosi ezokuhamba phambi kwethu.
 
5.Yasitshela ukuthi konke ukuhlupheka nezifo nakho konke kungenxa yokwephula umthetho kaNkulunkulu. Kodwa yathi thina uma sibuyela kuye uJehova, uNkulunkulu uyakususa iziqalekiso kithi uma ngabe sigcina izimiso zakhe. Ngalawo mazwi bantwana baseKuphakameni savuma izono, sacela intethelelo, saphinde sacela futhi ukuthi uJehova avume ukuzosivulela umhlangano, aphinde asivumele ukuba sibe sendlini yakhe, sibe ibandla lakhe, bantwana baseKuphakameni saphinde sacela eNkosini enkulu yaseKuphakameni ukuthi siyacela ukuthi kungaphinde kwenzeke ukuthi sithi siphakathi komhlangano kube khona umuntu ohambayo noma kungasiwo nje umhlangano.
 
6.Sacela kuJehova, kungasuki kithi, kodwa kusuka kulengelosi eyathunyelwa kithi, isitshela ukuthi asenze kanjani. Yasitshela ingelosi ukuthi amaqhawe alelibandla singawalibali ngoba awasenayo imindeni, bahamba vele bengasenayo imindeni, imindeni yabo ithina, thina esilapha endlini kaNkulunkulu.
 
7.Baficwa ukufa bengasenayo imindeni ngoba imindeni yabo yaphela mhlazane bebuyela kuJehova, imindeni yabo bazi thina. Kuyacelwa bantwana baseKuphakameni ukuthi sibakhumbule, sibakhanyisele izibani, sibavumele izono, sibacelele intethelelo ngoba ingelosi iyaye ingafuni ukuqamba amanga, ithi bahamba benganazo izono.
 
8.Kodwa yathi asibacelele kuNkulunkulu waseKuphakameni intethelelo, sibavumele nezono zabo, sibacelele intethelelo. Siphinde sicele eNkosini yaseKuphakameni ukuthi bengene emgidini eyingcwele njengpoba nathi sisemhlanganweni sinikezwa umgidi, nabo basine nabangcwele ezweni abakulo.
Uze wavalwa umhlangano bantwana baseKuphakameni, akukho muntu walelibandla odlulile emhlabeni.
 
9.Siyamubonga-ke uJehova thina esimkhonzayo, thina esavuma ukuba ngabantwana bakhe, thina esakhumbula ukuthi nguye yedwa ongumenzi wezulu nomhlaba. Thina esananela izwi elafika nomuntu oyingcwele uShembe. Thina esananela izwi uma uShembe elivuselela ngengelosi.
 
10.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni akuzange kuhambe muntu, lokhu engikushoyo, ngenzela ukuthi bazifune abantu abasethukayo, bathi sesicabanga ukuthi siyini thina esingaze sinikezwe ingelosi. Abanye kuze kube namhlanje bayabuza ukuthi kungani le ngelosi ibonwa yithi kuphela. Le ngelosi ayiyingani kwamanye amahlelo. Kodwa konke lokho abakubuzi kuJehova, bakubuza kithi.
 
11.Kanti uma uwumntwana kaNkulunkulu, kukhona into ongayiqondi kahle uhamba noNkulunkulu, uyaye ubuze ukuthi Nkosi, lento enjena ingabe isho ukuthini, iyo yini, njengaboke bekwamanye amahlelo, yini bangake benze isiguqo, uma ngabe bekhuluma, uma ngabe bayibandla nabo elingaphansi kukaJehova, abamubuzi ngani uJehova ngalengelosi.
 
12.Ngiyadlula-ke lapho ngoba ngithena ufanele ukubongwa yithi thina esimkhonzayo ngoba ngilandela amazwi esikhonzi senhlupheko lapho esithi khona “Nkulunkulu onamandla wonke, Yise wabo bonke abamukhonzayo, kubusise ukuvuka kwethu kwanamuhla, usigcine ngomusa wakho” Kusho uShembe uthi, Yise wabo bonke abamkhonzayo.
 
13.Yithi-ke onguYise wethu thina esimkhonzayo, thina esivumile ukulahlwa imindeni, thina esivumile ukulahla imindeni ephambene nomthetho kaNkulunkulu futhi engafuni ukubuyiswa endaweni kaNkulunkulu. Sakhetha uNkulunkulu ukuthi noma ngabe imindeni ingasilahla, noma ingasenzani kodwa uma sibahle kuNkulunkulu ngoba uMprofethi wethu usho njalo, wathi izimiso zikaNkulunkulu, azigcinwe ngabantwana bakhe abamukhonzayo abantwana baseKuphakameni.
 
14.Savuma ukuthwala ijoka lezinhlamba, savuma ukuthi sibizwe ngayo yonke into kunokuba silahle uJehova. Sathi kulungile Nkosi wena uyohlala ukhona njalo phambi kwabathukwayo. Kodwa laba abathuka into kaNkulunkulu, bayohlala njalo behlelwa ngamashwa ngoba bayakuhamba bodwa. UJehova uyakusuka kuye ngoba uNkulunkulu akabafuni abantu abame endleleni yakhe nabaphazamisa abantu abahamba endleleni yakhe.
 
15.Ngithike bantwana baseKuphakameni ngizobonga umusa wakhe ukuthi ngendlela umhlangano obe muhle ngayo, ngendlela ekube mnandi ngayo, besibona ukuthi uJehova wawemukela umnikelo wethu owawucela ukuthi akabe nathi noma umhlangano wawufunwe nguye kodwa wayenganqaba ukuthi abe nathi uma ngabe kungafanele ngoba kufanele ukuthi ufanele. Akugcini ngokuthi ube sendlini kaNkulunkulu kodwa kufanele ukuthi ube ngumntwana kaNkulunku, sazivuma-ke izono zokuthi siyazi ukuthi sihlale sona. Sibonga ukuthi uNkulunkulu ashiye wonke amabandla amakhulu, ashiye bonke abantu abathi bahlakaniphile.
 
16.Kodwa yena eze kithi thina esibukeleka phansi, kodwa yena eze kithi azosipha lobo bungcwele, asivikele, abe isikhukhukazi esihle kithi, asizange sigule, asizange sife thina nabantwana bethu ngenxa yaloNkulunkulu esavuma ukumlandela. Ngiphinde ngibonge bantwana baseKuphakameni, ngibonga amaNazaretha kaNkulunkulu wonke, ngibonga ukuthi noma impi yayilwa, noma amatshe ayesishaya ngoba izinhlamba ababezikhipha babezikhiphela ukuthi abantu basukume bahambe. Kodwa abazange bahambe, bahlala abantu balalela lelo lizwi elafika nengelosi.
 
17.Abantu bahlala, bathi abantu bayamemeza bathi ziyasukuma izishosha, basathe lapha kuyenzeka umuntu uyavuka efile. BathulalLabantwana bakaNkulunkulu, bahlala la khona lapho uShembe athe abahlale khona, balalela izwi lakhe. Kwaze kwafika abantu bathi cha, uma lento beyingekho, bahlaleleni laba bantu, ababehamba nalaba bantu, abayiboni ngani lento ekuthiwa ikhona. Bahlala abantu. Wabashaya uSathane, wabaphuca konke, wathumela uSathane, wabaphuca abanye bethu, wabaphuca konke.
 
18.Bahleka, bajabula, bashaya amaphiko, bajabula, bathi sasho sathi lento ayikho namhla sekunjena, wathula uNkulunkulu waseKuphakameni. Bahlala abantu noma sekunjalo, bahlala bantwana baseKuphakameni, bathi uNkulunkulu uyizinto zonke, noma singaphuma endlini siyoma emgwaqweni silale khona, sinethwe zimvula, kodwa uma lapho kulowo mgwaqo siyobe sinoNkulunkulu, uNkulunkulu uyolenza iqhinga.
 
19.Bantwana baseKuphakameni walenza iqhinga, zehla izihlathi, wababuyisela lapho ababekade besuswe khona, abazange bedlelwe umuzi, abazange behlelwe ngokubi, uNkulunkulu wababeka etendeni yesandla sakhe ngoba wabakala wababona. Enye into bangcwele, iyaye yenzeke uze uthi wena uNkulunkulu akekho, uma ngihlupheka kangaka. Kanti kwesinye isikhathi usuke ungahlupheki uNkulunkuku usuke esakuvivinye ebona ukuthi lo mntwana ngabe ungowami yini impela.
 
20.Iyaye ithi ingelosi, nibohlala njalo nifunda, nifunde ukuthi uSathane waya kuNkulunkulu, akamesabanga, wayocela kuJobe, indoda eyayithembakele kakhulu kuNkulunkulu. Eyamethemba noma isilahlekelwa yiyo yonke into, yalahlekelwa imfuyo, yalahlekelwa zingane zayo, kodwa yasala noNkulunkulu. Noma ngingazi ukuthi, ngingaze ngafunda ukuthi wabe sephelelapho uJobe kodwa kuleso sigaba, waba noNkulunkulu, wema noJehova khona kunjalo ngoba wabona ukuthi noma ephelelwa imfuyo, noma ephelelwa abantwana bakhe, abaqedwa uNkulunkulu, kodwa baqedwa uSathane, wahlela ekutheni ngeke amqede uNkulunkulu, wamethemba Nkosi yami, wathi akabongwe uJehova.
 
21.Angazi ukuthi mina nawe, besingasho yini ukuthi akabongwe uJehova, sesiphelelwe imfuyo, ngiyayibona imfuyo, abantwana bakho bonke. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, ngiyababonga abantwana balapha kulokhu kukholwa. Ngiyawabonga amaNazaretha kaNkulunkulu, ngiyazibonga izinsizwa nezintombi namakhosikazi akithi noBaba bakithi abazibamba zishisa khona lapho. Kuqhamuka yonke imikhonto eyayizosigwaza nayo yonke, kodwa bahlala khona kunjalo, bahlupheka abanye.
 
22.Kodwa balinda bamuthemba uNkulunkulu, ezinhliziyweni zabo basho ukuthi uShembe akakwazi ukuqamba amanga. Athi uthunywe uJehova, athi asibuyele kuJehova, bese sibuyela kuJehova sehlelwe izinto ezimbi, uyakufika loNkulunkulu uShembe asitshela ngaye. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngiyambonga uThixo ukuthi usiphile umhlangano, wasipha umgidi esithokoza ngawo uma sesimdumisa ngawo. Akuzange kube khona lutho olubi, uze wayophela umhlangano kukuhle bangcwele, akabongwe uJehova. Engathi uNkulunkulu engenza neminye imihlangano ibe njena.
 
23.Ngiyacela bantwana baseKuphakameni ukuthi phansi kwesihloko sokuthi uJehova ufanelwe ukubongwa yithi thina esimdumisayo, thina esimkhonzayo, ngiyafisa ukuthi sidlule kwamanye amazwi, lapho kufanele sibone khona ukuthi impi kaSathane yaqala kuphi. USathane bantwana baseKuphakameni ningamboni elwa nathi nicabange ukuthi uyafika, nicabange ukuthi uzalwa manje, nicabange ukuthi ulwa nathi ngoba phambi kwethu kungekho muntu wakwaShembe. USathane mdala ngaphambili kukaShembe.
USathane wabonakala kuzogcotshwa uJoshua, wabonakala uSathane esemi nabangcwele. Wabuzwa nguNkulunkulu ukuthi engabe uzofunani lapha, wathi ngiyakukhuza Sathane, kodwa akaze akhuzeke.
 
24.Ngisho ukuthi-ke uSathane ugadla kuwo wonke amabandla. Uma ebhekene nawe, uyambona ukuthi uSathane, uNkulunkulu wabhekana nobunzima ezulwini mhlazana emdivosa kuzo zonke izinto, emxosha emagcekeni ezulu. Kodwa futhi kufanele ukufunde ukuthi mhla uSathane enza lezi zinto waqala washumayeza abantu, ebashumayeza khona endlini kaNkulunkulu. Wathi eqala evela phambi kukaNkulunkulu, wayesenabo abantu abangakuye.
 
25.Njengoba sizwa ukuthi wathi uNkulunkulu uma emxosha kuthiwa waphuma nazo izingelosi zakhe ezazimeseka, uJehova wamuxosha nazo. Engibona ukuthi iNkosi yaseKuphakameni, ngicabanga ukuthi yayikuthathela lapho. Ekuphakameni, nabantu abakhulela khona, bathi bekuthi uma ngabe yonile ingane yakho yenze into embi, beyithi uma ixoshwa ikhishwe nabo bonke abazali bayo, wayethi abahambe bonke abazali bayo, yonke into ethintene nabazali bayo baphume baphele ebandleni.
 
26.Mhlawumbe uBaba wakuthathela lapho ngoba uNkulunkulu wamuxosha nezingelosi zakhe uSathane, waphuma nazo, akuzange kusale ngisho yinye ezulwini ngoba uNkulunkulu wayefuna ukuthi ezulwini kuhlale kungcwele. Wayengafuni ukuthi kusale into ezakungcolisa izulu lakhe. Kuze kube namhlanje, wonke amabandla anesikhalo esisodwa. Kuleli elakithi-ke lamaNazaretha, uma ngabe kuyithi esibhekene nezinkinga, lamabandla amanye ayajabula. Kanti ungabojabula uma ngabe ubona umnumzane owakhelene naye edelelwa ingane yakhe. Ungabovama ukujabula ngoba nawe uzele. UNkulunkulu uyakuyibhekisa kuwe lento, uyakuyibhekisa kuwe, nawe ezakho izingane zikuvukelwe ngoba wajabula uma ubona umnumzane evukelwa ngabantwana bakhe.
 
27.Ngisenkonzweni yokubonga, bake bathi-ke uma kuvela into kumaNazaretha kaNkulunkulu e-NCG, bayashesha bonke, wonke amaNazaretha, amahlelo amaNazaretha ngokuhlukana kwawo, bavamile ukusazi isizathu. Kwathi kukubi, bajabula, basho izizathu. Bebezisho izizathu ngisho kuhambe umuntu, bethi hhayi uhambe ngoba laba bantu balahla uNkulunkulu, kuthiwa salahla uNkulunkulu uma ngabe sisuka kubantwana bakwaShembe, sinamathela kuShembe owathunywa nguNkulunkulu, kuthiwake silahle uNkulunkulu.
 
28.Kodwa uNkulunkulu usivikele ngezindlela eyisimangaliso, wasivikela abantu befisa kwezimpukane, ungamangala ukuthi bangakanani abantu, kwalala uyaca ebandleni esisuke kulo. Kwalala uyaca, abakwazi ukuthi bakufihle ngoba sakhelene nabo, sinabantu bakithi abasala laphayana abanye abangasekho, kwakungathi nje i-COVID19 ithunyelwe khona.
Yalalisa abakhokheli, yalalisa abashumayeli, yalalisa abafundisi, yabaqeda abagcotshwa, basala ngoba ibandla lilikhulu, kodwa baningi abantu abahambile benqotshwa isifo. 29.Asizange sitshelwe ukuthi kungani ngoba phambi kwabo kume umntwana wakwaShembe, kume lesisibongo abasifunayo. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, ngiyambonga uNkulunkulu ngoba akathi uma ekuthuma egcine lapho. Kodwa uyakunikeza izisekelo, uyakunikeza abantu abayokubheka, abanakubona nguwe wena abakubhekile, kodwa bayobonwa umuntu othi uze kuwe, ethi uzoqeda ngawe, uyena oyobona labo bantu.
 
30.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngiyabonga, ngibonga angiqedi, ngibonga ngisho izinto ezenzeka kwabanye abantu kuyilomhlangano, silindele ukuzwa izindaba ezijabulisayo ngoba ngisho izinto zethu zigadiwe. Siyaye sinikele sicele amaphoyisa, sicela kuye loNkulunkulu ukuthi asibhekele. Kodwa ngingakafiki lapho ngicela ukufundelwa kuMathewu 7 verse 13-18. Sizwe uNkulunkulu ukuthi uthini, sizwe uJesu ukuthi uthini.
 
31.Matthew 7 verse 13-18 “Ngenani ngesango elincane ngokuba isango libanzi, nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni, baningi abangena khona, kepha isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bayincosana abayifumanayo. Xwayani abaprofethi bamanga, abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi bayizimpisi eziphangayo. Niyakubazi ngezithelo zabo.”
 
32.Kungakhiwa yini izithelo zomvini emeveni noma amakhiwane ekhakhasini na? Kanjalo, ilowo nalowo muthi omuhle, uthela izithelo ezinhle, kepha umuthi omubi, uthela izithelo ezimbi. Umuthi omuhle ungethelo izithelo ezimbi nomuthi omubi ungethele izithelo ezinhle” Amein. Satshelwa bantwana baseKuphakameni ukuthi asixwaye abaprofethi bamanga, siyatshelwa ukuthi asiye kulo lona leli elincanye isango ngoba elikhulu nekuhambeka kalula kulo liya ekubhujisweni. Konke esinakho lapha, akukho esizithathele khona, sazenzela khona. Ukuthi sixwaye abaprofethi bamanga, kubhaliwe ebhayibhelini, sithunywe ukuba sibaxwaye, ngoba sabababi ngisho emindenini, saba babi ngoba kuthiwa asixwaye abaprofethi bamanga abase bekhonzwa ebandleni.
Saba babi, babili bathathu abantu abanemindeni silapha endlini, balahlekelwa imindeni abantu. Kodwa angazi noma abantu baphatheka kabi yini. Ngabona ukuthi, uma ngabe mina ngedewa ngabona ukuthi uNkulunkulu wayenzela ukuthi umsebenzi wakhe uhambe kahle, lokhu kujabula nalokhu kuthula bekungekho bantwana baseKuphakameni nasemndenini.
 
33.Ngoba bekufanele njalo, sesihlale sesatshiswa ukuthi akufanelanga ukuthi njengoba sisodwa ngoba besizobe sesinabo, akufanele ukuthi silahle indlela yobabamkhulu. Baqambe namanga sigcine sesibalalela, wawungeke umthetho kaNkulunkulu ugcineke kahle. UNkulunkulu wenzakahle wasixoshela imindeni engavumi ukubuyela kuJehova. Ngiyamubonga uJehova ukuthi wabona yena phambili ukuthi ibaphi abantu okufanele ukuthi yakhiwe ngabo lendlu yesonto.
Yikho ngiye ngithi uma ngabe kusekhona umuntu lapha osazibiza ngeNkosana yakwabo, ukuthi akukwazi ukuthi kube khona okuhanjiswayo yena engekho ngoba uyinkosana, esabe ukuthi ubukhosana bakhe, ubuzibulo bakhe, esabe ukuthi abusebenzise kuJehova yedwa, abuyele emuva, ayomela izinto ezingafunwa uJehova, eyozimela egameni lokuthi uyiNkosana.
Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni sengedlulile ekubongeni, ngiyambonga uJehova, ngimbonga ngingaphezi. Kodwa bantwana baseKuphakameni kufanele ukuthi sicele kuJehova ukuthi lokhu kukholwa singakwephucwa uSathane noma ohleli emndenini.
 
34.Manje sekungu November, imindeni iyahlela, ngifuna ukuthi ngokhisimuzi ngihambe ngiye kamfowethu, ngiyakabhuti, ayahlela namantombazane azalwa nawe. Nawo ahlela ukuthi njengoba unyaka uphela, amaholidi uzowachitha kwakho. Ubobona mNazaretha oyingcwele, kukhona ingozana elapho, ngoba laba bantu laba uma beza bezokuvakashela basuke bezokwephuca into ethile oyinikwe uNkulunkulu. Emva kwabo uyosala wedwa ngoba bafike bamuxoshe uNkulunkulu. Emva kwalokho ugcina ungenakho ukuthula nasemzini wakho, ubalwelwe, uthi angeke mina ngilahle abantu bakithi. Kodwa ngelinye ilanga uNkulunkulu uyokuvulela kwenye ipage ukuthi ekuhluphekeni nasekudabukeni kwakho konke.
 
35.Weza kuwe ezokususa nje kwakudabukaphi lokho kuhlupheka? Kwakudabuka kubo labo obalwelayo, laba othi manje, awukwazi ukungabemukeli, wena ucabanga ukuthi bazokwemukela, kanti abezile ukuzokwamukela beze nje, abezile ngothando kodwa bazokwephuca lento ekunikeza ukukhanya. Izingane zethu zishayelwe umthetho ngokokukholwa, ngokwebandla. Namhlanje njengoba kuyiSabatha, uthi uShembe iSabatha bantu nonke, nina enimesabayo uJehova, nina nabantwana benu, gcinani iSabatha. Abantwana bethu abafanele ukugqoka amabhulukwe, umntwana ogqoka ibhulukwe akayena umNazaretha kaNkulunkulu, ungumNazaretha kaSathane ngoba kwenqatshiwe ngisho ebhayibhelini ukuthi ugqoke izinto ezigqokwa obaba.
 
36.Ngithi-ke bantwana ziyafika izingane ezisuke zizalelwe emndenini, zingene emzini, lo muzi othi wena uNkulunkulu akahlale nawe kuwo. Kodwa zingene zigcwale sezishwebheza ngawo lamabhulukwe angafuneki, bazoshwebheza phambi kwalaba bantwana abanqatshelwe, sebeyakubukake abantwana wena oyinhloko yomuzi ukuthi uthini ngoba bona wabakhumulisa lamabhulukwe. Lezi zingane zabo anti zona ziwagqoka kanjani amabhulukwe phakathi kwalomuzi. Kodwa impendulo ithi angikwazi ukulahla umndeni, angikwazi ukuthi behlukumezeke uma beze kwami, kuncono kuhambe uNkulunkulu.
 
37.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ubungcwele bakho buyophela, uma umuntu eze la, kufanele afike aphile impilo ephilwa yithi lapha emzini kaNkulunkulu. Uma umuntu eza la ezongivakashela, noma uzalwa ubhuti wami, noma uzalwa ingane yami efake ibhulukwe, uyakubonakala ukuthi uyakweya ukukholwa kwami. Zikhona izinkolo ezivumela amabhulukwe, ulungile umuntu aye lapho. Ngitihi-ke uma ungumntwana kaNkulunkuku ngampela, kufanele ume eqinisweni, uthi cha, awukwazi ukungena kulomuzi nebhulukwe. Lo muzi lona angihlali mina nabantwana bami kodwa ngacela uNkulunkulu ukuthi ehlale nami kuwo.
 
38.Ngalokho-ke kufanele sonke sibe ngabantwana bakaNkulunkulu, hhayi ube umntwana kaNkulunkulu kusukela ngo January kuphela ngoNovember, ngo December awusesiye umntwana kaNkulunkulu ngoba sekukhona umndeni wakho. Awusesiye manje umntwana kaNkulunkuku. Bafika nemithwalo, bebekade bedlula naseyitolo lapho abadlule khona, bafike bazithengela nenyama yengulube badla, sebeyangena-ke kulomuzi, okuthiwa umuzi ohlala abantwana bakaNkulunkulu. Basivakasheleleni, basivakashelelani, ngempela basivakashelelani ngoba abaphili impilo efana neyethu, abavakasheli ngani abanjengabo.
 
39.Kodwa bayawubopha umthwalo, athi ngiyakwabhuti asho kuye lo bhuti athi akamfuni ngoba ulahle inkolo yokukhonza abadala. Ngo December lo bhuti muhle, kufanele ukuthi aye kwakhe. Ngithi-ke bangcwele kufanele sikubheke ubungcwele bethu, sibuhloniphe ubungcwele bethu, sibugade, sibugade nasemndenini. Abanye bachithekelwa nawumuzi, into yokuqala nje bantwana baseKuphakameni, u-December inyanga thina makholwa, silungiselela umhlangano kaJehova. Sisuke sikhonga ingelosi engcwele ukuthi ihlale nathi, sisuke sicela ukugezwa ukuthi njengoba sekuzongena umhlangano, asingene sibahle. Sizoba bahle kanjani kungena abantu abazophuma lapha bahambe baye edolobheni, beyodla ingulube, bethi bona abakhonzi kulelisonto, kodwa beza kuwo lo muzi.
 
40.Uyahamba ekuseni, uyaphuma angeke phela ulwe naye ukuthi uyaphi, usaya edolobheni, ahanbe ayothenga inyama yengulube, afike ahlafuze, ahlafuze amafutha engulube, angene ngoba phela uthi uze kamfowabo. Engathi umuntu engakhetha umfowabo onjengaye, lapho abafowabo babaningi khona, noma ngabe munye, uma esembona ukuthi akasenjengaye, engathi angeze athanda ukuyovakasha kwakhe. Futhi usuke umbulala umkakho, angikusho lokho, usuke unikela ngaye, umbulala, ngoba yonke imizi, nami ngokwami, lokhu kukholwa, bayaye bethi wafakwa nangu umfazi. Yonke-ke imizi, nabodade abangayifuni, bathi umtanakamama ngabe akekho laphana, wafakwa nangu umfazi.
 
41.Usuke unikela ngaye nje umfazi wakho ukuthi bamubulale uma ngabe befuna ukumbulala basale nawe ngoba bafuna ubuyele kuleya nkolo owasuka kuyo. Manje babona, nangu umuntu oyinkosikazi owamdonsa wamfaka lapha, noma ngabe wazinikela kamuva, kuthiwa wadonswa nguye. Injengani-ke lento, injengokuba kuhambe umuntu, noma engashayiswa imoto, kodwa bayakuqhamuka emndenini bathi nguye lo mama, engasagulile, bathi nguye lo mama! Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni engathi umuntu okholwa naye ungamvikela emabhubesini akini, unganikeli ngaye emabhubesini akini. Ngoba uma bengayithathi le nkolo, abayithathi ngoba bathi inkolo yalo mfazi. Ngithena sesiya ku-December, uyabona mina uma ngathi ngiyafika emzini weNazaretha ngifica kukhona umuntu esingakholwa naye la, ngikusho nakwabanye, ngithi uma ufuna ubungcwele bakho buhlale bugcinekile, bingelela, uma uqeda ukubingelela, uthi bengidlula nje, bese uyaphuma.
 
42.Ngoba uzophuzela kuyiphi glass wona amanzi ngoba labo dadewabo, baya edolobheni behlafune ingulube, bese bebuya bezophuza ngalama glass, bese bebuya bezokudla ngalesi spoon okudliwa ngaso layikhaya. Wena-ke ofuna ubungcwele bakho bugcineke, uzodla ngasiphi i-spoon. Kufanele abantu bazi, bakuvikele ukukholwa kwabo, angisho khona ukuthi kufanele ukuthi abantu balahle abantu bakubo, kodwa lento engiyishoyo eyenzeka kakhulu ngabo December. ngeke umxoshe umzali wakho eze kwakho, ngeke umxoshe uyihlo kodwa abantu abadala ngeke ubabone uma befika kwakho bese bethi bafuna ukuhamba beyontwayiza edolobheni.
 
43.Bazofika la kwakho, uhambe uyobathengela ukudla kuze kube ileso sikhathi, kodwa ikwiza, ziza zinenhloso, zithi ubhuthi ngabe azange angene lapha, kodwa wangena ngendaba yanangu. Yonke into abayenzayo, ephambene nenkonzo, basuke beyenzela ukuthi bakhulume ngoba lo mama uzokhuluma, bese begijima beyoqamba amanga kulobaba wekhaya, bese ubaba exabana nomama kanti umama ebethi ulwela lobungcwele bukaJehova, engazi ukuthi lobungcwele kufanele ukuthi ebulwelwe uma ngabe ekhuluma nje kodwa uma sekufanele enze………
 
44.Akekho umuntu ongajabulela abantu ukuthi bazomonela izingane, uma izingane zami ngizifundisile ukuthi aninakugqoka amabhulukwe la, aninakuhamba nipaquza emadolobheni, aninakuhamba nehla nenyuka, nizohlala phansi nisebenze layikhaya, kukhona umsebenzi, noma ngabe kunesisebenzi, hlalani layikhaya, sikhulume indaba kaNkulunkulu ngoba singabantwana bakaNkulunkulu, ningalokhu nipaquza, nihamba nishona lena nale.
 
45.Angeke nje ebese ngijabulela ukubona umuntu nentombi ezoshwebheza phakathi kwabantwana bami namabhulukwe, ukuthi akazile yini ukuzongifakela ivangeli lamabhulukwe kubantwana bakho. Kodwa usuthi uyakhuluma, uthi ubaba wekhaya awubafuni abantu bakithi. Ubani kanti okufanele umfune kuNkulunkulu nalabantu, uma bengakwenzi okufunwa uNkulunkulu kufanele ngibafuneleni, ngibafuneleni abantu abaziphilela impilo yabo?
 
46.Okunye obaba balanda lemindeni ngoba basuke bevika imibuzo ebalindele emzini yabo, bayazi obaba ukuthi usuphelile unyaka, angeke inkosikazi engabe kukhona ekubuzayo uma isebenza ukuthi kufanele senzeni. Ikho eseku blokha ngalabantu bakubo ukuthi ungabuzi lutho, usabele izingane zentombi, usabele izingane zabodadewabo. Ngesikhathi wena usaba, bona bayabusa, wena uhlupheke ngo December, wena ukhale, bona bazojabula. Bajabula ngoba umuntu wakubo uma nabo, ulahla wena okholwa naye, ulahla wena ovikela umthetho kaNkulunkulu.
 
47.Okwesithathu, abantu kufanele bakhumbule ukuthi uma umuntu ezogana, usuke engeyona imbongolo yokuthwala yokuthi izingane zonke ngo Khisimuzi zizofuqwa kuye, naye uyathanda ukuhlala nomyeni wakhe, uyathanda naye ukuzula nomyeni wakhe ngale ngokugada izingane. Zonke izingane zifisa ukubona aboyise ngo December, le ngane ka Dubazile, iyombona nini yona uyise, zonke izingane ziba koyise ngoKhisimuzi, azihambe nazo ziye koyise, aziye emakubo, ziyothokoza nabo oyise, kuke kuhlupheke laba abayizele, izokwakheka imizi ebhidlikayo ngoKhisimuzi. Uma sebefikile, inkonzo yokubonga bangcwele kodwa ehamba namahlelo enhlalakahle yamakholwa. Uma sebefikile, abanandaba ukuthi lo malume unayo yini imali.
 
48.Umalume uhleli edolobheni, bona bahlale kwamathanda lapho abangakhokhi khona uma bethanda bengangenelwa zincwadi, bafune zonke izinto. Lo malume yena nalaba bakhe bantwana usezobathengela ngani, bafuqekwe kumalume, abayi ngani lapho abazalwa khona. Noma ngabe-ke umakoti, nginaye nami umakoti, angifuni nje ukufuqekwa ngezingane ezingakwazi ukuzenzela noma yini okudinga ukuthi ngikubuke uma kungekho ozongibukela yona. Ngo-December nami ngiyakudinga ukushaywa umoya, ngiyakudinga nami ukubonakala ngiseduze kumyeni wami, ngibonisana naye ukuthi konje yini into okufuneka manje siyenze ukuze uNkulunkulu ahlale nathi. Angifuni ukuphazanyiswa, uDecember inyanga yokulungela ukuyongena emhlanganweni. KunjengoLwesihlanu, ukuvakashelwa umuntu ngoLwesihlanu, ugcine ungaligcini kahle ISabatha. Ngithi-ke umuntu ngamunye ngamunye akaziphathele ingane yakhe.
 
49.Sekukhona-ke izindawo ezinhle manje ezivuliwe, abantu abafuna ukubusa ngoba bashwebheza ngamabhulukwe nje bafuna ukuyosebenza, abashwebheze bashone ema BnB, bayobusa khona, hhayi umuzi womfowenu uphenduke ube i-BnB, kufanele ukuthi bavuke, bengandluli ngisho ukundlula, umakoti abe imbongolo yabo. Ngithi akuphele nya bangcwele emakholweni, akuvumelekile ukuvakasha kwabantu abangoDumazile emzini yamakholwa, uma ngabe bengafuni ukuqoqeka, ukuqoqekela emthethweni kaNkulunkulu. Isizathu, bayahamba baye eThekwini, bafike badle ingulube babuye futhi la kulo muzi, lo muzi ohlala uNkulunkulu, esakhipha iminikelo, sizincengela, sigwaza, sigwazela uJehova sithi akahlale nathi.
 
50.Ngoba akufuneki ukuba sisole, ukubuza nje ukuthi uthe uyaphi phela manje ngoba uthe uze layikhaya, kufanele bagcwele lonke leliTheku, babuye ntambama sekuphekiwe, sekuyaphakwa. Abaye ema BnB, bayobusa khona. Kubuhlungu kabi ukuhlala nesikwiza esingakholwa endlini yakho, usuke umyeni wakho ekulengisa entanjeni njengomuntu ozokhungayo. Ngoba ayikho into enhle ozoyibona, kodwa ubona ukuthi nje, umfowethu ukube akaganwanga ilona, ngabe akekho kuleya nkolo. Kanti-ke akufanele ubuse kwenu, uNkulunkulu wathi intombazane, noma engashongo intombazane, wathi abantu bonke, kwasho uNkulunkulu ukuthi abantu abagane, umuntu nomuntu akayobusa kwakhe, enye nenye ayiyokhonya esibayeni sayo.
 
51.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, ngiyacela, ngicela lokho ukuthi ngo December, sihlambulukeni silungele ukungena enhlanganweni, thina esiyobe sisaphila, ngiyathemba ukuthi siyobe sisaphila sonke, singeneni kahle bantwana baseKuphakameni. Inkolo yethu singanikeli ngayo emndenini, nakubazukulu, nasezinganeni zodadewethu. Mina nje layikhaya bayazi. Abantu bacabanga ukuthi anginabo abantu bakithi, baningi kabi, nginabo, angibavumeli ukuthi beze lapha, bezovakasha lapha, ngisaba yona indaba le engichazayo ngoba sazicelela thina ukuthi uNkulunkulu akahlale nathi. Laba bantu bangena nesinemfu, bazobhema isinemfu, laba bantu bangena lapha bephethe imithanyana, bathi abakwazi ukuthi bephile ingekho le mithi. Wena ubone izinto zakho zesibheda, ubone konke okade unakho, sekungsabi kuhle, kanti zibhediswa ukuthi sewone ubungcwele bukaJehova.
 
52.Basithandelani ngo December bengasifuni ngo January. Yini into eyenza ukuthi basithande ngo December, bafuna ukusonisa ukuthi uNkulunkulu sifike esesisolile uJehova. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kungaba iphutha uma ngabe ingeke yaba khona intshumayelo noma imfundiso yezenhlalakahle kulelibandla likaNkulunkulu ngoba akuvumelekile umuntu athi ube ngazi.
 
53.Sihleli noJehova bantwana baseKuphakameni, sihlale naye kunzima, sahlala naye, asingavumike ukuthi achithwe ngabantu. Bancane kabi abantu abahluphekayo ekungatholakali ukuthi ukuhlupheka kwabo kuxubene nomndeni. Kukhona omunye okade engitshela ngaye uNkosazana (Ingelosi uHlaleleni). Ethi, lo muntu lona, athi njengoba… bengikhuluma ngomunye umntwana, ngibuze, ngithe ngiyabuza kwabuzeka. Wayesethi hhayi… akuzange kuloywe yena, kwaloywa unina. Waloywa, kwathathwa ngisho igazi lakhe, kwathiwa akukho lutho olusha eliyophuma emzimbeni wakhe eliyoba notho!
 
54.Ngigcineke bantwana baseKuphakameni ekhuluma ezinye izinto, kodwa ngabe nginamanga uma ngabe ngithi uthena akwenziweni, kodwa ngiyamazi ukuthi uma eveza into, uyabuya futhi azothi lento ingalunga ngani. Cabanga-ke umama wami wagana nini, kwaloywa indawo engangihleli kuyo, kwaloywa umama wami. Kodwa lo Nkulunkulu esimkhonzayo uyowaqaqa lawo mafindo.
 
55.Ngiphakamisa ukubonga okukhulu bantwana bakaShembe ukuthi nihlalile kulento ithukwa, bayithuka, bathi hhayi uMpanza, wenziwa nje ukuthi uhlakaniphile, nahlala noma kunjalo. Nathi uNkulunkulu oshiwo UShembe, akasho uMpanza, kodwa usho uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba.
Nahlala, nabambelela, saba incosana, namuhla sesibaningi bantwana baseKuphakameni. Namuhla bantwana baseKuphakameni, uNkulunkulu ushumayeza izifundiswa, njengoba bantwana baseKuphakameni, noma sonke sifundile, kodwa uNkulunkulu akafunanga ukuthi kube yithi sonke, wathuma izifundiswa ezinye wathi hambani nize la.
 
56.Isimanga bantwana baseKuphakameni, lento abezinhlangothi bayethuka, kodwa abantu bayabona manje ukuthi uNkulunkulu ulkuphi. Kukhona isikhulu esisebenza emsebenzini omkhulu kabi, sengiye nginqene nokusho ngamagama, sikhiphe njengoba kumenyezwa nje, ngesakhiwo sendlu, sinikele ngo R10 000. Sebeyezwa abantu, isikhulu noma ngingasho uma ngithanda ngithi udokotela wezempilo, udokotela we-Medicine. Unikele ngalomnikelo, uthi uyavota ukuthi lendlu kaNkulunkulu ayakhiwe, ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, singathuswa omiyane, singathuswa izinto ezinganamsebenzi. Asiqhubekeni siye phambili, uJehova uzoze asikhumbule. Konke esikucelayo sizokuthola bangcwele.
 
INkosi ibusise enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *