Skip to content

BABUSISIWE ABAMESABAYO UJEHOVA

AmaHubo 116 verse 1-4. “Ngiyamthanda uJehova ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami, ngokuba ubekile indlebe kimi, ngiyakukukhuleka kuye zonke izinsuku zami. Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo, bangibamba. Ngafumana ukuhlupheka nosizi, kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi, ngiyakuncenga Jehova, khulula umphefumulo wami.”

Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 12 November 2022: Mfundisikazi Nomcebo Mpanza.
 
ISIHLABELELO 32.
1 Angijengawe Baba
Ngozama ngiphelele,
Ukuba ngibenjengawe
Ngezikhathi zonke.
 
2 Ngithokoze nganeliswe
Ekukukhonzeni,
Ngihlanganyele nabaNgwele
Abahleli belindile.
 
3 Anginjengawe Baba
Nkulunkulu wethu,
Ngozama nokho ngawe
Ukusokhela isibani sami.
 
4 Anginjenga Baba
Ukunxanela kungonisile
Ngembese ngezika Davide
Ezizoqeda lonke icala lami.
 
1.ISabatha namuhla bantu nonke, nina enimesayo uJehova, gcinani iSabatha nina nabantwana benu. Sivukile ngomusa wakhe, sivukile ngokuthandwa nguye, siqoqiwe nguye, wasiqoqela kule ndawo ukuba sihlangane sikhonze yena yedwa nje.
 
2.Bantwana baseKuphakameni, sithi lesi sihlabelelo, anginjengawe Baba. Baningi abantu esebake bazama ukuthi babe nguye lona uShembe akhuluma ngaye, athi yena akanjengaye. Kodwa bakhona asebake bazama, bazama ukuthi babe nguye, bathi noma sebezimbethe izingubo, abakaze bazimbathi ezikaDavide eziyoqeda icala labo, ngoba ezinhliziyweni zabo kwafika ukuthi bona abone lutho, abanacala.
 
3.Bambatha izingubo zokuthi bona sebenguye uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba. Kodwa kunezwi elilokhu limemeze njalo lapha kulelibhuku, kumemeza umuntu wasezulwini uShembe, kumemeza uMprofethi u-Isaya Shembe, (ukuthula kube kuye.) Uthi cha, anikwazi ukuba njengaye, nabaprofethi abazange babe njengaye, kodwa-ke ithi iNceku kaJehova ngiyakuzama. Kodwa uma uwalandela amazwi akhe, uShembe wayengasho ukuthi uzozama ukuba uNkulunkulu, wayesho ukuthi ngiyozama nami ukuba ngibe muhle.
 
4.Washo ukuthi ngizama khona ukuthi nami ngithokoze, nganeliswe ekukhonzeni kwami, ngihlanganyele nabangcwele. Emva kwalokho engathi ngingambatha ezikaDavide, eziyobe seziqeda icala lami lonke. Amazwi akhe ayasho ukuba wayengaceli khona ukuba uNkulunkulu, kodwa wayecela ukuhlanganyela nabangcwele, angabi nasono.
 
5.Bakhona abangakuceli-ke lokho ngoba nasekuzalweni kwabo banceliswa ibele, banceliswa betshelwa ukuthi khula, ngoba kusasa uzokwazi ukuba uNkulunkulu. Kodwa lona owayethunywe uNkulunkulu, lona owehla noMoya kaNkulunkulu, lona oyingcwele, onguMoya oyingcwele, uthi Nkosi anginjengawe, uthi Nkosi ngembese ezikaDavide ukuze icala lami liqedwe, ngoba akazange afune ukukhuluma amanga, akazange amemezele athi mina njengoba ningibona, ngingcwele, kodwa zonke izinkulumo zakhe zazikhuleka kuJehova, ezicela ukuthi iNkosi imhlanganise nabangcwele, ahlanganyele nabo. Akabongwe uJehova!
 
6.Bantwana baseKuphakameni umphumela wokwesaba uJehova, noma umvuzo wokuvuma ukukhonza uJehova yedwa, sikuthola bantwana baseKuphakameni lapha ezincwadini ezabhalwa uShembe, uyasho laphayana emthandazweni wokulala, enye inkulumo yakhe iyasikhumbuza khona, sicela ukuthi uJehova abe nathi ekulaleni kwethu, kodwa uyasikhumbuza ukuthi noma sijabulile sithi uNkulunkulu uyasithanda, kodwa ngelinye ilanga kuke kwehle ukuhlupheka.
 
7.Uthi-ke uma sekwehlile lokhu kuhlupheka, uthi nibombiza uJehova ukuze eze kini, uthi-ke uyakuza kini, uyakukunilela, uyakuza kini anisindise, ngoba kwakuwumuntu kaNkulunkulu owayeneqiniso ngezikhathi zonke, owayelandelwa abantu ngapha nangapha, kodwa labo bantu abamdumisanga, akadumisekanga, akazange alithathe udumo lukaJehova. Lonke udumo abantu babebona yena, kodwa yena alithumele kuJehova amthumileyo, akazange akwemukele ukuthi abantu badumise yena, ngoba wayenikiwe amandla okwenza yonke into kodwa udumo wayelunikeza umnikazi walo, akabongwe uThixo!
 
8.Sihlangene-ke bantwana basekuphakameni ngalawo mazwi akhulunywa uMprofethi kaNkulunkulu ukuthi asibuyele kuJehova, wasaziza ukuthi lapha emhlabeni kukhona ukuphila okuhle okumnandi, kodwa futhi kuyafika nokuhlupheka, waphinde wasitshela futhi ukuthi uyazalwa umuntu ephile, waphinde washo futhi ukuthi sikhona isikhathi lapho umuntu edlulayo kulomhlaba.
 
9.Waphinde washo futhi ukuthi uma udlula kulomhlaba uzoyaphi, washo ukuthi onjani umuntu ozoya ezulwuini, washo ukuthi onjani umuntu olungiselelwe isihogo. Konke wakubeka kwacaca phambi kwethu bantwana baseKuphakameni. Yonke imikhosi kaJehova akade eyenza, yonke imiyalelo yakhe igqugquzela abantu ukuthi badumise uJehova. Bantwana baseKuphakameni noma sikusho sekuyinsakavukela phambi komhlaba wonke ukuthi sikhuma lento, sisazogida kuyo, ngoba kubuhlungu kithi ukuthi isikhathi esiningi sisichithe sidumisa uSathane, singamboni ukuthi akuseyena uNkulunkulu, sesidumisa uSathane, sichithekelwe izimali, singanikeli kuNkulunkulu, sinikela kuSathane. Asifunbe ngokuhlupheka, asifumbe ngokufa.
 
10.Ngithi-ke bantwana bethu sisazogida kulendawo, ngoba sifundisa nabantwana bethu ukuthi bezazi izindlela zomkhululi, baphinde bazazi izindlela zikaSathane, nazo bazazi, kufanele bazazi nazo ukuthi uSathane wenzenjani uma ngabe esefikile ezokukhonga ukuthi ulandele yena, ulahle uNkulunkulu, ulahle ukukhanya, ulandele ubumnyama azokunikeza bona. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kuyiSabatha, kuyimini engcwele, umvuzo wokukhonza uJehova awusabaleki bantwana baseKuphakameni, mina njengoba ngiguqe lapha, ngiguqe endaweni engumvuzo wokumukela uJehova yedwa, wokubuyela emazwini oMprofethi kaThixo.
 
11.Sabuyela kulamazwi lawa ayesafihliwe, kwehla isigijimi, uShembe wasithumelela umuntu ozosinqanda, othi asibheke lapha ukuthi kwabhalwa ukuthini, sase siyabona, sahlehla. Sabonakala ukuthi sesibonakala singabantu abaphethe izitifiketi zika standard
 
10, kodwa singakazange siye ku standard 1, singazange sithi 1, 2, 3 4, satholakala sesingale, uSathane esesibekile esethi senifundile, seniyazi, seningcwele, esho singenabo ubungcwele, esingcolisa ubusuku nemini, ethi asidumise yena, esinikeza izinkomo ukuba sihlabele yena, esinikeza izimbuzi ukuba sihlabele yena. Sihlupheka bantwana baseKuphakameni, uma uthi ufuna ukwakha umuzi, imali ibaleke, iphephuke, kodwa uma uSathane esethumele iziNceku zakhe ethi zizokutshela ukuthi kufanele uhlabe, uyithole masinyana imali, ngoba kufanele ukuthi uhlabe, ukuze uvelelwe ilezi zinto obekelwe ukuba zikuvelele eziwusizi.
 
12.Ngithi-ke saphuma bantwana baseKuphakameni, saphuma sabuyela emazwini oMprofethi. Emazwini amadala, emazwini okuqala, saphindiselwa khona, saba nemizi, saba nezimoto, ngoba lemali esasigwazela uSathane ngayo ebe engenalo izulu, ayibange isaya kuye, sabe sesiyakhala ngayo kuJehova, sathi ‘Nkosi sihawukele,’ uthi uShembe ekuhluphekeni kwethu, asibize wena, uthe uShembe wena uyakusilalela, uyakuza usisindise.
 
13.Wase uyeza uJehova wasisindisa, weza uJehova wasipha imisebenzi, weza uJehova wasipha imizi, wabona ukuthi usesiphile imizi, wasipha izinyawo zokugijima, wasinikeza izimoto. Sahlala manje, sase sikwazi manje ukucabanga ukuthi kufanele sithini kubantu ngoNkulunkulu, sithini ngaloShembe, sithini ngaloThixo osenzele into enhle kangaka, sihlupheka. Ezihlabelelweni ethi nikhalelani niliphethe, kodwa besikhala, sikhala siliphethe, ngoba besenqatshelwa ukuthi sifundisise, kwakuze kushiwo ukuthi akufanele abantu bavunyelwe bathenge izincwadi lapha e-office, kufanele izincwadi zithengwe ngabathile.
 
14.Angazi noma yibo yini laba ababezinceku noma kwakufanele ukuthi zifundiswe yibo, zithengwe yibo bese bebona ukuthi ikuphi lapho okufanele ahlanakazele khona. Ngempela bantwana baseKuphakameni wasishaya uSathane sahlupheka. Ababenemizi, bachithekelwa imizi, ababesebenza, baxoshwa emsebenzini, abanye wabadudulela emajele. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni yiSabatha maNazaretha kaNkulunkulu, nina bantwana basezulwini, nina ndlu ka-Israel, nina enavuma ukubuyela kuNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe, owanithanda nizigqila, enithe senizwa ukuthi kanti thina siyifa likaJehova, singamagugu kaJehova, nase niyavuma, nathi cha, sikhona siseyibo labayana ababe vele bemvumile nakuqala bengabantwana bakhe.
 
15.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni namhlanje kuyiSabatha elingcwele, lingelokudumisa yena yedwa sihlangene ngoba uthena konke okwakho akuphumule namuhla, ngisho neNceku, neNcekukazi yakho, nesivakashi sakho, nembongolo yakho, ingathweswa umthwalo namuhla, uthi ngoba uJehova wenza konke waphumula ngalolusuku. Uthi-ke abayosebenza ngalo, uthi mabafe nokufa, abayosebenza ngalolusuku, ngoba uthi uJehova wenza konke wase eyaphumula. Sengikhuluma ngemini yeSabatha. Uthi-ke uMprofethi kaThixo, uma ngabe sesiligcina iSabatha, sesihleli silindile, uthi uJehova athokoze ngathi, uthi akasibheki ngamehlo akhe, kodwa usibheka njengomakoti ohlobile, ohlobele umyeni wakhe.
 
16.Sizile-ke sizofuna lawo mehlo ashiwo nguShembe ukuthi uJehova ubabuka kanjalo abantu abagcina iSabatha. Makabongwe uJehova! Ngithi-ke zihlobo ezinhle ezulwini, akesizwe ukuthi uNkulunkulu uthi usiza abanjani, sibone ukuthi ikuphi lapho uMproftehi asidukise khona ngokubuyela kuJehova, sibone ukuthi ikuphi lapho njengoba kuthiwa sidukile, akushiwo ukuthi kuduke thina, kuthiwa kuduke uShembe, lo owathi akukhonzwe uJehova. Kodwa uma ungazi lutho, ubese uthi basho kithi, basaba ukusho, kodwa bona balwa naye, basho kuye ukuthi udukisa abantu, ngoba nguye othena mesabeni uJehova, akushongo thina, njengoba bethi siyibandla elidukile nje, abathuki thina, bathuka lo owasimemeza wathi asesabe uJehova!
 
17.Ake siboneke ukuthi usidukise kuphi, sibone ukuthi yena uJehova uthini, sizwe ukuthi laba abathi sidukisiwe, ikuphi lapho esidukiswe khona. AmaHubo 115 verse 11-15. “Nina enimesabayo uJehova, thembani kuJehova, yena ulusizo lwabo, nesihlangu sabo, uJehova usikhumbulile, uyakubusisa, abusise indlu ka-Israel, abusise indlu ka-Aron, uyakubusisa abamesabayo uJehova. Abancane nabakhulu, uJehova uyakunandisa, nina nabantwana benu, manibe ngababusisiweyo bakaJehova owenzile izulu nomhlaba” Amein.
 
18.Usuzozitholela-ke ukuthi uShembe ikuphi lapho asidukisa khona thina esesithena siyavuma ukubuyela kuJehova, ukuthi ukusizakala kwethu, njengoba uShembe ethi ubombiza uJehova. Kodwa manje nangu uJehova lapha kuyakhulunywa ukuthi uyosindisa labo abamesabayo. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, yiSabatha namuhla imini enkulu. Bangcwele. Sibonile uNkulunkulu esibusisa. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni nginezigatshana nje ezimfishane engizolokhu ngizifaka laphana kulenkulumo yanamuhla, uNkulunkulu uthi nina enimesabayo, kuthiwa nina enimesabayo, thembani kuJehova, yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo. La mazwi lawa avumelana noMprofethi owathi asibuyele kuJehova.
 
19.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni noma sesihleli emzini omkhulu noma sesihamba ngezimoto ezingakanani, noma sesiwutholile umsebenzi, noma sesigulile sasinda, noma ngabe besingaboni sabona, noma ngabe besizishosha sasukuma, kodwa akuphelele lapha bantwana baseKuphakameni, indaba yethu ayipheleli lapha. Siyambonga uNkulunkulu kukho konke asenzele khona ngoba emhlabeni esiphila kuwo, uphumula mawulele, wavuka uyathela lize lishone ilanga ulithelela. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni amaNazaretha kaNkulunkulu kufuneka azi ukuthi noma uJehova esesipha njengoba esipha, kodwa indaba yethu ayipheleli lapho, indaba yethu iphelela ekutheni simsabe lo Nkulunkulu, simkhonze-ke esesiphile konke, kodwa simkhonzele uhambo oseluzofika.
 
20.Besingeke silwazi usuku lwalo ukuthi lunini, kodwa sibe sesiyalukhumbula lolusuku ukuthi kufanele sicele ukuthi uNkulunkulu abe seduze kwethu. Isho njalo ingelosi uma ikhuluma inginika lamazwi, ithi-ke kufanele ukuthi njengoba abantu bezelwe, baphinde bakwazi futhi ukuthi kusazokuba khona imini yokuthi baphinde badlule, kodwa nakhona ekwadluleni kufuna ukuthi umuntu azi ukuthi uma esuka lapha uyaphi uma sekufike izinsuku zakhe. Ungathi uma usujabula, ujabule wedwa, ubokuxwaya ukujabula wedwa, ubofuna ukujabula noNkulunkulu, kusho umuntu wasezulwini, uthi-ke ukujabula wedwa kuyokwenza ukuthi uNkulunkulu asuke kuwe. Uboqala ufune into ezokujabulisa uNkulunkulu, uyenze, bese uthi noma ujabula, kodwa wazi ukuthi ngijabula nje noNkulunkulu ujabule, ngoba kukhona into engiyenzile, ngayenzela yena.
 
21.Ngizincengela phambi kwakho, ngizincengela ukuthi angikhumbule nami ezinsukwini engiyobe sengifisa ukuthi ngibe nomuntu. Uthi-ke uNkosazana abantu kukhona into abangayazi ukuthi noma ungaba mkhulu kangakanani, uthi noma ungaba ngakanani, noma ungathandwa noma ungazondwa. Uthi amabandla agcwele umhlaba, uthi kukhona abantu abanamabandla amakhulu adlula awabanye, uthi kodwa yinye into efuneka phambi kwaNkulunkulu, uNkulunkulu umuntu ngamunye ufuna ukwazi ukuthi ubesebenzela kuphi, ubekhonza bani, noma ngabe uyisicebi noma ngabe uhluphekile. Akekho umuntu oyolahlwa elahlelwe ukuthi ubeyimpofana, akekho umuntu oyolahlwa elahlelwe ukuthi ubengahlupheki, yena ubecebile. Akekho umuntu oyolahlelwa ukuthi yena ubefundile, akanakulahlelwa ukuthi yena akafundanga!” Amazwi lawa abeshiwo ingelosi! Ithi kodwa yinye into uNkulunkulu ayenzayo, umuntu ulahlwa icala alenzile phambi kwaNkulunkulu, noma ngabe ungahola izigidi ezingakanani, uma unecala olenzile, liyakuthethwa , uyakuma phambi kwa Mehluleli, akwehlulele ngecala lakho olenzile, sewufike nazo izigidi, nazo izigidi azinakungena ezulwini, zingenele ukuthi zizigidi.
 
22.Amasango asezulwini ayakungena abantu abafaneleyo, ngoba uJehova wawukhipha umyalezo wawunikeza abaprofethi basendulo, washo ukuthi abayokungena ezulwni ngabantu abanjani. Ithi-ke ingelosi nibohamba nihambe niyikhumbule le mini, ngoba ukufa uma sekume phambi komuntu, buyaphela ubunjinga bakhe, kuphele imali egcwele ama bange! Izimoto zigcwele igceke, abantu bemthanda, noma ngabe ubehamba ngebhanoyi, kodwa kuyaphela uma ngabe ukufa sekume phambi kwakho, sekufuneka izimfanelo, sezifikile izingelosi zezulu, zizofuna izimfanelo ezifanelekile ukuthi ungene ezulwini noma uya esihogweni, uya ekubhujisweni noma uya ezulwini yini. Asefikile amathimba eminyango eyahlukene, nawo azobona ukuthi ngabe uyalahlwa yini, uhambe nawo, noma nalabanye bazobuka ukuthi ngabe utholakala umuhle yini ukuze ungene nabo ebuhleni bokukholwa, ebuhleni bukaJehova.
 
23.Uyangena yini kulo muzi okhazimulayo!Bantwana baseKuphakameni, sicele kuNkulunkulu ngezwi le ngelosi uma ithi kithi asicele ukuba singakuzwa ubuhlungu bokufa, ngoba kukhona indatshana enzima, esihlala njalo sithi uma sijabula bese siyayikhohlwa ukuthi izakufika, njengoba esho ethi uShembe izakufika le mini enkulu eyesabekayo, uyakudinga lo mphefumulo.
Ithi-ke ingelosi, thina asingaba yibo abantu abazodinga, ngoba sifundisiwe siselapha emhlabeni, asingaba yibo abantu abazodinga ingubo yokwembesa umphefumulo.
Ake siqhubeke kuyo le ncwadin sizwe ukuthi uma sekufike izikhathi ezinzima, sesilapha kumaHubo 116.
 
24.AmaHubo 116 verse 1-4. “Ngiyamthanda uJehova ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami, ngokuba ubekile indlebe kimi, ngiyakukukhuleka kuye zonke izinsuku zami. Izintambo zokufa zangizungeza, nobuhlungu bendawo yabafileyo, bangibamba. Ngafumana ukuhlupheka nosizi, kepha ngabiza igama likaJehova, ngathi, ngiyakuncenga Jehova, khulula umphefumulo wami.” Izo-ke lezo nsuku uShembe akhuluma ngazo, athi iyofika leyo mina, athi uzodinga lo mphefumulo. Ifike bantwana baseKuphakameni, yasho njalo ingelosi yathi lawo mazwi siwafunde, ukuthi njengoba ithi asicele ukuthi singavinjwa ubuhlungu bokufa, bese sisithola isithombe sokufa ukuthi uma ngabe ukufa sekumi phambi kwakho wenzanjani.
 
25.Uthi lona owazungezwa ukufa, wabiza uJehova, akazange abize muntu, akababizanga abangani bakhe, akabizanga bazali bakhe, akabizanga mindeni yakhe eyayingasekho, oyisemkhulu akababizanga! Uthi ngabiza uJehova, ngathi “Nkosi khulula umphefumulo wami.” Ngithi-ke ngalamazwi abantu ababheke ukuthi kukuphi lapho uMprofethi asidukise khona, nokuthi abantu babheke ukuthi abantu abadukile ibaphi. Kubuhlungu ukuthi uthi uyimpumputhe kodwa uthi umuntu ongaboni ilona onamehlo, kodwa wena oyimpuphuthe uthi wena uyabona. Kunjaloke namhlanje, ngokuthi sithole le mfihlo, ngokuthi uShembe athumele isigijimi ukuba sizokumba le mfihlo, ngoba kwakuyimfihlo lena. Sikhonze iminyaka lamazwi efihliwe, ingakhulunywa indaba yokuthi uShembe wathi angahlatshelwa amadlozi, kodwa ngoba into kaNkulunkulu ayikwazi ukuthi inganqandwa umuntu, noma ungayiphula lapha, iyokhandelwa kwenye indawo. Njengoba yabonakala ukuthi iyabulawa lento, kuphakanyiswa abantu manje, isiyafihlwa le ndaba enkulu uShembe ayisukela ezulwini, isiyafihlwa, kwagcinwa sekufihlwa ngisho naye uqobo lwakhe! Kungasafuneki ukuthi kwazeke ukuthi ngubani owafika nokukholwa, ukuthi ngubani owayohlala entabeni yomhlangano, kwangabe kusathandeka.
 
26.Nabayikhumbulayo uma bethi bakhuluma ngayo ukuthi uMprofethi wahamba wayohlala laphayana, bese ziyahlangana izikhulu zomubi, zithi lomuntu lona niyambona, uyiphekula, ngoba njengoba ekhuluma le ndaba nje uyiphekula! Bese akhelwa uzungu lokuthi achithwe, ngoba ufuna ukutshela abantu iqiniso elifihliweyo, ngoba manje uma kungakhulunywa ngoMprofethi, kuzobe sekuyavela ukuthi wathini, okwakukade kufanele kwenzeke, kwakuwukuthi, kungabe kusashiwo lutho ngaye. Bantwana baseKuphakameni, ngiyambonga uJehova, ngimbonga ngezikhathi zonke, ngiyazibongela, ngizibongela nokuthi kwathi uma ngabe uJehova eseyiphetha imbenge yakhe, wayiphetna nami phakathi. Bantwana baseKuphakameni, ngambona uShembe wokugcina emhlabeni, ngambona bantwana baseKuphakameni ngamehlo ami, wangibiza uJehova, wafuna ukuthi ngimbone nami lo Shembe owaba ngowokugcina lapha emhlabeni, owayesesele sekuthiwa uwumphethi wembenge.
 
27.Lase liyacisha nalelo gama, ngoba alisafuneki, ngoba lizosuke lishiye laba abasebe khandiwe, libashiye ngaphandle. Manje-ke kwangabe kusashiwo, kwathiwa cha, wathi uShembe, oShembe basuka lapha beyothinta phezulu esibhakabhakeni, kanti kushiwo izangoma, akushiwo uShembe, asizange sibabone labo Shembe, sabona izangoma! Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni wonke umuntu olapha namuhla ubonile ukuthi asidukile, asilahlekile, uShembe akukho lapho asidukisa khona, asikaze siduke! Uma ngabe bantwana baseKuphakameni, singayigcina imithetho kaJehova, simesabe, sisuke emndenini engahambisani noJehova, singavumi ukungcoliswa yiyo, asingaqheliswa ezangomeni, kodwa bese sisondeza imindeni yethu ehamba izangoma, sithi ayisondele kithi, izosicishela ukukholwa, izosisusela, isiqhwandele lobu bumnyama esakhishela bona laphayana!
 
28.Beza kithi bephethe imimoya yezangoma, beyithwele gamahlombe, ngoba bayahamba beyoziguqela izangoma. Njengoba namhlanjena njena, sekungu November, iyaqala imali iyalungiswa, iyafunwa nasemadodaneni, kuyokhokhelwa izinyanga kuthiwa aziqinise umuzi. Njalo umuzi kubizwa inyanga kuthiwa ayizowuqinisa! Ngithi bantwana baseKuphakameni, imizi yethu ayikaze iqiniswe zinyanga, uma siyithola imizi, nabantwana beNkosi uma sebeyithola imizi, siyaguqa sithandaze sibikele uShembe, sithi Nkosi, nawu umuzi, siyacela ukuthi usihlambulele wona, kuthi nosizi olwehlela labo ababehlala khona lungasehleli.
 
29.Siyacela Nkosi ukuthi nemimoya emibi ebikade ihleli naye ebese uyayichazela ukuthi usehambile lona eyayithunyelwe kuye, kodwa lo muzi sewuzohlala wena, ngoba uzohlala abantu abakhonzayo. Ukuthwasa kwehlobo siyanikela sithi ‘Nkosi usikhumbule embanini wezulu, singawelwa umbani wezulu. UNkulunkulu akakaze aze asijabhise, siyaphumelela! Kodwa laba abathi thina sidukile, liyabaqeda izulu. Labashaya izulu besendlini, angisho ukuthi ngiyajabula, kodwa labashaya izulu besendlini emkhosini ka 14, awabuyanga amakhosikazi eshawa izulu. Baqoqa abanumzane bahamba, bathi bayahamba bayokhonza uJehova, bathi bayozifihla khona ethempelini, labashaya izulu laboqotha phakathi ethempelini.
 
30.Kodwa bakhalela thina, bathi thina sidukile, kodwa baqedwa izulu, baqedwa izibhamu, kodwa thina bathi sidukile, siyindlazana, kodwa uNkulunkulu wawemukela umnikelo wethu. Nangesikhathi se-COVID19, bafiswa okwezimpukane, sakhala. Sangajabula, sakhala, bafisa okwezimpukane abantu bakithi esikade sikhonza nabo, abavangeli abakhokheli, abayikhulumi leyo! Abasho ukuthi anoke nisibuzele kulowo muntu othi uthunywe uShembe ukuthi kwenzeke kanjani abantu befele ethempelini? Bayafa ngisho ethempelini kulindiwe. Yafa nje inkosazana yafa phambi kwabantu, yashona kusontwa. Kodwa abakhulumi lokho ukuthi ake nisibuzele kuJehova ukuthi konakele kuphi, kodwa into abayilwelayo, bakhuluma ngomjiva, bakhuluma ngesigqoko. Banezulu lesigqoko! Ngimthanda kabi, ngiye ngijabule kabi uma ngabe kuvakashe umhlonishwa uCele, ngoba uCele akahlukani nalesigqoko, lesi abakhuluma ngaso! Ungena naso laphayana, ngicabange-ke ngilalele ngithi mhlawumbe bazomthwesa icala lokuthi uthwele isigqoko somholi wabo, akafanele ukuthi athwale lesigqoko ngoba yisigqoko somholi wabo!
Ngithi bantwana baseKuphakameni, ngimangale ukuthi lesigqoko isiphi kanti lesi esingesomholi wabo abasilwelayo? Ngoba akakaze uBaba iNyangayezulu abe senkantolo kubangwa isigqoko, akakaze athi ubone insizwa idlula, ithwele isigqoko esinjengalesi esakhe ngalokho uyifaka enkantolo.
 
31.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngisho ubaba wami nje, ubaba uNxumalo, owayengelona iNazaretha, wayenaso lesigqoko, ukube-ke ubaba wami usaphila ngabe usefakwe amasamaniso ngalesi sigqoko. Kodwa bengicela amasamaniso bake bawafake umholinishwa uCele ukuthi uzenza uNyazi, ngoba basho njalo kuBaba, ukuthi ake bambophe ungqongqoshe, bambophele ukuthi uzenza uNyazi, angizukulokhu ngikufihla lokhu ngoba kusho bona kanje! Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, kuthiwa uzenza uShembe, uma bethi uzenza uShembe, bayaye bethi uzenza uNyazi! Ukhona yini umuntu ongafuna ukuzenza uNyazi? Khona kuthiwa kunjani, ukhona yini ngoba ngisho umntwana ukhala abe uhlanya uma ngabe washo njalo kuye.
 
32.Angihlambalazi, ukuthi ekubuzeni ngalesi simo engisishoyo esenzeka laphayana kuphele abantu basethempelini, ngathi uma ngibuza kuyiNgelosi ukuthi-ke kwenziwa yini ukuthi abantu bafe bayokhonza? Impendulo yathi: “Izulu lisazobaqeda ngoba libizwa yibo!” Yathi ingelosi bathatha igama lokufa baletha umholi wabo. Wathi akekho ongazi ukuthi unyazi into ebulalayo, akekho ongazi! Ngisho incwadi enye engizoyifuna uma sengiyikhumbulile ngiyifunde, ithi ngabona uSathane ehla njengonyazi!” angazi noma iku Luka noma ikuJohane. Ithi ngabona uSathane ehla njengonyazi. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kuyoze kube phakade singeke sasho ukuthi umuntu noma ngabe ngubani, kuyoze kube phakade sidumisa uJehova, asihawukeli lutho, noma bengaba izigidi, kodwa uma sebethi hawu ‘Nyazilwezului luyehla izulu libashaye libasakaze, ngoba lisuke libizwa yibo!
 
33.Lokhu nginobufakazi babo, nginobufakazi obuqanda ikhanda. Ngike ngaba nomzala wami lapha okhonza khona eBuhleni. Abantu baseBuhleni, sekufanele ukuthi amaqiniso avezwe ngendlela abazibona sengathi bangabantu kakhulu bona. Sekufanele sibatshele namadlela ndawonye abo! Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngathi uma ngimgcine lapha ngimnikeza itoho, sithi uma ngabe sithandaza sibize uJehova, athi noma engaleya lapha ahlala khona enze isiguqo, athi ubikela ‘uNyazilwezulu’ ukuthi ulapha. Akufikanga lona, umtakaBaba ngabe ngimqambela amanga, angikaze ngimbone, phela ngiyamazi. Kwafika unyazi, kwafika izulu langena izulu lapha ekhaya, laliingena ngoba ngangigcine umuntu waseBuhleni. Kwase kuyagcwala kimi ukuthi yayiqinisile inkosazana eyathi kwangena izulu ekhaya layo.
 
34.Ngathi uma ngithi lingena kanjani izulu ukholwa, akusho yini ukuthi nike nahamba naya ezindaweni ezithile, izulu belingazolanda umuthi ngoba phela wena wafunga ukuthi umuthi awusangeni emzini wakho? Wathi cha, asikaze size sikwenze lokho, wathi izulu belijaha umuntu waseBuhleni, wangena kwami, lase lingena naye, lase lifike lishaya yena, ngithi babelichithile komunye umuzi ngoba sebeyaziwa ukuthi ehlobo nje akufuneki ubangenise kwakho izulu liduma. Ngoba bavele bathi Nyazilwezulu, bese liyehlake uNyazi luzolimaza lapha abakhona?
 
35.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, uma sithule, bacabanga ukuthi siye sithule ngoba singazi lutho, ngoba sibesaba, asilandeli yena uNkulunkulu thina othi uma simbiza ebese sishawa ngumbani, thina asikhonzi wona umbani, sikhonza uJehova owadala izulu nomhlaba, osivikela kulombani! Safa ibandla elikhonza umbani! Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni angilwi, kodwa ngichaza indaba yabantu abasibelesele bethuka uBaba uMelusi bethi uzenza uShembe, angazi ukuthi uma umuntu ezenza uShembe kubi ngani? Mina ngikubona kukuhle kabi ukuzenza uShembe kunokuthi ube isangoma, uzenze isangoma, angazi noma bafuna azenze isangoma yini!
 
36.Okulandela lapha bantwana baseKuphakameni, kuyoze kube phakade, kuyoze kubhubhe umhlaba, akekho umholi oyothatha lelibandla alise emkhosini wezwe, ngoba libandla likaNkulunkulu. Kuyoze kubhubhe umhlaba, akekho umholi oyolanda oMaskanda, athi abazogxobagxoba emzini kaNkulunkulu, bazogxobagxoba amagugu kaJehova! Akekho umholi oyoba namehlo okubukela oMaskanda ethi abazogida ethempelini, akekho umholi kulelibandla oyomema uZodwa wabantu, asihawukeli lutho! Noma bangaba izigidi nezigidi, akukho esikuhawukelayo, akekho umuntu ongahawukela ukuyogida noMaskandi!
 
37.Lapha ingqola lena, sihamba ngengadlangadla, ikuwisa yona, akudingeki ukuthi kuze kube khona umuntu ozokuphundla, ikuwisa yona, ngoba inqola yezulu, sisemkhumbini wezulu bantwana baseKuphakameni. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, lamazwi siwabambe, siwabambe ngazo zombili, sifundise ngawo nasezindlini zethu ukuthi singakhonzi ubuhle bethu, singakhonzi ubunjinga bethu, kodwa sikhonze uJehova osiphe lobobunjinga, uma siyizo izinjinga, singakhonzi bantwana baseKuphakameni esinakho, kodwa sivame ukubonga osiphe khona. Futhi sibe nalo ulwazi lokuthi kusekhona izinsuku lapho okuzothi uma kufuneka, kungafuneki wona umnotho wakho, kodwa okofuneka wena uqobo lwakho!
 
37.Ingelosi yathi uma ifika ikhuluma, yethukwa, yathi ingelosi ‘celani ngoba abantu abasazi isimo esibuhlungu esisekufeni.’ Wathi uma usufika phambili unqandwa uNkulunkulu! Uma like lathi izwi phindela emuva, uyoqeda umsebenzi wakho. Hamba uyolungisa lokhu, imuva lakho lisethuneni, alisekho emzini wakho! Uma umphefumulo wakho unqandwa, uya ebhokisini uma wancwastshwa ngebhokisi, noma ngabe awuncwatshwanga ngebhokisi, uyobuyela esidunjini sakho, ubuye futhi wazi ukuthi usethuneni, awusekho lapha emhlabeni, awusaphili nabantu! Upaquze uzwe ubuhlungu, umemeze ungaziwa muntu. Namuhla siyathola lapha ebhayibhelini ukuthi bambamba ubuhlungu bokufa. Lona owayememeza uJehova othi wabiza uJehova, wayekulendawo uHlaleleni owayekhuluma ngayo, ukuthi izintambo zokufa uma sezikubambile, uyabakhohlwa abantu abangabangani bakho, ukhohlwa yiyo yonke into, ebese ufuna uNkulunkulu, ngoba kusuke sekucaca ukuthi akasekho umuntu ozongena indaba yakho ethuneni, sewancwatshwa!
 
38.Ingakho bafike bakushiye bakufulathele, bahambe. Akekho umuntu ophinde eze lapho oshiwe khona, ozommemeza alalele noma ukuthi mhlawumbe ulandwe yini, iphimbo lakho uyamemeza, kodwa alifiki kubantu okufanele lifike kubo! Nale phambili awunayo indawo, kodwa imuva lakho lisethuneni!
 
39.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, njengoba size lapha, sizihluphile. Ngiyabacelela abantwana bonke ukuthi nalabo abangakakutholi abakucelayo, nalabo abasahlupheka, bengamdeli uJehova, bazi ukuthi asizalwanga ngosuku olulodwa, asizalangwa ngenyanga eyodwa nangonyaka owodwa, sizalwe sashiyana! Nakhona-ke lapha, bayaphumelela abantu, uNkulunkulu uyasho ukuthi namhla kuphumelela lona nalona, ngokuzayo sengiza kulona nakulona. UNkulunkulu waseKuphakameni kwangazathi engasikhumbula noma ngabe kukhona lapho esiphambuka khona, kodwa asikhumbulele ukuthi sivumile ukuthi sithukwe, sithukwe ngabantu abaqedwa ngisho nayizulu, abashawa umbani, lona abawukhonzayo, laba abasele bengakwazi ukubuza ukuthi senzeni!
 
40.Baba nje shaqa nathi, kuthiwa lona wantshontsha ibandla, angazike ukuthi ibandla iliphi, ngoba bancane kabi abantu esinabo lapha abaphuma eBuhleni. Abantu abaphuma eBuhleni babuyela emuva, babanjwa zihibe, izihibe zikaSathane, zabadonsa baphindela emuva abantu ngoba babengakafaneli ukuba la, babegcinelwe ubumnyama! UNkulunkulu wazikhethela ukuthi ibaphi abantu okufanele bangagcinelwa ubunyama, abantu abazile ukuthi ngoba kusandindwa, bashiywa abantu, kuhlonishiswa nje ukusho ukuthi bashiywa bedakiwe, njengoba besadakiwe nje nanamhlanje!
 
41.Ithi-ke ingelosi uma nenze kahle, liyakuthi uma selikhala icilongo, kuyakuthi uma sebemile abangcwele sebephelele laphayana, sezifikile izingelosi zizolanda abantu okumele baye kuNkulunkulu, niyakuba seniyangena, niyakubashiya besabuza isigqoko, besabanga imijiva abangayazi ukuthi le mijiva abakhuluma ngayo egqokwa uShembe nje, lena eyokuqala eyayigqokwa ngabaprofethi basemandulo, bayokhuluma nini ngayo, ngoba indaba ayisuki kuShembe, isuka emandulo, lapho uJehova aqala khona ukuthuma abantu bakhe!
 
42.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, njengamanje, sesiyalunga, silungela khona ukuthi sihlanganyele nabangcwele, njengoba siqeda kusuka ukuhlanganyela nabo nje. Siqala siselapha emhlabeni ukuhlanganyela nabangcwele, besihlanganyele nabo ngo October, njengoba kuwu November njena, sesiyazama nokho ukuthi sisokhele isibani sethu, ukuthi sikwazi ukuthi siphinde sibe khona emkhosini kaJehova ozayo ngo January. Ngithike bantwana baseKuphakameni akukho okuyosihlukanisa noNkunkulunkulu, sibabonile abantu abangamaqhawe, okwathi noma esefikile uSathane esezobashaya ebaphuca konke, kodwa bathi akunandaba, akakwazanga ukusiphuca uJehova, sizosala noJehova?
 
43.UJehova wase eyabanqobela, usuyababuka, wase eyathatha esebanikeza, waphuca uSathane yonke into, ebese ezithathile, wazibuyisela emuva! Namhlanjena bantwana baseKuphakameni, nabantu ababengenayo imizi, namuhla banayo. Ngoba uthena uShembe ngosuku lwenhlupheko umbize uJehova, uyakukulalela, uyakuza akusindise.
 
INkosi ibusise enikuzwile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *