Kukhona-ke into okufanele ukuthi abantu abamnyama beyazi, ukuthi uma ngabe abezizwe bengawugcini umthetho kaNkulunkulu, abanaso isono, kodwa thina uma singawugcini umthetho kaNkulunkulu, senza isono, kodwa hhayi abezizwe! Kanjani? Asikho isivumelwano uNkulunkulu owake wasenza nabezizwe ukuthi bayogcina umthetho wakhe
Nkonzo yesabatha lomhla ka 12 November 2022.
Isihlabelelo 119
1 Thina siyamthanda lo
Onokusindisa,
Isihlangu sethu nguJehova
Onokusindisa.
2 Thina siyamthanda lo
Onokusindisa,
Sophelela sonke kuJehova
Onokusindisa.
3 Wena uyamdinga lo
Onokusindisa,
Kuphela kwakhe uJehova
Onokusindisa.
4 Alikho nelinye igama
Esinga sinda ngalo,
Kuphela igama likaJehova
Esingasinda ngalo.
5 Asinazihlangu
Esinga vika ngazo,
Kuphela igama lika Jehova
Esinga vika ngalo.
6 Asinazikhali
Esingalwa ngazo
Kuphela igama likaJehova
Esingalwa ngalo.
1.Isihloko salentshumayelo sithi UNKULUNKULU KA-ISRAEL WEHLELE KITHI. Ngizofunda incwadi ka Isaiah 43:11. “Ningofakazi bami, kusho uJehova, neNceku yami engiyikhethileyo, ukuze nazi, futhi ningikholwe, niqonde ukuthi Mina, Nginguye, akekho uNkulunkulu owenziwa ngaphambi kwami futhi akekho oyokwenziwa nasemva kwami” Amein.
2.Ngithe isihloko salenkonzo sithi uNkulunkulun ka-Israel wehlele kithi. Siyayambonga uNkulunkulu ukuthi kusuka ngo 2010, ingelosi ihlale phakathi kwethu, yathi asivuselele imithetho kaNkulunkulu. Abantu abaningi, hhayi abalapha endlini kuphela, kodwa abasezindaweni eziningi, baye bengitshele ukuthi isikhathi esiningi bebedidekile ngokukholwa, kodwa manje sebeqonda kahle ukuthi ukukholwa kwasezulwini kumi kanjani. Lokhu kuqonda kwabo kusukela ezimfundisweni ngoJehova abazithola kuleli bandla! Kodwa nathi ukukholwa akusukanga kithi, kwehle ingelosi ezulwini yafike yasifundisa ukuthi ukukholwa kuJehova kumi kanje, kusuka lapha, kuze lapha kugcine lapha.
3.Ngiyafisa futhi ukuthi abantu bonke baqonde ukuthi lokhu kukholwa esiphezu kwakho kusukaphi, kuze kufike lapha esikhona, ukuthi uNkulunkulu wazehlela yena ezulwini, wehlela entabeni yaseSinayi, wehlela esizweni samaHebheru, esase sibizwa ngokuthi singabantwana bakwa Israel ngoba sasiyinzalo yendoda ekuqaleni eyayibizwa ngokuthi uJakobe, kodwa uNkulunkulu wase eyinikeza igama elisha esethi u-Israel.
4.U-Israel wazala amadodana awu-12, lamadodana awu-12 ase egcina eseseGibhithe, uma esese Gibhithe anda kakhulu, agcwalisa umhlaba wonke. Thina-ke siyinzalo yalamadodana awu-12. Thina maZulu, singaphansi kwendodana ka-Israel ebizwa ngokuthi u-Juda. Njengoba ebizwa ngokuthi uJuda-ke, yikhona yonke into yethu igxila kakhulu ku-Juda ngoba siyinzalo yamadodana ka Israel ngaphansi kwendodana ebizwa ngokuthi uJuda.
5.UNkulunkulu wahlala nabantu kusukela eseseGibhithe, elwa noFaro owayenqaba ukuthi ebadedele bakhululeke. Wahamba nabo iminyaka engamashumi amane, kodwa wathi uma bephuma eGibhithe wayesebehlisela le nkolo yakhe. Ngokubehlisela inkolo, uJehova wayebayekisa inkolo noma amasiko abo ayevele ekhona, ngoba isizwe sakwa Israel sase sihlale eGibhithe iminyaka engamakhulu amathathu. Iminyaka-ke engamakhulu amathathu isikhathi eside kakhulu leso. Njengoba sikhona nje asikayihlanganisi iminyaka engamakhulu amabili uShaka wabakhona emhlabeni. Asikayihlanganisi iminyaka engamakhulu amabili isizwe sakwaZulu sabumbeka.
6. Uma ngingaphosisi, abantwana bakwa Israel bahlala eGibhithe iminyaka engamakhulu amathathu. Kuleminyaka engamakhulu amathathu, noma uyise wafika eGibhithe ekhonza uNkulunkulu oyedwa, kodwa bona base bekhonza onkulunkulu baseGibhithe ngoba babehlala namaGibhithe. Kodwa u-Israel wafika eGibhithe ekhonza uNkulunkulu onguJehova.
7.Ngenkathi-ke uNkulunkulu esehamba nabo wayesebanikeza inkolo yakhe, inkolo yasezulwini. Babengazi lutho olutheni ngenkolo noma ngenqubo kaJehova. Kodwa babazi ngamandla kaJehova ngoba babetsheliwe ngomlando wokhokho babo ukuthi uJehova wabe ebenzeleni! Ngakho-ke babazi ukuthi lo Nkulunkulu wokhokho babo, unguNkulunkulu wonkulunkulu, unguNkulunkulu onamandla okwenza noma yini osefune ukuthi ayenze.
8.Ingakho-ke kwathi uma ngabe beseGibhithe, sebehlupheka, base becela kuloNkulunkulu owuJehova ukuba ehle ezulwini ezobakhulula. Kodwa njengoba sazi, kungakaba khona abantwana bakwa Israel, awukho umthetho noma ayikho inqubo yokukholwa eyake yalethwa uNkulunkulu ukuthi abantu bonke baphile ngayo ngaphandle mhlawumbe kokunikela, ngoba ukunikela kwaqala kubantwana baka Adam noEva, bese kuba ukusoka okwaqala ngo Abraham, akukho lapho okucaca khona ukuthi ngaphandle kwalokho imithetho kaJehova isiyonke babeyazi. Angikholwa ukuthi nokusoka babesasoka, kuphela nje babazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu onamandla wonke.
9.Ikhona-ke bamcela ukuba abakhulule kuFaro, kodwa uJehova wabe esebehlisela nenqubo yakhe yokukholwa njengoba wayesethe bangabantwana bakhe! Ngempela abaningi bahamba ngalenqubo yokukholwa kukaJehova njengoba uMose wayehlala ebakhumbuza ngesethembiso ababesenze noNkulunkulu. UMose wayehlale ebabalela ukuthi benza isivumelwane noJehova entabeni yaseSinaye, ngakho-ke kwakumele besigcine leso sethembiso! Wabatshela futhi ukuthi lo Nkulunkulu uyisimangaliso. Ngenkathi uNkulunkulu elethe inkolo yakhe entabeni yaseSinayi, waziveza kubantwana bakwa Israel.
10.Akugcinanga nje ngokuthi kube yinto abayitshelwayo ukuthi bahamba noNkulunkulu, kodwa waziveza yena. Ngangokuthi wathi uma uNkulunkulu ehlela entabeni yaseSinayi, bathuthumela uvalo ngoba kwenzeka izinto eziningi ezinkulu ababengakaze bazibona zenzeka. Kuthiwa ngenkathi uJehova esehlele phezu kwalentaba, yavutha umlilo! UNkulunkulu wazikhulumela yena kubantwana bakwa Israel. Futhi imithetho elishumi, wayibhala yena ezibhebheni ezimbili noma ezintathu, zabonwa ngabantu! Ngakho-ke lemithetho kaNkulunkulu, akuyona imithetho yesizwe sakwa Isreal, kodwa imithetho yasezulwini owehla uNkulunkulu eyibhale yena.
11.Kukhona-ke into abantu basemhlabeni abangayazi ngendaba yokukholwa kwethu kuNkulunkulu onguJehova. Angithi nje okokuqala abantwana bakwa Israel bamhlubuka uNkulunkulu emva kwesikhathi. Kuthe uma sebemhlubukile wase ebaqalekisa. Okuseqinisweni uJehova wakwenza kwaba isivumelwano ukuthi uma bemhlubuka bothola isiqalekiso. Nempela kwathi uma abakwa-Israel bemhlubuka uJehova, leso siqalekiso sabehlela!
12.Wathi uma ngabe ningilalela, nenza konke engikufunayo, ngiyoninika isibusiso, kodwa uma ningihlubuka, ningayigcini imiyalo yami, nokwehlelwa isiqalekiso. Wazibala iziqalekiso. Nangampela abantwana bakwa Israel bamhlubuka uJehova, wayesekhipha isiqalekiso. Kodwa isiqalekiso esikhulu esokuthi esuke kubo, ngoba ngenkathi abantwana bakwa Israel behamba noNkulunkulu ziningi izizwe ezazibahlasela, kodwa bona bazehlule ngoba behamba noJehova! UNkulunkulu kwesinye isikhathi wayeke athumele ingelosi eyodwa, ibulale onke amabutho aleso sizwe ebesibahlasela. Kwesinye isikhathi evele ehlise amatshe ezulwini, eshaye amabutho onke abethi azohlasela abantwana bakwa Israel, amatshe ababulale, esuka ezulwini.
13.Zonke lezo zinto akufanele ukuba sizikhohlwe ngoba ziyisimanga, kuyisimanga ukuthi uNkulunkulu wanqoba ezinye izizwe ngokusebenzisa izingelosi. Kuyisimanga ukuthi uNkulunkulu wanqoba izizwe ngokuthi kuqhamuke amatshe ezulwini ezoshaya amabutho empi ewanqobe.
Kuyisimanga ukuthi uNkulunkulu wahamba nabantwana bakwa Israel iminyaka engamashumi amane and kuleminyaka engamashumi amane babethola ukudla okuvela ezulwini, iMana! Isimangaliso leso esingekho noma kuyiphi inkolo.
14.Uma sebomile uMose efike eshaye itshe. Lelitshe bese likhipha amanzi nomaphi lapho bema khona, iminyaka engamashumi amane. Kuyisimanga ukuthi ngenkathi abantwana bakwa Israel behamba noNkulunkulu, kwakukhona ifu elihamba nabo, elalenza ukuthi noma ilanga kufanele engabe liyabashisa kodwa lingabashisi. Kuyisimanga ukuthi ebusuku babehamba nomlilo owawenza ukuthi lapho abakhona kukhanye kube sengathi kusemini. Laba bantu babebaningi bebalelwa mhlawumbe ezigidini ezimbili. Kodwa ebusuku babengadingi malambu, bengadingi zonke lezi zinto esizisebenzisayo ukukhanyisa, kodwa uNkulunkulu waletha umlilo ukuba ubasize kukhanye yonke indawo abahamba kuyo!
15.Lendaba ibalulekile ukuba siyazi, ngoba ayisiyona inganekwane, ayisiwona amanga, yinto eyenzeka ngampela, nokuba abantwana bakwa Israel bephume eGibhithe behamba noNkulunkulu, elethe le nkolo yakhe, kuyaziwa neminyaka lesi sigameko esenzeka ngayo!
16.Kodwa sebemhlubukile uNkulunkulu, izizwe zaqala ukuba zibehlule. Ezinye zabathumba, kodwa isizwe esaqeda ngenkolo kaJehova kwaba isizwe samaRoma. AmaRoma into ebaluleke abayenza ekunqobeni isizwe sakwa Israel, ukuthi bengagcini ngokuthi beyichithe inkolo kaJehova, kodwa bayishintshe ngenkolo yabo, uma beyishintsha ngenkolo yabo, base beyichitha le nkolo ngendlela yokuthi kuqedwe inkolo nesizwe sabo. Isizwe sakwa-Israel amaRoma asishabalalisa! Ngalesi sizathu isizwe esivele muva asinalo ulwazi lokuthi siyinzalo ka-Israel, nanokuthi inkolo kaMose iyona nkolo yabo! Bababulala bonke abantwana bakwa Israel ababezama ukuthi beyivuse lenkolo. Kwagcina kuyisono ukukhuluma ngenkolo yakwa Israel. Okufanele ukuthi abantu abamnyama bekwazi ukuthi kulesisikhathi samanje asihambi ngenkolo kaJehova, kodwa sihamba ngenkolo echithe inkolo kaJehova ngokusobala. Njengamanje uma ngabe kushunyayelwa emabandleni amaningi amaKrestu kuyaye kuthiwe asisaphili ngaphansi komthetho kaMose, bese becaphuna izinkulumo zabaprofethi bakwa Israel ukuthi ngalokhu nalokhu sesiphumile enkolweni kaMose, sesihamba ngalenkolo.
17.Kodwa uma usuthatha ama creeds, wona akubeka ngokusobala ukuthi ayayichitha inkolo yamaHebheru, ayayichitha inkolo yamaJuda, ama creeds akubeke kahle lokho! Kodwa uma sebephambi kwabantu sebeshumayela, akushiwo lokho okukuma creeds, kuyaye kuthiwe asisekho ngaphansi kwenkolo noma komthetho kaMose, sesinesivumelwane esisha, senze sengathi sisengaphansi kwenkolo kaJehova, kodwa okuseqinisweni lenkolo kudala yathunjwa, kudala yashintshwa!
18.Kukhona-ke into okufanele ukuthi abantu abamnyama beyazi, ukuthi uma ngabe abezizwe bengawugcini umthetho kaNkulunkulu, abanaso isono, kodwa thina uma singawugcini umthetho kaNkulunkulu, senza isono, kodwa hhayi abezizwe! Kanjani? Asikho isivumelwano uNkulunkulu owake wasenza nabezizwe ukuthi bayogcina umthetho wakhe. Asikho! UJehova ukubhale phansi ukuthi ngaphambi kokuthi uboshwe ngokungawugcini umthetho kaJehova, kufanele ukuthi wena uzisholo ukuthi uyophila ngaphansi komthetho kaJehova. Uma ngabe ungenzanga sivumelwano noJehova ngokuthi uyogcina umthetho wakhe, awukwazi ukuthola isono uma ungasawugcini. Kodwa thina bantwana baka-Israel kwehlukile okwethu, ngoba okhokho bethu bathi lesi sivumelwano sibopha nezizukulwane zabo!
19.Ezinye izizwe ziphoqeleke ukuba zigcine umthetho wesibili othi “Thanda umakhelwano wakho njengokuba uzithanda wena.” Lowo mthetho usithinta sonke isintu, ngoba uphoqelekile ukuphatha abanye abantu kahle. Kungumthetho wemvelo ukuthi uthande umakhelwano wakho njengoba uzithanda wena!
20.Kodwa umthetho wokudumisa uNkulunkulu onguJehova awuzibophi ezinye izizwe, ngoba asikho isivumelwano abasenza noJehova ukuthi bayodumisa uJehova. UJehova akakaze ebenzele lutho, kodwa uJehova ithina owasenzela utho, ithina noma ngokhokho bethu abangena esivumelwaneni noJehova. Ngakho-ke kuyinkinga kithi ukungamkhonzi uJehova, kodwa uma ngabe abezizwe bethi abamkhonzi uJehova, akukho lutho olungabavelela,ngoba bona abenenkinga nayo ngalokho. Wake wathi uBaba iLanga, isizwe esimhlophe asinalo izulu, kodwa izulu labo lisemhlabeni.
21.Ngenkathi uBaba ekusho lokho, isikhathi esiningi bengingakuqondi ukuthi kusho ukuthini lokho, kodwa ngithe uma ngijwayela ukubuka u-Channel 197, ngibuka izinkinga izizwe ezimhlophe ezibhekene nazo ngenxa yemimoya ebuya izohlala nabo, ngabona ukuthi uBaba iLanga wayeqinisile uma ethi uma befa abelungu babuya bezohlala emizini yabo! Lobu bufakazi obungaka bokuthi uma umuntu esefile ngokwenyama, umphefumulo uyaphila bese uhlupha, kuya ngokuthi umuntu ufe esesimweni esinjani, pho yini eyenza abanye abantu bakungabaze ukuphila komphefumulo emva kokufa kwenyama?
22.Engiqonde-ke ukukusho ukuthi lo Nkulunkulu wakwa Israel owathuma uMprofethi u-Isaya Shembe, kodwa emva kwakhe okubukeke isiphela lenkolo kaJehova, sibe nenhlanhla thina ngoba lenkolo isibuye yabuyiswa yingelosi uShembe oyithumele phakathi kwethu! UNkulunkulu wakwa-Israel wayesebenza ngabaprofethi, nalapha kithi uJehova wathi uma ehlela kithi wasebenza ngoMprofethi u-Isaya Shembe. Kodwa lengelosi isebenza ngathi kini, ngoba noma yini efuna ukuyikhuluma, iyikhuluma kithi bese thina siyedlulisela kini! Okuningi esisuke sikukhuluma sikususela kulokho okusuke kukhulunywe yingelosi! UMose wayekhuluma noNkulunkulu, kodwa lokho akuchazi ukuthi bonke abantwana bakwa Israel babembona, bekhulume noNkulunkulu.
23.Kodwa abantwana bakwa Israel babekuthatha okushiwo uMose, ngoba kwaba nezinto eziningi ezenza ukuba bakholwe ukuthi lento ekhulunywa uMose iliqiniso, lokho bekubone ngezenzo ezahlukene uJehova owayezibonisa kubantu ngoMose ukuthi unguNkulunkulu ongafani ngabanye onkulunkulu!
24.Okokuqala bakubona ngezinhlupho ezilishumi ezenzeka kuFaro beseseGibhithe. Okwesibili noma sebephumile eGibhithe, uJehova wenza izimangaliso eziningi ezazibonisa ukuthi ungo Phezukonke! Abantu babehamba nefu elibavikelayo, behamba nomlilo obakhanyiselayo, Zonke lezi zimangaliso zenza bakholwe ukuthi loNkulunkulu kaMose ukhona, futhi uyisimangaliso!
25.Kanjalo nakithi, niyakwazi ukubona into esiyikhulumayo, kodwa evela kithi, nento esiyikhulumayo, kodwa evela ezulwini, ilethwe kithi yingelosi. Ekuseni besilalele umkhomkheli eshumayela, efunda izincwadi ezijulile. Ungase uzibuze ukuthi njengoba umkhokheli engafundile, pho uluthathaphi lolulwazi olungaka lweBhayibheli. Uma uNkulunkulu ekuthuma, engafika kuwe ekhulume nawe bukhoma, njengoba kusuke kwenza uHlaleleni, noma efike kuwe ngokomoya ungamboni, futhi ungezwa lizwi elikhuluma kuwe, kodwa izwi lifike njengomcabango kuwe. Yilesi simo uJehova oyaye ethi uyaye ehlale olimini lwakho.
26.Nathi ulwazi oluningi lokukholwa siluthola kulengelosi ehlale ifika kithi izosishumayeza ngenhloso yokuthi esifundisa khona sikwedlulisele kini. Ngakho-ke uma ngithi sihamba, noma kubuye uNkulunkulu wakwa Israel kithi, ngikusho lokho ngenxa yezimangaliso zasezulwini esizibone, sazifunda ngokufika kwengelosi phakathi kwethu! Lelivangeli asilitholanga kubantu, noma ukuthi sizicabangela ukushumayela esiyaye sikushumayele, cha akunjalo, kodwa kufika umuntu wasezulwini kithi, asifundise ngenhlalo yasezulwini, ukuthi uma ufuna ukungena ezulwini kumele uziphathe kanjani uselapha emhlabeni!
27.Baningi abantu abanezimangaliso ezinkulu lapha emhlabeni, kodwa ezikaNkulunkulu izimangaliso azifani nezabanye onkulunkulu, kumbe neminye imimoya. Awukho umoya ongahlala nabantu iminyaka engamashumi amane labo bantu ubondla. Eminye imimoya iza kubantu ukuze bayondle bona, kodwa uJehova akadingi ukondliwa, kodwa okufunayo ukugcina imithetho yakhe. Kulencwadi ekade ngiyifunda kusho yena uJehova ukuthi nguye yedwa uMsindisi. Ngakho ke siyadinga ukuthi zonke izintshumayelo ngoJehova sizibhale phansi, ngoba okubaluleke kakhulu ebandleni likaJehova akuzo izimangaliso zodwa, kodwa nezimfundiso zikaJehova ukuthi ufuna simkhonze kanjani. Njengoba ngike ngasho ekuseni, zonke izimfundiso zalelibandle nginesifiso sokuba zibhalwe phansi, zifundwe nayisizwe esizayo. Lokho sikwenze njengoba kwakwenziwa ngamaNazaretha ngezigameko ezabe zenzeka ngesikhathi sikaBabamkhulu.
28.Ngiyocela ukuba umfundisi u-Dr Xakaza, labo abafuna ukuthi bebhale, benikeze yena ukuze asigcinele konke obona kufanele kugcinwe ngalelibandla. Nasendulo okhokho bethu babehlale bebhala ama Scrolls ngokwakwenzeka ngezikhathi zabo, noma abezizwe imibhalo eminingi bayishisa ngoba bengafuni sazi ngomlando wethu, bashiya lokho mhlawumbe abakubona ukuthi akubavezi bona kabi. Ngiyakhumbula nje incwadi ka MaccaBees, ayifakwanga eBhayibhelini. Into engibona ukuthi iyisizathu sokuba ichithwe, ukuthi iveza izinto eziningi ezimbi abezizwe, ikakhulukazi amaGriki asihlukumeza ngazo isizwe samaJuda. Kodwa lezo zintshumayelo kufanele ukuthi zibe khona, ziqale manje ukuqoqwa, ngoba ingelosi isenzele izinto ezinkulu, ezinye abantu abaningi abazazi.
29.Lapha ekhaya ngomunye unyaka, kwathi kusebusuku sihleli, kwavele kwafika ingelosi, yathi ithunywe uShembe ukuba ilethe umntwana kwenye iNkosana ebimcelile. Yayisimusho lo Nkosana. Kwatholakala ukuthi uMkhokheli akasamkhumbuli. Yayisisho ingelosi ukuthi lo Nkosana ufike ekuseni wathi uzocela umntwana. Yayisithi umkhokheli akayishayele ucingo leNkosana. Wathi umkhokheli akalwzi ucingo lwayo. Yaphendula ingelosi, yathi “Mina ngiyalwazi.” Yabe isivele ithatha ucingo lukamkhokheli imshayela. Kwathi lapho esephendula nyabe ucingo isilinika umkhokheli.
30.Umkhokheli wabe eseyitshela lenkosana ukuthi lithi ilizwi akalinde ngoba lomntwana omcele ekuseni, uShembe usemthumele kuye, usendleleni. Lowo mntwana ukhona, nakulo facebook ukhona! Kodwa abazali bakhe, noma ngingenke ngithi bahlubuka, ngoba bahlukana bodwa, lendaba yalomntwana yagcina iphelela emoyeni. Lomntwana kuyadinga simthole, simazi sonke, ngoba ubonisa izimanga zikaNkulunkulu ephakathi kwethu! Uma ungase uphenye i-Facebook, uyohamba uhambe uhlangane naleyondaba engithemba ukuthi uBuhlebakhe Delwa uzoninika I link yayo.
31.Kukhona omunye umvangeli waseBuhleni owayelapha ethempelini elise eK.K,ohlale elwa nathi. Ngicabanga ukuthi sasingakaphumi eBuhleni, kodwa sinethempeli ePinetown. Lo kwakungumvangeli uManqele. Ngelinye ilanga wathi ushaya ucingo ethuka umkhokheli, kanti kukhona ingelosi, yavele yalubamba yona, yakhuluma naye. Angikholwa ukuthi wabona ukuthi wayesekhuluma nengelosi, wacabanga ukuthi usakhuluma nomkhokheli. Ingelosi yalubamba ngokucasuka, yabe isithi: “Uyoze ufe uhlupheka!”
32.Lomvangeli wayekhonzwa njengenkosi lapha eK.K. kodwa kusukela ngaleso sikhathi yaphela indaba yakhe, waxoshwa naseBuhleni, akaze waya naseThembezinhle. Angazi ukuthi waphelelaphi, kodwa kwavele kwaphela nje ngaye waze wabuyela kwelakubo! Angazi ukuthi wenzani manje, kodwa angiqondi noma usakholiwe yini. Kuyadinga ukuba siyilandele indaba yakhe ngoba waqalekiswa yingelosi sikhona!
33.Njengoba silapha sibone izinto ezinkulu ingelosi isivikela, ezitheni zethu. Asilona ibandla ebelingakwazi ukusimama ngoba silibandla elasungulwa esizindeni samaNazaretha akwaShembe ayelwa nalo ngendlela exakile! Lamabandla abengagcini ngokusithuka, kodwa bekuba nabantu kuwo abajutshelwa ukuba bangibalale. Ngakuthola lokho izikhathi eziningi, kodwa angizukukuphinda lapha.
34.Ngelinye ilanga ngabona sekufika lapha ekhaya umfundisi wamaKrestu, wathi uzongixwayisa ngoba eBuhleni kunabantu abajutshwe ukuba bangibulale. Wathi ubenza ucwaningo ngalelibandla eBuhleni, esebenzelana nomfundisi uNdelu.Uthi wabe esebuze kumfundisi uNdelu ukuthi lomfundisi bamdeselelani ahambe lapha esontweni ngoba ungumuntu ohlakaniphe kanje. wathi umfundisi uNdelu okuseqinisweni ngibe nenhlanhla ngiphume ngiphile, nabo abazi ukuthi kwenzeka kanjani ngoba kwasekunqunyiwe ukuba ngibulawe.
35.Umfundisi uNdelu wakuveza kulomfundisi ukuthi emva kokuhamba kwaBaba iNyangayezulu, bonke abafundisi baya kuBaba uThingo, bathi angalokothi angisondeze kuye, ngoba uBaba iNyangayezulu lomfana umgibelise phezu kwabo ngoba nakhu engumshana wakhe, basho okuningi ngami. Konke lokhu ngangikutshelwa ilomfundisi ethi wakuzwa ngomfundisi uNdelu. Wathi angibheke ngoba sekunabantu asebenikezwe izibhamu, okumele bangihlasele bangibulale ngisethempelini, be se kuba sengathi ngibulawe abantu basemJondolo sibanga indawo. Uthi ke lomfundisi bathi abazi ukuthi waphunyuka kanjani ngoba babefuna ukuthi bakubulale usese sontweni.
36.Ngakho-ke kufanele ukuthi thina silihloniphe lelibandla ngoba lingelasezulwini, livuswe ngabaprofethi bakwa Israel. Lelibandla livuswe uShembe uBaba iLanga noBabamkhulu neNyangayezulu. Lelibandla likhulu iyinto ezulwini, thina singacababanga ukuthi asilutho ngoba sibancane, kodwa siyinto enkulu kabi ezulwini. Ukuthi silibandla elikhulu ezulwini, sifakazelwa ukuthi kusuke ingelosi ezulwini yazohlala nabantu, yazoba umuntu ebantwini. Abantu baye besho njalo uma behlabelela ngoYeshua, bethi waba umuntu ebantwini, kodwa wayevele engumuntu ngoba wazalwa umuntu. Kodwa thina sikhuluma ngeNgelosi enguMoya, kodwa eyehle ezulwini yazohlala nathi, yaba umuntu kithi! Ithina okufanele ngabe sihlabelela lelo gama ukuthi iNkosi yehla ezulwini yazoba umuntu ebantwini, ngoba ingelosi iyiNkosi emhlabeni ngoba ivela ezulwini kuNkulunkulu, kodwa ifike kithi yaba umuntu ebantwini, yakhuluma nathi njengoba uNkulunkulu wayekhuluma nabaporofethi bakwa Israel, njengoba uNkulunkulu wayekhuluma noMose! Lelo vangeli nalezo zinto ezazenziwa uNkulunkulu, ukuba akhulume nabaprofethi bakwa Israel, ekhulume noMose, enze yonke into, namhlanjena abantu asebenolwazi ukuthi leyonto yenzeka kanjani, namuhla yilelibandla kuphela!
37.Zonke izinto ezazenzeka emandulo, namuhla zenzeka lapha kithi. Ilelibandla namhlanjena elihlala nengelosi, isifundise ibhayibheli kanje nezinto eziningi zokukholwa!. Yonke into esisuke siyikhuluma, siyifundiswa umuntu omkhulu, nokuthi asinikele sinikele kanjani sikufundiswa umuntu omkhulu. Leyonto othena asiyinikelele iyenzeka. Yikho-ke sithi uNkulunkulu wehlele kithi, loNkulunkulu wakwa Israel wehlele kithi, ngoba akukho muntu okwake kwehla ingelosi yazohlala naye ngaphandle kwesikhathi sakwa Israel, akukho muntu kulesisikhathi okuye kwenzeka leyonto kuye, kodwa thina sihleli nengelosi, thina sifundiswa ingelosi!
INkosi ibusise lokho enikuzwile.