Ithi indaba kaShembe, uthi uShembe ecela kwabamkhonzayo uNkulunkulu, uthi kufanele ukuthi sizazi izindlela zoMkhululi wethu. UShembe wayesholo khona ukuthi uma sizazi izindlela zoMkhululi wethu, siyakuzazi izindlela zikaSathane ngoba azifani nalezi zoMkhululi wethu.
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 19 November 2022: ngu Mfundisikazi Nomcebo Nxumalo Mpanza.
139. ISIHLABELELO
Isikhonzi senhlupheko uShembe kwelase Koloni Enzwabethi, ngomhlaka January 6, 1927. Umthandazo.
1 Ufikile olandelwa yizizwe
Ufikile simzwile,
Babazani wemadoda
Babazani zizwe nonke.
2 Ufikile abakhuluma ngaye
AbaProfithi,
Babazani wemadoda
Babazani zizwe nonke.
3 Uyeza uThumekile
Uzofika emhlabeni,
Babazani wemadoda
Babazani zizwe nonke.
4 Ufikile uMthokozisi
Mlandeleni zizwe nonke,
Mlandeleni makhosikazi akithi
Mlandeleni zintombi zakithi.
5 Kwathiwa asiyukushiya sisodwa
Ufikile simzwile,
Mlandeleni bantu nonke
Ufikile simzwile.
1.Ngiyababingelela abangcwele, ngiphinde ngiyikhethe iNkosi yaseKuphakameni. Isihloko: Nkosi uze ungikhumbule uma ukufa sekumi phambi kwami.”
Ngicela sifunde amaHubo 37 verse 28-29.
“Deda kokubi, wenze okuhle, uyakuhlala kuze kube phakade ngokuba uJehova uthanda ukulunga, akabashiyi abangcwele bakhe, bayalondolozwa kuze kube phakade. Kepha inzalo yababi iyachithwa, abalungileyo bazokudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalo njalo.” Amein.
2.Bantwana baseKuphakameni kuyiSabatha elingcwele likaJehova, siyezwa ukuthi siyisizwe esacelwa, uma ngabe ulalela kahle kulesi sihlabelelo ebengikade ngisihlabelela, satshelwa ukuthi uzofika olandelwa izizwe zonke, sacelwa ukuthi sibabaze, sacelwa ukuthi sibabaze, sibabaze lokho ngoba olandelwa izizwe uzobe esefikile.
3.Kwashiwo kwathiwa usefikile lona abakhuluma ngaye abaprofethi. Kulencwadi bantwana baseKuphakameni, ithi asidede kokubi, senze okuhle. Uma ngabe sikwenzile okuhle, siyakuhlala kulomhlaba sidle ifa lawo. Kodwa angiboni ukuthi kushiwo lona.
4.Ngithi-ke Bantwana baseKuphakameni kufanele ukuthi sizibuze ukuthi kusukela salizwa leli lizwi, ngabe ekulizweni kwethu, kungaki okuhle esikwenzile lokhu uNkulunkulu akhuluma ngakho ukuthi asenze khona ukuze sibalwe njengabantwana bakaNkulunkulu?
5.Bantwana baseKuphakameni kulukhunike ukwenza into enhle uma ngabe uselapha kulelilizwe ngoba uma ngabe wenza into enhle uvele uvukelwe izitha ugcine nawe sewusuka kulento enhle obese uyiqalile. Bayojabula, babusisiwe abayolimela iqiniso noma izitha sezimi phambi kwabo zizoba susa entweni kaNkulunkulu. Babusisiwe abayokuma eqinisiweni noma ukufa sekumi phambi kwabo, abanganakulishintsha iqiniso ngoba sebebona ukufa. Babusisiwe abantu abayokulimela, balimele noma ngabe sebehluphekile, balimele noma ngabe sebephucwe konke, kodwa balimele iqiniso likaNkulunkulu. Basifele isethembiso abasethenjiswayo.
6.Ngithi Bantwana baseKuphakameni, Nkosi uze ungikhumbule uma ukufa sekume phambi kwami, ngoba ziyeza izinsuku lapho lokhu kujabula esizikhandela khona, esizijabulisa ngakho, lokho kujabula esikhandela abantu ukuthi bajabule ngakho, kodwa uNkulunkulu owasidalayo singamjabulisi, singayifuni into ezojabulisa uNkulunkulu. Sihlangene-ke kuyinkonzo enkulu phambi kwaJehova esibizile, kusho yena wathi iSabatha bantu nonke, wathi thina esimesabayo, masigcine umthetho. Wathi thina nabantwana bethu. Wathi kulemini yeSabatha akuyikusebenza muntu kuyo. Emzini wakho nesisebenzi sakho, neNceku yakho, neNcekukazi yakho nesigqila sakho.
7.Wathi ngisho inkabi yakho nembongolo yakho, wathi ngisho isivakashi, wathi konke akungasebenzi lutho, kodwa ngoba uJehova wenza konke waphumula ngalolusuku. Bantwana baseKuphakameni size ukuzodumisa njengoba sitsheliwe ukuthi lolusuku lungelokudumisa uJehova kuphela, akusilo elokudumisa imikhosi yethu esizakuyenza thina. Ngithi-ke Bantwana baseKuphakameni phambi kweHamente eyingcwele, nanti izwi lithi asidede kokubi, lokhu okubi uma sisuka kukho, uNkulunkulu uyakusibusisa, uyakusenza sibe ngabantwana ababusayo, uyakusenza ukuthi sibe ngabantwana bakhe ngoba asinaso isici sokwephula umthetho wakhe.
8.Njengoba size lapha, sisesikolweni lapho esizofunda khona ukuthi kukuphi lapho esothi uma sinyathela khona uJehova asilahle. Kukuphi lapho esiyothi uma sinyathela khona uJehova asithande. Size-ke sizofuna lelo thando esathenjiswa lona, usho njalo umuntu kaNkulunkulu, kusho uShembe, kusho isithunywa sasezulwini, kusho iNceku kaJehova. Ithi uma ngabe seniligcina leliSabatha, ithi uJehova akanakugcina ngokujabula, kodwa uyakunibheka, anganibheki nje, kodwa anibheke njengomakoti ehlobele umyeni wakhe.
9.Ngoba uJehova uyobe ejabula ebona abantwana bakhe, abalizwile izwi lakhe, abayekelile ukusebenza, abahambile endleleni yakhe. Bantwana baseKuphakameni uma ngabe kuwukuthi bese sikufundile konke, besingeze saba khona lapha kulesi sikole. Kodwa sisaqhubeka, siyafunda phambi kwaJehova ukuthi impilo yethu siselapha emhlabeni kufanele ukuthi ihambe kanjani, kodwa impendulo ithi kufanele siqale siselapha emhlabeni ukuphila impilo ephilwa ezulwni, ukuphila impilo ethandwa uNkulunkulu.
10.Bantwana baseKuphakameni sakwenza okunye kwakho, sakwenza okunye kwakho ngoba akuzange kube into elula ukuthi sibe ngamaNazaretha kaNkulunkulu, siphume ekubeni ngamaNazaretha abantu. Sathandwa uJehova, wasikhipha ohlwini lokudumisa abantu, wathi asizodumisa yena.
11.Alizange lelibandla ukwakhiwa kwalo kube ukuthi nje kuthiwa asigcine nje iSabatha kuphela, kodwa kunemithetho enzima, yayinzima kakhulu kithi njengabantu esiphuma ekwedukeni, ngoba lelivangeli lase lixutshwe nayo yonke into engafunwa uJehova. Ubunzima okukhulu esabhekana nabo kulapho ingelosi ithi asibuyele emuva sifunde ukuthi uMprofethi u-Isaya Shembe wayebhale ukuthini, wafke wathini kubantu ngokukhonza kukaNkulunkulu, ngokukhonza kukaJehova.
12.Ngoba sasihluphekile, saba ngabantu abahluphekayo, abaswele, abantu abahluphekile ngendlela eyisimangaliso. Kodwa ivangeli elalikhona, wawuthi noma uzobika ukuthi wehlelwa izinto ezimbi, wawufike utshelwe ukuthi zikwehlela ngoba ungasabadumisi oyihlomkhulu, ngoba sasihluphekile, sasiye siyifune indlela ukuthi badunyiswa kanjani, bese siyatshelwa. Bese siyakwenza lokho, kodwa sithi sesikwenzile, sonakalelwe izo zonke izinto.
13.Kwakulikhuni Bantwana baseKuphakameni ukusuka emsamu nasezibayeni, noma ivangeli likaThixo langena ezinhliziyweni zethu savuma, kodwa kwakulikhuni ukuyobika emuva kubantu abakuzele nabantu abangumndeni ukuthi ngeke usakwazi ukuhlanganyela nabo. Kwakufuna manje inhliziyo eqinisileyo, lena uShembe akhuluma ngayo ukuthi uNkulunkulu uyayithanda inhliziyo eqinisileyo. Kwafuneka manje ukuthi uyeke ukucabanga umndeni, ucabange wena uqobo lwakho, ngoba sesifundisiwe thina, kodwa umndeni awufundisiwe, futhi umndeni awufuni ukufunda noma sewuthi uyabika ukuthi nansi indlela awufuni ukufunda, ukuchitha nje kwasani ngoba abafuni ukuphuma kuleliyavangeli eliletha ukuhlupheka.
14.Sasazi bantwana baseKuphakameni ukuthi siyongena sigijima ezulwini lomndeni elase likhandiwe ebandleni ukuthi kunezulu lomndeni. Sasikugcina konke, uma uwumama, wawazi ukuthi kuyicala ukuthi ungasibhinci isidwaba ngoba kwakuthiwa uhlonipha umndeni walapho ogane khona. Sasikugcina Bantwana baseKuphakameni konke okwakuthiwa kuyafuneka ezulwini lomndeni, ngoba kwakushiwo ukuthi uma ungakugcini lokho ngezinsuku zakho zokugcina umndeni uyokuhlangula, ngoba wawuhambaze emagcekeni alapho ogane khona, uhambela umndeni, uzihambelaze.
15.Kodwa akuzange kube khona namunye owake wacabanga ukuthi uhambelaze kanjani ngoba umuntu uma efika emhlabeni akafiki nasambatho ufika enjalo. Kodwa salithatha lelivangeli saligcina. Kodwa uNkulunkulu wasithanda. Yathunywa ingelosi yasitshela ukuthi konke lokhu esenikulandelayo, ivangeli eliphenjwe uSathane phakathi kwebandla likaNkulunkulu. Saqala manje sabuza ukuthi kanjani ngoba lento ishiwo ebandleni kukhona zonke izikhulu zebandla, iqalaphi ukuthi yakhiwe nguSathane?
16.Wayesehlehla umuntu wasezulwini, wathi fundani umbalo obhalwe uShembe. Wasihlehlisa wasiphindisela lapho emthandazweni wokulala. Wathi uShembe wanitshela wathi ngosuku lwenhlupheko nibize uJehova, ngubani owathi bizani oyihlomkhulu, ngoba uShembe wathi ngosuku lwenhlupheko nibize uJehova, washo wathi uyokuza anisindise uma ngabe niyendlela inhliziyo yenu ngezikhathi zonke emkhondweni wezimemezelo zezwi lakhe?
17.Ngaleso siklhathi sasingabantu abahluphekile, singenawo umuzi, sasiqashile, silaphayana eThekwini, singazi ukuthi umuzi siyoba nawo nini. Kodwa wasihlehlisa wathi uShembe wathi ekuhluphekeni kwethu anobiza uJehova, wathi ngubani owathi bizani oyihlomkhulu. Ngubani owathi hlabani, nihlabele abanye onkulunkulu? Wathi lento eniyenzayo ayisesiyo lena uShembe afika nayo, wathi naseBhayibhelini kubhaliwe ukuthi uJehova unomhawu, akamfuni umuntu othembela kwabanye onkulunkulu.
18.Sahlehla sabuyela, saqala phansi safunda ivangeli ebekade siliphethe, siyiphethe, nansi incwadi phambi kwami. Saqala sayifunda, saqala manje sabuka ukuthi ngampela uShembe washo, wathi uma sesihluphekile, asibobiza uJehova, akukho lapho athe khona asibize obabamkhulu. Bantwana baseKuphakameni nalapho sibabiza obabamkhulu akuzange kufike bona, kwafika izilwane, kwafika amabutho kaSathane, kwafika amaviyo akhe ayesewahlobisile, wavunula uSathane wayohlala emsamu, ngoba wayebona ukuthi thina siyisizwe esingasathembeli kuJehova. Wabona ukuthi okuyigugu kithi ukukhuluma nabantu abangasekho futhi esingabazi ukuthi baphi, esingabazi ukuthi lapho abakhona, bagcineke kanjani. Akuzange kufike futhi emqondweni wethu ukuthi emndenini, kubo bonke abantu abahamba akusibona abantu bonke ababekade benotho kusukela besaphila, iningi labo ngabantu abafa behlupheka.
19.Kodwa wafika uSathane nevangeli lakhe wangena nalo ebandleni lamaNazaretha elikhulu esinyokothweni wathi konke nizokuthola koyihlomkhulu. Kodwa akufikanga bona obabamkhulu. Usathane wahamba wyovundla emsamu ukuthi uma sithi sikhuluma nobabamkhulu, sibe siguqela yena. Nasemsamu abanumzani abanezibaya, ababehambe bethi bayothemeleza ezibayeni bacabanga ukuthi bathemezela oyise, oyisemkhulu kanti uSathane usegijime wayovundla khona, kuzo lezo zibaya.
20.Uma efulathela umnumzane kade ecela okuhle, ecelela umntwana wakhe ukuthi nayi insizwa yami, isiwutholile umsebenzi, kodwa ngiyayicelela inhlanhla ukuthi lapho isebenza khona bakwazi ukuthi bayibuke nayo, bayikhuphule, bayikhuphulele nemali. Uma efulathela umnumzane esebashilo wababongelela, njengoba nami ngibongelela uJehova uNkulunkulu engithembele kuye, ihambe insizwa ithi iphethe isibusiso kanti akukho sibusiso ngoba uSathane akanaso isibusiso, isibusiso sakhe usizi.
21.Kwaqala insizwa ijabula ithi igezile ngezinyongo, icabanga ukuthi izothi uma ifika nje imenenja, iyibize itshelwe ukuthi hhayi sekufanele ukuthi wedlule uye esikhundleni esithile. Kodwa yabizwa insizwa yatshelwa ukuthi hhayi umsebenzi sewuphelile! Izibusiso ezimukelwa lapha emsamu, waphela lomsebenzi kade athi uzokhongozela ukuthi akutholayo kuthi ukweqa, kodwa waxoshwa emsebenzini. Esexoshiwe enezimoto azi kahle ukuthi izimoto ngezakhe, kwafika amathimba oklebe, bathi le moto iyafuneka yantshotshwa, wayithenga kumuntu owayeyintshontshile. Noma engasatholakali kodwa njengoba utholakele kodwa wena imoto iyathathwa ibuyiselwe kumnikazi wayo.
22.Wabathe uhleli, kwathiwa njengamanje kufanele uphume endlini ngoba usuyakweleta, zakhishwa izingane esikoleni kodwa umnumzane owayethemeleza ebonga lapha oyisemkhulu ethi ucelela indodana yakhe, eyicelela okuhle. Noma uSathane esenze njalo, asizange sibone ukuthi akusibo obabamkhulu esikhuluma nabo, sekukhona umuntu osehleli laphayana. Esiye sithi sicela kobabamkhulu bethu kodwa bese kuphendula yena.
23.Ithi indaba kaShembe, uthi uShembe ecela kwabamkhonzayo uNkulunkulu, uthi kufanele ukuthi sizazi izindlela zoMkhululi wethu. UShembe wayesholo khona ukuthi uma sizazi izindlela zoMkhululi wethu, siyakuzazi izindlela zikaSathane ngoba azifani nalezi zoMkhululi wethu. Namhlanje-na salahlwa imindeni, imindeni yaba izitha kithi, ilwela ukuthi silahle obabamkhulu. Kodwa uNkulunkulu esimkhonzayo ngendlela amuhla ngayo, uyikhombisile imindeni eyayilwa nathi, ithi asibhujiswe ngisho ukubhujiswa ngoba sedelela obabamkhulu bethu, sisuke kubo.
24.Lolusizi olwalusibhuqabhuqa sisapheka ukudla, sisahlaba izinkomo nezimbuzi namaqhude, sithi sicela kobabamkhulu, kuvele usizi, namhlanje lusele nabo. Konke esasukwembethe uJehova wasikhumula amanikiniki, wawalahla wasimbesa okuhle. Abanye sasingenalo ngisho ibhayisekile, abanye babengakaze babe nalo ngisho ibhayisekile. Kodwa uJehova wabuka ukuthi laba bantu bakukhethile ukuthi babe ngabantwana bami noma bengenawo umndeni. Bakukhethile futhi ukuthi balahlwe imindeni. Wangabe esasithengela ngisho amabhayisekili wasinikeza izimoto.
25.Abanye sasingenayo ngisho imizi, kodwa uJehova wasinikeza imizi. Bonke laba esasiboshwe usizi sinabo, lusaba bambili nanamhlanje. Abafani nathi ngisho usubabuka, noma siwumndeni kodwa uJehova usenze sahluka thina ngoba thina sigeza ngamanzi angcwele, asisagezi ngezinyongo, izinyongo ezidumisa uSathane emsamu ngegama lobabamkhulu. Njengoba nalapha ebandleni engene wafuna ukuthi adunyiswe egameli likaJehova, wadunyiswa egameni likaShembe nakhona emndenini.
26.Kuye kube buhlungu Bantwana baseKuphakameni ukuthi abantu abasihlaselayo, basihlasela bengasizwa ukuthi sithini. Futhi abantu abasihlaselayo abakaze basi challenge, basicela ukuthi ake siphumele eshashalazini likazwelonke, emsakazweni omkhulu. Ke siyochazela izwe, nenkolo yomdabu ike iphatheke kabi ngalelibandla ukuthi thina sikhuluma sigxeka bona, kodwa uma ingake isizwe kahle ukuthi sithini, naye iyoba ngakithi.
27.Ngoba asisho thina ukuthi abantu abakholelwa kulento, sithi ayikho kubo. Lapha ebandleni sikhuluma ngamaNazaretha angamalulwane. Uma ngabe inkolo yomdabu ingayifunda indaba yamaNazaretha angamalulwane, inkolo yomdabu iyoba ngakithi ngoba amaNazaretha asebenzisa igama lenye inhlangano kwenye inhlangano. Namhlanjena kuthukeka nayo inkolo yomdabu, uma ngabe yona ibikade isizwa, bekufanele ihlanganyele nathi ekukhuculwaneni amalulwane. Ilwe nayo ithi uma ngabe nina nikhuluma ngezinto lezi ezithinta abantu abangasekho, phumani ebandleni lamaNazaretha nize kithi, ngoba lezo zinto zingezethu, yithi esikhuluma ngalezo zinto, siyaziwa nakumthetho sisekelo sibhaliwe ukuthi simele inkolo enjalo.
28.Kodwa-ke basizwa kabi kodwa sisiza bona ukuthi kuza kanjani ukuthi abantu babe ngamaNazaretha, bathi mubongeni uJehova, kodwa kuyaba sewubona sebenza utshwala, bathi benzela abantu abadala, sebefundisa abantu ngenkolo enabafundisi bayo, enabo abantu abayimele okufanele bakhulume lokho. Uma-ke sesonakalelwa izinto ngabo, ngoba bambethe ingubo ezimhlophe, kodwa bona bayizangoma, abafuni ukuphuma enkolweni kaNkulunkulu bayombatha i-overall yezangoma, bayombatha khona ngokukhululeka, kodwa bafuna ukuzokona la, ukuze basithele bengaboni, bone ngisho inkolo yomdabu, benze izinto ezingenziwa ngisho kuyo inkolo yomdabu bese besithela phansi komNazaretha.
29.Thina besibasiza ukuthi bona njengabantu abasemthethweni abamele le nkolo basilekelele ukuthi aphikiswe amaNazaretha athatha inkolo yomdabu eyithatha phansi egameni likaJehova, bese kungathi sihlasela bona kanti sihlasela amalulwane, sithi uma sebekhuluma ngabantu abadala, abaphume ebandleni ngoba la asikhulumi ngabantu abadala sikhuluma ngoJehova.
30.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, asiwutholanga umvuzo omuhle, asibuyanga nalutho kulowo msamu, sabuya nosizi olwesabakayo. Ngithi bantwana baseKuphakameni angeke ngikushiye ukuthi ekuhlehleni kwethu sibuyele kuJehova njengoba ingelosi yasho, umvuzo esawuthola, sathola lo muzi. Umvuzo wokubuyela kuJehova owokuqala, mhla sibuyiselwa kuJehova. Ithi ingelosi wathini uShembe, yathi fundani lapha nizwe ukuthi wathini, ngoba phela sesihluphekile, bese sihluphekile, sithi sihluphekile asinamuzi, nemali ayihlali. Ngoba kwakwenzeka isimangaliso, wawuthi uma ngabe ufuna inkomo yokuhlabela lemimoya emibi ebizwa ngobabamkhulu kungesibo bona, kodwa kunguSathane ohambe wayovundla lapha,wawuyithola ngokushesha, kodwa eyokwakha umuzi wawungaba nayo, eyokuthenga imoto wawungaba nayo. Kodwa mhla nje uvuma ukuthi uyawenza umsebenzi, izangoma zebandla, izangoma ezigcwele lapha ebandleni sezikutshelile ukuthi kufuneka inkomo ozokwazi ukuthi uhlawule ngayo. Ngesikhathi bethi uhlawule awazi ukuthi wenzeni awutsheliwe ukuthi wenzeni.
31.Kuthiwa inkomo eyenhlambuluko ngoba bahamba bexabene, kodwa akekho obabuzayo ukuthi babe bangeni ngoba phela awukwazi ukuhlawula icala ongalazi ukuthi kwakwenzenjani, kufanele ukuthi ushweleze ngento nawe oyaziyo ukuthi siyaxolisa ukuthi konakala lapha, abantu baxabana lapha. Cha, ngendlela uSathane onenhlanhla ngayo akekho umuntu owayebuza ukuthi babangeni, noma labo babamkhulu uma ngabe sekukhulunywa ngabo, babe khuluma ngabo baze bakhale phambi kwakho kuthiwe nangu ubabamkhulu. Kodwa uma ungabuza ukuthi uyena ongubani, nanixabana, igama wawungalitholi, nanixabana, kuthiwe ngeke usinde uma unenkani.
32.Kodwa ayikho inkani onayo, ufuna ukwazi nje ukuthi uyena bani lo okufuneka ukuthi ngimhlawulele, ngoba phela bayabizwa ngezigaba zabo ngisho sekuthemelezwa laphana kuyaye kuthiwe ngikhuluma naweke baba onguyibanibani, bese kuyashiwoke. Kodwa wawuthi uyabuza ukuthi uyena bani kuthiwe nje ngeke usinde mawunenkani ngeke uphumelele, ushweleze ubuyele kubo.
33.Ngthi-ke ngiyabakhalela abantu abangakamboni uSathane ukuthi wasibona isizwe sakithi, wabona ukuthi amaZulu ngabantu abathandayo ukuthi bengamukhonzi uJehova kodwa bese bekhuluma bethembele koyisemkhulu. USathane wahamba wayobaxosha bona labo obabamkhulu. Wavunula. Wavunula waconsa ngebheshu, wahamba wayohlala lapha, namhla bonke bafake amabheshu, bathi bawafakela obabamkhulu. Wavunula naye uSathane wafaka elakhe khona laphayana ukuthi ukwazi ukusondela ngoba uzocabanga ukuthi lo msamu unobabamkhulu bakho.
34.Ngithi bantwana baseKuphakameni lemimoya abayiphethe ikufica ungowakuleso sibongo noma ungowakwaNkosi noma ungowakithi nje kaNxumalo, kodwa le mimoya ukuze kubonakale ukuthi ikuzuzile ungowayo, ifike ithi awusiye owalapho, ebese ikunika isibongo. Ithi wena umama wakho wakuzala kabani. 35.Ngeke bantwana baseKuphakameni sidede kulendawo ngoba abantu bakithi bayaphela, ngike ngakuchaza kuwo lonyaka ukuthi umzala wami ozalwa ngumalume, wahamba kaKubheka ekhaya komama, eyintombi wayogana. Kodwa uthe uma eseganile laphana kwaSimelane, wafike wathola umntwana wazibula ngomfana.
36.Kodwa uthe uma eseya laphana kulelibandla lakithi elizigidi, esengena naye ngoba uye udonswe ileli elithi ‘Bongani uJehova’ ngoba nabo bayasisho lesi sihlabelelo, bese abantu becabanga ukuthi ibandla likaNkulunkulu, kusakhonzwa uNkulunkulu, kanti into nje yokubiza abantu kodwa laphayana kulelibandla sekuyibandla elikhonza amadlozi. Wathi uma efika khona umntwana wabuya nenye indaba, wathi uthe efika laphayana base beyamutshela abantu ababonayo, bathi akasiyena owalaphayana. Uthe esathi uyakumangala lokho babe bemnika isibongo bathi ungowakwaSithole.
37.Ingane yafika nakho lokhu, kwala wonke umuntu, kwaba kubi kuloya muzi ekugane umzala, ngoba ubaba walomntwana wonke umuntu ongamazi wayembuka kubo. Ingane yayingasabambeki ngoba itshelwe ilaba bantu abagqoke ingubo emhlophe abathi bangamakholwa, kodwa babe beyinkolo yomdabu. Ngithi bantwana baseKuphakameni umzala wami, umntwana wathi usakulalele lokho usabikela umndeni, babe bemkhipha phakathi komuzi, bathi akaphume eyokwakha ixokovana azokwazi ukubiza lesi sibongo sikayise, lo yise oyisilawane!
38.Wahamba wathenga ukhethe, waqeda ukulithenga, kwamisa lowo mkhukhu, wabeza bamfakela bathi bazomfakela abakaSithole, akuzange kuphele nenyanga, umzala wathi ebizwa, wabizwa kwathiwa woza uzoqoqa, umntwana washa waba ngamalahle, eshela kulomkhukhu ababekade sebemakhele wona. Imiphumela yokukhonza imimoya ongayazi iyo yona leyo.
Ngithi-ke ngiyamubonga uNkulunkulu ngoba lapha into esiyifundiswa yona nento esiyifundayo, ingelosi wonke amalanga ivama ukuthi isinikeze izincwadi zokufundisa abantu njengoba namhlanje incwadi ithi ‘deda kokubi wenze okuhle.’ Ivangeli esinalo lapha lingelokufundisa abantu ukuthi uNkulunkulu ufunani.
39.Ngithi-ke mina Nkosi uze ungikhumbule uma ukufa sekumi phambi kwami, ngoba ithi ingelosi kaThixo, ‘sisalindelwe indaba enkulu, kuncane lokhu ukuhlupheka okulapha. Ibuhlungu indaba yasekufeni bangcwele uma ulalela, ithi kubuhlungu, ithi ukube ngiyazenzela ngabe abantu balungisa yonke into, bayifune into ethandwa uNkulunkulu, bayifune khona manje beselapha emhlabeni, bayifune into eyijabulisa uNkulunkulu ngoba uma wenze kahle phambi kwaJehova ukwenza kwakho okuhle kuyakudedisa okubi, kuyothi noma kukhona ichashaza, kodwa lokhu okuhle owakwenza kuJehova kuyakuma phambi kwakho, ebese uyasuka kulokho okubi ebese uyasinda engozini obukade uzongena kuyo.
40.Ithi ingelosi lingcono ijele lalapha emhlabeni, ithi lingcono ngoba abakini bayakwazi ukuya bakubone, nezwe nawe uyalibona, futhi uyadla, futhi uyaphuza, uyakwazi ukuthi ukhululeke. Uthi ijele elikhulu lisethuneni, uma ngabe usufika phambi kwaNkulunkulu, uNkulunkulu ekuthola ukuthi bewungenzi kahle, awumdumisanga, awunakanga lutho. Uthi uma ngabe usuthi uyazama nawe ukuthi ukwenze, bese lithi izwi hambake uyoqala phansi, kwenze lokhu okwakushiwo abaprofethi basemandulo, lokhu okushiwo ngabaprofethi ukuthi uma ufuna ukubona uJehova enzanjani. Nqandeka-ke uhambe.
41.Ithi-ke ingelosi uma usunqandeni, awunqandeki uye ekhaya, awunqandeki uye kwakho, ithi ikhaya lakho sekuyithuna, umphefumulo wakho uyahlehliswa ebese ubuyela lapha kuleliyithuna, uma usungenile kulelithuna, bese uyakhumbula ukuthi konje njengoba uhleli lapha, usethuneni, usebhokisini, uhleli phansi kwethuna, ebese uyamemeza, umemeze kuze kuqhume iphimbo ungazwakali, ngoba wathi nangelanga lomncwabo, bafike bakuncwaba bakushiya khona lapho.
42.Akekho owabuyela kuwe ukuthi wayolalela nje ukuthi mhlawumbe engezwa yini uma umemeza ngoba kuthiwa kuphelile! Kwashiwo kwathiwa inhlabathi enhlabathini, umlotha emlotheni, uthuli othulini. Abazi ukuthi usefike lena umenzi wezulu nomhlaba wathi jikake, uyokwenza lokhu okwakufanele ukuthi ukwenze.
43.Kodwa awusakwazi ukuthi uze kubantu. Uze ubuyele ukuzokusho noma wenze lezo zinto lezo, kodwa umphefumulo wakho uyoya ethuneni lapho okunenyama yakho khona, lapho oyomemeza khona ubusuku nemini, abantu bengakuzwa, ngoba ugqitshiwe, kuthiwe uthuli othulini, abantu abazi ukuthi awusesilona uthuli othulini, sewuvukile
Nkosi uze ungikhumbule