Inzima indaba yokukholwa bangcwele, ngoba uma uNkulunkulu engakukhethile, uma ngabe ungumntwana kaSathane, noma usungenile endlini kaNkulunkulu kufike kuphikeke ukuthi cha wena awusiye umntwana kaNkulunkulu. Naye, izingelosi zakhe zithi khumbula kuyihlo, aphumeke naye aye kuyise, ngoba zikhona izikhonzi zakhe zithi awumkhumbuli yini uyihlo. Nathi sizokhumbula uBaba wethu onguJehova, sizokhumbula uNkulunkulu owasidalayo!
Intshumayelo kaMfundisikazi mhlaka 26 November 2022 ngeSabatha ekuseni eNqobizitha.
148. ISIHLABELELO
1 Sisa ndinda wasimisa
Sabashiya babephuza,
Samlandela uphunga elihle
Makabongwe uJehova.
2 Nanamuhla basa banjiwe
Abagcinelwe ubumnyama,
Bakhululekile ababiziweyo
Makabongwe uJehova.
1.Ngiyababingelela abangcwele, ngiphinde ngiyikhethe iNkosi enkulu yaseKuphakameni kuyiSabatha.
Isihloko KHUMBULA ISIFUNGO SAKHO OWASENZA NOJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO.
Bantwana baseKuphakameni kulukhuni ukukhumbula isifungo sakho uma ngabe ungasamile kuso. Isifungo esasenza phambi kukaJehova mhla simamukela sathi siyohlala endlini kaJehova kuze kube sekupheleni kwezinsuku zethu. Saphinde safunga sathi akukho okuyosihlukanisa naye, noma ngabe umndeni, noma ngabe omakhelwane noma ngabe abazali.
2.Savuma sathi singabantwana bakaNkulunkulu, savuma phambi kwakhe ukuthi azikho izinsuku esiyobe singesibo khona abakhe. Kulula ukufunga, kodwa kunzima ukugcina isifungo. Bayajabula noma bayobusiswa abasasikhumbula isifungo abasenza noJehova. Bantwana baseKuphakameni usho njalo lo muntu wasezulwini, uthi:
3.Ubothi uma ngabe kungukuthi izinto sezimi phambi kwakho ongazithandi, noma ukuhlupheka noma yini kodwa bese uyahlehla uthi Nkosi usangikhumbula yini ukuthi ngangenze isifungo ngathi Nkosi akukho okuyongihlukanisa nawe noma ukufa, noma ukujabula noma indlala noma ukweswela, angeke ngisuke kuwe!
4.Ngisenguyena lowo owayeshilo, ngiyakudinga Nkosi ukuthi ungisize kulokhu kuhlupheka osekungehlela manje. Ngoba isifungo abantu abasenzayo, abanye abafundisiwe ngaso, bakuthatha njengesaga nje esikhuzwa ebandleni ukuthi kufanele ukuthi uhlale uhlale usho njalo. Isifungo siyinto enzima ngoba usuke ungafungi kubantu basemhlabeni ngisho abaPriest kodwa usuke ufunge kuJehova.
5.Ngalawo mazwi siyadinga ukukhumbula ukuthi thina singabantwana bakaNkulunkulu abafunga ukuthi akukho okuyosisusa kuye. Noma singahlupheka noma singagula noma izitha zingama phambi kwethu noma kungavelani, kodwa angeke sisuke kuye. Ushilo obekade efunda umthandazo wathi iSabatha namuhla bantu nonke nina enimesabayo uJehova, nina nabantwana benu gcinani umthetho kaJehova.
6.Kuyakuba kuhle ukuthi uma ngabe sikhona endlini kaNkulunkulu, asiqali lapha, asizile ukuzoqala lapha ukwesaba uJehova. Simesabile noma sisemzini yethu, samsaba noma kungekho bafundisi phambi kwethu, kungekho bavangeli kungekho bakhokheli kodwa samsaba ngenxa yesifungo esasenza thina mhla sizihlanganisa naye.
7.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni lamavesi nje ambalwa engithe angiwathinte kulesi sihlabelelo, lesi sihlabelelo siyasikhumbuza thina njengabantwana bakaNkulunkulu ukuthi lombhalo obhalwe lapha abantu abamiswa bendinda kwakuyithina, ithina esabashiya bephuza.
8.Lithi-ke elinye ivesi nanamuhla basabanjiwe abagcinelwe ubumnyama. Uma ngabe abantu besabanjiwe abagcinelwe ubumnyama, sifanele yini thina esingagcinelwe ubumnyama siyozikhuhla kubo? Abagcinelwe ubumnyama obuphakade, uma wena ungumntwana kaNkulunkulu ofungile phambi kwakhe ukuthi akukho okuyokususa kuye, uyakuhlala endlini kaJehova njalo, uyakuba umntwana kaJehova ngisho noma ukuphi.
9.Uthi-ke uShembe nanamuhla basabanjiwe abagcinelwe ubumnyama! Umbuzo uthi abantu abamenyezwe basabela, labo abamiswa ekundindeni base bethatha uNkulunkulu bazozinza, bakufanele yini ukuphinda bezihlanganise nabantu abagcinelwe ubumnyama? Namuhla bantwana baseKuphakameni iSabatha, uthi-ke uShembe kubo bonke abamesabayo uJehova. Siphumileke sizosaba uJehova njengokusho koMprofethi wethu umuntu wasezulwini!
10.Kufanele bangcwele sizibuze ukuthi kuyasifanela yini thina ukuthi siphinde sizihlanganise nabagcinelwe ubumnyama. UNkulunkulu esesimisile thina wayesesipha amandla ukuthi sibashiye laba abaphuzile, abadakiwe. Sithole inhlanhla thina ewukuthi singaba yibo abantwana abadakiwe, uJehova wasikhetha ukuthi sibe ngabantu abazodumisa yena.
11.Kwenye indawo uJehova uthi ibani ngcwele ngokuba mina Jehova iNkosi yenu ngingcwele. Uthi nginikhethile nganenza naba ngabantu bami. Uma uJehova ekhetha abantu uyabangcwelisa, abenze babe ngabantu abangcwele ngoba bayifa lakhe.
Bantwana baseKuphakameni namuhla kuyiSabatha, uma ngabe uguqe phambi kwabantu ubohlala uhlale ubuye ubakhumbuze ukuthi bazi ukuthi wathunywani. Uhlale uhlale ubakhumbuze ukuthi uJehova uma ekuthumile usuke ebheke ini kuwe wena omthumile.
12.Ngiyacela ukuthi sifunde ku-Isaya 61 verse 1-2. “UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle, kwabathotshisiweyo, ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo. Nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa, nokuvulelwa kweziboshwa etilongweni. Ngimemezele unyaka omusha kaJehova nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu, ngiduduze bonke abalilayo.”
13.Umsebenzi womuntu osuke ethunywe uNkulunkulu ngaso sonke isilkhathi izimfundiso zokuthi afundise abantu ukuthi uNkulunkulu ufunani kubantu bakhe, afundise abantu ukuba baphephe koMubi, afundise abantu ukuthi bamvike kanjani oMubi, afundise abantu ukuthi noma ngabe bakuphi bemesabe uJehova. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni asazi ukuthi bangaki esibaduduzile, asazi bantwana baseKuphakameni, kodwa-ke uNkulunkulu uyazi ukuthi uyofike abhekeni kodwa-ke ngibuyela laphayana lapho athi uMprofethi basabanjiwe abagcinelwe ubumnyama. Kubuhlungu-ke ukugcinelwa ubumnyama ngoba ngisho uNkulunkulu esekuvulelwe umnyango ethi ngena unjalo, uzogezwa kodwa ubumnyama lobu ogcinelwe bona buyakunqabela.
14.Baningi abantu abazihlanganisayo noJehova babe bahle kanye nabahle, kodwa bahambe bahambe kubaphelele ukukhanya, bazibone ukuthi abakufanele ukukhanyana, baphume ekukhanyenni bayofuna ubumnyama ngoba ekukhanyeni awukwazi ukuthi unyonyobe noma wenzeni ngoba kuyakhanya, akukho lapho okungafihleka khona.
15.Bacasulwa yikho khona lokho ukuthi ayikho indawo engingazifihla kuyo, konke nje kusobala ngalokho ke ngifanele ukuba ngihlehle ngiyofuna indawo enamakhosomba lapho engizakuma khona, nami ngibalwe nabangcwele kodwa ngingesiye. Inzima indaba yokukholwa bangcwele, ngoba uma uNkulunkulu engakukhethile, uma ngabe ungumntwana kaSathane, noma usungenile endlini kaNkulunkulu kufike kuphikeke ukuthi cha wena awusiye umntwana kaNkulunkulu. Naye, izingelosi zakhe zithi khumbula kuyihlo, aphumeke naye aye kuyise, ngoba zikhona izikhonzi zakhe zithi awumkhumbuli yini uyihlo. Nathi sizokhumbula uBaba wethu onguJehova, sizokhumbula uNkulunkulu owasidalayo!
16.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni unyaka usutshekile, sesiya khona lapha ekutholakala khona singasakhumbuli ukuthi thina samiswa, sabashiya ababephuzile kodwa kithi uma sekuwu December bese siyakukhohlwa lokho ngoba kusuke sekuhlangene konke, inyanga ekusuke kwenziwa amadili ngayo. Abanye bayashadisa, abanye bayemulisa, abanye benza idili labantu abangasekho. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni asikhumbule isifungo sethu esasifunga noJehova uNkulunkulu wethu, sikhumbule ukuthi thina singabantwan bokukhanya!
17.Yikho singabalekanga noma uSathane esefike nazo zonke izikhali, yikho singazange sibaleke ngoba sasingabantwana abathandiwe, ababekwe ekukhanyeni, abasusiwe emathunzini amnyama babekwa ekukhanyeni. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni namhlanjena ake sibonisane ngendaba kaDecember, lapho esimona khona njalo uNkulunkulu, sisuka nalendaba kaNkulunkulu sihambe kodwa kuthi uma sekuyofika kuDecember bese siyamona uNkulunkulu.
18.Bese siyakhohlwa ukuthi thina singabantwana bakaNkulunkulu, bese sihamba siyozibandakanya nemicimbi engahlanganise lutho noNkulunkulu onguJehova, bese sihamba siyozihlanganisa nemicimbi eyenzelwe abanye onkulunkulu. Abanye kuvuka ubukhosana kubo, athi umuntu angikwazi ukungayi ngoba ngiyiNkosana yalapha ekhaya, kufanele ngiye, umuntu osazisa ubukhosana kulelibandla akakagezeki, usandinda, undida khona elapha ebandleni.
19.Uma umuntu esazitshela ngokuthi uyiNkosana ngokokuzalwa kuqala, esakhumbula ukuthi uma yena eyiNkosana engekho, kuzoba kubi. Kuzoba kubi kubani ngoba wena wasuswa lapha? Athi umuntu angikwazi ukungakhiphi lutho ngoba yimi iNkosana, noma ngingazukuya kodwa ngizokhipha nami ngoba kobe kuhlangene umndeni, nami ngizokhipha ngifake laphayana. Uma ucabanga ubona ukuthi uJehova uyojabula yini uma ngabe uthatha imali ungumntwana kaNkulunkulu, naleyo mali uyiphiwa nguye, uyajabula yini uma eyibona iyothenga umthombo wokwenza utshwala, abantu abazokuphuza, bathi bengaqeda ukuphuza begwazane bebulalane, kodwa imali yokuthenga lomthombo wokwenza abantu benze izinto ezimbi, iphume kuwe, kodwa uwumntwana kaNkulunkulu. Uzibona ungeke yini waba nalo icala kuNkulunkulu?
20.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni uJehova akasithande, asenze sikhumbule yena, enze konke kube yize, enze konke kube kuncane, yena yedwa abe mkhulu kithi kunayo yonke imindeni esinayo. Ngoba uma kube sisakhumbula ukuthi akukwazi ukuthi ngingahlala ngingaba khona uma abafwethu behlangene, noma ngingekho kodwa ngizakuphosa esivivaneni.
21.Lokhu kuphosa esivivaneni, usuke uqhweba izinkinga ukuthi azikunamathe, azize khona lapho uJehova akufihle khona. Ngoba laba abantu noma sebathi benza imisebenzi yoyisemkhulu, akusekho yisemkhulu, kodwa uSathane uhambe wayovundla lapha kulemisamo, wayothatha ubukhosi balaba obabamkhulu bethu. Ngithike bantwana baseKuphakameni inyanga engeyinhle lena ezosuka, angiyithandi ngoMoya wami wonke, ngangivele ngingayithandi ngingakabi iNazaretha, ngangingazi ukuthi yini eyenza ukuthi le nyanga ngingayithandi, ngangiphikelela ukufa uma kuthiwa kuzoba uDecember.
22.Angikazeke ngibe umuntu ojabulela uKhisimuzi, nalapho engisebenza khona, wawungeke ungibone nje mina ngithi ngiyehla ekhaya ngoba uKhisimuzi, ngangisala ngithi hhayi angizicoshele ama cent ngesikhathi abantu behambile ngisebenze nemisebenzi ekungasiyona eyami, ngizihambele nje kahle. Angikaze nje ngiyithande nje kahle, ngithe uma sengifika lapha eKuphakameni ngase ngiyabona ukuthi kanti le nyanga ngize ngingayithandi nje kube nesililo, ngivelelwa izinto ezimbi ngayo, ingoba vele ayibanga yinhle, ayibanga yinhle bangcwele ngoba inyanga vele uJehova lapho asephuca khona iNkosi iLanga.
23.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni asikhumbule isifungo sethu. Ngishilo nakwenye intshumayelo ngathi bayalunga abagcinelwe ubumnyama, bayalunga, sebeshilo ukuthi ukhisimuzi ngizohamba ngiyowudlela kumzala wami oseThekwini noma nje okuphi. Useshilo nomunye ukuthi ngizoya kaBhuti wami, useshilo nomunye ukuthi ngizoya kumfowethu. Ngithike bantwana baseKuphakameni isixazululo sokuthi uhlale ungumntwana kaNkulunkulu kuhle ukuthi uma ngabe kungu November uhambe wena njengoba ngike ngakusho entshumayelweni edlule. Ebese uyabatshela abakini ukuthi nginithengela lokhu kudla, ngithi busani nani ngeholidi elizoba khona alakheka phansi kwakhisimuzi.
24.Ngithena manje angize ngizokunibona ngoba sengiyalunga, ngilungela inhlangano kaJehova ezoba ngo January. Sengisekulileni, ngililela uJehova ukuthi akangikhumbule, ngingene emhlanganweni, ngifanele nami ukuba semhlanganweni, angizukukwazi ukuhlala phansi. Uma umuntu evakashile udinga uthando ukuthi uma efika usuke edinga uthando ukuthi uma efika lona omvakashele, ahlale naye, ajabule naye, amenzele lokho amenzele khona. Uma ngabe singakhuluma iqiniso elinjalo, izinkinga angeke zisilandele ngoba ubenzele okuhle, ubathengele ukudla, abafanele ukuthengelwa ukudla, ngoba akusibona bonke abantu abafanelwe ukuthengelwa ukudla. Ubanikeze isibusiso nawe uthi iNkosi ibe nani kulamaholidi, nathi siyoyicela ukuthi iNkosi ibe nathi ngoba uyikholwa elingafihlekile.
25.Kukhona abantu abaye bakholwe, bakholwe khona lapha eThekwini, uma sebefika emakhaya, bakushwatheke phansi kwezinyawo ukukholwa, bangafuni nokuthi kwaziwe ukuthi bangamakholwa ngoba babalekela ukuthi kuzakubuzakala ukuthi hawu watholakala lapho ngoba ebandleni lakini ingani kuthiwa lokhu akwenziw? Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, uShembe uthi kwesinye sesihlabelelo sakhe, uthi uyakukhalela we Ntombi nawe nsizwa. Uthi akazi ukuthi lokhu kukholwa uyophinde ukuthole ngasiphi isikhathi ngoba izwe seliyasongwa.
26.Abanye emzini yoyise baphethwe odadewabo, kukhona nje udade osatshwayo, wesatshwa ngisho nangabafowabo, angeke ukwazi ukuthi ukhulume indaba kaNkulunkulu, kuthiwe awukwazi ukuzihlanganisa nalokhu, wesaba nodadewenu. Ungazi ukuthi uyoze ahambe nini aye lapho okufanele aye khona, lapho okuyaye kuye khona abanye. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, thina njengabantwana bakaNkulunkulu, lokhu kukholwa kwethu asifanele ukukufihla noma sesifika emndenini onjani. Singabi namahloni ukuthi singazihlanganisi nabo, abantu abasahlanjululwa ngezinyongo ezikhulunyelwe nabantu abangaziwa. Abantu abasaguqa emsamu bakhulume khona bengazi kwabona ukuthi bakhuluma nobani lapho abakhuluma khona.
27.Abantu abasahamba beye emathuneni bethi bayolanda abantu, kodwa laba abantu abathi bayabalanda, nalelo hlahla abasuke behambe nalo, lelo hlamvu lelo, akekho oyaye ababone begibele kulo, kubuya lona. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kufanele ukuthi sizifune ukuthi thina njengabantwana bakaNkulunkulu, njengoba sisandinda, samiswa. Laba-ke okuthiwa basabanjiwe kuthiwa bagcinelwe ubumnyama, thina bantwana bakaNkulunkulu sifanelwe yini ukuthi sizihlanganise nabo laba abagcinelwe ubumnyama ngoba uma ngabe bengakufuni ukukhanya bafuna ubumnyama!
28.Indaba kaNkulunkulu ayifani namafa, ngoba amafa ayabiwa, uthi uShembe kulesi sihlabelelo sakhe, alabiwa, lelilifa liyadliwa ngandla! Ifa uyalithatha ulinikeze umuntu noma ngabe iluphi uhlobo, wena uma uthandile wena ukumnika. Kodwa endaweni kaNkulunkulu akunjalo, ngeke ukwazi ukumhlephulela inhlanhla yokungena ezulwini, uNkulunkulu ethe angeke engene ngezizathu yena ozaziyo. Angeke ukwazi ukuthethelela umuntu oboshwe uNkulunkulu, ngoba uma eboshwe uNkulunkulu kufanele athethelelwe nguye.
29.Ngeke ukwazi ukuthi akangene ngoba uyamthanda, ngoba ezulwini akusikhona kwakho, kodwa kukini! Ngeke noma usuthanda uthi akungene umuntu ongafanele ukuthi angene ezulwini, noma ngabe umzali wakhe, ngeke usho wena uthi akangene ezulwini uma ethi uNkulunkulu akamdingi ezulwini lakhe ngezizathu uNkulunkulu azaziyo ngaye!
30.Ngibuza-ke ukuthi amakholwa akufanele yini ukuhlangana nabantu abamiswayo, abantu abayekwa kwathiwa bagcinelwe ubumnyama? Uma umuntu egcinelwe ubumnyama, wena ogcinelwe ukukhanya, uma uzihlanganisa naye, wena awugcinelwa ngani ubumnyama? Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni engathi uJehova singeze samkhohlwa noma sesibona imindeni, ngoba ngisho ngithi iyabopha, ibopha imithwalo, isilungele ukuza emzini yamakholwa. Engathi ungeze wadayisa ngothando lukaNkulunkulu, engathi ungamkhumbula noma umndeni usuphithizela egecekeni lakwakho.
31.Engathi ungakhumbula mNazaretha oyingcwele ukuthi mhlazana uhluphekile ungenalutho awubanga nawo umndeni. Ukhumbule ukuthi mhlazane uthi ake ngibolekelwe noma nje u R10, akekho owakubolekela. Ukhumbule ukuthi mhlazane unganamuzi wawunganazo izihlobo. Kodwa waqala ukuba notho ngoba usumukele uJehova. UJehova wakwakhela umuzi, wakupha isithunzi sokuhlonipheka ukuthi ube nomuzi, uJehova wakupha umsebenzi, wasebenza wavuka ezintulini nawe waba umuntu. Engazathike singakukhumbula lokho ukuthi uNkulunkulu akasithathanga sibusa, kodwa wasifica ebhuqwini, sikhala sibhuquza sihluphekile!
32.Ngalokho-ke asinakunikela ngothando lukaNkulunkulu, asinakulihlephula silucane, silucanele abantu abagcinelwe ubumnyama, singeke silucane, luqondene nathi. Indlela eya ezulwini inameva, inamatshe, yikho imindeni yethu ingayifuni le Ndlela ngoba iyabona ukuthi kunamatshe, kunameva. Akekho ohambela omunye kulameva, akekho umuntu ongahambela omunye, nomunye nomunye uhambela indaba yakhe kulamatshe. Akekho ongahambela omunye! Nbgithi-ke bantwana baseKuphakameni uthando lukaJehova asithanda ngalo, alinakulinganiswa nalutho, ziwile izinsizwa esasikhula nazo, kwahamba abantu kwawa amakhosi, kodwa uthando lukaJehova lwasizungeza bantwana baseKuphakameni ingekho imindeni yethu.
33.Lasithanda kukhalwa, lasondela kithi kumnyama, umhlaba ulila wonke, kodwa uthando lukaJehova lwasizungeza, lwasifukamela, saphunyula, saphunyula abantu bewa ngapha nangapha, bebulawa ubhubhane, i-Covid19, sasinda. Loluthando bantwana baseKuphakameni ushilo uShembe wathi leli lifa alabiwa, liyadliwa ngamandla. Ngalawo mazwi bantwana baseKuphakameni, kwangazathi namuhla njengoba kuyinkonzo yeSabatha, singaqala bantwana baseKuphakameni uma ngabe bese kukhona lapho ebese sikhohlwe khona, sibuyele kuNkulunkulu.
34.Ungamkhohlwa uJehova, ungasikhohlwa isifungo sakho owasenza noNkulunkulu, noma ungajabula kangakanani, noma kungaqhamuka umuntu omthanda kunabo bonke kodwa unganikeli ngothando owathandwa ngalo, uze ungamhlephuleli uthando othanda ngalo uJehova! Ikamelo elihlala uJehova kulo enhliziyweni yakho, awunakuvulela muntu kulo ngoba ikamelo elihlala uJehova uNkulunkulu wakho. Ngicela-ke bantwana baseKuphakameni ukuthi siqale manje ukukhumbula ukuthi uJehova uhlala abe nomhlangano nathi, sitholakale singenzanga amacala njengoba sekuya kulenyanga kaDecember.
35.Le nyanga ayiyinhle, le nyanga yenza abantu babe nezikweletu ezingapheli, le nyanga iphethwe uSathane, yenza umuntu ahambe eyoboleka imali azi kahle ukuthi ngeke ukwazi ukuyikhokha, ngoba efuna ukubukwa ngabantu, ngoba efuna ukuthi kuzothiwa unemali engenayo. Baningi kabi abantu othi uma udlula emzini yabo uzwe kukhala izipikha, zizakwala e-Engilande, zithengiwe, uhambe wayobolekela kumashonisa ukuthi akamnike imali uzoyikhipha, akayikhipheli, akayibolekeleli lutho, ufuna ukuzobanga umsindo, ufuna ukudansela uSathane.
36.Ngithi bantwana baseKuphakameni kuthi emva kwezinsuku ezithile, zifike izincwadi eziphethe imali afanele ukuthi ayikhiphe, uyakweleta vele, ebese eyahluleka, umashonisa uyayifuna imali yakhe. Kulapho bantwana baseKuphakameni abantu abadlelwa khona izimoto, sebehlulekile ukuthi bazikhokhe ngoba bahambe baya nasemawotela abizayo, bafuna ukubukwa ngabantu ukuthi umuntu obabona lapha abasabe athi banemali kabi, kodwa uthole ukuthi abanawo ngisho umuzi. Abanalutho, imali ebekuwukuphela kwayo, ile abazofuna ukubukwa ngayo.
37.USathane ujabula kabi uma ngabe uboleka imali ngoba uyazi ukuthi uzokunqoba, uyazi ukuthi usethole isango azokuwisa ngalo. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni asazi sokwenzanjani, ngike ngabalisa ngathi kodwa sokwenzanjani ngoba thina vele asisenabo abazali, kodwa kukhona abantu abasenabazali ababusisiwe kuNkulunkulu. Ekudingekayo ukuthi babondle abazali babo, noma unganikela umnikelo wokweshumi, uJehova angeke athokoze uma ngabe ungamondli umzali wakho. Noma unganikela ngani uJehova akayikuthokoza ngawe ngoba awubondli abazali bakho.
38.Zonke izinhlanhla ziqhamuka ekubongeni komzali, uma ebonga umzali, usuke ekuvulela okunye ukuthi kukwehlele. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni asazi sokwenzanjani kodwa uma ngabe unikeza umzali wakho, vele imali kusuke sekungeyakhe ngoba umzali. Ngibona ukuthi uNkulunkulu uyobona ukuthi sesiphoqekile ukuthi sibanike ngoba kusho yena ukuthi asibahloniphe. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni sekuyiyona le nyanga, abantu abavama ukuzithola sebengena ogibeni ukuthi bayoboleka izimali abangazazi bazozenzenjani. Ayibolekele engathi uyokwenza umthimba, kanti cha akukho lutho kodwa ufuna ukubukwa nje izwe.
39.Kuhle-ke kabi bantwana baseKuphakameni uma ngabe ungenalutho, ubokufisa ukuthi abantu bakubone ukuthi awunalutho. Ungabozibeka ezingeni labantu abanotho ungenalutho, ngoba nengelosi epha abantu izinto iyokufica uhleli nabantu abangaswele, ifike ithi ikuthole unabo, akukho okufanele ukuthole ngoba ikuthola wena ufuna ukuzihlanganisa nabantu abangaswele, kodwa ufuna ukuzilinganisa ngezikweletu, hhayi ngemali yakho.
40.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni sisendabeni enzima, sisendleleni enamatshe nameva ngoba uNkulunkulu kuwo wonke amabandla ubheke thina ukuthi ibandla lami, ngiyazi ukuthi ngalo kuzokhanya emhlabeni. Kuzokhanya kanjani uma ngabe kusekhona abantu abathi mina ngiyiNkosana kithi. Kuzokhanya kanjani? Nokuziphatha nje kwethu kuyadingeka ukuthi kwenziwe kube umthetho webandla, kube umthetho ukuthi emzini yethu sibe ngabantwana bakaNkulunkulu nakhona. Uma uwumama wazi ukuthi umnumzane uwumuntu omkhulu ekhaya, ufundise nabantwana bakho ukuthi bamhloniphe ubaba wekhaya. Nabo bayosithola isibusiso, bonke abantu bayokusho ukuthi izingane zalaphana ziyahlonipha, ngesikhathi besho njalo, kwehla izibusiso!
41.Ungakwamukeli ukuthi ingane ilinganise uyise nanoma nani, ingane yakho uma uyithuma uthi ayihambisele ubaba wayo lokhu, uboke uhambe emva kwayo ubone ukuthi mayifika imnika kanjani, ngoba ingane emhloniphayo uyise iyakufika lapho okunoyise khona iguqe, ifike ibeke lokho ekubekayo, uyise ayibusise, athi iNkosi ikubisise mtanami, ubusisa umuntu okufanele amubusise! Ungambusia kanjani umuntu omi ngezinyawo wena uhleli phansi, kodwa uzalwa nguwe, bayofika bahlupheke phambili lapho eya khona. Bayothi noma sebathi ake simphindisele emuva, ayoyalwa ubani ngoba ukuma ngezinyawo wakuqala kuyise, owakuphi lo baba ozomyala namuhla, uzolandela ubaba wasemzini wabantu. Noma ngabe uyise angeze amtshela umkhwenyana, kodwa iqiniso uyalazi ukuthi kade engamhloniphi naye!
42.Ngithi-ke bantwana baseKuphakamen,i sibaphathe kahle abayeni bethi, uma sibonga ingxenye yemisebenzi kaNkulunkulu singamakhosikazi alelibandla. Singamlibali uJehova ukumbonga ukuthi akagcinanga ngokusinikeza ukuphila, kodwa wasinikeza imizi, wasinikeza abayeni abasithandayo, esingatholakali sinezibazi, wasinikeza abayeni abasakhele imizi, esesikhosele kubo njengoba thina singasenabo obaba, abanye abaningi abasenabo abazali, kodwa asibonakali ngoba abayeni bethu uNkulukulu usasibusisile ngabo.
43.Angaba yize umyeni wakho ngoba uJehova uyokubuka, noma ungamkhonza kanjani kodwa uma ungamhloniphi umyeni wakho ungakwazi ukuthi uguqe, umthathe nje njengobani nje, noma njengani nje, into engenamsebenzi. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu akakwenze ukuthi kube semthethweni ukuthi labantwana bethu sibaphathe kahle. Ngiyacela ukuthi siphinde sivule incwadi enye lapha ku Zakharia 1 verse 16-17 lapha. Ifundeka kanjena:
44.Ngalokho usho kanje uJehova, uthi ngiyakukubuyela eJerusalema, ngomusa, indlu yami, yakhiwe kulo, kusho uJehova sebawoti, kwelulwe umucu wokulinganiswa phezu kweJerusalema, Phinda umemeze ukuthi usho kanje uJehova sebawoti ukuthi imizi yami iyakuchichima okuhle, uJehova abuye aliduduze isiyoni, abuye alikhethe iJerusalema. Bantwana baseKuphakameni yathi ingelosi ngelinye ilanga iJerusalema liyovuka ngalelibandla. Bahleka abanye ababe khona, bahleka bevungama eceleni bathi liyovuka nje ngathi, liyovuka nje ngathi sonke!
45.Yathi ingelosi ngike ngizwe abantu balapha eKuphakameni besho konke abakushoyo, umuzi waseKuphakameni uyikomkhulu lamaNazaretha wonke angaphansi koMprofethi u-Isaiah Shembe, kodwa umuzi omkhulu kunawo wonke iJerusalema, wathi yebo lachithwa, kodwa uJehova uyobuya alakhe. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni asikulungele ukuthi lo musa athi uJehova uyowenza, awenze ngathi, iJerusalema livuke bantwana baseKuphakameni, livuke ngathi ngoba liwumuzi kaNkulunkulu, liwumuzi kaThixo, owachithwa nguSathane namabutho akhe!
46.Ongasagcinanga eJerusalema, kodwa osehamba wahamba wabeka indlebe, wase uyezwa ukuthi nakhu lokhu kukhuluma okwangeza ngabhidliza iJerusalema, laba bantu abakhuluma ngoJehova sebephinde bakhona futhi lapha eNingizimu Africa, wangena nakulelibandla, wathi khona ngiyogadla ngobungoma, ngiyogandla ngabantu abadala okungesibo. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngiyambonga uNkulunkulu waseKuphakameni, ngimbonga ekuphileni kwami, ekungisindiseni kwakhe kuzo zonke izinto ekufuze ngabe sezangehlela. Ngiyambonga uThixo kukho konke asivikele kukho bantwana baseKuphakameni. Ngiyabonga Nkulunkulu waseKuphakameni, kwakuthi nje ngobe umuntu oguqile namhlanjena, kodwa izwi lithi khumbula isifungo sakho osenzile noJehova uNkulunkulu wakho.
INkosi ibusise enikuzwile.