Skip to content

USHEMBE WAYEHAMBA NONKULUNKULU

UShembe uvela ezulwini. Yonke into esiyifundiswe ingelosi akekho umuntu emhlabeni oyaziyo. Ngike ngizibuze ukuthi kungani thina siboniswe izinto abantu basemhlabeni abangazazi bonke. Kodwa ngafunda into eyodwa ukuthi uma uNkulunkulu efuna ukukusebenzisa uyaye ekubonise yonke into ukuze ungashumayeli ngokukholwa kodwa ushumayele ngokwazi.

26 November 2022
71. ISIHLABELELO
1 Nkosi yami ubungithanda
Zingakaqini izintaba,
Kwaphakade wangigcoba
Ngiwukuqala kwendlela yakho.
 
2 Ngingumsebenzi wakho wasendulo
Ingakaqini imimango,
Nemithombo yamanzi
Ingaka mpompozi ngamandla.
 
3 Nemithombo yemifula
Ingaka mpompozi ngamandla,
UJehova wangidala
Ngaphambi kwendlela yakhe.
 
4 Ukujula kungakabikho
Kukade sengizelwe,
Engaka lenzi lelizulu
Kanye nalomhlaba.
 
5 Nelanga lingakakhanyi
Emkhathini walelizulu,
Nenyanga ingakakhanyi
Emkhathini walomhlaba.
 
1.Esontweni eledlule ngike ngathola ucingo komunye umfana osonta eBuhleni. Uthi-ke lo mfana banikezwe inkonzo njengentsha kwelinye ithempeli laseBuhleni elikhulu. Uthi-ke wase eyashumayela ngentshumayelo kaBabamkhulu igxeka ngezangoma. Uthi, uthe eqeda ukushumayela, kuphuma inkonzo, wayesebizelwa ngaphandle, esexoshwa kuthiwa uyiphekula! Uthi-ke lo mfana noma esebachazela ukuthi lentshumayelo yayishunyayelwa uBabamkhulu ngo 1925, bathi hhayi siyakuzwa lokho, kodwa usuyaxoshwa kulelibandla ngoba uliphekula, uma uke wabuya sokushaya!
 
2.Angazi ukuthi lo mfana ubengishayela ucingo ethi angenzenjani, kodwa ingithusile leyonto ukuthi uma kulelibandla kunomNazaretha oxoshwa ebandleni, exoshelwe ukuthi ushumayela ngentshumayelo kaBabamkhulu, kusho ukuthini lokho?
 
3.Angazi ukuthi amanye amaNazaretha aseBuhleni angenwe moya muni, angizukusho ukuthi iwona wonke, kodwa kukhona amaNazaretha aseBuhleni angenwe umoya omubi, lo moya omubi ofundisa abantwana into embi, ngoba lo mfana noma ngingambonanga, kodwa uyintsha, ngoba uthi bekuyinkonzo enikezwe intsha ukuthi ifakaze, wase efakaza-ke ngalentshumayelo kaBabamkhulu egxeka izangoma.
 
4.Kodwa lonke ibandla langakhuzana, lakuvumela ukuthi lo mfana akaxoshwe, waxoshwa, angazi-ke ukuthi njengamanje ukuphi.
Ngizofunda incwadi ka Genesis 5 verse 23-24. Lena indaba ka-Enoch.
 
5.“Isiyonke iminyaka eyaphilwa u-Enoch yaba ngama-365, wayehamba noNkulunkulu, wanyamalala ngokuba uNkulunkulu wamthatha.” Amein.
 
6.Le ndaba ethi u-Enoch wayehamba noNkulunkulu, waphila iminyaka ewu 365, indaba engayizwa ikhulunywa uBaba iLanga, ethi lo muntu wayefana noShembe, njengoba noShembe wayehamba noNkulunkulu! Uthi-ke uBaba iLanga kulukhuni ukuhamba noNkulunkulu, kulukhuni ukuhlala noShembe, ngoba lapho okusuke kukhona khona uShembe kusuke kukhona uNkulunkulu ngoba uShembe wayehamba noNkulunkulu!
 
7.Wase ezichaza izinto eziningi zokuthi iziphi izibonelo ezitshengisa ukuthi uShembe wayehamba noNkulunkulu. Akashongo uBaba iLanga ukuthi uShembe uNkulunkulu, wathi kodwa uShembe wayehamba noNkulunkulu.
 
8.Kukhona indaba engifisa ukunifundela yona, le indaba kaMfundisi uMnqayi, naye kulendaba kukhuluma yena umfundisi uMnwqayi, uthi: “Ngelinye ilanga ngacelwa nguShembe ukuba ngimlethele amanzi okugeza. Ngawaletha amanzi ngendishi, ngabe sengiyaphuma. Kwedlula isikhashana, ngezwa sengathi uyangibiza futhi, ngabuyela kuye. Uma ngifika emnyango, kwathiwa angingene endlini.
 
9.Ngithe uma ngingena, ngabona indoda enamaphiko igeza uShembe izinyawo ngamanzi ayenuka kamnandi. Ngashayeka phansi. Kuthe lapho ngivuka, uShembe wangibuza wathi: “Peter, ungeneleni lapha endlini?” Ngaphendula ngathi: “Cha, Baba, ungibizile nje?”
 
10.Wathi uShembe: “Lutho mntanami, angikaze ngikubize. Ngiyabona ubizwe ngabantu basezulwini, bebefuna ubone ukuthi lomuntu enimlandelayo ungubani. Bheka, ukuba ungenile ungabizwanga, ngabe ufile, ubungenke uvuke futhi. Kodwa ngoba ngikhona, akukho lutho olukuvelele.”
 
11.Le ndaba kaMfundisi uMnqayi, uMfundisi uMnqayi wayenguMfundisi kaBabamkhulu, wayefike esemncane, kwakuligama lakhe ukuthi uPeter, ongomunye wabafundisi abadala nababebalulekile kulelibandla!
 
12.Uthi-ke uMfundisi uMnqayi wangena endlini ezwa sengathi kukhona ombizayo, uma efica, wafica ingelosi igeza uBabamkhulu izinyawo. Kodwa wathi uma eyibona wawa phansi waquleka, waze wavuka sekukhona uBabamkhulu. Uthi-ke uBabamkhulu, ‘njengoba ulapho ubizwe ubani, uthi uMfundisi uMnqayi, ‘ngibizwe nguwe nje Baba?’
 
13.Uthi uBabamkhulu, ‘cha, angikaze ngikubize, kusho ukuthi ubizwe ilaba bantu basezulwini, bebefuna ukuba ubone ukuthi lo muntu enihamba naye uyisima kanjani.
Zimbili noma zintathu izinto engiqonde ukuzikhuluma la, ukuthi lento yokuthi kutholakale uShembe egezwa izinyawo ingelosi, ngenye yento efakazayo ukuthi uShembe wayengahambi yedwa, uShembe wayengasiye owakulomhlaba.
 
14.Okwesibili ile nkulumo ethi ukube uzingenele, ubuzokufa. Kukaningi sikhuluma namaNazaretha ukuthi awukwazi ukuba ubone ingelosi uphile, ngaphandle kokuthi usuke ubizwe iyona. Uthi uBabamkhulu, ubizwe ibona, angikaze ngikubize mina. Bakubize ngoba befuna ukuthi ubone ukuthi lo muntu ohamba naye uyisima kanjani.’
 
13.Kodwa okubalulekile lapha ukuthi uMfundisi uMnqayi wangena ngoba ebizwe ingelosi. Uthi uBabamkhulu, kodwa ukuba ubungabizwanga ingelosi, wangena wayibona, ubuzokufa, ubungeke futhi uvuke. Manje-ke abantu baye bebone ukuthi siyazikhulumela nje uma sithi awukwazi ukubona ingelosi uphile! Kodwa uthole noma yini nje uyizwe ithi, nami ngifuna ukuyibona lengelosi!
 
14.Kukaningi sitshela abantu ukuthi yathi ingelosi ningabakhuphuli abantu beye lapha esitezi, ngaphandle uma ebizwe yithi, kodwa nje akakwazi umuntu ukuvele esuke nje ekhuphuke eye lapha estezi, ngoba uzothi uthi uyakhuphuka bese uhlangana nengelosi, bese uyafa, bese kuthiwa siyathakatha! Yasho njalo ingelosi! Yathi uma ngabe abantu bekhuphuka laphana bazothi bayakhuphuka bese behlangana nengelosi, ngoba abanye abantu badaleke ngendlela yokuthi bayibone ingelosi. Ithi-ke ingelosi uzokhuphuka laphana estezi ebese ehlangana nengelosi, ebese uyakufa! Ithi uma esefile kothiwa nina niyathakatha, ngakho-ke ningabavumeli abantu beye esetezi.
 
15.Baningi-ke abantu, ikakhulukazi abangamaNazaretha, abakubukela phansi lokhu kukhuluma, abacabanga ukuthi siyabheda nje uma sikhuluma ngengelosi ukuthi awukwazi ukuthi ungayibona ngephutha, uphile!
 
16.Kodwa la kusho uMprofethi, la kusho uBabamkhulu ukuthi ukube ungenile layindlini, ungabiziwe, wayibona lento oyibonile, ubuzokufa. Uthi-ke uBabamkhulu ngeke ufe ngoba ububiziwe ingelosi futhi nami ngikhona ngeke ufe. Kodwa waquleka!
 
17.Ngiyafisa-ke ukuba amaNazaretha asile, engaqhumuki umuntu esethi ngifuna ukubona ingelosi, mina angiyiboni ngani ingelosi? Ingelosi ibonwa umuntu okufuna yona ukuba ayibone ngezizathu ezithize! Awuvele nje ukwazi ukubona ingelosi, ngoba ngokwemvelo yayo ayidalelwe ukuthi ibonwe umuntu wasemhlabeni ngaphandle uma ithunywe kuye. Awukwazi nje ukuthi under general ubone ingelosi ngaphandle uma ithunywe kuwe.
 
18.Ngifisa ukuba ngifundele ibandla indaba kaNozinkobe, uNozinkobe kwakuyiNdiya elaliyiNazaretha. Ngakhula eKuphakameni emaningi amaNdiya angamaNazaretha ngaphandle kwaNozinkobe, kusukela kuBabamkhulu nakuBaba iLanga ngakhula nje emaningi amaNdiya angamaNazaretha futhi esina, futhi amanye ayesina hhayi nangesikoshi, esina nje ngebheshu. Kodwa angazi ukuthi kwenzeka kanjani akazange abe khona eBuhleni, engicabanga ukuthi emva kukaBaba iLanga kwaba nokulwa kwamaNazaretha, manjena-ke amaNdiya ayengeke esayihlalela into enokulwa Phakathi, futhi kulwa abantu abamnyama, kulwa amaNazaretha odwa!
 
19.Angizange ngalibona Indiya eliliNazaretha eBuhleni kodwa eKuphakameni ayemaningi amaNdiya angamaNazaretha ngokuphelele. Ngiyafisa-ke ukuba ngifunde indaba kaNozinkobe, igama lakhe lobuNdiya, uSamariah Jokin, le ndaba ibhalwe nguye: “Ngangihlala nomyeni wami eMayville, eThekwini. Kwase kuphele iminyaka engu 13 singabatholi abantwana. Ngezwa ubuhlungu obukhulu ngalokhu ngoba ubabezala wangixosha wathi angibuyele ekhaya kithi ngoba indodana yakhe ngenke ihlale nenyumba.
 
20.Lamazwi ayekhulunywa ubabezala ayebuhlungu kakhulu kimi. Ngelinye ilanga wangixosha ekhaya ebusuku, ngaphuma emzini ngangazi ukuthi ngizoshonaphi. Ngakusasa bangithatha bangiyisa kodokotela abamhlophe, abama Ndiya kanye nabamnyama, kodwa angizange ngibathole abantwana. Wangixosha futhi ubabezala, wathi indodana yakhe ayithathe omunye unkosikazi. Kwathi esengixoshile ekhaya, babuye bangilanda.
 
21.Ngolunye usuku ngangishanela kuvuranda, ngiwasha nezitsha ngikhala. Kwakukhona abantu abamnyama ababesebenza khona ekhaya. Bangibuza ukuthi ngikhalelani kangaka. uMpakla Ngcobo wangibuza ukuthi kwenzenjani ngakhala kangaka. Ngamtshela ukuthi isono sami ukuthi angibatholi abantwana. UNgcoba wangiphendula wathi: “Hawu! Ungahlupheki, uNkulunkulu uzokupha abantwana, hamba kuShembe eKuphakameni. Ngamtshela umyeni wami ukuthi uNgcobo uthini. Akazange angiphendule, wathula nje.
Ekugcineni sahamba naye umyeni wami saya eKuphakameni. Sagibela itekisi likaThendele laze layosibeka eKuphakameni. Uma sifika samukelwa nguNtaka, wahamba wayosikhulekela kuyiNceku yeNkosi uShembe.
 
22.UShembe wathi abasihlalise endlini yamakhosazana. Wathumela uPholika (Okwakungelinye iNdiya eliyiNazaretha), ukuba ezwe ukuthi sikhala ngani. Ngamtshela uPholika ngokungilethe eKuphakameni. Wasinika ucansi oluhle sahlala kulo no Ellen Mngomezulu, Esther Zungu no Linah Mntungwa. Sasihlezi emthunzini.” (Ngiyayithanda le ndaba ukuthi leliNdiya lathi uma lifika laphathwa kahle. Kunento evame ukukhulunywa uMkhokheli ukuthi abantu la ekhaya uma befika abanakwa, nabakhokheli ababanaki, kanti kuwumsebenzi wabo lokho, nabafundisi, angithi nje nabagcotshwa bonke ababanaki, kanti kuwumsebenzi wabo lowo ukuthi uma ngabe kufika umuntu kufanele uMkhokheli uma ngabe kuyiNkosikazi eye kulowo muntu eyombuza ukuthi umi kanjani, emphathe kahle.)
 
23.Lithi-ke leliNdiya wathi uma uBabamkhulu ethi abaye endlini yamakhosazana bahamba no-Esther Zungu no-Lina Mtungwa no-Elen Mngomezulu, lawa kwakungamakhosazana aseKuphakameni, ngaphansi kukaBabamkhulu. Abantu abaningi baye bezwe ngoMntungwa. Obani abangakaze bezwe ngoMntungwa? UMntungwa kwakuyiNkosazana ebaluleke kakhulu eKuphakameni, hhayi ukuthi kwakuyiNkosazana engangalama Khosazana, kwasekuwumuntu omdala, kodwa owayengaganile.
 
24.Engingathi ukuba amaRoma ngangizothi wayeyi Sister, uMntungwa wayeke ekhiphe uMgidi ehambe nawo eye entabeni yaseNhlangakazi uma uBabamkhulu engekho. Wayekwazi ukwenza noma yini eyenziwa uBabamkhulu..
 
25.Manje-ke uthi-ke uNozinkobe wahamba wafike wahlala no-Elen Mngomezulu, no-Esther Zungu no-Lina Mntungwa. KwakuyiNdiya leli, kodwa laba bantu bahamba bafike bahlala nalo, nani-ke nikwejwayele lokho, ngikhuluma nawo wonke amaNazaretha, kubo bonke abakhokheli, kubo bonke abafundisi nabashumayeli.
 
26.Kuba uMkhokheli omkhulu yedwa othi uma kufika umuntu embuze ukuthi ubani, uze ngani! Nampa nje abanye abawufakile umNazaretha, bazoze bebuyele emuva, akekho umuntu ozobuza ukuthi njengoba nilapha njena nilethwe yini kanjani, mhlawumbe umuntu unenkinga! Ngibona namanye amakhosikazi engawufakile umNazaretha. Kuwumsebenzi wethu ukuthi uma kufika abantu eningabazi, niye kubo nibahlangabeze kahle.
 
27.Kukhona omunye umfana, angazi noma ukhona yini, waseBuhleni, ungishayele ucingo izolo noma kuthangi, wabuza ukuthi uzokwamukeleka yini enkonzweni. Ngathi mina hhayi uzomukeleka. Baningi kabi abantu lapha abaqhamuka eBuhleni, nangu nje uMshumayeli uZulu usewuMshumayeli lapha, uphuma eBuhleni, nangu njena uMama uMkhokheli uSanelisiwe uphuma eBuhleni.
 
28.Ngingababala bebe baningi, bangabakhokheli bangabashumayeli, ngoba awukho umehluko, umehluko ukuthi nje uyawugcina yini umthetho kaNkulunkulu kodwa awukho umehluko phakathi komuntu osuka eBuhleni nomuntu ola uma ngabe elizwile izwi.nManje-ke la ngithintwa ukuthi uma leliNdiya lithi lalihleli ocansini nalamakhosazana.
 
29.“Ngamtshela uPolika ukuthi ngizobona iNkosi uShembe ukuze ngibeke lonke usizi lwami kuye. Kuthe ngesikhathi somthandazo, uShembe weza ephethe imbali ngesandla.” (Angazi ukuthi le mbali uBabamkhulu owayeyiphatha yayichaza ukuthini, kujwayelekile nje ukuthi uzwe kuthiwa uBabamkhulu wayephethe imbali, kwesinye isikhathi uBabamkhulu wayethi noma ehamba angene esontweni efake imbali la ekhanda. Angazi kodwa ukuthi leyo mbali yayichaza ukuthini. Ngeshwa abasekho abantu abadala engingase ngibuze kubo, kakhulukazi ngoba mhlawumbe bakhona abake batshelwa ebandleni elinjengelase Buhleni. Kodwa nabo sebebancane ababehamba nobabamkhulu, angikholwa ukuthi bakhona. Kodwa mhlawumbe ukhona owake wezwa ukuthi uBabamkhulu kwakuchaza ukuthini ukuba njalo etholakale ephethe imbali.) Uthi-ke uNozinkobe uBabamkhulu weza ethempelini ephethe imbali ngesandla.
 
30.“Ngambikela usizi lwami. Wangibuza ukuthi angiyanga ngani ezinyangeni nakodokotela. Ngaphendula ngathi: “Ngicela kuwe Baba ungisize.” Awungiphanga ngani mina abantwana ngoba ngadalwa nguwe?” Wahamba uShembe waya endlini yesonto, wathumela abafundisi ababili ukuba basithandazele. Basibeka phambi kwendlu yezitsha zikaNkulunkulu basithandazela khona.
 
31.Wahamba uShembe waya entabeni iNhlangakazi. Kuthe uma bebuya entabeni, wathumela uShembe ukuthi angifike kuye ngMsombuluko NGIZOLANDA INGANE YAMI, ngingalenzi iphutha.” Niyayizwa leyo ndaba?
 
32.UBabamkhulu wathumela umuntu ukuthi hamba utshele leli Ndiya leli ukuthi lifike ngoMsombuluko lizolanda ingane yalo! Ngithena wathi uBaba iLanga uShembe wayehamba noNkulunkulu, ayikho into enjalo ngaphandle komuntu osuke ehamba noNkulunkulu noma umuntu wasezulwini.
 
33.Ngike ngikhulume noma sike sikhulume noMkhokheli ukuthi sathi sihleli lapha eminyakeni ephambili sabona sekufika ingelosi ebusuku ngo 12, yafike yathi ingelosi ithunywe uBaba iLanga ilethe umntwana kuneNkosana ekade izocela umntwana emini. Kwatholakala ukuthi uMkhokheli akasamkhumbuli lo mfana noma le nsizwa.
 
34.Ngaleso sikhathi umkhokheli wayesasebenza kakhulu noma kuphakathi nezinsuku, kufika abantu abaningi kakhulu la. Uthi-ke uMkhokheli angisamkhumbuli lowo mfana futhi anginalo ucingo lwakhe. Ithi-ke ingelosi ‘kodwa mina nginalo’, yase ithatha ucingo lukamkhokheli isimshayela lomfana khona ebusuku ngo 12. Walubamba lo mfana, uthe uma elubamba ucingo yase ingelosi ilunikeza uMkhokheli, ithi ‘mtshele ukuthi ngikutshelani. Wase uMkhokheli ekhuluma nalomfana ethi, ‘sekufike izwi lasezulwini, lithi umntwana wakho omcele emini, usendleleni ngakho-ke linda, uziphathe kahle!
 
35.Lo mfana wamthola lo mntwana, ukhona nje la ku facebook, umntwana omuhle kabi, angazi ukuthi waphelelaphi. Kodwa ishwa esaba nalo, angazi ukuthi kuyaye kwenziwe yini ukuthi abantu abangahlakaniphile babe nenhlanhla, ngoba lowo mfana lowo ngike ngimbone nje, ushayela lezithuthuthu ezihamba zidiliva. Usikhonzile kakhulu, kodwa akasonti. UNkosikazi wakhe ule eMtuba, behlukana, ukwehlukana kwabo kwase kwenza ukuthi indaba yabo iphele. Kodwa lowo mntwana manje usekhulile. Ngicabanga ukuthi uyafunda ngoba akusiyo into entsha, ngicabanga ukuthi into yawo 2013.
 
36.Kodwa into engiyikhulumayo ukuthi ngaphandle komuntu wasezulwini, asikaze sizwe umuntu ethi ubofika ngosuku oluthize uzolanda umntwana wakho. UBabamkhulu wakusho-ke kuleliNdiya ukuthi alifike lizolanda umntwana walo ngoMsombuluku. Lokho kusifundisa into ethize ukuthi yonke into inesikhathi sayo, ngoba uBabamkhulu wabathumela abafundisi ukuthi belithandazele leliNdiya, kodwa alizange lamuthola umntwana, uBabamkhulu waze wahamba waya eNtabeni yaseNhlangakazi, kodwa uthe uma ebuya entabeni yaseNhlangakazi wase ethi leliNdiya alibizwe lizolanda umntwana!
 
37.Le ndaba ingikhumbuza enye indaba kamama webandla lasema Romeni, uma ngingaphosisi wayengowe bandla lasemaRomeni. Lo mama wayenesifo esinzima, isilumo, enesilumo esibi kakhulu, epaquza lesi silumo singanqamuki eze ecishe equleke. Wase eya kuBabamkhulu, uma efika kuBabamkhulu, wangaphila noma uBabamkhulu emthandazela. Wahamba uBabamkhulu waya entabeni yaseNhlangakazi, waze wakhomonda lo mama wathi hawu kanti uShembe uyakhetha yini, yini mina ngingaphili, kodwa abanye abantu bephila?
 
38.Wahamba lo mama waya entabeni yaseNhlangakazi, kodwa kuthena sekuseNhlangakazi uBabamkhulu wathi akabizwe lomama ebusuku, ngoba sekufike ingelosi ezomsindisa. Wahamba lo mama waya kuMprofethi, wafike uBabamkhulu wakhomba lesi sinye, wakhuluma nokufa. Ngaso leso sikhathi kwavele kwaphuma inyoka ngaphansi iphila! Angazi ukuthi yenziwa njani, kodwa lonkosikazi waphila ngaso leso- sikhathi!
 
39.Kodwa wayekudala efikile eKuphakameni ethandazelwa kodwa singapheli lesi silumo, kodwa mhla uShembe esiqeda wathi akabizwe esedokodweni ukuthi seyifikile ingelosi ezomphilisa. Nangampela wathi uma uBabamkhulu emkhomba kwaphuma inyoka waphila ngaso leso sikhathi.
 
40.Ngithena ekuseni ziningi izinto esiyaye sizifunde kancane kancane, ngisho ukuphilisa, ungathi uma ucela into ungayitholi bese ucabanga ukuthi uNkulunkulu akezwa, kanti uNkulunkulu unendlela yakhe yokuphilisa umuntu, kuba nezingelosi ezithunywayo for a particular purpose ukuthi le ngelosi ayihambe iyolungisa into ethize!.
 
41.Uthi uNkosazana kwesinye isikhathi uyaye ube nengelosi elivila, ube nengelosi elivila nje engakwazi ukukhuthalela ukunqoba inkinga yakho. Yaze yathi ingelosi asinikele sikhononde kuNkulunkulu uma kunezinto ezingalungi noma sesinikela, sakwenza lokho. Yasitshela ukuthi kuba khona izinto eziye zingaqondi ngoba ingelosi yakho iyivila. Yathi uma unikela, ubokhononda ukuthi lento yakho ayiqondi. Yathi uma ngabe idalwa ilengelosi uyoyibona ngoba iqonda ngoba kothunywa enye ingelosi ukuthi iyiqondise leyonto.
 
42.Bayakhumbula abantu sake saba nawo umnikelo okuthiwa owokukhononda. Safundiswa ingelosi ukuthi kukhona umnikelo wokukhononda kuNkulunkulu ngokuthi into yakho ayilungi noma usunikela. Ithi-ke ingelosi, uma ukungalungi kwento kudalwa yingelosi yakho, uyobona ngoba izinto emva kokukhononda zilunga. Kodwa ziningi izizathu zokuthi unikele, kodwa into yakho ingalungi, esinye kungaba nguwe uqobo!.
Uthi-ke uBabamkhulu leliNdiya alifike ngoMsombuluko lizolanda ingane yalo.
 
43.“Ngafikake, wangithandazela, ngakhulelwa emveni kwalokho. Ngathola umntwana womfana, igama lakhe uLwandle. Lomfana wabuye washona. Ngagula kakhulu emva kwalokho. Ngalala phansi izinsuku ezilishumi nginjengomuntu ofile, ngingakwazi nokudla. Bangiletha kuShembe esemzini wakhe eVelabahleke eMthunzini. Lomuzi kaShembe usezintabeni zasoNgoye, enkosini uMzimela. Bangithwala bangiyisa esitimeleni, ngagibela isitimela ebusuku esiya KwaZulu. Ngehla ekuseni, ngafika eVelabahleke ngo 4 ntambama.”
 
44.Uyabona leliNdiya, emva kokuba kushone lo mntwana walo lagula kakhulu langakwazi ngisho ukuhamba, lingadli. Ngenkathi lisiwa esitimeleni lathwala, isitimela esisuka eThekwini siya e Port Dan Fort, lapha e-Port Dan Fort isiteshi lapho leliNdiya elehla khona, sifika laphana ePort Dan Fort isitimela ngo 6 ekuseni. Kodwa lahamba laye layofika eVelabahleke ngezinyawo, lafika ngo 4 ntambama!
 
45.IVelabahleke isezintabeni zoNgoye, ngaleso sikhathi wawungakababikho umthetho kaHulumeni wokuthi kungakhiwa laphana kwaMahlathi. UNgubo uzalwa uMaDube, owalapha kwa Manzamnyama, ukuba ukhona ubezongifakazela ukuthi ukusuka ePort Dan Fort uya eVelabahleke kukude kangakanani. LeliNdiya lasuka ngo 6 ePort Dan Fort laze lafika eVelabahleke ngo 4 ntambama. Ngiyazibuza ukuthi lalihamba kanjani ngoba ngenkathi liyogibela isitimela eThekwini lalithwelwe, ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ligula kangaka lisuke ePort Dan Fort lize liyofika eVelebahleke ngezinyawo, kukude kabi. Kungaba ama Kilometers are about 50 ukusuka ePort Dan Fort uya eVelabahleke.
 
46.Lapha leliNdiya elafikela khona eVelabahleke kukithi, kulapho esakhulela khona, noma kwakungasekhona eNsalabebuza, ngoba ngaleso sikhathi kwakuse Nsalabebuza, angizukukhuluma-ke ngalokho. Kodwa u-Anti wami umkhokheli umaMpanza wayekhona mhla kufika leliNdiya, uthi bathi bebona nje kwakungena iNdiya le eVelabahleke. Uthi bathi besabheka leliNdiya babona sekungena uBabamkhulu ngoba lafika leliNdiya naseVelabahleke engekho uBabamkhulu.
 
47.Wabe esethi uBabamkhulu alinikezwe izinkobe, lase linikezwa-ke izinkobe, wayesethi uBabamkhulu kusukela manje usunguNozinkobe ngoba ufike KwaZulu wadla izinkobe. LeliNdiya lase liba uNozinkobe, laze lahamba emhlabeni laziwa ngokuthi uNozinkobe, leligama lalinikwa nguBabamkhulu. Laba iNdiya elakholwa kakhulu!
 
48.“Uma ngifika khona bangipha izinkobe, nganikwa igama lokuthi ngiwu Nozinkobe.” Kodwa leligama lokuthi uNozinkobe waliphiwe uBabamkhulu “Kwakungunyaka ka 1932. UShembe wangithandazela eVelabahleke, ngaphila. Emveni kwalokho ngaphindela eThekwini; ngakhulelwa, ngamthola omunye umntwana womfana. Emveni kwakhe ngathola amadodakazi amabili, bayaphila bonke! Ngiyambonga uNkulunkulu waseKuphakameni!”
 
49.Le ndaba ikhukunywa uNozinkobe iNdiya elahlala eKuphakameni, emva kokuba kwenzeke lesi simanga lathutha eMayvill nomyeni walo lazohlala eKuphakameni nabantwana babo bazalwa sebezalelwa eKuphakameni baba amaNazaretha basina, nami ngake ngababona besina, base bekhulile ngesikhathi sami. Kodwa angazi noma kwakungabakaNozinkobe, njengoba ngisho amaNdiya ayemaningi eKuphakameni ngesikhathi sikaBabamkhulu.
 
50.Le ndaba engiyithatha encwadini ka-Advocate Mnyandu ethi: Indaba ka-Isaya SHEMBE. Vol 1., ngiyifunda ukuze niyiqonde kahle ngoba uma ungase le ndaba uyilalele ikhulunywa ngabantu, bakhuluma izinto eziningi ezingayilo iqiniso, kodwa manje uma le ndaba isikhulunywa iNdiya uqobo lwalo, uyayithola ukuthi ihamba kanjani.
 
51.Manje-ke ngithena angiyifunde le ndaba, niyizwe nonke, nizwe ukuthi uma sikhuluma ngoBabamkhulu, uma sikhuluma ngoShembe, sikhuluma ngomuntu onjani. Uma sithi uShembe wayevela ezulwini sikhuluma ngomuntu onjani. Akukaze kwenzeke ngisho ebhayibhelini ukuthi kutholakale umuntu ohamba ngezinyawo egezwa ingelosi, kodwa uShembe wayegezwa ingelosi, uShembe wayehamba nengelosi!
 
52.Akukaze kuzakwale ukuthi ungafika ucele ukuphila, umuntu ozocela ukuphila kuye, bese ethi woza uzolanda umntwana wakho. Kodwa mina ngakhula eKuphakameni kunjalo, nakuBaba iLanga kwakwenzeka lokho. EKuphakameni kwakuye kuthiwe namhlanjena kuneziguli zabantu abafuna abantwana bodwa, angayi omunye oguliswa ngenye into, kuthiwe nje, bonke abafuna abantwana, befike ngempela abantwana, bebonakale!
 
53.Kukhona abakhokheli okwakuthiwa iwele elivomvu newele elimnyama, uMaNkwanyana, ngangixoxelwa uyena lendaba ngiye ekhaya lakhe! UMkhokheli uMaNkwanyana, bonke abantwana bakhona babezalwa bebomvu, bebomvu kwalokhu okuthiwa isishawu, bebomvu kakhulu, kodwa bengayiso isishawu, kodwa bebomvu kanjalo. Ngisho izinwele zabo zibomvu kodwa hhayi ukuthi bebe mhlophe ngempela njengesishawu kodwa babeba bomvu kanjalo, bonke!
 
54.Unina waba seKuphakameni, eyolindela ukuthola umntwana. Kwase kubizwa iziguli zabantu abafuna abantwana, kwatholakala ukuthi kukhona omunye umama oze lapha ezolindela umntwana, kodwa ngalolusuku wabe engasekho eKuphakameni, eseye kumyeni wakhe eThekwini.
 
55.Ngenkathi kumenyezelwa ukuthi bonke abantu abafuna abantwana abasale, kwatholakala ukuthi yena akekho. Uma sebefika abantwana, lo mntwana oqondene nalo mama kwatholakala ukuthi unina akekho. Uthi-ke uBabamkhulu kulo mama ozala uMaNkwanyana, uthi kunomntwana la obeze elethelwe ilomama, kodwa akekho lo mama, uthi-ke uBabamkhulu: “Kodwa umntwana uma eseze wakhishwa ezulwini, akabuyeli emuva. Ngakho-ke lo mntwana sengizomnikeza wena, wena usuyozala abantwana ababili, lomntwana uyomubona ngoba emnyama engafani nani nonke, ukuthi ilowo mntwana lowo obeze kulomama.”
 
56.Nangampela unina kaMaNkwanyana wakhulelwa, uthe ekhulelwe wazala amawele amantombazane, leli elinye iwele laba mnyama, leli elinye iwele laba bomvu lafana nezinye izingane. Kwakhula kwaziwa ukuthi leliwele elimnyama bekungelaloya mama, wakwazi naye lokho, ukuthi lesuswe ezulwini kungelaloya mama, lamfica engekho, lase linikezwa lo mama. 
 
57. So, lo mama ended up enamawele amabili. Lamawele kuthiwa iwele elimnyama newele elimhlophe. Bakhula kanjalo, bakhula bengamawele. Ngangixoxelwa udadewebo walamawele omdala. Lamawele ngisho lapha eBuhleni ebekhona ebizwa ngokuthi iwele elimnyama newele elimhlophe, kodwa sebengaba khokheli bobabili. Kodwa leliwele elimnyama lalilethwe komunye umama, kodwa lase linikezwa lomama. Kodwa laziwa limnyama ngoba lalinga belong lapha.
 
58.Kodwa ngaphambi kokuba ekhulelwe watshelwa uBabamkhulu ukuthi leliwele ozolizala bekungayilo elakho uyolibona ngokuthi liyozalwa limnyama, nangampela lazalwa limnyama. Lakhula lazi ukuthi umama wami wangampela kwakuyilowa, kodwa ngizalwe ilomama ngoba akangilindelanga. Ngikhuluma-ke indaba kaShembe ukuthi uShembe wayewumuntu oyisimangaliso.
 
59.Leyonto iyaye ingidide kakhulu ukuthi kanti umuntu uqala nini ukuba umuntu, umuntu is it a biological person or a spiritual person, that is very confusing. Ngoba lo mntwana wafika e-Spiritual kodwa noma esezalwa emzini onabantu abampofu wangawuthatha umbala ompofu wathatha umbala omnyama ngoba lo nina lo obesuka kuye emnyama.
 
60.Kodwa it is still a very great confusion ongeke uze uyiqonde ukuthi kumi kanjani ukuthi lo mama lo ngoba wayengakazalwa, kwenzeka kanjani ukuthi ezalwa la kodwa bese eba mnyama kodwa wayelethwe kuloya muntu. Ngase ngizibuza ukuthi ingampela lento yama GENES nalento esike sifunde ngayo ezikoleni ihamba kanjani uma sekuya endabeni kaNkulunkulu? Akekho umuntu ongakwazi ukukuchazela lokho.
 
61.UGogo wami wazala amantombazane amaningi mhlawumbe aze afika ku 5 or 6, kodwa wangamuthola umfana, wase ehamba eya kuBabamkhulu ukocela umntwana womfana. Wathi Baba amantombazane agcwele umuzi, kodwa anginaye umfana, ngizocela umntwana womfana. Wathi uBabamkhulu, ‘wena esinyeni sakho akekho umfana, kodwa ngizokunikeza umfana osuka kimi, igama lakhe uMphefumulowami, ezisho yena uBabamkhulu, lo mntwana ozomzala, uMphefumulowami.
 
62.Wazalwa uMphefumulowami, wazalwa uMuhle, uma ezalwa uMuhle, wavele wafana nabantwana bakwaShembe ngendlela eyisimangaliso, he is very intelligent, ngoba vele usaphila, kodwa usemdala, mhlawumbe manje uko 80-90 years, ngoba uma ucabanga uBabamkhulu wahamba emhlabeni ngo 1935, wazalwa uBabamkhulu esekhona kodwa nanamuhla usekhona.
 
63.Manje ngizikhulumelani lezi zinto, ngizikhulumela ukuba niqonde ukuthi lo muntu osimemile ukuthi sibe lapha akusiyena umuntu wasemhlabeni. Abantu abaningi bayaye bengayikholwa indaba yokuthi sihamba nengelosi. Kodwa it’s mystery yakulelibandla ngoba le mystery lokhu yaqala liqala lelibandla. Kodwa amaNazaretha onke akwaShembe, ayilahla le ndaba kaNkulunkulu, kodwa ezulwini kwase kukhethwa thina ukuthi ithina esizoqondisa le ndaba kaNkulunkulu.
 
64.UShembe uvela ezulwini. Yonke into esiyifundiswe ingelosi akekho umuntu emhlabeni oyaziyo. Ngike ngizibuze ukuthi kungani thina siboniswe izinto abantu basemhlabeni abangazazi bonke. Kodwa ngafunda into eyodwa ukuthi uma uNkulunkulu efuna ukukusebenzisa uyaye ekubonise yonke into ukuze ungashumayeli ngokukholwa kodwa ushumayele ngokwazi. Thina asishumayeli ngokukholwa ukuthi sikholwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, sishumayela ngesikwaziyo!
 
INKOSI IBUSISE ENIKUZWILE.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *