Ngikusho lokho ngazi ukuthi abantu abaningi bayazemukela izinganekwane abazifunzwe ngabamhlophe, kungakhathalekile ukuthi ziyimbudane kangakanani!
Kungumsebenzi engiwuthunyiwe ukuba phezu kwamalumbo akhiwa zimishini ngoShembe, kepha ngilivuselele kubantu leli vangeli lasezulwini! Abantu bazi ukuthi uShembe unguMprofethi kaJehova!
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salentshumayelo sithi: UShembe uvusa isidumbu somuntu esesibolile.
2.Ngijwayele ukuchaza ukuthi ngo 2010 kwafika ingelosi kithi, yathi ithunywe nguShembe uBaba iLanga kimi ukuthi ngimakhele ibandla likaJehova, bese kuthi kuleli bandla ngifundise abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova.
3.Lokho ngikwenze ngokuthatha ezimfundisweni zoMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
4.Ngibuye ngilandele zonke izimfundiso zikaBabamkhulu efundisa amaNazaretha ngomthetho kaJehova!
5.Leli vangeli ngilisusele eBhayibhelini nasezihlabelelweni zamaNazaretha.
6.Ithi-ke ingelosi: “Ayikho imfundiso esezihlabelelweni zamaNazaretha oyoyithola iphambana nokufundiswa iBhayibheli.”
7.Lokho kusho ukuthi uma ngifundisa abantu ngenkolo kaJehova, okokuqala kufanele ngehlukanise inkolo kaJehova nenkolo yabezizwe!
8.Okwesibili ngibonise ukuthi eqinisweni lesi sizwe sakwa-Israel okukhulunywa ngaso eBhayibhelini, isizwe esimnyama.
9.Njengoba lathi ilizwi ekushumayeleni kwami ngithathele ezintshumayelweni zoMprofethi, kubalulekile ukuthi kwakheke ezingqondweni zethu ukuthi uShembe wayevela ezulwini, elethwe lapha emhlabeni ukuzovuselela ibandla likaJehova elaqedwa ngabezizwe!
10.Ngikusho lokho ngazi ukuthi abantu abaningi bayazemukela izinganekwane abazifunzwe ngabamhlophe, kungakhathalekile ukuthi ziyimbudane kangakanani!
11.Kungumsebenzi engiwuthunyiwe ukuba phezu kwamalumbo akhiwa zimishini ngoShembe, kepha ngilivuselele kubantu leli vangeli lasezulwini! Abantu bazi ukuthi uShembe unguMprofethi kaJehova!
12.Siyazi ukuthi ekuhambeni kukaBabamkhulu emhlabeni, izitha zakha ilumbo lokuthi waya eNhlangakazi, watshela abalandeli bakhe ukuthi uzokuya ezulwini njengo-Elijah.
13.Wafaka amaphiko emzimbeni, wathi uzama ukundiza, wawa esiweni, wafa!
14.Izimishini zalishumayela leli vangeli emabandleni wonke nasezikoleni, lagcina liyinto ekhona!
15.Leli lumbo alisukanga lazivelela nje, kodwa lakhiwa ngamaqili ngenhloso yokuqeda ngoShembe, njengoba kwaqedwa nangoYeshua!
16.Omunye wabamhlophe ababengama missionaries, uMrs Wells, owayefundisa eNanda Seminary, kodwa futhi emkhonzile uBabamkhulu, wakuveza ukuthi izimishini zazihlale zihlangana, zakha amasu okuthi zingamqeda kanjani uShembe!
17.Uthi-ke uMrs Wells, izimishini zakhononda ngokuthi uma eyekwa uShembe, uzobhidliza konke esebekwakhile njengezimishini!
18.Lo nkosikazi uthi babekomunye umhlangano wezimishini, lapho kwabhungwa khona ukuthi engaqedwa kanjani uShembe.
19.Uthi yena wasukuma, wabuza ukuthi njengoba befuna ukuqeda ngoShembe nje, bayamazi yini uShembe, bake bakhuluma yini naye, babona ukuthi ungumuntu onjani?
20.Uthi kwasukuma i-Superintendant of Missions, yathi: “Angimazi uShembe, futhi angifune kwazi lutho ngaye, kodwa engizimisele ukukwenza ukuthi ngiqede ngaye, igama lakhe liphele ebusweni bomhlaba!”
21.Nempela-ke kwathi ekuhambeni kwakhe emhlabeni, bakha lelilumbo lokuthi uShembe wafa ezama ukundiza!
22.Lapha ngikhethe le ndaba, ukufakaza ukuthi uShembe wayevela ezulwini isibili!
23.Lesi sigameko ngisikhiphe ezigamekweni eziningi ezenziwa nguShembe abazali bethu besahamba naye kulo mhlaba!
24.Lendaba-ke ihamba kanje:
“Kwakungu 1930, uShembe washumayela emzini kaNkabana ezweni laseMaMpondweni, eSouth Coast, kwaphenduka abantu abangu-50. Wababhabhadisa emfuleni esidlule kuwo ngesikhathi siza kulo muzi.
25.Waqhubeka washumayela kule ndawo, kwaphenduka futhi abanye abantu, nabo wababhabhadisa kuwo lowo mfula.
26.Emveni kwalokho, kwasuka umsindo omkhulu ngoba abantu bashiya ibandla labo elikhulu laseWeseli, eThembeni.
27.Abaholi baleli bandla beza kuNkabana bethukuthele kakhulu, bambuza ukuthi nguye yini ovumele le ndoda ukushumayela kulo muzi wakhe?
28.UNkabana wathi: “Cha, ngimbone nje efika ekhuluma izwi likaNkulunkulu, ngamamukela. Bengingazi ukuthi kukhona ukungezwani phakathi kwenu makholwa. Ngenani lapha endlini niyokhuluma naye.”
29.Beza kuShembe endlini, bambuza ukuthi unayo yini incwadi yokushumayela. Waphendula wathi: “Anginqatshelwe ukuya lapho uNkulunkulu engithuma khona, ngoba uJehova ungitshele ukuba ngishumayele kulo lonke izwe!”
30.Kuthe besahilizisana naye, kwafika amaphoyisa, uShembe wathi asihambeni.
31.Saqoqa izembatho zakhe, ezinye zazisemanzi ngoba wayeqeda ukubhabhadisa abantu.
32.Sahamba, sithe uma sidlula ngasesikoleni samaWeseli eThembeni, uShembe wama wathi: “Bantabami, uma ngibheka le ndawo, ngibona ingubo emhlophe yehla iwela phansi kule ndawo. Isikhathi siyeza lapho le ndawo kuyoba umuzi wamaNazaretha.”
33.Sahamba saya esiteshini sesitimela e-Riverside, salinda isitimela ukuba sigibele siphindele eKuphakameni.
34.Kwase kufika izwi kuShembe livela ezulwini lathi: “Bakuxoshile lapha, kodwa mina ngizohlala ngisebenze lapha eMampondweni. Shiya lapha amadoda amabili asemasha engizosebenza ngawo.”
35.INkosi yakhetha u-Daniel Goba no-Philip Ngubane yathi: “UJehova uthe nizohlala nishumayele kulelizwe.
36.Uma nishumayele kahle, uJehova uyosinika indawo esiyoyithenga ukuze sakhe isonto, kungabi bikho umuntu oyosihlupha futhi.
37.Salani nishumayele kahle ngoba uJehova uthi akukho muntu ongamxosha.”Amen!
38.Sasala kanjalo-ke sashumayela, abantu abaningi baphenduka. Lavela ithuba lokuthenga indawo (ipulazi). Sathumela eKuphakameni ukuthi kunendawo edayisayo.
39.Wafika umuntu kaThixo wayithenga, kulapho-ke umuzi iNazaretha wakhiwe khona namuhla.
40.Le ndawo iseduze neMishini enkulu yamaWeseli eThembeni, lapho uShembe waxoshwa khona. Sawubona umusa kaThixo waseKuphakameni, owasipha le ndawo.
41.Kuthe uma uShembe esehambile kwaNkabana, wahlangana nonkosikazi kaNkabana. Lo nkosikazi, uMaMemela, wayephethe ingane eyayi nesonto elilodwa izelwe.
42.Wayengenalo ithemba lokuthi le ngane izophila ngoba zonke izingane zakhe ezingu-6 zase zifile, zibulawa isilwane.
43.Bekuthi njalo uma ingane isizoqala ukuhlala, aphuphe lo nkosikazi isilwane esinomlomo omkhulu, emveni kwalokho wayesazi ukuthi ingane izoshona.
44.Wabikela uShembe le ndaba, uShembe wabeka unyawo lwakhe phezu kwetshe, wabeka isandla sakhe phezu kwekhanda le ngane, wakhuluma yedwa wathi: “Nkosi, fukamela umphefumulo wale ngane phansi kwamaphiko akho anamandla, njengoba ufukamele umuzi waseKuphakameni.”
45.Wayesethi uShembe kunina wengane: “Themba eNkosini, mntanami. Le ngane ngeke ife, ngizobhala igama layo ezincwadini ezinkulu ngepeni ledayimane elingeke licishwe ngumuntu.
46.Igama lale ngane, kuzoba ‘uMalandela’ ngoba uyise walandela uShembe.”
47.Waqeda lapho uShembe waqhubeka nohambo lwakhe. UMalandela wakhula kahle njengoba kwasho uShembe.
48.Kuthe uMalandela eseneminyaka emine ubudala, unina wahamba waya enhlanganweni eNtabeni iNhlangakazi.
49.Wamshiya emuva umntwana nodadewabo; yasala yagula ingane. Kwadlula isonto elilodwa igulile yase iyashona.
50.Yashona kunguMsombuluko, ngosuku okwakuvalwa ngalo
inhlangano eNhlangakazi.
51.Unina wengane wayefuna ukubuya eze ekhaya ngalolo suku, kodwa iNkosi yathi akahlale kuze kube ngakusasa.
52.Kuthe esezocela indlela ngoLwesibili, uShembe wathi kuye: “Usungahamba manje mntanami, udlule kuNkabana, eThekwini, umtshele ukuthi ngithe akakunike imali uthenge
ithikithi lokuya nokubuya, ngoba uzobuya uze eKuphakameni nengane yakho, uMalandela, noma ngabe isimo sayo sinjani.”
53.Akabuzanga lo nkosikazi ukuthi konke lokhu kusho ukuthini. UMaMemela wenza njalo. Wadlula kwindoda yakhe eThekwini lapho yayisebenza khona, wamtshela ukuthi iNkosi itheni.
54.Wayithola imali, wathatha isitimela esiya ekhaya eMzimkhulu ntambama. Safika ebusuku isitimela eMzimkhulu, walala khona esiteshini.
55.Ngosuku lwesithathu wavuka kusemnyama, wahamba ngezinyawo eqonde ekhaya. Zazingekho izinto zokuhamba ngalezo zikhathi.
56.Kwathi uma esendleleni ebheke emzini wakhe, abantu ayehlangana nabo babe baleka bengafuni ukumbheka.
57.Wasola ukuthi kukhona into eyenzekile ekhaya lakhe. Wafikelwa ukwesaba, wajaha manje ukuba afike ekhaya lakhe masinyane.
58.Uthe uma engena ekhaya wabona ilambu likhanyisiwe endlini, wabona isidumbu sengane yakhe simboziwe ngocansi. ISIDUMBU SASESINUKA KAKHULU!
59.Wathatha amanzi wasigeza, wasibeletha ngembeleko wahamba naso.
60.Bazama ukumbamba abasekhaya ngoba bebona ukuthi uyasangana.
61.Kodwa yena wathi: “Ngiyekeni ngihambe, ngisiyisa kuyise isidumbu ukuze abone ingane yakhe.”
62.Wahamba waya esiteshini sesitimela eMzimkhulu, wathatha isitimela esiya eThekwini.
63.Wathi uma engena esitimeleni abantu babaleka eduze kwakhe ngoba bezwa iphunga elinukayo, wasala yedwa. Sahamba isitimela!
64.Sithe uma sifika eHlathinkungu, kwangena indoda, yezwa iphunga elibi, kodwa yabekezela, yambuka lo nkosikazi.
65.Yathula yathula le ndoda, yase imbuza ukuthi le ngane oyiphethe izodla nini? Waphendula wathi: “Akundaba yakho
Leyo!”
66.Le ndoda yabona ukuthi le ngane ifile yize unina wayengashongo. Bafika eThekwini, e-Berea, behla esitimeleni.
67.Lendoda yamphathisa izimpahla zakhe, bahamba baqonda kuNkabana, indoda yakhe, wambikela osekwenzekile.
68.Bafuna itekisi le Ndiya, uLamula, labathatha labayisa eKuphakameni.
68.INkosi yaseKuphakameni ngalelo langa ekuseni yatshela uNozinkwa Ngcobo yathi: “Ngisize, mntanami, ungilungisele iphalishi ulibeke, ngiyokutshela uma sengilidinga.”
69.Yahlala phansi iNkosi phezu kwethini likaphalafini eduze nendlu uPhoyizeni. Kuthe uma befika nengane wathi abayilethe kuye.
70.Wavula incwadi yezihlabelelo, wahlabelela isihlabelelo esithi: “Nkosi yami ubungithanda
Zingakaqini izintaba.
Kwaphakade wangigcoba
Ngiwukuqala kwendlela yakho.
Ngingumsebenzi wakho wasendulo
Ingakaqini imimango;
Nemithombo yamanzi
Ingakampompozi ngamandla.
Nemithombo yemifula
Ingakampompozi ngamandla
UJehova wangidala
Ngaphambi kwendlela yakhe.”
71.UShembe wavula umjiva wakhe, wathatha isidumbu sengane efile wayifaka ngaphakathi kwejazi lakhe wathi:
72.“Namuhla ngiyayikhulelwa le ngane, ngizoyizala kabusha futhi. Manje ngibala izinyanga engizozikhulelwa lengane, izinyanga ezingu-9; wabala wathi 1, 2, 3, 4, 5, 6, 7, 8, 9.”
73.Wayesevula umjiva wakhe, wabeka umlomo wakhe emlonyeni wengane, wayibheka emehlweni, waphefumulela kuyo emlonyeni izikhathi ezintathu ekhuluma kancane ethi:
74.“Nkosi yami ubungithanda zingakaqini izintaba. Kwaphakade wangigcoba. Ngiwukuqala kwendlela yakho.”
75.Yezwakala isikhala ingane, kodwa ikhalisa okwemvu. UShembe wathi: “Cha, umuntu akufanele akhalise okwemvu.” Yakhala manje ingane njengomuntu. Yathimula.
76.Emehlweni ayo kwakusekhona ubhici, uShembe walususa ngomunwe. Kuthe uma ingane isikwazi ukubona, uShembe wayivula umlomo. Wabiza iphalishi ukuba lize.
77.UNozinkwa Ngcobo wayifunza ingane ngokhezo oluncane. Yadla yasutha yaqeda izinkomishi ezimbili zephalishi. Yaqala manje ukubheka abantu abakhona nonina.
78.Wayesethi uShembe: “Isiyaphila manje ingane, yithathe,”
esho kunina. Kodwa isikhumba sayo sasisemnyama, kanti
nephunga lalisekhona.
79.Laphela kancane kancane. Yaphila ingane, yakhula kahle. Izwi likaShembe laba yiqiniso elathi
‘NGENKE ISAFA LENGANE!’.
Inkosi ibusise izwi layo.
Le ntshumayelo iyatholakala kuYoutube othi: Rev Mpanza NCG.