Akakho umuntu kulelibandla oseke wabhala njengo-Advocate Mnyandu eqoqa wonke umlando nezitshumayelo zikaBabamkhulu nezeNkosi iLanga neNkosi iNyangayezulu.
Lezi zincwadi zibalulekile uma ufuna ulwazi oluphelele ngoShembve. Nazi lezi zincwadi:
1. IBANDLA LAMANAZARETHA.
Izintshumayelo zeNkosi iLanga. 2nd addition. 384 pages.
2.INYANGA YEZULU. 190 pages.
3.ISIKHONZI SENHLUPHEKO 252 PAGES.
4.Indaba ka- Isaya SHEMBE. VOLUME 1. 254 PAGES.
5.Indaba ka-Isaya SHEMBE. VOLUME 2. 343 pages.
Isikhathi esiningi abantu abehlukene bayaye babhale ku whatsup nakufacebook bethi angibachazele ngenkolo yobuNazaretha, ngibachazele nangoMprofethi u-Isaya Shembe. Kodwa ngingaze ngazi ukuthi ngoba lento umuntu osuke efuna ulwazi ngayo iyisifundo esiphelele, sengizokwazi kanjani mina ukuthi ngichazele umuntu ku whatsup ngayo.
Ngibone kuzoba yinto elula kulabo abasuke beqinisile ngalokhu, ukuba ngibanike izincwadi ezizobasiza ukwazi ngoShembe nobuNazaretha ngokuphelele.
Okokuqala, kumele ngichaze ukuthi noma ukuthi SHEMBE kuyisibongo, kodwa kwasukela kuligama loMprofethi u-Isaya Shembe owaliqanjwa nguyisemkhulu uNhliziyo.
Ngakho-ke lapha uma sikhuluma ngo SHEMBE, sikhuluma ngoMprofethi u-Isaya Shembe, uBabamkhulu. Kanjalo, uma uBaba iLanga wayekhuluma ngoShembe, wabe esho uBabamkhulu.
UShembe wakubhala phansi kuvesi 3-4 womthandazo wesabatha ukuthi isisekelo salobu buNazaretha imithetho kaMose. Kulamavesi, uShembe uthi:
MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKULWANE, NIGCINE IMITHETHO YAKHE OWANILOBELA YONA UJEHOVA NGENCEKU YAKHE UMOSE, UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI.
NGOKUBA UMA NINGAMDUMISI NGEMITHETHO YAKHE, AKAYIKUYAMUKELA IMITHANDAZO YENU, AKASOZE ANEHLISELA IZIBUSISO UMA NINGAYILALELI IMITHETHO YAKHE NIYIGCINE.
Lesi isisekelo sobuNazaretha. Lokho kusho ukuthi ubuNazaretha ukuqonda ngokufunda iTestamente Elidala, ikakhulukazi izincwadi eziyisihlanu zikaMose, iTorah.
Ngaphandle kweTorah, uShembe ufundise kakhulu ukuthi kumele uJehova simkhonze kanjani. Lokhu ukubhale kuMthandazo wokuvuka, uMthandazo wokulala noMthandazo wesabatha. Nezihlabelelo zamaNazaretha zikufundisa okuningi nge dogma neTheology yobuNazaretha.
Omunye umuntu oqoqe lonke ulwazi ngezimfundiso zikaBabamkhulu nezeNkosi iLanga, ngu-Advocate Mnyandu. Akakho umuntu kulelibandla oseke wabhala njengo-Advocate Mnyandu eqoqa wonke umlando nezitshumayelo zikaBabamkhulu nezeNkosi iLanga neNkosi iNyangayezulu.
Lezi zincwadi zibalulekile uma ufuna ulwazi oluphelele ngoShembve. Nazi lezi zincwadi:
1. IBANDLA LAMANAZARETHA.
Izintshumayelo zeNkosi iLanga. 2nd addition. 384 pages.
2.INYANGA YEZULU. 190 pages.
3.ISIKHONZI SENHLUPHEKO 252 PAGES.
4.Indaba ka- Isaya SHEMBE. VOLUME 1. 254 PAGES.
5.Indaba ka-Isaya SHEMBE. VOLUME 2. 343 pages.
Zonke lezi zincwadi zibhalwe ngu-Advocate Mnyandu. E-NCG amalunga ebandla ayagqugquzelwa ukuthi azithole azifunde lezi zincwadi, ngoba ukuthi ungumNazaretha kodwa ungazi lutho ngalezi zincwadi kufana nokuthi uthi ungumKrestu kodwa ungakwazi ukwahlukanisa phakathi kwenkolo kaJehova nenkolo yamaRoma, ungazi lutho ngomlando wobuKrestu, ungenke usho nokuthi ubuKrestu basungulwa ngamuphi unyaka, nokuthi uJesu wazalwa nini, wahamba nini emhlabeni; ungazi ukuthi okungempela ubani umsungunguli wenkolo yobuKrestu; ungawazi nomehluko phakathi kwaYeshua noJesu!
Ngakho-ke asizifunde lezi zincwadi, kuvele nabanye ababhali kulelibandla. Mina ngivuka ebusuku ngizifunde, ngoba angifuni ukuba kube nento ekhuluma ngoShembe nobuNazaretha, engingayazi!
Uma ufuna ukuthinta u-Advocate Mnyandu, ucingo lwakhe luthi: 082 750 2105. Nase NCG ziyatholakala lezi zinncwadi.