Alikho ibandla elima eqinisweni likaJehova njengalelibandla. Yilelibandla elifundese umhlaba ukuthi ibandla likaJehova lachithwa ubuKrestu, nokuthi loJesu omhlophe esimbeke ezindlini nasemasontweni, akakaze abekhona, sidlala abelungu. Kodwa owaba khona nguYeshua, futhi okwakungumuntu omnyama!
24 December 2022
245. ISIHLABELELO. 3
Lesi sihlabelelo safika neNgelosi uHlaleleni ngolwe Sine
mhla ka 23 November 2018.
1 Ngiyambonga uJehova
Ngalolu thando lwakhe,
Owangithanda ngalo
Phambi kwezitha zami.
2 Wahlenga umphefumulo wami
Ogibeni lalokho kufa,
Zijabhile izitha zami
Zingibona ngisaphila.
3 Wasula izinyembezi kimi
Emehlweni ami Nkosi,
Wazichitha izitha zami
Zazula umhlaba wonke.
4 Namhla ngidumisa nabangcwele
Ngenhliziyo ekhululekileyo,
Ngiyakubonga Thixo wami
Wangivusa ekufeni Nkosi.
5 Ngiphe lawo mandla Nkosi
Okudumisa wena wedwa,
Khanyisela umphefumulo wami
Ukubone nasezulwini Nkosi.
1.Njengoba kubhaliwe ngenhla, lesi sihlabelela, kanye nezinye, saqanjwa yiNgelosi uNkosazana uHlaleleni. Kodwa ke amaNazaretha akwaShembe ayaye athi lezi zihlabelelo ziqanjwa yimi, ngoba bengakwemukeli ukuthi sihamba nengelosi. Kodwake ngiyakwenqaba ukuthi nginikwe into okungasiyo eyami. Angikaze ngibe uSonkondlo empilweni yami.
2.Lesi sihlabelelo ingelosi yasiqambela thina ukuthi sisihlabelelo njalo uma kunesidingo. Yakhuluma kakhulu ngokuthi iNkosi uDavide yayiye imhubele uJehova ibonga ukunqotshwa kwezitha zayo. Yayisithi-ke nathi uma uJehova esinqobela izitha zethu, sikubonge lokho ngokumhubela.
3.Njengoba ngike ngasho ekuseni, angazi ukuthi kuqondaniswe yini, ngoba noma ngihlala nomkhokheli, kodwa ayikho into eyayisenze sazi ukuthi umuntu nomuntu uzoshumayela athini enkonzweni. Kodwa kungimangalisiyo ukuthi isihlabelelo engisinikiwe, ngithole ukuthi naye umkhokheli useyasihlabelela, nenqikithi yentshumayelo yami ngathola ukuthi more or less iyefana nekamkhokheli.
4.Lokhu kungenza ngikholwe ukuthi sithunywe ezulwini ukuthi sikhulume ngalolusizi uJehova owasikhipha kulo. Ngiyazi ukuthi amanye amaNazaretha akasathandi ukuba sikhulume ngalokhu kuhlukunyezwa kwethu, njengopba namaKrestu engasathandi uma kuchazwa ukuthi amhlupha kanjani uBabamkhulu. Kodwa uBaba iLanga wayehlala eshumayela ngokuthi abamandla bamhlujumenza kanjani uBabamkhulu, esichazela nokuthi lelibandla lihlukunyezwe kanjani ngabandla ezimishini. Nathi-ke kumele sikhulume ngolando wethu, kungasho lutho ukuthi amanye amaNazaretha kuwaphatha kanjani lokhu!
5.Ngiyazi ukuthi njengoba lelibandla likhula, abaningi abafikayo kulelibandla abazi ukuthi bunzima buni esihlangane nabo sisungula lelibandla. AmaNazaretha akagcinanga ngokusithuka imihla namalanga, besakhela nezono esingakaze sibe nazo sisenabo, kodwa basiyela ezinyangeni zomhlaba ababekholwa ukuthi zizoqeda ngathi; bangagcina lapho, basifunela nezinkabi okumele zisibulale ukuze baqede ngathi nangalelibandla! Lokho asikaze sikuveze ngisho kumalunga alelibandla.
6.Ayikho into ekhathaza amaNazaretha akwaShembe njengokuba khona kwaleli bandla. Lokhu kuhlanganisa zonke izinhlangothi, kuhlanganisa nalabo esingazange siphume kubo, njengeGinyezinye, eKuphakameni, eThembezinhle, ngisho uPhakama imbala! Abanye baye bengakwazi nokufihla, baze besho ukuthi sizokufa nini, uma sifa lelibandla lizoholwa ngubani! Ayikaze ibekhona into yokuthi kuthi umuntu ephila, umbuze ukuthi uzokufa nini, nokuthi uma efa ibandla lizoholwa ngubani. Lokho kubonisa ukukhathazeka okuyisimanga ngokubakhona kwalelibandla!
7..Kodwa ngakuchaza ukuthi mhla lelibandla lisungulwa, ingelosi yasitshela ukuthi ezulwini kukhishwe izingelosi ezingu 7, ezizoba ngamaphoyisa abheke lelibandla, abheke thina ukuba kungabi bikho umuntu ophumelela ukwenza noma ntoni embi kithi! Ngachaza futhi ukuthi mhla ngigcotshwayo, ingelosi yathi uBaba iLanga uyangazisa ukuthi amaNazaretha azongosa, kodwa ngenke ekwazi ukungidla, esho ukuthi azongihlupha kakhulu, kodwa angenke akwazi ukunginqoba!
8.Inkinga yamaNazaretha ukucabanga ukuthi lelibandla ngelami nomkhokheli, bese benza izinto nakanjani ezogcina zibayisa ekulahlweni, ngoba njengoba ngasho, lelibandla lasungulwa nguShembe uBaba iLanga, kodwa lona livuselela ibandla likaJehova. Ngakho-ke uma ulwa nami, ulwa noBaba iLanga, ulwa noJehova.. manje awukwazi ukulwa noJehova, uphumelele!
9.Amanye amaNazaretha aseyabona ukuthi ikhona ingelosi eNCG, kodwa umona ubenze bazikhohlisa, bacabanga ukuthi leli ibandla lami, becabanga ukuthi ngalokho bengalwa nsalo baze balinqobe!!
10.Ngicabanga ukuthi kwakungu 2012 noma 2013 mhla kufika kimi umfana wakwaMbethe owayengumshumayeli lapha, naye osewahlubuka. Yena ke wahlubuka waya enkolweni yamaNdiya, engingazi noma ngamaHindu, noma yini. Kodwa uyinzalo yobuNazaretha!
11.Uthi lomfana kimi: “Baba, uNkulunkulu ungibonise isimanga sento. Ngibone singena ethempelini siyincosana, kodwa wena wafike washumayela. Uthe uma usashumayela, kwangena amaKrestu amaningi, amanye abengasangeni ngesango, kodwa eqa amatshe, kwabuye kwalandela namanye amaNazaretha. Kodwa kunamaNazaretha athukuthele agana unwabu, ademelayisa, amanye edlula ngaphandle ehamba ethuka! Kodwa amaKrestu namanye amaNazaretha agcwale ithempeli ezolalela inkonzo!”
12.Lento eyabonwa yilomfana, noma naye ngingamazi ukuthi waphelelaphi, kodwa yayiliqiniso! Lelibandla likhuliswe ukushumayela kuphela! Ingelosi yenqaba ngisho nokuthi sikhulume ngezimangaliso, yathi kumele abantu abaphendukayo b engaphendulwwa zimangaliso, kodwa baphenduke ngokuzwa izwi likaNkulunkulu!
13.Alikho ibandla kumaNazaretha nakumaKrestu elishumayela njengalelibandla! Alikho ibandla elima eqinisweni likaJehova njengalelibandla. Yilelibandla elifundese umhlaba ukuthi ibandla likaJehova lachithwa ubuKrestu, nokuthi loJesu omhlophe esimbeke ezindlini nasemasontweni, akakaze abekhona, sidlala abelungu. Kodwa owaba khona nguYeshua, futhi okwakungumuntu omnyama! Ilelibandla eliveze ukuthi lama-Israel okukhulunywa ngawo eBhayibhelini, neziqalekiso eziku Dutoronomi 28, zazibhekiswe kumuntu omnyama! Ilelibandla elenze umhlaba wazi kabanzi ngoBabamkhulu, uMprofethi u-Isaya Shembe, ukuthi wayenguMprofethi kaJehova! Ilelibandla eliveze imisebenzi yeNkosi iLanga iselapha emhlabeni! Ngingabala nokuningi engingakuqedile lapha! Ngakho-ke lelibandla likhuliswa zintshumayelo kuphela, njengoba vele sasiithunywe ukwenza lokho!
14.Ingelosi yathi ningalishintshi leligama elithi IZWI LEZULU LIZWAKELE EMHLABENI WONKE, ngoba kohamba kuhambe lelivangeli lasezulwini lizwakale emhlabeni wonke, kodwa lokhu kokwenzeka kusukela evangelini ngoJehova eloqhutshwa yilelibandla, kokwenzeka ngisho singasekho thina kulomhlaba!
15.Koba semlandweni ukuthi emva kwaBabamkhulu, yilelibandla elibuyisele abantu kuJehova! Noma ungaya emabandleni akwaShembe ngeke ufike uzwe kukhulunywa ngoJehova, okungenani uzofica kukhulunywa ngoShembe, kuthiwa unkulunkulu, kungacaciswa futhi ukuthi ngoba uShembe isibongo, kukhulunywa ngamuphi uShembe? Lokho kwenziwe ngabomu, ukuze kuthi laboShembe abababekile, bethathe indawo kaShembe uMprofethi! Lento iyefana nale eyenziwa ngabamhlophe ukuthi befike becishe uYeshua, bese kuthi imisebenzi yakhe beyinika isithixo abazakhele sona!
16.AmaKrestu akazi ukuthi ingempela uMsindisi wabo nguYeshua, akuyiso ilesi sithixo esakhiwa ngabamhlophe. Kanjalo, nabantu abaningi abazi ukuthi uma kukhulunywa ngoShembe kusuke kukhulunywa ngoBabamkhulu, hhayi laboShembe abakhiwe ngamaNazaretha? Badida abantu ngokusebenzisa igama elithi Shembe, ukuthatha ezinye izinto ezingazi lutho ngokukholwa, bese zihlonipheka, ziba yinto ngokucasha ngoMprofethi!
17.AmaKrestu akakwazi ukwahlukanisa phakathi kwaJehova osenkolweni kaMose, noJesu osenkolweni yobuKrestu. Okuseqinisweni abakwazi ukwahlukanisa phakathi kwenkolo kaJehova nenkolo yobuKrestu. Ukungakwazi ukukwenza lokho, yinto eyakhiwa ngobuciko, ukuze sikhonze isithixo ngemisebenzi yoMprofethi. Kanjalo, ukudida abantu, ukuze bakhonze onkulunkulu babo besebenzisa uShembe, amaNazaretha akwaShembe akwenze wangakwazi ukwahlukanisa uBabamkhulu nalaboShembe babo!
18.Ilelibandla elifike laqondisa umlando wenkolo yethu, ukuthi inkolo kaJehova ihamba ihambe yagcinaphi, iqedwa ngobani, kanjani. Nokuthi inkolo yobuKretu iqale kuphi, yafikaphi, iyibulale kanjani inkolo kaJehova. Ilelibandla elifike lakucacisa lokho! Ilelibandla elifike lacacisela umhlaba ngoBabamkhulu, ukuthi uBabamkhulu akasiyona lento amaKrestu acabanga ukuthi wayeyiyo! Kodwa bafunzwa ngabamhlophe into engamanga! UBabamkhulu kwakuwuMprofethi kaJehova, mhlawumbe omkhulu kunabo bonke abaprofethi bakaJehova abake baba khona emhlabeni.
19.Ukuthi uShembe unguMprofethi omkhulu kunabo bonke abaprofethi, akusiyo into esingaphikisana ngayo, kodwa kokusho izenzo uma bonke abantu sebazi ngoShembe! Abanye abantu abayifuni into ezophikisana nento ebese beyicabanga ukuthi bayayazi, abantu abaningi banjalo. Uma bethola iqiniso, baye baliphikise ukuze kume lokhu ebebethi bayakwazi, bakwenze lokho noma sebebona ukuthi lento ebebethi bayayazi ayihambi kanjalo! Abanye baliphikisa iqiniso ngoba livele nomuntu ngokwabo okungafanele ukuthi ubengaveza leliqiniso! Yileso sifo esiphethe amaNazaretha akwaShembe nge NCG!
20.Ziningi izinto engihlaselelwe zona kuthiwa ngizenza uShembe! Yize ngingumholi webandla, kumaNazaretha akwaShembe ngibhekeke ukuthi ngihlale phansi enkonzweni bese kuthi izinto ezifsna noPhakama zihlale esihlalweni zifake imijiva, ngoba zinesibongo saKwaShembe! Ezihlalweni kumele kuhlale oPhakama, oSizwe, nabo bonke abanye ababekwe ngamaNazaretha ngokwesibongo, bese mina ngibakhulekela, ngoba noma ngithunywe nguNkulunkulu, kodwa angilutho kumaNazaretha akwaShembe nasemndeni wakwaShembe ngoba ngingowakwaMpanza?
21.Elabo izwi lingaphezulu kolweNkosi iLanga le engithumile ukuthi ngihole ibandla likaJehova! Ukuthunywa kwami abakubuki ngokuthi lento engiyishumayelayo iyiwo yini umthetho kaNkulunkulu, kodwa bathi bengingubani mina okungeza ingelosi izovuselela ngami umthetho kaNkulunkulu? Hhayi suka lapha, akusiyo ingelosi le, utikoloshe lo, idimoni leli! Ingelosi ayisoze yeza kumuntu-ntu, ishiye oShembe okungabantu basezulwini!
22. NgokwamaNazaretha nomndeni wakwaShembe, lelibandla akusilona likaMenzi wezulu nomhlaba, njengoba kwasho uShembe, kodwa liyifa lakwaShembe!
NgamaNazaretha nomndeni wakwaShembe okumele bakhethele uMenzi wezulu nomhlaba ukuthi ubani omkhetha ukuba akhulume indaba yakhe emhlabeni! Indlela lamaNazaretha acabanga ngayo, ibonisa ukuthi either baziwula, noma ukuhlubuka kwabo kubenza bengamqondi uNkulunkulu! Isilima sodwa esingacabanga ukuthi uNkulunkulu kumele eshayelwe yiso umthetho ukuthi kumele enzeni, kanjani, nini!
23.Emabandleni akwaShembe, umholi owalwa nathi kakhulu ngumholi waseThembezinhle. Wakha ama fake accounts amaningi lapho ayengithuka khona, wakhela nebandla elase lihlubuke eNCG leza kuye. Le- page yayibekelwe ukuthuka mina nomkhokheli ngazo zonke izinhlaba! Angimsukeli, kwenza umfana owayekade elapha, wazo confesa yonke into eyenziwe ngumholi waseThembezinhle ebatshela ukuthi abahlubuke eNCG beze kubo, ngoba yibona abalibandla ngempela! USdumza waze wakubhala kufacebook ukuthi abahlukane nekhehla elizofa kusasa, beze kuShembe ongafiyo! Wathula nje uNkulunkulu! Yathula nje iNkosi iLanga! Kodwa kwathi kungakathathi sikhathi, KWAFA USHEMBE ONGAFIYO , lasala ikhehla eselitshelwe ngabantu ukuthi lizofa kusasa! USdumza, okwaku nguyena owayengu bhongoza ekungithukeni, namuhla sewabuyela ebholeni! Angikholwa nokuthi usakholwa! Injalo indaba yobuphukuphuku ucabanga ukuthi uhlakaniphile, wenza lento eyayenziwa nguSdumza nomholi wakhe, uhama uhlomeka nje, uqhutshwe yinhliziyo kunokuqhutshwa yingqondo!
24.Omunye umholi ebandleni lakwaShembe owayehlale engigcomfa, noma ebezifihla, kwaba ngumholi waseKuphakameni! Akakho umntwana ozithwele nongahloniphi noweyisa njengalomfana! Ngumntwana ozazi yena! Ngasho ukuthi kwathi uma ingelosi isithukuthele kakhulu ngaye, yaguqa phambi kwethu, yathi: “Nkosi, mshaye lomfana ngenduku oyobonwa umhlaba ukuthi ushawa nguwe! Kubhaliwe eBhayibhelini ukuthi uma wedelela uNkulunkulu ukushaya ngokuhlanya!
25.Angazi-ke ukuthi yena washawa kanjani! Kodwa njengeThembezinhle, uJehova wasinqobela izitha zethu, ngoba sasithunywe nguye! OSdumza banyamalala, ukuthi umuntu owayeyisa kanje waphela kanjani, nguNkulunbkulu owaziyo! NaseKuphakameni, ubugagu bokucabanga ukuthi ngoba uhlala eKuphakameni, sekunguwe uNkulunkulu, uJehova wakuqeda ngomlilo!
26.Awukwazi ukuhlasela uNkulunkulu, uphumelele, awukwazi ukulwisa ingelosi ngoba ithunywe kumuntu wena ongaboni efanele ukuthunywa ezulwini, bese uthuka ingelosi, ngoba nje ingathunywanga ngokwentando yakho! UNkulunkulu umlwisele ukuthi ukhombe umuntu wena ongamboni ukuthi ufanele, uzikhethele owakho! Ingelosi yathukwa kakhulu eThembezihle naseBuhleni, kwathiwa akusiyo ingelosi, kodwa utikoloshe kaMpanza nomkakhe! Ayikho into ephambene nokukholwa lengelosi ayayilwiselwa yona, kodwa isono ukuthi ize kumuntu-ntu, ishiye bona abahamba nonkulunkulu. Ngakho-ke akusiyo ingelosi le, utikoloshe lo, idimoni leli!
27.AmaNazaretha akwaShembe asazokuqonda ukuthi akumele udle insangu bese udakelwa kuNkulunkulu! Labo ababebiza ingelosi ngokuthi ngutikoloshe, idimoni, basahlalelwe ukuchaza ukuthi babeze bethi ingelosi ingutikoloshe nje ngoba beyibone yenzani, babethi ilidimoni nje ngoba kuyini ekukhulumile okuphambene nomthetho kaNkulunkulu? Lelo cala basazolithetha, bayathanda, abathandi, basazobhekana nomaHluleli, bechaze ukuthi yini le eyenziwa yingelosi kubo eyenza ukuthi baze bayithuke?
28.Umholi waseGinyezinye, uSizwe, kwathi kanti akazi lutho ngokukholwa, kodwa kwaba nguye ohamba phambili ukusihlukumeza, ngoba ethi uyinkosana yakwaShembe, ngakho-ke ngokuvula lelibandla, sesifuna ukumephuca ifa lakhe! USizwe waya ephepheni, wathi onke amaNazaretha akwaShembe akahlangane alwe nathi, sephucwe izihlabelelo, sephucwe nemiNazaretha! Umona ukwenzisa wenze zonke izinto zokudunyelwa, ungazizwa nokuthi uthini!
29.USizwe waya ngisho kuMasipala, eyothi thina asingavunyelwa ukuya entabeni yaseNhlangakazi ngoba lentaba ingeyakwaShembe! Kodwa watshelwa ukuthi lentaba akusiyo eyakwaShembe, kodwa ngekaMasipala! Ngatshelwa yiwo uMasipala ukuthi uSizwe kade ekubo ezosivimba! Konke lokho akuphumelelanga, ngoba thina asizisukeli ukwenza into, kepha kuyaye kufike ingelosi izositshela. Bese kuqhamuka bonke omiyane bezosiluma!
30.Umholi waseBuhleni akakaze angihlasele esidlangalaleni, kodwa hhayi ukuthi uyangithanda! Naye ungizonda njengabo bonke abaholi bakwaShembe! Ngabhala incwadi yesingisi ngoMprofethi, yabe isiphablishwa ngu Dr Gumede, naye osonta eBuhleni. Uthe uma eyisa kumholi waseBuhleni, lomholi wayenqaba, wabe esekhuluma amazwi ngami uGumede amshiya ebhocobela, ezibuza ukuthi ubeyaphi. Angifuni-ke okwamanye ngisho ukuthi wathini, kodwa nami ngaze ngazisola ukuthi bengimgqugquzelani uGumdede ukuhambisa lencwadi kulomholi?
31.Kodwa into engicabanga ukuthi kungani engangithuki esidlangaleni, ukuthi okokuqala angikholwa nokuthi uyayifunda ifacebook, futhi akaliboni nalelibandla liyi threat kuye, ngoba lincane kakhulu ebandleni lakhe.
Okubalulekile kuye ubukhulu bebandla, okuyingcebo yakhe, nangalo enza acabange ukuthi unguNkulunkulu! Manje ngokuceba iNCG ayilutho kuye!
32.Lokhu kuthukwa nokweyiswa kuze kwafika nakuPhakama! Ziningi izinto uPhakama owazisho ngami, wangagcina lapho, wabe eseqoqa izithombe zabaholi, nocabanga ukuthi bangabaholi kwaShembe, ekhangisa ngabo, ngoba ethi uhlabekisa mina! Kodwa mina ngathunywa yiNkosi iLanga ukuthi ngakhe lelibandla. Manje iNkosi iLanga noBabamkhulu engiqhuba ivangeli labo, sengizoba isitha kanjani sabo? Ukuthi uPhakama uzalwa yindodana yeNkosi iLanga kungithintaphi mina, ngoba ezulwini uJehova ubashiye bephuza, wakhetha mina ukuba ngimsebenzele!
33.UPhakama akagcinanga ngokuqoqa izithombe zoShembe ekhangise ngazo, ngoba ezama ukutshela mina ukuthi oShembe bayingozi kangakanani kimi, ngakho-ke angenke ngibenze lutho, kodwa wahamba waya enhlanganweni yamabandla eyothi lelibandla alivalwe lingababikho! Lapho wangeyisa wangeyisa! Cabanga ngeyiswa uPhakama, ngoba nje ethi ungowakwaShembe!
34.Ngabona sengithola i-Agenda yenhlangano yamabandla ukuthi sengifakwe uPhakama icala lokuthi i-NCG kumele ibhidlizwe yilenhlangano ukuba libandla. Angazi ukuthi wathini kulenhlano, kepha nayo ngiyethemba yabona ukuthi kukhona okubuye kuqhashuke kulomholi wakwaShembe!
35.Ngasho ngaphimisela, ngathi: “Njengabanye bakubo abazame ukuqeda lelibandla, isiyaphela ke indaba yalomfana, usephaphe kakhulu ngimzibile! Kanti uNkulunkulu uyangizwa! Angazi ukuthi i-application yakhe kuyinhlangano yamabandla yagcinaphi ngoba angibange ngisathintwa, kodwa yena yaphela indaba yakhe, njengoba ngingasamazi nje ukuthi emva kwaleso sicelo owasenza wagcina ephelelephi!!
36.Zonke lezizitha engizibalayo, zaphela emehlweni ethu sizibuka, zaphela ngezindlela ezahlukene! Abasekho manje abantu baseThembezinhle abasithukayo, wabanqoba uNkulunkulu! Abasekho abantu baseKuphakameni abasithukayo, banezinkinga ezinkulu kakhulu ababhekene nazo, wabanqoba uNkulunkulu! Abasekho manje abantu baseBuhleni abasithukayo! Abantu baseBuhleni abasithukayo kuseyilabo abangaphili kahle emakhanda.
37.Kodwa nje umuntu ophilayo kahle ekhanda waseBuhleni ngeke eze esithuke, kodwa ngenxa yokuthi ziningi kakhulu nezidunyelwa, awukwazi ukusheshe ubone ukuthi, hhiya ngiphendulana nesidunyelwa lapha! Kodwa ekuqaleni sasithukwa abantu abahlakaniphile, abangenwe umoya kaSathane ngokuqondile!
38.EBuhleni kwakukhona umuntu okwakuthiwa uGonondo, angizazi izinhlamba esazithukwa ilowa muntu ukuthi zingakanani! UGonondo wayehlakaniphile, sithukwa isihlakaniphi. Kodwa izinhlamba zakhe ngoba kwakumuntu ohlakaniphile, zazizwela!
39.Ngiyakhumbula ngelinye Ilanga ethuka ingelosi ngokuthi iyimermaid efile! Kwakune mermaid eyatholakala ifile, kwase kukhulunywa ngayo kakhulu. UGonondo wathatha isithombe sale mermaid efile, esevula ipost, ethi le mermaid uNkosdazana uHlaleleni! Kwakune page laseBuhleni elalakhelwe nje ukuthuka thina. Kungene amathiimba ahlukene asibize ngayo yonke into! Wathula nje uNkulunkulu!
40.Kwakunezinye izinhlamba ezingashokeki, esasithukwa ngazo amaNazaretha aseBuhleni, kodwa namhlanje ngeke ngikutshele ukuthi oGonondo baphelelaphi, bavele baphela nje! Ngeke ngikutshele ukuthi oSdumza laba baseThembezinhle baphelelaphi, usuke ubabone nje bexoxe ngebhola! Angazi ukuthi oMfulungashi baphelelaphi? Angazi ibandla laseKuphakameni laphelelaphi. Angisayiphathi-ke iGinyezinye, ngoba vele iyinto engekho!
41.UJehova wabanqoba bonke ngengalo enamandla onke, zasibheka zijabhile zinenakusho lutho! Kodwa okumele bekwazi ukuthi uNkulunkulu akakaqedi ngabo, lelicala lokungithuka ngithunywe nguShembe, bethuke nengelosi, ngamacala asazaothethwa bengasathandi, uyeza umhla wokuphela, uyokuma phambi kwabo! Uthi-ke uNkosazana “Wazichitha izitha zami, zazula umhlaba wonke!”
42.Onke lamabandla ayehlangana ngathi esithuka, aphela, namanye asazophela, ngoba akudlalelwa kuNkulunkul! UJehova uzowaqeda onke! Kodwa lelibandla liyakhula, likhula ngezimfundiso zikaJehova, ngalo izwi lezulu seliyezwakala umhlaba wonke lapho lifinyelela khona! Singemmbonge ngani uJehova uMenzi wezulu nomhlaba, sengimbonge ngani uBaba iLanga owathi uyohamba phambi kwami njalo!
43.Kunebandla elikhulu njengebandla laseBuhlen. Ngaphandle kobuningi kwabantu, aliphethe lutho kaNkulunkulu! Into abangakhangisa ngayo zimoto nezitezi zomholi wabo, bekhangise nangabo ukuthi baningi kangakanani! Kodwa akukho ukukholwa lokhu abathi bayikho abangakukhangisa emhlabeni! Njengoba kuzoyiwa eNhlangakazi nje, bobe bekhangisa ngezimoto kanye nobuningi babo, bese kuphela lapho, kodwa boze bebuye eNhlangakazi bengenke bakutshela ukuthi umholi wabo ufundiseni ngokukholwa.
44.Kodwa sengathi ezulwini sekukhona into uNkulunkulu emcikayo! Kulelisonto ingelosi ifuinde incwadi yamaHubo 49:5-20. Lencwadi ifundeka kanje: “Yini ebengizoyesaba ngesikhathi senhlupheko, lapho ngihaqwa ububi babangizingelayo; labo abethembele engcebeni yabo, baqhoshe ngobuningi bomcebo wabo na?
45.Impela umuntu angemhlenge umfowabo, noma amhlawulele kuNkulunkulu. Ngokuba uykuhlengwa kwempilo yakhe kubiza kakhulu, ngenke kwafinyelelwa kukho nini nanini, ukuze umuntu aphile nguna phakade, angaliboni igodi.
46.Qha, uyabona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa, ukuthi isiwula nesiphukuphuku siyabhubha, umcebo wabo bawushiyele abanye!
47.Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube nguna phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawaqamba ngamagama abo.
48.Kepha umuntu, nakuba enodumo, AKANAKUHLALA ANGAFI, ufana nezilwane ezibhubhayo! Lendlela yabo ingubuwula babo, balandelwa ngabathokozela amazwi abo.
49.Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu, ukufa kuyakubelusa. Ngakusasa abaqotho babusa phezu kwabo, isimo sabo siqedwe indawo yabafileyo, bengaba besaba nandlu.
50.Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela.
51.UNGESABI UMA UMUNTU EBA YISICEBI, NXA UMCEBO WENDLU YAKHE WANDA, NGOKUBA EKUFENI KWAKHE AKANAKUMUKA NALUTHO, UMCEBO WAKHE AWUNAKWEHLA NAYE.
52.NOMA ANGAWUBUSISA UMPHEFUMULO WAKHE ESAPHILA, FUTHI ABANTU BAMTUSE, NGOKUBA UZENZELE KAHLE, NOKHO UYAKUYA ESIZUKULWANENI SOKHOKHO BAKHE, ABAYIKUKUBONA UKUKHANYA KWAPHAKADE!”
53.Lencwadi yafundwa yachazwa yingelosi, kodwa namuhla angizukusho lutho ngayo, nawe zifundele yona, uzicabangele ukuthi ithini!
54.Njengoba ngisho nje, alikho ibandla kwi Africa yonke elicacise indaba yenkolo kaJehova njengalelibandla. Lokho kwagcina kuBabamkhulu. Uma sithi sivuse inkolo kaBabamkhulu, sisho iqiniso, futhi siyivuse saze sedlulalela. UBabamkhulu wahamba emhlabeni engakakwazi ukukhuluma ngokuqondisa ezinye izinto ngoba umbuso wawusaphethwe nbgabamhlophe!
55.Kodwa thina sikhulume saqondisa ngoba siqhamuke i-South Africa isikhululekile! Thina sikwazile ukuthi sehlukanise phakathi kwenkolo kaJehova nenkolo yabantu noma yenkolo yezitha zikaJehova, amakholwa abengayiboni. Thina sikwazile ukuthi sibenze abantu bebone ukuthi abakwa-Israeli ithina. Owenza behlale bengithuka bethi ngizenza uShembe, kodwa bengasho ukuthi izintshumayelo zami zivusa izintshumayelo zikaBabamkhulu nezeNkosi iLanga, kodwa ngithwale icala lokuthi ngihlalelani esihlalweni ngiyigqokelani imijiva kaShembe! Kodwa bengasho ukuthi yini izintshumayelo zakho zifuse izintshumayelo zikaBabamkhulu nezeNkosi iLanga? Ngakhoke sinelungelo lokuthi siyilwelwe inkolo kaJehova ngoba kwasemandulo yayinikwe thina!
56.Kodwa onke amabandla akwaShembe, alwe nathi, elwela nje ukuthi sibafundiselani abantu umthetho kaJehova. Isono sethu esikhulu ileso! Noma ungabuza muphi umuntu webandla lakwaShembe, ayikho into enengqondo ongakutshela yona ukuthi bahlale belwelani nathi, ngaphandle kokuthi badlala umona!
57.Kusukela ekuqaleni, i-mandate yethu eyokuthi sikhulume ngendaba kaNkulunkulu asikaze sisuke kuye. Ngineqiniso ukuthi noma imuphi umuntu olapha, olandele lezi zimfundiso zethu, ekugcineni uyongena ezulwini!
58.Ngithena-ke isihloko sithi ISINAMUVA LIYABUKWA. Ukuthi isinamuva liyabukwa kusho ukuthi noma ubungaqala ngokubuhlupheka, kodwa uma konke ukwenze ngobuqotho, iningi ekugcineni lokubuka usisina wedwa! Koba njalo nakulelibandla likaJehova!
59.Onke amaNazaretha kaNkulunkulu kumele azi ukuthi sedlule ebunzimeni obungakanani sisungula lelibandla, nokuthi uNkulunkulu usilwele kanjani sihlanganyelwa yiwo wonke amabandla akwaShembe!
60.UJehova owababona ukuthi sebeyingozi kakhulu, wababulala, abanye wabahlanyisa, abanye wabenza baba umhambuma, baphelelwa ngamakhaya, abanye asazi ukuthi baphelelephi! Ngakho-ke njengoba ingelosi isho, sinesizathu esikhulu sokumbonga uJehova ukusiamulela ezitheni zethu!
iNkosi ibusise izwi layo!