Skip to content

USIZI OLWEHLELA ABAPROFETHI BAKA NKULUNKULU

Ungesabi, nxa umuntu eceba, nxa ubukhosi bendlu yakhe banda. NGOKUBA EKUFENI KWAKHE AKAYIKUPHATHA LUTHO; UBUKHOSI BAKHE ABUYIKWEHLA NAYE.

NOMA EBUSISA UMPHEFUMULO WAKHE ESAPHILA, FUTHI ABANTU BEKUDUMISA, NGOKUBA UZONDLE KAHLE, NOKHO UYAKUYA ESIZUKULWANENI SAWOYISE; UMUNTU ONODUMO ENGENANGQONDO UNJENGEZI LWANE EZIBHUBHAYO.” Amein.

Intshumyaelo yangeSabatha ekuseni mhlaka 24 December 2022 .Mfundisikazi Nomcebo Mpanza.
 
245. ISIHLABELELO. 3
Lesi sihlabelelo safike neNgelosi uHlaleleni ngolwe Sine
mhla ka 23 November 2018.
 
1. Ngiyambonga uJehova
Ngalolu thando lwakhe,
Owangithanda ngalo
Phambi kwezitha zami.
 
2. Wahlenga umphefumulo wami
Ogibeni lalokho kufa,
Zijabhile izitha zami
Zingibona ngisaphila.
 
3. Wasula izinyembezi kimi
Emehlweni ami Nkosi,
Wazichitha izitha zami
Zazula umhlaba wonke.
 
4. Namhla ngidumisa nabangcwele
Ngenhliziyo ekhululekileyo,
Ngiyakubonga Thixo wami
Wangivusa ekufeni Nkosi.
 
5. Ngiphe lawo mandla Nkosi
Okudumisa wena wedwa,
Khanyisela umphefumulo wami
Ukubone nasezulwini Nkosi.
 
1.Ngiyababingelela abangcwele, ngiphinde ngiyikhethe neNkosi yaseKuphakameni. Isihloko: Usizi olwehlela abaprofethi bakaNkulunkulu. Sesiphinde sahlangana bantwana baseKuphakameni, sihlangana kuyo lendlu kaJehova, sishiye konke ebekade singakwenza, sawavala nama business esinawo ngoba sazi ukuthi lokusuku, luwusuku lokudumisa uJehova yedwa njengoba uJehova enza konke waphumula ngalolusuku.
 
2.Njengoba silapha sizogubha ukuphumula kukaJehova eseqedile ukwenza umsebenzi wakhe owayewenzile. Bantwana baseKuphakameni umlando wakhiwa ngokwayizolo. Umlando uma uzokwakhiwa, wakhiwa ngezinto ekusuke kudlulwe kuzona. Njengoba namuhla noBaba u-Advocate Mnyandu esiqoqela konke ukuhamba koMprofethi Wethu ukuthi wema lapha, wahlala lapha, wasukuma lapha, wakhuluma lapha, wahlabelela, wasindisa lapha, wabhabhadisa lapha. Sesikhuluma ngento yayizolo. Yayiqoqwa ukuthi abayofika ngezinye izikhathi bayifice lento isingumlando.
 
3.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni njengoba ngithi usizi lwabaprofethi, ngikhumbula uMprofethi Wethu indlela ahlukumezeka ngayo, kubo bonke abantu ababethi bayizisebenzi zikaNkulunkulu kanti bayizisebenzi zezinye izizwe. Kodwa yena wayesebenzela uNkulunkulu, ethunywe nguNkulunkulu, wahlupheka kakhulu ngoba wayengaphethe indaba eyayiphethwe ngabanye, kodwa wayephethe indaba yasezulwini engakhiwanga umuntu ethunywe uNkulunkulu.
 
4.Kunjalo bantwana baseKuphakameni, neNkosi iLanga yasho yathi, wathi uma sesisithele thina boShembe, kuyakuqhamuka oShembe abaningi. Nangampela bantwana baseKuphakameni konke iNkosi eyakusho kwaba njalo. Labo Shembe abaningi kwakungashiwo bona abeza nendawo kaNkulunkulu, kwakushiwo oShembe bezinsuku zokugcina. Njengoba namhlanje sibona bantwana baseKuphakameni, okuthe uma ngabe sekuphethe bona, wase uyasuswa umthetho kaNkulunkulu, kwase kwakhiwa imithetho engesiyona imithetho kaNkulunkulu, sase silandela yona.
 
5.Nababekhona iNkosi ikhuluma abazanga ukuthi uBaba ukhuluma ngoShembe bezinsuku zokugcina. Namhlanjena, sibona oShembe abahlaba izinkukhu, ngamaSabatha, bathi basindisa abantu, bagijima bephethe impepho emgwaqeni, bathi bangoShembe.
 
6.Namhlanjena sibona oShembe abavula amasango amakhulu, bewavulela ukuthi kungene oMaskanda, bazogxobagxoba ngezimbadada ethempelini likaNkulunkulu lokudumisa uJehova. Namuhla sibona oShembe abakhipha ibandla ethempelini elakhelwa abazodumisa uJehova, sibabona beyohlanganiswa namabutho adle izintelezi nezibiba ezesabekayo.
 
7.Kodwa uthi uJehova lolusuku, noma uShembe embhalweni wakhe uthi lolusuku elokudumisa uJehova yedwa. Namuhla sizwa eThempelini kukhuzwa izaga, kukhuzelwa amakhosi asemhlabeni. Esikwaziyo kulelibandla, sazi u-Amein, sazi ukuthi uyingcwele, emva kokuba kukhulunywe kwaphakamiswa uJehova. Kodwa namhlanjena kubongelelwa amakhosi omhlaba, amakhosi ezizwe, anikezwe isihlalo sikaJehova, ayabongelelwa phakathi eThempelini kodwa lolusuku nalelithempeli liyindlu lapho kuphakanyiswa khona ubukhulu bukaJehova kuphela!
 
8.Usizi bantwana baseKuphakameni engikhuluma ngalo, ngikhuluma ngoMprofethi ukuthi usizi ahlangana nalo, ukuthunywa uJehova afike lento ayakhe, kufike nabanye uJehova ababekile emva kwakhe, ababili, bayakhe. Byendlale, bayisho indaba kaNkulunkulu. Kodwa kwathi uma sebesithele, kwaqala lelibandla laba inhlekisa njengoba ingelosi yasho, saqala sahlekwa izizwe. Bantwana baseKuphakameni sithunyiwe ukuthi sikhulume lento.
 
9.Ithi-ke ingelosi mhla ikhuluma, singanakukwazi ukuthi kuyovelani, ithi lelibandla lisazoba inhlekisa, kusazovela izinto ezinkulu, lisazoba inhlekisa. Bantwana baseKuphakameni kwaqhamuka izinhlamba ezisabekayo, kwathukwa thina, kwathukwa naleyongelosi, kwathiwa inamanga, kodwa bonke labo ababesho njalo, sebehlehlile, abasekho kuleyanto. Kodwa ekuhlehleni kwabo ababanga baseza ukuzocela intethelelo ukuthi bayaxolisa ukuthi ingelosi yayiqinisile.
Washo wathi lelibandla lizobhujiswa uma ngabe lingahlehli kulezi zinto elizenzayo, nalapho kwaqhamuka izinhlamba ezisabekayo, kodwa uma umuntu eyazi indaba kaNkulunkulu uyabona ukuthi ukubhujiswa kuqhamuka ngewzindlela eziningi!
 
10.UNkulunkulu akenzi njengomuntu noma uNkulunkulu akenzi into efananayo, kukhona abanye abantu izinto eziza kancane kancane, kodwa kwabanye zivele zehle ngalolusuku ziqede konke. Washo uNkosazana, angazi noma akusikho yini ukubhubha uma sizothi sihleli ethempelini kwehle umbani wezulu usishaye usibhubhise khona, akusikho yini ukubhubha ukuthi uma sizokuhamba singamakhosikazi siya ku-14 singabuyeli emzini wethu, sishaye umbani wezulu? isimo esinjalo asikaze senzeke kulelibandla. Uma nje izulu lingene emzini wakho labulala umuntu, umnikazi womuzi wayehlaliswa esigcawini kuthiwa akachaze ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi izulu lingene emzini weNazaretha!
 
11.Ngikhuluma ngendaba eyamenyezelwa uBaba iLanga ukuthi uma ngabe sebesithele bona boShembe kuyakuvela oShembe abanimgi. Kodwa uShembe wayengasho aboShembe bezinsuku zokugcina. Sekuyisikhathi lapho abantu bonke baqoqane ngoba ikhona incwadi ethi abantu babalwa, nalowo wahamba wabalelwa ezweni lakubo. Angazi noma thina sisenawo yini amazwe akithi njengoba singabantwana bakaNkulunkulu, angazi sisenawo yini.
 
12.Kodwa kulowo mbuthano bantwana baseKuphakameni, siyolahla ifa lethu, siyolahla izinhlanhla zethu, siyoxosha uMoya kaJehova, siyothatha uMoya ongemuhle. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni uma usungumntwana kaNkulunkulu, kuhle ukuthi uzazi izindlela zoMkhululi wakho, uzikhethe wena, uzazi wena ukuthi uJehova wakukhetha wakwenza ukuthi ube ifa lakhe, ube ngcwele. Ungabi ngamazwe akini ngoba izwe lakini kusezulwini lapho siya khona!
 
13.Ake sifunde-ke amazwi sizwe ukuthi kuthiwani lapha, uthini lona okhuluma lapha. AmaHubo 84 verse 10-12. “Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho, luhle kunezinye eziyizinkulungwane, ngiyakukhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala emathendeni ababi. Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu, uJehova uyakupha umusa nodumo, akayikubanqabela okuhle abahamba ngobuqotho. Jehova Sebawoti ubusisiwe umuntu okwethembayo.” Amein.
 
14.Kunjalo bantwana baseKuphakameni. Sibahle singabalindi, silindile etendeni likaNkulunkulu, kunokuba siyohlala nababi ngoba sithi sifuna ukuyobalelwa emazweni akithi, kodwa singasho khona emazweni akithi ngoba emazweni akithi kulapho esiqhamuka khona. Bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu usigcinile, ngiyafisa ukuthi ngihlehle, ngibese ngithi ukufunda nje kuwo futhi Amahubo 49, sike sizwe ukuthi ukuhlakanipha kwethu ngukuphi uma sinencebo eningi, ukuhlakanipha kwethu kusihambisa kusisephi?
 
15.AmaHubo 49 verse 5-20.‬‬ “Bengizakwesabelani ezinsukwini ezimbi, lapha ububi babangizingelayo bungihaqa, labo abathemba imfuyo yabo bezigabisa ngomcebo wabo omkhulu, na?
 
16.Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye. Ngokuba ukuhlengwa komphefumulo wabo kubiza kakhulu; akunakuphela nanini ukuba aphile njalo, angaboni ukubola.
 
17.Qha, uyakubona ukuthi abahlakaniphileyo bayafa nokuthi isiwula kanye nesiphukuphuku ziyabhubha, imfuyo yabo bayishiyele abanye. Ukucabanga kwabo kuthi izindlu zabo zizakuma kuze kube phakade, nemizi yabo ezizukulwaneni ngezizukulwane; amazwe abo bawabiza ngamagama abo.
 
18.Kepha umuntu, nokuba enodumo, akayikuma; ufana nezilwane ezibhubhayo. Le ndlela yabo ingubuwula babo, balandelwa ngabavumela umlomo wabo. Baqhutshelwa endaweni yabafileyo njengezimvu; ukufa kuyakubalusa, abaqotho babuse phezu kwabo ngakusasa, isimo sabo siqedwe yindawo yabafileyo, bangabe besaba nandlu. Kepha uNkulunkulu uyakuwukhulula umphefumulo wami esandleni sendawo yabafileyo, ngokuba uyakungamukela.
 
19.Ungesabi, nxa umuntu eceba, nxa ubukhosi bendlu yakhe banda. NGOKUBA EKUFENI KWAKHE AKAYIKUPHATHA LUTHO; UBUKHOSI BAKHE ABUYIKWEHLA NAYE.
 
20.NOMA EBUSISA UMPHEFUMULO WAKHE ESAPHILA, FUTHI ABANTU BEKUDUMISA, NGOKUBA UZONDLE KAHLE, NOKHO UYAKUYA ESIZUKULWANENI SAWOYISE; UMUNTU ONODUMO ENGENANGQONDO UNJENGEZI LWANE EZIBHUBHAYO.” Amein.
 
21.Kuyenzeka ukuthi nomunye azithathele kulezigatshana lezi eziseluleka ukuthi noma ngabe sinakho konke, kodwa sazi noma ngabe siyabusa noma ngabe sibakhulu kodwa sazi ukuthi akukho esiyongena nakho ethuneni, asinakwehla nalutho njengoba singafikanga nalutho. Umcebo uyakhohlisana, ukwenza ukuthi ukhohlwe ukuthi kukhona usuku olufihliweyo!
Ngibuyela lapha bantwana baseKuphakameni osizini. Bengisathi asifunde izincwadi ezisalulekayo njengoba sihlala sicela kuNkulunkulu ukuthi asiphe izibusiso nasemabhizinisini ethu, konke kukhanye. Le ncwadi iyasikhumbuza ukuthi noma kungaba kuningi kube kungakanani, kodwa singayikhohlwa indaba kaNkulunkulu ngoba akukho esiyokwehla nakho. Bantwana baseKuphakameni ngihlehla ukuthi usizi lwabaprofethi bakaJehova abahlangana nalo uma bethunyiwe. Lolusizi bantwana baseKuphakameni Iiona olwakhanyisa ekwakhiweni kwalelibandla ngoba lelibandla alakhekanga ngenjabulo. Lakheka kabuhlungu bantwana baseKuphakameni.
 
22.Ayikho into eyayingasi khonkothi, akukho okwakungasa hlakaniphile, bonke abantu base behlakaniphile emhlabeni, behlakaniphile ngoba begxeka thina. Sahamba emeveni, kangangokuthi uBaba uMelusi waze wathengelwa ngisho izinkabi.
 
23.Sagxekwa bantwana baseKuphakameni, sangagxekwa kuphela, sathukwa, saqalekiswa, siqalekiselwa ukuthi sisholani ukuthi ingelosi ethunywe nguShembe ithi asibuyele kukehova njengoba uMprofethi wayeshilo. Ngithi-ke umlando wakhiwa ngokwayizolo, uma uwumuntu kufanele ume eqinisweni, kungathi uma uNkulunkulu ekuvikela, bese wenza sengathi wasinda ngoba wawuhlakaniphile, noma ngoba wawumuhle noma wawuyisigwili. Kodwa ulitshele izwe ukuthi ngasindiswa uNkulunkulu.
 
24.Kungakho ngihlale ngithi ngiyababonga abantwana bakaNkulunkulu esinabo lapha, izinhlamba esasithukwa ngazo, kwakungafanele ukuthi kube khona umuntu osalayo emile, kodwa ngoba uJehova ebakhethile, bema khona sekunjalo! Ngelinye ilanga uthi uBaba, bekukhona abantu abaningi lapha. Laba bantu bazocela intethelelo bonke, bathi babulala abantu. Uthi uBaba izinkabi, uthi bathi-ke bacela intethelelo!
 
25.Uthi-ke uBaba: “Ngendlela ebebeyicela masinyane ngakhona, uthi mangibuza ukuthi babeba bulalelani abantu, bathi bathukuthela, uthi-ke uBaba: “Nabulala abantu, umuntu ngisho esephakamisa izandla ethi ningangibulali, ngizakukunikeza konke, ngisho nomuzi wami, ngizakunika, kodwa nedlula nababulala abantu sebesho njalo?”
 
26.Uthi kodwa manje senifuna ukuxolelwa masinyane nje, kuthiwe nje iNkosi inibusise!” Uthi-ke uBaba ufanisa, ukukhuluma ngengoma yomculi, uthi hawu wayeqinisile lo owayehlabelela ethi “Umenzi uyakhohlwa, kodwa umenziwa engakakhohlwa, uyakhohlwa umenzi” Bese lento eyithatha njengento elula njengoba yabalula ekuqaleni eyenza, bese efuna ibe lula nakuwe. Kusho-ke uBaba, uthi-ke loluluhlu olungaka, lungithusile. Uthi ngithe ake bajike.
 
27.Kodwa bantwana baseKuphakameni nabo babeholwa nguye lo Mfundisi ebengishumayela ngaye kuleliviki eliphelile. Ngoba wake wahlehla ngoba iNkosi iNyangayezulu yasho njalo ngisho esebafaka phansi kwaMfundisi uMthethwa esenguMvangeli. Wathi uBaba “Niyambona lo mfana lona kade ngimphebeza ngeviki eliphelile ukuthi usuke uqhamukaphi nalabantu abayizigebengu, njalo uletha abantu lapha abayizigebengu, abathi bagebenga abantu?”
 
28.Waba umuzi uBaba, wathi uBaba esebaphathisa uMfundisi uMthethwa, wathi-ke nabo laba, kusho iNkosi iNyangayezulu eLinda, ithi nabo laba-ke njengoba nibabona nje, beze lapha, bazokhuluma ngendaba yokuthi babulala abantu, bazoxolisa. Uthi kuseyibo, kuseyibo bona laba, basafakwe nguye lo mfana kaNgema, kusho iNyangayezulu, esebafaka, esebafaka kuMfundisi uMthethwa esenguMvangeli.
 
29.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni sidlule ebumnzimeni, sidlullile, uNkulunkulu waphephisa imiphefumulo yethu lapho okwase kufanele ukuthi sife, kodwa into okwakufanele siyifele kwakuwukuthi sisho lani ukuthi uthi uBaba iLanga akwakhiwe indlu eyibandla likaJehova, sisholani ukuthi abantu ababuyele kuJehova.
Ngithi-ke umlando, nanamuhla sekuthiwa izwe libuyile liphethwe ngabantu abamnyama, kodwa lusekhona usuku lamhlaka 27 April eluwumgubho ukuthi kwaqala lapho ukuthi izwe liholwe abantu abamnyama.
 
30.Kuze kube namuhla kuthiwa kwaxolelwana kodwa amabhunu asalenza usuku lawo, edumisa uNkulunkulu wawo ukuthi wawasiza anqoba abantu abamnyama.
Kuze kube namhlanje, kusenombango omkhulu ngoba amanxeba awapholi ngaphansi aphola ngaphezulu ukuthi abelungu benzani kubantu abamnyama.
 
31.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kusemlandweni, konke kubhaliwe, kubhalwa ngokwayizolo, umlando wakhiwa ngokwayizolo. Sekuyophela unyaka, ngihlabelela isihlabelelo, ngithi ngiyambonga uJehova owasisindisa ngaleso sikhathi. Bantwana baseKuphakameni ngithi ngiyamubonga uNkulunkulu ngoba nangalezo zikhathi, abantu babengalwi nje, kodwa babeyaye baxhumane nabantu abangaphakathi. Ngimbonga uJehova ngikhumbula engisindisa, lapho engangidle khona u-poison, nakhona kwakucishwa, kucishwa leligama leli elithi abantu ababuyele kuJehova.
 
32.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni uBaba uMelusi wadlula ebunzimeni obesabekayo, wahlaselwa ngamaNazaretha, wahlaselwa ngamaKrestu. Angcono-ke amaKrestu ngoba ayemuhlasela ngento angayiqondi nawo kahle. Kodwa amaNazaretha ayemushayela ukuthi uzivulelani izincwadi zikaBabamkhulu, ukhulumelani ngalona owaqala ibandla.
 
33.Ngoba ithi iNkosi iLanga, umtshele ukuthi uyakuthatha ezimfundisweni zikaBaba ayefundisa ngazo. UBaba usethatha zona izimfundiso zikaMprofethi usefundisa ngazo, izona lezi ezamakhela izitha, zamakhela izitha khona ebandleni. Ngithi bantwana baseKuphakameni, akuzange kube sebandleni, nasemndenini, umndeni waphenduka, wasiphendukela, ngaphandle kokuthi bahamba baya kuBaba uThingo, bathi bayosesula khona, noma igama elalihamba phambili kwakungelomholi wethu, kodwa bayosisula sonke.
 
34.Basivimbela emasangweni, uBaba wanqatshelwa ukungena emzini oyikhaya abalakhelwa nguBaba iLanga, wanqatshelwa ingane engazi nokuthi lapho kwafikwa kanjani, ihlangene nabantu abadala. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngiyamubonga uJehova ngoba wasivikela nangalolusuku ngoba sasingazi lutho, sahamba nje sonke ngoba sazi ukuthi siwumndeni, wangena nje uBaba wabingelelwa nakahle.
 
35.Siyabona namuhla ukuthi wayevikelwa uJehova, kwakufanele ukuthi kulesiya sikhashana athelwe othulini lomhlaba ngoba base bebuya khona kuBaba ukuyosesula. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni isilima kuphela esingakhohlwa okwayizolo, nesingeke samubonga uJehova ukuthi ngiyakubonga Baba ngoba wangivikela.
 
36.Ngiyababonga abantwana bakulelibandla ngoba laba bantu esasihamba nabo, noma uSathane esasephuca abanye, kodwa ngiyamubonga uJehova ngabo ngoba uBaba wayeseyedwa, engasenabani bantwana baseKuphakameni elahlekelwe umfowabo, owayemthanda kakhulu. Efisa nokuthi ebe namazwi, atshele abantu ngaye, kodwa akuzange kube njalo, laba bantu laba, saqhinqa nabo emasangweni, saqhinqa singazi ukuthi isigcino nesiphetho kuzoba yini.
 
37.Ngiyamubonga uMfundisi uMdlolo, uNkulunkulu wakhuluma kuye wathi cha ngiyakumusindisa ngalaba bantu ngoba sasingabazi ubungozi obukhona, kodwa uMfundisi uMdlolo wahlela bonke onogada bakhe, wabathela endleleni wathi kuyahanjwa, kanti uNkulunkulu ungena kuye, sathi siyafika le phambili sabafica bengangomhlambu wezimvu. Nomfundisi naye ezile nabakhe.
 
38.Ngithi bantwana baseKuphakameni, asikwazi ukuyeqa le ndaba, asikwazi ukuyikhohlwa kalula. Uma sikhohlwa le ndaba siyobe sikhohlwa uJehova owasivikela ngalelo langa. Ngithi uNkulunkulu amkhumbule uMkhokheli uKhuzwayo ezweni akulo, owayekade ehamba phambili ethi siyofa lapho okuyofa khona uBaba.
 
39.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni namhlanje kuphela unyaka, ssiya komunye omusha, ngifisa ukuthi uNkulunkulu angizwe ukuthi ngiyamubonga futhi ngisakhumbula ukuthi sasindiswa uye, kwakufanele siqothwe siphele, kodwa uJehova wamisa isandla phezu kwethu ngoba laba bantu babazi ukuthi bayimpi kithi kodwa thina sasingazi ukuthi bayimpi kithi.
 
40.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni noma sebetshiyoza namuhla, noma sebetshiyoza namuhla, befuna ekutheni engathi bayeza nabo kulo muzi. Ithi-ke ingelosi ngelinye ilanga, ithi ungabo mbuyisa umuntu ongabuyisiwe uJehova, ithi ubomkhumbula uJehova mhlazane ekusindisa. Ungabohamba uyokuba nobudlelwane nabantu abaxoshwa uJehova phambi kwakho bekuphathele izikhali bezokubulala. Ngoba bayothi uma befika beqale lapho abagcine khona. Uthi abantu uma benza into embi, ithi benza into embi kini, mina ngiye ngithathe icala ngihambe ngilifake kuShembe. uthi ebese ethi uShembe, uJehova uzobashaya.
 
41.Uthi-ke uma umuntu eseshawa uJehova, akusiwena okufanele ukuthi umlamulele, muyeke umuntu asiqede isigwebo sakhe, uma uJehova esemehlisela ukuhlupheka, ngoba babengahlaseli thina bodwa, babehlasela uJehova. Ngoba uShembe okwathiwa asithathe izimfundiso zakhe, wayefundisa ngoJehova. Ithi ingelosi ungabombuyisa ongabuyiswanga uJehova ngoba uyongena nazo zonke izikhali lezi owayekuphathele zona, esekugcobile ngamafutha akhe, esekwenzile ukuthi uthambe, bese ekubulala, esekubulala bukhoma eduze.
 
42.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngeke ngilikhohlwe lelibandla futhi angifuni ukuthi lizisole ukuthi ukube lamane lamela ekudeni. Ngikhuluma-ke ngalabo abahamba bayosisula, asebefuna ukuthi namuhla sithi nje hhayi siyanixoxela, bese simukela izizathu ezithile, abazoqhamuka nazo sebezoqambelana amanga la, cha, abame lapho abamiswa khona uJehova. Abame lapho uNkulunkulu athe abame khona, unkulunkulu wabo lo owayebaqhuba, abangamlahli, abaqhubeke naye, nathi asimulahlanga lo esasikade sishayelwa yena, abame kuthixo wabo!
 
43.Babekade besishayela uthixo wombani, abame khona, thina sathi sikhonza uJehova owadala izulu nomhlaba, sithi abeme bebheke kuye ngoba babethi balwela yena. Kodwa ngoba uJehova lento wayeyazi ukuthi ngeyakhe, ngeke ihlakazwe umuntu iphele, beme abantu bangamulahli umholi wabo, bakhetha nabo ukuthi bezondwe ilabantu balayikhaya, babazondele ukuthi balwele umholi. Balwa abantu, bama bakhombisa uthando ukuthi bafa lapho afa khona umyeni wabo.
 
44.Ngikhuluma ngosizi lokuthunywa uJehova ukuthi uvukelwa ngisho nangabafowenu ngoba usukhuluma indaba kaJehova, ngithi bantwana baseKuphakameni, bama abantu, sasala kulelibandla. Sasala esibongweni sakwaMpanza, sasala kuyimi, kuwumholi, kunangu uMfundisi uMpanza (Bonga), sasala noMfundisi uMpanza nezingane zakhe. Maningi abadili abawenzile bengumndeni, behlangana, bejabula besigabisela ngeziphandla zezimbuzi nezinyongo.
 
45.Babevela ngelinye ilanga bebambe imbuzi ukuthi sizohawukela abazoyihlaba. Sithi abeme lapho kulowo mphefumulo wezimbuzi ngoba izozobuza ukuthi bayaphi manje ngoba yahlatshwa phela yona, yahlatshelwa ukuthi ingeyokuxosha thina, ingeyokusula thina. Umyalezo wami bantwana baseKuphakameni uthi, ngendlela umoya wami owaba buhlungu ngakhona ukuthi angikwazanga ukungcwaba umuntu owayfika layikhaya, umuntu owafika wabonga. Owathi uma eqala efika eqala ukungena kulomuzi, wafika wajabula, wabonga, wangena yonke indawo, wakhuphuka waya phezulu, wangena kuzozonke izindawo, wazungeza lo muzi ejabula.
 
45.Angikwazanga ukuthi ngimubone, bantwana baseKuphakameni, asikwazanga nokuba namazwi sivinjwa ngabantu belwela inkosi yombani. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni abakhumbule umphefumulo wembuzi eyafela ukuthi kuxoshwe thina, umphefumulo walembuzi awubamise, awubavimbe, ubagcine lapho, bagcineke khona kuze kube phakade!
 
46.Kufanele ukuthi siyivikele le nkolo ngoba ababuyeli khona ukuzofakazela uNkulunkulu, babuyela ukuzotshala ucucuza! Bazele ukuzosithelela ngomoya wobungoma njengoba kwakungathi bayaqalekiswa, nangu uMfundisi uMpanza engangifakazela. UJehova wabashaya, bathwasa bonke baba izangoma, kwathwasa amantombazane akhona, kwathwasa omakoti bakhona, bahamba bayothwasa. Angazi noma babecabanga ukuthi bazoba izigwili yini, abazange babe zigwili, bagula boma baba izinkobe. Manje bafuna ukuzosithelela lowo moya lowo.
 
47.Ngithi-ke umlando kufanele ukuthi ibandla liwazi ngoba kukhona abafikayo ukuthi siphuma kuphi thina. Thina sake sagida phezu komgubane. Angazi noma bayawazi yini abantu amatshe omgubane lo othi mawuhamba phezu kwawo. Sake sagida, nazo lezi ngane esasinazo, uSathane wazithatha kodwa ngaleso sikhathi ngithi sayilwa impi sayinqoba. Ayizange ibe khona inkonzo, abazange bazwane ngoba nathi sasisina!
 
48.Kwakunzima bantwana baseKuphakameni, abantu babelwela umholi wabo ukuthi akakwazi ukuthi engaxoshwa ekhaya kubo, ekhaya alakhelwa iNkosi iLanga. Kodwa wakhishwa izangoma kulo. Ngoba uma bezokwenza into embi, bavele bathi nangu useyakhuluma lapha umkhulu, useyakhuluma kodwa akukhulumi mkhulu kukhuluma yena. Useyakhuluma ugogo!
 
49.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, bangcwele aniphe lo Moya wokuqinisela, aniphe loluthando, loluthando lungasuki, enakhombisa ngalo ngoba hhayi ukuthi nanithanda umholi wenu kuphela. Nanibalekela ukuthi kuchitheke isikole enizofundela ukungena ezulwini ngaso. Lamakhosikazi akithi bonke bayilwela lento. Umlando wakhiwa ngokwayizolo.
 
50.Ngithi bangcwele nanamuhla ngisasho njalo ngithi iNkosi inikhumbule. Sasala singumndeni oyingcosana, sakwemukela lokho. Sathi silungile ukuthi uma sithi siye emndenini, sihambe siye laphana kwaMfundisi uMpanza, uma ethi uza emndenini eze lapha kithi ngoba uSathane wayesixoshile emndenini.
 
51.Ngalokho-ke sithi bantwana baseKuphakameni, ithi iNkosi iLanga, ngizama ukubapha, ngibenzela umusa ukuthi uma beyifunda intshumayelo yami, bese beyikhumbula iNkosi iLanga. Yafundisa amaNazaretha yathi ingasikhohlwa isitha sakho.
.
52.Ngithi-ke ngenzela ukuthi uma umuntu esebuka le ntshumayelo, ebese eyawakhumbula amazwi eNkosi iLanga ukuthi ngithi mina ngedwa ngoba uma ngibuka iNkosi iLanga, ingifanela neNkosi uDavide, ngoba uma uzwa izinkulumo zikaDavide, uma ekhuluma ngoJehova, ekhuluma ngezitha zakhe, uzozithola lezi zinto ezishiwo uBaba iLanga.
 
53.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni owami umyalezo uthi silunge sinjena. UBaba kufike isimo esaba nzima kakhulu kodwa uNkulunkulu wabe eseyamkhumbula uBaba ukuthi wamenza waba isitsha esihle, wamenza ukuthi waba isitsha esiphakela indaba kaNkulunkulu. Kwakuthi uma sekunzima sebemuthukile, zikhona ezinye izinhlamba ezishayayo enyameni noma unganaki. Kodwa ithi ingelosi kaThixo, bhekani umbhalo owabhalwa uShembe, ithi bukani isihlabelelo sika number 5. Kunevesi elithi ‘ikhumbuleni incindezi yendlela eya ekhaya.’
 
54.Bese siyahlehla ngoba isisitshelile ingelosi, iphinde iye esihlabelelweni sika 143 ithi uShembe uyasho ukuthi le Ndlela inamatshe, inameva. Ngithi bantwana baseKuphakameni, lelibandla alakhekanga kamnandi, engathi nomholi ozayo, engahlala njalo eyibambe lento eyinkonkoshele. Ayinkonkoshele angavumi ukuthi ibhidlikele ezandleni zakhe. Wayesho njalo uBaba uThingo, athi lento ayimusukubhidlikela kimi. Nomholi ozayo kufanele asho njalo, athi lento ayingabhidlikeli kimi. Laba bantu bonke esinabo bavuthiwe ngendaba kaNkulunkulu. Nezingane ezilapha zalelindla ziyazi ngoNkulunkulu. Kodwa nakhona ngezikhathi zikaNkulunkulu bakhuluma bazi, kwaze kwafika kuBaba iNyangayezulu bazi, kodwa wafika omubi, wafika nezakhe izincwadi, zase ziba nodumo zona. Ngithi-ke bangcwele ngiyamukhumbula uNkulunkulu engisindisa.
 
55.Ngenye imini wasisindisa, sacishe satholakala sifile siwumqwebu lapha endlini. Ngoba izitha zasheshe zabona ukuthi lento iyinto kaNkulunkulu. Zathumela inkosikazi, inkosikazi esencane ongeke uyicabange ukuthi ingenza izinto ezimbi. Ngangivame nje ukuthi ngishiye nje. Kodwa ngelinye ilanga ngathi ngiyaphuma wathi uHlaleleni ngicela ukhiye yonke iminyango. Ngacabanga ukuthi kuzofika izigebengu, kanti akuzukufika izigebengu, nguyena lo. Uthi-ke uHlaleleni ukube benishiyile, ubenikezwe uphoyizeni ebezowufaka nje embhedeni, nilale khona unishaye unibulale niphele.
 
56.Ngampela le ngane yangihlubuka, yase iyasho kubantu ukuthi amakamelo ayakhiwa wonke. Kodwa ngangishiye mina phansi ngoba yayi ayina, akukho okwakuyidinga le phezulu.
 
57.Uthi-ke uHlaleleni ukubeke uke washiya uvulile, bekuyosa nomile, beyiphathiswe uphoyizeni onzima kabi, obekufanele unishaye niphele. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngiyazibongela kuJehova. Ngibonga uNkulunkulu owasisindisa nasezandleni zomndeni ngoba angiwakhohlwa amazwi ashiwo ingelosi kulezo nsuku owakunzima ngazo. Bandinda baya ngisho ezinyangeni, abayanga kuBaba kuphela. Bafuna ngisho izinkabi, behlangene nabathile, abanye abangasekho, kodwa banqotshwa iNkosi yaseKuphakameni eyayithume uBaba.
 
58.Nakwezinye izinhlangothi zamaNazaretha bazithenga izinkabi kodwa zanqotshwa nguShembe. Ngalokho bantwana baseKuphakameni singamujivazi uNkulunkulu waseKuphakameni owasisindisa. Lento ifana nani ukuthi kufike umuntu kuwe, lowo muntu enganawo amanga, uthole ukuthi ngempela umphefumulo wakho uphephile ngaye. Afike akutshele lo muntu athi yeyi ungakudli lokhu, ungadli laphana, umgaphuzi ngisho amanzi, ungalokothi, afike anyakazise itafula, kuchitheke lokho kudla ekuphephisa. Ebese eyasho ukuthi uphoyizeni ubufakwe uzibanibani, ebese wena usindile, bese lo muntu owakusiza ukuthi ungadli uphoyizeni, ekubone usuwumngani walo muntu owayezokudlisa uphoyizeni.
 
59.Uyazisola ukuthi ukube angizange ngimtshele, ukube ngamuyekela, wadla wahamba emhlabeni. Ngoba manje sewuyesaba naye, ukuthi kusho ukuthi manje njengoba behlangane nje, bahlangenele ukuthi kuhle bebulale mina. Ngisho ukuthi-ke injalo indaba yokusindiswa uNkulunkulu, noma kungathiwa umoya omubi ungena engangeni, ungena endodaneni yakho. Kodwa uma ngabe uNkulunkulu eyithweswe icala, kufanele wazi ukuthi ayinakuthethelwa nguwe uNkulunkulu engayithethelele. Nomphefumulo wakho akusiwona owakho ungokaNkulunkulu. Indodana yakho ibizokhipha umphefumulo oyinto kaNkulunkulu.
 
60.Ngalawo mazwi kufanele ukuthi ume ekumethembeni uJehova, udumise ubonge uNkulunkulu. Ungalilandeli igazi, ukuthi uNkulunkulu wangisindisa kuwe ndodana yami, usungikhohliwe ukuthi nginguyihlo, usungibulala. Wangisindisa uThixo ezintweni owawuziphethe uzongibulala, ngasindiswa uNkulunkulu, ubabaze yena.
Ngithi sonke bantwana baseKuphakameni noma ngabe indodakazi noma ngabe umakhelwane noma ubani, ungazisondezi kumuntu uNkulunkulu akulamulela kuye ezokubulala. Ngithi bantwana baseKuphakameni unyaka uyokuphela.
 
61.Ngithi uNkulunkulu ababusise abantwana bakhe abangazange behlehle kulokhu kukholwa ezinhlambeni ezingaka ababethukwa ngazo. Namuhla bayayibona lento, isiyakhula, bayayibona lento ukuthi sekuyiyona ezosala emhlabeni, sekuyiyona ekhona. Bayabona ukuthi uyanyakaza wonke umhlaba, unyakaza ngendaba kaJehova ukuthi kanti uNkulunkulu usekhona lapha emhlabeni. Lisekhona igama likaJehova, alive lilihle Nkosi yami igama likaNkulunkulu ngoba awulokhu uhamba uba namahloni khona. Ungangena ngisho e-Engilande (England) ufike ukhulume uthi ngithunywe uJehova, bayohlala phansi bakulalele.
 
62.Kodwa uma uthi uthunywe ngoyihlomkhulu, bayobutha amatshe bakugande ngawo bathi phuma uphele lapha ngoba uthunywa ngoyihlomkhulu, kushukuthi uphathiswe ukuthi abantu abaphuze utshwala, uphathiswe ukuthi abantu abathakathe, uphathiswe ukuthi abantu ababulale abantu, bahlome ngemikhonto babulale abantu. Into eyayenziwa ngezikhathi zobabamkhulu.
 
63.Ngisho ungafunda umlando ufunde umlando nje wekwaZulu nje uwodwa, hhayi izwe lonke, ufunde umlando nje ukuthi kwabakhona kanjani, uzothola kunezigidi zabantu ezabulawa, zibulawela ukuthi kube khona lelikwaZulu, babefa abantu bengenzanga lutho. Uma-ke kufika umuntu athi uthunywa ngoyisemkhulu, sibona ukuthi uthunywe ukuthi abuyisele abantu la othi uShembe abantu abaphume khona. Siyibandla likaNkulunkulu bantwana baseKuphakameni, siyibandla likaJehova yedwa!
 
64.Nibobuka thina, nifane nathi bangcwele, nibomubuka umholi wenu, wathi ukuba ethunywa nguNkulunkulu, wakukhetha ukuba abe njengenhlawubusi, kodwa wangaba yiyo ngoba ngangikhona, wayekhona uMfundisi uMpanza. Waba khona, saba nenhlanhla ngoba bakhona esaba nabo. Kodwa indaba kaNkulunkulu ithi hamba wedwa. Ngithi-ke sahlala-ke nalezi zingane, uma sithi siya ekhaya siyelapha kulezingane emzini wazo, nazo zize layikhaya. Sakwamukela ukulahlwa ilaba bantu. Ngithi nanamuhla phambi kwaJehova ngikwamukela ngazo zombili ngiyakwemukela futhi senginezinye phezu kwalezi engikwemukela ngazo.
 
65.Ngithi abahlale lapho abahleli khona, abaziphikele nogobela babo ababathwasisayo, baphinde futhi badumise iNkosi yabo yombani, abanakusizwa silwa nabo. Abahlale lapho ababevele bekhona, bengazophazamisa umkhumbi kaJehova, bangazosifikela namaphunga angasiwona amaphunga kaJehova. Asidinge muntu osesizela nomhlwehlwe wezimbuzi, nezintanjana. Sidinga uJehova kuphela, akekho omunye esanikwa yena.
 
66.Yathi ingelosi akwakhiwe ibandla lapho kuzodunysiwa khona uJehova yedwa, kodwa uma sekukhona bona, akasezukudunyiswa uJehova yedwa, angeke adunyiswe yedwa. USathane uyijikijela ngapha nangapha imbewu yakhe, uyayifumba kuphi nakuphi, uthi koze kumile. Ngithi-ke bangcwele, niboyigxobagxoba nangezinyawo noma ngingasekho, niyigxobe, niyishaye ngezinyawo, nithathe namageja. Nithi lelibandla sahlupheka ngalo. Umholi wethu, wasilanda emajukujwiniki lapho uSathane ebesilahle khona ngoba sibuya emajukujukwini sonke.
 
67.Ngithi-ke bangcwele sengiphetha, ngithi uJehova aniholele ukuphila, futhi uNkulunkulu anoholele ukuthi emzini yenu kungalalwa kungadliwe ngoba nakwazi nina ukuthi nigone, nime nomuntu exoshwa kwabo. nakwazi ukubona ukuthi uxoshelwa indaba kaNkulunkulu. Namuhla sekuze kwafika abantu, bafika abantu ngoba kukhona nina, bebona ukuthi bezwa nokuthi kuthiwani, bangene endlini bafice abantu.
 
68.Ngiyacela kuNkulunkulu waseKuphakameni ukuthi angenze ngingasuki kuye, ngingagudluki eqinisweni. Ngingathengisi ngoBaba uMelusi. Ngeke ngithengise ngaye ngisho enganeni ezalwa yimi. Uma ingane ezalwa yimi ingajikela noma ikhulume kabi ngoBaba uMelusi, ngobhekana nayo!
 
69.Ngoba noma ingelosi yafikela kimi, kodwa ngangingeke ngikwazi ukukhuluma njengoBaba uMelusi! UBaba uMelusi akaqali ukukhuluma namuhla ngoba sekukhona ingelosi, waqala kudala kungakazeki nokuthi bobuye bemuhlukumeze. Waqala kudala kabi ukukhuluma ngoShembe owaqala lelibandla.
 
70.Wakhuluma kudala kabi, ekhuluma nangoBaba iLanga, ekhuluma izinto iLanga elazisho, ngoba labholofitha ngempela lokhu elakusho kwenzeka. Ngithi-ke bangcwele, wonke umuntu, lithi ibhayibheli kwafika izikhathi babalwa, babalelwa emazweni akubo. Ngithi-ke nathi emazweni akithi, alapha e-NCG ngoba e-NCG ingumnyango wezulu.
 
71.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, abantu abayobalelwa lapho abakhona nabo. Ngithi ngivalelisa ngelokuthi, ithi iNkosi iLanga, ungasikhohlwa isitha sakho, futhi ungadli naso, ungasondeli eduze kwaso, ungadli naso!
 
72.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni uma thina saxoshwa, sixoshelwa ukuphakamisa uJehova, uma thina saxoshwa, sixoshelwa ukuthi sithi abantu ababuyele kuJehova, singebaxoshe ngani abantu abazosiphakamisela ubungoma, abantu abazofuna ukuthi uma sebelapha, bathi kufanele siyokhushulelwa abantu abadala, abantu abahamba nengelosi yezangoma. Nake naba bona abantu abangathwasa igceke lonke. Basizela neziqalekiso!
 
73.Ngithi-ke amazwi eNkosi iLanga ngeke siweqe. Akekho umuntu ongangiphoqa, noma ungasiphoqa ukuthi seqe lamazwi uBaba, owawasho wathi singadlelani nezitha zethu. Uma ngabe siyabaxolela, siyobaxolelela lapho abakhona, asinakubaxolelela ukuthi beze lapha ngoba singabe siphikisana namazwi, singabe siphikisa iNkosi iLanga.
 
INkosi ibusise enikuzwile

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *