Njengoba ngisho ngithi anginalo ihaba uma ngithi thina sifana nabantwana bakwa Israel, singukuqhubeka kwabantwana bakwa Israel. Njengoba ingelosi ikhulumile ekuseni yanikeza uMkhokheli incwadi ka-Zakhariya 1 verse 2-6 yokuthi uma nibuyela kimi nami ngiyobuyela kini.
07 JANUARY 2023.
ISIHLABELELO 53
1 Hambisani lezindaba
Ziye kuwo wonke umhlaba.
Chorus: Nihlaleleni nalezindaba
Ulambile wonke umhlaba.
2 Bamenamele uSimakade
Ngezikhathi zonke,
Akusindi inyama yodwa
Nemiphefumulo yabo.
Chorus:
3 Khuthazelani lezindaba
Nina abamthandayo.
Ufakazi walezindaba
Nangu yena usefikile.
1.Ekuqaleni besijwayele ukuthi sishumayele nabafundisi, nabavangeli, kodwa ngelinye ilanga ingelosi yafika yathi kwathunywa nina ukuthi khulumani le ndaba kaNkulunkulu. Awukwazi ukuthi ufike ufundele ubuthisha, ube seklasini, bese uthi uma usufika eklasini bese ufike uhlala phansi, bese ubhekA ukuthi abafundi kube ibona abafundisanayo wena uhleli phansi.
2.Wathi uNkosazana ezulwini nibhekeke ukuthi zonke izinsuku zeSabatha nikhulume indaba kaNkulunkulu. Yathi kuMkhokheli: “Uyazini ukuthi uma uthunywa, bese ungayenzi into ngendlela othunywe ngayo, uNkulunkulu engakugulisa noma akubulale, njengoba nabantu abanamadlozi, uma ungalisebenzisi liyakugulisa noma likubulale?”
3.Ilapho-ke engathi kuMkhokheli kumele ngaso sonke isikhathi wenze lokhu ingelosi ekushoyo, ngoba uma ushumayela, noma ugula, uyaphila. Kodwa into engiyiqondile ukuthi njengoba ngihlabelela lesi sihlabelelo, esithi “Nihlaleleni nalezi zindaba ulambile umhlaba” lento engiyikhulumayo ayikho emhlabeni. Akwaziwa emhlabeni ukuthi kuke kube nengelosi ehlala nabantu, kube nengelosi efundisa abantu indaba kaNkulunkulu!
4.Okwenzekayo njengamanje ukuthi ngaso sonke isikhathi ingelosi ifika ekuseni lingakangeni isabatha, izosho ukuthi kumele sifundise ngani, isinike nezincwadi okumele sizifunde enkonzweni. Lokho kudala ukuthi umuntu engabanayo inkinga yokuthi konje ngeSabatha ngizoshumayela ngithini, ngoba siyazi ukuthi kukhona umuntu wasezulwini ozofika eshumayele, kodwa eqale eshumayeze thina, esivulele izincwadi njengoba nje uMkhokheli kade evula incwadi ka-Zakhariya 1, incwadi esingakaze sayifunda.
5.Leyonto iyisimangaliso nje iyodwa, ngoba ayikho emhlabeni, ngakho-ke uma ethi uShembe nihlaleleni nalezi zindaba ulambile umhlaba, kungenxa yokuthi ungawuhamba wonke umhlaba, kodwa awusoze wayithola ndawo into eyenzeka kulelibandla likaNkulunkulu!
6.Njengoba silapha nje, singabantu bokuqala emhlabeni wonke esineqiniseko sokuthi izulu likhona. Singabantu bokuqala emhlabeni wonke esinesiqiniseko sokuthi isihogo sikhona. Singabantu bokuqala emhlabeni abanesiqiniso sokuthi izingelosi zikhona, nokuthi zinjani, zisebenza kanjani emhlabeni!
7.Manje-ke lezi zinto kufanele ukuthi nginikhumbuze zona, ukuthi njengoba uNkulunkulu emandulo wakhetha abantwana bakwa Israel wathi bangabantwana bakhe phezu kwezizwe zonke,. Leso sethembiso uJehova wamabandla usebuyele kithi! Ngakho-ke kukumunutu ngamunye ukuzikhethela ukuthi uyafuna yini ukuba abe yingxenye yethu kulesi Sibusiso esisehlele!
8.Kulamasonto edlule ngikhulume indaba kaBabamkhulu eseMampondweni, ngachaza ukuthi le ndaba yenzeka ng-1930. Ngiyamubonga kakhulu u-Advocate Mnyandu ukuthi uNkulunkulu engene kuye bese esibhalela lezi zindaba zasezulwini. Ngoba ukube akaqhamukanga u-Advocate Mnyandu, lezi zindaba ezinkulu kangaka, ngabe asizazi.
9.Besingabantu nje abahlale betshelwa ngamaKrestu ukuthi uJesu wenza ukuthi nokuthi ngakho-ke uShembe akanakuqhathaniswa noJesu. Kodwa lezi zindaba eziqukethwe yilezi zincwadi zingaphezulu kakhulu kwemisebenzi kanye nezimangaliso ewsifunda ngazo eBhayibhelini!
10.Ngakho-ke kusisizile kakhulu ukuthi kube khona umuntu uMoya kaNkulunkulu ongena kuye, esivezele wonke umsebenzi woMprofethi. Ngoba uMprofethi wabakhona lapha emhlabeni kusukela ngo 1910 kwaze kwaba u1935, kwathi emva kwakhe yacishwa yonke indaba yakhe! Njengoba noYeshua waba khona emhlabeni, kodwa emva kwakhe yacishwa yonke indaba yakhe, kwavele kwakhiwa isithixo, sase sinikezwa igama lokuthi isona esinguJesu, lesi sithixo isona esiyindodana kaNkulunkulu.
11.Kwase kuthathwa yonke imisebenzi kaYeshua isinikezwa lesi sithixo esiwumlungu omhlophe, ukuze engqondweni yethu sazi ukuthi uNkulunkulu wafikela kwabamhlophe! Abezizwe base benza izulu kwaba ngalabo, thina sesilethekela kulo, imfundiso engubuqili!
12.Iizulu into uNkulunkulu osehlisele yona. Kanjalo-ke nakuShembe, uthe uma efika lapha uShembe wenza izimangaliso ezinkulu, wafundisa kabanzi nenkolo kaMose, kodwa emva kwakhe yacishwa yonke leyonto, kwase kwakhiwa ilumbo lokuthi uShembe wazama ukundiza njengo Elijah entabeni yaseNhlangakazi wase ewa phansi, efa. Manje izimishini zabe sezishumayela ilumbo, zicisha iqiniso, ngoba uShembe engumuntu omnyama!
13.Le ndaba-ke engizoyikhuluma indaba kaBabamkhulu eyenzeka ngo 1930. Niyakhumbula ukuthi sakhuluma ngoBabamkhulu efika kwaDlaminmi, lapho kwaphenduka intombazane, uNelisiwe, eyisangoma, kwaphenduka naye uDlamini, kodwa ingelosi yafike yatshela uBabamkhulu ukuthi uthe uJehova engayibhabhadisi lentombazane kanye naye uDlamini. Emva kwalokho okwatholakala ukuthi uDlamini uhlabise uBabamkhulu imbuzi oyintshontshile! Lendaba-ke siyithatha lapho uBabamkhulu esuka kulomuzi wakwaDlami, sisekhona eMampondweni
14.Le ndaba-ke ngiyisusa lapho: “UShembe wasuka kwaDlamini waya emzini wenkosi yamaBhaca, uMabhovula Mqwathi, eMshiba. Wafika khona wabuza ukuthi iphi inkosi. Bamtshela ukuthi inkosi iboshiwe ngoba yabulala induna ngesibhamu, icala layilahla, yagwetshwa intambo. Isizwe samaBhaca sahlanganisa imali safuna abammeli ukuba bakhulule inkosi, kodwa behluleka.
15.UShembe wabuza igama le nkosi. Bathi “uMabhovula indodana kaMbhekaphansi Mqwathi.” Wabuza uShembe: “Ngabe kukhona yini into inkosi eyake yayenza yenzela uNkulunkulu na?” Amadoda aphendula athi: “Yebo, wakha indlu yesonto kodwa ayikavulwa.” UShembe wahamba wayothandaza kathathu kulendlu yesonto ecela kuNkulunkulu ukuba inkosi yamaBhaca iphume ejele!
16.Wasuka lapho waya kunkosikazi wenkosi wathi: “Mntanami, yiba nesibindi, inkosi ngeke ibulawe ejele, izokhululwa ngoba ngithunyelwe kulelizwe ukukhulula iziboshwa. Manje ngizolinquma leli cala. Emveni kwezinsuku ezintathu izokhululwa inkosi ibuye ize ekhaya. “
17.Le Nkosi othi uBabamkhulu izokhululwa, isigwetshiwe, igwetshwe intambo ngoba yayibulele umuntu, noma sebeyifunele abameli behluleke. “Ngeke ifele ejele, iyofela lapha emzini wayo. UNkulunkulu uselithethile icala layo, waqeda.”
18.Ebusuku ngaphambi kokuba inkosi iyonqunywa ngakusasa, uShembe wafika kuyo ngesibonakaliso ehamba nabantu abaningi begqoke izingubo ezimhlophe.
Wafika wathi: “Ngeke ufele ejele.” NgoLwesine okuwusuku lokuba inqunywe, bayifaka endlini lapho umshini wokunquma iziboshwa ukhona.
19.Bawubeka umshini ukuba umnqume ikhanda, kepha wadlula nje phezu kwekhanda lakhe, lutho ukumnquma.
Bambuza abelungu: “Uyindoda enjani wena? Usonta kuliphi ibandla?” Yaphendula inkosi yathi: “Angisonti ndawo, kodwa ngiyathandaza kuNkulunkulu.” Base bethi abelungu: “Unenhlanhla enkulu. Ngakho-ke ngeke sibuye sikulethe kulendlu ukuzonqunywa.
20.Sizokusa kwenye indawo, sizobona-ke ukuthi nalapho usazoba nayo yini inhlanhla. Lapho kuyihlathi elikhulu, libiyelwe, linamasango amabili agadiwe ngonogada. Kunezilwane eziyingozi ezifakwe lapha, amabhubesi, izingwe nezinye izilwane eziyingozi.
21.Uzongena esangweni lalelo hlathi, unqamule phakathi uze uyophumela kwelinye isango. Uyothola isango elifana naleli ozongena ngalo. Kulelo sango uyofica umlungu ekulindile khona. Sizokunika incwadi oyoyinika lowo mlungu ukuba ayisayine. Bese ubuya nayo kithina.”
22.Iphoyisa lamqhuba lamfaka esangweni lehlathi, yangena phakathi inkosi ihamba yodwa. Endleleni yathola ugebhezi lwekhanda namathambo ezingalo nemilenze yomuntu ofile. Izilwane zazikhala lapha ehlathini. Kwaqhamuka indlovu, yayithatha ngomboko wayo inkosi, yayikhweza emahlombe ayo. Yahamba naye yaze yayombeka kwelinye isango lapho kwakulinde umlungu. Yamshiya phansi lapho. Wagaqazela ngamadolo waya kulo mlungu, wamnika incwadi ayenikwe yona.
23.Wamangala lo mlungu, wabuza: “Unqamule kanjani kuleli hlathi?” Waphendula wathi kuqhamuke indlovu yangithwala, kungakho ngilapha.” Umlungu wayifunda incwadi wayisayina wayinika inkosi. Kuthe uma esengena futhi ehlathini esephindela emuva, yaqhamuka futhi indlovu yamthwala, yahamba naye inqamula ihlathi yaze yayombeka phansi lapho ekade imthathe khona kuqala.
24.Wabanikeza abelungu incwadi, bethuka kakhulu. Kwabacacela manje abelungu ukuthi lona ngumuntu kaNkulunkulu, uNkulunkulu akafuni ukuba abulawe. Bashaya ucingo bashayela umndeni wenkosi ukuba bamhlangabeze esiteshini sesitimela e-Riverside ngoLwesibili. Unkosikazi wenkosi akayanga lapho, kwahamba amadoda esizwe kuphela.
25.Bahamba nje banokungabaza ukuthi inkosi izobuya ipila ngempela yini? Abanye babethi: ‘Mhlawumbe siyohlangabeza ibhokisi lomngcwabo.” Abelungu bathengela inkosi ithikithi lesitimela. Base bethi: “Icala lakho liphelile manje. Phindela ekhaya ezinganeni zakho.” Kwathi uma isitimela sifika esiteshini lapho kwakuzokwehla inkosi, amadoda ayecashile endlini yokulindela (waiting room). Inkosi yehla esitimeleni, yaqalaza. Bagijima bayihlangabeza.
26.Bamangala bebona inkosi igqoke ingubo emhlophe egqokwa amaNazaretha. Bamangala nje ukuthi ubani oyinike le ngubo. Bahamba nenkosi baya ekhaya layo. Isizwe sonke samaBhaca seza ukuzobungaza inkosi yaso. Uma isifikile ekhaya, yayixoxa yonke indaba yokusinda kwayo entanjeni, yathi:
27.“Ngabona ephusheni kunenkonzo lapha ekhaya, kunabantu abagqoke izingubo ezimhlophe. Kwafika kimi indoda ngisejele, yathi ivela emzini wami ikhulumile nonkosikazi wami. Yanginika le ngubo emhlophe yathi ngingahlukani nayo. Yathi igama layo uShembe, ithunywe ukukhulula iziboshwa. Ngiyambonga uNkulunkulu wale ndoda ngoba bese ngilahle ithemba, ukufa sekungibheke emehlweni!”
28.Njengoba uShembe wabe esalokhu ekulendawo, wayibuza inkosi uMqwathi ukuthi izingane ayinazo yini.
Yathi: “Kunjalo muntu kaThixo asiphiwanga ngisho neyodwa ingane.” UShembe wathi: “Nizozithola izingane.” Nembala, kwaba njalo, inkosi yazithola izingane ezine, abafana abathathu nentombazane eyodwa.” Amein.
29.Le ndaba kufanele ukuthi abantu bayazi ngoba akusizona izinganekwane zakwaShembe, kodwa yinto eyenzeka ngo 1930. Lendaba yenkosi uMabhovula ayisuswa ekhanda, kodwa yenzeka ngempela ngo 1930, uShembe efika eMampondweni, kade elandwe eKuphakameni yiingelosi yaseMampondweni. Lenkosi yayiboshelwe ukuthi ibulale induna yayo ngesibhamu, angazi ukuthi lenduna yayenzeni.
30.Kodwa okubululekile kulendaba ukuthi wathi uma uShembe efika emzini wenkosi, etshelwa ukuthi inkosi iboshiwe, izogwetshwa intambo, uShembe wafike wabuza ukuthi LENKOSI YINI EYAKE YAYENZELA UNKULUNKULU? Impendula yamadoda yathi; WAKHA INDLU YESONTO, KODWA AYIKAVULWA!
31.Lenkosi yasindiswa ukuthi kuthe i8ngakholwe ndawo, kodwa YAKHELA AMAKHOLWA INDLU YESONTO! Esinye isimangaliso ukuthi lenkosai yafika imzini wayo ISIFAKE INGUBO EMHLOPHE, ethi iyinikwe nguShembe isejele, wathi angayiyeki lengubo emhlophe!
Ithi lenkosi kwathi isesejele yabona abantu abafake izingubo ezimhlophe emzini wayo, kwafika kuyo umuntu owazethula enkosini ngokuthi nguShembe, kodwa yona ingakaze izwe ngoShembe, futhi ingakaze iwabone amaNazaretha!
32.Isifundo sethu sokuqala sithi isibusiso usithola ngayo yonke indlela uma usebenzela uNkulunkulu. Le nkosi yayingelona ikholwa, kodwa yanikela kuNkulunkulu ngokwakha indlu yesonto ingakholwe ndawo! Uma efika uBabamkhulu ezwa ukuthi le Nkosi yakhe indlu yesonto, wahamba wayothandaza kuyo le ndlu yesonto. nangampela lomthandazo uNkulunkulu wawemukela! Kodwa into ebaluleke kakhulu ukuthi uBabamkhulu wahamba wayothandaza endlini yesonto eyakhiwe ileNkosi.
33.Ngamanye amazwi le Nkosi yakhishwa imisebenzi yayo ejele. Le Nkosi yakhishwa ukuthi kwaathi ingayilo ngisho ilkholwa kodwa yakha indlu yesonto, lapho uBabamkhulu okuthiwa wafike wathandaza khona kathathu, ecela kuNkulunkulu ukuthi le Nkosi eyenzele uNkulnkulu umsebenzi ongaka, ayingafi!
34.Nangampela kwathi noma isidlula entanjeni, umshini wehluleka ukumquma ikhanda. Kwathi noma esengena ezilwaneni, asikho isilwane esakwazi ukuthi uMabhovula simbulale. Akusiyona inganekwane leyo, into eyenzeka ngampela leyo! Njengoba ngisho ukuthi ngaleso sikhathi uBabamkhulu wayesuka kwaDlamini njengoba ngesonto eledlule saxoxa indaba yokuthi kwenzakalani uBabamkhulu eya eMampondweni. Isifundo sethu sokuqala ukubaluleka kokusebenzela uNkulunkulu ngoba uMabhovula ukube wayengamusebenzeli uNkulunkulu, wayeyokufa.
35.Kodwa wasebenzela uNkulunkulu, awaze wango ukuthi angikholiwe, ngakho-ke abantu okufanele bakhe indlu yesonto amakholwa. Okwesibili isifundo esisitholayo lapha ukubaluleka kwengubo emhlophe, umNazaretha. Ngesonto eledlule sikhulume indaba kaJosaya Mathe wakwaNobamba. Ukuthi wathi uma efika ezulwini wathola kufakwe ingubo emhlophe.
36.Naye wayifaka, wathi: “Noma sengihambile emhlabeni ningincwabe ngengubo emhlophe.” Watshela nomndeni wonke wakhe ukuthi awufake ingubo emhlophe. Ingubo emhlophe bantwana baseKuphakameni yingubo yasezulwini. Ngakho-ke njengoba kuyingubo yasezulwini, akusiyona ingubo okufanele ukuthi sidlale ngayo njengoba kwenza amaNazaretha. Njengoba ngilapha ngithunywe uNkulunkulu, akangithumanga ngephupho, kwafika ingelosi, ngakho-ke uma ngingalikhulumi iqiniso, ngizojeziswa ezulwini.
37.Akukhathalekile ukuthi iliphi ibandla, uma nje kukhona umuntu obukela phansi umthetho kaNkulunkulu, ngithunyiwe ukuthi ngimqondise. Ngizofunda incwadi ka-Hezekeli 3 verse 16-19. Hezekeli 3:16-19: “Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi: “Ndodana yomuntu, ngikuqoke ukuba ngumlindi kuyo indlu yakwa-Israel, ngakho ke uyakuzwa izwi eliphuma emlonyeni wami, ungixwayisele bona.
38.Uma ngithi komubi uyokufa nokufa, bese ungamxwayisi omubi endleleni yakhe embi, ukuba omubi umsindise, uyakufa ngenxa yezono zakhe, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.m Kepha wena uma umxwayisile omubi, kodwa awaze abuyeka ububi bakhe, nendlela yakhe embi, uyakufa ngenxa yesono sakhe, kodwa wena uwusindisile umphefumulo wakho!” Amein.
39.Lapha uHezekeli uthi kwafika izwi likaNkulunkulu, kodwa kithi akufikanga izwi likaNkulunkulu, kwafika ingelosi physically, yafike yaguqa phambi kwethu, yathi uthi uBaba iLanga uyakuthuma ukuba ubuyise abantu kuNkulunkulu! Ngakho-ke ngithunyiwe ezulwini ukuthi ngikhulume indaba kaNkulunkulu.
40.Noma ngabe umuntu oyiphambukisayo ungumKrestu noma ungumNazaretha noma ethi ungowayiphi inkolo, kodwa nje uma ethi ungaphansi kwaJehova kufanele ukuthi ngimqondise uma esephuma endlela kaJehova!
41.Kukhona into eyakhulunywa uBabamkhulu okufanele niyazi. Uthi-ke uBabamkhulu “Kuza isikhathi LAPHO ABANTU BASE KUPHAKAMENI BAYOYILAHLA KHONA INDLELA KASHEMBE. LAPHO BAYOBE SEBENZA IMICABANGO YABO KUNEZWI ESIBAYALA NGALO THINA BOSHEMBE.
42.NGALEYO NKATHI BAYOBE BENGASALI KHATHALELE IZWE LAPHAKADE, BAYOBE SEBETHEMBE AMAZULU AMANINGI, NANGEKHO. NGALEZO ZINSUKU BAYO DEBESELA UKUGCINA UMTHETHO, LO OKUYIWO OKUTHIWE ANGIWUVUSELELE.
43.BAYOWUGXOBA, BAWUZIBE, KUPHASE IMITHETHO YABO NEMITHETHO YEZITHIXO ZABO ABAYOZIBUYISA BAZIFAKE LAPHA EBANDLENI.”
44.Leso sikhathi esakhulunywa uBabamkhulu sesifikile manje, lapho amaNazaretha egxobagxoba khona umthetho kaNkulunkulu, lapho amaNazaretha esebheke izithixo zawo kunomthetho kaNkulunkulu, sesifikile leso sikhathi! Uma ngicabanga indlela engakhula ngayo, sasithi uma sibona isangoma sibaleke, kuthina isangoma sasifana nengulube, sasibaleka ngampela nje. Sigijime siyotshela abazali bethu ukuthi sibone isangoma.
45.Kodwa namhlanje izangoma zigcwele ebandleni, ezinye zingabagcotshwa, ezinye zingabakhokheli, ezinye zingabashumayeli, ezinye zingabavangeli, ezinye zingabafundisi, izangoma! Namhlanje sinoShembe abamukela umnikelo kwizangoma! Sesifikile lesi isikhathi uBabamkhulu ayekhuluma ngaso ukuthi kuza isikhathi lapho amaNazaretha ayomhlubuka uJehova, ahlubuke zonke izinto esibafundise zona thina boShembe.
46.Kulamasonto edlule noma inyanga, ngashayelwa umfana, angisazi noma wangenzela i-WhatsApp noma wangishayela ucingo. Wangitshela ukuthi ubesonto kwelinye ibandla lamaNazaretha akwaShembe, kwase kuba nesikhathi sokuba kushumayele intsha, wayese eyashumayela, washumayela ngentshumayelo kaBabamkhulu lapho uBabamkhulu ehlaba izangoma.
Uthi wathi eqeda, emva kwenkonzo wabizwa, kwathiwa uyaxoshwa kulelibandla. Uthi kwathi uma ebuza ukuthi wenzeni, ngoba le intshumayelo kaBabamkhulu, bathi akusho lutho lokho, wena uliphekula, ungaphinde uze kulenkonzo, ngoba uma uke weza lapha sizokushaya.
47.Manje lo mfana wabe esengishayela ucingo engitshela ukuthi ukuleyonkinga. Angaze ngazi ukuthi leyonkinga ngizoyixazulula kanjani. Wathi sengixoshiwe, bathe uma ngike ngabuya nje ngiyoshawa! Kodwa ngathi ngimbona wayesekwenye i-group esesontweni, angazi ukuthi wayekuliphi isonto, noma wayeseGoli noma kwakukuphi, kodwa ekukuleli thempeli lamaNazaretha kaNkulunkulu. Ngiyabona lapho wayesechaza ukuthi uxoshwe kanjani kulelibandla.
48.Nalapho eKuphakameni njengoba esho uShembe ukuthi kuza isikhathi lapho amaNazaretha ayowugxobagxoba umthetho kaNkulunkulu, lo thina boShembe esibafundise wona. Bamxosha lomfana! Angazi noma usekuleli bandla yini? Kulelisonto eledlule, ngishayelwe futhi ngenye iNkosana, ithi leNkosana, kunentombazane elapha kuMasipala eThekwini, ibiphethwe iNdiya, manje lase lithi iNdiya ukuze limkhuphulele esikhundleni akagwaze, ukugwaza esiphezulu, akagwaze ngomzimba wakhe. Nempela lentombazane yalala naleliNdiya, lagcina isiyintombi yalo. Ekubona lokhu amanye amaNazaretha, ayisola kakhulu lentombazane. Aye esethi loludaba lwaleliNdiya akaye kolibika kumholi wakhe.
49.Nempela lentombazane yaya kumholi iyoceba leliNdiya. Kodwa lomholi wathi ayiqhubeke lentombazane ilithande leliNdiya, okwesono uyobuye akubone, kodwa uma nje limnika imali, aqhubeke alithande, engayenqabi imali!
50.Lokhu kukhuluma kwalomholi kwayimangalisa lentombazane, ukuthi umuntu ongumholi webandla lamaNazaretha, enguShembe, uyikhuluma kanjani into enje. Bathi ithe ayisezukuyingena indaba yesonto, ngoba iphoxeke kakhulu! Base bengishayela ucingoke bebuza ukuthi into enje ixazululwa kanjani! Ngathi mina nami angazi, kodwa akudingi ukuthi kuze kuhunyushwe imina ukuthi lowo Shembe ubekudukisa, lowo Shembe mubi, lowo Shembe usebenzela uSathane!
51.Ngoba akakho umuntu, noma ngabe bekuthiwa njena ukwamanye amabandla angayaziu indaba yokukholwa, kodwa akekho umholi ongakhuluma kanje uma kobikwa udaba olunje kuye! amaNazaretha lontombazane amusa kuShembe ngoba azi ukuthi uzoyixazulula lenkinga! Usho kanjani ukuthi umuntu akaqhubelke nokudayisa umzimba wakhe ngoba efuna isikhundla? Lokho kungashiwo ngumholi wakulelibandla ngoba kwenze njani?
52.Lentombazane yayizovuma izono, kodwa umholi webandla wayitshela ukuthi ayiqhubeke yenze isono. UMkhokheli uke wakhuluma ngokuthi kukhona oShembe besikhathi sokugcina, oShembe besikhath sokugcina yibo-ke laba! Manje-ke uBabamkhulu ukhuluma ngaleso sikhathi, lapho ethi kuza isikhathi lapho amaNazaretha eyomhlubuka uJehova, umthetho kaNkulunkulu bawugxobagxobe ngezinyawo!
53.Thina-kensikhethiwe ezulwini ukuthi siyiqondise indaba kaNkulunkulu. Siklhethiwe ukuthi umhlaba wonke wazi ngathi ukuthi uNkulunkulu ukhona, ngokuthi uNkulunkulu Wenzani enzeni, enzeni, bazi ngathi. Njengoba ngisho ngithi anginalo ihaba uma ngithi thina sifana nabantwana bakwa Israel, singukuqhubeka kwabantwana bakwa Israel. Njengoba ingelosi ikhulumile ekuseni yanikeza uMkhokheli incwadi ka-Zakhariya 1 verse 2-6 yokuthi uma nibuyela kimi nami ngiyobuyela kini.
54.Igama elikhulu kabi lelo, uma nibuyela kimi, nami ngiyobuyela kini. Uma sibuyela kuNkulunkulu, noNkulunkulu uyobuyela kithi. Lento engiyikhulumayo, kufanele niyiqonde ukuthi amaNazaretha ahlubukile, amaNazaretha amhlubukile uShembe uBabamkhulu, amaNazaretha amhlubukile uBaba iLanga noBaba iNyangayezulu ngoba uma umuntu ephikisa into owuyikhulumile uwuyise, lowo muntu usuke ekuhlubukile.
Lo mfana manje akakho kulamaNazaretha ubalekile, ebalekela ukuthi kuthiwe uma eke wabuya, uzoshawa, and bebezomshaya ngampela, bemshayela ukuthi ushumayele ngentshumayelo kaBabamkhulu!
55.Noma esesho ukuthi kodwa le intshumayelo kaBabamkhulu le, abaze bamuphikisa ukuthi akuyona intshumayelo kaBabamkhulu le, kodwa bathi njena ngokushumayela le ntshumayelo kaBabamkhulu uyiphekula, ngakho-ke siyakuxosha kulelibandla. Kodwa uthi uYeshua kuMathewu 5 verse 11-12: “Nibusisiwe uma benithuka,benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani nithokoze ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba babazingela kanjalo abaprofethi abanendulelayo.”
56.Akekho umuntu owake wathunywa phakathi kwabantu wangazingelwa, akekho umuntu owake wathunyelwa kubantu wangathukwa. NoYeshua wabatshela abalandela bakhe ukuthi njengoba nithukwa nje, jabulani ngoba ngokuthukwa, nithukelwa ukuthi niqondisa indaba kaNkulunkulu, umvuzo wenu mkhulu ezulwini, ngokuba nabaprofethi babethukwa abanendulelayo.
57.Nani njengoba nilapha, alikho ibandla elike lathukwa njengalelibandla, alikho! Nathi ukube uNkulunkulu akazange abe seduze kwethu ngabe sesafa, ngoba abagcinanga ngokusithuka, kodwa basithengela izinkabi ukuba zisibulale. Kodwa uNkulunkulu wayesekwazi ukuba kuzokwenzeka lokho.
58.Ngoba yathi ingelosi kukhishwe izingelosi eziyisikhombisa ezulwini ukuba zinibheke ngoba kuyaziwa ukuthi lento okuthiwa yenzeni, ayizukuba lula, kwase kukhishwa izingelosi ukuba zinibheke. Zasibheka-ke izingelosi!
59.Okubalulekile bantwana baseKuphakameni ukuthi silandele uNkulunkulu, noma ngabe uwedwa noma ngabe nibabili, kodwa asilandele uNkulunkulu! Njengoba ngisho nje, amaNazaretha akanendaba manje nendaba yomNazaretha, angisho ukuthi yibo bonke, kodwa iningi labo alinendaba nokuthi umNazaretha into kaNkulunkulu, umNazaretha into yasezulwini, umNazaretha into enkulu nehlonishwayo ezulwini! Njengoba sihlala nengelosi nje, ingelosi ihlala ifake umNazaretha, ihlale ifake inansuka emhlophe nomNazaretha, ezulwini kugqokwa umNazaretha, izingelosi zifaka umNazaretha!
60.Asibuzi siyazi, akusiyona into esiyibuzayo ukuthi yinto eyenzekayo yini, into esiyaziyo ukuthi iyenzeka ukuthi ezulwini kufakwa umNazaretha. Abanye abantu bengakukholwa noma bengakukholwa lokho, kodwa thina siyakwazi, ngoba yinto eyenzeka phambi kwethu!
Ngakho-ke ingubo emhlophe into enkulu kakhulu, kodwa amaNazaretha akwaShembe amanye awanendaba nalokho. Ukuthi abanendaba nalokho ubabona uma benamacala begijime ezitaladini nomNazaretha, into yokuqala leyo echazayo ukuthi abazi ukuthi umnazaretha yini.
61.Uma Sathane esekwembethe, ubonakala ngokuba uthande isonoi, ungabinenhliziyo yokwenyanya isono, uthanda ukuhloba ngesono! Umuntu onjalo usuke esembethwe ngumoya kaSathane ngokuphelele! AmaNazaretha-ke anamhlan agila izimanga ngokudlala ngengubo kaThixo! Eminye imiNazaretha kwamanye amabandla sayisemhlophe, ayisemhlophe, isibluewish, yisitayela leso! Leminazaretha kwamanye amabandla isinamagama. Lena esasele nabantu bakaBabamkhulu kuthiwa UNKOSI YETHU SIMAKADE, thina nje sisagqoke ONkosiyethu Simakade ngoba sisekulamabandla. Kukhona-ke iminazaretha ekuthiwa UNGENA SEBEHLEZI, imiNazaretha ethungwe ngendlela yokuthi uma ungena uwufakile bephenduke abantu bakubuke! Odume kakhulu-ke ubizwa ngokuthi UBANYISE!
62.Leminazaretha akuseyiyo ingubo kaNkulunkulu, kodwa sekuyingubo eyingqephu! Kodwa akamaningi amabandla enza lemikhuba, yibandla nje elilodwa, OKUKWAMPUNZI IDLA EMINI! Abazi ukuthi benzani, baqhudelana ngezono! Yonke into eyisinengiso kuJehova uyithola kulelibandla! Nezangoma zigcwele khona, nezitabane zigcwele khona, neminazaretha ezitayela igcwele khona, nabaya emgidini bedle insangu bagcwele kuleli bandla.
63.Manje nje kuthiwa iningi labo seliyabuphuza utshwala, bese ngesabatha behlambuluka! Kukhona umuntu engike ngezwa engiphikisa ukuthi ebandleni lamaNazaretha akuphuzwa utshwala. Wathi amaNazaretha asyaphuza, bese efika enkonzweni ehlambuluka. Notshwala sekuyagawa emzini wamaNazaretha! Kodwa linye ibandla elifika nalemikhuba eyisinengiso kuJewhova!
64.Thina esihlala nengelosi siyazi ukuthi ayikho into ebaluleke njengengubo emhlophe, ngoba ingubo emhlophe iyonanto kaNkulunkulu esiyifakayo. Uma umuntu eqhamuka kwelinye ibandla kumaNazaretha akwaShembe, ungangeni kulelibandla ufake ungenasebehlezi noBanyise, ngoba amaNazaretha akulelibandla ayokuhawula kube sengathi ubuwembethe imiyeko yezangoma lapha. Kodwa ngaphandle kwalokho, onke amaNazaretha avela kwamanye amabandla ngaphansi kwamprofethi amukelekile neminazaretha yawo, ngaphandle kwaBanyise noNgena sebehlezi!
65.Kodwa nje bheka ukuthi umnazaretha wakho Unjani ngoba ingelosi ihlale ikugcizelela lokho, ukuthi singasuki emnazaretheni owakhiwa uBabamkhulu, nihlale kuwo, ngoba uma sike sasuka, uNkulunkulu uzosuka kithi. UNkulunkulu ubaleka kumuntu ngento ongacabanga ukuthi ayilutho, kanti iwutho kuNkulkukulu! Njengoba sisemhlanganweni njena, sihleli noNkulunkulu sihleli nomlilo! Wayesho njalo uBaba iLanga, ethi ukuhlala noNkulunkulu kungukuhlala nomlilo! Manjenake sihleli nomlilo, njengoba sihleli nomlilo-ke kufanele ukuthi siziqoqe, singayenza lento eyenziwa ngamanye amaNazaretha akwaShembe, angazi nokuthi uNkulunkulu yini, bengazi nokuthi uBabamkhulu yini!
66.Akukholweki ukuthi kukhona umuntu owumNazaretha ongashintsha umNazaretha ewubize ngokuthi uBanyise, ingubo kaNkulunkulu othandaza ngayo uyiqambe igama lokuthi uBanyise! umnazaretha uwubize ngokuthi ubanyise, into othandaza ngayo uyibiza ngokuthi ubanyise? Uma umnazaretha othandaza ngawo usuNgungena sebehlezi uthandaza kanjani ngawo, uzokuphilisa kanjani, ngoba sekuyinto yakho yokudlala? Kodwa angibasoli, angibasoli ngoba abanalo ikhanda, alikho ikhanda, zinqola nje ezizihambela zodwa, alikho kodwa ikhanda! Baze bebuye emhlanganweni bengakaze bathole seluleko kumholi wabo, uyefana nje nesithixo, sona esikhonzwa singakhulumi, beze bethi abantu yisona esibakhiphe eGibhithe! Sinenhlobo yabantu abanezingqondo ezifana nezabantwana bakwa-Israel!
67.Ingelosi yathi kithi uma uthunywa uNkulunkulu ukuthi fundisa, awukwazi ukuthi uma ufika eklasini bese uhlala phansi uthi izingane azifundisane zodwa! Kubhekeke kube nguwena ofundisayo njalo uma un gena eklasini. Uthisha ongena eklasini ahlale, bese enika izingane ukuba zifundisane, unenkinga lowo thisha, futhi izingane ezikulelo klasi ngenke ziphase kahle! Kanjalo, nathi sibhekeke ukuba njalo ngamaSabatha, nangesikhathi somhlangano, sifundise abantu ngendaba kaNkulunkulu!
68.Siyinkonzo yasezulwini ekhethiwe ukuba sikhulume izindaba zasezulwini! Uthi uShembe sihlaleleni nalezi zindaba ulambile umhlaba. Abakho futhi abanye abantu abazotshela umhlaba ngezwi lewzulu ngaphandle kwethu! UBabamkhulu wafika la emhlabeni washumayela kakhulu, wenza izimangaliso ezinkulu ngegamla leNkosi, kodwa akuhambeni kwakhe, yonke imisebenzi yakhe yachithwa, wase akhelwa ilumbo! Kungumsebenzi wethu ukuba sibuyele kuJehova, siyicacise yonke imisebenzi kaBabamkhulu ngokukhonza uMdali wezulu nomhlaba!
INkosi ibusise lokho enikuzwile.
131. ISIHLABELELO
Umthandazo wesikhonzi senhlupheko uShembe kwela
kwaZulu eduze nakwa Soshangane.
1 Nkosi Baba sizwe
Fukamela umuzi wakho,
Umuzi waseKuphakameni
Uchithe izitha zawo zonke.
2 Bonke abazondi bawo
Mabangalotshwa,
Encwadini yokuphila
Achithwe amagama abo.
3 Bahlangule wena Nkosi
Encwadini yokuphila
Yichithe imizi yabo
Ingahlali muntu.
4 Abazonda uKuphakama
Sibachilizela kuwe,
Basibekele wena Nkosi
Bangasivukeli.
5 Kade balibeka
Ezintanyeni zethu,
Lelo joka lensimbi
Ezintanyeni zethu.
6 Bembese wena Nkosi
Ngengubo yesililo,
Phakamisa wena Nkosi
Lokhu Kuphakama