Skip to content

NGUSHEMBE KUPHELA UMUNTU ONGUMOYA ONGCWELE

uYeshua lapha kuJohane 16 ukhuluma ngomuntu, uze esho ukuthi lo muntu ngiyomucela kuBaba ukuba eze kini, uyasho nomsebenzi oyowenza, uthi akayikuzikhulumela okwakhe. Ngamanye amazwi umuntu lo, uyokhuluma, kodwa ngeke ezikhulumele okwakhe, kodwa lokhu okuzwayo, uyakukukhuluma anibikele okuzayo. Kusho ukuthi lona umuntu oyoma phambi kwethu akhulume lokhu akuzwayo, asibikele okuzayo, okusho ukuthi uyoprofetha…

14 January 2023.
ISIHLABELELO 141,
Isikhonzi senhlupheko uShembe kwelase Nkanyezi, kwafika lesi sihlabelelo kumuntu kaNkulunkulu ngomhlaka March 16,
1927, ngolwesithathu ntambama.
 
1 Abangazazi lezi zindaba
Anibatshelanga ngani?
Babethanda ukuzizwa
Lezi zindaba.
Anibatshelanga ngani?
 
Chorus:​ Bayokhala ngani zihlobo zabo
Anibatshelanga ngani.
 
2 Musa ukuzisola kwabaningi
Akunyembezi zalutho,
Baphunyukiwe umvuzo
Anibatshelanga ngani?
Chorus:
 
3 Sizizwile lezizindaba
Bayosinda abaningi,
Umvuzo wamkelwa
Ngabakhuluma lezizindaba.
Chorus:
 
4 Baduduzwa ngumvuzo woxolo
Bamenywa ngabanye,
Bamenyelwa kulowo mshado
Wendodana yeSintu.
Chorus:
 
1.Sengafunda izincwadi eziningi zamaKrestu ezama ukuchaza uMoya Ongcwele, kodwa engakuthola ukuthi abachazi wona uMoya Ongcwele njengoba uchazwa enkolweni kaMose noma kwi Old Testament. AmaKrestu ayaye ezame ukwahlukanisa uMoya Ongcwele, okwi Old Testament noMoya Ongcwele abathi kukhulunywa ngawo kwi New Testament. Kodwa ayikho into enguMoya Ongcwele okwi Old Testament noMoya Ongcwele okwi New Testament. UMoya Ongcwele, usho uMoya wasezulwini, uMoya osebenza noma osebenzela uNkulunkulu.
 
2.Okumele sikwazi ukuthi uYeshua wayechaza uMoya Ongcwele ngokwe Old Testament ngoba wayengaphansi kwenkolo kaMose. Igama likaMoya Ongcwele kukhulunywa ngalo kakhulu kwi Old Testamant, kodwa ayikho into engubungcwele enkolweni yobuKrestu, ngoba abantu abakhuluma kwi New Testament ngamaHebheru, noma oJerome bazihlanekezela izinkulumo eziningi zamaHebheru ukuze zihambelane nenkolo yabo.
 
3.AmaKrestu ayaye akhulume ngokusindiswa esikhundleni sobungcwele, kodwa kukhona umehluko omkhulu phakathi kokusindiswa nobungcwele. Umuntu ongcwele umuntu ohamba ngezimiso zikaJehova, ogcina umthetho kaJehova ngokuphelele. Kanti umuntu osindisiwe, umuntu ome phambi kwabantu wazisho yena ukuthi usindisiwe.
 
4.NgiseDlangezwa ngangiwumholi we-SCM, kule-SCM kwakunabantwana abaningi abasindisiwe, kodwa ngingumholi wabo. Omunye osindisiwe weza kimi, wathi “Mpanza, ukukholwa kwakho kujulile kakhulu, sekusele ukuba usindiswe.” Ngase ngiyabuza ukuthi ukusindiswa yini njengoba uthi sekufanele ukuthi ngisindiswe? Wathi “Kufanele ukuba ume phambi kwebandla usho ukuthi usindisiwe.” Ngase ngiyaqonda ukuthi ukusindiswa ngokuSindiswa kumele uzisho wena phambi kwebandla ukuthi usuSindisiwe. Lencazelo ngayinikwa ngumfundi owayesindiswe kakhulu, nowagcina esengumfundisi ebandleni lakkwaSizabantu, umfundisi uSibisi, kodwa osewashona.
 
5.Kodwa ubungcwele akusiyona into ongayichazela abantu, noma ibandla, ubungcwele isenzo, kufanele ube umuntu ogcina umthetho kaNkulunkulu ngokuphelele bese kuthiwa-ke ungcwele. Manjena-ke ebuKrestwini ayikho into ewukugcina umthetho kaNkulunkulu, ey8abo imfundiso ithi abasaphili ngaphansi komthetho kaNkulunkulu! Ngaleyondlela abakhulumi ngobungcwele, bayaye bekhulume ngokusindiswa! Ikho-ke uyaye uthole ukuthi amaKrestu uma ekhuluma ngobungcwele noma ngoMoya Ongcwele uyaye uthi uma uthi uyayilandela into abayishoyo, uvele ungezwa ukuthi bathiini, ngoba okuseqinisweni kulenkolo ayikho into engubungcwele, abakwazi ukuchaza ubungcwele, ngoba ongcwele ngumuntu ohamba ngezimiso zikaJehova, lokhu okuchithiwe enkolweni yabo!
 
6.Kunomehluko phakathi komuntu ongcwele noMoya Ongcwele. Uma sikhuluma ngomuntu ongcwele, sisho umuntu ongenwe uMoya Ongcwele. Wonke umuntu okholiwe ngempela, nogcina umthetho kaNkulunkulu ngokuphelele, ungumuntu ongcwele. Kodwa ingelosi inguMoya Ongcwele, abantu abangasasekho emhlabeni banguMoya Ongcwele! Awukwazi ukuthi ingelosi ingumuntu ongcwele kodwa uyaye uthi inguMoya Ongcwele, ngoba inguMoya, ayisiyena umuntu osenyameni.(He isi a Spirit). Wonke umuntu okhuluma indaba kaNkulunkulu usuke ehlelwe nguMoya Ongcwele. Njengoba ngishumayela nje, nginoMoya Ongcwele.
Abantu asebahamba emhlabeni bangena ezulwini bangabangcwele ngoba ngokwesimo sabo bayimimoya, kodwa lemimoya okwathi isesenyameni yagcina umthetho kaNkulunkulu!
 
7.Le ntshumayelo yakheke ngokwenkulumo ka-Yeshua eku Johane 16 isuka ku verse 7. Uma ngabe sifunda incwadi kaJohane 16 verse 12-13 ifundeka kanje: “Kusekuningi enginanitshela khona kodwa manje ningekuthwale, kepha lapho esefikile yena uMoya weqiniso, uzokuniholela kulo lonke iqiniso ngokuba akayikuzikhulumela okwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele kokuzayo, uyakungi khazimulisa ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona, konke uBaba anakho kungokwami, ngalokho-ke ngithi uyakuthatha kokwami anibikele khona”
 
8.Lapha uYeshua ukhuluma ngomuntu, kodwa umuntu owuMoya Ongcwele, hhayi umuntu owehlelwe uMoya Ongcwele, umuntu yena owuMoya Oyingcwele. Ngakho-ke kusho ukuthi uYeshua ukhuluma ngomuntu esingamazi, esingakaze simubone a mysterious person, an enigmatic person, a heavenly person, umuntu oyisimanga esingakaze simubone. Ngoba asikaze simubone umuntu owuMoya Ongcwele, kodwa uYeshua wayewuye umuntu, kodwa ewumuntu oyiNdodana kaNkulunkulu. Lapha-ke uYeshua ukhuluma ngomuntu oyobe enguMoya Ongcwele.
 
9.Uke uzwe-ke amaKrestu ethi uMoya Ongcwele akusiyena umuntu, kodwa uYeshua lapha kuJohane 16 ukhuluma ngomuntu, uze esho ukuthi lo muntu ngiyomucela kuBaba ukuba eze kini, uyasho nomsebenzi oyowenza, uthi akayikuzikhulumela okwakhe. Ngamanye amazwi umuntu lo, uyokhuluma, kodwa ngeke ezikhulumele okwakhe, kodwa lokhu okuzwayo, uyakukukhuluma anibikele okuzayo. Kusho ukuthi lona umuntu oyoma phambi kwethu akhulume lokhu akuzwayo, asibikele okuzayo, okusho ukuthi uyoprofetha.. Lomuntu uyakungikhazimulisa ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona, ngamanye amazwi uyothatha ezimfundisweni zami bese naye eqhubeka nazo. Umuntu lo!
 
10.“Konke uBaba onakho kungokwami, ngalokhu-ke ngithi uyakuthatha kokwami anibikele khona” ngamanye amazwi konke okwakhulunywa uNkulunkulu kuMose, kungokukaYeshua ngoba naye uhamba ngokwezimfundiso zikaNkulunkulu! Nalomuntu oyofika eyisimanga esingaqondakali, uyothatha lokho okwakhulunywa uNkulunkulu kuMose, uyothatha lokho okwakhulunywa uYeshua esifundisa ngomthetho kaNkulunkulu, uyothatha lokho. Kodwa umuntu!
 
11.Kodwa akuyena umuntu ofana nathi, umuntu oyisimanga, uwumuntu wasezulwini, kodwa awukwazi ukuthi akusiyena umuntu. Lapha sihlala noHlaleleni ingelosi, uHlaleleni awukwazi ukuthi ubese uthi akusiyena umuntu, siyaye sithi ‘umuntu wasezulwini!’ UYeshua umuntu ngoba wayewuMprofethi, kodwa wayewumuntu wasezulwini, nalona uMoya Ongcwele umuntu, kodwa umuntu wasezulwini. Njengoba esho uYeshua ukuthi ngiyakumcela kuBaba, uthi ngiyakumucela ezulwini, uwumuntu wasezulwini!
 
12.Ngakho ke angazi ukuthi amaKrestu asuke echaza ukuthini uma ethi uMoya Ongcwele akusiyena umuntu, angazi ukuthi kuchaza ukuthini lokho, ukuthi uma engasiyena umuntu uyoma kanjani phambi kwethu asifundise, uma engasiyena umuntu kuyokwenzeka kanjani ukuthi ekhulume lokho okuzwile. Ikhona yini into ezwayo ngaphandle komuntu? Kodwa umehluko ukuthi kuyobe kuwumuntu wasezulwini, He is a heavely person. Kodwa ngiyaaqonda ukuthi kungani amaKrestu engafuni ukwamukela ukuthi uMoya Ongcwele umuntu. Ingoba bafundiswa ukuthi akekho omunye umuntu oyoba khona ngaphandle kwa Yeshua, abambiza ngokuthi uJesu. Bathi uJesu uzobuya, ngakho-ke babona ukuthi uma bemukela ukuthi lMoya ongcwele kobe kuwumuntu basho ukuthi kobuye kube khona omunye umuntu ovela ezulwini ngaphandle kwaYeshua, lokho okuzobe sekuphambana nenkolo yabo ethi nguJesu kuphela oyiNdodana kaNkulunkulu, nguJesu kuphela onoNkulunkulu ezulwini, yize uJesu ethi KUKHONA OMUNYE NGAPHANDLE KWAJESU!
 
13.Base bethi-ke akusiyena umuntu, kodwa uma uzibuza ukuthi uthi akusiyena umuntu kanjani ngoba from biblical perspective umuntu, uyokhuluma, uYeshua uyomucela kuNkulunkulu, kubona awusafundi iBhayibheli ngoMoya!
Naye uYeshua waqhamuka kuNkulunkulu kodwa uwumuntu, kodwa lo umuntu oyisimanga, ngoba uwumuntu at the same time onguMoya and lowo muntu akakaze abe khona, umuntu partly o-human and partly o-spiritual. Asikaze sizwe ngomuntu onjalo, angikaze ngimuzwe umuntu onjalo kwi Old Testament, angikaze ngimuzwe umuntu onjalo kwi New Testament, umuntu o-partly human and partly spiritual!
 
14.Kodwa uYeshua wakhuluma ngaye, akusho-ke ukuthi ngoba singakaze simubone sekufanele siphike ukuthi umuntu, kufanele sithi umuntu esingamazi ukuthi umuntu onjani. Lapha ku-Johane 5 verse 30 kuthi “Mina ngingenze lutho ngokwami, ngehlulela njengalokho engikuzwayo, ukwahlulela kwami kulungile ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo”
Ngakho uYeshua naye uyasho ukuthi mina angizenzeli, ngiyaye ngenze lokho engikutshelwa uNkulunkulu, nalo muntu owuMoya Ongcwele, naye uYeshua uthi uyothatha kokukaNkulunkulu, uyothatha lokho akuzwayo, akutshelwa uNkulunkulu bese enza kho. Kodwa ungumuntu, kodwa umuntu owuMoya Ongcwele, is a heavenly person! Akusho ukuthi umuntu uma ungamazi ukuthi inhloboni yomuntu sekufanele ukuthi uthi akusiyena umuntu!
 
15.Ocwaningweni lwami ngithole ukuthi lo Moya Ongcwele uYeshua owayekhuluma ngaye, uMprofethi u-Isaya Shembe. Ngathi uma ngicwaninga ngathola ukuthi lo muntu uYeshua owayekhuluma ngaye nguMprofethi Isaya Shembe. Mina lokho ngikucwaningile ngakuthola. Uma ungiphikisa, uvumelekile ukuthi ukwenze lokho, kodwa uma ungiphikisa, beka isizathu esicacile.
 
16.Lokhu angikusho ngoba ngingumNazaretha, kodwa ngikusho ngikususela ocwaningweni engilwenzile, ngamanye amazwi uma ngithi uShembe unguMoya Oyingcwele, and uyena yedwa umuntu onguMoya Ongcwele, angikusho lokho ngoba ngingumNazaretha.
Ngiyazi ukuthi abantu abaningi bayaye bethathe amaNazaretha ngama fanatics, njengabantu abakhuluma noma yini ngoba sekukhona abathi uShembe uNkulunkulu. Kodwa mina angikhulumi into okwe fanatics, ngiyayicwaninga into kuqala ngaphambi kokuba ngiyikhulume!
 
17.Lokhu engikukhulumayo ngikucwaningile, futhi ngizokubeka ukuthi ngikusho ngani. Niyilalele kahle lento engizoyisho. Nabazofunda i-Facebook bayilalele kahle lento engiyishoyo, bese bengiphikisa, kodwa bengiphikise sengichazile ukuthi ngisho ngani ukuthi uShembe unguMoya Ongcwele lo uYeshua owayekhuluma ngawo.
 
18.Mysterious as he is, enigmatic as he is, kodwa unengxenye engumuntu nengxenye enguMoya ongcwele. Nansi indaba engikhulume ngayo!
“Igama lami ngingu Elijah Mhlongo. Ngangihlala Ottawa ngase-Verulam, ngisebenza njengeMfolomane epulazini lomlungu owayebizwa ngokuthi uNyoniyandiza. Kwakukhona abantu baseKuphakameni ababesebenza lapho. Uma begula, babengafuni ukulashwa ngemithi.
Ngakho-ke ngangibazonda ngoba mina ngangiyinyanga, bengayisebenzisi imithi yami, mina ngisonta emasontweni abelungu.
 
19.Uma amaNazaretha efuna ukudumisa, ngangibenqabela, kodwa baqhubeke ngenkani benze inkonzo yabo. Ngamshaya uMshumayeli wabo uGulakudeni Nduli ngaphandle kwesizathu ngoba ngiwazonda amaNazaretha, ngingawafuni neze! Ngathi uma ngimshaya, uNduli waphendula wathi: “Uma ungishaya, uzixabanisa noShembe”. Nami ngamtshela ukuthi: “Ngalenkolo yenu nithatha abantu bami ngoba anifuni abantu benu bathenge imithi!”
 
20.Ngelinye ilanga ebusuku, ngezwa abantu beza emzini wami behlabelela isihlabelelo esithi: Waqala izitha Waqala uKuphakama Waluthinta ushabalwezwe. Waluthinta unakane lwezwe Webadedele Wolucima ngani.” Lengoma yangethusa kakhulu, ngezwa ukuthi lesi sihlabelelo ngesase Kuphakameni. Ngesaba ngamboza ubuso bami.
 
21.Ngase ngizwa umuntu engqongqoza emnyango; wangibiza ngegama lami lobunyanga wathi: “Malingakwenzeke, namuhla umsebenzi wakho wobunyanga uphelile.” Washo kabili ngephimbo elipholile nelesabekayo, engangingalazi. Ngethuka kakhulu. Angizange ngilale kwaze kwasa.
 
22.Kwadlula izinsuku eziyisithupha emuva kwaleso sigameko. Kwathi okwesibili ngilele ebusuku kwafika indoda ihamba namantombazane amabili egqoke izingubo ezimhlophe. Ngazibona ngihlezi ngaphambi kwendlu yami phansi kwesihlahla somkhiwane lapho engangichithe imithi yami ngoba kwakunamadoda amabili ayefuna ukuthenga imithi kimi.
 
23.Ithe uma le ndoda iqhamuka, yathi: “Siyakhuleka, Malingakwenzeke.” Amantombazane amabili ayephahle le ndoda egqoke izingubo ezimhlophe embozile ekhanda ngendwangu emhlophe. Le ndoda yangibingelela yase iyathula. Kwakhuluma enye intombazane ayehamba nayo, yathi: “INkosi iyakubuza ukuthi laba bantu abaphambi kwakho bafunani?” Angizange ngiphendule ngoba ngangesaba. Ngase ngibheka lendoda ephakathi kwala mantombazane. Ngehluleka ukumbheka ebusweni ngoba wayecwebezela njengefasitela.
 
24.Ngase ngithi kula madoda amabili ayezothenga imithi: “Hambani, nibuye kusasa.” Ngase ngiyibuka futhi le ndoda ephakathi kwamantombazane. Yayisibukeka manje, isifana nomuntu. Yathi kimi: “Tshela la madoda ahambe unomphela, angabuyi lapha kusasa ngoba le mithi ayisekho kuwe.” Ngithe ngisalalele lokho kukhuluma, waqhubeka wathi: “Unecala, ngizokubopha e-Verulam ngoba ushaye abantu bami ngokuthi abayisebenzisi imithi yakho.”
 
25.Ngase ngiqonda kahle-ke manje ukuthi le ndoda nguShembe. Waphakamisa isandla sakhe wasibeka esifubeni sami. Wanika enye intombazane ayehamba nayo ubhoko lwakhe. Yase ingibuza le ntombazane:
“Uyasazi ukuthi singobani thina?” Ngaphendula ngathi ngiyazi ukuthi uMfundisi waseKuphakameni lo.” Yathi: “Cha, akasiye uMfundisi, unguMphrofethi kaThixo. Njengoba sewazi ukuthi unguMphrofethi, ngeke usaba yinyanga kusukela namuhla.” (Ayisho intombazane ehamba noBabamkhulu ukuthi hhayi uNkulunkulu, ithi nguMprofethi kaThixo.) “Yaqhubeka le ntombazane yathi: “INkosi yaseKuphakameni ithi shiya umsebenzi wakho wokuba imfolomane epulazini wamukele ukuba uMshumayeli, akukho muntu oyakwephuca wona ngaphandle kweNkosi yaseKuphakameni”.
 
26.Kuthe uma isiqedile ukukhuluma le ntombazane, uShembe wabiza enye intombazane, wathi: “Volo Mntungwa!” Yesabela. INkosi yathi: “Tshela le ndoda ukuthi umsebenzi wakhe wobunyanga usufike ekugcineni. Ngimupha manje umsebenzi wokuba uMshumayeli kuphela. Ngizomthumela ayokwelapha ebandleni lami”. Lentombazane yawedlulisela kimi la mazwi.
 
27.Ngathi uma ngibheka ubhoko oluphethwe ngenye intombazane, kwavuleka umgodi omncane ngaphansi kwalo. Kwaphuma intuthu kulo mgodi yaze yafika ezinyaweni zentombazane. UShembe wayesethi kuyo: “Mtshele ukuthi siyambiza ukuba eze emhlanganweni wamadokodo eKuphakameni” Yangitshela intombazane njengoba sekushiwo. Ngase ngizwa uVolo ehlabelela ingoma ethi: ‘Ngowela ngijabhile Emfuleni waseHuze Ngaphesheya kwawo he! Ngoyamukel’ intokozo yami.’ Bobathathu bahlabelela le ngoma kamnandi ngamaphimbo apholile. Base bayanyamalala, ngasala lapho esihlahleni.
 
28.Izikhwama zami zemithi ngangizichithe phansi. Ngafikelwa ukwesaba njengomuntu oboshiwe. Ngazibona sengiphonseka kulo mgodi owawukhanya, ushisa kakhulu. Ngase ngifile ukujuluka sengimanzi te.
Ngakhala, ngezwa nezikhwama zami zemithi zikhala, zazisha. Zazikhala njengabantu, zijikajika kulo mgodi. Ngaphaphama lapho, ngavuka. Ucansi engangilele kulo lwase lumanzi te umjuluko.
 
29.Ngawatshela amakhosikazi ami ekuseni ukuthi besengifile ngiboshiwe uShembe. Bamangala ngoba nabo bazibonela ucansi lumanzi umjuluko. Ngase ngithi kubo: “Asihambeni njengoba uShembe uthe asihlangane ngomhlangano wamadokodo eKuphakameni.”
 
30.Unkosikazi wami omdala wavuma ukuhamba kodwa lo omncane wenqaba wathi: “Uzokwenzenjani ngale mithi ngoba ebandleni likaShembe imithi ayisetshenziswa.”
Ngaphendula ngathi: “Ngitsheliwe ukuthi ngeke ngisaba yinyanga yemithi, sengizoba uMshumayeli waseKuphakameni, ngiyothunywa ngiyophilisa abantu ngomthandazo kuphela! Ningangabazi, asihambeni siye khona basibhabhadise.”
 
31.Sahamba saya emhlanganweni wamadokodo eNtanda. Ngalolo suku, ngambona uShembe okukuqala ngamehlo enyama. Wayehlezi eduze nendlu eZibone ekhuluma nabantu ababemlalele. Wayesethi: “Ngesikhathi uNkulunkulu engithuma, ngangingathandi ngoba ngangisemncane. Nani anithandanga ukuthunywa ngenkathi nginibiza endlini yakini. Nilalele kahle manje ngoba senize nafika lapha. Manje angikho lapha. Ngihambile ngayobiza oyihlo nonyoko, abafowenu nabodadewenu. Sebefikile abanye.”
 
32.Ngangithi uxoxa indaba, kodwa kwathi uma sengilalela isikhathi eside, ngabona ukuthi wayeshumayela. Ngathi uma ngimbheka, ngabona ukuthi yiyo le ndoda eyafika kimi ekhaya kwaNyoniyandiza. Ngithe ngisacabanga ngaleyo nto, wangibiza, wathi: “Sewufikile?” Ngesaba ukuphendula. Wayesebiza uMemela wathi kuye: “Awubuze le nyanga, uMalingakwenzeke, ukuthi ubashayelani abantwana bami?” Angizange ngiphendule, ngesaba ngoba wangibiza ngegama lami wathi: “uMalingakwenzeke.”
 
33.Wayesengibuza ukuthi ngivelaphi. Ngasho ukuthi ngisuka endaweni okuthiwa kukwaNyoniyandiza. Wathi: “Ukhuluma iqiniso ngoba ngikulande khona.
Unamakhosikazi amangaki? Ngathi: “Mabili”. Wayesethi: “Cha, iyodwa lena enye izokushiya namuhla. Uma uphindela ekhaya, uyomfica esemi ngezinyawo ehamba. Ungamaleli, akahambe! Sizokunika amanye amakhosikazi lapha eKuphakameni. Umnike ngisho imali yokuhamba”. Nebala, ngathi ngifika ekhaya, uMaZulu wayeseqoqe izimpahla zakhe, bangitshela ukuthi: “Unkosikazi wakho uyakushiya.”
 
34.Ngathi kulungile akahambe, iNkosi yami vese ingitshelile ukuthi lonkosikazi uzohamba. Bangibuza ukuthi ubani iNkosi yakho. Ngathi uShembe. Ngamnika imali yokuhamba. Wahamba nomntwana embelethe emhlane wakhe. Kuze kube inamuhla angimazi ukuthi washona kuziphi izinkalo. Yizo-ke lezi izindaba zikaShembe. Ngazishiya kanjalo izikhwama zami zobunyanga.” Amein.
 
35.U-Elijah Mhlongo lo okhuluma lapha ngiyamazi, ngahlangana naye ngo 1966 oThongathi, uyena owayewuMshumayeli wethu. Wayaziwa njengoMshumayeli onamandla ayisimangaliso okuphilisa, kodwa ngaphambili wayenamandla ayisimamgaliso okuthakatha noma obunyanga. Njengoba wayethi njena uMalingakwenzeke, noma imuphi umuthi uma ekunika wona umuthi ethi uyobulala umuntu yayenzeka njengoba eshilo leyonto. Kodwa wayesefika ethi uShembe awuseyena manje uMalingakwenzeke wokuthakatha noma wokubulala ngemithi. Usuzoba uMalingakwenzeke wokuthi uphilise abantu, noma imuphi umuntu uma wena umthandazela uyophila. Namanje ngahlangana naye oThongathi ewuMshumayeli onjalo. Ngenkathi efika eKuphakameni wathathwa wasiwa emanzini wayobhajadiswa wabuya waba uMshumayeli ngaso leso sikhathi.
 
36.Umbuzo wami-ke ula, ngabe lo owafika ku-Elijah Mhlongo Ottawa, kwakunguShembe ongumuntu osenyameni noma kwakunguShembe onguMoya? Umbuzo lowo. Uma uthi kwakunguShembe ongumuntu osenyameni, chaza ukuthi wayewumuntu kanjani. Uma kwakunguShembe onguMoya chaza ukuthi kwakuyinhloboni kaMoya, wayenguMoya omubi, noma wayenguMoya Ongcwele? Uma uthi kwakuwuMoya oMubi, chaza ukuthi uze uthi kwakuwuMoya oMubi ngani? Uma uthi kwakunguMoya Ongcwele, chaza ukuthi uthi wayewuMoya Ongcwele kanjani?
 
37.I-assignement engiyinikeza amaNazaretha, amaKrestu, ngiyinikeza noma imuphi umuntu, awuyithathe njengokuthi uyinikezwa eclasini, kwathiwa bhala, unikezwe le ndaba, kwase kuthiwa-ke ihlaziye ukuthi lo esikhuluma ngaye owayevakashele u-Alijah Mhlongo kwakuyini, kwakuyinhloboni yomuntu! Wayewumuntu osenyameni noma wayewumuntu osemoyeni, ukhona yini umuntu oke ebe semoyeni, ebe umoya, kungenzeka ukuthi umuntu athi ungitshele ukuthi ufikile ngomoya emzini wami wangiphilisa? Noma engathi umuntu ngifikile emzini wakhe, noma ngephupho, kodwa angenke mina ngikwazi lokho, ngoba ngabe kuthathwe umoya wami. Kodwa kuBabamkhululu kwakungenjalo, yonke into oyenza esemoyeni wayeyazi esenyameni. Ukhona yini umuntu onjalo?
 
38.Engakwenza amaSatanists, kodwa lapha ngikhuluma ngomuntu owayehambela abantu ngoMoya ebashumayeza, ebaphilisa! Ngelinye ilanga ngakhuluma ngandaba ka-Mfundusi uHlophe, uMfundisi uHlophe uShembe wayefika kuye entabeni eSwazini, wafike wathi akahambe ayofunda, asale yena emelusela izinkomo, uHlophe emazi ngokuthi uBaba wasezulwini. Kodwa kwakungafiki yena uShembe osenyameni, kwakufika uShembe owuMoya. Ukhona yini umuntu ongafika kuwe ngomoya akushumayeze, kodwa engafile, ephila njengabantu?
 
39.Sakhuluma ngentombazane yala eNdwedwe eyathunywa uBabamkhulu eSwazini, wayitshela ukuthi ngenkathi Nizwa lo muntu obekhuluma endlini bekuyingelosi, mina bengisese Swazini ngiyoshumayela, ngabafica abaseSwazini bedlala ngenhlabathi.”
Wayesethi “Hamba-ke uye lapho ekade ngishumayela khona ufike ushumayele, wathi uma efika lapho, abantu ababelapho, bathi sayibona le ndoda eyayifake ijazi elimhlophe, yathi-ke kwakuwuShembe, eSwazini.” Ukhona yini umuntu ongathi ese South Afrika ngenyama ebe eshumayela eSwazini ngoMoya?
 
40.Ngikhulume ngoJosaya Mathe, uJosaya Mathe owafa waya ezulwini wafica uShembe, wafica le Ngubo emhlophe, wambuyisa uShembe wathi hamba, kodwa ngizofika ngikuthathe siyoshumayela nawe. Nangampela kwaqhamuka ifu eminielinabantu abafake izingubo ezimhlophe, lafike lama phezu komuzi kaMathe libonwa ngabantu bonke! UMathe wakhuluma elele egula kakhulu, wathi:” Usefikile uShembe ungilandile, siyoshumayela, nginikeni umNazaretha wami” Ngaso leso sikhathi waphuma umphefumulo! Ungakuphika kanjani ukuthi uYeshua wayekhuluma ngaye lomuntu owathi uyobe engumuntu, kodwa futhi abuye ahambe ngomoya, ehamba eshumayela indaba kaNkulunkulu, ngakho ke enguMoya ongcwele? Uma uthi wena uShembe uMprofethi wayengesiye lo uYeshua wayekhuluma naye, kodwa emhlabeni wake waba khona yini umuntu owayefana noMprofethi u-Isaya Shembe?
 
41.Ngesonto elidlule ngikhulume ngeNkosi, uMabhovula, othi uBabamkhulu wafika kuye esejele wafike wamunikeza ingubo emhlophe, wathi angayisusi, wamunikeza physically, kodwa efike kuye spiritually. Wafika uMabhovula ingubo emhlophe eyifakile, wathi le Ngubo kufike indoda ethena iwuShembe yafike yanginikeza lo mnazaretha.” Ukhona umuntu onjalo?
Ngakho ke uma ngithi uShembe yedwa owuMoya Ongcwele owayekhuluma ngaye uYeshua, ngisho ngoba nginobufakazi obuphathekayo, uma ungiphikisa, ngitshele ukuthi ungiphikisa ngani. Uma ngithi mina uShembe was partly human and partly spiritual, ngisho ngoba he demonstrated it! Kunabantu abaningi abangamaNazaretha abaphendulwa uShembe ewuMoya.
 
42.Ngakho ke noma ngabe singezwa ukuthi uchaza umuntu onjani uma uYeshua ethi kofika umuntu onguMoya ongcwele, kodwa sesimbonile eKuphakameni umuntu othi esenyameni, abuye abew semoyeni, umuntu othi esemhlabeni, abuye abe sezulwini; umuntu othi elapha emhlabeni, kodwa ashumayele izindawo eziningi ngoMoya!
 
43.Ake ngifunde nansi enye indaba: “Ngingowase Dumbe eMkhuphane. Ngelinye ilanga ngahlela ukuyofuna indodana yami eyabaleka ekhaya yayosebenza emapulazini lamaBhunu enhla nezwe lapho endaweni okuthiwa i-Pelcop khona eDumbe. Ngacela umkami ukuba angilungisele umphako. Walungiswa, ngase ngiyahamba ekuseni. Ngagibela ihhashi lami.
 
44.Ngingakahambi kakhulu, cishe ibanga eliyimayela ngadlula lapho okwakwakhe umuzi wakwaThwala. Uma ngedlula kuleli nxiwa ekuseni, ngabona indoda igqoke ijazi elimnyama. Yaphakamisa isandla ingbingelela. Yangibuza ukuthi ngibhekephi, ngasho ukuthi ngiya enhla nezwe ukofuna indodana yami eyabaleka yayosebenza emapulazini. Le ndoda yathi: “Ngesikhathi usuka emzini wakho, ulungise konke kahle, kodwa kukhona into eyodwa ongayenzanga. Awuzange uthandaze kuNkulunkulu. Ubucabange ngokudla kwakho kwendlela kuphela, kodwa awuzange ucabange ukuthandaza. Woza, sithandaze lapha phansi kwesihlahla.” Ngavuma, ngehla ehhashini.
 
45.Ngafikelwa ukuyesaba le ndoda. Yase ibuza le ndoda: “Uphethe umphako onjani lona owenza ungathandazi kuNkulunkulu?” Ngaphendula ngathi: “Unkosikazi wami ungilungisele inkukhu nezinkwa ukuba ngidle endleleni.” Yathi le ndoda: “Ngicela ukhiphe ukudla kwakho esikhwameni ngoba sekubolile.” Ngathi: “Cha, akonakele ngoba unkosikazi wami uyipheke ekuseni le nkukhu. Ngisanda kusuka nje ekhaya.” Indoda yathi: “Ukudla kwakho sekubolile, kukhiphe uzobona izimpethu kukho.”
 
46.Ngakukhipha ukudla kwami, ngazibona ngempela izimpethu ekudleni ukuthi kubolile, ngakulahla. Ngase ngifuna ukubuyela emuva ekhaya ngiyolanda umphako omusha. Le ndoda yathi: “Cha, ungaphindeli ekhaya, qhubeka nohambo lwakho. Endleleni uzobizwa abantu bakuphe ukudla okuningi.” Ngafikelwa ukuyesaba kakhulu manje le ndoda ekade ngithandaza nayo, ngoba ngingayazi. Yase ibuza le ndoda “Uyangazi mina? Ngisuka eKuphakameni.”
 
47.Ngangingazi nokuthi kuphi lapho eKuphakameni. Yaqeda ukusho njalo le ndoda, yasuka, yanyamalala. Angibonanga ukuthi ishonephi. Ngaqhubeka nohambo lwami. Ngahlangana nabantu ababehlabile, bangibiza ukuba ngingene ekhaya lapho. Bangisikela inyama eyosiwe. Base bethi: “Yifake esikhwameni sakho enye inyama uyodla endleleni muntu kaNkulunkulu.” “Ngaqhubeka nendlela yami ngaze ngafika komunye umuzi, ngalala khona.
 
48.Uma sengilele, ngaphupha, ngabona le ndoda ekade ngithandaza nayo ekuseni. Yathi: “Ungakhathazeki, ngeke uyithole indodana yakho lapho oya khona, uzohlangana nayo okhalweni.” Ngavuka ekuseni, ngaqhubeka nohambo lwami ngaze ngayongena epulazini lomlungu, e-Pelcop. Ngahlangana nenqola yezinkabi, ngabona amadoda amabili ehlezi kuyo. Omunye wala madoda, kwakuyindodana yami le engangiyoyifuna.”
 
“49.Ngahlangana nayo esigangeni njengoba leya ndoda ishilo ebusuku. Ngaphindela nayo indodana yami ekhaya. Ngafika ekhaya ngayilanda yonke indaba eyisimanga yokuhlangana nendoda engingayazi. Ngathi: “Yonke into lomuntu ayishilo yenzeka njengoba engitshelile. Angimbuzanga ukuthi ungubani futhi angibonanga ukuthi ushone ngaphi. Wangitshela kuphela ukuthi usuka eKuphakameni.”
 
50.Kwadlula isikhashana, ngahlangana noKhanyi owathi uvela eKuphakameni, eshumayela ivangeli elithi ‘Onguye usefikile’. Ngalalela kahle amazwi akhulunywa yile ndoda ngoba yaphatha igama laseKuphakameni. UKhanyi wathi: “Le ndoda eyathi isuka eKuphakameni nguShembe, nguye loyo Shembe ongithumile. Ujwayele ukuya eNtombe eduze neMishini yamaLuthela. Uma eze lapho uhlala emzini wakubo kaJabulani Zulu ahlangana naye esengumfana elusa izinkomo KwaZulu”. Sasuka lapho saya kubo kaJabulani Zulu okungekude kakhulu nasemzini wami. Uma sifika khona, ngayibona lendoda, ngaba nesiqiniseko ngale ndoda engahlangana nayo, uShembe. Ngenkathi sengiyibona okwesibili, ngaphenduka ngaba yikholwa laseKuphakameni kanye nomuzi wami wonke.”
 
51.Lo Mgabhi okhuluma lapha, uyise kaMfundisi uMgabhi, ngiyazi abaningi abamazi uMfundisi uMgabhi. uMfundisi uMgabhi ubekhona ngesikhathi seNyangayezulu. Lo owabatshela uMgabhi, kwakuwuyise kaMfundisi uKhanyi. UMfundisi uKhanyi, usekhona namanje, uyise wakhe-ke lo.
 
52.Nginitshela manje ngomuntu wesibili owafika uShembe kuye wamuvimba wathi asithandaze, wathi ‘uphume ekhaya ungathandazile, ubone umphako wakho wangathandaza kuNkulunkulu.” wathandaza naye. Ngithi-ke mina lo Shembe uBabamkhulu, uMprofethi u-Isaya Shembe, uye lo uYeshua owayekhuluma ngaye ethi kuyofika umuntu onguMoya Ongcwele. Ngithi akekho omunye umuntu owake waba njengoMprofethi u-Isaya Shembe, ngisho emva kwakhe, ngisho uBaba iLanga, angikaze ngizwe kuthiwa wake waba kulesi simo.
 
53.Kwakwenzeka ukuthi uBaba iLanga efike kuwe, nakimi wake wafika, kodwa wawungathi uma ufika kuye, engeke esho ukuthi hhayi ngifikile kuwe ngenza lokhu nalokhu. Kodwa uBabamkhulu wayefika kuwe, noma futhi usufika kuye eseyinyama, ekwazi ukukutshela ukuthi kade ngikuwe. Nguye kuphela umuntu owayekwazi ukuthi eshumayeze abantu abehlukene, abashumayeze eyisimo somoya! Lokho kuchaza ukuthi njengoba uBabamkhulu wahamba nje zonke lezi zindawo zakwaZulu, ezinye izindawo zakwaZulu wayengazihambi ngezinyawo, wayezihamba ewuMoya, kodwa abantu becabange ukuthi kusenguyena oseyinyama kanti akuseyena usenguMoya! ESwazini wafika wakha ibandla, wafika kumfana wakwaZulu, efika emini, efika ebusuku, wamuphendula wakholwa eseSwazini, waze wasuka eSwazini waya eKuphakameni, wafike waba ngumfana oshaya insimbi, njengoba eze wafela eKuphakameni. Kodwa washunyayezwa nguShembe kwelakubo emncane, yena waphendula umndeni wakhe, ethi kuyaye kufike umuntu othi unguShembe, amshumayeze, ethi akagcine iSabatha, angayidli ingulube!
 
54.Kodwa uShembe wayengakaze eye eSwazini eyoshumayela, wayeshumayela eSwazini enguMoya, akaqhamukeke umKrestu ongiphikisayo ukuthi uShembe wayengesiwo uMoya ongcwele ngenkathi ehambela abantu abaningi eshumayela, ephilisa, kodwa enguMoya? Umsebenzi woMoya ongcwele, njengoba kwachaza uYeshua, ukuthatha indawo yakhe uYeshua, okungukufundisa ngendaba kaNkulunkulu, abuye enze izimangaliso ngokuphulukisa!
 
60.Uma uthi uShembe wayewuMoya Omubi, ukhona yini uMoya Omubi ohamba ushumayela indaba kakhulunkulu, ngoba konke ukukholwa kwethu kusukela kuShembe ehamba eshumayela abazali bethu, kodwa enguMoya?
 
61.Uthi UBabamkhulu: “UMprofethi uhlala emkhathini elindele isizwe esonile, ebese uNkulunkulu emthuma kuso, kodwa ngaphambi kokuba emthume kuso, uNkulunkulu uyaye ekhethe intombi nensizwa enenhliziyo ehlanzekileyo, bese ebahlanganisa ngothando, beze baganane. Bese umprofethi womkhathi wehlela kowesifazane, azalwe, akhule njengabo bonke abantwana, kuze kufike isikhathio lapho uiNkulunkulu asebenza khona ngaye.
 
62.Mhla ngiqonda ukuthi ngingumprofethi womkhathi, kwathi ngiseNhlangakazi, uJehova wangemukelisa isidlo. Ngaso leso sikhathi kwabe sekuyanqamuka ukuba ngibe ngumuntu ozalwe ngumfazi nendoda, ngaba khona emhlabeni wonke, ngaba khona ezulwini, ngaba khona ngaphansi kwamanzi, ngabakhona emandulo, ngazi nenhliziyo yomuntu ukuthi icabangani!”
 
63.Uthi uBabamkhulu uma esehamba emhlabeni, uthi:
“Inyama yami ikhathele
Izolala ethuneni
UMoya wami uzovuka
Wembathe inyama entsha
Kwaphakade bengizelwe
Nani ngobakhona!”
 
64.Namanje sisasebenza ngalowo Mprofethi womkhathi osalokhu ekhona phakathi kwethu, kodwa wahamba emhlabeni ngo 1935, kodwa namanje usekhona, njengoba siqhuba ubuNazaretha nje, sisaqhutshwa yilowo Moya oNgcwele woMprofethi woPhezukonke!
 
INkosi ibusise enikuzwile

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *