Abasebaningi abantu abasebenzela uNkulunkulu kungekho mvuzo abawufunayo, abantu abaningi manje abantu abaye bathi benza izinto bazenza ngoba bezothola izinto ezithile. Inkolo enjalo iyolimaza wena ezinsukwini zakho zokugcina, sebenzela uNkulunkulu ngaphandle kokuziqokela ukuthi uzoba yini.
Inkonzo yasekuseni ngeSabatha mhlaka 14 January 2023: NguMfundisikazi Nomcebo Mpanza.
1 Nkosi yethu Simakade
Simi phambi kwakho,
Siyacela ubekhona
Nawe kanye nathi.
2 Yehla moya oyiNgcwele
Ngena wena kithi,
Usebenze kubo bonke
Lokho okuthandwa nguwe.
3 Zonke izono maziphele
Nazo zonke izifo
Ubumhlophe nobumnandi
Mabuhlale nathi.
1.Ngiyababingelela abangcwele, ngiphinde ngiyikhethe iNkosi enkulu yaseKuphakameni, isihloko sithi UKUSEBENZELA UNKULUNKULU. Zihlobo ezinhle eNkosini, sengisifakile isicelo, sengicelile eNkosini yaseKuphakameni ukuthi uMoya wayo Oyingcwele awehlele kithi uhlale nathi. Kuyinto enkulu ukuthi uMoya Oyingcwele uhlale nathi ngoba uma uMoya Oyingcwele wehlile weza kithi siyakukwenza izinto ezinhle, siyakufisa ukuba ngcwele ngoba kuhleli uMoya Omuhle ongayifisi into embi.
2.Bantwana baseKuphakameni amazwi amakhulu asakhulunyiwe phakathi kwebandla, lona okade efunda umthandazo weSabatha ubekhuluma ngamazwi ashiwo uMprofethi walelibandla ngqo. Ngalokhu-ke makhulu kunakho konke, besesivele sesiyitholile incwadi ngoba sesitsheliwe ukuthi asimesabe uJehova.
3.Sesitsheliwe futhi ukuthi akufanele ukuba kube khona okunye esingakwenza ngalolusuku kodwa sizodumisa ngoba uJehova naye waphumula kulolusuku. Bantwana baseKuphakameni ukusebenzela uNkulunkulu akusiyo into emnandi ngoba uma usebenzela uNkulunkulu uba nezitha eziningi, uba nabantu abakuhlaselayo bakuthuke, abanye bakuzingele ngisho nangezibhamu ngoba bafuna ukucisha, bacishe umlilo ongabasangwa yibo.
4.Kuhle ukusebenza, usebenzele uNkulunkulu ungabheke nzuzo, kuhle ukuzikhandla, uzikhandlele uNkulunkulu wkaho kodwa kungekho odinga ukukuzuza okwasemhlabeni kodwa udinga ukuthi uNkulunkulu akukhumbule, akungenise kulelikhaya elihle. Noma uNkulunkulu akwenzele izinto ezinhle emzini wakho noma kini.
5.Abasebaningi abantu abasebenzela uNkulunkulu kungekho mvuzo abawufunayo, abantu abaningi manje abantu abaye bathi benza izinto bazenza ngoba bezothola izinto ezithile. Inkolo enjalo iyolimaza wena ezinsukwini zakho zokugcina, sebenzela uNkulunkulu ngaphandle kokuziqokela ukuthi uzoba yini.
6.Ngike ngakubona lokho izolo bangcwele, kwakukhona abantu lapha abaye benze izinto ezinkulu, bafike nalapho ekhaya, balethe abakulethayo, izipho bathi bayasipha, sibonge sithi INKOSI IBABUSISE, kanti babengasiphi, babethenga izikhundla. Kuthi lapho uNkulunkulu esenze umhlangano wakhe, lithi uma izwi lithi kufuneka kube khona abantu abagcotshwayo, izwi lingamufaki noma lingabafaki bona kugcotshwe abanye, kulapho bangcwele esaqala khona ukubona ukuthi kanti laba bantu bebenganikeli bebethenga izikhundla.
7.Ngoba uma sekugcotshwa babonakala bekulelwa lokho, nomunye washo ukuthi yimi ekade ngenza izinto ezinkulu lapha, nomunye washo akushoyo, washo wathi yena wenza ukuthi nokuthi lapha, wathi alikho nje iqiniso kulelibandla, washo yonke into. Akugcinanga lapho bantwana baseKuphakameni, sagcina sesamba izinkantolo, sihambela izinto abantu ababekade benikele ngazo, sithi bayanikela kanti bathenga izikhundla, bathenga thina ukuthi thina singawusebenzi umsebenzi kaNkulunkulu, singamukhonzi uJehova, siphathwe silawulwe yibo.
8.Uma sebebonile ukuthi akwenzeki lokho, baphuma bama lapha bathi qekelele, baseke bekhipha intululwane yezinhlamba, sase siyabona ukuthi hawu laba bantu kade sithi siyababona ukuthi hawu laba ntwana bayakholwa, benza lokhu ngalokhu. Noma kungesibona bonke kodwa kwacaca lapho ukuthi hhayi abantu bebethenga izikhundla ngoba manje useyabona umuntu ukuthi mina yimi engenza ukuthi nokuthi, kodwa ngenkathi ekwenza wathi uyanikela.
9.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni asibe ngabantu bakudala, abantu benkolo yakudala, abantu ababesebenza, bengasebenzeli ukuthola izikhundla, bengasebenzeli ukuthi bakhushulwe, besebenzale ukuthi bathole ukuphumula emzini oyingcwele. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni engathi uJehova engenza ukuthi lungaphinde lube khona lolohlobo lwabantu esalula izandla zaba zinde simukela, kanti simukela inkantolo, singazi ukuthi asimukeli zona izipho kodwa sesimukela manje inkantolo ukuthi sesiyakugcina ezinkantolo kukhulunywa ngezinto abantu ababethi bayanikela ngazo.
10.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, kuhle ukusebenzela uNkulunkulu ngoba uNkulunkulu uyakubusisa, uNkulunkulu akawutheli ngezintuli umsebenzi wakho omuhle, uNkulunkulu uyakubheka okuhle okwenzile kuye, uyakukhumbula noma sewuya esihogweni, akukhumbule okuhle ukuthi kodwa ngelinye ilanga, wake wangenzela into enhle, wakwenza lokhu nalokhu. Ngithi-ke bangcwele, siyibandla likaNkulunkulu asikufunde lokho siphinde sifunde bantwana baseKuphakameni ukuthi sisokole, singahlali senabe, lelivangeli silendlale njengecansi abantu bayazi indaba kaNkulunkulu ngathi ngoba uShembe, sizwile evikini eliphelile ukuthi uShembe wayethumela abantu ethi abaye ezindaweni ezithile, labo bantu babesuke bethunywe uye uBaba behamba beya lapho.
11.Nanamuhla bantwana baseKuphakameni lelibandla, lisaphethwe nguye loyo, owayethuma abantu, kusenjalo nanamhlanje, kufanele ukuthi kube kithi ukuthi ngosuku bangaki abantu abalale sebeyazi indaba kaNkulunkulu ngoba abantu babhajwe osizini ngoba abazi. Kufika abantu bethi uma ungenza into enjena uzophumelela kodwa kuqhubeka ukuhlupheka, kodwa abantu uma ngabe sebetsheliwe ukuthi yonke lento ayikho, labo bantu abakhuluma lokho bayizithunywa ezithunywe uSathane ukuthi zizokonakalisa yonke into.
12.Abanye bayokwala kodwa abanye bayovuma, njengoba kwenzeka, nathi kwathathwa ngamunye emzini, ngamunye, ngababili, ngabathathu, akuzange kuthathwe wonke umuntu emakhaya esisuka kuwo ngaphandle komuntu osuke esemzini wakhe. Ngiyacela bantwana baseKuphakameni sike sifunde ku Luka 9 verse 1-6.
“13. Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo. Wabathuma ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nokuphulukisa. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali, ningabi namabhantshi amabili.
14.Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani lapho, nize nimuke khona. Bonke abanganamukeliyo, anothi nxa nimuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi ngabo.”Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke” Amein.
15.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, okwenziwa nguShembe ilokho okwakwenziwa nguYeshua ngoba naye wayebathuma abantu, uma umuntu ethunywa, uyaphathiswa enikezwe. Baphela-ke abantu, sengikhuluma ngebandla lakithi la eKuphakameni, baphela-ke abantu ababenalelo thando, ababehamba beshiye imizi yabo, beyohlala emzini yabantu beyokhuluma indaba kaNkulunkulu, baphela!
16.Kwase kufika abantu besimanje, abangasafuni ukuthi bahambe bona beyokhuluma indaba kaNkulunkulu kodwa abafuna ukuya uma sekuqoqekile, sebeya ebandleni elikhona. Kodwa abantu bakuqala bebengayi ebandleni elikhona ngoba bebazi ukuthi lelobandla seliyazi ngoNkulunkulu. Babeya nje endaweni ewugwadule, bafike bahlale, bengangeni nasemzini omkhulu, bangene nje lapho okungamafukufukwana khona, bafike bahlale bekhulume indaba kaNkulunkulu. Uma bemukeliwe, bamemezele, bathi hhayi nibokuza, kukhona umuntu lapha okhuluma indaba kaNkulunkulu, ngoba phela uzobe eseshilo ukuthi njalo ntambama kuzoba khona umthandazo.
17.Kwakukhona abantu ababehlabelela noma kungekho ozobavumela ngoba babesuke bezofundisa, kwaze kwagcina abantu befunda, nasekuseni kube khona umthandazo, afunde umthandazo njengoba efunda ebandleni alaziyo, afunde umthandazo ahlabelele lapho okufanele ahlabelele khona. Ahlabelele eyedwa ngoba uzofundisa abantu, uzotshala bantwana baseKuphakameni. Ngithi-ke baphela-ke kulelibandla, bonke abantu abezi lapho okuqalwa khona, lapho okuthiwa kuwugwadulo khona, abafuni. Kodwa uma ngabe sekukhona umuntu ofikile lapho mhlawumbe baqoqana abantu bebodwa, babona ukuthi nangu uNkulunkulu, nansi indaba siyizwa, asifuneni indawo siqoqeni nathi sithandaze sibize lo Nkulunkulu.
18.Kuyothi mhlawumbe lapho kuzwakala khona ukuthi sebebaningi, bese beba khona-ke abantu asebathi baya khona kodwa lapho okuwugwadule khona, akekho ofuna ukuya khona. Ngithi-ke bangcwele asikuthande ukusebenzela uNkulunkulu, ngoba ukusebenzela uNkulunkulu kunomvuzo omkhulu lapha emhlabeni naphambili lapho esiya khona.
19.Bangcwele akusilula ukuphemba, ukuphemba ukuthi kube khona abantu kusuke kudalwa inkolo yakho ukuthi wena uqobo lwakho uyayizwa yini le ndaba ngoba angeke uyokhuluma kubantu indaba ongayizwa bese uthi abayizwe wena kodwa ungayizwa. Ngithi-ke bangcwele safika isikhathi nami sengiwumntwana kaNkulunkulu ngasuka kwelaseGoli ngaya eVenda, wonke amabandla-ke lapho kwakungamaKrestu nama ZCC, leli lakithi nje kwakuyinto engaziwa ngisho nangendaba.
20.Inhliziyo yami yalamba, ngathi ngeke ngihlale nginabe ngifinyele endlini. Ngabe sengiyagqoka ngoba isiguqo ababengiphethe bafika bazosivula bathi kothi uma kuntambama siguqe lapho. Kwakungekho muntu-ke kuyimi engazi uShembe, nomndeni owawukhona lapho wawungamazi uShembe, ngangiphumula ngedwa. Kodwa ngeSabatha ngangigqoka ngiphelele ngihambe ngiye lapha kulesisiguqo esinemnyango ehlukene.
21.Nami ngimemeze njengoba kwakumenyezwa ukuthi esontweni ngingene. Kwenzeka isimangaliso bantwana baseKuphakameni, ngathi uma ngimemeza inkonzo, ngithi sengiyangena esontweni, ngimemeza wona lo Moya Ongcwele engikhulume ngawo, ngathi ngiyaphenduka ngathola izinyoni engingazi zaziqoqane nini ngoba ngangingakaze ngizibone. Zingena iminyango ehlukene, ezinye zime lapho okungena khona obaba, ezinye zime lapho okungena khona omama, zime lapho okungena khona abagcotshwa amakhosazana. Ibutho nje lezinyoni engingazazi.
22.Ngaguqa ngandlala icansi sami, ngahlala ngafunda isihlabelelo, ngafunda umthandazo weSabatha ngahlabelela ngathi Mbongeni uJehova, ngasho ngathi ufanelwe ukubongwa yithi thina esingamaNazaretha, ngikhuluma ngihlabelela, laphana ngizivumela. Zitshwitshwize izinyoni zibanga umsindo omkhulu uma ngihlabelela, zihlabelela nami.
23.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni nasenkonzweni yasemini kube njalo, kwenzeka ngithi amaSabatha mhlawumbe amabili noma amathathu. Kodwa ngelinye iSabatha ngathi ngithi amein, ngathi ngithi nazi izingane sezikhona, zangena ngithandaza nami, sengiqeda inkonzo yasekuseni. Sengithandaza ngibika izwi ukuthi sengiyathandaza ke sekuzonikelwa, ngayivala nami inkonzo, ngamcela uNkulunkulu ukuthi akangivalele inkonzo nami ngibuyele emini. Ngathi ngithi amein ngathola sekunezingane.
24.Izingane zangena khona lapho la ekungena khona nezabafana, zahlala lapha zabuthana nezamantombazane, zincane izingane, ngathi hawu niqhamukaphi. Zathi hhayi sike sibone uguqe lapha, siyabona ukuthi usesontweni, sesibonile ukuthi la kusesontweni. Ngithi-ke yebo. Bathi manje nathi sicela ukuthi sizosonta nawe. Ngathi hhayi kulungile bantabami, kodwa-ke ngiyabuya ngizobuya emini, ngabo 1 ngizongena lapha.
25.Hhayi izingane zahlala-ke azibange zisahamba, zahlala. Kuthe emini sengimemeza inkonzo, izinyoni angizange ngisazifanisa nangokhalo. Kwase kungena lezizingane zabafana, kwangena lezizingane zamantombazane, izingane nje ezincane. Amantombazanyana nje, konke kwakusengamashesha kungena kwakungekho ngisho utubhana phakathi kwabo.
26.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kwaphoqeka ukuthi ngibe nesikole ngoba kwakungabantwana abakhuluma olunye ulimi noma beyisizwe esimnyama, kodwa abasisona isizwe samaZulu, bakhuluma ulimi lwakubo, nakho lokhu engikushoyo babekukhuluma ngolimi lwakubo.
27.Ngase ngiyaqala-ke manje sekuthi uma kuyisonto ngibe nabo, ngibafundisa ngolimi lwabuko ukuthi kusho ukuthini ukuthi mbongeni uJehova, kanjalo kuze kuyophela. Nezihlabelelo kanjalo, lokho kwakwenza ukuthi uma ngabe ingane isukuma, isukume ngesihlabelelo ethintekile yona ngaphakathi ngaleso sihlabelelo ngoba sengizitshelile ukuthi ngolimi lwakubo sithini leso sihlabelelo.
28.Ngangibona ukuthi bayakujabulela ngoba babesukuma ngezihlabelelo ezihlukene ngoba nomunye wayekhetha esinye ngoba babezwa ukuthi lezi zihlabelelo zithini, ngibachazele. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kwahamba kwahamba kwalandela bona abantu abadala, kwagcina-ke sekunebandla elikhona eVenda. Nabo ngabafundisa kanjalo. Amakhosazana aqala, kwaqala ibandla eVenda, kwaqala izingane, uNkulunkulu waletha abantwana.
29.Amakhosazana, bakhula abantwana, bangena lapha bathi sebeyathanda ukukholwa la, abazali babo beza bezobathathela imiyalo ukuthi kwenziwa njani ngoba lelibandla asilazi, ngabatshela ngathi abasafanele ukudla ukudla okuphekwe ngeSabatha. Babuza ukuthi kufanele benze njani, ngathi kufanele baphekelwe ilanga lingakashoni (NgoLwesihlanu) ukudla kwabo kube sekubekwe eceleni, bakulalela lokho. Ngempela bayikhipha iminikelo, babathengela umnanazaretha. Kwaba sekunamaNazaretha amancane, kwagcwala lapha ethempelini.
30.Agcona amaKrestu athi hawu kuse creshi lapha, ngathi anginandaba kulungile noma kusecreshi, ngayikhuluma indaba kaNkulunkulu ngiyikhuluma kubantwana. Bakhula abantwana, bakhula! Ngigijima nje ngibalekela isikhathi, kwaze kwagcina lapho laba bantwana ngibafundisa umgidi, ngabafundisa bantwana baseKuphakameni ngibatshela ngithi uma nilalela isigubhu, uma isigubhu sikhala, unyawo luhamba nesigubhu. Lokho ngase ngikwenza sebekwazi ukuhlabelela ngoba ngabafundisa ukuvuma isihlabalelo seSabatha, ngababona ukuthi sebeyakwazi. Ngabafundisa ukusiqala ngagcina nami ngiphumula ngihlala phansi kodwa sebekwazi. Noma babesihlabelela ngesiZulu kodwa babesihlabelela, bewufunda futhi ngesiZulu umthandazo, baze bayophuma phansi.
31.Ngabafundisa umthandazo wokulala, ngabafundisa umthandazo wokuvuka, kwaba kuhle nje nami ngangabe ngisaba nenkinga yokuthi angikho esontweni, angikho la kunabantu abaningi khona. Ngaba nabantu engihlanganyela nabo, ngaphumula bafunda umthandazo benza yonke into. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngase ngibafundisa umgidi, ngangibafundisa ngifake ikhasethi elalinomgidi, lalingisiza kakhulu. kodwa ngibuye ngithathe isigubhu, ngishaye isigubhu, ngibatshele ukuthi bayolalela isigubhu ukuhamba kwaso.
32.Bafunda abantwana ukusina, bagcina laba bantwana bengena emgidini emkhulu yalapha eKuphakameni. Owavunula nje kuqala, wafika wema lapha ekugcineni, kodwa ngendlela okwakusinwa, kwakuhlatshelelwa isihlabelelo esithi “Sakubona Kuphakama” Ko-Anti, ngaya ngamusa khona, ngathi uma nikhuluma nabo, engase engasizwa IsiZulu uma sikhulunywa yini, kodwa mina ngiyasigxegisa ngoba ngiyabazi sebeyasizwa, kodwa angikhulumi sona impela ngoba bengase bengamuzwa omunye umuntu, ngathi-ke kodwa IsiNgisi, uma ngase nibone ukuthi abezwa, anokhuluma IsiNgisi bazokuzwa.
33.Babathatha-ke, wayengenayo i-umbrella, bamumisa ngale ekugcineni ngoba nathi sikhona lapha, ngathi ngibona u-Anti uMaSangweni emnika i-umbrella yakhe, wamuthatha wamuletha phakathi nendawo ngendlela ingane eyayisina yayiphikelela ukufa. Ngabizwa ngo-Anti, bathi hawu yini Mkhokheli usikhohlisa, lezi ngane lezi, le ngane ingasina kangaka, lezingane aziwona amavila, zahamba nawe, zahamba nawe zaya, ngathi mina cha, njengoba zingasizwa nje kahle IsiZulu. Kodwa uBaba (uThingo), zazimuzwa ngoba wayengakhulumi aphangise.
34.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, zafunda ingane, kwaba nabantu asebevunulayo, asebengena emgidini. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni engathi nomunye nomunye uma sesifika phambi kweNkosi yamaNazaretha naphambi koMprofethi abe khona umuntu naye oyokhomba ukuthi nampa engabafundisa, nampa engakhuluma indaba kaNkulunkulu kubo bagcina beyizwile. Ngoba uShembe ubhale phansi wathi “Hambisani lezi zindaba, ziye kuwo wonke umhlaba” kodwa azikaze zihanjiswe. Nakhona sezihanjiswa, ziyiswa lapho esekwazwakala khona, akekho ofuna ukuyoqala phansi.
35.Mina ngaqala endaweni ewugwadule, lapho okungakhulunywa khona ulimi lwakithi, kodwa laqaleka lelibandla libakhona ngoba ngabona ukuthi ngeke kulunge ukungakhonzi, ngeke ngibe nayo imali njalo ngiyagibela ngiya eGoli. Lokhu kwakungasho ukuthi ngifuna abantu abaningi angifuni yena uNkulunkulu. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni uma ngendlula kulokho, sengiya emsebenzini kaNkulunkulu, ukuthi ukusebenzela uNkulunkulu, akusikho khona ukugqoka ingubo emhlophe kuphela, kusuke kukhona okuningi okusele kuwe wena ozihlanganisa noNkulunkulu.
36.Ekuqaleni ngikhulume ndendaba yokuthi asisebenzele uNkulunkulu ngaphandle kokufuna umvuzo wokugcotshwa. Futhi sikuqaphele ukuthenga izikhundla ngezithukuthuku zethu ngoba isikhundla esithengiwe siba ukufa kumnikazi waso. Ngoba uNkulunkulu akanakukunikeza ukuthi ukhule ungagcotshwanga nguye, uthathe imali, wathenga into uNkulunkulu ongakaze asho ukuthi uyayidayisa. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ake sibe ilabo bantu bakudala.
37.Abantu-ke bathi uma bezizwa izingane ziyixoxa indaba kubantu abayizele zikhuluma ngoba ngangikhuluma ngishumayela ngoNkulunkulu ukuthi uShembe uyakwazi ukwenza ukuthi nokuthi ngitshela izingane, izingane zifike zisho ekhaya. Kanti kuzohamba kuhambe kuyofika enkosikazini eyayizele umntwana owayenganamathambo, engumbungu nje umnwana. Bathi esibhedlela akahambe alinde usuku ezofa ngalo ingane, ngeke bamenze lutho ngoba ushoda ngamathambo.
38.Kwakuyiplastiki nje, unina wayemthatha amvalele endlini ahambe eye ehlathini ayotheza izinkuni, angakhali, angamuboni, kuwumntwana nje obukayo, ophefumulayo, angakhali kuyinto nje ethulile. Ngathi ngelinye ilanga ngase ngibona le nkosikazi isifika, yafike yalusho usizi yathi nangu umntwana ngamzala, akanawo amathambo. Zonke izibhedlela ngiyile, akanamathambo, kodwa wazalwa ngesikhathi sakhe. Akakhali angilazi nje iphimbo lakhe, lokhu aba khona kakhali, uyabuka nje aphefumule kuphela.
39.Ngabe bantwana baseKuphakameni nami sengicinga emgodlweni wenhliziyo yami ukuthi uma ngabe le nkosikazi iza lapha sekufanele ukuthi ngimumemeze lo Nkulunkulu waseKuphakameni, lezi zinto ekade ngizikhuluma ezinganeni, sekufanele ukuthi ngimemeze ngicele kuShembe ukuthi akaze azosindisa. Ngayiyalela iNkosikazi ukuthi umntwana umlethe ekuseni, umlethe ntambama, ngamunikeza amanzi ayebusisiwe, ngimuphuzisa umntwana ngimugeza, ngimuphuzisa ngimugeza ngoba ngangibona sengathi unina angeke akwenze kahle, ngimgeze ngimugcobe ngamafutha.
40.Bantwana baseKuphakameni kwenzeka isimangaliso, ngathi ngelinye ilanga ngisendlini, ngezwa umuntu engena esangweni ememeza, ngacabanga ukuthi ngabe umuntu obalekayo, oshawayo, kodwa obalekela lapha. Ngathi ngithi ngabona ukuthi iyo le Nkosikazi. Uma ngibuza ngiphuma ngithi yini, uthi hawu ngiyamesaba uNkulunkulu ofike naye, uthi namuhla umntwana ngivele ngamubeka lapha ngenza okunye. Ngizwe ekhala, uthi ngiphuzile ukumthatha, kuze kwasho umakhelwane wathi umntwana uyakhala, uthi ngoba bengingakucabangi ukuthi ilo wami ngoba ngiyamazi lokhu azalwa. Wathi umntwana ukhalile namhlanjena, kushukuthi ngampela umuntu.
41.Ngaqhubeka ngakwenza lokho ngimuphuzisa amanzi, ngimugcoba amafutha abusisiwe, ngelinye ilanga kwaphinda kwaba iso sona leso, engena ngomsindo osabekayo odumisa uNkulunkulu. Ngabuza futhi nalapho kwenzenjani, wathi ngiyamusaba lo Nkulunkulu. Wathi umntwana namhlanjena akasayena loya mntwana, ngithi mina kanjani. Uthi hhayi ngithi noma ngimphuthe, ngathola ukuthi umntwana ngathi akasenguye, ngithi uma ngithi ake ngimuhlalise phansi, wahlala. Uma ngithinta la eqolo, ngiyezwa ukuthi hhayi akuseyena umntwana yedwa, sekunethambo. Uthi ngabeka lezizinto ngamubona edlala ehleli. Ngabonga nami ngadumisa ngathi uyingcwele Nkosi yamakhosi. NangeSabatha weza naye sakubona lokho sonke.
42.Lo mntwama bantwana baseKuphakameni wakhula waze wasukuma wahamba lo mntwana. Wayezelwe enganamathambo kodwa uShembe, wawalanda amathambo, wawafaka kumuntu osezelwe, ozalwe engenawo amathambo, kodwa uShembe wawalanda amathambo wawahloma kulomntwana. Umntwana wayengengesona isixhwala, wayeyinto eyindwangu nje. Kodwa umntwana wasukuma wahamba. Isigameko sokuqala leso.
43.Esesibili bantwana baseKuphakameni kwaba iNkosikazi eyayiphathwa ikhanda elesabekayo elalingezwa lutho, ingena kuyo yonke indawo, behlola odokotela bengaboni lutho. Kwathi uma isidelile ngoba wayehlala nasezinyangeni ishunqiselwa yonke into, kuthiwa lelikhanda leli into yokwenziwa izophela. Kodwa waze wagcina ebuyele kwakhe naye wathi angiyofela emzini wami.
44.Uma ebuya lapho owayesehlala khona elashwa khona, uyayifica le ndaba yokuthi ingane yakuloya muzi isiyakwazi ukuhlala, kuthiwa hhayi kanjani, kuthiwa likhona ibandla Elisha elifikile lapha, babethi ibandla laseNatal, babesho nje. Ngakumukela-ke lokho vele anginandaba. Kodwa bangcwele lo mama wasukuma weza, wafika edonswa ngabantwana bakhe esengumkhovu nje, eboqoke lo mama kanti muncane ngokuzalwa. eboqoke kanti inyama isinamathele emathanjeni. Ikhanda nje, alizwa lutho, ngisho ephuzani, ngisho enzani, ikhanda nje, ubusuku nemini, nasesibhedlela bangena baze bamukhipha. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngabiza lo Nkulunkulu waseKuphakameni ngathi Shembe wasendulo lezi zinto zifuna wena.
45.Bangcwele wahamba linjalo nje ngeSabatha kwaze kwaphela ukuthandaza nje, elokhu ejiyoza laphana lingapheli, wahamba waya kwakhe. Enkonzweni yantambama wabuya, khona ekhala libuhlungu kanjalo ikhanda sekusele nje amehlo esephumele ngaphandle.
Hhayi bantwana baseKuphakameni kwathi uma ngabe ngimubiza lo Nkulunkulu waseKuphakameni, nakuye ngamunikeza wona lamanzi, ngathi awu phuza mtakaNkulunkulu. Uma ngabe kuyinto evela kumuntu kuyakubonakala, uShembe engawuvikela umphefumulo wakho.
46.Waphuza amanzi ikhanda lilokhu lingezi nje, eze emthandazweni wantambama, naphakathi neviki abe khona. ngelinye ilanga utshela abantwana bakhe ukuthi hhayi ngiyabona ukuthi ngizokufa, kodwa ngicela ukuthi ningabahluphi laba bantu, ngoba wathi engangena nje wakhetha iNkosi. Wathi laba bantu ningabahluphi, ibo abofika banitshele ukuthi kuzokwenziwa njani ngami. Bathi mama, ungayongena esontweni elihlulekile ukukusiza, angithi namanje uye khona, nekhanda libuhlungu namanje, sebezositshelani laba bantu. Yathi iNkosikazi cha, noma ngabe angisaphilanga la, wathi ngiyakufika ngiphile phambili. Wathi bantabami ningabavimbi niyeke konke kubo, mina uNkulunkulu kushuthi ungabele ukuthi ngofike ngiphile phambili.
47.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni lawo mazwi akhe ayeletha usizi, wangayeka ukuza, sikhonza thina, yena ekhala, izinhlungu zithi nje zila, limshaya kakhulu futhi uma kuyiSabatha. Ahlale Nkosi yami endlini engaphumi kanti ikwakhe limkhiphela ngaphandle. Ngolunye usuku uNkulunkulu waseKuphakameni wafika, uthi lamushaya ukwedlula ikhanda ngoba sengimnikezile amafutha abusisiwe. Uthi ngawayekela ukuwakha ngento, ngawakha ngesandla, ngazitashaza, ngazitashaza ngamafuthi.
48.Uthi “kwathi sengiwagcobile, ngezwa ngifikelwa ubuthongo, ngalala ngoba ngangingalali, ngalala lathula. Ngathi lapho engivuka khona ngase ngicela abantwana bengibekele amanzi ngoba uvaselina wawulenga nje ezinweleni zami. Ngageza ngageza, uma sengithi ngiyakama, ngizwa kunendawo ebuhlungu, kunento ethinteka khona, ngibize abantwana bami ngithi ngicela ningubuke la ekhanda ukuthi yini kukhona into ethintwa ikama bese lithanda ukuvuka lelikhanda, uma ngabe bebheka abantwana, bathi mama isipikili.
49.Hawu isipikili, yebo, vele uma besibuka bathi sekunento nje efukuzayo, ngathi kukhona into esivukuza ngaphansi esikhuphulayo, abantwana bathi kungcono sikuyise esibhedlela, ngathi angiyi esibhedlela, noma ngabe ngiyakhala ngicela nisidonse, thathani nakhu nisibambe nisidonse siphume. Basidonsa abantwana, basidonsa abantwana, ngathi noma ngiyakhala ningakunaki lokho, basidonsa abantwana, kwaqhasha kwaphuma igazi elimnyama elithe nje khwishi, kubonakala ukuthi kwakumuthi”
50.Wasithatha bangcwele isipikili wasifaka ebhodleleni, ngaleso sikhathi umhlangano wawuseGoli. Ngikhuluma ngento eyathwalwa wasiywa kuShembe, uBaba uThingo wasibona sisafika sinegazi kwathiwa siphume enhloko yomuntu. Ngisho obodokotela sebumafaka emishinini eveza konke, eveza ngisho ubuchopho, abazange basibone isipikili. Kodwa uShembe wasikhipha, uShembe wasikhipha, uShembe wasiphusha, ukuthi siphume, singaphumi nomphefumulo, kwangathi kukhona umuntu osishayayo le ngaphakathi ukuthi asiphume. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kwaba ukusinda kwayo inkosikazi kwasala ukuhlupheka.
51.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kwaphinde kwalandela iNkosikazi eyayifelwa ngabantwana, Labantwana, yayithola nje abantwana abashonile, abashonela ngaphakathi esiswini. Nayo futhi yasizwa nguye uShembe, noma sake saphambana naye ngoba kwakuwunntwana owayedelela. Ngenye imini ngathi ngithi ngikhona laphayana nginabo, beyokha amanzi, angazi ngangidlula ngibuyaphi, base abantu bebabaza uShembe.
52.Wase ebuza yena wathi ‘Yini uShembe?’ ngathi mina awukwazi ukubuza ukuthi ‘Yini uShembe?’ Yini ungasho ukuthi ‘Ubani UShembe?’ uchaza ukuthini uma uthi ‘Yini uShembe’ wayedelela-ke. Nami-ke ngavela ngadedela konke okufanele ngikudedele kuye, ngamutshela ngathi ukugcine ngci nje ukukhuluma kanje, ukugcine, ukugcina khona namhlanje. Sagcina singasakhulumisani naye sibanga le ndaba kaShembe. Kodwa bantwana baseKuphakameni wathi esekhulelwe, waphinde umntwana wafela ngaphakathi, laba bantwana bangcwatshwa engekho esele esibhedlela, ngabona bebuya naso isidumbu beyosifihla. Ngase ngihamba-ke ngiyokhala kuninazala, uninazala wangikhulumela amagama abuhlungu, wathi umntanami angeke abe nawo umuzi, kufanele afune enye inkosikazi aganwe, umtanami uzohlupheka. Wathi Njengamanje uma ebuya kufuneka ahambe nje aye kubo.
53.Awu Nkosi yami, musani ukumxhosha, uzomthola umntwana, ngathi mina nginaye uNkulunkulu ophethe imiphefumulo, ngoba vele abantwana bakhe abaphefumuli, ngathi nginaye ongafaka umphefumulo kulezizingane zizaleke kahle. Wathi uninazala bekulungile ukube bekungakenzeki kulokhu engizokutshela khona, wathi njengoba besilapha esibedlela, odokotela basitshelile ukuthi angeke aphinde amuthole umntwana, bavale ngci, angeke ephinde ebe umtanami abe nomntwana. Ukhalela lomtanakhe, akanendaba nalona olele lapha esibhedlela ongafa noma inina.
54.Hhayi-ke ngacela ngathi awu Nkosi yami ngiyacela ukuthi ungavumi aye kubo, ngathi ake eze lapha kimi, uShembe uyabapha abantu abantwana. Wabuya ezinsukwini, vele sasingakhulumisani, ngahamba ngamuqonda ngaya khona laphana, ngafike ngathi ngafika layikhaya, sengizwile ukuthi umntwana nalona udlulile. Ngathi ngiyacela mtanami ukuthi uze lapha kwami, lapha engihleli khona kwami. Uthi uma ufika khona, ukhona uNkulunkulu engihleli naye lapha, uzokunikeza abantwana. Wathi sekuvaliwe, odokotela bangivalile, bathi angisakufanele ukuthola abantwana. Ngale kwalokho ngizofa ngoba abantwana bami badonswa ngezinsimbi sebefile, bathike kungcono bangivalele angisobuye ngiphinde ngibe nomntwana. Ngathi ake sikuyeke lokho, woza kuShembe, ngamucela wavuma unina, ngathi nje akasondele laphana, ngafike ngamuphuzisa amanzi lo mntwana, ngakhuleka phambi kukaNkulunkulu, ngamuphuzisa amanzi. Wahamba wabuyela ekhaya.
55.Kwathi bantwana baseKuphakameni kwafika izwi, lathi ake engazigezi, namhlanjena abothi uma kushaya ihora lesithathu ebese uyamugeza wonke umzimba, ebese uyamugcoba, nangampela ngamutshela, wafika ngakwenza lokho. Kanti uNkulunkulu ufuna ukungibonisa izimangaliso, ngathi uma sengikwenza kwaphuma indoda iphethe isikhwama, iphuma emzimbeni walomntwana, into nje emfishane, ingathi ilezi zinto nje ezizinkawu engithanda ukuzibuka la. Kodwa indoda nje umnumzane. Akalwanga, wathi uthi angishonephi, wathi ngineminyaka mina ngahlala la, washo ukuthi wayefakiwe, wafakwa ngubani. Yalwa into ongayiboni nokuthi iyini, kodwa uyabona ukuthi mdala lo muntu okhulumayo. Embi ebihlala kulomntwana, iyona lena ebeyikade idla Labantwana.
56.Nami ngabaleka, le ngane yabaleka nayo ibamba mina, nami ngabaleka, yaphuma bantwana baseKuphakameni yangifungela, yaphuma, lapho eyayidlula khona bakhala abantwana abasemgwaqeni abadlalayo, idlula ihamba ikhishwa nguShembe. Yeqa inyanga yaba yinye, lafike izwi lathi mubize umphuzise amanzi, umnikeze amaqatha abe mathathu. Ngakwenza lokho. Wase lo mntwana uyahamba-ke. Ngase ngithi ake uhamba usuke kulo muzi, uyohlala nomyeni wakho, ngabiza umyeni wakhe. Ngatshela lo mfana ngathi awumthathe lo makoti ayohlala kuwe, wamthatha wayohlala kuye.
57.Ngelinye ilanga bayabuya beza kimi, eyi sithi asizokubabaza lapha, nasi isimangaliso, ngithi mina yini. Hhayi umkami uye kudokotela, udokotela wathi hhayi njengoba nje eqiwe inyanga, asilindele umuntu omusha.
Ngithi mina nimlindela kanjani umuntu kwavalwa. Bathi-ke simangazwa ilokho nathi sibuye singathembi ukuthi mhlawumbe ngabe lesi silwane sesiqala okunye manje ngoba phela kwavalwa. Ngathi mina cha, akukho esikuqalayo, uShembe oqala okunye. Ngathi-ke awukuhlale nje izinyanga ezimbili noma ezintathu ungayi kudokotela wakwenza lokho. Kwathi seziphelile izinyanga ezintathu, waya kudokotela, wafike udokotela wamutshela wathi hhayi, kufanele ukuthi manje uqale uhambe i-clinic ngoba uwumuntu obeletha kabi. Hawu, nagthi-ke mina ake uye kulaba ababekuvalile, uyosho ukuthi nangu umuntu.
58.Bantwana baseKuphakameni into efaka uShembe ayivezwa, Ukube kwakungasiyilo ibandla lakithi ngabe kwaphuma emaphephandabeni. Kodwa akuzange kube njalo into eyayifaka UShembe, uShembe bamuthatha njengesitha ngoba uyena kulelizwe owafike wavuselela abantu ukuthi babuyele kuJehova. Manje yonke into eyenzayo iyagqitshwa. Wahlala lo mntwana, ngoba uthi noma ekhulelwe, ingane ayinyakazi nje, ize iyodonswa ngezinsibhi vele ngoba isuke seyifile. Kwathi ezinyangeni ezine, wabuya wathi hhayi ngithole umhlola, nami ilokhu ngiqala ukuthola abantwana, angikaze ngizwe ukuhamba komuntu esiswini, uyahamba. Ngajabula.
59.Lomntwana bantwana baseKuphakameni babethena odokotela uzohlinzwa, kodwa nje sabamba…. Oh, kukhona engikushiya emumva, lesisikhathi engakaveli lo mntwana, unina engakayi nakudokotela, izwi lathi asenze umkhuleko, ngibize amakhosikazi ka 14, sithandaze eze ku 14, kwakuzovalwa u-14. Lathi-ke izwi, cha, kufanele ukuthi uthenge indwangu emhlophe ekuzogoqwa ngayo umphefumulo wengane ezozalwa. Ngangazi ukuthi ingane ezozalwa, ngoba phela nami ngangithandaza ngoba ngizwa ukuthi uShembe uyazenza izinto, ngayenza lonto. Kwathiwa uyise kuze yena ezolanda umphefumulo wengane engase nayo ingaphefumuli.
60.Afike ngo 04:00, nangempela bantwana baseKuphakameni sathi uma sesihlabelela impela sekuyisifingo sokufa, yangqongqozwa insizwa, ngase ngiyahlola ngabona ukuthi yiyo. Ngase ngiyahamba ngolanda into uNkulunkulu ebengiphathiswe yona egoqiwe, yaguqa Nkosi yami ingane yabantu, ngamunika ngathi hamba mfana wami, ungayivuli lento, uze uyofika lapho ohlala khona. ufike uyindlale lento, nencwadi uyindlale, uyibeke esiswini somkakho ngoba imfihlo phakathi kwakho nami noNkulunkulu. Umphefumulo into esingayazi, into engaziwa ukuthi iyinto enjani Yavuma-ke Nkosi yami ingane yabantu, sebephelile abantwana, yahamba yafike yakwenza lokho.
61.Ngisho-ke ukuthi-le ngesikhathi esethi umntwana nangu uyahamba, ngajabula ngafa ngathi kusho ukuthi lomphefumulo wangena lona esashaya umthandazo ezintathakusa ngabo 4, sicelela le Nkosana ukuthi uNkulunkulu akamuphe umntwana ophefumulayo. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kwaqhubekake kwaba njalo, kwafika isikhathi wabeletha kahle. Ngoba wayaye aqale ngokuvukala izinyawo, avukuvukale abe njani, evuvukaliswa ukuthi ukhulelwe ingane efile engaphefumuli, akazange avuvukale, sathi sizwa sathola ucingo ukuthi ubelethile, uthole intombazane. Bayetha igama bathi umntwana wabo ‘umthandazo.’
62.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ukusebenzela uNkulunkulu kunjalo, awukutholi ukuphumula. Awunamahlelo onawo emzini wakho, awunamahlelo omnndeni. Uhlale ulindile ukuthi uNkulunkulu enzeni. Ngathi ngisakulalele lokho, nayo le nkosikazi leyo yabuya. Kodwa ngicela ukuya laphana kulokhu ebengikusho, ngike ngakukhuluma evikini eliphelile, emva kokuba inkonzo isivaliwe. Ngithi angikuphinde ngikusho indaba yaloyamfana owayehlupheke, ehlupheke umntwana, kungasekho lutho alithembile. Athole itoho, asebenze nje mhlawumbe amaviki amabili axoshwe, asebenze izinyanga ezintathu axoshwe. Naye-ke wezwa kuthiwa uShembe ufikile lapha ezweni laseVenda, wayesuka kude kakhulu endaweni yakhona, wafika lo mntwana wayisho lento.
63.Bantwana baseKuphakameni ehluphekile lo mntwana kuhlupheke ngisho umndeni wakubo. Nalapho futhi uNkulunkulu wasebenza ngoba, ngingakamazi uHlaleleni ukuthi umuntu, ingelosi lena. Kodwa kwakungimangaza ukuthi hawu lo muntu uzazi ngani lezi zinto.(Uthi umkhokheli kwakufika kuye intombazane ocabanga ukuthi intombazana nje enesiphiwo, engazi ukuthi kanti ingelosi. Oze wabona muva ukuthi lentombazane eyayifika kuye, ecabanga ukuthi intombazane nje enesiphiwo, kanti yiyo lengelosi, noma ngobuso babengafani).
64.Wathi hhayi, lona umnndeni wakubo wonile wonke, uhluphekile wonke, angeke aze asizakale ngoba uthwele nje icala kuwona wonke. Ngase ngiyambuza yena umfana ukuthi endlini Yakini ayikho yini indlu Yakini enconywana, wathi sonke. Ngathi noma-ke ngomunye nje umuntu wesibongo nje wakini eningazani akekho, wathi lapho nje engizalwa khona sihlupheke sonke. Wayesethi uNkosazana cha, wena nje Mcebo, abekho yini abantu obaziyo balesisibongo noma nje ngayiphi indlela abame kahle. Ngase ngiyavuma ngathi ngiyabazi, bakhona.
65.Wathi uyamazi yini ubaba wakhona, umkhulu wakhona, ukuthi kwakungubani igama, ngathi ngiyamazi. Wathi-ke ubaba, indodana yalomkhulu umfana ongathi baba kuye, ngathi ngiyamazi, igama lakhe ngiyalazi, ngathi ngazi ngisho ukhokho wakhe. Wathi kuhle, kulungile. Wathi mubize lo mfana, kungcono simcelele kuNkulunkulu ukuthi angene kulowa mndeni, aphume laphana kulowamndeni ngoba loya mndeni, lo mndeni lona kuxovekile kuwo, wathi kuyohlupheka kuze kuhlupheke ngisho abazukulu.
66.Bayindlu ehluphekile, ongeke kuqhamuke lutho oluhle kubo, wathi-ke mtsheleke ukuthi afike la ngelinye ilanga, mutsheleke ukuthi kufanele anikele kanjani. Ngisho ukunikela kwakhona kwaba nomehluko omkhulu ngoba kwakufanele ukuthi ngiphume alande abazali bakhe. Uyise wayengekho, hhayi ngoba engasekho, wayezindindela nje eGoli, kweza unina ehamba nabo, wathi uhambe niye ehlane, ufike umemeze uNkulunkulu, ucele, umcelele ukuthi lo mntwana angene kulowo umnndeni. Kwenzeka bantwana baseKuphakameni lokho.
67.Kwathi nje emva kwezinsuku ezithile kwathiwa usethole umsebenzi, kodwa enovalo ngoba wayewuthola umsebenzi uphele. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni wathi ukuba athole lowo msebenzi kwangaphela sikhathi eside base beyamu register, kwakungokokuqala. Uthe esathi ujabulela lokho, kwafika amaphepha, bathi hhayi ikhampani ayisebenzela iminyaka ewu 16 uthi akeze azothatha izimali zakhe, wayengakaze asebenze lapho.
68.Wahlanya weza kimi, wathi manje mina laphana angizange ngisebenze, ngathi vala umlomo wakho, kanti ufunani, ufuna imali noma ufuna ukuhlupheka. Ufunani kanti. Angithi bakubizile, akusiwena othi wasebenza laphayana. Vala umlomo wakho. Wathi manje mhlawumbe ukuboshwa, ngathi kuyoboshwa laba abashilo, awushongo lutho usukelwe wabizwa, ufuna imali wena, ushilo lapha wathi uyahlupheka, thula umlomo wakho ungasho ukuthi akusiwe, shona khona.
Hhawu wafika khona, wamukela watshelwa izinto ezifuneka khona, wahamba wayozilanda, wabuya sathandaza, wahamba, yaphuma imali, wathola itshe lemali, akazange esebenze. Ngoba usefake endlini ebusisekile.
69.Ngathi uma ngicabanga ngathi mina kusho ukuthi ukhona umuntu wakulomuzi owasebenza wangayithatha imali yakhe lapha noma ngayiphi indlela. Ngangizicabangela akushiwongo. Manje useyithatha ngalona ngoba lona usefakwa uShembe la ukuthi nginipha nangu umntwana, noma engowakuleyandlu, ngiyamukhipha, ngimufaka laphaya kini. Konke ukuhlupheka kwakhe, kwasala lapha kulesiya siganga lesiyana, unina owayemuphelezele ukuthi ayonikela khona.
70.Kwasala khona konke, kwaphela akazange aphinde abe ngowakulowa muzi, wase eba ngowalaphayana, wayesehamba ngemoto enjani lo mntwana, yonke nje into yakhe yeza kalula ngoba wayesengene emndenini obusisekile. Kodwa konke lokhu kwenzeka ngenxa yokuthandaza, ngenxa yokumemeza uNkulunkulu, ukunxusa ukuthi uJehova akwenze lokho.
71.Ngithi-ke bangcwele ngeke ngikusho ngikuqede, ngizoqhubeka ngisho ngoba kuyaye kube sengathi njengoba siyibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu, kube engathi nje la izimangaliso uJehova akazenzi, yebo ngangingakafiki la, ngisazokuza nakhona lapho bantwana baseKuphakameni. Ngiseza nalapho ukuthi kwenzekalani ngilapha ukuthi uMoya kaNkulunkulu, ukusebenzela uNkulunkulu, ngachaza ukuthi ngakuzalelwa ukuthi ngibe isisebenzi sakhe.
72.Ngisho abantu ababengabatholi abantwana, ngikhuluma ngabantu hhayi abomakoti, abantu asebangaba ebu-antini, kodwa ngathi uma sengiguqile ngingangentuthwane, ngithi Nkosi wena wawenza umlingo emandulo, u-Isaka wamkhumbula sekugelekile, kodwa wamupha umntwana nalona ungamupha. Amakhosazana ayehleka athi ngidlala ngoBaba ngoba lo mama mudala, kodwa lo mama uNkulunkulu wamunikeza umntwana, wazethwala njengabo bonke abantu. Wamuthola umntwana womfana. Wathi esemutholile umntwana womfana, kwabonakala ukuthi uNkulunkulu uyakwazi ukwenza izinto akagcinanga ku-Isaka.
73.Ngithi nakhona eGoli ukhona unkosikazi ogane kwaDlamini, naye wayengabatholi abantwana, weacelelwa yimi kuShembe, ngangenza yonke imithandazo, ngimucelela ukuthi abe nabantwana, ngamushiya esenabo abantwana abathathu. Ngithi-ke bangcwele asimusebenzeleni uNkulunkulu, ibandla eVenda labakhona ngoba sebebonile ukuthi kanti lelibandla linoNkulunkulu, lifice umuntu ongenawo amathambo, waba nawo amathambo, lafica umuntu ongasebenzi, wasebenza, lafica umuntu ofelwa ngabantwana, wathola abantwana abaphilayo.
74.Ngithi bangcwele, nje, ngithi angikusho lokho ukuthi angisiyena umuntu ofundayo la, ngakuzalelwa ukuthi ngisebenzele uNkulunkulu, umsebenzi wami ukucelela abantu izinto ezinhle. UNKulunkulu wanginikeza lokho. Ngihamba nje ngiya emanzini, ngafike ngafunda okusha ngoba kuqala ngangimemeza uNkulunkulu. Kodwa futhi ngangibuye nakho lokhu esikhuliswe ngakho ukuthemba ukuthi amadlozi akhona, kodwake ngafike kwashintshwa konke emanzini, ngabuyiselwa kuNkulunkulu yedwa. Ngisho ukuthi bangcwele, nabantu abahluphekile, kodwa kuye kube kuhle kuthi noma ngabe uyacela, kodwa ungaceli nje kuphela, kodwa ucele nawe ukuthi umthande uJehova. Ukucele nawe ukuthi nami Nkosi ngicela ukuba ngumntwana wakho.
75.Laba bantu into enhle ngabo, bonke laba ababenzelwa lezi zinto, babevele bewashiye amabandla abo, bathi ayikho lento. Nalo owayesonta kwenye indawo lo owazala ingane enganamathambo, walahla konke walandela UShembe, nalona wesipikili walahla konke walandela uShembe, ngoba esebonile ukuthi nayi indawo. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, ngithi-ke namhlanje, asisebenzeleni uNkulunkulu ngaphandle kokulinda umvuzo esingawuthola izikhundla, ake sifuna izikhundla zasezulwini ukuthi sibe njengeNkosi yaseMaChunwini, yona eyathi ilapha emhlabeni kodwa indlu yayo yehliswe ezulwini yalethwa lapha, kwathiwa niyabona lapho azothi uma efika engene khona. Wayakhelwa lendlu ngoba wazakhela yena, ngokuzibeka phansi nangokuthanda uNkulunkulu nangokulwela uJehova ezweni lakhe ukuthi izwe lakhe alikwazi ukuthi lingalinywa ngeSabatha, alikwazi ukuthi lingasetshenzwa ngeSabatha.
76.Wazenzenzela yena ngokukhuphuka intaba yomhlangano, anaviki ngokuthi mdala nokuthi kunjani, nokushiya ubukhosi ngaphandle uma engena endlini kaNkulunkulu. Azi ukuthi useya eNkosini yamakhosi, useyokhonza iNgonyama, azi ukuthi ethempelini kubusa iNgonyama yezulu.
iNkosi ibusise enikuzwile.