Baningi abantu abazovinjwa ubusoka ukungena ezulwini nabayovinjwa ubuntombi babo, becabange ukuthi bayathandwa, kanti bayalahlwa! Bafuna ukuhamba bebatshazwa umhlaba wonke, kuthiwe lona hhayi ulandelwa ngamantombazane kanti ulandelwa nguSathane!
Intshumayelo yangeSabatha ekuseni mhkaka 21 January 2023: Mfundisikazi uNomcebo Nxumalo Mpanza.
ISIHLABELELO 129.
Umthandazo wesikhonzi senhlupheko uShembe wafika ngesifingo sokusa esegumbini lomthandazo ekuphakameni ngomhla kaJuly 22, 1926.
1 Ungangi libazisi
Wena sitha sami,
Uma uJehova engibiza
Mangisuke ngimlandele.
2 Lihloma lingethwese
Enhliziyweni enecala,
Ithemba lichithiwe
Kumi ivuso lodwa.
3 Akusibona abangathandi
Ukuza kuwe nkosi
Balahlekelwe amathemba
Lwaphela uthando lwabo.
4 Ngingokabani mina
Namhla kuwe Nkosi,
Isazela senhliziyo yami
Singilahlile ebusweni bakho.
1.Ngiphinde ngibabingelele abangcwele, ngiyayikhetha iNkosi yaseKuphakameni. Bantwana baseKuphakameni sesingenile, singene izolo emini eyingcwele, sesiza sizokusho eNkosini enkulu yaseKuphakameni ukuthi njengoba singenile kulemini, singene izolo kusihlwa ekushoneni kwelanga.
2.Sizwile-ke lapha ukuthi uShembe uthi, uyasitshela ukuthi uJehova ufunani kithi. Lolusuku ubeke konke akudingayo uJehova ebandleni lakhe. Isihloko sithi masivule izono phambi kukaJehova. Ngiyakwemukela le nkonzo ngencwadi amahubo 32 ivesi, kusukela ku 5 kuphelele ku 7. AmaHubo 32 verse 5-7.
3.“Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami, ngathi ngizakuvuma izono zami kuJehova, wena wathethelela icala lesono sami, sela.
4.Ngakho-ke ilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe ngesikhathi sokukufumana, impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula, engafinyeleli kuye. Wena uyindawo yami yokucasha, uyangilondoloza ngingahlupheki, ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela” Amein.
5.Ilawo amazwi bantwana baseKuphakameni uNkulunkulu anginike wona ukuthi namuhla ngiguqe ngiwasho phakathi kwenhlangano yakhe naphakathi kwesizwe sakhe, nabantwana bethu belalele bekhona.
6.Uma ngabe kukhona umuntu owathi uma esefikile phambi kwaNkulunkulu, wakhetha ukugodla isono, wangasivuma, ngelinye ilanga bantwana baseKuphakameni ingelosi uma ikhuluma ngesono, iyasichazela ukuthi uma isono singavunyiwe, sizala ezinye ngoba sigoqiwe, sathola ukuthokomala, sahlala.
7.Sizala ezinye, senza ukuthi umuntu onaso ahlale njalo abe semaphutheni, ahlale njalo ezondwa ngabantu kanti uzondwa isono lesi anqaba ukuba asivume phambi kwaNkulunkulu.
8.Sizwa okhulumayo uyachaza ukuthi ngasivuma isono sami phambi kwakho, uthi-ke lona ophendulayo, ngisho sekufika izikhukhula ngeke zikukhukhule ngoba uvumile izono zakho.
9.Bantwana baseKuphakameni singavumi ukuba siphelelwe ngamathemba sesifikile endaweni kaNkulunkulu. Umbuzo omkhulu uthi ngabe wena nami ukuba kwakho lapha kunanhlosoni? Uma ngabe uhlose ukuthi ungene ezulwini phezu kwazo zonke izifundiso ezikhona, ezikuchazela kahle ukuthi ezulwini kungenwa kanjani, ubona ukuthi uzongena kanjani namafindo?
10.Uyazazi ukuthi wake wema endleleni, wake wakhomba abantu ngesibhamu ufuna lokhu owawukufuna kubona kodwa kwakungekhona okwakho. Uyazazi ukuthi wake wangena emzini yabantu bekhiyile waqgekeza wathatha izinto, uyazi ukuthi wake wangena wabakhomba abantu ngesibhamu, bakunikeza yonke into bengakuphi kodwa bevika wena ngoba uphethe isikhali.
11.Emva kokuba uJehova ekuhluphekisile, izinyembezi zabantu ziwela phezu kwakho, kwezinye izindawo ufike ubadubule ubashiye befile, kwezinye izindawo ufike ubadlwengule. Izinyembezi zabantu ziwele emahlombe akho, uma uya embengeni lapho kutholakala khona izibusiso, izinyembezi zabantu zihambe phambi kwakho ngoba kwakhalwa mhlazane kuhamba ubaba wekhaya, ebulawe nguwe!
12.Kodwa sewuthe uJehova uma esekushaya ngenhlupheko, wase ulalela uzwa, kuthiwa awu, likhona ibandla elingapha, impela linaye uNkulunkulu, wase ugijima nawe sewuza, ubona ukuthi lo Nkulunkulu ekuthiwa ukhona, ungakuwe ukuthi wenza kahle wabulala abantu, wenza kahle wadlwengula, wenzakahle ukuthathela abantu izinto zabo, ngenkani ubakhombe ngesibhamu.
13.Namhlanje uNkulunkulu uyasicela ukuthi noma ngabe sinjani isono, kunzima ukuvuma ukuthi wabulala abantu wadlwengula abantu kodwa uma uphendukile ngeqiniso, guqa phambi kwaJehova. Hamba uye kumuntu, obekiwe phambi kwakho, ufike uvume ukuthi ngingakafiki lapha, ngingakamuboni uNkulunkulu, ngenza lokhu, ngenza lokhu, ngangena emzini yabantu ngabakhomba ngezibhamu banginika konke.
14.Ngema lapho okumnyama khona, ngaqhamuka uma sekukhona umuntu, ngamukhuthuza yonke imali. Ithi ingelosi esingavunywanga sizala ezinye, noma sewufika lapho ababusiswa khona abantu, kodwa kukhona ingelosi ekuphikisayo, ethi akangabusiswa lo, wangena emzini wabantu wabulala abantu, bengenze lutho.
15.Wangena wadlwengula isalukwazi, wasithathela umholo waso. Ungamuniki, njengoba ngilapha nje ngizomqalekisa khona lapha embengeni. Noma usuphuma uyosina, usina impela, kubone wonke umhlaba ukuthi uyasina, ifike ingelosi ebusisa abantu abasinayo, ikweqe wena, ifike ikuqalekisa, yonke into yakho iyisono, ngoba kwazilwa ngawe, kwakhalwa, wafa ubaba wekhaya, usuyithathile imali, awubahawukelanga abantwana wabaphuca uyise.
16.Sewufikile-ke lapho kunoNkulunkulu khona, kufanele ukuthi lesi sono usiqaqe ngoba uma usigoqile izakuhamba ihambe ivuke lento yakho. Ngoba uNkulunkulu akasilona ihlathi lokufihla abantu abadlwengula babulala, akalona ihlathi labanatu abaphuca abantu izimali zabo, bebakhombe ngesibhamu.
17.Lo Nkulunkulu esimlandelayo ufuna ubungcwele, lo Nkulunkulu esimlandelayo udinga ukukhonzwa ngeqiniso, lo Nkulunkulu esimlandelayo udinga ukuzidela. Lo Nkulunkulu esimlandelayo udinga umuntu ongenandaba nokuzondwa ngabantu noma ukulahlwa ngumndeni. Silandela uNkulunkulu onjalo ngoba esasiyokuthola emndenini noma kwakungangakanani kodwa uNkulunkulu ufike wasivala sonke leso sikhala, wasinikeza konke esasinganakukuthola emndenini. UNkulunkulu unengubo enkulu engagcwali osigoqa ngayo thina esivumile ukusukuma simlandele. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni isho njalo ingelosi, ithi isono esingavunyangwa siyazala, sizale ezinye.
.
18.Namuhla isihloko sithi masivume izono phambi kwaJehova. Nami ngazivuma zonke, kwasala engazikhohlwa, nazo engazikhohlwa nginikela imihla yonke kuJehova ngithi ezasala ngazikhohlwa, ngiyazivuma phambi kwakho. Ngoba usho njalo uShembe, ekhuluma kodwa ekhuluma ehlabelela, eqinisa thina, efundisa thina ukuthi sibe nalo ulwazi lokuthi le ndlela lena inamatshe, inameva, sazi ukuthi le ndlela esihamba ngayo, indlela esiyinikezwe uNkulunkulu, asiyinikezwanga ngoBabamkhulu. Sayinikwa uNkulunkulu siyithatha ezandleni zoMprofethi wakhe uShembe.
19.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni isono esingazange sivunywe, kodwa sihlala sihlale sizale ezinye izono. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kuyiSabatha lokuphumula, uJehova aphumula ngalo wayesecela ukuthi sonke siphumule, kodwa singagcini ngokuphumula thina, sidumise yena kuphela.
20.Lelibandla bantwana baseKuphakameni, uma uzongena kulo kufanele uze uhlele kahle, uzwe kahle, akufuneki ukuthi uliwele njengempukane ewela obisini, ingazi ukuthi lolubisi ethi iwela kulo, icabanga ukuthi izoliphuza lonke kanti izokufa. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni sifanele ukukhumbula amazwi uMprofethi Wethu asitshele wona ukuthi sizazi izindlela zomkhululi Wethu.
21.Nawo umgidi, kuyadingeka ukuthi abantu bazi ukuthi umgidi uyinkonzo, umgidi ungumthandazo, umgidi uwukudumisa uJehova. Akusikho ukuthi uma ungekho lapha esontweni noma uma uza lapha esontweni uma lapha phandle uhlambuluke uthi emgidini khona kufanele uvunule khona uhambe uyongena nje emgidini, ngoba umgidi umnikazi wawo uJehova, uyena lona ofuna ubungcwele kithi
22.Ngalokhu bangcwele, asizikhulule izinhliziyo zethu sivume phambi kwaNkulunkulu ukuthi sonile, uma ngabe isono sakwenqabela sona, ubobhala incwadi usibhale phansi, uma sikunqabela, usho yonke into owayenza, bese ngezansi ugcina ngokuthi ‘Nkosi ngicela ungithethelele.’ Kodwa konke lokhu ukusho uma wazi ukuthi ngeke usaphinda ukwenza lokho.
23.Abanye bantwana baseKuphakameni, ithi ingelosi abanye bavinjwe izono zabo, noma sekutholwa izibusiso engazitholi, bavinjwe izinyembezi zezingane. Kukhona izinsizwa zomhlaba, umuntu uma eseyinsizwa, abatshazwe kuthiwa uyisoka, bese kuthi lowo angamthandiyo amphike athi akuyena owakhe lowo mntwana, ngoba engafuni yena, noma engamuphikanga, azalwe umntwana engamunaki.
24.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni kukhona lokho, kukhona izingane ezingasahlali emakhaya, zaxoshwa ngoyise, bazixoshela ukuthi yakhulelwa phakathi komuzi. Zihlala ziyantunta, zihamba zihlala ngoba yaphela indawo kuyise nonina, kodwa lo mntwana uma uthi uyambuza ukuthi indawo yakuphelela ngani, uthi yangiphelela ngoba ngase sengikhulelwa. Wawukhulelwa nje ukhuleliswa ngubani? Ngakhuleliswa iNkosana ezalwa umfundisi uzibanibani. Iphi yona? Cha, yona ikhona esontweni futhi isaba nguMshumayeli.
25.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni isihloko sithi masivume izono phambi kwaJehova ukuthi ungaba yikholwa yini, khona uzoba nguMshumayela ozoshumayela ini uma ngabe wenza into ebuhlungu kangaka, iphume ingane kuyise nonina ihambe iyondinda, wena ungene eThempelini, kuze kube khona amehlo akubuka kahle ukuthi ivangeli lingahamba kahle uma ngabe wena unga uMshumayeli.
26.Kodwa ingane yomuntu yaphuma ekhaya, wayidela uyise nonina wathi phuma uhambe la angifuni ukulahlwa nguNkulunkulu ngenxa yakho. Abayinikanga ngisho isihlanu sokugibela, abayazi nokuthi yashonaphi. Kodwa kunoMshumayela abaguqa phambi kwakhe abambiza ngoMshumayela, yena akazange axoshwe, kunokuthi axoshwe wanikwa isikhundla waba uMshumayeli.
27.Naye lo mntwana exoshwa unina, exoshelwa yena, uma engumfana, uyakhula naye, uzogcotshwa uzwe kuthiwa usewuMshumayeli. Yena lo okhulele emgwaqeni, exoshwe unina, exoshelwa yena. Uza bese eba uMshumayeli kusasa. Yena futhi, akasoze yena kubhekeke kuye ukuthi uzaleke kanjani, kodwa unina uyoze afe abizwa ngeNtombi yentethelelo, ebizwa ngePhulaphiko, basho njalo, ebizwa ngeQhasha. Kodwa ingane ayizalayo, iwuMshumayeli ebandleni, le ngane ezalwa ngulona ekuthiwa uyiNtombi yentethelelo, inguMshumayeli inguMvangeli, abanye sebengabafundisi. Kodwa waxoshwa unina phakathi komuzi, kodwa lo muntu owaxoshisa unina, ngisho abazali bayo le ngane, baguqa phambi kwakhe, kuthiwe nguMshumayeli. Asibuzwa isono kuye, kodwa sibuzwa kulona okhohlisiwe, umkhohlisi yena akushiwo lutho kuye, akaxoshwa yena ebandleni, uyangena yena anikwe nesikhundla!
27.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, isihloko sithi asivume izono, sibe ngabantu abaqinisileyo phambi kwaJehova. Umntwana noma ngabe ngowami, noma ngabe ngubani, uma ngabe enze isono, abagcotshiwe ebandleni kufanele bayithathe indawo yabo, bakwazi ukuthi bakhulume okufanele bakukhulume kuye. Kodwa namhlanje akusenjalo kulelibandla, kuthiwa akufuneki uzalwa uMfundisi ubani, lento izomlimaza uMfundisi! Uma elimele kunani, kunani uma elimele ngoba lo mntwana naye ulimaze abanye ngaleyana, kuthiwa izakumlimaza uMfundisi!
28.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni lelibandla ibandla likaJehova, lokhu engihlala ngiba nombuzo, ngisuke ngingenzi wona amahlaya. UNkulunkulu wangithuma ukuthi ngizibheke lezizinto ngizikhulume. Ngisho ukuthi-ke akukwazi ukuthi lezi zinto zingaba ngamahlaya, aziwona amahlaya, kodwa ziwumbuzo ebandleni likaNkulunkulu lonkana, ukuthi kanti kuhamba kanjani ekukholweni. Sono sini lesi esibekwa umuntu okhohlisiwe, bese kuthi okhohlisile yena, aphume phambili angabi nacala? Ziyakhulelwa izingane, uma ingane isinomntwana, esikhathini sanamuhla, bathi abazali bafuna iNkosazana, kodwa iNkosazana ibikhona, abazange basho lutho. Abasho ukuthi hamba uyolobola umntanomuntu owamonisa, owamephuca ubuhlebakhe.
Bathi bafuna isembatho esibuhlaza, kushuthi lontombazane wayengasifuni yini yena isembatho esibuhlaza kumtanakhe? Kuyahamba kuyahamba uyezwa ukuthi hhayi namhlanje kuvalwa umhlangano, abantu bayohlanganiswa, ubone leya Nkosana eyona umtanomuntu waxoshwa ekhaya.
29.Nansiyana isiyinhle phakathi kwabantu, iyohlanganiswa, ihlanganiswa ngabafundisi, ababuzi lutho, uma idlula lapho uzwa kuthiwa seyinguMshumayeli ethempelini elithile. Kodwa intombazane yona ayikho kubo, intombazane yona yashawa ngenguzunga yetshe, ngisho ukuthi umntwana udlani, akazange abe khona, ngisho abazali bayo iNkosana, abakaze bazihluphe balandele lo ntombazane ukuthi usukuphi njengoba wawulahlekile, hlalela nje la eduzane ukuze sikwazi ukukubona nomntwana, cha bathi bafuna iNkosazana.
30.Ngelinye ilanga uJehova uyokukwenza ukuthi eseyotholile iNkosazana, kwabanye kwenzeka, uNkulunkulu ahluthulele esizalweni sayo, aqede izwe njenge dradi efuna abodokotela, abathe uthatha omunye, afike naye ingene le ngidi ihluthulele ukuthi ufuna abanjani abantwana izibulo lakho walilahla?
31.Ufuna abanjani? Ubani lona owayethe ufuna ukuzalelwa nguwe, njengoba nje useyasuka laphana, useya kwenye indawo, akabuzwa muntu, kodwa ibandla ngelikaThixo, ibandla ngelikaJehova ofuna ubungcwele, obufuna kubo bonke abantu.
32.Baningi abantu abazovinjwa ubusoka ukungena ezulwini nabayovinjwa ubuntombi babo, becabange ukuthi bayathandwa, kanti bayalahlwa! Bafuna ukuhamba bebatshazwa umhlaba wonke, kuthiwe lona hhayi ulandelwa ngamantombazane kanti ulandelwa nguSathane! Ulandelelwani ngamantombazane ungalandelwa amakhosikazi akho, ungalandelwa inkosikazi yakho?
33.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni lelibandla lakhelwe ukuthi livuse umthetho owawufike noShembe ewuthatha kuJehova. Lelibandla kufuneka lingakwenzi lokho ukuthi uma umuntu enza icala phakathi enkonzweni bese kuxoshwa lo okhohlisiwe, bese uyongiwa lo okhohlisile. Kufanele ukuthi kudingiswe lona okhohlisile, uyena lo okufanele ukuthi aboshowe.
34.Noma ngabe uzalwa ngumfundisi noma ngabe ngubani, akakujezele lokho, abe nayo incabhayi eshoyo ukuthi wona endlini kaJehova. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni umbuzo engivame ukuwubuza, engivame ukuba nawo wokuthi njengoba abantwana abangamakhosazana uma ngabe sebephule umthetho noma ngabe abathole abantwana, bayaphucwa isambatho sobukhosi babo, kuthiwa abasuke laphayana.
35.Umbuzo wami uthi kunganjani uma ngabe amakhosana wona esukile lapho ahlala khona, noma ngabeke sebethethelelwe, luphi uphawu lwensizwa ephule umthetho kaNkulunkulu? Okunyeke futhi engivame ukukukhuluma ilokhu, kunenkulumo evame ukukhulunywa izinsizwa zakulelibandla, kuvame ukuba yizo lezi ezona abantwana babantu zibashiye, izo lezi ebese zithi azimfuni umuntu ozele, zifuna iNkosazana. Ungabe usazi ukuthi kanti zazizalela bani kulowana!
36.Ngithi uma ngabe lelibandla bekuseyibandla likaNkulunkulu lonke, bekufanele ukuthi iNkosana ingavunyelwa ukuthi icele uma yone umtanomuntu. Kufanele ukuthi ishovelwe laphayana ukuthi ayilungise laphana eyaqala khona, ngoba yala ukuba iNkosana ethembekile, yafuna ukuba inkosana ezethemba yona. Noma ngabe esemthathile luyafuneka uphawu lwakhe, akube nomehluko phakathi kwezinsizwa ezaziphatha kahle, ngake ngakusho ngathi kuyaye kube ngathi uShembe wayekhuluma namakhosazana, engathi izinsizwa zona wayengakhulumi nazo.
37.Ngoba kukhona lokhu kukhohlisana ukuthi bona abanaso isono noma sebenze lokhu, laba abanophawu ngisho sebethole abantwana kuthiwe abashuqule ngoba sebengomama bezingane, kodwa ayikho iNkosana enophawu lokuthi isiwubaba wengane ngaphandle komshado, ayikho! Kwenziwa yini, ngibuza nje ebandleni lonke lamaNazaretha ukuthi kwenziwa yini lungaba khona uphawu lwenkosana ephule umthetho kaNkulunkulu, bese athi ufuna intombi nto, athi ufuna iNkosazana, kodwa yena akaseyona insizwa ephelele?
Lento engivame ukuyikhuluma ukuthi uma ngiwumama ngizele iNkosazana yami, ngiyibhekile, izigcinile ngaphambi kwaJehova, ngabe kungangithokozisa yini ukuthi ithathwe iNkosana engaphelele? Uma ngabe umuntu owumama engaphelele, uyise ukhuluma esigcawini, atshele bonke abantu abakhona emshadweni ukuthi umntwana wakhe akasaphelele, unomntwana.
38.Baphi ababika iNkosana uma ishada ukuthi nayo beyingaseyona iNkosana ephelele, inomntwana enayo nomntanomuntu, baphi abayithulayo esigcawini? Lokhu kwenza ukuthi ihlalisuthi igijime ngamandla iphuce amakhosazana ubuntombi bayo ngoba yona ayijeziswa, ayinambala! Ngathi-ke ngiyacela kuNkulunkulu ukuthi ake asinikeze uphawu ukuthi insizwa engahambanga kahle, ayenze lokhu esengikubalile, njengoba nalabantwana benophawu nabanabantwana banophawu, alube khona!
39.Ngaze ngafanisa ngathi ngokubuka kwami bekungakuhle nje ukuthi insizwa eyeqa umthetho ka23, nayo imbathe umnazaretha onomkhono ongalingani, ochazela abantu ukuthi cha, akasalingani naye, useyaxhuga. Abantwana bethu bakhula phansi kokwazi ukuthi bona ngoba bangabafana abanalo icala, icala lisemantombazaneni, hhayi bona!
40.Alube khona uphawu labantu abaphula umthetho kaJehova ukuthi yebo baxolelwa, kodwa naba uma ubafuna, nalu uhlu lwabo, ngoba nathi sinabo naba ngale ngemuva. Kodwa laba bona okuyibona abakhohlise laba bantu abaxoshwe ngapha, bona abenziwa lutho, bahlala nomaphi, bafana nabo bonke abantu, alube khona uphawu!
41.Noma usuthethelelwe kodwa iba nalo uphawu lokuthi wake waduka phambi kobuso bakhe, bathi-ke kushiwo emantombazaneni, kushiwo emakhosazaneni. Kodwa uShembe wayengasho kuwo wodwa.
Isihlabelelo 45.
3 Wentombi yaseNazaretha
Mawu khale umpompoze
Ngehlazo elikwehleyo
Ezweni lakini.
Chorus: Zizwe lalani uzulu ezwakale
Phambi ko Msindisi.
4 Wensizwa yaseNazaretha
Nawe khala umpompoze,
Ngehlazo elikwehlelayo
Wena nsizwa kaShaka.
Chorus: Zizwe lalani uzulu ezwakale
Phambi ko Msindisi.
42.Ngiyabonga bangcwele, usho njalo-ke, usho njalo uShembe, uthi nsizwa yaseNazaretha nawe khala, uthi khala nawe umpompoze ngehlazo elikwehleleyo nsizwa kaShaka.Wayesho liphi ihlazo elikwehlele uma ngabe kuwe kungesona isono ukuthi wona ingane yomuntu, ebese uyibalekela usuyoshada enye. Noma bangakhohlisa labo abazomela uSathane abafuna ukuthi umthetho kaNkulunkulu ugqitshwe izono, abathi akanandaba, uShembe wayengakhulumi nabo ekhuluma namakhosazana, kodwa lesi sihlabelelo, nawe nsizwa yomNazaretha, ufike usifunde njengebhayibheli ekhaya, ufike umlalele kahle ukuthi uShembe uthini, akashongo ukuthi jabula, wathi khala umpompoze ngoba sewehlelwe ihlazo wensizwa kaShaka.
43.Kwakuyiliphi lelihlazo owayethi uShembe owayethi izinsizwa zilikhalele uma ngabe zona zingafanele ukuba nophawu. Wayethi azikhaleleni zimpompoze, wayechaza ukuthi kuyihlazo ukuhamba unikela ngobunsizwa bakho.
Abanye-ke abasenzi isono nezingane zasesontweni, umuntu uqala abe iNazaretha ngeSabatha kodwa phakathi neviki akaselona iNazaretha sekuyinsizwa yezwe. Ngeke ngivume mina umtanami ashade nensizwa eyalahla ubunsizwa bayo phakathi kwezihlahla nase matragini lapho eyayihamba phambi kwami ifohla khona, ingezi phambi kwami, uyise angazi ukuzoyivumela ukuthi cha, akaseyona insizwa ephelele!
44.Ngithathe ingane yami eyazigcine, yazigcina, ngiyikhulisela insizwa eyesaba uNkulunkulu, insizwa egcine ubunsizwa bayo, ibugcinele umuntu eyomnikwa uJehova. Hhayi insizwa enobunsizwa ehamba ibuphethe ngezandla ukuthi kugijime noma bani eze kuyo. Yake yasho ingelosi yathi ubozifuna mNazaretha uma usuwumuntu olandelwa amantombazane omhlaba, ucabanga ukuthi uyathandwa, lokho kusho ukuthi uJehova ukufulathele, akasekho kuwe.
45.Umuntu oyiNazaretha udula kabi, udula kabi umuntu oyiNazaretha, akayena ushibhi layini ongalandelwa inoma isiphi isiwengu uma ngabe egcina umthetho kaNkulunkulu. Kodwa namhlanje amaNazaretha ayatshelwa, bese kuba khona lezi zinto koma Whatsapp, kukhona abangaganiwe, kodwa baganiwe lapha ku Whatsapp useonomuntu nje osewamugana abakhuluma naye lapha. Ngithi-ke bangcwele, sithi isihloko masivume izono phambi kwaJehova. Kuthiwa ngisho ukudla esikudlayo, uma siyisizwe sikaNkulunkulu kufanele sikubhekisise ukudla esikudlayo. Kodwa uma ungase uye emsebenzini la ekusebenza khona, badla izikhaftini, basherelana izikhaftini nabantu abangakholwa.
46.Intombazane eshwebheza ngamabhulukwe, bazodla nayo, ngeSabatha babe inhlalisuthi kaNkulunkulu. Uthi uShembe balekani zidindi uyeza uJehova. Ngithi-ke bangcwele ake libe khona iqiniso! Washo njalo uMfundisi uMchunu wathi ayisekho into esizoyikhuluma, uma uthi uyasho ukuthi hhayi bo la kulelibandla leli ayenziwa lento, uShembe wathi, wathi, kuvele kuqubuke uMfundisi wasesihogweni alwe nawe, athi kufanele ukuthi ukhumbule into owayizela la, uyekele ukubheka izinto zabantu, ukhumbule into eyakuletha la, uthi sekuqubuka nabafundisi ababoshwe esihogweni abafuna ukuba nebandla la abakhona.
47.Ngike ngakhuluma-ke ngeviki eliphelile ngisho ngathi njengoba singomama nathi, angilwi nazo izinsizwa, ngikhuluma nabantwana bethu, ngoba sinazo izinsizwa, ukuthi azingahawukeli lutho lomhlaba, zingahawukeli kulaba abona izingane zabantu bese beyagcotshwa, babe ngabagcotshwa! Kodwa bagcotshelwa phakathi kwechili nezinyembezi, ingane yabantu seyaze yaphuza utshwala ngoba yalahlwa uyise nonina, wathi phuma uphele lapha!
48.Abazange abazali bengane bathi woza ngapha ngoba phela bayazi ukuthi ingane yabo eyenze lento, abazange bake basho. Kwenye indawo uMfundisi noMkhokheli. UMkhokheli ujulile, ubaba wakwakhe uyafuna ukuthi kwakhe ufuna kungene intombi yenansuka ebuhlaza. Loya baba wayengayithandile yini kumntwana wakhe, emfundisile, emkhulisile ukuthi eziphathe kanjani, wayefundisela lomtanami?
49.Ngithi-ke bangcwele uNkulunkulu akasenze sibe neqiniso phambi kwababa wakhe, abantu bangenzi amacala bathi babengazi, ngoba ngabe asikho lapha phambi kwenu uma ngabe uNkulunkulu wayengafuni ukuthi kuxwayiswe abantu! Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ibuhlungu indaba yomama othi ufuna inkosazana kwakhe, kodwa emzini wabantu wabathumelela ngengane zikhona izingane zakulomuzi.
Kodwa naye lo mntwana, ngiyakuphinda lokho, uzothi uma esekhulile ebe inhlalisuthi ngoba into nento iyazi kwakhe, kuyakuhamba ahambe abuyele kuNkulunkulu ngoba wayevele ezalwa ngamaNazaretha.
50.Uyothi uma efika nje ahlabelele kahle, asine kahle kuthiwe usenguMshumayeli yena lo onoyisa owamulahla khona la, aphathe abantu. Kodwa unina kuthiwa akangangeni kwezinye izindawo, kuthiwa akahlambulukanga, kuthiwa akafuneki ngisho esidlweni.
Kodwa le Nkosana iyangena yona esidlweni, yagcotchwa yona yaba nguMshumayeli, iyangena esidlweni iyasina iNkosana leyo, unina useze waqhotsha nomNazaratha wamantombazane.
51.Akayi esidlweni, akavunuli esinele uNkulunkulu, uboshelwe lo mntwana, lo osenguMshumayeli wabo phakathi ethempelini. Ngithi-ke bangcwele engathi uJehova engasikhumbula, amaqiniso angashabalali noma singasekho, ngikhulumela ukuthi uma sisaphila, uma umuntu eyokwenza lento, kufanele uphawu. Ngakhuluma ngesihluthu, ngathi isihluthu ukube akusisona esikaJehova, kufanele bagundiswe nje babe idlokolo nje nangapha eceleni, babonwe izwe lonke uma bengena ukuthi hhayi nabake laba, lonake unomntwana, njengoba umbona njena waphula umthetho, wadelela umnumzane emzini wakhe.
52.Wangena esibayeni wakhipha inkonyane wahamba nalo, manje-ke isihluthu ngesikaJehova, ngithi-ke asibe nomkhono ongalingani, ukuze kuzobonakala, nomuntu abone ukuthi umntwana wakhe ucelwe umuntu ongasaphelele. Musani ukufuna okuphelele nani ningaphelele phambi kwaNkulunkulu, kuze kuthiwe ebandleni esisuka kulo, eBuhleni, kuthiwe iNkosana uma iganwe umuntu obengaseyona iNkosazana, kufanele ebese iyahlambuluka iyofuna inkosazana.
53.Ihlambulukani ngoba yona ingcolile, ingcolile yona ngokuthi yona yatholisa umuntu umntwana yangaba isamthatha, ihlambuluka nini? Kanti khona umuntu uhlanjululwa umuntu yini? Akahlambuluki yena ngokuziphatha kahle azicwecwe ezintweni ezingafunwa uJehova, uhlambuluka kanjani? Noma ungawathatha amakhosikazi abe mane. Ngelinye ilanga omunye uyobeletha, ngelinye ilanga lona omunye uyagula, ngelinye ilanga nalona omunye naye uyagula, bagule kanye kanye. Ngelinye ilanga mhlawumbe laba ababili banabantwana. Iphi inhlambuluko, iphi inhlambuluko ngoba uyaziphekela, bane uyaziphekela, bonke abahlambulukile!
54.Umuntu uhlanjululwa inhliziyo yakhe egcina umthetho kaNkulunkulu, akahlanjululwa isinkwa. Kungamanga nje aluhlaza ukuthi umuntu uyahlambulula… kuthiwe akuyohlambuluka inkosana ngoba ithathe umuntu onomntwana. Kunani uma ithathe umntwana enomntwana ngoba nayo yamthola. Ingani intombazane nayo igane le kwathiwa yeza nomntwana kungowakhe, kunani, kunani, kuze kuthiwe akayohlambuluka nje, ubekade waba ngcwele nini. Ngithi-ke bangcwele engathi uNkulunkulu waseKuphakameni engabakhumbula abantwana bethu. Kubuhlungu ukubona umuntu owakuhlukanisa nabazali bakho bephila, umbone esechotshozolelwa ibandla kuthiwe umshumayeli.
55.Kodwa wena awukho endlini kayihlo, waxoshwa, usewuze uphuza ngisho utshwala ngoba awuseyilutho, kodwa umuntu owenza lento usenguMshumayeli wabazali bakho. Ngisho kuthiwa kukhonani, ekhaya kini nje ungena ngokukhulu ukukhululeka, kuthiwe abanalo ilungelo uMshumayeli, azokwenza uVukanathi, uzowenza lapho adelela khona, kuthiwake uMshumayeli, angazi ukuthi ubebekelwani, uma eba uMshumayeli leya ntombazane ingebe ngani yona uMkhokheli ngoba phela kushuthi abanasono bobabili.
56.Bedlule lapho bengcolile benjalo abantwana, kuthiwe bangcolile ngoba baphule umthetho, bazalele emzini yoyise. Uma sekumenyezwa umnikelo, akekho namunye ophakama asho ukuthi lamantombazane awanganikeli la ngoba awahlambulukile. Uyathathwa umnikelo wabo, nezipho zabo ziyathathwa, kodwa uma sekuyiwa esidlweni kuthiwa akufanele bangene ngoba abahlambulukile, kodwa ethempelini bangenelani bengahlambulukile, ngoba umuntu ongahlambulukile akangeni ethempelini, bangenelani ethempelini bengahlambulukile?
57.Bancishwa umgidi, bancishwe isidlo, bancishwa ngabantu, kodwa bahlulekile ukubhekana nenhlalisuthi ukuthi bakhulume nayo ukuthi ayihlukane nokonisa abantwana, ayihlukane nokukhohlisa amakhosazana. Yathola umntwana seyifuna enganamntwana, ubani lona owayethe yena akanamntwana, akamtholele umntwana yena ebese ehambake laphana.
58.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, bengivula isango lokuthi noma ngabe wawungakafiki lapha, kodwa vuma isono sakho, noma ngabe leyontombazane yangasilo iNazaretha kodwa wayiziswa ubuhlungu. Yangaba isaba yinhle, abanye bavele bengayifundisi nesikole, athi angeke ngifundise umuntu osewumama, kodwa ubaba yena uyamuqhubekisa owakhe umntwana amfundise. Kodwa laba bona bayaxoshwa abanye baphucwe nelungelo lokufunda, bakhishwe nasesontweni bahlukunyezwe baxoshwe emakhaya abazalwa kuwo.
59.Engathi iNkosi yaseKuphakameni ingasizwa, engathi lungavela uphawu lwezinsizw. Engigcina ngakho ngithi ngiyiphonsela inselelo inhlalisuthi ehamba ifakaza ithi ifuna inansuka ebuhlaza, ifuna intombi nto, kodwa izalwa umuntu naye oganile ongaseyona intombi nto, yona yazalisa umuntu. Lowo muntu le phambili bathi weza nomntwana kodwa yena ufuna ukuthi athole okuhle emva kokuba esecekele phansi omunye umuntu.
60.Uma umthetho ukhona, umuntu owenze lokho akangavunyelwa ukuba acele emakhosazaneni, akacele kulaba abangasaphelele, uma esefuna enye inkosikazi noma ngabe kuyavumeka noma ngabeke usevufuna ukuganwa, akanqatshelwe ngapha emakhosazaneni, aye ngale kwabanjengaye.
INkosi ibusise enikuzwile.