Skip to content

USHEMBE UNGUMLILO

“Kuhle uma umuntu ethanda ukusebenzela uNkulunkulu, anxanele isiphiwo esivela eNkosini. Umuntu oshumayela eqhutshwa umoya weNkosi akawasweli amazwi; futhi amazwi akhe ayangena ezinhlizinyweni zabantu.( Bheka uJohane 20:20).

Uthi uJesu ‘hlolani imibhalo’. (Bheka incwadi uJohane 5:38 noMathewu 5:16-20). Mina ngiyakholwa kakhulu amazwi eBhayibheli. “Ngiyakholwa futhi ukuthi uJesu waba ngenyama emhlabeni njengomuntu, kodwa engokaNkulunkulu. Nguye oyisisekelo semisebenzi engiyiphetheyo ngoba mina ngisesenyameni njengayo iNdodana kaNkulunkulu engingufakazi wayo. (Inkulumo kaMprofethi Isaiah Shembe)

21 January 2022.
ISIHLABELELO 75
 
1 Nkosi nika izindlebe zethu
Ukuzwa izwi lakho,
Sibambe singayeki imiyalo yakho
Noma sibamba liphunyuka
Masingayeki.
 
2 Ngokuba ludondolo lohle
Imiyalo yakho,
Lubanika ithemba abaluphetheyo
Sibambe singayeki ngethemba.
 
1.Isihloko salenkonzo sithi USHEMBE UNGUMLILO.
Kuyintshumayelo yasekuseni oKhozini sinikeze ubufakazi ngokweBhayibheli ukuthi amaJuda kwakuyisizwe esimnyama. NoYeshua, okwakungumprofethi omnyama, wasifakazela ukuthi laba abathi bangamaJuda bakhuluma ilumbo!
 
2.Akesithi-ke amaJuda kwakuyisizwe esimhlophe, kodwa kukhona amaqiniso esingenke sikwazi ukuwashintsha! Asikwazi ukukushintsha ukuthi uJehova wehlela esizweni samaHebheru, okungamaJuda, kungakhathalekile noma amaJuda ayemhlophe noma ayemnyama!
 
3.Ngakho-ke inkolo yeqiniso yehlela kubantwana bakwa-Israel entabeni yaseSnayi, noma ngabe babengaba mhlophe noma babengaba mnyama, kodwa inkolo yasezulwini yehlela kubantwana bakwa Israel!
 
4.Iqiniso lomlando ukuthi ngo 70 A.D, isizwe samaRoma sanqoba isizwe samaJuda! Emva kokunqoba amaJuda, amaRoma ayiqeda inkolo yamaJuda, okuyinkolo kaJehova, aqeda nomlando kaYeshua njengoMprofethi wokugcina enkolweni kaJehova, noJehova bamchitha enkolweni yabo entsha! Esikhundleni salokho base beqhamuka noMesaya abazakhele bona, kodwa ongakaze abe khona! Ababhali abaningi abamhlophe bayakuqinisa ukuthi igama lokuthi Iesus, okwagcina sekungu Jesus lavela inkolo yabezizwe seyabakhona kudala!
 
5.No Dr Koster encwadini yakhe, yize engumKrestu walapha eSouth Afrika, uyavumelana nabanye ababhali ukuthi igama lika “Jesus”, alikaze libe isihumusho sika Yeshua, esizweni sakhe owalokhu waba nguYeshua kuze kube namuhla! UYeshua owayengumHebheru, waba nguYeshua kusukela ezalwa, nanamuhla amaJuda ambiza ngokuthi uYeshua!
 
6.Noma uDr Koster engasho ukuthi amaJuda ngabantu abamnyama, vele lokho esingakulindeli koMhlophe waseSouth Afrika, kodwa ezincwadini zakhe uyakuqinisa ukuthi lenkolo esiyilandelayo akusiyona inkolo kaJehova eyayilandelwa nguYeshua! Kodwa silandela inkolo yesizwe samaRoma, njengoba noJerome esifakazela emibhalweni yakhe! Nizwile ekuseni uJerome echaza ngenkolo yamaRoma ukuthi INKOLO YABO ENTSHA! Yikhoke incwadi ka Dr Koster ithi COME OUT OF HER MY PEOPLE. U “her” umele iBhabhiloni! UDr Koster, ongumKrestu, uthi noma singamaKrestu ngegama kodwa asiphume enkolweni yaseBhabiloni ekhonza oBhali, samukele inkolo yoMsindisi wethu, sibuyele egameni okuyilo likaMesaya, okungu Yeshua!
 
7.Abamhlophe abaningi sebayichitha lenkolo yaseBhabhiloni, base bemukela i-Islam ngokuthi noma i-Islam kuyinkolo yama-Arab, kodwa iyinkolo evela ezulwini, eyalethwa nguMprofethi kaJehova emhlabeni! Ilokho okubalulekile, asiyichithi inkolo yabezizwe ngokuthi ingeyabezizwe, siyichitha ngoba iyinkolo eyakhiwe ngabantu, enganamprofethi kaJehova, kodwa i-Islam inkolo eyavela ezulwini, eyavela noMprofethi kaJehova!
 
8.Ucwaningo lwenzenkolo emhlabeni wonke lubonisa ukuthi lenkolo yabezizwe iyancipha kakhulu kwabamhlophe, ngisho eBritain imbala, kodwa esikhundleni sayo kukhula i-Islam, okuyinkolo ekhonza uJehova! Abantu abahlakaniphile abakwazi ukushiya inkolo kaJehova bathathe inkolo ekhonza imithi namatshe! Ngenxa yokuthi abamhlophe bayafunda, sebeyazi ukuthi inkolo yabezizwe iyinkolo yaseBhabhiloni engakhonzi uNkulunkulu ophilayo, kanti i-Islam inkolo kaJehova okumele ilandelwe nanoma ngubani ofuna ukukholwa kweqiniso!
 
9.Thina asikhulumi nge-Islam ngoba kukhona okungaqondile kuyo, kodwa okuliqiniso ukuthi kulesi sizwe sakithi, emva kwaMahomed, uJehova wathuma uShembe! Abantu abasasele kulenkolo yaseBhabhiloni abantu abamnyama, nako-Amerika yibo abasanamathele kulenkolo. Kuyishwa-ke ukuthi abantu okuyibona okumele ngabe bathuka kuqaqla uma bethola amaqiniso ngalenkolo, kodwa yibo abasabambelele kuyo ngaphezu kwezizwe ezimhlophe!
 
10.Isizwe esimnyama, ngokunganaki, siye sikhohliseke uma kuthiwa uYeshua noJesu umuntu oyedwa, yize lokho kungayilo neze iqiniso! UYeshua owayeliJuda nowayengaphansi kwenkolo kaMose, namuhla esibizwa ngeJudaism, wayenguMprofethi, enguMesaya, okusho ukuthi wayengumgcotshwa kaNkulunkulu!
 
11.Kodwa enkolweni yabezizwe uJesu akasiye uMprofethi, ungunkulunkulu indodana, kodwa hhayi iNdodana kaJehova, ngoba uJehova uchithiwe enkolweni yabezizwe! Uyise enkolweni yabezizwe akasho uJehova, noma namuhla sekuyaye kube sengathi kunjalo, bese sikhohliseka kalula, yize sibona ukuthi uJehova akakho ku New Testament!
 
12.Njengokuchaza kuka Dr Koster, kufanele thina njengama Messianics, (okusho abalandeli bakaYeshua), siphume enkolweni yendodana kankulunkulu waseBhabhiloni, sibuyele enkolweni yeNdodana kaNkulunkulu uJehova! Ngijwayele ukusho ukuthi sifundiswa iphutha uma kuthiwa abafundi bakaYeshua abaphuma eJerusalema beyoshumayela, laba bafundi babeyoshumayela ngobuKrestu! Kuyi-Introduction ye COMPLETE JEWISH STUDY BIBLE kunalombhalo othi: “A major purpose of the Book of Acts is to prove that Gentiles can become Messianics without converting to Judaism. It is ironic that today popular opinion requires a reverse application of the book of Acts, to show that Jews can become Messianics without converting to what has become identified as an alien religion, Christianity.”
 
13.Ngokuhumusha, leliBhayibheli lamaJuda lithi: “Inhloso yencwadi yeZenzo kwakungukuthi abezizwe bashunyayezwe ukuze belandele inkolo kaMose ngaphansi kwaYeshua, yize bengesiwo amaJuda. Kodwa osekuphambana ukuthi manje izinto azisenjalo, sekuthiwa incwadi yeZenzo iyincwadi eshumayeza amaJuda ukuba athathe inkolo yabezizwe, noma lenkolo ingaziwa kumaJuda, okuyi Christianity!”
 
14.Okwenzeka ukuthi kwathi uma abezizwe sebesinqobile, bachitha nenkolo yethu, nomlando wabe usuyashintshwa! Abafundi bakaYeshua abaphuma eJerusalema babeyo shumayeza abezizwe ngenkolo kaMose, Kodwa safundiswa ukuthi baphuma eJerusalema bengama Krestu, beyoshumayeza abezizwe, osekungamaJuda! NoPaul owashawa umbani ezingela amaNazaretha, sekuthiwa washawa ngumbani eyozingela amaKrestu! Asisazibuzi ukuthi amaKrestu aya nini eJerusalema, ngoba ikomkhulu lamaKrestu kuseRome?
 
15.U-Paul wayenguMfarisi ezingela amaNazaretha, okwakuyibandla likaYeshua, kodwa sifundiswe ukuthi wayezingela amaKrestu! Nabafundi abakaYeshua abaphuma eJerusalema beyofundisa ngenkolo kaMose njengoba yayishunyayelwa uYeshua, asisafundiswa lokho, sesifundiswa ukuthi baphuma eJerusalema bengamaKrestu beyoshumayeza abezizwe. Abezizwe kwaphenduka kwaba yithi, abezizwe kwaphenduka kwaba amaJuda! Ayikho into ebuhlungu njengokuhlulwa! Kodwa sazenza, njengoba namanje sisaqhubeka nokuhlubuka uJehova, sikhonza unkulunkulu wemithi namatshe, asizwa noma sesitshelwa! Ungathi kuyishwa ukuba yisizwe esimnyama, isizwe esikhetha ukuba sibe zigqila zabezizwe kunokuba sibuyele kuNkulunkulu waso!
 
16.Emva kwempi yango 70 A.D, amaNazaretha akabanga esakwazi ukuqhuba ivangeli likaYeshua, ngoba iningi lawo labulawa. Njengokuchaza kwaProfesa Rudolf, amaJuda amaningi enziwa izigqila ngamaRoma, amanye abalekela e-West Afrika, kanti amanye eza eSouthern Afrika. NgamaJuda abalekela e-Southern Afrika, amaBantu, avikeleka ekuthunjweni! Ithina kuphela esingamaJuda la e-South Africa esingazange satholwa ukuthunjwa ngabezizwe. Kodwa lamaJuda abalekela e-West Africa, amaNegro, athunjwa izo zonke izizwe zomhlaba.
 
17.Kuyi-Zenzo 11:25 eBHayibhelini lamaJuda kuthi: It was in antiock that the tilmadim for the first time were called Messianics!” Igama Messianics, elisho abalandeli bakaYeshua, oJerome balihumushela kuyisiGriki, njengoba uMesaya bathi uKresto, noMessianics base bethi: “i-Christianity.” Ngokuhumusha uMessianics esiwe esiGrikini, kuthiwe “i-Christianity,” base bethi, “Hewa, abafundi bakaYeshua kwasekuqaleni babebizwa ngokuthi ngamaKrestu” Kodwa abafundi bakaYeshua, abasebebizwa ngabaPostoli, nalo okuligama lesiGriki, akaze babe ngamaKrestu, bafa bonke ubuKrestu obasungulwa eminyakeni yo 125 A.D, kungakabi bikho. UYeshua wafa eminyakeni ka 36-40 A.D. emva kwakhe abafundi bakhe base beshumayela ivangeli lakhe kwabezizwe. Kodwa emva kwempi ka 70 A.D, aliqhubekanga ivangeli likaYeshua!
 
18.Bahumusha igama labalandeli bakaYeshua ababebizwa ngesiHebheru ukuthi i-Messianics, base belifaka kwisi Greek sebethi i-Christianity. Ngoba igama elithi Mesaya ngesiHebheru balishintsha base bethi Kresto. Base bethi-ke uma sebefunda Izenzo 11 verse 25 bathi “kwaqala e-Antoich ukuthi abafundi bakaYeshua kuthiwa amaKrestu” Kodwa okuseqinisweni amaJuda athi kubafundi bakaYeshua ama Messianics ngoba ubuKrestu babungekho ngaleso sikhathi, nabaPostoli bafa kungakabi bikho ubuKrestu! Sakhohliswa sibhekile, ngoba asifuni ukufunda, sivele samukela noma yini esiyitshelwa ngabezizwe!
 
19.Imfundiso-nkolo yobuNazaretha bukaShembe yakhelwe phezu kwemfundIiso-nkolo yobuNazaretha bukaYeshua, lobu uJerome ezincwadini zakhe okubiza ngobuJuda! Nizwile enkonzweni yasekuseni ukuthi uJerome ubelwa namaNazaretha ukuthi engayifundi i-Old Testament, bengenzi lutho olubahlanganisa namaJuda. UJerome simcaphuna enkonzweni yasoKhozini ethi amaNazaretha akumele azihlanganise nanoma yini eseBhayibhelini Elidala, kodwa kumele alandele INKOLO ENTSHA YESIZWE SAMAROMA! AmaNazaretha ilamakholwa ayebulawa kakhulu, nagcina esebizwa ngokuthi ngama-Early Christians ngoba kucishwa igama lokuthi ngamaNazaretha! Okuseqinisweni emlandweni wobuKrestu asitshelwa lutho ngokuthi ngo 70 A.D, amaRoma abulala izigidi zamaJuda, aqeda nenkolo yabo. Lawo maqiniso uwathola kubabhali bomlando abazimele kuphela!
 
20.NoShembe ke walandela isisekelo senkolo kaYeshua, okungukugcina umthetho kaMose! Okufanele sikuqonde ngoShembe noYeshua, ukuthi uShembe wachaza ubudlelwane bakhe noYeshua njengoMprofethi kaJehova, njengoba noShembe enguye, hhayi njengo Jesu ochazwa enkolweni yabezizwe ngokuthi uyingxenye yesibili sikankulunkulu omthathu emunye!
 
21.Enkonzweni edlule ngikuvezile ukuthi uShembe iBhayibheli wayelazi lonke ngekhanda njengama Moslems azi iKuran! Lapha ngiveze kancane ukuthi uShembe wayekwenza kanjani ukuthi ethi eshumayela ebe ecaphuna eBhayibhelini. Mhla uShembe efakaza ngokuthunywa kwakhe nguJehova njengoYeshua, simuzwa ethi: “Nanamuhla umoya kaNkulunkulu usasebenza kimi, kuLowo owaphimisela ngezwi bengamazi abaningi. Ofakazayo ukuthi kufanele abantu babhajadiswe emanzini. UJesu esebhajadisiwe esemi khona emanzini laphimisela izwi lathi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo”.(Bheka incwadi kaMathewu 3:16-17).
 
22.Lapha ngitshengisa ukuthi uShembe kwakwenzeka kanjani ethi ekhuluma ebe ecaphuna amavesi njengoba enjalo ebhayibhelini. Uyaqhubeka uShembe uthi: “Kuhle uma umuntu ethanda ukusebenzela uNkulunkulu, anxanele isiphiwo esivela eNkosini. Umuntu oshumayela eqhutshwa umoya weNkosi akawasweli amazwi; futhi amazwi akhe ayangena ezinhlizinyweni zabantu.( Bheka uJohane 20:20).
 
23.Uthi uJesu ‘hlolani imibhalo’. Bheka incwadi uJohane 5:38 noMathewu 5:16-20. Mina ngiyakholwa kakhulu amazwi eBhayibheli. “Ngiyakholwa futhi ukuthi uJesu waba ngenyama emhlabeni njengomuntu, kodwa engokaNkulunkulu. Nguye oyisisekelo semisebenzi engiyiphetheyo ngoba mina ngisesenyameni njengayo iNdodana kaNkulunkulu engingufakazi wayo. Yashumayela isesenyameni.!”
 
24.Le nkulumo kaShembe ayihambisani nemfundiso yobuKrestu ngoJesu, kodwa isekela imfundiso kaYeshua ngokwenkolo kaMose, manje esekuthiwa iJudasm, noma nayo ingasafani ngcimishi nenkolo kaMose, kodwa nayo engasho ukuthi uYeshua wayenguNkulunkulu, kodwa wayenguMprofethi kaJehova, wayengokaNkulunkulu esenyamenii!
 
25.Noma uShembe lapha ekhuluma ngoJesu, njengoba kuyiTestament Elisha ebizwa kanjalo, kodwa wayekhuluma ngoYeshua osenkolweni kaMose, hhayi uJesu oyindodana kankulunkulu waseBhabhiloni! Uma uShembe echaza ukuhlangana kwakhe noJehova entabeni yaseNhlangakazi, wakhuluma lamazwi: “UKhonzekile iNkosi yezulu isingemukelisile isidlo, yangigqokisa izingubo zedili, wayesethi angigibele engqoleni. Ngagibela enqoleni, waya nami esiqongweni sentaba.
 
26.Wabe uKhonzekile esethi angiphakamise izandla. Ngaziphakamisa. Bheka ngabona ubisi lugijima emthanjeni yegazi lami. Ngabuza kuKhonzekile iNkosi yezulu, ngathi: “Nkosi kuyini lokhu okusemzimbeni wami? UKhonzekile wathi akulona ubisi lolu, kodwa ingubo emhlophe, bonke abantu oyobaphendula bayofaka ingubo emhlophe! UKhonzekile iNkosi yezulu yathi angiphakamise futhi izandla. Ngaziphakamisa.
 
27.Bheka ngabona emithanjeni yami kugijima umlilo, ngashawa luvalo, ngathi: “Nkosi, umlilo wani lo ogijima emthanjeni yegazi kimi? Wathi uKhonzekile “Lo umlilo oyoshisa ngawo amadimoni nazo zonke izifo ezikubantu!”
 
Isihlabelelo 162.
Amen, amen, amen.
Inhlaba umuthi wasendle
Awuthathi lutho ngokubaba
Kunezwi lakho Simakade
Ezinhliziweni zabaningi.
Amen, amen, amen!
Iboza umuthi wezintaba
Awuthathi lutho ngokubaba
Kunezwi lakho Simakade
Ezinhliziweni zabaningi.
 
Amen, amen, amen!
Bawushiya sewuvele
Lowo muzi okhazimulayo,
Bahlehlela emuva
Uyifa lamaqhawe.
 
28.Bawushiya umuzi wasezulwini! kwakusho uBabamkhulu, uthi uBabamkhulu “Inhlaba umuthi wasendle, awuthathi lutho ngokubaba kunezwi lakho simakade ezinhliziweni zabaningi” Inhlaba umuthi obaba kakhulu, kodwa kubantu abangakufuni ukukholwa, bangayidla inhlaba kunokuthi baphenduke bakholwe, ngoba ukukholwa kuyifa lamaqhawe ezulu!
Uthi-ke uShembe “Iboza umuthi wezintaba awuthathi lutho ngokubaba kunezwi lakho simakade ezinhliziweni zabaningi”
 
29.Iboza umuthi obaba kakhulu ongeke uwudle, kodwa abantu abaningi bengakhetha ukudla iboza kunokuthi bekhethe iNkosi! Njengoba sikhuluma nje, sekukhona abathukuthele kakhulu, ngoba ayikho into eyisichitho njengokukhuluma ngendaba kaNkulunkulu kubantu abasuke sebezuzwe nguSathane!
 
30.Sithe isihloko salentshumayelo sithi USHEMBE UNGUMLILO.” Lapha sizobona ukuthi uShembe wayezishisa kanjani izifo namadimoni ekuphulukiseni kwakhe abantu! Uma ngithi uShembe ungumlilo angenzi umzekeliso, kodwa ngichaza isimo uShembe owaba yiso kumadimoni nakuzifo zonke!
 
31.Njengoba sesishilo ukuthi uNkulunkulu wathi uShembe akaphakamise isandla, wathi uma esiphakamisa wabona umlilo ugijima kuwo wonke umzimba wakhe, wathi uJehova lomlilo ngowokushisa amadimoni, sizokuzwa-ke ukuthi uShembe wayewashisa kanjani amadimoni! Ngezansi sizoxoxa indaba kamfundisi uMngoma!
 
32.“NgangiwuMfundisi webandla lase-African Congregational Church. Ngonyaka ka-1915 kwaba nengane egulayo ebandleni lami eMnyandeni. Kwafika isikhathi sokuba ngiye emhlanganweni wonyaka kwaMachi ePort-Shepstone izinsuku ezinhlanu ngoJulayi. Abazali bale ntombazane egulayo bangicela ukuba ngihambe nayo bayoyithandazela emhlanganweni.
 
33.Ngangingazi ukuthi ngizobasiza kanjani abazali bale ngane. Ngacabanga ngathi ngoba akukho muntu owake wasindiswa umthandazo ebandleni lethu,ngizoyithatha lengane ngiyishiye emzini kaShembe eKuphakameni bayi thandazele, bese ngidlula ngiya emhlanganweni. Abazali bale ngane babezihluphekela. Nami futhi ngingenamali. Ibandla lalinginike imali elingene ukugibela isitimela namatekisi usuka e-Kranskop uya eThekwini.
 
34.Ngathi ngibheka esikhwameni sami semali ngathola sekunenye imali, ngabona ukuthi uNkulunkulu uyafuna ukuba ngihambe nale ntombazanyana. Ngahamba-ke nayo ngetekisi sehla eVokwe (Avoca). INdiya lasikhombisa indlela ebheke eKuphakameni. Safika khona selishona ilanga ntambama. Ngathi ngingena esangweni laseKuphakameni, ngezwa into iwa phansi emahlombe ami.
 
35.Ngacabanga ukuthi kukhona into yemithwalo yami ewile. Nganyakazisa umzimba wami ukuze ngibone ukuthi yini le ewile, ngangabona lutho. Ngangena ngaphakathi, uMfundisi uNdlangamandla wangithatha wangiyisa endlini kaFotini. Ngabuza ukuthi uShembe ngingamthola kanjani? Wathi akekho usemzini wakhe eSibusisweni. Ngase ngibika indaba yentombazane engihamba nayo, ngacela ukuba ngiyishiye ukuze ithandazelwe bese ngiqhubeka ngiye emhlanganweni kwaMachi. UMfundisi Ndlangamandla wathi: “Kungangcono ubone uShembe”. Ngavuma.
 
36.Ngakusasa ekuseni, wangiphelezela nengane saya eSibusisweni. Wafika khona wangibika kuShembe kuqala. Wabuya nempendulo ethi angilinde kancane, uzophuma. UShembe wayesendlini ehlezi noMfundisi uMlangeni noMvangeli uCebisa. Akuthathanga isikhathi esingakanani ngabizwa. UNdlangamandla wahamba phambi kwami uShembe waphuma endlini wahlala kuveranda. Ngithe uma ngifika phambi kwakhe ngambukisisa.
 
37.Ngamangala nje ukuthi abantu bathi uShembe nguMfundisi, kodwa mina ngambona engumuntu wasezulwini ongefani nabanye abantu basemhlabeni.
Baletha izihlalo, ngahlala. Wayesengibuza uShembe ukuthi ngabe yimi yini osanda kumbhalela incwadi. Ngathi: “Cha, kodwa umoya wami kade wawufuna ukukubona, ngilethe kuwe nansi intombazane egulayo.” “Iphethwe yini?” Kubuza uShembe. Ngathi iyahayiza ibaleke ingaziwa muntu ukuthi ishonephi. UShembe wathi: “Kulungile, izosinda.”
 
38.Ngathi uma ngimbheka ngabona enomfanekiso weNkosi uJesu Kristu. Ngazibuza ukuthi ngabe ngibonani ngamehlo ami ngoba angilele futhi angidakiwe nje. UShembe wayekhulumela phansi. Ngangimazi uJesu ezithombeni kuphela. Umehluko ongawubona ukuthi izinwele zikaShembe zehlukile kwezikaJesu.
 
39.Ngangihlezi naye kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-11 emini. Wayesethi: “Asihambe siye eKuphakameni.” Ngabona lapho isimo sikaJesu sesinyamalala kuye saze saphela. Sathi uma sidlula Ohlange ngasemzini kaMafukuzela, abantu abaningi babehalalisa emgwaqeni begqoke ingubo emhlophe. Ngase ngimbuza uShembe ngathi: “Ngabe uJesu usefikile yini emhlabeni?” Ngangisho ngoba ngiyakhumbula ebhayibhelini indaba ethi kwakuthi uma uJesu engena emzini waseJerusalema, abantu bamemeze bathi: “Hosiyana kuyo indodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu”. (Mathewu 21:9). Abanye abantu babephonsa izingubo zabo emgwaqeni, abanye bephethe amahlamvu esundu bekikiza ngawo.
 
40.Ngase ngikubona manje lokhu kwenzeka uma sesingena emzini waseKuphakameni. Abanye babehudula izingubo zabo ezimhlophe emgwaqeni behalalisa.Ngase ngibuza ukuthi kanti uJesu usefikile yini emhlabeni? UShembe wangiphendula wathi:
 
41.“YEBO MNTANAMI, UJESU USEFIKILE, KODWA ABANTU KABAQONDI. NANGESIKHATHI EFIKA EMHLABENI ABANTU ABAQONDANGA, BENZA IZINTO ZABO KUYE, EKUGCINENI BAMBULALA. NGISHO NANAMUHLA ABAQONDI UKUTHI UJESU NGUBANI. BABUSISIWE LABO ABAMBONAYO!”
 
42.Sangena ngaphakathi eKuphakameni, uShembe wahlala eduze nesihlahla somsilinga, kweza abantu abaningi kuye. Wayesethi abanginike isihlalo, kodwa umoya wami awuthandanga ukuhlala esihlalweni njengaye. Wanginika isicephu, ngahlala phansi. Uma ngibheka laba bantu, ngabathola bebahle benesizotha. Ngathi uma ngizibheka mina ngazithola ngimubi. Kwangicacela ukuthi ngiyisoni, angifani nalaba bantu bakaShembe.
 
43.Kwathi ntambama kwabizwa inkonzo yabagulayo, ngafisa nami ukuya khona ngoba ngangiphethwe amajaqamba. Indlu yagcwala phama abantu abagulayo. INkosi yaseKuphakameni yayihlezi eduze nomnyango. Yayingasekho indawo lapho engangihlala khona. INkosi yangihlalisa eduze kwayo.
 
44.Kwathula umzuzwana, ngase ngizwa inkosikazi ithi: “Hawu! Manje ngilishiyile ikhaya lami.” Ngangazi ukuthi uthini lo nkosikazi. Ngezwa omunye ethi: “SHEMBE, UNGIXOSHILE EZULWINI, NALAPHA FUTHI UYANGIXOSHA?” Ngayeka manje ukuthandaza, ngavula amehlo, ngabheka ukuthi kwenzakalani. Ngabona abantu bezigingqa phansi behhema. Ngangazi ukuthi bathini. Ngacabanga ukuthi bayahlanya! Eduzane kwami kwakunendoda egqoke ijazi elimnyama eyayingicasula ithuka inhlamba. Ngase ngiyibona ihlanza igazi. UShembe wangidonsa ukuba ngincike kuye.
 
45.Yaphakama le ndoda yama phambi kukaShembe. Ngenkathi iphakama, abanye babehamba indlu yonke, abanye bebhonga, abanye bekhuluma izinto ezingaqondakali. Washaya indweba uShembe, sasuka isidumo, kwaqhuma isililo endlini kukhala abagulayo. Ngabona ukuthi laba abakhalayo amadimoni.
 
46.Nentombazane engangifike nayo yangithuka. Idimoni layo lathi kimi: “Ungiletheleni kuShembe, ngizoshonaphi manje uma ngiphuma kule ntombazane? Ngizophuma kuyo kodwa ngizoyilinda, uma isiphindela kubo, ngizobuyela kuyo futhi.”
Angibange ngisaya emhlanganweni wami kwaMachi, e-Port Shepstone. Ngabona ukuthi uNkulunkulu akekho khona ngazinikela kuNkulunkulu waseKuphakameni. Ngamcela uShembe ukuba afike ebandleni engangiliphethe eMaphumulo. Wavuma, wanquma isikhathi nosuku ayofika ngalo. Ngacela indlela, ngahamba nentombazane engangiyilethile isiphila!
 
47.Ngafika ekhaya seliyoshona. Ngalibikela ibandla lami ukuthi uShembe uzofika, kodwa ngangasho ukuthi mina sengizinikele kwiNkosi yaseKuphakameni. Lwafika usuku esasivumelene ngalo lokuthi uShembe siyomhlangabeza esiteshini sesitimela KwaDukuza. Sathi uma sifika isitimela, angizange ngimbone uShembe.
 
48.Ngaqalaza yonke indawo, ngase ngihlangana nenye indoda yangibuza ukuthi kukhona yini engimcingayo. Ngavuma, ngathi ngibheka uShembe. Le ndoda yase ithi: “Ngithunywe uShembe”. Ngayibuza ukuthi ukuthume kubani? Yathi kuMngoma. KwakunguShange ehamba noMthethwa waseNtanda. Safika ekhaya lami ntambama. Abantu base begcwele ekhaya. Sase senza umthandazo woku-lala.
 
49.Bathe uma beyivula inkonzo oShange noMthethwa, ngezwa futhi ukukhala kwamadimoni kumantombazane namakhosikazi. Babemangala abantu bengazi ukuthi yini le ekhala kubo. Ngase ngazi mina ukuthi kukhala amadimoni. Enye intombazane yakha amanzi ngebhakede ngoba ithi IYASHA, ISHISWA UMLILO KASHEMBE!” Abanye baphuma babaleka. Batshela abahlangana nabo endleleni ukuthi: “Sishiye abantu ngemuva BESHA UMLILO, kunamadoda amabili abashaya ngengubo.”
 
50.Ngakusasa kwenziwa enye inkonzo yabagulayo. Kwakunengane yomfowethu eyayigula kakhulu, isisendleleni yokufa. Lamadoda aseKuphakameni ayephethe ingubo ethandazela abagulayo. Sasuka futhi isidumo, avuka amadimoni kubantu, kwaphuka izicabha zendlu, abantu behayiza bebaleka. Amawindi aphuka bekhala abantu bethi: “SIYASHA UMLILO KASHEMBE!”
 
51.Babaleka bagcwala izindlela zonke. Uma behlangana nabantu babatshele ukuthi kuyafiwa emuva kwaMngoma ABANTU BAYASHA!”
Ngesonto eledlule ngikhulume ngokuthi uShembe unguMoya, wayekwazi ukuba sezindaweni ezahlukene ngesikhathi esisodwa, eshumayela ivangeli ngoJehova. Namuhla sithola uShembe ethi uma ethandazela, noma abantu abathunywe nguye bethandazela abantu, amadimoni ephume ebaleke, ethi ashiswa ngumlilo kaShembe!
 
52.Ngisho kuYeshua angizange ngizwe ngalomlilo ezulwini owawunikwe uShembe ukuthi ngawo uyoshisa amadimoni! Le ndaba yomlilo oshisa amadimoni, angizange ngaze ngayizwa ngisho ngesikhathi uJesu kuthiwa wayethandazela amadimoni, yayingoShembe kuphela. Noma ngabe ekunikeza ingubo ethi hamba uyothandazela abantu. Lo mlilo uzohamba nawo, uma uthandazela abantu, abantu beshe, bethi bashiswa umlilo kaShembe.
 
53.Mina lapha eKuphakameni ngakhula ikhona lento kuBaba iLanga, noma kusontwa amadimoni ayehlala ekhala, kodwa kwahamba kwahamba aphela amadimoni, awasakhali manje, asenethezekile! Ngiyabona anezethezeka ngenxa yokuthi sesiwemukele aba yingxenye yebandla, nazi nezangoma sezigcwele ebandleni. Amadimoni ungawakhipha kanjani kumuntu esontweni uhleli nezangoma, ngoba iningi lazo ziyagula, kungena amadimoni kuzo, bese ecasha ngokuthi angobabamkhulu!
 
54.Ngiyacela ukuthi loMoya ongcwele oshisa amadimoni uShembe awehlisele ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu, ngoba sisahamba ngokwezimiso zakhe, sizenqabele izangoma ukuba zibe phakathi kwethu!
 
55.Singakhohlwa ukuthi uBabamkhulu wathini ngokuvumela izangoma endaweni kaJehova. Nanka amazwi akhe: “Bantabami, uma nike nangenisa iSangoma naba nemimoya engcolileyo kulobu buNazaretha, nibokwazi ukuthi kusukela ngalelo langa lobu buNazaretha sebufile, abusekho. Ngokuba isitha sokuqala sika Nkulunkulu yiSangoma.
 
56.Ngokuba kuye kuthi nxa uJehova eshaya umthetho ngomlomo woMprofethi, bese no Sathane ashaye umthetho ophambene noka Jehova ngomlomo weZangoma neyabo bonke abakhothama emimoyeni enqatshiwe ngu Jehova.”
 
57.Bantabami ayikho ingozi enkulu engase inehlele ukwedlula ingozi yokuba nivumele iSangoma singene phakathi kwenu, uma nike nasingenisa bantabami niyobe nibulele ubuNazaretha, niyobe nimxoshile uNkulunkulu phakathi kwenu!
 
58.Uma iSangoma sike sangena phakathi kwenu ngenkani, nibothatha amagugu ka Nkulunkulu niphume nawo nisishiye sodwa, ngokuba uma nihlalile naso, uJehova ehambela phakathi kwenu, impela niyakwehlelwa ngokubi. Ngokuba uJehova uyakuloba ukuba nimhlubukile ngalolo suku nangenisa isitha sakhe phakathi kwendlu yakhe eyingcwele nadla naso, naphuza naso!
 
59.UMOYA WOBUNGOMA UYONEHLELA NONKE NABANTWANA BENU, NOMA NITHANDAZELWAUKUBA USUKE LOMOYA KINI NABANTWANA BENU, KHONA ANIYIKUSINDA, NGOKUBA NIYOBA SENIMXOSHILE UJEHOVA ONISINDISAYO, NAMUKELAUMOYA WESANGOMA UKUBA UBUSE ENDLINI KAJEHOVA!
 
60.NGALOLO SUKU UYOPHELA UMTHETHO KAJEHOVA PHAKATHI KWENU, KUBUSE UMTHETHO KASATHANE OFIKE NESANGOMA ENISINGENISE ENDLINI KAJEHOVA UKUBA NIXOSHE UJEHOVA NGASO, NGOKUBA UJEHOVA AKAHLALI LAPHO KUBUSA KHONA ISANGOMA!
 
61.KHONA NGALOLO SUKU ABANTWANA BENU BAYONGENWA IMIMOYA ENGCOLILEYO EWUKUFA, KUTHI LABO ABAYENQABAYO IBEHLISELE OKUBI, ABANYE IBABULALE, NGOKUBA NIYOBA SENIMXOSHILE UJEHOVA PHAKATHI KWENU!”
 
62.Onke amabandla amaNazaretha asonta nezangoma abonakala ngokuhlabela amadlozi, ehlale ekhuluma ngezulu lomndeni, bephuza utshwala bengamaNazaretha, bezakhela onkulunkulu babo, bengasakhulumi ngoJehova!
 
63.Uyaqhubeka uBabamkhulu uthi: “Ukonakala kwezinto lapha eKuphakameni niyokubona ngokuncipha kwamandla okukhipha imimoya yama dimoni neyoBungoma kubantu, niyokwazi-ke ngalolo suku ukuthi seniphumile endleleni ka Nkulunkulu.”
 
64.Umfundisi uMngoma wagcina esengumfundisi omkhulu wakulelibandla. Ngicabanga ukuthi nguye kuphela ngesikhathi sikaBabamkhulu owavela kwamanye amabandla engumfundisi, naseKuphakameni waqhubeka waba nguMfundisi.
 
iNkosi ibusise izwi layo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *