Skip to content

UYESHUA UYINDLELA NEQINISO ELISIHOLELA EZULWINI

U-Arthur Koestler oliJuda elimhlophe, encwadini yakhe ethi THE THIRTEENTH TRIBE, uyichaze kabanzi imvelaphi yabo, wabuye wachaza ukuthi ama-Ashkenazi Jews akayiso isizwe sakwa-Israel yize la maJuda amhlophe agcina esethathe izwe lasePalestine ngo 1948.

Kanjalo no Shlomo Sand, naye oliJuda elimhlophe, encwadini yakhe ethi: “THE INVENTION OF THE JEWISH PEOPLE”, uyachaza ukuthi la maJuda asakhe ePalestine, nakuba esethi abuyela ezweni lokhokho bawo, kodwa akusilona iqiniso lelo, wona ayingxubevange yezizwe zase-Europe!

1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: “UYeshua uyindlela neqiniso elisiholela ezulwini.”
 
2.Kwenye yezintshumayelo ezedlule sacaphuna umbhalo kaProf. Rudolph Windsor kuyincwadi yakhe ethi FROM BABYLON TO TIMBUKTU lapho ethi:
 
3.“Kusukela ngesikhathi sikaPompey kuya ku Julius Caesar kulinganiselwa kumaJuda ayisigidi abalekela e-Afrika, ebalekela ukugqilazwa isizwe samaRoma. Izimakethe zazigcwele amaJuda amnyama ayizigqila.
 
4.KuDuteronomi 28:64 kuthi: ‘uJehova uyokukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba.
 
5.Lapho uyokhonza abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo wena nokhokho bakho.” Amen!
 
6.Uyaqhubeka lo mbhali uthi: “Lesi siprofetho kanye nezinye eziqukethwe kuDuteronomi 28:15-68 zehlela amaJuda amnyama emva kokuba behlubuke uNkulunkulu.
 
7.Izizwe eziningi zathuthela amaJuda ebugqilini, amadodana ka-Israel asabalalela kuwo wonke amazwekazi omhlaba.” Amein!
 
8.Ngabe sengibuza ukuthi kanti lezi ziqalekiso eziku Duteronomi 28 uJehova wayezibhekise esizweni esimnyama yini.
 
9.Uma kunjalo, pho yini edida isizwe sakithi ukwazi ukuthi siyinzalo ka-Israel,
 
10.ngoba sekwaze kwathathwa ne DNA efakazisayo ukuthi amaLemba, amaBantu namaNegro bayinzalo kaJakobe?
 
11.Inkinga esibhekene nayo ukuthi isizwe sakithi asifuni ukufunda, sithatha noma yini esiyifunzwa isizwe esimhlophe, yize sazi ukuthi laba bayizitha zethu ezinkulu!
 
12.Kule ntshumayelo ngifisa ukucacisa izinto eziningi ezililumbo esilifunzwe ngabamhlophe.
 
13.Abantu bakithi bazi ukuthi amaJuda ayisizwe esimhlophe ngoba bafundiswe ngabamhlophe kanjalo!
 
14.Kodwa encwadini ka Genesis 10:3, kuthi: “Amadodana kaGomere ngo-Ashkenaz no Rifate no Thogama.”
 
15.AmaJuda amhlophe aziwa ngokuthi ngama-Ashkenazi Jews, ngoba eyinzalo ka-Ashkenaz, ongahlangene ngokuzalana no-Abraham, thina esiyinzalo yakhe.
 
16.Kuyi-Sambulo 2:9 uYeshua uthi: “Ngiyakwazi ukuhlupheka kwakho nobumpofu bakho, kanti ucebile, nenhlamba yabathi bangamaJuda bengasibo, kodwa beyisinagoge likaSathane!” Amen!
 
17.U-Arthur Koestler oliJuda elimhlophe, encwadini yakhe ethi THE THIRTEENTH TRIBE, uyichaze kabanzi imvelaphi yabo, wabuye wachaza ukuthi ama-Ashkenazi Jews akayiso isizwe sakwa-Israel yize la maJuda amhlophe agcina esethathe izwe lasePalestine ngo 1948.
 
18.Kanjalo no Shlomo Sand, naye oliJuda elimhlophe, encwadini yakhe ethi: “THE INVENTION OF THE JEWISH PEOPLE”, uyachaza ukuthi la maJuda asakhe ePalestine, nakuba esethi abuyela ezweni lokhokho bawo, kodwa akusilona iqiniso lelo, wona ayingxubevange yezizwe zase-Europe!
 
19.Naye uyachaza ukuthi la maJuda asePalestine ayinzalo ka-Ashkenaz, ngakho akahlanganise lutho no-Abraham kanye nenzalo yakhe!
 
20.Kwenye incwadi ka Shlomo Sand, ethi: HOW I STOPPED BEING A JEW, uthi onke la maJuda eza ePalestine kwafanele afunde isiHebheru ukuze kubonakale sengathi angamaHebheru, kodwa bona ulimi lwabo lomdabu i-Yiddish.
 
21.Manje leli Juda lithi liyakwenqaba ukunikwa ubuzwe elingahlangene nabo.
 
22.LamaJuda esizweni sakubo athathwa ngokuthi amaPhekula, ngoba kuthe engamaJuda aveza ubuqili babantu bakubo obala!
 
23.Owayengumongameli wesibili eGibhithe, uGamel Abdel Nasser, watshela amaJuda amhlophe, wathi ahamba eGibhithe engabantu abamnyama, kodwa manje asebuya esemhlophe, ngalokho ngenke aze ahlale kahle ePalestine.
 
24.U-Tudor Parfitt encwadini yakhe ethi: THE LOST TRIBES OF ISRAEL: THE CREATION OF A MYTH. Uyaqinisa ukuthi isizwe sakwa-Israel simnyama, nokuthi isizwe sakwaZulu eminyakeni yo 1850 sasaziwa ngokuthi singamaJuda.
 
25.Wathi ukuthi amaZulu ayinzalo ka-Israel kubonakala kokunye ngokuthi amasiko awo afana ncimishi namasiko amaHebheru atholakala eBhayibhelini.
 
26.Sesikhulume kabanzi sichaza ukuthi emva kokusinqoba ngo 70 A.D., abezizwe bayiqeda kanjani inkolo kaJehova, base bebaphoqa abantu abamnyama ukuba balandele inkolo yabo!
 
27.Lapha ngizocaphuna umbhali oliJuda elimhlophe, uRav Sha’ul encwadini yakhe ethi THE NAZARENE, lapho echaza khona ngendlela abezizwe abalidukise ngayo iqiniso lenkolo kaJehova.
 
28.Kuyisihlokwana esithi: THE REPLACEMENT THEOLOGY, uthi ke lo mbhali ukuze abezizwe baqede ngo-Israel njengesizwe sikaJehova esibusisiwe, bazichitha zonke izivumelwano zikaJehova eziku-Old Testament.
 
29.Bayichitha yonke imfundiso eku-Old Testament, ngemfundiso ebizwa ngokuthi i-Replacement Theology.
30.(a).Lokhu bakwenza ngokuthi i-New Testament ithathe indawo ye-Old Testament.
 
31.(b).Isivumelwano Esisha (naso esingachaziwe ngokucacileyo) sathatha indawo yazo zonke izivumelwano eziku Old Testament.
 
32.(c).UKhisimuzi wathatha indawo yomkhosi weThabhanakele.
 
33.(d).Ama-Easters athatha indawo yePhasika.
 
34.(e).Amaholidi abezizwe athatha indawo yezinsuku ezingcwele zikaJehova.
 
35.(f).UbuThathu emunye bathatha indawo kaNkulunkulu Oyedwa.
 
36.(g).’ULord’ wathatha indawo kaJehova.
 
37.(h).’UJesus’ wathatha indawo ka Yeshua.
 
38.(i).ISonto lathatha indawo yeSabatha.
 
39.(j).IRome yathatha indawo yeJerusalema njengo “Muzi waPhakade kaNkulunkulu.”,
 
40.(k).Abapristi, abashumayeli no Pastor babezizwe bathatha indawo yobuPristi bobuKhosi beNsali yakwa-Israel.
 
41.(l).UPaul wathatha indawo ka Sha’ul, nokuningi lombhali okubalile kodwa esingakubalanga lapha.
 
42.Kuma Hubo 83:2-4, sizwa umbhali ethi: “Bheka, izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo bayakuvukela.
 
43.Ngobuqili benza uzungu ngabantu bakho, baceba ukulwa nabafihliweyo bakho.
 
44.Bathi: “Wozani sibaqothule, bengaba besaba yisizwe, negama lika-Israel lingabe lisakhunjulwa.” Amen!
 
45.Lesi siprofetho umphumela waso ubonakala ngakho konke abezizwe abakwenza ukuqeda ngalesi sizwe soPhezukonke!
 
46.Namuhla bambalwa enzalweni ka-Israel abaziyo nabasakwamukelayo ukuthi bayinzalo kaJakobe!
 
47.Ukufakazela le nkulumo kaRav Sha’ul ye Replacement Theology, sizwa uJerome the ‘Correctore’ elwa nobukhona bamaNazaretha okwakulibandla likaYeshua.
 
48.Kule nkulumo engezansi uJerome uveze izinto eziningi eziphambene nalokho esiyaye sifundiswe khona emabandleni ethu.
 
49.Kule nkulumo uJerome uthi: “Kufanele ukuthi esikhathini samanje sike sibhekisise laba bahlubuki (heretics), abazibiza ngokuthi bangama Nazaretha.
 
50.Ikakhulu bona bangamaJuda ngqo, akukho okunye abangaba yikho!
 
51.Ngaphandle kweTestamente Elisha, babuye basebenzise iTestamente Elidala lamaJuda!
 
52.AmaNazaretha akayichithi imithetho yamaJuda, nabaprofethi, nemibhalo yabo.
 
53.Ngalokho kwenza bemukeleke kumaJuda njengoba bengahluke ngalutho kuwona!
 
54.Njengawo wonke amaJuda, nabo bafundisa ukuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, uJesu iNdodana yakhe.
 
55.Okuhluke nje kubo ukuthi balandela uMesaya, kodwa ngale kwalokho balandela imithetho yonke yamaJuda, okufaka phakathi ukusoka, isabatha, neminye imikhosi yamaJuda!” Amen!
 
56.Le nkulumo kaJerome kumele siyibhekisise, bese sibuka ukuthi isasho khona yini esiyaye sikufundiswe emabandleni ethu ngokwahlukana kwawo!
 
57.Ekugcineni lesi sikhulu saseRome, uJerome, sicacisa into amakholwa ahlale eyiphika, lapho sithi:
 
58.“Ngalokho usuku lweSonto usuku lokukhonza uJesu inkosi, njengoba bekade lwaziwa ukuthi usuku lwenkosi uBhali.
 
59.Uma uBhali ekhonzwa ngalolu suku ngoba naye eyinkosi, kanjalo noJesu ukhonzwa ngalolu suku ngoba eyinkosi.
 
60.Yamukelekile imigubho yenkolo yethu, kanye neyokudla, kanye neziphuzo zesizwe samaRoma.
 
61.Ngamafuphi, konke okuwusikompilo lwesizwe samaRoma, nemigubho yayo, nemicimbi siyayemukela kulenkolo entsha yesizwe samaRoma.
 
62.Kulenkolo kumele kuyekwe ukwenza inkolo yethu ibe ubuJuda, akuyekwe ukungasebenzi ngeSabatha kuthiwe usuku lokuphumula, kufanele kusetshenzwe ngalo!” Amen!
 
63.Kafuphi, uJerome uyakugcizelela ukuthi inkolo yabezizwe iyayichitha inkolo kaJehova, esebeyibiza ngokuthi inkolo-ze yamaJuda!
 
64.Sithe isihloko sale nkonzo sithi: “UYeshua uyindlela neqiniso elisiholela ezulwini.”
 
65.Sekunobufakazi okusobala ukuthi yithina isizwe sakwa-Israel, nokuthi inkolo yabezizwe yakhelwa ukuchitha inkolo kaJehova!
 
66.Ivangeli lasemhlabeni lifundisa ngenkolo yabezizwe echitha imfundiso ngenkolo kaJehova.
 
67.Ngokusobala, uma inkolo yabezizwe ichitha inkolo kaJehova, okunguye onezulu, ukulandela le nkolo kungukulwa noJehova uNkulunkulu wethu!
 
68.UYeshua wathi UYINDLELA NEQINISO, AWUNGENI EZULWINI NGAPHANDLE KWAKHE. Le nkulumo kaYeshua ukudukisa abantu, abezizwe bayihumusha ngokungayikho!
 
69.Ukuthi uYeshua uyindlela neqiniso isisho esisho ukuthi uYeshua nguyena kuphela osifundisa ngokuthi uma sifuna ukuya ezulwini kumele senze njani.
 
70.Nempela uYeshua usichazele kuMathewu 5:17-19 ukuthi uma ungawugcini umthetho, ubuye ufundise abanye kanjalo, angenke ungene ezulwini!
 
71.Yonke imithetho yokukholwa okukungenisa ezulwini sayinikwa uMose, yabe isivuselelwa ngabaprofethi ababemlandela, kuhlanganisa noYeshua!
 
72.Kodwa emuva kokuchithwa kwenkolo kaJehova ngabezizwe, abaprofethi nezingelosi zanyamalala emhlabeni!
 
73.Namuhla asikaze sibabone abaprofethi nezingelosi ezazihamba nabantu, ngoba Isidingo sabo saqedwa ngabezizwe!
 
74.Inkolo kaJehova ayisekho emhlabeni, ngakho-ke awukho umthetho kaJehova ozovuselelwa ngabaprofethi enkolweni yabezizwe!
 
75.Imfundiso ethi kukhona umbuso wezulu nesihogo, nokuthi umuntu ungena ezulwini ngoba egcine umthetho kaJehova kuphela, leyo imfundiso kaYeshua onguMesiya!
 
76.KuMathewu 5:19, uYeshua uthi: “Ngakho oweqa owodwa kulemiyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyothiwa ngomncinyane EMBUSWENI WEZULU; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo oyokuthiwa mkhulu embusweni wezulu!”
 
77.KuMathewu 7:21, uYeshua uthi: “Akusibo bonke abathi kimi: “Nkosi, Nkosi, ABAYAKUNGENA EMBUSWENI WEZULU, kuphela yilowo owenza intando kaBaba osezulwini, (okusho ukugcina umthetho kaNkulunkulu).
 
78.KuMathewu 13:41-42 uYeshua uthi: “INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe EMBUSWENI WAYO konke okukhubekisayo, nabenzi bobubi, zibaphonse esithandweni somlilo, lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”
 
79.KuJohane 5:28-29, uYeshua uthi: “Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza lapho bonke abasemathuneni bayokulizwa izwi layo, abenze okulungileyo baphumele EKUVUKENI KOKUPHILA, kuthi abenze okubi EKUVUKENI KOKULAHLWA!” Amen!
 
80.Ayikho imfundiso kaYeshua ethi ekubethelweni kwakhe esiphambanweni, sothethelelwa izono.
 
81.Le mfundiso ngeyeSivumelwano Esisha, esiphambane nenkolo kaJehova!
 
82.Uma sesingasena zono, uYeshua kuMathewu 5:19 pho wayethini uma ethi ongawugcini umthetho kaMose, abuye ufundise abantu kanjalo, ngenke angene ezulwini?
 
83.KuMathewu 7:21-23, wayethini uma ethi noma ungaprofetha ngegama lakhe, uphilise ngegama lakhe, kodwa uma ungawugcini umthetho kaJehova uyokuphika ezulwini?
 
84.Kubo bonke abaprofethi bakwa-Israel, nguYeshua osifundise ngokuthi kukhona umbuso wezulu, nokuthi ezulwini kungena abagcina umthetho kaJehova!
 
85.KuJohane 5:28-29 uYeshua ukucacisile ukuthi: “….isikhathi siyeza lapho bonke abasemathuneni bayokulizwa izwi layo, abenze okulungileyo baphumele EKUVUKENI KOKUPHILA, kuthi abenze okubi EKUVUKENI KOKULAHLWA!”
 
86.Uma sonke silandela imiyalo ka Yeshua ngokugcina imithetho kaJehova, sothi uma sesifile, siphumele ekuvukeni kokuphila, okusho ukungena ezulwini!
 
87.Kodwa abaphikisa izimfundiso zikaYeshua bayophumela ekuvukeni kokulahlwa, okusho ukuya esihogweni somlilo ongacimekiyo!
 
iNkosi ibusise enikuzwile.
 
Le nkonzo iyatholakala ku Youtube othi: Rev Mpanza NCG.
 
Uhla Lwemithombo
1. Koestler, A., 1976, The Thirteenth Tribe, New York: Popular Library.
2. Parfitt, T., 2003, The Lost Tribes of Israel: The Creation of A Myth, (city unknown) Weidenfeld & Nicolson.
3. Sand, S., 2008, The Invention of the Jewish People, (city unknown): Verso Books.
4. Sand, S., 2014, How I Stopped Being A Jew, (city unknown): Verso Books.
5. Sha’ul, R., 2017, The Nazarene: A Nazarene’s Guide, (city unknown): CreateSpace.
6. Tamarkin, N., ‘Genetic Diaspora: Producing Knowledge of Genes and Jews in Rural South Africa’, in Cultural Anthropology, Vol. 29, No. 3 (August 2014), pp. 552-574.
Online Source:
https://vimeo.com/35196044 – Accessed 30 November 2022.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *