Skip to content

BABUSISIWE ABAMESABAYO UJEHOVA NABAYIGCINAYO IMITHETHO YAKHE

Kufanele kube khona abantu abahlalele ukubheka ukuthi umthetho kaNkulunkulu ngabe uyagcinwa yini, uma kungeke kwaba khona abantu abanjalo, kuyohamba kuhambe bese iyafika le ntuthu eyafikela abathile base bebona ukuthi uJehova ukude, ibo abaseduzane, base bayawamukela lamagama abanikezwa wona.

Inkonzo yangeSabatha ekuseni mhlaka 28 January 2023: uMfundisikazi Nomcebo Nxumalo Mpanza.
 
237. ISIHLABELELO. 18
J.G SHEMBE
 
1 Ngiyathanda mina ukukhonza
Inkosi yezulu,
Inhliziyo ayivumi
Ukukhulula umphefumulo wami.
 
3 Jabula wena ongaboniyo
Umhlaba nengcebo yawo
Vula amehlo omphefumulo
Abone ikhaya labaNgcwele.
 
1.Ngibonge, ngibonga esihlalweni sobukhosi ukunikezwa lomsebenzi noma unzima, Ngibingelele abangcwele, ngiyikhethe iNkosi enkulu yaseKuphakameni. Isihloko, babusisiwe abemesabayo uJehova nabayigcinayo imithetho yakhe. Bantwana baseKuphakameni, ngizicelela eNkosini, ngicela ukuthi uNkulunkulu waseKuphakameni awavule amehlo ethu, alibone ikhaya labangcwele. Uthi-ke uShembe jabula wena ongayiboniyo ingcebo yalomhlaba, ngoba uShembe uyazi ukuthi ababone ingcebo yalomhlaba, uyazi ukuthi abamemukeli uNkulunkulu futhi abayigcini imithetho yakhe.
 
2.Bakhona abantu abacebile, kodwa abacebe ngaphansi kokwesaba uJehova, le ngcebo yabo ayibinkulu, uma ngabe kuwusuku lweSabatha bavala konke, bahambe bayodumisa uJehova. UShembe akakhulumi nabanjalo, ukhuluma nomuntu othi uma esengenile kulelubandla, afike angamboni uNkulunkulu kodwa abone ingcebo, abuke ukuthi yini angayiletha kulelibandla, angayidayidayisa ukuze athole imali acebe, kodwa le ndawo ikhandelwe ukuthi abantu babone uNkulunkulu. Singababikho isivakashi, angaba bikho umuntu othi uphelezela umngani wakhe, kodwa bonke abantu bazizele bona ngokwabo, bezele indaba yabo. Uthi uShembe jabula wena ongayiboniyo ingcebo, ongawuboniyo umhlaba nengcebo yawo.
 
3.Uma ufika lapho kunoNkulunkulu khona, ufike ubone uNkulunkulu, kodwa kukhona abafika lapho ekukhona khona uNkulunkulu babone umhlaba nengcebo yawo. Baningi abantu namuhla abacebile, baceba kulelibandla, beza bethi bazofuna uNkulunkulu, kodwa bafike base bayawubona lomhlaba uShembe akhuluma ngawo nengcebo yawo. Ababe besamufuna lo Nkulunkulu, babona ukuthi kuphelele, bawabona amakhona, babona ukuthi lelibandla liyinsimu evundile, uma ngingathenga izinto ezithile ngendlela abantu abaningi ngayo, ngingaphuma nemali enhle. Nangampela bayaphuma nayo.
 
4.Kodwa imihla yokugcina, imihla efihliweyo, uthi uShembe balekani zidindi, uyeza uJehova. Angeke zibaleke, kusekubanje, kodwa siyeza isikhathi lapho izidindi eziyosukuma khona zibaleke ngoba ziyobe zingasafuni ukuthi ziyoma phambi kwaJehova ngoba ziyazi ukuthi azenzile kahle, ziyazi ukuthi ziyokwethwesa amacala.
 
5.Amehlo amahle ngabona uNkulunkulu, nezisebenzi ezinhle zikaJehova ngezisebenzela ukuthi uNkulunkulu azikhumbule ngemihla efihliweyo. Kuhle ukusebenza kodwa usebenzele ukuthi ubongwe nguNkulunkulu ezinsukwini ezifihliweyo, ngoba konke okwakulelizwe kuyasala, konke okwakulelizwe kuphelela lapha emhlabeni. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni uShembe wayezosikhulula, wayethunywe ukuthi azosikhipha emakhamandeni, kodwa asaze samubona ukuthi uShembe uwukukhanya, asaze samubona ukuthi uShembe uwumusa kaNkulunkulu asithanda ngawo. UNkulunkulu uJehova wabuya ngoShembe esizweni sakhe esase silahliwe ngokona kwaso, kodwa uJehova wabuya ngoshembe.
 
6.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni engathi uNkulunkulu angawavula amehlo omphefumulo wethu abone ikhaya labangcwele, simubone uNkulunkulu, sigcine imithetho yakhe siselapha kulelizwe, simesabe sisekhona lapha, simazi sisekhona khona lapha, sigcine imithetho yakhe kanye nabantwana bethu. Bantwana baseKuphakameni kubuhlungu ukuthi uma umnumzane enemfuyo yakhe, enamasimu akhe, ewumuntu owondla isizwe, engumuntu ongaswele lutho, kuthi lapho esehambile emhlabeni kuthi indodana yakhe eseleyo ingakuqoqi lokhu uyise ayekuqoqa, kodwa ikuhlakaze, ingazondli ngisho izintandane ekade zondliwa uyise.
 
7.Inikele ngamagugu kayise ezizweni, inikele ngakho konke uyise ebekade ekufukamele athi kuyifa lomndeni, ngifanisa kanjalo bantwana baseKuphakameni.
Egathi umnumzane onenhlanhla ngulowo okuthi noma esehambile indodana yakhe imubheke uyise ukuthi ubengumuntu onjani, uma ebengumuntu obemesaba uJehova nayo imesaba uJehova, athi kulesi sihlalo engihleli kuso, sasihleli umuntu oweyesaba uNkulunkulu, sasihleli umuntu owayekhuluma ngoNkulunkulu imihla yonke, ngalokhu nami ngiyafisa ukuthi ngibe nguye omesabayo. Iphinde futhi indodana enhle izifune izindlela zikayise ikwazi ukuthi ihambe ngazo ngoba beyimubona uyise ukuthi ubehamba ekukhanyeni. Mubi umuntu ophikisana nezindlela zikayise maqondana nokukholwa.
 
8.Siwabonile amabandla ewa kodwa ababekade bekhona phambili babewakhela ukuthi abe inqanawe lapho wonke umuntu owomileyo bayophuza khona. Kwathi olandelayo, abaze bamubona lo Nkulunkulu owayebonwe ngoyise, kodwa babona umhlaba nengcebo yawo, babona insimu enonile, bazibona bebakhulu, babona bentanta emafutheni bayibhidliza imithetho yoyise, awa amabandla kodwa wakhula umnotho wasemhlabeni. Ngithi-ke bangcwele indodana ehlakaniphileyo ifuna izindlela zikayise ekukholweni ukuthi ubaba wahamba nonkulunkulu, ubaba wamesaba uNkulunkulu kwaze kwaba sekugcineni.
 
9.Bantwana baseKuphakameni asike sithole amazwi, sesiyaziwa ukuthi singabantu esithi uma sesikhuluma ngoShembe sibone kuphelele konke ngoba uShembe uphelele, kodwa ke abanye abantu kuyadinga ukuthi nabo bakuthole ukuthi konke lokhu esikhuluma ngakho, asikhulumi ngakho ngoba kunjani, kodwa basithole isizathu sokuthi kungani sikhulume ngoShembe. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ngicela ukuthi sifunde IziKronikhi 34 zesibili. Siyofunda lapho siqale evesini lokuqala sigcine evesini lesine.
2 Izikronikhi 34 verse 1-4
 
10.“UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amathathu nanye eJerusalema. Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngezindlela zikaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo. Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, nawo-Ashera, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.
 
11.Bawadiliza phambi kwakhe ama-altare awoBali; nama-altare empepho ayephezu kwawo wawanquma; waphula o-Ashera, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo, wakucolisisa, wakuvuvuzela phezu kwamathuna ababenikele kukho” Amein.
 
12.Injalo-ke indodana ehlakaniphileyo, yafuna indlela kayise uDavide, ukuthi uDavide wayehamba kanjani phambi kaNkulunkulu, esekwenze konke lokhu, ehambile kahle phambi kwaJehova, kodwa wabe esefuna ukuthi ethole indlela kayise uDavide ukuthi ngabe wabe ehamba kanjani phambi kwaNkulunkulu, ukuze naye ahambe ngayo. Kodwa lapha ebandleni lakithi lamaNazaretha akekho umholi endlini yoMprofethi ngaphandle kwabaholi ababili uBaba iLanga neNkosi iNyangayezulu, akekho ofunile uhambo lo mprofethi ukuthi uMprofethi wabe ehamba kanjani.
 
13.Uma ngabe uShembe esewuqedile umsebenzi wakhe, uJehova emsusa kulelizwe, iNkosi iLanga yathi uma ingena, ayikaze yakhuluma indaba yayo, yaqhubeka lapho okwakukade kugcine khona uMprofethi. Sizwa ifundisa kakhulu nangeBhabhiloni, ifundisa amaNazaretha ngomuntu owayeyiNkosi, ifundisa amaNazaretha ukuthi azi ukuthi le Nkosi eyathi uma isicebile isinakho konke yathini. Sizwa iNkosi iLanga ikhuluma lapha ithilenkosi yaphuma yema ngaphandle yathi uphi uJehova, angiboni lutho ngibona isibhakabhaka sodwa, yathi “ngalokho yimi uNkulunkulu!”
 
14.Kodwa iNkosi iLanga uma isikhuluma ngesiphetho sayo, kuba buhlungu uzwe nawe, kube sengathi uwena lowo, ngoba ifundisa ukuthi abantu abanjalo bagcinaphi. INkosi iLanga yafundisa kakhulu ngomuntu othatha udumo lukaJehova. Uma iNkosi iLanga isihambile, siyayizwa iNkosi iNyangayezulu ithi ‘iNkosi yanitshela, ithi akukho engiyokushintsha kukho konke iNkosi eyakukhuluma kini.’ Ithi abantu uma bezogcwala kangaka, yathi angikholwa ukuthi umthetho kaNkulunkulu usagcinwa. Wathi ukuba umthetho usathulwa, wathi abantu bayabaleka lapho kukhulunywa khona ngomthetho kaNkulunkulu. Ithi-ke iNyangayezulu uma ibuka lelibandla likhula, likhula ngoba umthetho kaNkulunkulu ningasayithuli, ningasasho lutho emathempelini, wathi alikhuleli yena uNkulunkulu, kodwa likhulela omubi!
 
15.Ngithi-ke bangcwele engathi singaba ibandla njengoba uNkulunkulu esikhethile ukuba sibe indlu yakhe evusiwe, kuvuswe ngathi indlu kaNkulunkulu ebese iwile, yase iyavuswa, yavuswa ngathi! Engazukuthi-ke uNkulunkulu engasisiza, izisebenzi zakhe ezigcwele layindlini, engathi zonke ziyifunde indaba kaJosiya ukuthi wenza njani.
Akudingi ukuthi kufanele uze ube ngumholi, noma ngabe awuyena umholi, noma ngabe futhi awugcotshiwe, indaba kaNkulunkulu inkulu bantwana baseKuphakameni, indaba kaNkulunkulu ifuna ukulwelwa. Kufanele kube khona abantu abahlalele ukubheka ukuthi umthetho kaNkulunkulu ngabe uyagcinwa yini, uma kungeke kwaba khona abantu abanjalo, kuyohamba kuhambe bese iyafika le ntuthu eyafikela abathile base bebona ukuthi uJehova ukude, ibo abaseduzane, base bayawamukela lamagama abanikezwa wona.
 
16.Bawamukela ngazo zombili, bathokoza uma benikezwa udumo abangazange balinikwe uJehova, abangazange benze lutho kodwa bavuma bazibiza ngo’Shilo.’ Kodwa namuhla uthi uShembe balekani zidindi uyeza uJehova. Nangampela uthe uma ngabe uJehova esecothoza, eseya eyofuna, elandile udumo lwakhe, eyobona ukuthi ngubani lona okuthiwa ungu’Shilo’, ngoba mina ngingu’Shilo’ ngoba ngadala izulu ngadala umhlaba, ngabe wadala muphi umhlaba lo’Shilo?’ Uthe uma esekubona ukuthi nangu umnikazi wegama, akukabe kusahamba kahle, namuhla asisalizwa leligama lika’Shilo’, asisalizwa igama lika’Jehova’ ngoba uzifikele yena mathuba. Ngoba washo uShembe wathi balekani zidingi, uyeza uJehova. Besithi uyakufika ngezinsuku zokugcina, kanti kwabanye uzofika nje khona manje, abonwe yibo bodwa, abazange bahlanye-ke? Bahlanya, ngoba wayesefikile umnikazi wegama ezolilanda, ezobuza ukuthi ungu’Jehova, ungu ‘Shilo uma ngabe uqeda ukwenzani? Liphi lona izulu owalidala, uphi wona umhlaba owawudala? Ungathi udaliwe yimi bese uthi unguJehova, uthi unguShilo?
 
17.Kwakholakala ukuthi ngempela unguShilo, akaze azifuna izindlela zabaprofethi abaphambili. Akafunanga ukuthi konke iNkosi iLanga njengoba kwathi uma kuhamba uMprofethi owaqala lelibandla, wangena emncane, wahamba kanjani phakathi kwalelibandla. Akazange akufune, kodwa akuthatha wathatha ukuthi yena uwuJehova yena unguShilo, nabantu bakhe babemubiza kanjalo, kodwa akayizifunanga izindlela ezahamba abaprofethi abaphambili kwakhe.
 
18.Njengoba sengishilo ngithi asikaze iNkosi iLanga silithole ithuba noma inhlanhla yokuthi sibe nayo, kodwa inkulumo yayo, siyificile nathi, siyayizwa iNkosi ILanga ikhuluma ifundisa amaNazaretha ngokuthatha udumo lukaJehova, ifundisa ngeNkosi yaseBhabhiloni, eyaphela ngosuku mhla uJehova efika kuyo. Kanti yayikhuluma ngento ezogcina yenzekile nakhona lapha eKuphakameni. Nabanye futhi kuseza kubo uma bengahlehli, uma bengahlehli egameni lokuthi babizwe ngoNkulunkulu, kuseza nakubo, akuzukugcina koyedwa, kuzohamba ngazo zonke izindlela, kufike kubantu abathatha udumo lukaJehova!
 
19.Ngelinye ilanga bantwana baseKuphakameni ithi ingelosi ‘ungabozetha ngento edaliwe, ekhona noma ephefumulayo, uthi ungalokothi ngoba iyokuphikisa lento ngoba iyokuza uma ubizwa bese kusabela yona, ayikukuyeka! Uthi-ke omunye wabhala imoto yakhe, wabhala imoto yakhe wathi’ inkanyamba’, uthi akuzange kuphele ngisho izinyanga ezintathu, wathi uyahamba nje kungekho lutho, imoto yaphuma yaphaphalaza, yayoshaya yayowa phakathi la eweni.
 
20.Waphila umuntu owayehamba naye, kwafa yena, ngoba inkanyamba yayifuna yena ishaya yena ukuthi uhlekisa ngayo uyibhala emotweni, ngoba ayikaze ibe imoto. Uthi-ke ngaso sonke isikhathi ngisho ingane yakho uma uyetha, ungaboyetha ngegama lento engayena umuntu, ngegama lelisilwane ngoba uyokufa umntwana wakho abulawe ileso silwane omethe ngaso. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni nakho ukuvumela abantu ukuthi bakubize nokuzibiza kwakho ngoNkulunkulu, mhla uNkulunkulu efika phambi kwakho uyokufa, ngoba izinto ayozifuna kuwe, awuyukwazi ukuthi umnike uNkulunkulu, ngoba uyakufuna izulu ukuthi liphi izulu lakho owalidalayo, muphi umhlaba owawudala, uyobe unganakho.
 
21.Noma ngabe awufanga, uzohlanya, noma ungeze wafa, kodwa uzohlanya, abantu bethi uyahlanya, kanti uyaphucwa, sewuphuciwe, uJehova usekuphucile amagama akhe nodumo lwakhe, ukuphucile konke, wakushiya ungumuntu njengoba vele uwumuntu! Ngeke uzalwe ngumama, uncele ibele njengabantu bonke, uthele kuhulumeni, ube ne-ID, uphathwe nguhulumeni, bese ngale kwkalokho kuthiwe uwuJehova! UJehova, akekho umuntu ongaphatha uJehova, akekho uhulumeni othelisa uJehova, akekho umuntu ongaphatha uJehova, kodwa abaphethe abathelayo, bathi bangoJehova!
 
22.Kodwa-ke sizwa laphayana indoda ehlakaniphileyo, indodana enhle, seyenzile kahle phambi kwaNkulunkulu kodwa yahlehla yafuna izindlela zikayise ukuthi uyise wahamba kanjani phambi kukaJehova. Nebandla lilonke kuyafuneka ukuthi liyilalele kahle le ndaba. Ngithi-ke akuyi ngokuthi ugcotshiwe, kuya ngokuthi ukholiwe, uma ngabe ukholiwe kufanele uyilwele into kaNkulunkulu ukuthi ingashabalali, ngithi-ke uthi uShembe jabula wena ongaboniyo umhlaba nengcebo yawo. Uma usubone ingcebo, uye uthi uma wenza into uyenze ngoba uthenga into ethile eyaziwa nguwe.
Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni sake sababona abantu ababefika nezinto ezinkulu ebandleni, kubongwe kungcongcozwe.
 
23.Kwake kwafika omunye ubaba okwakuthiwa nguMnahutla engumTshwane, ebuya ngapha e-Rustenburg, wafika wenza izinto ezinkulu laphana, sabonga, kade esuka ebandleni esuka kababa uLekganyane, uma esho ethi wayekhonza khona. Ngazifuna ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi lo baba azokhonza lana ngoba abantu abakhonza laphana abayi kwamanye amabandla Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni ubaba uMnahutla wathi esuka wabe engasabahloniphi ngisho abagcotshwa, abafundisi. Kwakuthiwa uma kuthiwa akubizwe abafundisi, asukume naye, afike kuqala lapho okufuneka khona abafundisi, agade lona ozokuthi manje cha kuthiwa kufuneka abafundisi, avele ashunqe naye. Akazange axoshwe muntu, waxoshwa nguNkulunkulu, ngisho njalo.
 
24.Kodwa engakubona wayehlala athi “ke batla tshelete yaka, ke re ke batla tshelete yaka” imali yakhe lena okade eyikhipha, kodwa ubenikela, “ke batla tshelete yaka” manje, kwase kuyaqala ukubonakala ukuthi hawu ngoba nalapho wavuka kukade kugcotshwa abavangeli beba ngabafundisi, wangaba nokubona ukuthi akayena ngisho uMshumayeli, akumphathanga kahle ukuthi asale. Wathi ebekhipha imali yakhe ekuseni nantambama, “ke batla tshelete yaka!” Uma ithi inhlalisuthi iyamubuza iyamutshela ukuthi hhayi akwenziwa njalo kulelibandla, ithi iyamutshela iyamuvimba, ha “o nagana gore o mang wena, o nagana gore o mang?” kuthiwa ‘ucabanga ukuthi uyini’ ngesiZulu.
 
25.Ngith-ke bantwana baseKuphakameni ngiyafisa ukuthi sikufunde lokho ukuthi ke singawuboni lo mhlaba iNkosi iLanga ekhuluma ngawo nengcebo yawo, kodwa sibone ingcebo yasezulwini. Ngoba yona iyosisiza bantwana baseKuphakameni, iyosisiza ebunzimeni ezikhathini zokugcina, ngoba kukhona lapho okusuke kungeke kusafuneka imali, ekungafuneki umzali wakho, kufuneka wena wedwa khona, angeke ngisho umzali wakho azokuphendulela embuzweni obuzwa wona kodwa uyobe usuziphendulela wena. Abanye balahla uNkulunkulu bemulahlele imindeni ngoba bebona imindeni isanamathele kuwe, ngoba nayo imindeni inamathela kuwe kukhona ekubonayo. Uma ngabe kungasekho ekubonayo, uyabaswela abantu bakini, ubaswele bengafile ubaswele bekhona. Yonke into manje ihamba ngokhesari!
 
26.Ake siphinde sibuyele kulencwadi bantwana baseKuphakameni, ngifisa ukuba ngike ngifike kwenye indawo.. Anahubo 38 verse 9-12. “Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho; ukububula kwami akufihlekile kuwe. Inhliziyo yami iyagquma kakhulu; amandla ami angishiyile, ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.
Abathandekayo bami nabahlobo bami bemi kude nokuhlupheka kwami; abakwethu bemi kude laphaya. Abafuna umphefumulo wami bayangicupha, abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke!” Ngiyifundela laba abaye babone ukuthi abasuke belahle uNkulunkulu bemulahlela imindeni ngoba kusuke kusekhona ukuthandwa umndeni kubo, kodwa ngelinye ilanga uzoba wedwa.
Ngithanda lamazwi athi ‘. “Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho; ukububula kwami akufihlekile kuwe. Inhliziyo yami iyagquma kakhulu; amandla ami angishiyile” Nobani ayakomshiya, nobani ayokumushiya.
 
27.Ziyafika izikhathi ezinjalo lapho osuke usuwedwa khona, akuqali khona sewungasekho, uma ulahla uNkulunkulu umlahlela umndeni! Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni isihloko sithi basusisiwe bonke abamesabayo uJehova nabagcina umthetho wakhe. Lelibandla-ke liyisikole sokufundela ukungena ezulwini, akukulona ibandla leli ongakwazi ukuthi uhambe noma wenze umathanda, kodwa isikole! Abaningi-ke bayaye basheshe babone ukuthi isikole sokungena ezulwini, kanti bafuna isikole salapha emhlabeni esiphuthumayoe kodwa bangazi ukuthi mincane kabi imihla esizoba nayo lapha kulelizwe leli, bangabi nandaba nezwe abayophila kulo kuze kube phakade!
 
29.Kulapho kulelibandla kuphela lapho okuye kuthi uma kuwumhlangano kube nomnikelo ocelela abantu abangasekho kuNkulunkulu, ababelapha kulelibandla, abangumndeni ukuthi uNkulunkulu abathethelele izono zabo. Akukho kuwo wonke amabandla, ngoba amabandla aholwa ngabaholi bawo, bawahola bona, bawahola ngabantu abadala, kodwa lelibandla liholwa ingelosi! Ingelosi eyasho njalo, yathi akube nenkonzo yabangasekho ekade sikhonza nabo, ngeke uyithole le nkonzo kuwo wonke lamabandla, awukho futhi umnikelo okhishwa ngezizathu esithile! Yonke nje iminikelo ifana neminikelo yesociety, awunagama, abantu abazi ukuthi banikelela ini, bathengani, ini abafuna ukuthi ingabaveleli!
 
30.Kodwa ilapha kuphela, ngisho izifo, kulapha kulelibandla kuphela lapho othola kunikelelwa khona izifo. Nakhona lokho kwenziwa ukuthi lelibandla uNkulunkulu walakha ngengelosi, ngoba engafuni ukuthi lifane namabandla aphethwe ngabantu! Sanikwa ngisho incwadi bantwana baseKuphakameni efundwa ngaleso sikhathi. Kukulelibandla lapho abantu bechazelwa khona ukuthi ngisho umnikelo wempepho, kusuke kuwumnikelo oqondana nawe ozicelela ngawo kuNkulunkulu ukuthi akuphephise ezifweni nasezingozini, uma ungawukhiphi usuke wenqaba ukuthi uNkulunkulu akuphephise.
 
31.Akekho umuntu ongakulandela athi ukhiphe, ngoba awuqondene nomunye umuntu, uqondene nawe nomuzi wakho wonke. Ngithi-ke bangcwele, ngisho umgidi, kukulelibandla kuphela lapho ngisho izingane zethu zazi khona ukuthi umgidi uyinkonzo, umgidi uwumthandazo, umgidi uwukukhuluma noJehova! Ikhona ungeke ubone kulelibandla abantwana bethu besina, noma obaba besina bezilahla phansi, abanye bagiye, ngoba bayazi ukuthi abekho ezitshadweni, bayazi ukuthi basendaweni kaNkulunkulu, uNkulunkulu uyahlonishwa!
 
32.Ngithi-ke bangcwele engathi uJehova engathokoza ngathi. Engathi nabantwana bethu bengamufunza lo Josiya, bamufunze noma bengagcotshiwe, kodwa bayifune indlela kaNkulunkulu, bafune ukwazi ukuthi konje ngalesisikhathi kuqala lelibandla, kompe uBaba uMelusi, wayekade ehamba kanjani, wayekhuluma kanjani, wayethi akwenziwe njani, konke uMkhokheli wayeyathi akwenziwe njani.
 
33.Ngiye ngizwe abantu, kwesinye isikhathi amaNazaretha, bathi ngeke bona emabandleni aba kuwo, ngeke bona, abasho nokuthi umama, bavele bathi umfazi, ngeke bona ngeSabatha noma ikuphi ngeke bona balalele inkonzo ephethwe ngumfazi! Kodwa engimithanda ngakhona uJehova, uJehova engikuthanda kakhulu kuye, ngiyamuthanda uNkulunkulu ngoba namuhla baphethwe uNkosikazi. UNomusa Dube, uphethe isifundazwe sonke, uphethe ngisho obaba namakhosi. Ngalowo mazwi isifundazwe sakwaZulu siphethwe yithi bomama.
 
34.Angazi-ke ukuthi bayobaleka bashonephi ngoba lisazophathwa futhi umama, kusazoba khona umengameli owumama. Kuhle ukuthi uma ukholwa ulalele indaba kaNkulunkulu. Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, mina uNkulunkulu wangenza ukuthi ngiguqe phambi kwabantu, ngisuka kude, lokhu kuguqa phambi kwabantu, uNkulunkulu wangikhetha ukuba ngibe isisebenzi sakhe! Ngiwumama oyincwadi ongayifunda ugcine lapho ungene ezulwini, ngiwumama oyincwadi ongayifunda wakheke umuzi wakho. Ngisho-ke ukuthi-ke bangcwele njengoba ngiguqe lapha angizenyezi ngoba ngiyazi ukuthi uNkulunkulu ulindeni kimi ukuthi ngiyedlulisele kubantu.
 
35.Ngithi-ke bantwana baseKuphakameni, namhlanjena silindile sonke ukuthi siphethe noma sikhangezile ukuthi kulomhlangano ebesinawo, uJehova uzosiphani, uNkulunkulu uzosifica senze kahle sonke yini. Uma simuthanda uJehova ngezinhliziyo sonke sithi engathi uNkulunkulu noma esithola kukhona lapho esiphambuke khona ebese eyasithethelela uma esithole simthanda ngaphakathi kwezinhliziyo zethu. UShembe wasikhulula bangcwele, ngicela nje ivesi elinye, ngicela nje ivesi elilodwa bantwana baseKuphakameni, elilodwa nje ukuthi uShembe wasifica sisemakhamandela.
 
ISIHLABELELO 148
1 Sisa ndinda wasimisa
Sabashiya babephuza,
Samlandela uphunga elihle
Makabongwe uJehova.
 
2 Nanamuhla basa banjiwe
Abagcinelwe ubumnyama,
Bakhululekile ababiziweyo
Makabongwe uJehova.
 
3 Siyazidinga ezokumbonga
Thina ababiziweyo sasabela,
Simbonge odumisekayo
Makabongwe uJehova.
 
36.Bangcwele uShembe wasifica lapho sisagcinelwe ubumnyama, wasifica sisabanjiwe, wasithola sisagcinelwe ubumnyama, wasinyula khona, wasiletha kulokhu kukhanya. Ngalokhu sekuyoze kube phakade sihleli kubo, sekuyoze kube phakade, siyolwa kunqabuke inhloko uma kukhona umuntu ofuna ukusibuyisela lapho esasigcinelwe khona ubumnyama. Noma singahlupheka size sibe njani, kodwa asiziboni sihluphekile kodwa ngoba siyazi ukuthi ekugcineni sizamubona lona odumisekayo.
Inkosi yaseKuphakameni ibusise enikuzwile

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *