Nina bakholwayo emthethweni nakuba prophet niyisizwe esihle esiphakanyisiwe ngaphezu kwezizwe zonke! Ningabalandeli labo uNkulunkulu abanidukisa ngamabomu!
Aniboni Yini ukuthi balahlekile, baphika uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba, kanye nesithunywa sakhe bayasiphika, baphika nemibhalo eqinisileyo, bafuna nifane nabo, ningakholwa njengoba bona sebehlulekile! (Inkulumo kaMprofethi Isaya Shembe)
Inkonzo yokuvalwa komhlangano kaJanuary 2023.
28 January 2023.
Isihlabelelo 130
1.Sibuthene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincinda izembe lezwi lakho
Silincinde ngokugcina.
2.Sitshela zonke izizwe
Umkhondo wezwi lakho
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhliziyo zabo.
3.Lingene lingathiwa
Ezinhliziweni zabo
Balithande baligcine
Lelo lizwi lakho.
4.Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha leli lizwi
Zisinde zonke izizwe.
5.Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade
Ngokugcina leli lizwi
Zosinda zonke izizwe.
1.Okukuqala kumele ngibonge nginomkhokheli ukuthi sithe uma uShembe esithuma kini, namlalela, nakholwa futhi ukuthi ngempela sithunywe ngokwasezulwini phakathi kwenu!
2.Sonke kumele siyibonge neNkosazane yasezulwini uHlaleleni, ngoba kuyaye kuthi noma sekunzima kakhulu, abantu besihlasela ngapha nangapha, kodwa yona ihlale iseduze kwethu, isinika isibindi! Thina singabantu basemhlabeni, yena uvela ezulwini, kodwa ukhethile ukuba asuke ezulwini azohlala nathi!
3.Ngethemba ukuthi noBabamkhulu lapho ekhona, kuhlanganisa iNkosi iLanga neNyangayezulu, bayathokoza kakhulu lapho bekhona, ngoba sonke njengoba sihlangene lapha, singumbutho kaJehova ozovikela ubuNazaretha emikhosini yomubi oyihlasele!
4.Kwamanye amabandla amaNazaretha ahlangane ngezinkulungwane, kodwa lobo buningi babo akujatshulelwa ezulwini!
5.Akusho lutho kuMprofethi, kuBaba iLanga nakuBaba iNyangayezulu, ngoba akuhlangenwe ngezimfundiso zokugcinwa komthetho kaJehova!
6.Ngokusobala ukudumisa kwabo nezangoma kuyinhlamba kulelibandla, noma bengafaka izingubo ezimhlophe, behlabelele amaculo oMprofethi, kodwa uNkulunkulu angenke abemukele, angenke abehlisele izibusiso uma bengayilaleli imithetho kaJehova, bayigcine!
7.Ukuhlangana kwabo kuyafana nje nokuhlangana kombutho wezepolitiki! UJehova akanendaba nemibutho ezodumisa abanye onkulunkulu; kodwa thina lapha sihlangene ngokudumisa uJehova yedwa!
8.Imibutho yezepolitiki ingcono kunombutho wamaNazaretha eyimikhosi yokuhlasela umthetho kaJehova ngoba ungumbutho ozenza amakholwa, ufake izingubo ezimhlophe, utshela izwe ukuthi ungamakholwa, baze bameme abantu ukuba beze enkonzweni, kanti babamemela enkonzweni elwa noNkulunkulu!
9.Kukhona isihlabelelo soMprofethi, isihlabelelo 55, esithi: “Izimpi zifikile izwe lakithi selifile. Hlabani umkhosi omkhulu. I-Chorus ithi: “Khulumani kahle makholwa, izwe lakithi selifile.
10.Umkhosi wencithakalo sewuphumile uze kusichitha eNkosini yezulu. Uphume nelizwi lokonakalisa. Uphuma nenkemba ufuna ukweyisa lenkonzo kaThixo ize iphele.
11.Hlomani mabutho sekuzwakele. Sengiyibonile ingelosi yasezulwini, sekuzwakele ukulwa ezulwini, qinani amandla Maqhawe ezulu!”
12.Angazi noma ukhona yini kumaNazaretha oke azihluphe ngokuzibuza ukuthi zivelaphi lezi zimpi zencithakalo ezizosichitha eNkosini yezulu!
13.Ngisakhula ngangithi uma ngifunda lesi sihlabelelo, ngicabange ukuthi kuza isikhathi lapho lelibandla lamaNazaretha lohlaselwa khona ngamanye amabandla, njengamaKrestu nje, ngoba iwona angihlukumeza kakhulu ekukhuleni kwami.
14.Kodwa sengiyabona manje ukuthi akunjalo, mhlawumbe kudala kwakungaba njalo, kodwa namuhla akusenjalo! Uthi ke uMprofethi kuza UMKHOSI WENCITHAKALO OZOSICHITHA ENKOSINI YEZULU!
15.Kodwa uma usulandela zonke iziprofetho zikaBabamkhulu nezeNkosi iLanga kuyacaca ukuthi lezi zimpi ezifuna ukusichitha eNkosini yezulu, izimpi zamanye amaNazaretha!
16.Kodwa ekugcineni uMprofethi uthi: “Hlomani mabutho sekuzwakele. Sengiyibonile ingelosi yasezulwini, sekuzwakele ukulwa ezulwini, qinani amandla Maqhawe ezulu!”
17.Lengelosi eyabonwa nguBabamkhulu isuka ezulwini izolwa nalemikhosi yencithakalo, namuhla iphakathi kwethu! Akekho umuntu ofike walwa nalokhu kuhlubuka okutholakala kwamanye amabandla amaNazaretha njengaleNkosazana yaseZulwini!
18.Akekho umuntu osibuyisele ezimfundisweni zikaBabamkhulu zokukhonza uJehova yedwa, njengalomuntu wasezulwini! Sonke esihlale silwela ukubuyiswa kobuNazaretha bukaShembe, esihlale silwela ukubuyisa ibandla likaMenzi wezulu oselephucwe ngabantu, uthi uBabamkhulu singamabutho ezulu!
19.Uthi ke asime isibindi noma sibancane, simlwele uMprofethi, sibulwele ubuNazaretha, simlwele ngobuqhawe oPhezukonke! Lesisihlabelelo sifakazela esinye seziprofetho zikaBabamkhulu ngamaNazaretha azogcina emhlubukile uJehova!
20.Kulesi siprofetho uBabamkhulu uthi: “Kuza isikhathi LAPHO ABANTU BASE KUPHAKAMENI BAYOYILAHLA KHONA INDLELA KASHEMBE. LAPHO BAYOBE SEBENZA IMICABANGO YABO KUNEZWI ESIBAYALA NGALO THINA BOSHEMBE.
21.NGALEYO NKATHI BAYOBE BENGASALI KHATHALELE IZWE LAPHAKADE, BAYOBE SEBETHEMBE AMAZULU AMANINGI, NANGEKHO.
22.NGALEZO ZINSUKU BAYO DEBESELA UKUGCINA UMTHETHO, LO OKUYIWO OKUTHIWE ANGIWUVUSELELE. BAYOWUGXOBA, BAWUZIBE, KUPHASE IMITHETHO YABO NEMITHETHO YEZITHIXO ZABO ABAYOZIBUYISA BAZIFAKE LAPHA EKUPHAKAMENI.” Amein.
23.Sonke namuhla siyazibonela ukuthi amanye amabandla amaNazaretha awugxoba kanjani umthetho kaNkulunkulu, Sekunamabandla acabanga ukuthi ngoba makhulu, asengaphosela inselelo uNkulunkulu, sebekwazi ukudingisa uMprofethi ebandleni lakhe owalihluphekela kangaka, baliphendule elabo!
24.Usexoshiwe uJehova kwamanye amabandla aseKuphakameni, bazikhethela owabo uNkulunkulu abazomdumisa ngaphandle kokugcina umthetho kaMenzi wezulu nomhlaba, lo owathi uShembe lelibandla ngelakhe.
25.Kuyinhlamba eyisimangaliso, nethuka lelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba, ukuthi kungaba nebandla okuthiwa ngelikaJehova, kodwa eliholwa izangoma, libe nomholi webandla owamukela iminikela kaJehova ezangomeni!
26.Ngike ngasho ukuthi kulenyanga edlule ngashayelwa ucingo yinkosana esabatha kwamanye amathempeli kwelinye lamabandla amakhulu amaNazaretha.
27.Yathi banikwe inkonzo njengetsha, yabe isishumayela ngentshumayelo kaBabamkhulu lapho wayehlaba khona izangoma. Uthe eqeda ukushumayela wabe ebizwa, waxoshwa ebandleni, kwathiwa angaphindi abuye, uma eke wabuya uzoshawa!
28. Lomfana wahamba inkonzo ingakavalwa, wabe esengishayela ucingo engazisa ngalesi simo! Kulabo abangayazi lentshumayelo kaBabamkhulu yango 1925, ihamba kanje:
29.“Bantabami, uma nike nangenisa iSangoma, naba nemimoya engcolileyo kulobu buNazaretha, nibokwazi ukuthi kusukela ngalelo langa lobu buNazaretha sebufile, abusekho ngokuba isitha sokuqala sika Nkulunkulu yiSangoma.
30.Ngokuba kuye kuthi nxa uJehova eshaya umthetho ngomlomo woMprofethi, bese no Sathane ashaye umthetho ophambene noka Jehova ngomlomo weZangoma neyabo bonke abakhothama emimoyeni enqatshiwe ngu Jehova.”
31.Bantabami ayikho ingozi enkulu engase inehlele ukwedlula ingozi yokuba nivumele iSangoma singene phakathi kwenu!
32.Uma nike nasingenisa bantabami niyobe nibulele ubuNazaretha, niyobe nimxoshile uNkulunkulu phakathi kwenu! Uma iSangoma sike sangena phakathi kwenu ngenkani, nibothatha amagugu ka Nkulunkulu niphume nawo nisishiye sodwa.
33.Ngokuba uma nihlalile naso, uJehova ehambela phakathi kwenu, impela niyakwehlelwa ngokubi.
34.Ngokuba uJehova uyakuloba ukuba nimhlubukile ngalolo suku nangenisa isitha sakhe phakathi kwendlu yakhe eyingcwele nadla naso, naphuza naso!
35.UMOYA WOBUNGOMA UYONEHLELA NONKE NABANTWANA BENU, NOMA NITHANDAZELWA UKUBA USUKE LOMOYA KINI NABANTWANA BENU, KHONA ANIYIKUSINDA,
36.NGOKUBA NIYOBA SENIMXOSHILE UJEHOVA ONISINDISAYO, NAMUKELA UMOYA WESANGOMA UKUBA UBUSE ENDLINI KAJEHOVA!
37.NGALOLO SUKU UYOPHELA UMTHETHO KAJEHOVA PHAKATHI KWENU” Njengoba usuphelile nje kwamanye amaNazaretha. “KUBUSE UMTHETHO KASATHANE OFIKE NESANGOMA ENISINGENISE ENDLINI KAJEHOVA UKUBA NIXOSHE UJEHOVA NGASO,
38.NGOKUBA UJEHOVA AKAHLALI LAPHO KUBUSA KHONA ISANGOMA! KHONA NGALOLO SUKU ABANTWANA BENU BAYONGENWA IMIMOYA ENGCOLILEYO EWUKUFA, KUTHI LABO ABAYENQABAYO IBEHLISELE OKUBI, ABANYE IBABULALE, NGOKUBA NIYOBA SENIMXOSHILE UJEHOVA PHAKATHI KWENU!” AMEIN.
39.Onke amabandla amaNazaretha asonta nezangoma abonakala ngokuhlabela amadlozi, ehlale ekhuluma ngezulu lomndeni, bephuze utshwala bengamaNazaretha, bezakhela onkulunkulu babo, bengasakhulumi ngoJehova!
40.Uyaqhubeka uBabamkhulu uthi: “Ukonakala kwezinto lapha eKuphakameni niyokubona ngokuncipha kwamandla okukhipha imimoya yama dimoni neyoBungoma kubantu. Niyokwazi-ke ngalolo suku ukuthi seniphumile endleleni ka Nkulunkulu.”
41.Lenkulumo kamprofethi iyisiprofetho esesifezekile. Iliphi ikholwa namuhla elingathi linamandla okukhipha imimoya yamadimoni neyobungoma? Abekho, sekonakele izinto!
42.Akakho ongathandazela lamadimoni ayizangoma abaleke kumuntu, uShembe usesinikile isizathu, akekho onoMoya ongcwele! Ilentshumayelo lo nkosana oxoshelwe yona ebandleni lamaNazaretha!
43.Akugcinanga lapho, kuke kwathi ngifunda ufacebook, ngahlangana nePost lapho amaNazaretha ethuka khona umfundisi uMvubu, ebizwa ngephekula, kuthiwa bekungafanele ukuthi emva kwenkonzo umholi webandla ambusise, ngoba akukho lutho olushilo ephethe inkonzo.
44.Yangethusa lenkulumo ebhekiswe kumfundisi ngabantu engicabanga ukuthi bangamakhosana nje, ngase ngizama ukuyithola lentshumayelo; nangempela ngayithola.
45.Lentshumayelo yomfundsisi uMvubu ngayithola iyisimangaliso, ikhuluma ngokugcinwa kweSabatha. Lentshumayelo uMfundisi uMvubu uyisuse kuGenesisi, waze wafika ku-Exodus, wakhuluma nangezigameko ezenzeka kulelibandla zokungaligcini iSabatha!
46.Kodwa ebandleni amaNazaretha amthuka lomfundisi, bemthukela ukuthi ufundisa ngomthetho kaNkulunkulu! Angazi ukuthi bebelindele ukuthi afundise ngani?
47.Kuyisimanga nje nokuthi umfundisi enganikwa inkonzo ngumholi, bese kuqhamuka amalungu ebandla athi umholi bekungafanele abonge inkonzo kamfundisi! Lokho nje kukodwa kufakazela lento eyakhulunywa uBaba iLanga, exwayisa ngamaNazaretha ayongena kulelibandla, afike kube yiwo aphatha ibandla ngemithetho yawo!
48.Lokhu kuhlubuka uJehova noMprofethi osekukukwamanye amabandla amaNazaretha, neNkosi iLanga yakhuluma ngakho eminyakeni yama 70’s!
49.Ngiyafisa ukuba lesi siprofetho seNkosi iLanga onke amaNazaretha kaNkulunkulu asazi, bese esiqhathanisa nezinto ezenzeka emabandleni amakhulu amaNazaretha.
50.Nasi isiprofetho seNkosi iLanga: “Nginosizi, inhliziyo yami idabukile, ngiyakwesaba kakhulu okuzokwenzeka emva kwami.
51.Ngibona igazi ligobhoza lapha eKuphakameni. Lomuzi uNkulunkulu uzowushiya, kube ngumhume wabaphangi nezindindwa neziphingi.
52.KUZOSALA ABAFILE BETHI BAYAPHILA! UZOCHITHEKA LOMUZI! Usizi lukhulu oluzoba khona emva kwami! ABANTU ABEZAYO ABAZOPHENDUKA, NGENKE BALIFUNE IZWI LIKANKULUNKULU, NGENKE BAMLALELE NOZAYO.
53.Emva kwami abantu bayokholwa ngenxa yemali, ngenke balinake izwi loPhezulu. Abanye bazofika nemikhuba yabo, AMASIKO ABO, BAZOKWENZA INDABUKO YABO, LE USHEMBE OWAYICHITHA PHAKATHI KWENU.
54.IZANGOMA ZONGENA NGOKUTHANDA, ZIPHUME NGOKUTHANDA. ABABI BAYOBAKHIPHA ABAHLE LAPHA EKUPHAKAMENI!
55.NGIBONA KUMI IZIMBIZA ZOTSHWALA EMIZINI YENU, NEZANGOMA ZISINA EMIZINI YAMANAZARETHA, NIDLA NILOBOLISA IZINGANE ZENU ABANGAKHOLWA.”
56.Angazi noma niyakwazi ukuthi thina ingane yakho uma ike yagana umuntu ongakholwa, uyamupha nje awuzithathi izinkomo, angazi noma abasha bayakwazi yini lokho, ake baphakamise abakwaziyo lokho. (Baphakamisa). Yes!
57.“NGIBONA ABANTU BEZA NGAMANDLA LAPHA EKUKHOLWENI” Njengoba begcwele eBuhleni nje. “BAYOFIKA BAZI, ABAYOVUMA UKUKHOKHELWA, ABAYIKULITHANDA IZWI ELISIBUTHILE!
58.BAYOFIKA NOKWAZI KWABO, BAHLAKANIPHILE, BANOLIMI NEZIBONAKALISO, nani niyothatheka, NIYILAHLE INDLELA KABABA ANISHIYE KUYO!
59.Ngiyanicela, nibafundise abezwayo, nibayeke abangafuni, ISIHLUNGO SIYOZIHLUNGA! Bayonixosha, banikhiphe nasemathempelini enu. Ningavumi noma sekunjalo.
60.NIKUPHIKE ANGAKUSHONGO USHEMBE PHAKATHI KWENU, NIKWENQABE ENGIKWENQABILE!
61.Bayothi gayani utshwala” Njengoba utshwala bugwaywa nje kumaNazaretha amaningi. “Lumbani amalumbo, BANIBUYISELE KOKUCHITHIWE, BETHI YIYO INDLELA YOKHOKHO BENU, BETHI NINGAYILAHLI!”
62. Njengoba sekuthiwa njena asikhonze obabamkhulu, indela leyo yokhokho bethu.
63.MINA MUNYE UMTHETHO ENGIZONISHIYA NAWO, NENGINI NIKA WONA, YILOWO UBABA OWANIFUNDISA WONA! Yabe isikhala iNkosi, yadabuka, yahlanganisa izandla njengomuntu obalayo.
64.Yasiyala yathi asime emasangweni, sisho okwakushiwo! Noma kungena izinhlangano sifundisane ngendlela kaBabamkhulu!” Amen!
65.Ngabe ikhona into eyabalwa uBaba iLanga ukuthi izokwenzeka kuleli bandla, engenzeki? Ngithena angisifunde lesi siprofethi ukuze nazi ukuthi zonke lezi zinto enizibona zenzeka ebandleni lamaNazaretha akwaShembe, uBaba iLanga wakhuluma ngazo, noBabamkhulu wakhuluma ngazo. Sezifezekileke manje isiprofetho!
66.Ekuqaleni ngithe ngangicabanga ukuthi izimpi uShembe akhuluma ngazo izimpi ezovela kumaKrestu. Kodwa namuhla sekuyangicacela ukuthi uShembe uzolwelwa ngamaKrestu kumaNazaretha!
67. Ngiyafisa ukuthi namuhla ngiveze inkulumo yomntwana uPhillemone kaTshelendoda kaDinuzulu, oyikhulume ehambele eKhenani mhla 21 January 2023, lapho bekubuthene khona amaNazaretha aseBuhleni. Nansi inkulumo kaPhillemone umntwana.
68.Ngizoveza okushilo ngoBabamkhulu nangamaNazaretha. UMntwana ngokucabanga kwami ungumKrestu! Nanka amazwi omntwana: “Ngiyabonga ithuba enginikwa lona lokuba ngibeke izwi ebandleni elaqalwa uJehova wathumela UMPROFETHI ISAYA SHEMBE kaMayekisa, wamthumela endlini kaSenzangakhona engiphuma kuyo mina.”
69.Ukuthi uShembe wathunywa Jehova sekuyinhlamba kulelibandla lamaNazaretha. Manje imfundiso yamaNazaretha ukuthui uShembe akathunywanga nguJehova, kodwa nguye uNkulunkulu! Futhi ngonkul[unkulu abasho uMprofethi, basho abaholi babo!
70.“Ngibingelele ibandla lonke LIKAMENZI WEZULU NOMHLABA” Manje ibandla akuseyilo elikaMenzi wezulu nomhlaba, sekungelabaholi engesaba nokubiza igama labo. “IBANDLA LAMANAZARETHA LELO! isho njalo incwadi ekade ifundwa la. (Esho umthandazo weSabatha).
71.Uthi uMprofethi u-Isaya Shembe owathunywa uJehova ukuzobutha indlu kaSenzangakhona noDingane echithekileyo, walibiza ngokuthi leligama lalelibandla iNazaretha, lapho okwazalelwa khona uJesu.
72.Uthena uma esekhuluma ngemithetho yonke kaJehova ebhalwe phansi eBhayibhelini, wathi bandla likaMenzi wezulu nomhlaba, UMA NINGENKE NIMDUMISE UJEHOVA NGEMITHETHO YAKHE AYINIKEZA INCEKU YAKHE UMOSE, AKAYIKUYAMUKELA IMITHANDAZO YENU! Amazwi lana oMqali walelibandla.
73. Umqali walelibandla ngimthanda kakhulu ngoba izinto zonke azikhulumayo ziseBhayibhelini, akazange akhulume ngolunye uhlobo.
74.USHEMBE UNGOWESITHATHU KUBANTU ABAYISANDLA SIKANKULUNKULU UKUBATHUMELA EMHLABENI!
75.Ukhulume ngoMose, iNceku kaJehova ayikhiphayo wathi ayiyokhipha abantwana bakwa Israel, ukhulume ngayo, weza ngayo leyo ndlela lapha uShembe, ukhulume ngamazwi ayo. Wakhuluma ngoJesu, (uJehova) wakhuluma kuShembe.
76.Ayikho indaba yasezulwini uShembe ayishiye eceleni uma ezoshumayeza abantu bakaJehova, neyodwa!” Kukhuluma lapha umKrestu, uma ungase ukhulume leyonto ebandleni lamaNazaretha kakhulukazi eBuhleni, ungashawa, uma uliNazaretha.
77. “Awu ngiyamthanda kakhulu! Ngimthanda kakhulu umntwana kaMayekisa enhliziyweni yami!
78.Wakhuluma ngendlela yonke yokungcwelisa umuntu aye embusweni kaNkulunkulu. Angazi ukuba ngingathini, isikhathi ngishiswa ilanga, asingiyeke!
79.Ngibonga into enkulu ukuthi uMdliwamafa kaMayekisa owahamba ngezinyawo enza lomsebenzi eniwubona ungaka lapha entabeni.
80. Manjena lo msebenzi usubonakala ungowalaba abaholi, akusakhulunywa ebandleni owayehla enyuka akha lelibandla likaJehova!
81.Lo umsebenzi kaShembe ehamba ngezinyawo eshiswa yilanga, ethi ‘Ngithunywe nguNkulunkulu!”
82.Ngake ngahamba kwelakwaMandlakazi ngogcwaba indoda eyambonayo, yathi “ngiyamazi mina, kodwa aykholwa eNazaretha.
83.Yathi ngiyamazi wayesinisa abantu kulesiya sihlahla, wayehamba ngembongolo. Asontise abantu, bese ebafundisa ukugida.
84.Wasebenza, esebenza indaba yaleli bandla, wasebenza uShembe kakhulu abantu ebashumayeza intando kaNkulunkulu uqobo lwayo!
85.Uyathanda ukuba ngikuvezele ukuthi kwakungayiyo inhloso yakhe ukuthi abantu bengaba baningi kangaka, kwaba inhloso kaNkulunkulu!
86.Wayeshumayela ngezinto ezingafanele ukuthi abantu bengakholwa ebandleni lakhe” Underline that. “Ethi abantu abayeke ukuqonywa, into emnandi kangaka, into eyayiyinhle, ukusoka, ukuthi mina nginezintombi ezilishumi.
87.Kodwa ngoba uJehova wayengavumanga ukuthi abantu bakhe bangcoliswe njengezinkomo, wathuma uShembe ukuthi akahambe eyokhuza lokho, ukuthi umuntu ofuna ukuganwa akaganwe!
88.Kungukungcola nobumpuphuthe lokhu ukuthi abantu balingise izilwane. Wakusho kunjalo uShembe kaMayekisa!
89.Wathi abayeke utshwala, bengabenzi nasemzini yabo. Abaphenduka beneke imithombo, wathi ayithathwe iyofakwa Emfuleni!
90.Wenza njalo uShembe kaMayekisa! Akazange imithetho kaJehova wayenza wayifekethisa!
91.Abantu babephila ngezinyanga, bebulalana, bephehlelana amanzi, wafika wabakhipha uShembe, wathi bengenzi ihlambo nabo ngoba bazongenwa ukufa namadimoni uma bedla nabantu abaphehla amanzi, kusho uShembe!
92.Akufanele uma ningaka nginganitshengisi ukuthi kukhona lezi zindaba abanye abantu abazaziyo, zabakhela uthando lukaShembe!
93.UShembe ngiyamthanda, wakhuluma amaqiniso onke, waze wawatshela amaNazaretha, ngoba lokhu ukuthi nje amaNazaretha atholakale ekhuluma ngezulu lomndeni noma eshumayela, noma kufe umuntu, bekhulume ngokuthi uya emndenini, kazange akusho uShembe, akakushongo lokho!
94.Wabahlukanisa abakholwayo nabangakholwa, wahamba ngencwadi yamaKorinte esibili, isahluko 6 ivesi 14, wathi akuhlukane abakholiwe nabanga kholwayo, abadlelani!
95.Yes, mina ngikhule amaNazaretha engadlelani nabanye abantu abangayiwo amakholwa, amaNazaretha. Kodwa namhlanjena amaNazaretha asehamba engena yonke imizi.
96. Kodwa ngokwemfundiso nje yobuNazaretha amaNazaretha akadlelani nabanye abantu abangawugcini umthetho kaNkulunkulu.
97.Wathi uma esebashumayezile abantu abayokwenza umthetho kaNkulunkulu bakholwe njengoba kade kufundwa incwadi yesabatha. Uyozilahla wena kodwa! Uyakhuluma uShembe!
98.Wathi uma esebaqoqile wabatshela, wathi: “Umuzi wamaNazaretha, lapha siya khona!” Uze wahlabelela.
99.“Ngikhuluma ngezindaba zoGagane lokubathiya, ngikhuluma ngezindaba zikaBhombela isitimela samaMpondo.
100.Ngamuzwa mina, angimbonanga, kodwa ngababona abahamba naye ngqo. UNkulunkulu wayengikhethile ukuthi ngizilalelise izindaba zakhe.” Amein.
101.NjengamaNazaretha kaNkulunkulu, siyamfakazela uMageba kukho konke lokhu akushilo. Sesaba babi kumaNazaretha ngoba sivuselela izimfundiso zoMprofethi ngokugcinwa kwemithetho kaJehova!
102.UmNazaretha akaqonywa, akakuphuzi utshwala, akakungenisi ngisho emzini wakhe. UmNazaretha akawahlabeli amadlozi kumbe abalele. Akazihlanganisi nezangoma noma ngayiphi indlela!
103.Noma umuntu engathi ungumNazaretha, kodwa uma ephuza, ehlabela amadlozi, ungazihlanganisi naye! Umuntu osonta nezangoma akasilo ikholwa, noma angafaka umNazaretha, athi uyiNazaretha, ungakudli ukudla kwakhe, ngoba ukuzihlanganisa nesangoma kulelibandla kufana nokudla ingulube!
104.Ekuqaleni ngithe ngangicabanga ukuthiu izitha zamaNazaretha ngamaKrestu, kodwa manje sengiyabona ukuthi izitha ezinkulu zikaJehova nezoMqaliwendlela, ngamanye amaNazaretha.
105.Namuhla amaNazaretha afundiswa ngumKrestu ngoMprofethi, akazi ukuthi kwamanye amaBandla amaNazaretha ayisaphathwa indaba kaBabamkhulu.
106.Naye umntwana ubeyothwala amacala uma ebengakhuluma kanje eliNazaretha!
107.Kodwa kunakho konke, angikaze ngiphuphe ukuthi umuntu ongumKrestu engakhuluma kanje ngoShembe, athi:
“USHEMBE UNGOWESITHATHU KUBANTU ABAYISANDLA SIKANKULUNKULU UKUBATHUMELA EMHLABENI!
108.Ukhulume ngoMose, iNceku kaJehova ayikhiphayo wathi ayiyokhipha abantwana bakwa Israel, ukhulume ngayo, weza ngayo leyo ndlela lapha uShembe, ukhulume ngamazwi ayo. Wakhuluma ngoJesu, (uJehova) wakhuluma kuShembe.”
109. Bathathu abantu, uMose, uJesu, uShembe, lokhu sikutshelwa ngumKrestu, kodwa amaNazaretha awakwazi lokho! Bengingakaze ngicabange ukuthi lamaqiniso engakhulunywa ngumuntu ongumKrestu!
110.Ukufakazela umntwana kuzo zonke lezi zinto osezishilo ngezimfundiso zikaShembe ngomthethetho kaJehova, nazi ezinye izimfundiso zikaShembe:
111.Kukhuluma uShembe la “Ngiyazi ukuthi abafile bayisihibe kwabaningi, ngenxa yokweqiwa uthando lwabo. Kuhle ukuthanda umzali wakho nesihlobo sakho; lokho akukubi kuJehova.
112.Kodwa ningaweli ekubathandeni okwedlula uThixo, funa niduke, nenze okuphambene nomyalo enginiyala ngawo, nenayalwa ngawo ku-Mathewu 10:37.
113.Nizwile emthethweni wayizolo ukuthi anisekuwakhonza amadlozi, nomthetho othi anisahlangani nabafowethu abenza okunjalo; ngoba abenza okunjalo bayanengeka kuJehova.” Nimzwile umntwana ukuthi uthena? Ubefakazela izimfundiso zikaBabamkhulu ezingasaphathwa enkonzweni!
114.Ngaso leso sikhathi babuza oNkwanyana noMzelemu, bathi: “Nceku yeNkosi, angenke sisahlabela okhokho bethu na?”
115.Waphendula uMprofethi wathi: “Cha bantwana bakaNhliziyo, okwenu kuhle ukuba nibakhumbule elatini elikhulu, emzini kaJehova eKuphakameni, kunokuba nenze njengalabo abangenaye uThixo.
116.Bantabami, ukufika kwethu kulomhlaba, kwaba ukuzokhulula amathambo alele othulini lomhlaba, nemimoya yawoyihlo entuntayo; eyayihlala emathanjeni njengezinyoka.
117.Sesifikile thina boShembe, oyihlo bavuka emathuneni, bahlabelela bethi, “Kade sivalelwe, deda singene, simkhonze uJehova, namuhla avuliwe amasango.”
118.Uma ngabe abantu babazi, babezobuthana kanye nathi eKuphakameni; sikhalele abasekufeni, ngoba basosizini.
119.Sasizonxusa ukuba bagezwe, bathethelelwe izono zabo, bangene eMzini oyingcwele. Namuhla yilowo nalowo akanxusele uyise nonina kuNkulunkulu ukuba bakhunjulwe ekudingisweni, babuyiselwe e-Eden elinguMoya wakhe, ethembeni elisha.”
120.Bantwana bakaNhliziyo, kukhona isigodi sosizi, kukhona abanhliziyo zabo zisekwahlulelweni, abasacashile nje, kodwa abalindele ukugwetshwa. Labo-ke yilabo abangamthandi uThixo.
121.Uma abalindi bebopha isigelekeqe, besivalela etilongweni, usihlawulela kuso noma kosibophile? Yebo isaphulamthetho sishweleza enkosini yomthetho, asishwelezi kuso.”
122. Angazi noma niyayizwa yini lonto kusho ukuthi njengoba njena uma umuntu esefile, uboshwa uNkulunkulu, awukwazi ukuthi uyomcela koyihlomkhulu kodwa umcela kuNkulunkulu ngoba ukuNkulunkulu.
123.“Kanjalo nakoyihlo benu abasekuboshweni, nxusani iNkosi yomthetho ukuba ibageze, ibephule ematilongweni.
124.AbaseKuphakameni abasiwo amadlozi, abayizo nezithutha; bangaba ngcwele, ngokuba bahlezi nongcwele, ebungcweleni bakhe. Kanjalo abaphandle komuzi weNkosi enkulu, yibo abangamadlozi, abafuna okwabaphilayo;”
125. Amadlozi afuna okwabaphilayo, akekho umuntu osezulwini ongazofuna ukwenzelwa noma yini emhlabeni ngaphandle kokubakhumbula ngokubanikelela.
126.“Ngenxa yosizi abakulo, ngenxa yokungabi nandawo, akukho okunye eningabasiza ngakho nina zizukulwane zabo, ngaphandle kokucela ukuba bahlanzwe, bathethelelwe, bangeniswe emzini oyingcwele.” Amen!
127.Njengoba echaza uMprofethi, amaNazaretha akasiwo amadlozi, kodwa singabangcwele, umuntu ongcwele ngumuntu ozahlukanisele ukuthi agcine umthetho kaJehova.
128. Awukwazi ukuthi ungawugcini umthetho kaNkulunkulu uthi ungongcwele, umuntu ongcwele, umuntu ozahlukanisele ukugcina umthetho kaJehova, ela emhlabeni, uba ngongcwele ula emhlabeni, ubungcwele bakho kuze kuyofika ezulwini, noma ususezulwini kuthiwa ungcwele.
129.Akushiwo ukuthi abantu abakholwayo bangamadlozi, amadlozi ulimi lwabangakholwa, besho kwabaya ezulwini lomndeni! Nanka lamazwi kaBabamkhulu aqondiswe kubantu abaphumele ukuqeda ngenkonzo kaThixo:
130.“Nina abakholwayo ngeqiniso kulemithetho ka Jehovah uNkulunkulu wenu, ningabi ngabangani nabangakholwa, ningasondelani nalabo abenza inkolo yenu inhlekisa nomdlalo, yesabani uJehova kanye nezithunywa zakhe zonke uma ningamakholwa eqiniso! Amein.
131.Okumele sikukhumbule ukuthi kulesi sikhathi samanje abenza inkolo yethu inhlekisa akusibo abantu abangakholwa, kodwa ngamaNazaretha uqobo lwawo.
132.Uma umuntu ethi kubantu ungumNazaretha, kodwa enza zonke izinto eziphambene nokukholwa, wenza inkolo yethu inhlekisa!
133.Ngake ngathi ngichaza ukuthi amaNazaretha akakuphuzi utshwala, kwaqhamuka umuntu wangiphikisa, wathi amaNazaretha ayakuphuza utshwala, bese ehlambuluka ngeSabatha. Wayesethi: “Lento oyikhulumayo ingamanga, ninenkolo eyimfeketho!
134.Kwangithusa lokhu kukhuluma. futhi kwakuse msakazweni, wangiphikisa lo muntu wathi nginamanga, lento engiyikhulumayo, ngitshela abantu amanga, amaNazaretha ayabuphuza utshwala ebese ehlambuluka ngeSabatha!
135. Wathi: “Wena uma uthi amaNazaretha akabuphuzi utshwala, lento oyikhulumayo ingamanga!” Wayesethi le nkolo yamaNazaretha akwaShembe iyimfeketho, okuthi ufike uphuze uphuze bese uhlambuluka ngeSabatha. Ngitshelwa umuntu ongasilo iNazaretha, engitshela emsakazweni!
136.Uthi-ke uBabamkhulu: “Ningabavumeli banithuke, banisabise, nize nifune ukushintsha iqiniso lika Thixo nilenze umdlalo. Nani nenze abaprofethi abaqambi manga, kepha qikelelani ningagudluki kokubhalwe phansi, nilimele iqiniso enalamukelayo livela eNkosini.
137.Nibagade labo abaphikisa imithetho ka Jehovah ngamaphupho abo, bayingozi ekuguquleni imithetho ka Thixo. Angithi uSathane usebabonile ukuthi bayayiziba imibhalo, bakhetha amaphupho ukuze uSathane abadukise kakhulu. NoNkulunkulu ubayekile ngenxa yokungaqondi kwabo imibhalo.
138.Ninjenge zimvu phakathi kwezimpisi, ngakho hlakaniphani njengezinyoka nibe mnene njengamajuba.
139.Kepha ningalungi kuze kweqe ngoba nizosuke nivumele abahlubuki babuse enkolweni ka Jehovah, kumele nikunqabe okunqatshiwe emthethweni ka Jehovah, nikuchithe impela ningavumi!
140.Ningakhohlwa uma senibabonisile, kepha bona beqhubeke benze inhlekisa inkolo ka Jehovah, khumbulani umthetho othi ” iso ngeso.”
141.Uma benishaya ngempama baphenduleni ngezinqindi ezilishumi, kepha ningakhohlwa yizixwayiso ezafundiswa ngu Jesu ngaphambi kokuphindisela.
142.Kuhle ukufela inkolo ngoba labo abanjalo ababe besalinda ndawo, baqonda ngqo eParadise. Labo abaphika inkolo ka Jehovah, yilabo uNkulunkulu abaqalekisile!
143.Ababoni lutho emehlweni, baphika imibhalo ngendaba yokuqagela. Uma benani bathi bayakholwa, kanti banamanga, uJehovah ukwazi kahle konke abakwenzayo, ngeke basinde!
144.Iningi labo uzobabona ngokwenza izinto ezinqatshiwe emthethweni, bedle okuyisinengiso, ngokuphika imibhalo, nembala bazi lokho nje!
145.UNkulunkulu uJehovah uveze iqiniso eliphelele ngemithetho yakhe ebhalwe phansi, wayifundisa nangaba profethi kanye naba Priest, ngakho labo abangavumelani nemithetho ka Mose, baya ekulahlweni!
146. Yes, uJehova ufundisile ngabaprofethi, wafundisa nangaba-priest, nginguMpriest, kodwa kufike ingelosi yeza, yasuka ezulwini yazosifundisa ngomthetho kaJehova angisuyena uMprofethi kodwa nginguMpriest, kodwa ngifundiswe uJehova ngoba ngifundiswe ingelosi kaJehova.
147.“Nina bakholwayo emthethweni nakuba prophet niyisizwe esihle esiphakanyisiwe ngaphezu kwezizwe zonke! Ningabalandeli labo uNkulunkulu abanidukisa ngamabomu!
148.Aniboni Yini ukuthi balahlekile, baphika uNkulunkulu owadala izulu nomhlaba, kanye nesithunywa sakhe bayasiphika, baphika nemibhalo eqinisileyo, bafuna nifane nabo, ningakholwa njengoba bona sebehlulekile!
149. Lento uBabamkhulu wayikhuluma kudala, kodwa into eyenzeka manje, namhlanje inkinga yethu yokukholwa akuwona amaKrestu, amaNazaretha asehlulwe ngukukholwa!
150.Usathane akabathembisi lutho abantu ngaphandle kwezinto eziyize, noma ubani ophula umthetho ka nkulunkulu uyokujezela lokho!
156.Nina bokukholwa yamukelani incwadi yemithetho njengoba injalo, ningayinciphisi futhi ningayandisi. Kepha hambisanani nesikhathi eniphila kuso, uNkulunkulu muhle futhi unomusa.
151. Njengoba ngasho nje ngathi ekuqaleni abantu babehlala phansi enkonzweni, kodwa yafika ingelosi yathi noma singahlala ezihlalweni alikho icala, ngoba awukho umthetho othi asihlale kanjani enkonzweni! Sihambisana nesikhathi, kodwa esingaphikisani nomthetho kaNkulunkulu. Uma bekunomthetho othi asingahlali ezihlalweni enkonzweni, besingeke sihlale ezihlalweni.
152.”Qikelelani imithandazo ngazo zonke izikhathi zayo, zinganendluli, ngaphandle uma kunesizathu, kulungile ukukhuleka uhamba noma usebenza.
153.Kepha uma ungenzi lutho kumele wenze umthandazo ngendlela ehloniphekile enesizotha ukuze nizuze izibusiso KuThixo.” Amen!
154.Kulenkonzo ngicaphune izincwadi ezingi zoMprofethi nezeNkosi iLanga ukuze niqonde ukuthi konke esikwedlulisa kini akusuki kithi, kodwa kuyimfundiso yoMprofethi ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu!
INkosi ibusise izwi layo.
Isihlabelelo 153.
1.Nanti ilizwi elomemo
Liyamema bonke abantu,
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
2.Abansundu nabamhlophe
Libamema kwana njalo
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.
3.Zimpumputhe nani zinyonga
Sabelani niyabizwa.
Lolu memo ngolwezulu
Ziyamenywa zonke izizwe
Alikhethi noma munye
Liyamema bonke abantu.