Skip to content

UKUHLONIPHA EKUPHAKAMENI KULUSIKOMPILO LWASEZULWINI

uMprofethi Isaiah Shembe wathi:

Bantabami, uma nike nangenisa iSangoma, naba nemimoya engcolileyo kulobu buNazaretha, nibokwazi ukuthi kusukela ngalelo langa lobu buNazaretha sebufile, abusekho ngokuba isitha sokuqala sika Nkulunkulu yiSangoma.

Ngokuba kuye kuthi nxa uJehova eshaya umthetho ngomlomo woMprofethi, bese no Sathane ashaye umthetho ophambene noka Jehova ngomlomo weZangoma neyabo bonke abakhothama emimoyeni enqatshiwe ngu Jehova.

04 February 2023.
Isihlabelelo 36
1. Ngofa ngingenani
Mina ngedwa soni
Ngofela esandleni sakhe
Owathunywa nguwe.
 
2. Lokhala icilongo
Lokwamukela umoya wami
Songena entokozweni
Yabakhethiweyo.
 
3. Hhayi umusa kaJehova
Ngami mina son i
Ebengingafanele lutho
Okhukhweni lwakho.
 
4. Namhla sengicambalele
Kanye nabangcwele
Abamagama alotshiwe
Ebusweni bakho.
 
Isihloko salenkonzo sithi:
 
UKUHLONIPHA EKUPHAKAMENI KULUSIKOMPILO LWASEZULWINI.
 
1. Yini inhlonipho? Inhlonipho ukwenza into obhekeke ukuba uyenze ebangeni lakho, okuthi noma uyenza kweneliseke bonke abantu. Singasho futhi ukuthi inhlonipho ukuphila impilo yokungazikhukhumezi, ukuziphatha ngendlela encomekayo!
 
2. Wonke amakholwa abhekeke ukuba abe nenhlonipho, nokho akuthina sonke esiyaye sisibone leso sidingo! Ziningi izindlela zokubona umuntu ongahloniphi. Omunye umbona ngokwenza, noma ethule, kanti omunye ukuveza ngokukhuluma unkungahloniphi kwakhe!
 
3.Umuntu ongahloniphi ungumuntu oyaye acabange ukuthi uhlaniphile, ukwenza kwakhe kungabacabangeli abanye abantu, azicabangele yena yedwa! Uma sikhuluma ngenhlonipho yaseKuphakameni, lenhlonipho siyibone kuShembe uMprofethi ehlonipha uNkulunkulu, abuye ahloniphe amaNazaretha, yize engumholi wawo!
 
4.Uma uBabamkhulu eqala yonke imithandazo, uthi: “ BANDLA ELITHOBEKILEYO NELIHLONIPHEKAYO LIKAMENZI WEZULU NOMHLABA.” UShembe akakhulumi ngebandla lakhe, kodwa ukhuluma ngebandla likaNkulunkulu! Akahloniphi kuphela uNkulunkulu, kodwa uhlonipha namalunga ebandla, ukuthi kwawona alibandla likaMenzi wezulu nomhlaba! Ngisho uMprofethi esethi asiguqe, lokho ukusho ngendlela yenhlonipho engaziwa lapha emhlabeni.
 
5.Uma ethi ibandla aliguqe, uthi: “Bandla elithobekileyo nelihloniphekayo likamenzi wezulu nomhlaba, uMenzi makavume ukubusisa ukuguqa kwethu nokuzithoba kwethu” Esihlabelelweni esiqeda ukusihlabelela, uShembe uthi kumaNazaretha: NGOFELA ESANDLENI SAKHE OWATHUNYWA NGUWE! Ngaso sonke isikhathi uyawakhumbuza amaNazaretha ukuthi YENA UYISITHUNYWA SIKAJEHOVA, WATHUNYWA NGUJEHOVA! Ayikho into eyayihlale iqashwe nguShembe njengokuthi kuthi ngoba uJehova ngaso sonke isikhathi uzibonakalisa ngaye, bese ethi sekunguye uNkulunkulu!
 
6.Kuyishwa nokho ukuthi kulesi sikhathi samanje kunabaholi bamabandla amaNazaretha abafundisa abalandeli babo ukuthi bona bangonkulunkulu! Ngike ngezwa omunye umholi wamaNazaretha eshumayela, ekhuluma NGONKULUNNKULU uBabamkhulu, UNKULUNKULU iLanga, UNKULUNKULU iNyangayezu NONKULUNKULU uThingo, kwase kusala ukuthi naye azisho ukuthi unguNkulunkulu!
 
7.Ukukhuluma okunje kuyethusa uma usukuzwa kukhulunywa ngumholi webandla lamaNazaretha, yize uShembe ekubhale phansi ukuthi yena unguMprofethi, nokuthi lelibandla ngelikaMenzi wezulu nomhlaba! Yonke imithetho ebusa lelibandla uShembe uyibhale phansi, wayethi uma uShembe eshumayela, konke akushumayelayo kube nomabhalane okubhala phansi ngaso leso sikhathi! Ngakho-ke awukwazi ukuthi kuthi ungaphansi kwebandla elisungulwe nguShembe, bese uphikisa imibhalo yakhe! Ukuhlubuka lokho, kungukufakazela isiprofetho sikaShembe uma ethi:
 
8.“NGALEZO ZINSUKU BAYO DEBESELA UKUGCINA UMTHETHO, LO OKUYIWO OKUTHIWE ANGIWUVUSELELE. BAYOWU GXOBA, BAWUZIBE, KUPHASE IMITHETHO YABO NEMITHETHO YEZITHIXO ZABO ABAYOZIBUYISA BAZIFAKE LAPHA EKUPHAKAMENI.”
 
9.Nalokhu kukhuluma kubhalwe phansi, yikho sikwazi nje ukukusho! Okubi kakhulu ukuthi umthetho kaJehova ugxotshwa ngabantu abathi bangabaholi bobuNazaretha! UYeshua ku Mathewu 5:19 uthi: “Ngakho-ke oweqa owodwa kulemiyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.”
 
10.Kulelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba sibona abaholi abalandelwa zigidi zabantu, kodwa laba bantu bebakhipha emthethweni kaNkulunkulu! Ukubiza uShembe ngokuthi nguNkulunkulu kungukuhlubuka, futhi kungukungahloniphi uJehova ebandleni lakhe, ngoba nguShembe obhale phansi ukuthi yena unguMprofethi kaJehova! Ngakho ukuphikisa okubhalwe phansi nguBabamkhulu, futhi ephikiswa ngumholi walelibandla lamaNazaretha, akukhona kuphela ukuhlubuka, kodwa kungukubukela phansi uMprofethi uqobo lwakhe!
 
11.Uthi-ke uBabamkhulu: “Nina abakholwayo ngeqiniso kulemithetho ka Jehovah uNkulunkulu wenu, ningabi ngabangani nabangakholwa, ningasondelani nalabo abenza inkolo yenu inhlekisa nomdlalo. Yesabani uJehova kanye nezithunywa zakhe zonke uma ningamakholwa eqiniso!”
 
12.UShembe yisithunywa sikaJehova, thina singamakholwa eqiniso, ngakho-ke kumele silwe nalokhu kuhlubuka kwamanye amabandla amaNazaretha! Saphumela obala sawaphikisa amaKrestu uma ekhuluma ilumbo ethi kungukukholwa ukufundisa abantu ukuthi ABASAPHILI NGAPHANSI KOMTHETHO KAJEHOVA! Abezizwe bazama ukuhumusha izincwadi zeTestamente elidala ngobuqili obuyisimanga, ngoba amaRoma ayichitha ngemibhalo yabo inkolo kaJehova!
Abakwazi-ke ukukushintsha lokho abakubhale phansi ukuthi bayayichitha inkolo yamaHebheru, bese nathi sivuma ukufundiswa into engekho!
 
13.Kanjalo, kumele siphumele obala siwaphikise amaNazaretha ahlambalaza lokhu kukholwa, bephikise uMprofethi, bafundise ukuthi uShembe nguNkulunkulu!
Lokhu kukhuluma kungukuhlubuka, ngoba akakho ongazi ukuthi inkolo kaJehova inoNkulunkulu oYedwa, ize yaziwa ngokuthi IMONOTHEISTIC FAITH! Ubani ongakwazi lokho? Ubani ongazi ukuthi inkolo kaJehova yehluke kwezinye izinkolo ngoba yona inoNkulunkulu oyedwa, kanti ezinye izinkolo zinonkulunkulu abaningi?
 
14.Lokhu kuhlubuka kokuthi uShembe nguNkulunkulu akugcini lapho, kodwa ukubona ngokwenza izinto eziningi eziphambene nokukholwa! Amanye amaNazaretha asephuza utshwala ngokusobala, basonta nezangoma, lokhu kwamukelwa nangabanye abaholi, izangoma zize zibe nezikhundla esontweni! Sebenza sengathi sesikhohliwe ukuthi uMprofethi uthe:
 
15.Bantabami, uma nike nangenisa iSangoma, naba nemimoya engcolileyo kulobu buNazaretha, nibokwazi ukuthi kusukela ngalelo langa lobu buNazaretha sebufile, abusekho ngokuba isitha sokuqala sika Nkulunkulu yiSangoma.
16.Ngokuba kuye kuthi nxa uJehova eshaya umthetho ngomlomo woMprofethi, bese no Sathane ashaye umthetho ophambene noka Jehova ngomlomo weZangoma neyabo bonke abakhothama emimoyeni enqatshiwe ngu Jehova. ”
17. Bantabami ayikho ingozi enkulu engase inehlele ukwedlula ingozi yokuba nivumele iSangoma singene phakathi kwenu! Uma nike nasingenisa bantabami niyobe nibulele ubuNazaretha, niyobe nimxoshile uNkulunkulu phakathi kwenu! Uma iSangoma sike sangena phakathi kwenu ngenkani, nibothatha amagugu ka Nkulunkulu niphume nawo nisishiye sodwa.”
 
18.Kodwa namuhla izangoma zingabagcotshwa, zingabakhokheli, ziyabhabhadisa! Umuntu ubhajadiswa kanjani isangoma?
 
19.Uyaqhubeka uShembe uthi: “Ngokuba uma nihlalile naso, uJehova ehambela phakathi kwenu, impela niyakwehlelwa ngokubi. Ngokuba uJehova uyakuloba ukuba nimhlubukile ngalolo suku nangenisa isitha sakhe phakathi kwendlu yakhe eyingcwele nadla naso, naphuza naso!
 
20.UMOYA WOBUNGOMA UYONEHLELA NONKE NABANTWANA BENU, NOMA NITHANDAZELWA UKUBA USUKE LOMOYA KINI NABANTWANA BENU, KHONA ANIYIKUSINDA, NGOKUBA NIYOBA SENIMXOSHILE UJEHOVA ONISINDISAYO, NAMUKELA UMOYA WESANGOMA UKUBA UBUSE ENDLINI KAJEHOVA!
 
21.Umbuzo uthi-ke laba abangenisa izangoma basho kanjani ukuthi kukhona uNkulunkulu phakathi kwabo. Ngamanye amazwi bathi uMprofethi wayeqamba amanga uma ethi uma uke wangenisa isangoma uNkulunkulu uyabaleka kuwe?
 
22.“NGALOLO SUKU UYOPHELA UMTHETHO KAJEHOVA PHAKATHI KWENU” Njengoba usuphelile nje kwamanye amaNazaretha. “KUBUSE UMTHETHO KASATHANE OFIKE NESANGOMA ENISINGENISE ENDLINI KAJEHOVA UKUBA NIXOSHE UJEHOVA NGASO, NGOKUBA UJEHOVA AKAHLALI LAPHO KUBUSA KHONA ISANGOMA! KHONA NGALOLO SUKU ABANTWANA BENU
 
23.BAYONGENWA IMIMOYA ENGCOLILEYO EWUKUFA. KUTHI LABO ABAYENQABAYO IBEHLISELE OKUBI, ABANYE IBABULALE, NGOKUBA NIYOBA SENIMXOSHILE UJEHOVA PHAKATHI KWENU!”
 
24. Lenkulumo kaShembe ngezangoma kumele sihlale siyigcizelela, ngoba iliqiniso eselibonwa yiwo wonke umuntu! Namuhla kuthwasa kuze kuthwase ngisho ingane emzini owodwa, abanye begcine lelimimoya yobungoma ibabulele. Ngiyayazi imizi yamaNazaretha lapho okwathwasa khona abantu nezingane, kodwa abaningi bagcina ngokufa, bebulawa yiyo lemimoya!
 
25.Ngakhoke ivangeli ngengozi yokwamukela izangoma kumele sihlale silishumayela! Amanye amaNazaretha ahlabela amadlozi akhele abangasekho amaqhugwane alamadlozi akhonzwayo! Sebebuyele kokuchithiweyo ngoba bethi yindlela yokhokho bethu! NoBaba iLanga washo njalo.
 
26.Kodwa lokhukwenza kuphambene nezimfundiso zikaShembe ezibhalwe phansi! Nanka amazwi kaShembe ngamadlozi: “AbaseKuphakameni abasiwo amadlozi, abayizo nezithutha; bangaba ngcwele, ngokuba bahlezi nongcwele, ebungcweleni bakhe.”
 
27.Abantu abangamaNazaretha uma befa ababa yiwo amadlozi kodwa baba ngabangcwele ngoba bahlala noNkulunkulu. “Kanjalo abaphandle komuzi weNkosi enkulu, yibo abangamadlozi, abafuna okwabaphilayo.” Umuntu olidlozi uyabuya ezofuna usizo emhlabeni, ethi mhlabele, ngoba uza emhlabeni ezofuna usizo kwabaphilayo. Leyo imfundiso kaShembe ebhalwe phansi.
 
28.Izihlobo zethu esezisishiyile sizikhumbula ngendlela ebekwe nguShembe ukuthi sibakhumbule kanjani, siyabanikelela kuphela, akukho futhi okunye esikwenzela abafile! Ngakho-ke uma sithula sibona amanye amaNazaretha enza lenkolo inhlekisa emhlabeni, sobe senza isono, ngoba uMprofethi uthi: “Ningabavumeli banithuke, banisabise, nize nifune ukushintsha iqiniso lika Thixo nilenze umdlalo, nani nenze abaprofethi abaqambi manga!
 
29.Ngoba uma ngabe lezi zinto singalwi nazo, sobe sibukela phansi imfundiso kaBabamkhulu kulezi zinto osifundise zona! Uthi-ke uShembe: “Kepha qikelelani NINGAGUDLUKI KOKUBHALWE PHANSI, NILIMELE IQINISO ENALEMUKELA LIVELA ENKOSINI!” Njengoba ngike ngachaza ngaphambili, ngizithole sengiphikiswa ngomunye umuntu uma ngithi amaNazaretha akakuphuzi utshwala. Lomuntu wathi lento engiyikhulumayo ingamanga, ngizotshela abantu amanga! Wayesethi amaNazaretha ayaphuza, bese ehlambuluka ngeSabatha! Wasegcina ngokuthi lenkolo yakwaShembe iyimfeketho, ifundisa ivangeli elingekho ukuthi abantu bevunyelwe ukuphuza, bese behlambuluka ngeSabatha! Kukhuluma umuntu ongakholwa, ekhuluma emsakazweni.
 
30.Okusho ukuthi imfundiso yamaNazaretha manje ukuthi sivunyelwe ukuthi siphuze bese sihlambuluka ngeSabatha, ngoba uma bekungenjalo, lomuntu ongayilo iNazaretha ubengeke ayikhulume lento! Mina ngivele njengomuntu onamanga, kodwa bengingazi ukuthi kukhona into enje ebese ngiyitshelwa umuntu ongakholiwe kulelibandla!
 
31.Uma eqala umthandazo wesabatha uShembe, uthi: “Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane, nigcine imithetho yakhe owanilobela yona uJehova ngenceku yakhe uMose, ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuthixo wemikhosi!” Kuyimfundiso kaShembe eyisisekelo salelibandla ukuthi ukukholwa kwethu kokwamukeleka ezulwini kuphela uma sigcina imithetho kaJehova, sesaba uJehova!
 
32.UShembe akazifaki ndawo lapha, uyawachazela amaNazaretha ukuthi sigcina imithetho kaJehova eyeza emhlabeni ngoMose! Yonke lenkulumo ibonisa ukuhlonipha nokwesaba uJehova kunezinto zonke! Into yokuqala oyibona kumuntu ohlala ngokuzikhukhumeza, ukuthi uma ekhuluma ethi “mina!” Ngaso sonke isikhathi akhulume “ngaye”, kodwa engabafundisi lutho abantu ngomunye umuntu, noma ngomthetho kaNkulunkulu!
 
33.Kuyo yonke imithandazo namahubo kaBabamkhulu, uyothola ukuthi uzibeka phansi, ahambise uNkulunkulu phambili. Njengoba sithi ukuhlonipha kuvela ezulwini, akugcinanga ngoBabamkhulu ukubona ukuhlonipha okuyisimangaliso! Akakho umuntu ohlonipha njengengelosi! Uma ingelosi ifika kuwe kuba yiyo eguqa kuqala, ithi iqala ikhuluma nawe ibe iguqile, wena bese ulandela yona!
 
34.Njengoba ngingumholi webandla, ingelosi ingihlonipha kakhulu kunamalunga ebandla. Ngaso sonke isikhathi noma ikhuluma nami ingibiza ngoMelusi! Uma kukhona into efuna yenziwe, ayingishayeli umthetho, kodwa yonke into eyikhulumayo iyiveza njengombono ebheke ukuba ngiwamukele noma ngiwuphikise. Kodwa ingelosi inkulu kunami futhi yazi kakhulu kunami. Kodwa ngoba iyazi ukuthi ngibekiwe ukuthi ngibe ngumholi, iyaye ingihloniphe!
 
35. Sesihlale nengelosi iminyaka edlulile eshumini, kodwa ayikaze isho ukuthi yona iyingelosi, ayilokothi nje izibize ngengelosi. Iba ngumuntu nje ofana nathi, kodwa onolwazi olukhulu kunathi. Kodwa uyaye ekhulume ngezingelosi, esitshele ukuthi izingelosi zenza ukuthi nokuthi, kodwa angazibali yena. Akhulume njengomuntu owaziyo kodwa ongasiyona ingelosi! Ingelosi iyathandaza ijule isicelela noma yini esicelela yona, inhlonipho ukuzibeka phansi kanjalo!
 
36.Kodwa uma ubeka amafutha noma amanzi ukuba iwabusise, ayilokothi ukufaka umunwe kuwo, ithandaza evaliwe! Thina ngoba sasiye sibone uShembe efaka umunwe, uthola abagcotshwa nabo bevula amafutha befake umunwe wabo kuwo, nasemanzini befake umunwe wabo! Ekwenzayoingelosi ukuguqa bese iyathandaza ibhekise kuShembe!
 
37.Bekungakuhle ukuthi nathi sibonela kuyingelosi, kungabi bikho umuntu kulelibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu oyothi uma ebusisa amafutha noma amanzi, efake umunwe wakhe kuwo! Sengathi thina ngoba sibonile ukuthi ingelosi yenza kanjani, nathi singenza kanjalo!
 
38.Uma uNkosazana ebusisa amanzi, noma yini oyibusisayo, ubika kuShembe. Ekuqaleni sambuza ukuthi kungani ethandaze ebhekise kuShembe ngoba ngaso sonke isikhathi uthi yonke into asiyibhekise kuJehova? Wabe esethi, uJehova wathuma uShembe lapha emhlabeni, ngakho konke esikwenzenzayo sikwenza egameni likaShembe othunywe nguJehova!
UShembe uyefana noYeshua kumaKrestu. Kulesi sikhathi uNkulunkulu uthume uShembe emhlabeni.
 
39.Uma sikhuluma ngoShembe sikhuluma ngoMprofethi, kodwa manje ngoba akasekho, sikhuluma ngoShembe onguMoya ongcwele. Ayikho into ebalulekile njengokuthi noma unikwe isikhundla sasezulwini, kodwa uzibeke phansi. Mina ngiyazi ukuthi ngibekwe ezulwini ukuthi ngihole ibandla lamaNazaretha, noma amanye amaNazaretha engakwemukeli lokho. Kodwa mina ngazifundisa ukuthi ngingenzi zonke izinto ezazenziwa ngamakhosi amadala aseKuphakameni. Njengoba ngihlale ngisho ukuthi angikaze ngithume noma ngubani ukuthi angithungele umjiva, noma isikoshi somgidi, kodwa ingelosi eyenza lokho ngendlela yona eyaziyo ukuthi ikuphi okumele ngikwembathe njengomholi!
 
40.Njengoba ngifake le Ngubo nje angazi lutho ngayo, ngabona senginikezwa nje yona, futhi ingelosi ayikhulumi Nanami ngokuthi yini okumele ngiyigqoke, kodwa ikhuluma noMkhokheli. Angazi lutho ngomjiva nangemvunulo engiyifakayo, ngisho isigqoko lesi engisifakayo esimnyama, ngasinikwa yingelosi, ngase ngisifaka-ke, ngoba kuyiyo eyaziyo ukuthi kufanele ngisifake, ngoba nokuhola ibandla kwavela kuyo!
 
41.Uma ngibusisa amaNazaretha ngiyesaba ukuthi ngithi: “INkosi inibusise” ngoba amaNazaretha akusiwo awami; kodwa ngiyaye ngithi: “Lithi izwi leNkosi, “INkosi isibusise!” Lokhu kukhuluma angikufundiswanga yingelosi, kodwa ngakufunda kuBabamkhulu ukuthi noma ungumholi, kodwa ibandla lamaNazaretha ulihloniphe, ngoba ngelikaJehova! Yikhoke uma ngibusisa ngithi: LITHI IZWI LENKOSI, “INKOSI ISIBUSISE!”, ngoba nami ngifuna leso Sibusiso singehlele! Angisho ukuthi lithi izwi leNkosi “inkosi inibusise” ngoba nami ngifuna ukuthi ngibusiswe, ngoba ngisebenzela uNkulunkulu!
 
42.Kuyingozi nobulima ukuthi uzifanise noMprofethi, kodwa nawe wazi ukuthi awufani naye nanoma ngani oyiyo! Abaholi bamaNazaretha kuyaye kuthi ngoba banesibongo sikaShembe, bese bezilinganisa noShembe. Akusho ukuthi ngoba ngesibongo ungowakwaShembe, usufana noma usulingana noShembe. Lokho kungasho ukuthi izidakwa nabathakathi bakwaShembe bayalingana noShembe! UShembe uBabamkhulu ngowasezulwini. Ithi ingelosi kwathi uBaba iLanga abamhlophe bebuza ngaye, wabe esethi uMprofethi:” LOMNTWANA AKASIYE OWAKWASHEMBE, KODWA NGOWAKITHI!” Wathi uBabamkhulu uBaba iLanga akusiyena owakwaShembe kodwa ngowakithi, echaza ukuthi uBaba iLanga uvela ezulwini. Kodwa amaNazaretha nabantu bakwaShembe abakwazi lokho!
 
43.AmaNazaretha-ke akakwazi ukwahlukanisa phakathi kwesibongo nesimo somuntu! Ngingaba ngowakwaMpanza ngesibongo ngoba biologically ngizalwa kwaMpanza, kodwa ngathi ngizalwa biologically ngangivele ngikhona spiritually! Usazophela futhi umzimba wenyama, bese ngibuyela emzimbeni womoya okwathi ngiba nomzimba wenyama wauvele ukhona! Abantu abayazi leyonto, amaNazaretha akayazi lonto, kodwa thina ngoba sihlala nomuntu owumoya, lento isiscacela kahle; sesiyazi ukuthi lomzimba esinawo uyinto engekho, ngoba uyinto evelayo, ibuye ibole iphela. Kodwa umzimba wami ngumphefumulo ongaboliyo!
 
44.Lelibandla uJehova ulivusele ukuthi ngalo abantu bakwazi ukuphila impilo yasezulwini beselapha emhlabeni! Uma ulandela zonke izimfundiso zalo, kothi uma usuka lapha emhlabeni, uqonde ezulwini, ufike uhlale nabangcwele! Uma nje ungazilandela zonke izimfundiso esihlale sikunikeza zona, ngoba sisuke sizinikezwa ingelosi, unesiqiniseko sokuthi uma uphuma umphefumulo wakho uqonda ezulwini! Yikho ezulwini kuthunywe ingelosi ukuba izovuselela izimfundiso zikaBabamkhulu ngokugcinwa komthetho kaJehova! Ngakho ke kubalulekile ukuthi yonke impilo esiyiphila siselapha emhlabeni, kube yimpilo etholakala ezulwini!
 
45.Njengabantu abathunywe ukuba sifundise ngombuso wezulu, kumele sifundise ngesikwaziyo! UNkulunkulu uyazifikela kuMprofethi ukuze abe nesiqiniseko sokuthi uNkulunkulu ukhona, nokufundisa abantu kuvela kuye uNkulunkulu! Kithi akufikanga uNkulunkulu, kodwa kufike ingelosi kaNkulunkulu! Yikho ke ngithi noma singafani nabaprofethi, kodwa ngokwazi sicishe sifane nabo, ngoba esikwenzayo sikufundiswa yingelosi okuyiyo evela ezuwini!
 
46.Besikhuluma ngenhlonipha. Sibe nenhlanhla thina ngoba konke esikwenzayo sikufundiswe ezulwini! Ingelosi yangitshela ukuthi akukho muntu ozosindiswa yithi, kodwa abantu basindiswa nguShembe onguMoya! Asinakulenza iphutha kulokho, ukuthi noma kungenzekani bese nikhomba thina.asinakukufihla lokho ngoba sikutsheliwe sikufihle lokho ukuthi angeke kube khona umuntu oyosindiswa yithi, akukho zimangaliso ezokwenzeka zenziwa yithi! Kodwa izimangaliso nensindiso kuyovela kuShembe othunywe nguJehova.
 
47.Kwathiwa mina nginikwe ukushumayela izwi likaNkulunkulu, umkhokheli unikwe ukuphilisa abantu, kodwa naye aphilise ngegama likaShembe. Ngenke kuthi uma kuphila umuntu kulelibandla bese kubatshazwa mina noma uMkhokheli ukuthi uyakwazi ukuphilisa! Ngoba asikwazi, sithunyiwe nje, ngakho-ke abantu abangabalandeli balelibandla kufanele bakuqonde lokho! Ngoba uma ngabe sizinikeza amandla esinganikwanga wona, nathi sizogcina sithi singoNkulunkulu noma sithi singabaprofethi! Angeke ngithi ngiwuMprofethi ngoba ingelosi yangitshela kahle ukuthi angisiyena uMprofethi, kodwa ngiwuMfundisi. Kulelibandla yonke into yenzeka egameni likaNkulunkulu owathuma uShembe! Ngakho ke akakho umuntu ophiliswa yithi, akukho simanga esenziwa yithi!
 
48.Sikhuluma ngenhlonipho yasezulwini. Ingane ayimbusisi umuntu omdala, Ilunga lebandla alimbusisi umgcotshwa, kanjalo, umholi akabusiswa libandla noma amalunga ebandla. Aninawo amandla okuthi kumholi ‘iNkosi ikubusiso.’ Ayinawo amandla ingane okuthi kumzali wayo ‘iNkosi ikubusise.’ Awukwazi ukuthi uyilunga lebandla uthi kumgcotshwa ‘iNkosi ikubusise’ ngobanguyena okufanele akunike isibusiso. Umholi ubusiswa inkosazane noma ngamakhosazana kuphela, ngoba amakhosazana amele izingelosi lapha emhlabeni!
Umholi uyabusiswa ngamakhosazana kuphela! Ngamanye amazwi, yinkosazana ekwazi ukuthi: “Inkosi ikubusise!” Ingane ibusiswa ngumzali, ibandla libusiswa ngumholi!
 
49.Kungumthetho walelibandla ukuthi umguqele umyeni wakho, noma ukhuluma naye ukhotheme. Uma uyinkosikazi awukhulumi nomuntu wesilisa umi ngezinyawo, uyakhothama uthobe. Kodwa amantombazana asikho Isidingo sokuguqela abafana, iguqela umuntu omdala! Ekuphakameni kwathi inkosikazi ikhuluma nomyeni wayo imi ngezinyawo, base bebonwa iNkosi iLanga. Yababiza bobaili, yabaxosha emhlanganweni, yathi abaqoqe bahambe bayofundisana umthetho wokukholwa emakhaya abo!
 
50.Kulelibandla iyahlonishwa kakhulu inkonzo, akuvumelekile ukukhuluma enkonzweni. Noma kuvela into ehlekisayo, akuvumelekile kulelibandla ukuhleka ngokugegetheka enkonzweni!
 
51.Uma ungumuntu wesilisa awukwazi ukuhlala eduze komuntu wesaifazane enkonzweni, ngisho ngabe kungudadewenu noma ngumama wakho! Miningi imikhuba eyenzeka enkonzweni uShembe oyivimbile nookwahlukanisa abesilisa nabesifazane enkonzweni! Uma uhlala nomuntu wesifazane enkonzweni, yini enganivimba ukuthi kuthi inkonzo iqhubeka, nibe neshelana, noma ngamafoni, nize niqomane nikhona lapha esontweni?
 
52.Namakhosazana ahlala wodwa enkonzweni, amboze ngezinansuka emakhanda. Lokhu kwenza ukuthi uma amakhosazane esenkonzweni engalokhu eqalaza abantu, nawe futhi awukwazi ukubona inkosazana isenkonzweni, ngoba basuke bezimboze ubuso ngennansuka. Konke lokhu kwenza inkonzo kube yinto ebalulekile,kuleli bandla engahlanganiswa nalutho!
 
53.Isitayela sokuxhawulana kwamakholwa asamukelekile kuleli bandla. Miningi imikhuba edalwa ukuxhawulana okwenziwa ngamakholwa enkonzweni! Abantu bayeshelana ngokuxhawulana! Bakhona abafundisi okuthi uma bexhawula umuntu wesifazane bese bemkitaza, okuyindlela yokumeshela buthule! Esikhathini esiningi abafundisi, ikakhulukazi laba bamathende, batholakala sebeqonywe ngamakhosikazi noma ngamantombazana enkonzweni. Ebandleni lamaNazaretha akulula ukuthola into enjalo, ngoba ayikho into engihlanganisa nabantu besifazane enkonzweni! Ngeke nje njengoba ngiwumholi ngitholakale sengisemakhoneni nomuntu wesifazane, ngoba ngithi ngiwumfundisi, ayikho lonto kulelibandla.
 
54.Yikho kulelibandla kungalula ukuthi uthole umuntu ongumgcotshwa eqonywe ngamantombazane noma eqonywe ngamakhosikazi. Kodwa kwamanye amabandla obuKrestu umuntu uba uMfundisi, eqonywe ngamakhosikazi, eqonywe ngamantombzane, ngoba ayikho into ebavikelayo kuleso simo. Ukuxhawulana, ngisho abantu bobulili obubodwa, kuyinto okungalula ukuyithola ebandleni lamaNazaretha. Kuleli bandla umgcotshwa akasoze exhawulane nomuntu wesifazane, noma ngabe intombazane noma inkosikazi.
 
55.Akusoze nje kwaqhamuka umuntu wesifazane bese ngikhipha isandla ngimxhawule, ngeke! Ngingakwenza mhlawumbe ngaphandle ngoba bengazi, kodwa akekho umuntu wasebandleni ongeza kimi ezongixhawula noma ngabe owesilisa noma owesifazane.
 
56.Lezi zinto ngizibala ngoba anizazi, niqhamuka kwamanye amabandla, anazi ukuthi lezi zinto ziwumthetho kulelibandla. Kwamanye amabandla uthola inkosikazi yomuntu iya kumfundisi ithi izobika usizi lwayo, noma ngabe kukngekho lusizi enalo, kodwa ivunyelwe ukuya ehovisi lomfundisi, bese ubabona sebebambene, kuthiwe bayathandaza, omunye enze sengathi babambene, kanti uyayikitaza, uyayeshela! Akudingi ukuze ekhulume, isandla kuxhawulwana sikhuluma indaba ende!
 
57.Kodwa lezi zinto azenzeki kulelibandla! Uma umuntu wesifazane enenkinga, uyibika kumkhokheli, uma kunesidingo, umkhokheli eyilethe kimi! Umkhokheli engeza nomuntu wesifazane kimi noma amthumele kimi yena, kodwa angikwazi ukuba nomuntu wesifazane ngasese ngoba nakhu ngithi ngingumfundisi, ayikho into enjalo kulelibandla!
 
58.Akukho ubudlelwane umgcotshwa onabo nabantu besifazane, yikho lemikhuba eyenzeka kwamanye amabandla obuKrestu kungalula ukuyithola kuleli bandla!
Akulula, singaba nazo ezinye izono, kodwa isono sokuthandana nabantu besifazane abashadile noma bengashadile ungumgcotshwa, akusiyona into etholakala kalula kulelibandla.
 
59.Kulelibandla umuntu akathandazelwa ngokumbamba, kodwa kunengubo yokuthandazela ebanjwa ngabantu ababili. Lengubo ivimba imikhuba engase yenzeke uma kuvunywa ukuba umthandazi aphuthaphuthaze umuntu wesifazane! Kulelibandla ayikho into ebhekwe njengokuthi kube nokuqomana enkonzweni. Noma kusemhlanganweni, awukwazi ukuyohlala nenkosikazi wakho edokodweni, ukudla kumele ekulethele edokodweni lakho!
 
60.Kulelibandla kubalulekile ukuthi unkosikazi wakho akukhuthalele ukupheka, apheke kahle, futhi engathumeli omunye umuntu ukuthi apheke noma alethe ukudla kwakho, ikakhulukazi emhlanganweni! Ayikho into eyisichitho njengokuthi kulelibandla unkosikazi wakho engakuphekeli, uphekelwe isisebezi, futhi engakuletheli ukudla, ulethelwe yisisebenzi. Noma ngabe unezisebenzi, kodwa ungavumi ukuba zikwelekelele uma sekuza ekuphekeleni umyeni wakho!
 
61.Lokhu ngakubona siseBuhleni, sihlala futhi sidla ndawonye singamakhosana! Kufike amapuleti ahlukene, bese lokhu kudla enikulethelwa ngamakhosikazi enu, kuyacaca ukuthi wena uphila mpiloni emzini wakho, kubonakale ukuthi unkosikazi wakho uyaziqhenya yini ngawe! Okunye ukudla kuphuze ukufika, ugcine usudla wedwa ngoba amanye amakhosana asedlile asutha; ngoba uma kubekwa ukudla lapha okuqhamuka kumakhosikazi ahlukene, nonke nikudla konke.
 
62.Kodwa uma owakho uNkosikazi ezofika after three hours uyofika amanye amakhosana eselele, usudla wedwa wena, kodwa kade udla okunye ukudla kwamanye amakhosana. Ukudla okulethwe yingane noma yisisebenzi unkosikazi wakho ekhona,, kuyisichitho esikhulu leso endodeni! Kwesinye isikhathi unkosikazi wakho epheke ukudla okubi, okuyingxavungxavu nje, amanye amakhosana akhe kabili akuyeke, kodwa okumnandi bekujahe ukukudla konke! Lokho kwenza wena uziqhenye ngomkakho!
 
63.Ngikhuluma ngezinto engike ngizibone, uma unkosikazi wakho engakwazi ukupheka ukudla okumnandi, ngeke phela abantu beyeke ukudla okumnandi bese bedla ukudla okubi ngoba bejabulisa wena! Ngakho-ke uma uyinkosikazi noma uyintombazane yakulelibandla, qikelela ukuthi uyakwazi ukupheka. Uma ungalitholanga ithuba, hamba okungenani uyothatha i-course yokufundela ukupheka;
 
64.Futhi ukukhuthalele ukuphekela umyeni wakho! Noma ngabe ucebile noma unjani, kodwa nje noma iyiphi indoda ichazwa ukudla ekuphekelwe unkosikazi wayo, futhi ukuhlale uphekela umyeni wakho kuyaluvusa uthando lomyeni wakho kuwe! Yonke into oyenzelwa ngunkosikazi wakho, ngisho zikhona izisebenzi, ichaza ukuthi uyinto enkulu kuye, ihlale ivuselela uthando!
 
65.Njengoba ngihlale ngisho, mina angize ngazi ukuthi ngizogqokani, noma inini unkosikazi wami ungibekela ivesti, i-underwear, i-shirt nebhulukwe, uma ngizogqoka isudi kube nguye okhetha isudi engizoyigqoka; bese engifaka amasokisi. Angikaze ngicabange ukuthi ngizogqokani; yonke into ngiyenzelwa ngunkosikazi wami!
 
66.Ayikho indoda engasithandi lesi simo sokubona ithandwa ngumkayo ngezenzo, kunokuba nihlale nixabanela into engekho! Ukuxabana kudalwa ifrustration kwesinye isikhathi umyeni wakho onayo ngawe, kodwa ongakutsheli! Kufanele umyeni wakho ezwe ukuthi uganiwe, kakhulukazi kulelibandla, ngoba kukhona isikhathi lapho amadoda ehlala khona wodwa, bese kufika ukudla okuhlukahlukene.
 
67.Ubokwazi ukuthi lokhu kudla kwakho akuzukudliwa umyeni wakho yedwa, kodwa kuzodliwa ngamakhosana ahlukahlukene, amanye azomtshela emehlweni umyeni wakho ukuthi akaganiwe uzihlalele, ayokhuluma ngawe uma ngabe uphekela umyeni wakho ukudla okubi! Ayikho into eyenza umyeni wakho aziqhenye ngawe njengokuthi umlethele ukudla okumnandi enabanye abantu, futhi ukudla okumnandi! Lena yimpilo yalelibandla ozoyifica nasezulwini!
 
iNkosi ibusise izwi layo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *