Abaningi abantu njengami nje, sihlukumezekile uma singena kulelibandla, sihlukunyezwa ama alteri esiphuma kuwo, esibuza ukuthi seniyaphike manje, senisishiyelani, besibuza ukuthi sizokwenzelwa ubani isimisebenzi yabaphansi ngoba bese siyithemba lakhona. Namhlanje sesiyithemba likaNkulunkulu, uNkulunkulu usethi uma esibuka asethembe nakuba simdumaza ngezinye izikhathi, kodwa uyasethemba ngoba nakhu sisekhona phakathi kwendlu engcwele.
Intshumayelo yasekuseni ngeSabatha mhlaka 04 February 2023: NguMfundisi Thamsanqa Khathi.
Ngizocela isihlabelelo 234
234. ISIHLABELELO. 15
J.G SHEMBE, UMTHANDAZO.
1 Wena ufanele ukubongwa
Ngiyakubonga nami,
Lona udumo lungo lwakho
Emhlabeni wonke.
Chorus: Wena ufanele ukubongwa
Ngiyakubonga nami,
Mayiguqulwe eyami intando
Ifane nayo eyakho.
2 Ezulwini nguwe wedwa
Imiphefumulo ingeyakho
Awukhethi ibala lomuntu
Awubheki isono.
Chorus:
3 Bonke abakudumisayo
Ngothando nangeqiniso,
Ngenhliziyo ethobekileyo
Uyabemukela wena.
Chorus:
4 Makwamukeleke Nkosi kuwe
Ukuthandaza kwami,
Ukuqala ngiyabonga
Inhlanhla nawo umusa.
Chorus:
5 Ukungithanda kwakho Nkosi
Makwandiswe kakhombisa,
Ngiphe Nkosi lona uthando
Lokuthanda wena.
Chorus:
6 Noma ngingakuboni
Ngingalizwa izwi lakho,
Noma nginezono eziningi
Ezihlupha umoya wami
Chorus:
7 Ekudabukeni kwami
Ngiyazendlala kuwe,
Wena ulithemba lami
Wena ungamandla ami.
Chorus.
1.Ngiyabonga bantwana abangcwele, ngiphakama ngokwesaba, ngiphakama nginovalo ngoba ngiphambi kwabantu basezulwini, kuyasabeka ukuba phambi kwabantu basezulwini ngoba uyaye ungazi ukuthi kufanele ukhulumeni, uyaye ukhulume into futhi okungafanele ukuthi uyikhulume.
2.Manje bantwana baseKuphakameni, njengoba ngihlabelela lesi suhlabelelo bantwana abangcwele, ngiphakamisa udumo lukaNkulunkulu osibuthile. Angazi ukuthi kufanele ukuthi senze njani siyibandla likaNkulunkulu ngento asenzele yona la kulezi zintaba esikuzo.
3.Mhlawumbe ikhona indlela okufanele simubonge ngayo, angazi ngoba asikamubongi thina, ngibona kungenele ekubongeni kwethu uNkulunkulu, angazi ukuthi kufanele senzenjani. Kodwa khona siyakukweleta ukumbonga uNkulunkulu. Angazi noma ngibona ngedwa yini lento engibona ifanele ukubongwa.
4.Niyakhumbula yini bangcwele ukuthi thina besingamazi uNkulunkulu noma besimuzwa kukhulunywa ngaye, kodwa besingamazi futhi singanendaba. Singenandaba nje nezindlela zakhe futhi besingazazi, noma besizithanda kwesinye isikhathi izindlela zikaNkulunkulu, kodwa zahamba zahamba zagqibeka, kwase kugqama lezi zindlela zabaphansi, sase sithanda zona kakhulu. Bakhona abantu la phakathi kwethu abangathi bona bebengayithandi indaba yabaphansi noma izindaba zamadlozi, bambalwa kakhulu.
5.Besiziqhenya ngakho, ujabulele nje ukuthi unikwe ukushisa impepho ekhaya, ukujabulele lokho, ujabulele ukufa, kodwa ngokufika kwalendaba le esihlangene ngayo, asisenendaba nezindaba zabaphansi, kodwa noma ngingabeki kanjalo, ngithi ikhona indlela esenza ngayo izinto eziphathelene nabantu asebahamba emhlabeni. Kodwa akuseyona leyana ezondwa uNkulunkulu ebesisenza ngayo ekuqaleni.
6.Futhi besingazi ukuthi umoya omubi ubonakala kanjani, besingazi futhi ukuthi umoya omuhle ubonakala kanjani. Besingazi futhi ukuthi umoya omumbi uyakwazi ukwenza into engathi inhle kanti kudotshwa thina ukuthi sibambelele emoyeni omumbi. Kodwa ngalendaba esihlangene ngayo, sesiyazi manje ukuthi umoya omumbi uyayenza into ezokwenza ukuthi unamathele kuyona.
7.Sesiyazi manje ukuthi noma ukhona uMoya Oyingcwele usenzela izinto ngamandla kaNkulunkulu noma sihlupheka ngendlela esihlubeka ngayo sikholwa kodwa siyazi ukuthi ekugcineni, ngeke sigcine ngokuhlupheka sogcina sibusa!
8.Abaningi abantu njengami nje, sihlukumezekile uma singena kulelibandla, sihlukunyezwa ama alteri esiphuma kuwo, esibuza ukuthi seniyaphike manje, senisishiyelani, besibuza ukuthi sizokwenzelwa ubani isimisebenzi yabaphansi ngoba bese siyithemba lakhona. Namhlanje sesiyithemba likaNkulunkulu, uNkulunkulu usethi uma esibuka asethembe nakuba simdumaza ngezinye izikhathi, kodwa uyasethemba ngoba nakhu sisekhona phakathi kwendlu engcwele.
9.Ngithena bantwana baseKuphakameni, ngiphakamisa udumo lukaNkulunkulu, ngiphakamisa amandla kaNkulunkulu, ngithi uNkulunkulu uphakeme! Ziningi ezingehlele sengiphakathi kwalombutho oyingcwele, ezibuhlungu nezisabekayo, kodwa uNkulunkulu wabonakala nje engihlangula, engisiza, engisiza ngingengcwele, engisiza ngingumuntu wasemhlabeni, engisiza ngingelutho.
10.Ngabe angisile ekhanda uma ngingambongi uNkulunkulu ezintweni bangcwele enizibonile nani zenzeka. Noma ziningi eningazazi, kodwa eziningi ezenzeke ngila niyazazi ukuthi uNkulunkulu wenzeni. Nani futhi ninazo izinto ezishoyo nithi ukube bengingekho eduze kukaNkulunkulu, ngabe angisekho emhlabeni.
11.Ngo 2014 ngake ngehlelwa inkinga, uma ngingaphosisi ngo 2014 ngangisanda kuphenduka la kulelibandla, ngangisanda kuphenduka impela nje ngisebuhlaza ngingakagcotshwa nokugcotshwa. Noma lento ngake ngayikhuluma, kodwa mhlawumbe ngibona sengathi kubalulekile ukuthi ngiyiphinde ngoba abantu basibona sesinjena nje, abazi ukuthi sidlulephi, sidlule kanjani.
12.Abantu kufanele bazi la esidlule khona ukuze kuthi noma naye efika lapho abe nethemba lokuthi ngoba uMfundisi uKhathi wadlula, nami ngizodlula, ngoba lo Nkulunkulu esimkhonzayo, uyedwa. Angiqondile-ke ukuxoxa iphupho kodwa ngiqonde ukuxoxa into eyenzeka futhi eyayingaba nomphumela omubi ukube yaphumelela.
13.Ebusuku uma ngilele ubuthongo obungebuthongo, angazi ibizwa ngani lento, kufika insizwa, insizwa empofu enhle insizwa, ifika kimi iyadabukisa. Ithi le nsizwa, “Ngize kuwe” ngaphambi kokuba isho njalo bangcwele, nakhu sengigijima. Ithi le nsizwa “mina” noma ingashongo igama layo ukuthi ingubani, kodwa yathi “mina ngivela embuthweni olwa noNkulunkulu” yangangifihlela! Yabe isithi le nsizwa, “Ngize kuwe, ngizokunxenxa, ngizokunxusa ukuba ujoyine lo mbutho wethu, thina silwa noNkulunkulu ngoba ayikho into ewuNkulunkulu!”
14.Yabe le nsizwa isingachazela ubuze bukaNkulunkulu, yangichazela i-weakness kaNkulunkulu ukuthi u weak kangakanani. Ngazithola bangcwele ngithamba, ngazithola ngishona phansi ngilalela, ngazithola ngiqonda, ngezwa ukuthi hhayi impela ayikho le ndaba kaNkulunkulu. Lento yenzeka mina ngize ngigijima la, ngilethwa izwi likaNkulunkulu engalikholwa, langibusa ngaphakathi ukuthi uNkulunkulu ukhona, ungumnini mandla wonke. Kodwa uma sekufike le nsizwa lena, ngaqala manje, kwaphela konke lokho kukholwa, kwaphela, ngoba manje le nsizwa is convincing me, I was convinced!
15.Angazi ukuthi emva kwalokho kwakuzokwenzakalani kodwa ngiyazi ukuthi kwakungeke kuze kube kuhle mhlawumbe kwakosa ngingasekho. Ngithi sengi understand(a) kahle, sengiqonda sengithatheka, angazi ngangithathwa yini. Kodwa ngezwa isisoka le nsizwa eyayibeka ngayo lento, ngayiqonda, ngathi yeyi hhayi wakhuluma lo muntu! Ngithi sengi understand(a), sengifika ekugcineni, ngezwa enye into bantwana baseKuphakameni, ngiqonde ukukhuluma indaba kaNkulunkulu, kodwa esebenza empilweni yami. Ngizobabaza uNkulunkulu mina.
16.Ngezwa kuvunguza emzimbeni wami uMoya onamandla, wavunguza, ngezwa ngigcwala, ngigcwala isibindi, ngezwa ngigcwala iqiniso, angazi ngingachaza ngithini, ngezwa ngigcwala iqiniso, ngaba namandla okumelana nalensizwa, ngathi unamanga wena suka la! Kodwa lento engangiyisho sengiphikisa le nsizwa, ayizenzakalanga, ngezwa amandla engingazi ukuthi ayeqhamuka kuphi, ngazithola ngivuka ekuseni nabantu bonke. Ayibongwe iNkosi enkulu yaseKuphakameni!
17.Ngafonela uMshumayeli, waysewuMshumayeli uSithole, eyi wathuka, noMkhokheli ngamutshela lento, ngathi mina angazi kwenzenjani noma bese ngiya kwelinye izwe. Into engibonga kuNkulunkulu ukuthi ngathi uma ngivuka ngavuka sengikholwa, lokhu kukholwa engangikukholwa ekuqaleni.
18.Hawu, uNkulunkulu onginike lamandla, ukube uNkulunkulu bengingenaye ngabe ngaphikelela kuleyandlela, indlela embi, engingafihlelwanga yona. Yasho kahle le nsizwa yathi “ngivela embuthweni olwa noNkulunkulu” ungayi understand(a) kanjani into enjalo ukholiwe la. Kulula, kulula ngoba amandla obumnyama angamandla nawo. Ngaphunyuka bantwana baseKuphakameni.
19.Ngathi uma sengilapha ngafunda ukuthandaza la, njengoba sithandaza sonke layindlini, siyathandaza ngezikhathi ezibekiwe, noma kuvilapheka, kodwa siyathandaza, ngabamba igama elakhulunywa uMelusi ngingakafiki lapha. Wathi inyanga ayingeni emzini weNazaretha izobethela, wathi ukubethela kwalayikhaya, ukuqoqa umnndeni wakho, bese nibiza isonto, ntambama ngo 6, kunjalo nango 4 ekuseni nango 9 ekuseni!
20.Ngayibambake leyo ngoba ngase ngikhathele izinyanga zingenza isiphukuphuku, zifaka iziphambano ezimnyama ezicabheni nasemawindini. Hawu sathandaza, sathandaza, ngeke ngikuqede konke bantwana baseKuphakameni, kodwa kukhona into engifuna ukuyiveza.
21.Ngelinye ilanga bese kufikake usibali wami wesifazane, afike nengane kamfowabo, eyayilingana nenye yezingane zami ngeminyaka, eyami ingane seyihamba ingasakhasi. Le kasibali ingahambi, ihleli phansi nje kodwa iwuntanga yale yami. Uma usibali efika nalengane lapha, la esasihlala khona, bathi behlala nje phansi yayisukuma ingane, yayigijima. Asuke umkami athathe ucingo, afonele umama wakhe umkhwekazi wami.
22. No, engakakwenzi lokho, kuthuke usibali, athi usbali “Aybo yenzani le ngane” ngithi mina kwenzenjani. Athi “le ngane ayihambi le ngane ihlala ihleli phansi nje kodwa iyalanda la emlonyeni” igijime ingane igijime amaphaseji, ingene amakamelo. Athi uSbali “Aybo kwenzenjani”
23.Ebese efonela umama wakhe umkami “wema phela u-Aya useyahamba” athi umama “uyahamba, ayi ningazodlala ngathi la” athi nangu, enikeza udadewabo, khuluma noma, athi “wema uhamba ngampela usegijime yonke le ndawo” Yadlala ingane egcekeni ilanga lonke igijima idlala, iqala ukuhamba. Nanamuhlanje abazi kwenzeka kanjani.
24.Ngase ngithi mkhulu uNkulunkulu, uyazibonakalisa. KunoMoya kaNkulunkulu la kulamagceke, ingane icindezelekile laphana imimoya yamadlozi nezilwane zabathakathi, la ayikho indawo yokuhlala lezo zinto. Zithe uma zibona ukuthi iyangena la, zase zisala, yase ingena ingane iphilile iyona yona.
25.Aybo kanti libongwa kanjani madoda. Yaphinda emuva, ithe uma iphinda emuva beya ekhaya, yaphinde yahlala phansi. Kwase kupruveka ukuthi cha awefani amagceke. Ayi angihlabelele.
Isihlabelelo 157
1 Ngehlelwe yisisindo
Sezono zami,
Nezabazali bami
Bazishiya kimi.
2 Inyanga ngubani
Mkhululi wami!
Nguwe kuphela
WeMkhululi wami.
26.Kulo mhlangano lo esiphuma kuwo ka January, kusuke sihlele nje kunguLwesithathu phakathi nezinsuku, ngibona kugijima umakhelwane ngejubane, uza lapha ekhaya, ngiyamubona ukuthi ugijima nje, kukhona into emshisayo hhayi ngoba egijima ethanda, kukhona into emphushayo, sihlele kuverande. “Aybo” wakhuluma lapha esesekude. “Aybo weKhathi nakhu konakele la” yini? Phuthumani usibanibani uyagula, umakhelwane lo ongezansi, yini kwenzenjani? “Hawu uphambanelwe ikhanda” Aybo manje sizokwenzani pho thina “hhayi phuthumani phuthumani!”
27.Mase siyafika, siphuthume, uma sithi siyafika lapha, kukhona omunye uMfundisi wezayoni ukhona, useqalile, useyathandaza. Uma sifika nje, le nsizwa le ephithanelwe ikhanda bese ithi; “Hhayi hhayi ningangeni, ningangeni, kuthiwa imani ningangeni la!” Bese ngingena ngenkani. Ngibone ukuthi oh utshelwa umoya omubi ukuthi ngime mina, kanti ngilethwe iwona yini la. Ngingene ngenkani, ngithi uma ngingena, ivele iphume ngesicabha esingemumva, ibaleke straight. Idwebe igudle komunye umuzi, ishone, iwelele phesheya, igijime ngejubane.
28.Bese ngibuza lo Mfundisi ukuthi kwenzakalani mfundisi, athi umfundisi eyi, yeyi konakele mfundisi. Sengilwe la ngilwa, ngiyibamba le nsizwa la, isingithathe yangithela phansi. Ngazibuza ukuthi ufike kanjani kuyo ngoba ngithe ngifika mina yabaleka, ufike kanjani eduze kwayo? Ihambe iwelele phesheya. Ngiphethe amanzi abusisiwe.
29.Maseke ngibona ibuya, kushuthi kwaqhamuka izinkomo kanti iyazisaba izinkomo, yase ibalekake manje, isibalekiswa izinkomo yabuyela ekhaya, yayisima lapha kude. Yathi ungasondeli, ungasondeli. Uma besondela laba abanye, ayinankinga, kodwa uma sengisondela mina hhawu hhawu ungasondeli. Bese ngithi, ngoba izalwa uMaMkhize, ngithi hhayi magazi, eh eh, musa ukuvumela lento lena idlale ngawe, woza lapha.” Ize kancane, ngithi awuphuze nawa, phuza lamanzi lawa, athi “hhayi nakhu kuthiwa angiwangawaphuzi lamanzi, uma ngiwaphuza ngizobona” bese ngigcizelela ngithi phuza ngenkani, nko nko nko nko nko.
30.Athi “Eyi magazi, nayi lento ithi, iyakhala manje” ngithi waqede, awaqede, ngimubhunyele ngawo ebusweni amanye. Uthe esukake manje wavele wabambelela kimi.
Ngathi uweee, lento izongena kumina phela manje mayisuka lapha, ngashawa uvalo manje, ngaqeda ngabuye ngathi hhayi uNkulunkulu ukhona, ukhona uNkulunkulu. Ngingathi ngisemhlanganweni, ngilindile kuvele kuzongena umoya omumbi nje la kimi hhayi ngenke kwenzeke!
31.Ngithule, ivele ingibambe ngqi isandla, ngithi ngizama ukuyidedela isho ukungibamba impela nje, hhayi ebese iyangihlebela ithi “Ithi lento angikudedele ngoba iyasha, ingakho ngingakudedeli!” abese ethi “Ithi lento angiye kulowa Mfundisi ngidedele wena!”
32.Manje ungichaza ngoba ukhulumela phansi, akafuni kuzwakale ngoba uyazi ukuthi izoba ihlazo lento uma angase ayikhulume izwakale lapha. Ngithi hhayi bambelela magazi, bambelela, uma kubambeleleka nje, bambelela, bambelela. Kube ngathi ungcono, abuyele kuma senses akhe, sixoxe. Sixoxa nje ungibambile, akasafuni ukungidedelake manje, ngoba uyayizwa i-relief encane.
33.Hhayi, sixoxeke, sikhulume, sizikhulumele izindaba-ke zobukhelwane, bese ke igcine ingidedelake kancane. Bese ngithi hhayi hamba uhlale phansi, lento uma ilokhu ikhuluma nawe, ungalokhu uyinaka lento lena. Kodwa ngisho ngiyazi ukuthi lezi zinto ezinjengalezi, ziyakwenzisa into ngisho ungafuni, uyenze ungathandi. Yazamake, yazama. Eyi bangcwele!
34.Manje ngiyanqena ukuthi mina ngimuthandazele, ngivele nje ngithi ngiyamuthandazela. Nginayo lento yokuzinyeza ukuthi ngizothi ngithi ngithi kuvele kungenzeki mehluko bese kuthiwa ubethi Wenzani. Sibashiyeke sigoduke siye ekhaya, sibashiye beryt. Isuke lento, siphinde sibizwe futhi ebusuku, ngabo 7 manje. Bese ngithi mina hhayi muyiseni lapha esontweni echibini, kunesonto lase chibini eliseduze lapha, muyiseni khona, ngizomuphelezela nami, kodwa ngeke ngingene ngoba kuzothiwa hhawu ulethwa uShembe la.
35.Asimuyise echibini, bazobona echibini bamenza njani, ngoba kushuthi ngeke kulalwe phela. Bamuse echibini, echibini bamunike amanzi, abuye nalamanzi, athi ukulala lala. Ekuseni ngoLwesine, ivuke futhi lento, aphinde agijime izinkalo, kucace ukuthi hhayi isamuphethe, isamubambile, ayijikile, isanjengoba injalo, isenalowo mandla akade inawo ekuqaleni. Bese kuthi ngoLwesine ntambama, bese kufika mina ukuthi cha ake manje, lezi zikhali enginazo zokukholwa, engike ngizisebenzise nami uma kufika izimo ezinje, ake ngizisebenzie la kamakhelwane, angeke uNkulunkulu angiphoxe.
36.Ngithathe isihlabelelo sami, ngithathe ubhoko lwami. Angazi ubhoko lusetshenziswa kanjani, ngike ngibone kodwa bethandazela ngalo abantu. Uma uxakekile wenza noma yini. Le Nkosazana yalapha ekhaya, yayithi nxa igula nayo iphethwe izinto ezinje, ngangithatha ubhoko ngiyithandazela ngalo, uNkulunkulu, wezwa esezulwini. Ngase ngenza njalo, ngagijima ngafonela udadewabo, ngathi dadewabo, siyeza lapho, sizothandaza ntambama, sizothandaza. Angithi vele njengoba elashwa echibini, ehamba echibini nje umthandazo, nami ngilethe wona umthandazo. Sasehla njalo sishona khona.
37.Sithe uma sehla nje yasihlangabeza esangweni, yathi kuthiwa ningangithinti ngoba manje ngilashwa lapha ningangithinti nina. Ngathi magazi, angizile ngomuthi, size ngomthandazo, angithi kuyathandazwa lapho olashwa khona, nathi sizothandaza, sangena sesingena naye. Eyi bantwana baseKuphakameni, sahlabelela!
“Nkosi ngiphe amandla
Okunqoba uSthane.
Nkosi Ngiphe amandla.
Okunqoba uSathane.”
38.Sasicula sonke nomndeni wakhona, sashaya nje lelovesi, sase siyathandaza. Ngase ngithatha isihlabelelo, ngathi awubambe lesi sihlabelelo lesi, usibeke la esifubeni, uthole nje uthi nya. Eyi bantwana baseKuphakameni, uyabona mawuthandaza, into efikayo, uma ingeyimbi nje uvele uyenze. Ngathi beka la isihlabelelo, uthule uthi du. Sasihlabelela. Ngamubona ethule, ngabona ukuthi kukhona into ayilalele. Hhawu bantwana baseKuphakameni, mmm, sathi sesiqedile, wathi yazi magazi ithule lento le, ikhale yakhala yakhala, yathi ngasha uShembe, ngasha uShembe, lahla lelibhayibheli oliphethe, lilahle. Isho isihlabelelo.
39.Ngangibambe leyanto, into eyayishiwo uma, ethi omunye umama wathi ehlaselwa izilwane wase eveza uBabamkhulu kanje, wathi unaye lo. Ngase ngithi nami ake ngibabambe ngayeke uShembe. Sizodlala imimoya emibi sinoMprofethi Wethu onamandla kaNkulunkulu.
40.Wathi yathula lento, yathula magazi, ngathi shiii, thula ungabe usakhuluma. Ngathi lalela lesi sihlabelelo asihlale kuwena, lala naso, usibeke la eduze kwakho, wenzanjalo. Hhaaa bantwana baseKuphakameni, kwasho ukuthi impi yomubi ayideli. Ngithe Ngizwa ngabo 10pm, gi gi gi gi gi, hhayi vula, vula, nayi lento. Hhayibo madoda, kade ithule nje lento, ngimuvulele angene endlini, kube ukumbamba nje, athi yeyi kwangcono, kwangcono, kwangcono. Ahlale phansi.
41.Athi magazi hhayi angihambi la ngoba kungcono, mingiphinda ekhaya, izongibamba lento futhi, angisahambi la, ngizolala la. Ngithi hhayi lala khona la.
Siqale phansi sithandaze futhi, sithandaze, sithandaze, sithandaze, sithandaze, uma sesiqede ukuthandaza bese ke ngithi hhayi lala, ebese elalake. Ngivuke ekuseni futhi ngo 4, ngithandaze, ngimuthandazele futhi. Silale. Uma ngibuza kuye sekusile. Magazi, ulale kanjani athi “Yeyi gazi ngilalise okwengane into engingasayazi, ngilalise okomntwana”
42.Ahambe, nakusasa, ntambama futhi, aberight emini, ntambama futhi imuhlasele, aphinde afike ngesamagundwane. Athi “yazi ukuthini magazi, ngeke, ngeke ngizolala la zonke izinsuku” Niyalibona yini igceke bantwana baseKuphakameni, alifani igceke elinomuthi negceke ekuthandazwa kulo. Wabona ukuthi hhayi ngiyasizakala la, walala lapha ekhaya njalo-ke ntambama, sithandaze naye. Kuthe ngoLwesihlanu kuzoba iSabatha. Ngathi ake nigcine iSabatha, nibone ukuthi kuzokwenzakalani. Ngathi ake nigcine iSabatha.
Eyi ngahlupheka, laba bantu ngizokwenza kanjani ukuthi ngiye nabo esontweni, ngoba le moto incane, nathi sigcwala khona siyampintshana.
43.Eyi ngathi Nkosi ngisacela ungithethelele lento engizoyenza manje isono, bantabami ngisacela nithi ukusala namhlanje, nizoya emgidini kusasa, ngizohamba nomakhelwane. Zithi ingane hhayi kulungile. Ziyabona phela izingane isimo, nangu umuntu egqigqa layikhaya njalo ulala lapha, shuthi uyinkinga. Hhayi senzanjalo, sithe sisendleleni, bantwana baseKuphakameni, ngivule izintshumayela kaBaba uMelusi, yathi lento “Cishani, cishani lento, iyangihlukumeza!,” ngathi ngeke sizwe ngawe, ngeke, akuyona eyakho-ke le moto futhi, imoto kaShembe le.
44.“Hhawu cishani, kodwa kanti kuyiwaphi kanti, kanti ngiyokwenziwani la ekuyiwa khona, cishani, cishani, cishani!” Sathi singenake la yathi “Haybo nampa abantu befake izingubo ezimhlophe, kwenziwani la kanti, ningisaphi?” Sathi singena la, yayinsizwa izinyukunya, izinyukunya, yayihleli lapha le le nsizwa, ihleli lapha. Yayishiselwa yodwa, ithi kuyashisa, kuyashisa!
45.Ngicela ukusho maNazaretha ukuthi sithe sisuka la sigoduka, yathi ngase Ngizwa ubungcono obukhulu, ngiright manje. Ayibongwe iNkosi enkulu yaseKuphakameni. Hhayi, abantu abamazi uShembe, wasezulwini, abamazi uShembe wasezulwini abantu!
46.Njengamanje, iyaphila, bekuyinsizwa ebiphuza utshwala, igijima nezinkalo, idakwa, ingalinaki ikhaya, ingasebenzi ngisho ekhaya egcekeni, ingenzi lutho nje, yazi utshwala. Njengamanjena nje, selokhu yabuya la, isiyakwazi ukucenta igceke, isiyakwazi ukusebenza, iyakwazi ukwenza yonke into, ithandaza lapha kwaKhathi njalo, nsuku zonke. Ntambama, ifika nomndeni, bafika bonke bazothandaza, sizokwenza ulala nathi ngoba bayamubona uNkulunkulu wethu esimkhonzayo.
47.Ihee, angazi maNazaretha ngingathini, sasiyozwa ngobani ukuba labaholi bethu abazange bayikhulume le ndaba, sasiyozwa ngobani ngoba izinkulungwane zabagcotshwa azisitsheli lutho. Eyi madoda, siyazidinga ezokumbonga, siyazidinga ezokumbonga. Manje bantwana baseKuphakameni kukhona izinto ezike zehlele umuntu ekholwa, kanti ungena kwi training akaboni, angazi noma ezintweni engidlule kuzona bekuyi training yini ngoba ngfike la ngiqonda khona ukuthi umoya omumbi unjani uMoya omuhle unjani, into ebengingayazi.
48. La esikhulele khona thina, uMoya omumbi ubuphathwa kahle, utotoswa, uma uvuka emntwini, kuthiwa oh cha bantu abadala, musani ukumlimaza, umuntu ekhihliza amagwebu eqhwisha, kuthiwa musani ukumlimaza, muphatheni kahle, umntwana wenu lo. Namhlanje awukho umoya omubi ongasitshela lonto thina, uzokhihlizisa umuntu amagwebu umwisa phansi, ebese siyawuncenga ngoba siyawazi ukuthi mumbi.
49.Uma umuntu ehlelwa into enjalo, sihlabelela isihlabelelo esithi “Baba Wethu osezulwini maliphathwe ngobungcwele igama lakho, uMoya wakho mawuze Nkosi, ubaphilise abantu bakho.” Ngoba siyazi ukuthi lo moya lona awuwona ukuphila njengoba eqhwisha nje, ukuqhwisha kwake kwaba ukuphila kuphi bangcwele, ngoba ukufa lokho. 2019 kunesimo esangivelela esibuhlungu, ngangisanda kugcotshelwa ukuba uMfundisi, sagcotshwa kanye noMfundisi uMsane ngo July walonyaka.
50.Ngo October ngahlaselwa impi yobumnyama, angazi ukuthi yini lena engayenza ukuthi lempi ikwazi ukuthi ingishaye, ngithena noma sekungiphethe ngazifuna ukuthi imaphi la engiphambuke khona, imaphi la engingenzanga kahle khona, ngoba nganginokuthi njengoba ngishayeka nje kushuthi kukhona la engingenzanga kahle khona.
51.Ngaqala ngashawa uvalo, uvalo olungajwayelekile, lwangishaya langidabula ngaphela amandla, ngavevezela, ngesaba, ngangazi kwenzenjani, kwangazathi ngizokufa. Uma kuwumthakathi owenza lonto, hhayi unamandla, uyakwazi ukwenza into yakhe. Kodwa engikubongayo ukuthi akamhlulanga uNkulunkulu.
52.Ngaphambi kokuba ngifike lapho bangcwele, ngisenguMvangeli, bekunento noma bekune voice engihluphayo, ekhuluma emadlebeni ami, njengalensizwa ekade ngifike nayo. Ayikhulumi indaba, kodwa ingikha ngenhlamba, enkulu inhlamba, sometimes ingibhuqe lento, ithi awu Mvangeli. Ngidideke ukuthi yini lento elokhu ingenza isilima. Iqede ingikhe ngenkulu inhlamba, ngixakeke ukuthi ngenzeni ngizothukwa ilento engingayazi. Njalo ngizwe emadlebeni lento, inhlamba enkulu engiyizwa kubantu abaphuzile, inhlamba, inhlamba yasejoyintini.
53.Ngidideke ukuthi lo muntu ongithukayo, umuntu ophilayo, yini lo, kodwa nginethemba lokuthi uNkulunkulu uzongisiza anginqobele. Kanti nginamanga, lento iya plan ukuthi njengoba ngingayinakile nje, angizame enye indlela yokuthi nginake. Ngigcotshweke ngibe uMfundisi, ngo July, bese kungena umhlangano ka October, uma kungena umhlangano ka October bese ngishawa iloluvalo ekade ngichaza ngalo bantwana baseKuphakameni. Ngizwe ukuthi umzimba wami uyasinda, ngizwe ukuthi angikho normal. Ebese kuthi lezinhlamba ebengithukwa ngazo emadlebeni, zibeke manje sezisho enhliziyweni yami ngaphakathi.
54.Ngizizwe manje mina ngithuka lezi nhlamba ezinkulu, engingakaze ngizithuke. Ngikhuliswe umuntu mina ebengafuni ngisho kukhale ikhwela egcekeni. Unxa! Ubushayelwa unxa! Lapha ekhaya, ushaywe kuthiwa umunxaphelelani omunye umntwana. Lokhu kokuthi uthi argha komunye umntwana, ubushayelwa khona. Ngaxakeka ukuthi kwenzakalani manje. Ngezwa manje ukuthi engathi akusahambi kahle.
55.Ngitshela umkami ukuthi kukhona into eyenzakalayo la, kwayena ngizwe ngimthuka kwayena kodwa ngizibuze ukuthi ngimuthuka kanjani, wenzeni? Noma kuphi noma ngihlangana nomuntu endleleni ngimthuke ngenhliziyo, kodwa ngingazi ukuthi kwenzeka kanjani lokhu. Noma ngikuphi. Noma ngilapha enkonzweni, ngiyisho le nhlamba, ngisho, inkonzo ngingayilaleli, ngingayizwa ukuthi ithini. Eyi bantwana baseKuphakameni angazi kwakwenzenjani.
56.Kuthe ngisakhungathekile kunjalo, ngase ngizwa into ikhuluma, ithi usuwone kakhulu, usuthuke inhlamba kakhulu, usungcolile, into nje okufanele uyenze ukuhlala ekhaya ungabe usangena ngisho ethempelini ngoba awusafanele. Ingibuse lento, ngizwe nami ukuthi hhayi cha hhayi ukukholwa akusangifanele, angiphathi umuntu uma wathi sawubona Mfundisi. Wayengidinwa indlela eyisimangaliso, ngoba ngangingasaziboni ngiwuMfundisi, ngingalithandi naleligama!
57.Ngezwa manje ngangakuthanda ukukholwa, ngangakuthanda ukubizwa ngoMfundisi, ngangamthanda umNazaretha omunye, ngangazi ukuthi kwenzenjani. Ngiyazi ukuthi nina naningaboni, nina maningibona nibona uMfundisi, kanti ngaphakathi sekukhona uSathane. Ethi umuntu uMfundisi, eyi, ngithi uMfundisi mina, ngithi uMfundisi, mina!
232. ISIHLABELEO. 13
J.G SHEMBE, Lesi sihlabelelo ngasiloba ngikwa Zibindlela ngo 27 Oct,1945.
1 Ngaphambuka endleleni
Ngangena ehlazweni,
Zangifumana izitha zami
Ngangikude nawe.
2 Wona umlilo ovuthayo
Wadla inyama yami,
Ngamfuna umsizi
Wabakude nami.
(Wakhala!)
3 Ngambiza uSimakade
Ngisebunzimeni
Yena wezwa izwi lami
Endaweni yakhe.
58.Bengithi ngizoba nesibindi sokukhuluma lento ngoba noma bengixoxela umuntu bengingakwazi, ukuthi ngangingazi ukuthi ngogcina ngiphumile kulowa mgodi.
Wayethi noma uMa, uSomaqiniso esho ukuthi akumina lo othuka inhlamba, ngoba ngathi mina yimi lo othuka inhlamba, ngizwa kahle ukuthi imina! Athi uMa: “Akuwena, kodwa uMoya ophila kuwe othuka le nhlamba kodwa wenza sengathi uwe.” Ngibone uMa edlala ngami, ngizibona ngingasafanele ukukholwa, ngizibona ngiyinto nje yasesihogweni. Kodwa angazi ukuthi uNkulunkulu wenze kanjani ukungikhipha kulowa mlilo.
59.Bantwana baseKuphakameni ngangikhala ngakho emgidini, kukhona isikhathi lapho uBaba uMelusi, kwakusephakathi nje nawo umhlangano, wasibiza sonke nje wathi masiguqe, wawungakavalwa umhlangano, kwakuphakathi nenyanga, saguqa sonke. Kukhona ayesiyala ngakho, angisazi uBaba wayekhuluma ngani.
Eyi yamandla lento, yangihlupha, wayethi ekhuluma uBaba, kube kwenzeka lenhlamba, ethi ekhuluma uBaba kube kuthuka. Ngathi ngizwa, ngezwa amehlo ami engathi ayidabuli, ngezwa inhliziyo yami engathi iyafutheka iwugqinsi, ngezwa ukuthi angingedwa. Ngezwa ukuthi angingedwa, iyangihlukumeza lento!
60.Ngakhala khona lapho, abantu abaningi abangibonanga ngoba ngadideka ukuthi empilweni yami kwenzakalani. Ngiyabonga ukuthi izithunywa zikaNkulunkulu eziphambi kwethu zakwazi ukungibona ngoba yayingangivumeli lento ukuthi ngikhulume ukuthi nginankingani. Yayingangivumeli nhlobo. Noma ngithi ngiyafuna ukukhuluma nomunye umuntu, ngizwa ukuthi ngiyafuna, kodwa akwenzeki, ayifuni ngikhulume ngiveze loludaba, le ndaba ukuthi ukuthi nginenkinga kanje, kanje!
61.Lapho uBaba wase engibiza ngelinye ilanga, engibuza ukuthi kwenzenjani, impendulo yami kwaba isililo ngoba angazanga ukuthi ngizoyikhuluma ngithini into enje, amahlazo angaka. Kodwa ngiyambonga uNkulunkulu, ngibonge nemikhuleko. Angazi bantwana baseKuphakameni ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ngisinde kuleyankinga, yayingiphethe ize ingubuze ukuthi uphi uNkulunkulu. Ngoba kwakungekhona ukukhuluma nenhlamba kuphela, kodwa emzimbeni ngangigula. Ngisha emhlane, ngisha nasokhakhayini.
62.Ebese ithi, uphi uNkulunkulu, thandaza phela! Ngizwe ukuthi angisakwazi ukuthandaza mina, and uBaba wenza isimanga wathi angithandazelwe! Ngajabula ngoba ngangingasakwazi ukuthandaza, ngangizwa into engiyithandazayo ukuthi ayiyindawo. Eyi wangisiza uNkulunkulu waseKuphakameni, wathuma izithunywa zakhe. Bangembesa ngengubo yokuphila, ngaba umuntu. Nabantu engangibaxoxela ngicabanga ukuthi babengathembi ukuthi ngoke ngiphinde ngilunge.
63.Ngaqala manje bantwana baseKuphakameni, sengithandazelwe, kwaqala manje kwabuya ukukholwa, ngezwa ukuthi ngaba umuntuke manje, ngaba umzalwane. Kwaqala manje uma umuntu ethi Amein Mfundisi, ngajabula ngezwa ukuthi nginguye umfundisi!
64.Ngicela ukuthi uma ngabe ngangonile, ngiyacela uNkulunkulu angithethelele, ngicela ingaphinde ibuye leyanto, ngoba yangihlukumeza ngendlela eyisimangaliso, ila engabona khona ukuthi ukukholwa kuyathikamezeka kwezinye izikhathi, yangithikameza, ngangakholwa ngendlela engifuna ukukholwa ngawo. Ngicela ukugijima bantwana baseKuphakameni siye encwadini, ngiyambonga uNkulunkulu. Incwadi ka Isaya 12 verse 2, kube eka Exodus 15 verse 2.
Isaya 12 verse 2.
“Bheka uNkulunkulu uyinsindiso yami, nginethemba, angesabi ngokuba uJehova, uJehova ungamandla ami, nehubo lami, waba insindiso yami.”
Exodus 15 verse 2.
“UJehova ungamandla ami nehubo lami, waba insindiso kimi, unguNkulunkulu wami, ngizakumdumisa lo Nkulunkulu kaBaba, ngizakumphakamisa.”
65.Injalo bantwana baseKuphakameni, ngimbonga uNkulunkulu ngalezincwadi, ngambona engisiza ezintweni ezinkulu, enginethemba lokuthi uma ngihleli kuye usazongisiza, ngiphinde ngiphunyule. Into engayi understand(a) ukuthi sisempini enganqamukiyo, ngiyazi ukuthi akugcinanga lapha, impi isaqhubeka bantwana baseKuphakameni, isaqhubeka impi!
66.Leya ndaba yasekuqaleni angibange ngiqedele, kodwake ngenxa yesikhathi, le yasembuthweni yobumnyama, iyaqhubeka, lapho uNkulunkulu angisiza khona. ngicela ukuthi nje kancane, sithathe isikhathi esincane. Kwathi uma kudlula lapho ngiyinqoba le nsizwa yobumnyama, ngase ngizibona ngisendaweni eyibala nje evulekile, kune screen esikhulu esinendoda efake uthayi. Ikhuluma, kunabantu lapha phansi abahlezi phansi, abafake izingubo ezimnyama, bemboze ngento engathi izinansuka, izindwangu ezimnyama bebukela le ndoda.
67.Kwase kukhuluma umuntu engingazi wayekhulumaphi, wathi “Laba bantu njengoba behleli la, benza umhlangano against uNkulunkulu. Lo okhuluma laphana uSathane. Manje kukho konke ukugula kwami, ngiyababona laba bantu bezingubo ezimnyama, uma bengabonwanga imina, bazobonwa omunye, eqinisweni kukho konke ukuhlupheka kwethu la ebandleni, noma kungathiwa kugula bani, basuke be involved laba bantu bezingubo ezimnyama.
67.Ngelinye ilanga ngake ngabona umuntu osabekayo, emba ithuna, kwakuwumhlangano, emba umgodi wethuna yedwa! Ngathi ngiyamubuza ukuthi uwumbelani? Wathi “Ngiyeke phansi wena” wawumba, uyabona, wawumba ngendlela engingayazi! Kwakungelona ifosholo owayemba ngalo, angazi kwakuyini, kodwa wayethi nje, ethi ethi, ewumba ngamandla lo mgodi wethuna. Ngathi engabe uwumbela banike! So, bantwana baseKuphakameni ikhona impi, uNkulunkulu sengathi engasipha amandla, siyinqobe.
201. ISIHLABELELO
Danyeli 12:1-4
Isambulo 20:11-15
1 Anginazikhali anginazihlangu
Zokuvikela umoya wami
Nanti igama lami seliyahlangulwa
Encwadini yokuphila.
2 Shwele Baba shwele nkosi
Ngivikele wena Baba.
Lingahlangulwa igama lami
Encwadini yokuphila.
3 Alingahlangulwa igama lami
Encwadini yokuphila
Ngoba yini mina Baba
Ebusweni bakho.
4 Ngigeze wena Baba
Ngihlanzeke ngokwenene,
Lime ngawe igama lami
Encwadini yokuphila.
68.Ngiyabonga bangcwele, ngiyafisa ukuthi lesi sihlabelelo ngiyasithanda kakhulu, isihlabelelo sami lesi engicela ukuthi abangcwele mzukwane ngifulathela, benginxusele ngaso kuNkulunkulu ukuthi igama lami lingahlangulwa encwadini yokuphila.
Inkosi ibusise esikuzwile.
(NB. Njalo ngomhlangano kwakufa umgcotshwa. Ingelosi yabe isithi njalo ngomhlangano asinikele sivale lelithuna elibulala abagcotshwa njalo ngomhlangano. Yiyo lendoda umfundisi uKhathi owayeyibona imba ithuna ngomhlangano. Lokhu saqala sanikela akubuyanga kwafa noyedwa umuntu ngomhlangano!).