Skip to content

IBANDLA LIKA YESHUA LAVUSWA NGUSHEMBE

Kukhona umehluko phakathi komuntu OWEHLELWA NGUMOYA ONGCWELE NOMUNTU ONGUMOYA ONGCWELE.

Noma umuntu onguMoya oNgcwele singamazi, kodwa uYeshua wakhuluma ngaye!

Sonke uma sikhuluma indaba kaNkulunkulu, sishumayela, sisuke sehlelwe nguMoya oNgcwele, kodwa ASIWONA UMOYA ONGCWELE!

Kodwa uShembe uMprofethi wavela kubantu enguMOYA ONGCWELE!

1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko sale nkonzo sithi: “Ibandla likaYeshua lavuswa nguShembe.”
 
2.Ku Duteronomi 14:1-2 uJehova uthi: “Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu, ningabantu abangcwele kuJehova uNkulunkulu wenu.
 
3.UJehova unikhethile nibe yisizwe senzuzo yakhe ngaphezu kwezizwe zonke ezisebusweni bomhlaba!”
 
4.Siyisizwe sikaJehova, kodwa ekuhlubukeni uJehova sagcina sesiyisizwe esiqalekisiwe.
 
5.Zonke iziqalekiso uJehova owathi kuDuteronomi 28 zosehlela, zasehlela njengoba zinjalo! Kodwa uma siphenduka uJehova uyosithethelela!
 
6.Ngijwayele ukuveza ukuthi ngo 2010 kwafika kimi umuntu wasezulwini, wathi uthunywe ukuzongitshela ngibuyisele abantu emthethweni kaJehova.
 
7.Kwagcina ngesikhathi sakwa-Israel ukuthi ingelosi izohlala nabantu, ibafundise ngempilo yasezulwini!
 
8.Lokhu nje kukodwa kuyachaza ukuthi uJehova akasidelile, sisengabakhe njengoba sasingabakhe kwasekuqaleni!
 
9.Bekufanele kube ngamaNazaretha abonisa umhlaba ukuthi uShembe uthunywe ezulwini ukusibuyisela kuJehova.
 
10.Kodwa-ke akunjalo, amanye amabandla amaNazaretha akasayingeni indaba yezimfundiso zoMprofethi ngomthetho kaJehova, sebezifunele onkulunkulu babo!
 
11.UMqaliwendlela unguMprofethi kaJehova owathunyelwa emhlabeni ukubuyisela isizwe esimnyama endleleni eyiyo yokukhonza uJehova!
 
12.KuyiZenzo 24:5, kuthi: “Ngokuba le ndoda siyifumene iyishinga ivusa ukwambuka phakathi kwabaJuda ezweni lonke, iyinhloko yehlelo lamaNazaretha.”
 
13.Mathathu amabandla ayedumile ngesikhathi sikaYeshua: abaFarisi, abaSadusi, namaNazaretha.
 
14.Kodwa kuNew Testament kukhulunywa ngabaFarisi nabaSadusi kuphela!
 
15.Enkonzweni edlule sicaphune umbhalo kaJerome owabe eyisikhulu enkolweni yabezizwe, nowahumushela izincwadi zamaHebheru kuyisi Latin, ezagcina ziyiTestament Elisha.
 
16.Kule mibhalo uJerome wayelwa namaNazaretha, ethi ayefana nawo wonke amaJuda, ngoba nawo asafunda iTestamente Elidala, into engemukeleki neze enkolweni entsha yesizwe samaRoma!
 
17.Kodwa kumakholwa amaningi le nkulumo kaJerome iyadida, ngoba akekho obazi ukuthi ngaphandle kwebandla lakwaShembe, amaNazaretha kwakuvele kulibandla likaYeshua!
 
18.UShembe wathunywa ezulwini ukuzovusa ibandla likaYeshua elaqedwa ngabezizwe emva kokusinqoba ngo 70 A.D.!
 
19.Kuyikhasi 10 lencwadini ka Rav Sha’ul, ethi THE NAZARENE: Betrayed, Beaten….Begotten! kuthi:
 
20.“Abantu abaningi sebeqala ukuqonda ukuthi abalandeli bakaYeshua kwakungama Nazaretha, hhayi leli gama labezizwe!
 
21.Ngoku tholakala kwama Dead Sea Scrolls okuyimibhalo yamaHebheru emidala eyabakhona noYeshua engakazalwa, nasekhulwini leminyaka yokuqala, sesinolwazi ngebandla lamaNazaretha elaliholwa nguYeshua.”
 
22.Ekhasini 25 uSha’ul uthi: “Siyazi ukuthi ibandla lamaNazaretha lasungulwa nguMprofethi uJohane.
 
23.NguJohane owafundisa uMesaya, okunguYeshua, wamcijela ukuba abe nguMpristi oMkhulu.
 
24.UYeshua wakuthatha kuJohane ukuhola ibandla lamaNazaretha. 
 
25.Okwathi ekugcineni leli bandla lamaNazaretha laholwa nguMpostol uSha’ul.” Amen!
 
26.Esingakuqondi ukuthi uShembe wazi kanjani ukuthi ibandla likaYeshua kwaku ngamaNazaretha,
 
27.futhi waqonda kanjani ukuthi leli bandla likaYeshua laliphila mpiloni, ngoba uShembe wayengayanga esikoleni.
 
28.AmaNazaretha kaYeshua ayemukela uYeshua ngokuthi unguMprofethi kaJehova, owayehamba ngokomthetho kaMose!
 
29.NoShembe onguMprofethi kaJehova, usifundise ngomthetho kaMose, waze wawenza isisekelo saleli bandla kuvesi 3 woMthandazo weSabatha, ukuthi sogcina umthetho kaJehova owawuletha kithi ngoMose!
 
30.Ngaphambi kokuhamba emhlabeni, uYeshua waprofetha ngokufika komuntu oyoba sesimweni sikaShembe!
 
31.Ku Johane 14:15-17, kuthi: “Uma ningithanda niyakugcina imiyalo yami.
 
32.Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade.
 
33.UMoya weqiniso, izwe elingemamukele ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena ngokuba uhlala nani, uyakuba kini.”
 
34.KuJohane 16:13-15, kuthi: “Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona.
 
35. Konke uBaba anakho kungokwami; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami anibikele khona.”
 
36.Ibandla lamaNazaretha elashiywa nguYeshua emhlabeni, laqedwa ngabezizwe, livuswe nguShembe!
 
37.Lapha uYeshua uthi uMoya oNgcwele uyovuselela izimfundiso zikaNkulunkulu nezimfundiso zakhe uYeshua!
 
38.Abanye-ke bathi uMoya oNgcwele akusiyena umuntu!
 
39.Kodwa-ke bengasichazeli ukuthi lo Moya ongasiye umuntu uyokhuluma kanjani nabantu?
 
40.Lapha uYeshua ukhuluma NGOMUNTU OYOBE ENGUMOYA ONGCWELE!
 
41.Kukhona umehluko phakathi komuntu OWEHLELWA NGUMOYA ONGCWELE NOMUNTU ONGUMOYA ONGCWELE.
 
42.Noma umuntu onguMoya oNgcwele singamazi, kodwa uYeshua wakhuluma ngaye!
 
43.Sonke uma sikhuluma indaba kaNkulunkulu, sishumayela, sisuke sehlelwe nguMoya oNgcwele, kodwa ASIWONA UMOYA ONGCWELE!
 
44.Kodwa uShembe uMprofethi wavela kubantu enguMOYA ONGCWELE!
 
45.Kule ndaba elandelayo sizoveza ukuthi uShembe wayevela kanjani kubantu enguMoya oNgcwele!
 
46.Lapha sinikeza indaba ka-Elijah Mhlongo ehamba kanje: “Ngangihlala e-Ottawa ngase-Verulam, ngisebenza njengeMfolomane epulazini lomlungu owayebizwa ngokuthi uNyoniyandiza.
 
47.Ngangisebenza namaNazaretha, kodwa okwakuthi uma begula bengafuni ukulashwa ngemithi.
 
48.Ngangibenqabela uma befuna ukudumisa, ngibenyanyela ukuthi abafuni ukuthenga imithi yami, ngoba ngangiyinyanga! Mina ngangisonta esontweni labelungu!
 
49.Ngenxa yenzondo enganginayo ngalaba bantu, ngamshaya uMshumayeli wabo uGulakudeni Nduli ngaphandle kwesizathu!
 
50.Ngathi uma ngimshaya wabe esethi: “Uma ungishaya, uzixabanisa noShembe!” Nami ngamtshela ukuthi: “Ngikushayela ukuthi nithatha abantu bami!”.
 
51.Ngelinye ilanga ebusuku, ngezwa abantu beza emzini wami behlabelela isihlabelelo esithi: “Waqala izitha Waqala uKuphakama. Waluthinta Unakane lwezwe Webadedele Wolucima ngani.”
 
52.Ngezwa ukuthi isihlabelelo seseKuphakameni lesi, ngethuka kakhulu, ngesaba ngamboza ubuso bami.
 
53.Ngase ngizwa umuntu engqongqoza emnyango, wangibiza ngegama lami lobunyanga wathi: “Malingakwenzeke, namuhla umsebenzi wakho wobunyanga uphelile.”
 
54.Washo kabili ngephimbo elipholile nelesabekayo, engangingalazi. Ngethuka kakhulu. Angizange ngilale kwaze kwasa!
 
55.Kwadlula izinsuku eziyisithupha emuva kwaleso sigameko,
 
56.Kwase kuthi ngilele ebusuku kwafika indoda ihamba namantombazane amabili egqoke izingubo ezimhlophe.
 
57.Ngazibona ngihlezi ngaphambi kwendlu yami phansi kwesihlahla somkhiwane lapho engangichithe imithi yami, ngoba kwakunamadoda amabili ayezothenga imithi.
 
58.Ithe uma le ndoda iqhamuka, yathi: “Siyakhuleka, Malingakwenzeke.”
 
59.Amantombazane amabili ayephahle le ndoda ayegqoke izingubo ezimhlophe emboze ekhanda ngendwangu emhlophe.
 
60.Le ndoda yangibingelela yase iyathula, kwakhuluma enye intombazane ayehamba nayo, yathi:
 
61.“INkosi iyakubuza ukuthi laba bantu abaphambi kwakho bafunani?”
 
62.Angizange ngiphendule ngoba ngangesaba. Ngase ngibheka le ndoda ephakathi kwala mantombazane.
 
63.Ngehluleka ukumbheka ebusweni ngoba wayecwebezela njengefasitela.
 
64.Ngase ngithi kula madoda amabili ayezothenga imithi: “Hambani, nibuye kusasa.”
 
65.Ngase ngiyibuka futhi le ndoda ephakathi kwamantombazane.
 
66.Yayisibukeka manje, isifana nomuntu. Yathi kimi: “Tshela la madoda ahambe unomphela, angabuyi lapha kusasa ngoba le mithi ayisekho kuwe.”
 
67.Ngithe ngisalalele lokho kukhuluma, waqhubeka wathi: “Unecala, ngizokubopha e-Verulam ngoba ushaye abantu bami ngokuthi abayisebenzisi imithi yakho.”
 
68.Ngase ngiqonda kahle-ke manje ukuthi le ndoda nguShembe.
 
69.Waphakamisa isandla sakhe wasibeka esifubeni sami, wanika enye intombazane ayehamba nayo ubhoko lwakhe.
 
70.Yase ingibuza le ntombazane: “Uyasazi ukuthi singobani?”
 
71.Ngaphendula ngathi: “Ngiyazi lo uMfundisi waseKuphakameni.”
 
72.Yathi: “Cha, akasiye uMfundisi, unguMphrofethi kaThixo.
 
73.Njengoba sewazi ukuthi unguMphrofethi, ngeke usaba yinyanga kusukela namuhla.” Ayasho ukuthi uShembe uNkulunkulu!
 
75.Yaqhubeka le ntombazane yathi: “INkosi yaseKuphakameni ithi shiya umsebenzi wakho wokuba imfolomane epulazini wamukele ukuba uMshumayeli, akukho muntu oyakwephuca wona ngaphandle kweNkosi yaseKuphakameni”. 
 
76.Kuthe uma le ntombazane isiqedile ukukhuluma, uShembe wabiza enye intombazane, wathi: “Volo Mntungwa!”
 
77.Wasabela. Wathi: “Tshela le ndoda ukuthi umsebenzi wakhe wobunyanga usuphelile.
 
78.Ngimupha manje umsebenzi wokuba uMshumayeli kuphela.
 
79.Ngizomthumela ayokwelapha ebandleni lami”. Le ntombazane yangitshela kanjalo.
 
80.Ngathi uma ngibheka ubhoko oluphethwe ngenye intombazane, kwavuleka umgodi omncane ngaphansi kwalo.
 
81.Kwaphuma intuthu kulo mgodi yaze yafika ezinyaweni zentombazane. UShembe wayesethi kuyo:
 
82.“Mtshele ukuthi siyambiza ukuba eze emhlanganweni wamadokodo eKuphakameni”
 
83.Yangitshela intombazane njengoba sekushiwo. Ngase ngizwa uVolo ehlabelela ingoma ethi:
 
84.‘Ngowela ngijabhile Emfuleni waseHuze Ngaphesheya kwawo he! Ngoyamukel’ intokozo yami.’
 
85.Bobathathu bahlabelela le ngoma kamnandi ngamaphimbo apholile.
 
86.Base bayanyamalala, ngasala lapho esihlahleni izikhwama zami zemithi ngizichithe phansi. Ngafikelwa ukwesaba njengomuntu oboshiwe!
 
86.Ngazibona sengiphonseka kulo mgodi owawukhanya, ushisa kakhulu! Ngase ngifile ukujuluka sengimanzi te.
 
87.Ngakhala ngezwa nezikhwama zami zemithi zikhala, zazisha, zazikhala njengabantu, zijikajika kulo mgodi.
 
88.Ngaphaphama lapho, ngavuka, ucansi engangilele kulo lwase lumanzi te umjuluko.
 
89.Ngawatshela amakhosikazi ami ekuseni ukuthi besengifile ngiboshwe uShembe.
 
90.Bamangala ngoba nabo bazibonela ucansi lumanzi umjuluko.
 
91.Ngase ngithi kubo: “Asihambeni njengoba uShembe uthe asihlangane ngomhlangano wamadokodo eKuphakameni.”
 
92.Unkosikazi wami omdala wavuma ukuhamba, kodwa lo omncane wenqaba wathi: “Uzokwenzenjani ngalemithi ngoba ebandleni likaShembe imithi ayisetshenziswa.”
 
93.Ngaphendula ngathi: “Ngitsheliwe ukuthi ngeke ngisaba yinyanga yemithi, sengizoba uMshumayeli waseKuphakameni, ngiyothunywa ngiyophilisa abantu ngomthandazo kuphela.
 
94.Ningangabazi, asihambeni siye khona basibhabhadise.”
 
95.Sahamba saya emhlanganweni wamadokodo eNtanda.
 
96.Ngalolo suku, ngambona uShembe okukuqala ngamehlo enyama.
 
97.Wayehlezi eduze nendlu eZibone ekhuluma nabantu ababemlalele. Wayesethi:
“Ngesikhathi uNkulunkulu engithuma, ngangingathandi, ngoba ngangisemncane.
 
98.Nani anithandanga ukuthunywa ngenkathi nginibiza endlini yakini.
 
99.Nilalele kahle manje ngoba senize nafika lapha.
 
100.Manje angikho lapha. Ngihambile ngayobiza oyihlo nonyoko, abafowenu nabodadewenu. Nampa abanye sebefikile.”
 
101.Ngangithi uxoxa indaba, kodwa kwathi uma sengilalela isikhathi eside, sengimuzwa ethi: “Nampa abanye sebefikile!” ngabona ukuthi wayeshumayela!
 
102.Ngathi uma ngimbheka, ngabona ukuthi yiyo le ndoda eyafika kimi ekhaya kwaNyoniyandiza.
 
103.Ngithe ngisacabanga ngaleyo nto, wangibiza, wathi: “Sewufikile?”
 
104.Ngesaba ukuphendula. Wayesebiza uMemela wathi kuye: “Awubuze le nyanga, uMalingakwenzeke, ukuthi ubashayelani abantwana bami?”
 
105.Angizange ngiphendule, ngesaba ngoba wangibiza ngegama lami wathi: “uMalingakwenzeke.” Wayesengibuza ukuthi ngivelaphi.
 
106.Ngasho ukuthi ngisuka endaweni okuthiwa iNyoniyandiza. Wathi: “Ukhuluma iqiniso ngoba ngikulande khona.”
 
107.Emveni kwalokho umshumayeli uMhlongo wabhajadiswa, wagcotshwa waba ngumshumayeli kuleli bandla!
 
108.Nanku-ke umbuzo kubo bonke abalalele le nkonzo: Lo owafika emzini kaMhlongo ebusuku kwakunguShembe osenyameni noma kwakunguShembe onguMoya?
 
109.Uma kwakunguShembe onguMoya, wayenguMoya omubi, noma wayenguMoya oNgcwele?
 
110.Lo mbuzo ungawuphenduli ngokwezi mfundiso zenkolo yakho, ngoba le i-assignment!
 
INkosi ibusise enikuzwile.
 
 Le nkonzo iyatholakala ku facebook naku Youtube othi Rev Mpanza NCG.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *