Ngoba thina silandela uShembe owumoya ngoba washo njalo uBaba iLanga wathi kuza isikhathi lapho khona kuyofanele silandele khona UShembe owuMoya ngoba UShembe wenyama uyaphela. Manje uma ugxile kakhulu ezintweni zenyama, uzohamba uhambe ugcine ulahlekile ngoba manje awusaboni ukuthi kwenzakalani, usuhamba ulandela into oyitshelwa nje nawe abantu. Ngoba la okhona akukho ukuxhumana phakathi kwakho nezulu.
Inkonzo yangeSabatha ekuseni mhlaka 11 February 2023: NguMfundisi Sphelele Msane.
2. ISIHLABELELO
1 Ngisize ngisize Nkosi yami
Ngoluthando lobuntwana,
Olungafiyo.
Chorus: Amen, Amen, Nkosi yami.
2 Ngincede ngincede Nkosi yami
Ngincede ekufeni,
Nkosi yami.
Chorus:
3 Ngazise ngazise izizwe zonke
Ngoluthando lobuntwana,
Olungafiyo.
Chorus:
4 Namabandla namabandla asezulwini
NgoJesu uMkhululi,
Ongafiyo.
Chorus:
1.Ngiyabonga bantwana basezulwini ngokungilekelela kulesi sihlabelelo ebesisihlabelela. Ngicela sidlule encwadini yeZaga 8 verse 22-26. Isihloko salenkonzo sithi ubudlelwane Phakathi kukaShembe noNkulunkulu.
Izaga 8 verse 22-26. “UJehova wangidala, ngingukuqala kwendlela yakhe, ngaphambi kwemisebenzi yamandulo, ngamiswa kwaphakade, kwasekuqaleni umhlaba ungakabi bikho. Lungakabi bikho udwa ngazalwa, ingakabibikho imithombo egcwele amanzi, zingakasekelwa izintaba, namagquma engakabi bikho, ngazalwa. Engakawenzi umhlaba namasimu, nokuqala kothuli lezwe.
2.Bese ngishilo-ke ukuthi isihloko salenkonzo sithi ubudlelwane phakathi kukaShembe noNkulunkulu. Lesi sihlabelelo esivule ngaso, isihlabelelo sesibili. Isihlabelelo lesi esasihlatshelelwa uMprofethi u-Isaya Shembe, (ukuthula kube kuye,) ngo 1913 ephezu kwentana iNhlangakazi, eqala ukuba phezu kwentaba iNhlangakazi, eyolinda khona, eyolindela uNkulunkulu. Siyisihlabelelo esinosizi kakhulu.
3.Sekuphele iminyaka engaphezulu kwekhulu uNkulunkulu wathuma uMprofethi Isaiah Shembe (ukuthula kube kuye), ukuba azovuselela inkolo yakhe lapha emhlabeni. Njengoba sazi ukuthi unyaka ka 70 A.D amaRoma ahlasela abantwana bakaNkulunkulu okungamaJuda abanqoba, athe esebanqobile, ase eyamuchitha lo Nkulunkulu onguJehova, uNkulunkulu lo ongumdali wezulu nomhlaba. Ase eyichitha le nkolo, achitha nenkolo yakhe, achitha negama lakhe. Achitha nabo bonke abaprofethi ababefikile emhlabeni esikhathini esingaphambili bethunyelwe uNkulunkulu.
4.Kuhambe kwahamba-ke bayichitha le nkolo kaNkulunkulu, bayichitha besebenzisa ama-creeds, bafaka izinto zabo. Bayishintsha le nkolo bayenza inkolo yabo. Kodwa-ke kuhambe kwahamba-ke uNkulunkulu wase eyasikhumbula, wathumela uMprofethi Isaya Shembe, (ukuthula kube kuye), ukube azoyivuselela le nkolo kaJehova lapha Phakathi kwendlu ka-Israel.
5.Uma efika-ke uMprofethi la, wafike washumayela, waphilisa abantu, wenza yonke imisisebenzi emikhulu owayithunyelwa uNkulunkulu. Kodwa kuthe ngonyaka ka 1931 wase eyakhuluma uBabamkhulu, ekhuluma phakathi kwamaNazaretha ethi “bantabami sengihlale nani isikhathi eside kodwa akekho ongibuzayo la kinina ukuthi ngingubani, ngivelaphi. Anazi noma ngiwumlungu nje opendiwe, wenziwe wawumuntu omnyama noma ngiliNdiya elipendiwe laba umuntu omnyama.”
6.Uthi-ke uBabamkhulu “Bantabami ngimdala kakhulu, engikwaziyo mina ukuthi uMprofethi Uhlala emkhathini, alindele isizwe esonile. Kuye kuthi uNkulunkulu uma esebona ukuthi nasi lesi sizwe esonile sidinga ukuthunyelwa uMprofethi ukuba ezosiqondisa. Ebese uNkulunkulu kuleso sizwe ekhetha insizwa nentombi abanenhliziyo ehlanzekile. Ebese eyabahlanganisa, ebahlanganise ngothando. Kuthi uma sebehlangene laba bantu bobabili, ebese eyamehlisa loMprofethi womkhathi, azombeka okhalweni kulona owesifazane.
7.Kuthi uma behlangana ebese uyazalwa lo Mprofethi, azalwe njengabantwana bonke, akhule njengabantwana bonke, abe umfana njengabo bonke abafana, enze konke okwenziwayo. Kuze kufike isikhathi lapho khona uNkulunkulu esefuna ukusebenza khona ngaye. Uma sekufike leso sikhathi-ke uNkulunkulu uye ebese eyamkhombisa ukuthi kahle kahle uwumuntu oyinhloboni.”
8.Uthi-ke uBabamkhulu “nami bantabami kunjalo nakumina, mhla uNkulunkulu efuna ukungikhombisa ukuthi nginguMprofethi womkhathi, wangimemela entabeni yaseNhlangakazi”Njengoba kade ngichaza ukuthi lesi sihlabelelo esisihlabeleli wasihlabelela uBabamkhulu ephezu kwentaba iNhlangakazi, ehleli khona elindile, elinde uNkulunkulu. Wahlala izinsuku eziwu 14 elinde uNkulunkulu.
9.Uthi-ke uBabamkhulu “nami uNkulunkulu wangibiza, wangibizela phezu kwentaba iNhlangakazi, ngafike ngahlala ngalinda, ngilindele uNkulunkulu” Ziningi izinto, imimoya emibi eyayifika ifike kuBabamkhulu, ifuna, ithi Shembe njengoba ulana, imina engikuthumile ngathi iza la. Kodwa uBabamkhulu wayeke akubone lokho ukuthi akusiwo umoya ovela ezulwini. Uthi-ke uBabamkhu;lu “Bantabami ngahlala ngahlala lapha phezu kwentaba eNhlangakazi ngilinde uJehova, kwathi ngolunye usuku ngihleli entabeni yaseNhlangakazi, ngezwa amatshe ehalalisa, ngezwa utshani buhalalisa, ngezwa izihlahla zihalalisa, ngezwa yonke into ihalalisa.”
10.Uthi wathi uma ethi uyaphakama, uyabheka wabona kuqhamuka umuntu empumalanga, lo muntu wayehamba emoyeni, kuhamba kuphambana imibani phambi kwakhe. Uthi weza weza lo muntu waze wafika la phambi kwakhe, uthi wase eyaguqa, uthe uma efika lo muntu phambi kwakhe, wase ekhipha i-tray elalinesidlo, wase w, emumukeliswa lesi sidlo.
11.Uthi-ke uBabamkhulu ngathi uma ngisidla lesi sidlo bantabami ngisigwinya, kwase kuyaphela kimi ukuba ngibe umuntu ozelwe umfazi nendoda. Ngaso leso sikhathi ngaba khona phansi kwamanzi, ngaso leso sikhathi ngaba khona emhlabeni, ngaso leso sikhathi ngaba khona ezulwini; ngaso leso sikhathi ngaba uyise wayo yonke into ekhona emhlabeni. Uthi-ke ngase ngiyakhumbula ukuthi akukhona okokuqala ngifika la emhlabeni, sekungokwesihlanu uNkulunkulu engithumela la emhlabeni.
12.Esefikile-ke uNkulunkulu kuBabamkhulu wabe esemunikeza le nkolo yobuNazaretha esemtshela ukuthi isizathu sokuthi ebe khona la isiphi. Nanokuthi le nkolo lena azoyivusa izohamba kanjani, imigomo yakhona izohamba kanjani. Njengoba sazi sonke ukuthi uBabamkhulu wasifundisa ukuthi uma silandela indaba kaNkulunkulu, kufanele singakhonzi amadlozi, futhi kufuneka singaba nabo abanye onkulunkulu ngaphandle kwakhe.
13.Kodwa yizeke noma kuhambe kwahamba kwase kufikake la okwafika khonake izinto zashintsha, ngoba uthe uma ehamba uBaba iLanga neNyangayezulu, kwaya ngokuya ubuNazaretha kwase kuyishintsha indlela obekuhamba ngayo. Kunokuthi bukhuphuke buye phezulu, kodwa kwase kuyehla kushona phansi ngenxa yezimfundiso ezase zikhona ngoba kwase kulahleke izimfundiso zoMprofethi.
14.Umbuzo-ke oyofika ube khona, ngesikhathi uBabamkhulu esentabeni, wayelinde uNkulunkulu, wafika uNkulunkulu wamumukelisa le nkolo yobuNazaretha, emutshela ukuthi kufanele azomvusela le nkolo le nokuthi yini nani okufanele ayifundise abantu.
Kodwa njengoba sengike ngachaza ukuthi kwahamba kwahamba kwase kulahleka indlela. Kodwa umbuze oyaye ufike ube khona, ukuthi ngoba sekuzwakele ukuthi uMoya lo oyingcwele wafika kanjani kuBabamkhulu, abantu baye babuze ukuthi pho manje kulaba abanye abaholi abalandela emva kaBabamkhulu, uMoya kubo wawusufika kanjani?
15.Ngoba incwadi esiyifundile ichazile ukuthi, ngicabanga ukuthi kwakuyincwadi eyabhalwa uSolomoni lapha kwiZaga uma ngingaphosisi. Ubesechazile uBabamkhulu ukuthi uMprofethi uhlala emkhathini alindele isizwe esonile kulapho uNkulunkulu azomthumela kuso. Kulelibandla-ke lamaNazaretha kufike kube khona umholi osenyameni. Ebandleni lamaNazaretha kukhona uNkulunkulu onguJehehova, okungumdali wezinto zonke, kube khona uShembe owuMoya. Bese kuba khona uMprofethi lo owuMoya oyaye ehlale kuMprofethi osuke esenyameni. Umbuzo-ke obuye ube khona-ke ukuthi-ke lo Mprofethi owuMoya ufika kanjani kulaba abanye abaprofethi abalandela uMprofethi?
16.Ngoba sekuzwakele ukuthi lo Mprofethi wafika kanjani kuBabamkhulu ngoba naye lo Mprofethi womkhathi akuye umprofethi osewungathi wena uwunkulunkulu noma uyena umdali wezulu nomhlaba. Ngoba uma uzobheka le ncwadi esiyifundile, nalapho kwisihlabelelo 71, sithi “1 Nkosi yami ubungithanda Zingakaqini izintaba, Kwaphakade wangigcoba Ngiwukuqala kwendlela yakho. 2 Ngingumsebenzi wakho wasendulo Ingakaqini imimango, Nemithombo yamanzi Ingaka mpompozi ngamandla 3 Nemithombo yemifula Ingaka mpompozi ngamandla, UJehova wangidala Ngaphambi kwendlela yakhe. 4 Ukujula kungakabikho kukade sengizelwe, Engaka lenzi lelizulu kanye nalomhlaba. 5 Nelanga lingakakhanyi Emkhathini walelizulu, Nenyanga ingakakhanyi Emkhathini walomhlaba.”
17.Lesi sihlabelelo asikhulumi ngaye uMprofethi Isaiah Shembe uMprofethi osenyameni, kodwa sikhuluma ngalomprofethi lo oye ahlale emkhathini alindele ukuthi uNkulunkulu uzomthumela kusiphi isizwe. Njengoba sengichazile ukuthi washo uBabamkhulu wathi uMprofethi uhlala emkhathini alindele isizwe esonile, bese uNkulunkulu emthumele kuleso sizwe. Lo mprofethi ke womkhathi naye wadalwa uJehova, njengoba esho ukuthi uNkulunkulu wamudala engakalenzi izulu nalomhlaba. Kunamazwi-ke akhulunywa uBabamkhulu, ngoba sengishilo ukuthi abantu baye bebuze ukuthi hawu ngoba sesibona sekunabanye abaholi kanti pho bona manje kuyisima kanjani kubona.
18.Kusihlabelelo 220 verse 6-8 kunamazwi abhalwa uBabamkhulu. Lamazwi abhalwa uBabamkhulu uma ngingaphosisi kwakuwusuku lwangolwesithathu eselele phansi ezohamba emhlabeni, ngakusasa ngoLwesine ngomhlaka 2 May 1935. “6 Nkosi yamaZulu nomhlaba Masinyane uzongibiza, Ungabalibali abantu bakho amaNazaretha ayiNgcwele. Ngu mthandazo wayo iNkosi Nxa ishiya lomhlaba. 7 Vusa omunye endlini yami Ahole abantu bakho, Umnike inhliziyo Efana nayo eyakho Umphathe umgcobe Ngamafutha omusa. 8 Inyama yami ikhathele Izolala ethuneni Umoya wami uzovuka Wembathe inyama entsha Kwaphakade bengizelwe Nanini ngiya kubakhona”
19.Lamazwi lawa abhalwa uBabamkhulu ekhuluma ecela kuNkulunkulu ukuthi ngoba useyamthatha, usezomthatha manje. Akabeke omunye ozosala ahole ibandla lamaNazaretha. UBaba iLanga akakhethwangwa uBabamkhulu ukuthi ahole ibandla lamaNazaretha, noBaba iNyangayezulu akakhethwanga uBabamkhulu ngokuthanda kwakhe ukuthi ahole ibandla lamaNazaretha, kodwa abaprofethi laba ababekwa uNkulunkulu. Akekho umuntu owasukuma uma kuhamba uBabamkhulu wathi hhayi sibone kungcono ukuthi kube uBaba iLanga ozohola, nasemvakwaBaba iLanga futhi akubanga njalo ukuthi kuqhamuke umuntu athi sibone ukuthi kungcono kube kanje. Kodwa lento into eyenziwe uNkulunkulu ngoba sizokhumbula ukuthi ngpo 1919 entabeni yaseNhlangakazi, uBabamkhulu wathatha uBaba iLanga.
20.Ngicabamga ukuthi ngaleso sikhathi uBaba iLanga babesebancane kakhulu mhlawumbe uma ngingaphosisi wayeneminyaka ewu 14, uBaba iNyangayezulu enemnyaka ewu 12. Wabamisa phambi kwebandla lamaNazaretha, phambi kukaBaba iLanga wayemele uMqayi, uBaba iNyangayezulu eme noMzobe. Uthi uBabamkhulu uma esekhuluma kumaNazaretha, ngithunywa uNkulunkulu uthi angimugcobele laba baholi bakhe. Laba bangabaholi balelibandla bakusasa. Esho uBaba iLanga kanye neNyangayezulu.
21.Laba baholi ababanga abaholi ngokubekwa ngabantu kodwa baba abaholi ngokubekwa uNkulunkulu. Manje ikhoke noma uBabamkhulu wathi esehamba emhlabeni kodwa wakubhekisa kuNkulunkulu ukuthi useyahamba emhlabeni, akube uye azokhetha umuntu ozosala ahole laba bantwana bakhe. Yizeke noma-ke thina uma sila phambi kukaBaba uMelusi sila ebandleni lamaNazaretha kaNkulunkulu, ebese kuqhamuka abantu, angazi noma mhlawumbe ukungazi ngendaba kaNkulunkulu noma kusuke sekwenzenjani, abese besilwisa, besilwise ngalamazwi kuthiwe wathi uBabamkhulu vusa omunye endlini yami, akashongo ukuthi, baze basebenzise isibongo sikaBaba uMelusi, belwa ngokuthi ke siphambene thina nomthetho uma siholwa umuntu bokungesiye owakwaShembe ngesibongo. Kodwa uma uzophinda ubheke kuso isihlabelelo lesi, lapha kumthandazo weSabatha, kuthi “Ayikhumbule indlu kaSenzangakhona noDingane echithekileyo, ayibuthe ekuchithekeni kwayo.”
23.Manje uzobe usuyazibuza ukuthi uma kuthiwa ayikhumbule indlu kaSenzangakhona noDingane echithekileyo, ayibuthe ekuchithekeni kwayo, ukwamukela kanjani wena ukuthi ungowendlu kaDingane, ngoba uDingane ngokomlando akazange aze abe nabo abantwana, kodwa la kuthiwa ayikhumbule indlu kaSenzangakhona noDingane echithekileyo? Lokho bayakwemukela kodwa uma sesiholwa thina uBaba uMelusi, sekufanele kuthiwa hhayi uBabamkhulu wathi vusa omunye endlini yami. Kodwa ubuse uyabuka ukuthi oh kushuthi bayithatha kancane lento noma ukucabanga mhlawumbe okufishane, ngoba ngokwasezulwini akusho ukuthi, uBabamkhulu seziningi izintshumayelo zakhe la uBaba esifundela khona. Ngaso sonke isikhathi uBabamkhulu uma khulume uye ekhulume athi “bantabami.” Uma ekhuluma ngamaNazaretha wayesibiza ngokuthi singabantwana bakhe. Ngiyakhumbula nje kwenye intshumayela kwake kwenzeka eKuphakameni, uBaba iLanga esemncane, wagula nje kakhulu. UBabamkhulu engekho kodwa eKuphakameni. Wagula nje uBaba iLanga kakhulu impela kwakubi, kwaze kwathunyelwa, kwathunyelwa isigijimi, ukuthi akuyiwe kuBabamkhulu lapho ekhona, ayotshelwa ukuthi ayibo kubi ekhaya umntwana akaphilile.
24.Kodwa bathi uma befika kuBabamkhulu bemutshela ukuthi kunesimo esinjena eKuphakameni, iNkosi iLanga ayiphilile, wathi uBabamkhulu yena akanabo abantwana, abakhe abantwana badlula emhlabeni, labo bantwana ngabakaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ebona ukuthi yena kungcono amthathe kulungile. Manje bese ubukake ukuthi uma sekuqhamuka amaNazaretha esihlasela, esihlaselela ukuthi silandela uBaba uMelusi, besihlaselele ngokuthi wathi uBabamkhulu vusa omunye,
vele noma ngabe kuthiwa uBabamkhulu wayengasibizi ngokuthi singabantwana bakhe, uma wathi uBabamkhulu vusa omunye endlini yami. UBabamkhulu owasho lokho, uBaba iLanga akaze akusho lokho, uBaba iNyangayezulu akaze akusho lokho.
25.Futhi uBabamkhulu ngesikhathi ecela kuBabamkhulu ngoba kubhaliwe, ivesi elilandelayo lapha liyasho ukuthi umthandazo wayo iNkosi nxa ishiya lomhlaba. Lo mthandazo uBabamkhulu owawuthandaza ecela kuNkulunkulu ukuthi akavuse omunye endlini yakhe. Uma kuwukuthi kwakufanele kuhambe ngokwezingane zikaBabamkhulu, lento ihamba ngendaba yomndeni, lamazwi asho ukuthi lento ihamba ngokwemndeni. UBabamkhulu, wathi esewashilo la mazwi, uNkulunkulu wamuvusa uBaba iLanga njengokucela kukaBabkhulu ukuthi akavuse omunye endlini yakhe ahole abantwana bakhe. Wathi uma ehamba uBabamkhulu ibandla lasala laholwa uBaba iLanga.
26.Kodwa asizwa la khona uBaba iLanga khona esho lamazwi ukuthi vusa omunye endlini yami, amazwi ashiwo uBabamkhulu futhi uNkulunkulu wawaphendula ngoba wamvusa uBaba iLanga. Kodwa-ke ngokuthi abantu bathanda izinto ngendlela efunwa ibona, hhayi ngendlela efunwa uNkulunkulu. Sike sithuke sesihlaselwa sihlaselelwe ukuthi silandela uBaba uMelusi, sihlaselelwe ukuthi singamaNazaretha kaNkulunkulu. Kodwa sihlaselwa ngezinto ozibonayo ukuthi zenziwa nje ukunganeliseki nangokwezinhliziyo zabantu ezilikhuni. Noma belibona iqiniso la elingakhona abanye kodwa baye bebambelele entweni abayibonayo ukuthi ayikho.
27. La kulelibandla sengishilo ukuthi kukhona uNkulunkulu onguJehova umdali wezulu nomhlaba, kube khona uMprofethi lo owehlela kuMprofethi osenyameni, ukuze akwazi ukuthi asebenze ukuhola umsebenzi kaNkulunkulu. Ilokho ubudlelwane lelibandla obukhona phakathi kukaShembe noNkulunkulu ngoba uShembe akakwazi ukuthi azimele yedwa engenawo lo Moya Ongcwele owehliswa uNkulunkulu azowufaka kuye. Njengoba uBaba uMelusi kukhona indaba avame ukuyikhuluma, ukuthi yakhulunywa uBaba iNyangayezulu ukuthi ngesikhathi sikaBaba iNyangayezulu kwakusukuma kakhulu izishosha. Kwase kulethwa nje abantu kakhulu ngamabhara abanye belethwa nangezingubo, uthi kodwa uBaba iNyangayezulu wathi esekhuluma wathi. Ubona kulethwa kakhulu abantu ukuthi basukume, yena akakwazi ukuthi umuntu usukunyiswa kanjani kodwa mhla eqala ukusukumisa umuntu, kwafike kwalethwa umuntu wabekwa phambi kwakhe, kwase kukhuluma izwi lathi mtshele lo muntu ukuthi akasukume. Wasaba uBaba iNyangayezulu ukukusho, uthi wathula wangasho. Uthi lase libuya lelizwi, libuya selinolaka manje, lathi awuzwa yini ukuthi kuthiwani, kuthiwa mutshele ukuthi akasukume. Uthi wayesethi akasukume, umuntu wase eyasukuma.
28.Okukhomba khona ukuthi kufanele kube khona ukuxhumana phakathi kwabasezulwini nomholi osuke ekhona phakathi kwebandla. Njengoba sihamba nje noBaba uMelusi, yonke into eyenzekayo la, isuke ingasuki kuBaba uMelusi, noma isuke ingasuki kuMkhokheli, kodwa kwalethwa ingelosi, iyona eshoyo ukuthi namhlanje akwenziwe kanje, namhlanje kuhambe kanje, ilokhu okufanele kwenziwe, akungenziwa lokho. Ngoba ukube kuthiwa lelibandla uBaba uMelusi akanakho ukuxhumana nabasezulwini, mhlawumbe nathi ngabe sinezangoma lapha phakathi kwethu, ngabe sinezinyanga, ngabe nasemakhaya siyahlaba senze imicimbi. Kodwa ngoba kukhona ukuxhumana phakathi kukaBaba uMelusi nabasezulwini, uNkulunkulu uyehlisile ingelosi ngomlomo kaBaba iLanga, wayiletha kubaholi bethu ukuthi ayizositshela ukuthi ikuphi okufanele sihambe ngakho, ikuphi okufanele sikwenze, ikuphi okungafanele sikwenze. Yini, ingoba kukhona lokhu kuxhumana, phakathi kwabaholi bethu nomholi osemoyeni kanye noNkulunkulu. Kodwa-ke kufanele siqine nje ngaso sonke isikhathi ngoba impi yomubi iphumile, ilwa ngazo zonke izindlela, uSathane, uyalwa kuthukwa nabaholi, kwenziwe yonke into.
29.Kodwa bethukelwa nje leliqiniso abafike balibeka phambi kwethu ngoba ukube kuya ngokuthanda kwabantu ngabe mhlawumbe asikho la, mhlawumbe ngabe uBaba noMa, bahlala bodwa bakhulume bodwa indaba kaNkulunkulu. Kodwa ngoba sike sibonge ukuthi uNkulunkulu wasithanda, wasiletha la, wasenza ukuthi uma ikhulunywa le ndaba kaNkulunkulu sayizwa, sase siyibona ukuthi nansi indlela okufanele siyilandele. Singabheki ukuthi njengoba silana abanye bethi baphuma emndenini omkhulu, ebusayo, enayo yonke into eyifunayo, kodwa ngoba kwafika izwi likaNkulunkulu, bayabona ukuthi ukunokuthi ngithi ngizohlala la ekuhleli khona umndeni noma ngibona ukuthi awenzi yona intando kaNkulunkulu, kungcono ngihambe okungenani ngimane ngithukwe nami kuthiwa ngihlubukile. Kodwa ukuhlubuka kwethu ukuhlubuka okuhle.
30.Sihlubukile vele ngoba sihlubukile ekukhonzeni amadlozi, sazokhonza uNkulunkulu. Sekusele lokho nje ukuthi bayanqena ukusitshela ukuthi kahle kahle yini. Uboke uzwe, abasho ukuthi sihlubuke uNkulunkulu, kuvele kuthiwa nihlubukile. Banqena ukusho ukuthi sihlubuke amadlozi, sazokhonza uNkulunkulu. Umuntu uma ekutshela ukuthi uhlubukile, kufanele umtshele ukuthi ehhene ngihlubukile, ubuse uyaqedela uthi wena ngihlubuke ukukhonza amadlozi, ngazokhonza uNkulunkulu ngoba besikade sikhonza wona amadlozi. Kodwa sase sibona ukuthi hhayi ayihambi le ndlela. Yathi uma ifika ingelosi kubaholi bethu ibafundisa ngalento, beyithatha abaholi bethu beyiletha kuthina, nathi sase siyayibona ukuthi hhayi iliqiniso lento, iyona ndlela okufanele sihambe ngayo le.
31.Ngoba thina silandela uShembe owumoya ngoba washo njalo uBaba iLanga wathi kuza isikhathi lapho khona kuyofanele silandele khona UShembe owuMoya ngoba UShembe wenyama uyaphela. Manje uma ugxile kakhulu ezintweni zenyama, uzohamba uhambe ugcine ulahlekile ngoba manje awusaboni ukuthi kwenzakalani, usuhamba ulandela into oyitshelwa nje nawe abantu. Ngoba la okhona akukho ukuxhumana phakathi kwakho nezulu. Thina kodwa ngoba sila, sisendaweni la indawo exhumene nezulu. Kuzo zonke izinto nezindawo ezikhona emhlabeni, ayikho indawo exhumana nezulu ngaphandle kwale. Ungahamba uliqede lonke izwe, uhambe uwuqede nomhlaba wonke, kodwa akukho la oyoke ufike khona kuthiwa ezulwini kuthiwa.
32.Uyofica nje kwenziwa zonke lezo zinto ezenziwayo, nawe wenze lokho okwenziwayo, kodwa uma ubuza nje ukuthi lokhu kusukaphi akekho oyokutshela ukuthi kuqhamuka ezulwini kodwa okuqhamuka ezulwini uyokufica la kwibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu. Ngoba ilona elisahamba ngomthetho kaNkulunkulu ngoba kunobudlelwane phakathi kwalo nabasezulwini ngoba ilokho okubalulekile ukuthi sakhe ubudlelwane phakathi kwethu nabasezulwini. Ukuze ngoba indaba isekutheni uma wakha ubudlelwane nezinto zasemhlabeni, izinto zasemhlabeni uma kuhlukana inyama nomphefumulo nakho kuyaphela. Kodwa uma unobudlelwane nezulu, usuke usentweni ephelele. Wayesho njalo uMfundisi uMthethwa, wayevame ukuthi njengoba silapha nje sisentweni ephelele. Akukho esihamba siyokunana ngale ngaphandle, asinani lutho. Konke esinakho okwalayikhaya, sikuthola layikhaya. Ayikho into abanganikezwanga yona abaholi bethu ukuthi bakwazi ukusisiza ngayo ngisho ngabe kuthiwa usizo lwakho kuyinhloboni, akukho lapho abaholi bethu abahamba khona bethi hhayi ngoba wena uqhamuka nokuhlupheka okunje, sizoke sihambe siyokuzamela ngale.
33.Cha, konke banikeziwe nje konke ukuthi uma kufanele bekuphikise, kufanele bekuphikise kanjani, uma kufanele bekutshele indaba kaNkulunkulu, yini okufanele bakutshele yona, akukho okufanele bakuboleke ngaphandle. Kodwa nje konke kuphelele, okwala. Asikho ispanelo esingekho, esokuqaqa usizi sikhona, esokuqeda ukugula sikhona, yonke into ikhona, kodwa kusele kuthina kuphelukuthi sihamba ngendlela yini? And okufanele sikubheke kakhulu uNkulunkulu nje sengathi engasipha uthando lokuthanda abaholi bethu, ngoba uma kuke kwalahleka uthando lokuthanda abaholi bethu, sizogcina singasezwa ukuthi basitshelani, bazothi besitshela into la, siphume ngaphandle sifike senze okunye, ngoba asisenalo uthando and lapho sobe sesiyafeyile, ngeke sisangena ezulwini.
34.Kunjenge ngane, ingane uma isesikoleni, uma imzonda uthisha wezibalo, ayimfisi ngisho ukuthi ame phambi kwayo akhulume. Uthi emile phambi kwayo efundisa, inganakile ukuthi uthini, ngoba ayimthandi umuntu ophambi kwayo. Kodwa imiphumela, awuyi kuthisha, umphumela uya enganeni, ingane efeyilayo, uma sekufike isikhathi sokuthi kubhalwe. Ungama lapha phambili umzonde uthisha omi phambi kwakho. Inkinga isekutheni uma sekufanele uyobhala ngoba uthisha akabhali test uwena obhala test, uthisha akafeyili uwena ofeyilayo.
35.Manjeke kufanele sikucele ngaso sonke isikhathi ukuthi sibe nalo uthando lukuthanda abaholi bethu. Ngiyakhumbula nje, sasike siyikhulume lento nezinye izinsizwa esasinazo la phambilini. Uma sixoxa indaba kaNkulunkulu, size sizibuze ukuthi yini ngampela eyasenza salandela le nkolo, ivangeli leli elalifike noBaba uMelusi. Sizibuza ukuthi ikuphi la esesenze kahle khona kuNkulunkulu. Kodwa sasiye singakuboni ukuthi ikuphi ngampela esingakukhomba sithi cha thina seza la e-NCG ngoba vele sasivele singcwele, sasenza ukuthi kodwa sazibona nathi sesivele sikhona.
36.Yaze yathi enye insizwa hhayi, into nje uNkulunkulu engingathi nje wasipha yona, wasipha uthando lokuthanda abaholi bethu. Ngoba ukube asikaze simthande uBaba uMelusi noMa uMkhokheli ngabe asikho la ngoba abantu abangabathandi abaholi bethu abekho la. Kodwa ngathuka nje uma sengibona le nsizwa isimi lapha ngaphandle isikhipha izinhlamba ku Facebook, ngase ngibona ukuthi oh ileyanto owayeyisho, ukuthi saba khona la e-NCG ngoba sinothando lwabaholi. Njengoba esemile nje esebhala lapha ku Facebook esethuka, kushuthi loluthando okade enalo alusekho seluphelile. Sengathi thina singalucelake loluthando luhlezi lukhona lungapheli, ngoba mhla laphela kobe sekukuvuleka kwesango. Ngoba uyobe usuqala ubona izinto athi uBaba uma ekhuluma into wena ukwazi ukubeka uthi hhayi uBaba bekungafanele ethi bekufanele ethi. Uma usoliwe u complain uthi bekungafanele usolwe.
Njengoba sila, ukuba khona kwethu la kufanele sikwamukele ukusolwa, uma sonile. Uma uphambukile, njengoba sila, sizingane kukhona uBaba kukhona uMa.
37.Ekhaya kunjalo, kukhona ubaba kukhona uma, ingane uma yonile abazali abayitshelayo ukuthi hhayi uma wenza ukuthi uphazamile. Kodwa-ke ayifunekike ingane ezothi uma iyalwa ebese iyaduba idikile. Kodwa kuze sibe zingane nje zalayikhaya kufanele sicele izinhliziyo ezinothando lokuthanda abaholi, once sathanda abaholi sizothandana nathi sisodwa. Ngiyacela nje uNkulunkulu angikhumbule angangilahli ngaphandle ngoba omubi uye elwe ngazo zonke izinto. Kodwa nje ngicela uNkulunkulu lezibopho zothando…
38.Sisho njalo esinye isihlabelelo sithi wangithanda wena Nkosi ngoba wangidonsa ngezibopho zothando. Sonke njengoba sila sidonswe izo izibopho zothando. Sengathi zingenqamukake ngoba mhlawumbe sothi uma sinqamuka lesi sibopho kungaphindi sixhunywe siphinde siphonswe futhi kuthiwa angibambelele. Kwenzeke esikamama ka Petru. Lo mama ka Petru wathi uma edonswa, wathi uma eyiphunyula intambo ayiphindangwa yaphonswa okwesibili. Manjeke kufanele sikubhekeke ukuthi le ntambo esiyibambile, singakufisi ukuthi siyidedele ngoba sizoyidedela mhlawumbe singabi nayo inhlanhla yokuthi iphinde iphoswe futhi kuthiwa asiyibambe. Silahle nje konke, singabi nayo imithwalo esihamba nayo ngoba imithwalo iyinkinga iyahlupha kakhulu iyona ekubambezelayo.
39.Uma kuthiwa indaba yamadlozi ayisale phansi, ayisale phansi ngampela. Ungabuyi utholakale kusekhona okunye okwenzayo, ungabuyi utholakale futhi uhamba izangoma. Lokhu okuthiwa asikuyeke, sikuyeke siphume kukhona. Ngoba uma sike sanemthwalo, imithwalo izokwenza ukuthi intambo le esibambelele kuyo, isindelwe bese iyanqamuka, bese siphindela phansi emgodini. Silingise leya ndoda eyaphoseka emgodini nesaka lezipikili. Babethi uma beyiphosela intambo kuthiwa bambelele, ibambelele, bethi uma beyidonsa, uma ithi iyaqala iyaphakama bese ibamba nesaka lezipikili bese iyasindelwa intambo.
40.Manje thinake ake sibambelele sibheke nje phambi kwethu. uNkulunkulku usibekele abaholi bethu phambi kweethu. Nami ngiyazicelela nje kuNkulunkulu ukuthi angiphe uthando lokuthanda abaholi bethu ngoba uma kuphele lona kobe sekukunqamuka kwentambo. Noma sibone ukuthi sekunzima, uSathane esesihlasela ngayo yonke indlela kodwa sithandaze, sicele kunkulunkulu ukuthi asinqobele uSathane ngoba USathane ulwa ngayo yonke indlela. Ngiyakhumbula siselaphana ezansi, wake washo uBaba uMelusi, ngicabanga ukuthi kwakowo 2015 wathi USathane akanaso isikhathi sokuhlala phansi, uhlezi egijima ngaso sonke isikhathi.
41.Ngisho edla udla egijima, udla emi ngezinyawo ngoba akafuni ukubona kukhona umuntu uma edlula emhlabeni ayongena ezulwini. Ufisa ngathi bonke abantu bengeza ngakuyena. Manje njengoba silane nje, uke wayikhuluma futhi uBaba kulamasonto esikhumbuza into eyashiwo ingelosi ukuthi safika sasonta kwamnandi, kungekho nxushunxushu kungekho lutho sisonta kumnandi. Sasuka e-Pinetown saya ngale ezansi ku Vile Views, sasonta nakhona kumandi. Kodwa mhla uMkhokheli ephethe inkonzo wathi ingelosi ifikile yathi uSathane kade ehamba esifuna, usifunile eBuhleni, wangasithola, waya eKuphakameni wangasithola, wawa hamba wonke amabandla amaNazaretha esifuna ngoba engasiboni ukuthi sikuphi. Yathi ingelosi kodwa manje usesibonile ukuthi sikuphi and uma nizingane kukhulunywa niyaye ninganaki. Yathi uma ikhulunywa nje lento sangayinaka saphuma kuphuma inkonzo. Sathi yeyi uzwile kuthiwani uSathane usesibonile ukuthi sikuphi.
42.Emqondweni wethu kwakungekho ngoba kwakuduma uthando nje lokukholwa, sangabubona ubungozi ukuthi senzanjani ngoba kuthiwa uSathane usesitholile ukuthi sikuphi. Ababekhona siselapha ezansi bayayazi into eyenzeka lapha ezansi emveni kokuba sekushiwo ukuthi uSathane usesitholile. Uyikhulumile uBaba leyonto, uma ngingaphosisi ngithi isonto eledlule noma kuleliya. Kodwa sengathi uNkulunkulu yize uSathane esesibonile ukuthi sikuphi kodwa akasibiyele ngothango lwakhe olunameva, angakwazi ukungena USathane phakathi kwethu.
43.Ngiyacela nje nami uNkulunkulu angikhumbule, ziningi izinto uNulunkulu esiye sizicele kuye asiphe zona nona ukuhamba kwethu kungaqondile. Kodwa ngoba uye ebheke loluthando esinalo enhliziyweni abheke nalokho ukuthi mhlawumbe siyazama ukukhonza, ukuhamba ngemiyalo yakhe, ebese esipha lezi zinto esithi uma sizibeka phambi kwakhe asiphe.
44.Engithanda nje ukubonga kakhulu, ngihlupheke nje isikhathi eside, ngingenawo umuzi, ngihlale nginikela ngicela ukuthi uNkulunkulu angiphe umuzi. Into ebeyiye ingihluphe kakhulu kule ndaba yomuzi ukuthi esikhathini esiphambili cishe ngabo 2011, 2012 ngake ngaba nawo umuzi. Ngathola nje indawo eNtshongweni ngase ngakha nje umuzi, sahamba sayohlala khona nabantwana. Sithe nje sisahleli sithi siyawakha umuzi, kwavuka uSathane wama ngezinyawo. Angazi noma mhlawumbe inhloso yakhe kwakuwukuthi siyeke ukukholwa noma kwakuyini.
Ngoba ayikho into eyaye ibe buhlungu njengokuthi uphume endlini, ukhiye uhambe uthi uya esontweni, uze esontweni uzodumisa uNkulunkulu. Uthi uyahamba uphindele emuva, uthi uyafika endlini kugqekeziwe.
45.Njengoba kugqekeziwe nje i-TV ayikho, DVD ayikho, kuthathe kuze kukhishwe ngisho ukudla efrijini, bayishiye nje indlu i-empty. Ebese ubuka, uze ube namahloni ngisho okubikela ngisho umuntu ongakholwa ukuthi yini ekwehlelile. Ngoba manje usaba ukuthi uzothi uma uthi uyamutshela lo muntu ukuthi lento engehlele, ingehlele bengingekho, bengisesontweni. Kodwa ngithe ngithi ngiyabuya, ngafica indlu ingenalutho. Manje yayike ingiphathe kabi lento ngibone ukuthi oh kushuthi uSathane uyalwa, ulwela nje ukuthi ufuna sibone ukuthi ayi lo Nkulunkulu esiphumayo, sikhiye umuzi, sihambe sithi siyakuye kushuthi akekho ngoba sithi uma singekho kusale kungena umuntu. And lento yayingenzeki uma kuphakathi neyinsuku, ngisho kwakungathiwa kushona ilanga singekho endlini. Kodwa uma kuke kwashona ilanga nje singekho sisesontweni, kwesinye isikhathi kwakuye kwenzeke ngisho kuwumhlangano, sizolala la ngoba kwakuye kube namadokoto. Sifike ngeSabatha sizolala, silalele ukuthi ngoba ngakusasa isonto, kuyasinwa. Sothi siyafika endlini, sifice futhi yiso leso.
46.Ususaba manje nokuyobika, lento yayenzeka, ngalesi sikhathi yenzeka lento, ngiyasebenza, emsebenzini nginabafowethu abadala esizala nabo. Kufanele ngifike ngibaxoxele ukuthi ngehlelwe yini, futhi kufanele ngibatshele ukuthi bengingekho bengisesontweni ngesikhathi lento ingehlela. And ngaleso sikhathi imina ngithi lento eniyenzayo yokukhonza amadlozi, ayikho, uNkulunkulu akayifuni, mina ngikhonza uNkulunkulu kuphela, anginalo elinye ithemba, elami ithemba uNkulunkulu kuphela. Ngaleso sikhathi ngangiseyi ngane ngoba ngangingaka hlanganisi ngisho iminyaka ewu 30 ngenkathi kwenzeka zonke lezi zinto.
47.Manje ubone nje ukuthi eyi, ngiyakhumbula nje ngelinye ilanga waze wafika umah wangibiza silaphana emgidini, wabuza ukuthi kwenzeke kanjani, ngamutshela ukuthi nje ayi, besikade sifikile nje la, sizolala ngoba kuwumhlangano. Kodwa kwatholakala ukuthi kukhona izinto umakoti owayezikhohliwe, kwaphoqa ukuthi yena ntambama kufanele agibele uzobuya nazo. Wathi uma ethi uyafika endlini kugqekeziwe. Wathi uMa, hhayi idimoni le, wathi kodwa mtanami uze ungasuki kuNkulunkulu. Ngathi hhayi ma ngeke ngize ngisuke kuNkulunkulu. Ngoba nami ngangibona ukuthi idimoni leli, liyalwa, lilwa noNkulunkulu, futhi ukube ngake ngalivumela, mhlawumbe nami ngabe angikho la. Angazi ukuthi ngabeke ngihlupheka kuziphi izintaba.
48.Kwahamba kwahamba ngagcina ngabona ukuthi lento ibuhlungu ngoba isiqalwa ngisho ukubonwa nayizingane. And ngaleso sikhathi abafana bami laba babeno 4, 5 years. Ayi ngabona ukuthi no angiwudayise lo muzi, ngawudayisa lo muzi, ngahamba, ngabuya ngazohlala emjondolo kade nginomuzi. Ngahlala emjondolo kwanzima, kuthiwa angathi uthi unoNkulunkulu yena, angithi uma sihlaba thina layikhaya akezi, kodwa mubuke ukuthi uhlalaphi manje, akanamuzi uhlala emjondolo.
49.Uphenduke ube inhlekisa, kuhlekiswe ngawe ngokuthi ngoba ukhonza uNkulunkulu. Kodwa ithemba lalilokhu likhona ukuthi lo engimkhonzayo angeke aze angilahle.
Kwahamba kwahamba ngo 2020 ngayithola indawo, ngayikhokhela, yahlala ngikhokhele ngoba imali yokwakha yayingekho. Ngabona ukuthi ngoba nemali yokuthenga ama blocks ngeke ngize ngibe nayo, ngazakhela ama blocks, ngilokhu ngihamba nje ngiyokwakha. Ngakha nje indlu ewumjondolo ukuthi ngikwazi ukubeka amasaka kasimende, ngalokhu ngiyake ngiyokwakha ama blocks. Ngiyakhumbula nje ngangiyofaka i- battlegards la phezulu, sengiyakhulumake nje noMa, sengiyamutshela ukuthi hhayi sengiqalile lapha kulendawo engiyitholile ngiyakha ama blocks, ngenzela ukuthi uma esemaningi mase ngiyakha. Uthi-ke uma, hhawu Siyabonga Mfundisi, uShembe akuphe amandla, engathi ungakha nje wakhe umuzi omkhulu, yeyi ngashawa uvalo, uMa uthi ngizokwakha umuzi omkhulu, ngizokwakha umuzi omkhulu imali ngithathaphi, ngoba kwalama blocks engiwakhayo, ngibale nje ngathi uma kuhlangana u 2 room. Kodwa manje uma uthi sengathi ngingakha umuzi omkhulu.
50.Kodwa kwabuye kwaba khona ukujabula ukuthi hhayi kushuthi umuzi omkhulu ngzowuthola, noma ngizowakha lo 2 room kodwa kuyogcina kuwumuzi omkhulu. Kodwa izwi likaMa wathi engathi ungakha umuzi omkhulu. Kwahamba kwahamba kwavela isimo sokuthi inkampani iyadayisa iyahamba iya eGoli. Ngonyaka odlule sagcina emsebenzini, zaphuma izimali ngingakahlali kulowa muzi, sengiwuqalile kodwa u 2 room, kwase kusele ukuthi ngiwufake I roof. Sengathi hhayi kulonyakake sengizohlanganisela imali makushaya uDisemba ngifake i-roof kwenzeka lesi simo esenzeka emsebenzini.
51.Ithe uma iphuma imali, ngahambake manje, isikhona phela imali, angisawakhi ama blocks, ngisebenza kanzima nonkosikazi nezingane ilanga lishisa, sixova ama blocks. Kwesinye isikhathi uthole ukuthi ngiphuma emsebenzini, ngisebenza ebusuku, kufanele ngiphume emsebenzini, ngithathe imoto ngingalali, ngiye le ngiyoxova ama blocks nonkosikazi, sisheshe sibuye ngoba izingane kufanele zibuye esikoleni zidle. Imini yonke sishiswa ilanga lapha sixova ama blocks. Yaphuma imali, sabona ukuthi hhawu isikhonake manje imali, angeke sisenza ama blocks, sahamba sawathenga, sawakha umuzi mkhulu, njengoba kwakusho uMkhokheli ukuthi kufuneka ngakhe umuzi omkhulu, mkhulu, ingane nengane inekamelo layo, nathi sinelethu ikamelo.
52.Zapholiswa manje lezi zinhlungu enganginazo ngoba bekuye kuthi noma sengihleli emjondolo ngithi yeyi nazi izingane zikhula ngihleli emjondolo. Kubuye ubuhlungu ukuthi umuzi kodwa ngase nginawo, ngase ngiwakhile, kodwa uSathane walwa nathi saze sawushiya umuzi. Kodwa namhlanje konke lokho uNkulunkulu usekuphendulile lokho. Namhlanje, mina bengingazi ukuthi kanti kumnandi kanje ukuvula isivalo lesi se- aluminium, hhayi amawindi ama aluminium, izicabha namawindi. Sengikwazi nokuvula iwindi, emjondolo phela iwindi alikho. Kuhlale kuyisikhutha nje.mNjengoba ilanga kade lishisa nje, besivule ngisho i-fan, kodwa emjondolo akukho konke lokho, Uhlala ebhodweni ngathi uphekiwe, kodwa ngalo Nkulunkulu nje, akukho okunye. UNkulunkulu nje kuphela.
53.Angeke ngisho ukuthi mhlawumbe lo muzi kukhona la engiwuthole khona, cha, ngiwunikezwe uNkulunkulu. Ngoba ngiyakhumbula futhi mhla, 2009, ngifika la ngibika usizi kuMkhokheli, sasisabika lolusizi-ke lo msamu, ukuthi hhayi kunje, kunje. Ngahlangana kahle noBaba uMelusi noMa uMkhokheli, ngoba befika silaphana e-Pinetown, ngithi kwakowo 2008 ngangikade ngiphelelwe umsebenzi ema truckhini. Yabona uvele uzoxoshwa emsebenzini nje ngo December, ngixoshwa umfana wami lo omdala unamasonto amabili nje ezelwe. Kwabuya ku 2009 ngeza kuMkhokheli, wangiyalela uMkhokheli ukuthi kufanele ngize la ekhaya ngoba ngabika siseThempelini, wase enginikeza inamba ukuthi angize la. Ngikhumbula kahle, ukuza kwami la, sasisonta laphana eSanlam, epaki. Ngangike ngibone uBaba nje noMa beqhamuka nje la ngemoto, ngoba ngangingayazi ne Weybank, uma kuphela inkonzo futhi bahambe kweyasekuseni, babuye babuye emini. Ngangizitshela ukuthi nje hhayi kushuthi njengoba beqhamuka la, kushuthi kungalena ngemumva, wanginikezake i-house number nomgwaqo.
54.Ukuza kwami la, ngangizitshela ukuthi hhayi ngizofika nje e-Pinetown ngihambe nje ngezinyawo ngize la ngoba kuyahambeka ngoba ngangike ngibone beqhamuka nje la kanti basuka endaweni ethe ukuqhela. Ngathi uma sengifikile la, ngalibika lonke usizi lokuthi ngize ngiphelelwa umsebenzi nje, kade ngiyile ngiyohlola kuthiwa umsebenzi uqedwe yini, nani nani. Kodwa wakhuluma izwi elilodwa uMa, wathi, yayingakaphumi futhi ngisho nemali yokuxoshwa emsebenzini. Wathi uyabona nje mtanami kuyo yonke lento oyibikayo, wena nje into okufanele uyicele kuNkulunkulu ukuthi akuphe umsebenzi, akuphe umuzi, akuphe imoto, phuma nje kuyo yonke lento.
55.And ngasithatha ngaleso sikhathi isinqumo ukuthi lento ekuthiwa angiphume kuyona, ngiyaphuma and ngaphuma. Ngenhlanhla nje umakoti washeshe wayibona nayo ukuthi hhayi iyabheda. Wangabheka naye ukuthi yeyi ekhaya bazothini, ngangabheka ukuthi ekhaya bazothini ngathi cha. UNkulunkulu uye enze izinto ke nje ngenye indlela ngoba ekhaya imina omncane, ubaba-ke noma, baba nenhlanhla nje babusiswa ngabantwana. Njengoba ngithi ngingomncane nje ngingowesi 12 kubaba oyedwa nomama oyedwa. babusiswa abazali bami ngabantwana. Izinsizwa nje ziyisihlanu, izintombi nje ziyisikhombisa. Iminake owokugcina.
56.Manje uyabonake ukuthi uthi uwumagcina, uyingane kama, ebese futhi uma ethi uBaba uMelusi uyaphuma eBuhleni ngathi nami ngihamba noMelusi. Ngakhohlwa ukuba ingane kama, ngathi hhayi ngiyobona ngendlela.
Kodwa uNkulunkulu uma efuna ukukwenzela into, ngenhlanhla abazali bami, abakaze bangilwise. Ngoba abafowethu bonke laba abanye bayikholelwa bona bangamaKretsu. Abantu abangamaNazaretha ekhaya bekuyimi, kuwubaba kuwuma. Imina nje engalandela uma nobaba. Mhlawumbe kwakwenza ukuthi ngobake ngiwumntwana omncaneke.
57.Kushuthi sase siwu 4 ngoba kwase kukhona nomakoti, futhi babekujabulelile ngenkathi ngiganwa ngathola ukuthi ngiganwa futhi umuntu oyiNazaretha babona ukuthi hawu kushuthi buyanda ubuNazaretha. Hhayi uma sekuhlukwana, ngathi hhayi mina ngiza ngapha basala ngale eBuhleni kodwa abakaze beze bengilwise. Kodwa, kwenzeka nje intwana, eyi nesikhathi sesihambile. Ngo 2012 kwake kwagula nje kakhulu umakoti sisahlala kuwo lowa muzi ose Ntshongweni. Ayevele aphathwe ikhanda esithubeni nje, limushaye nje impela avuvukale impela la phezulu, ungazi ukuthi lelikhanda livelaphi. Sinikela, sicela, sinikela. Ngikhumbula nje ukuthi okokugcina waze wagcina esesibhedlela laphana eRoma, bamukhipha ngoba babeseze badonsa ngisho amanzi la emgogodleni bebheka meningitis bathi akanalutho. Ngelanga abamukhipha ngalo esibhedlela, ngafonela uMkhokheli ngamutshela ukuthi ngicela ukumletha ntambama. Oh, walandwa udadewethu engimlamayo, wayombeka kamfowethu. Ntambama ngamulanda ngemoto, kwakusekhona uMfekayo, bazomkukhumbula uMfekayo uma ukhulume ngaye ngesonto eledlule. Ngacela yena, sayomuthatha ngemoto lapha kwamfowethu samuletha la.
58.Sifika la, sekusebusuku ngoba ngangiphuma emsebenzini, izulu liyana. Ayi uma sifika la, kuqhamuke uMphile, wayeseyingane ngaleso sikhathi. Athi ayi kuthiwa angingene ngale endlini enkulu, uma ngiya ngale endlini ngafica kukhona uBaba uMelusi, wase eyabuza ukuthi yini kwenzakalani. Ngamuchazelake uBaba, ngathi hhayi kunje, kunje kunje, wase enginikeza nje amakhandlela ukuthi kufanele sifike sikhanyise woa, athandaze kuwo, acele leli dimoni ukuthi lihambe. Ngase ngithi eyi, manje baba ngimuthathe la emzini kamfowethu, bengithi ngizomphindisela khona, athi uBaba hhayi awukwazi ukumyisa lapha, hamba naye ekhaya ukuze amakhandlela kufanele ekhulume naye nilaphana emzini wenu.
59.Uma siphuma la, ngalelo langa kwenzeka lonto, uma wayekhona evakashe kumfowethu. Uma ngifika ngizothatha umakoti, noMa, wase eyagibela emotweni. Ngifika la eNqobizitha noma naye ukhona. Ayi bahlaleke emotweni ngesikhathi ngisangene ngale noBaba, ngiphumeke ngithi hhayi akazukungena ngaphakathi ngoba wayengakwazi ngisho ukwenzani, wayesala uma emgqokisa la umnazaretha ngesikhathi ngisangene ngaphakathi. Uma ngibuya ngithi hhayi ma mkhumuleni, sebenginikezile izinto okufanele sizisebenzise, sesizohamba imoto izoqala iyobeka thina le ekhaya, ebese ibuya izokushiya wena laphana kwamfowethu, ngoba manje uthi ubaba angihambe naye.
60.Eyi ngibone ukuthi uMa uthanda ukungayizwa kahle lento leyo, kodwa ebese ehlela nje ngezansi, ethi hhayi ke kulungile. Ngathi ngikhumula nje umNazaretha aqhamuke uMphile ame la, ngangisewuMshumayeli. Athi Mshumayeli, Mshumayeli, kuthiwa hhayi ngenani, uMa wayesasebenzela kulendlu le esihlala abefundisi. Athi kuthiwa ngena naye laphana endlini. Kuqalwe phansi manje, uyabanjwa futhi uma uyamgqokisa, siyamulekelela la, sigqokisa umakoti, kushuthi aphume uMkhokheli aze angene la endlini kuqala. UMkhokheli uma engena la, wawuye umfice esehleli nje phansi, kodwa ngalelolanga ngathi uma ngingena ngimqukulile umakoti, ngoba uma wayengawugqokile umnazaretha, basala emotweni noMshumayeli, ngaphuma mina ngamgqigqake umakoti sangena naye.
61.Ngamufica uma eguqe ngamadolo, sathi sivula umnyango singena ngoba naye wayesibona isimo umakoti owayekuso, ngikhumbula kahle amazwi awasho uMa. Wathi “Nkosi yaseKuphakameni ngoba le ngane ayiphuthi esontweni, nasemgidini, naku 14 ihlezi ikhona, lelidimoni oyidedelele ngalo kwenzenjani” Wamuthandazela uMa, wamuthandazela uMa waphinde wasinikeza amanye amanzi, wasinikeza namanye amafuthi okuthi simgcobe ngawo. Sahamba, siphumeke, sihambe bayosishiya le, bazongishiya nje endaweni ethe buqamamana, bangishiya khonake ngahambake naye. Kodwa engifisa ukukusho ukuthi lelokhanda laphela ngalelo langa, akaze aze aphinde agule.
62.UMA wahamba waphindela ekhaya. Ngathi ngisekhaya, ngoba kwakuwu September. Ngathi ngisekhaya ngo October afike uMa abuze ukuthi usenjani umakoti ngoba ngangihambe ngedwa, ngathi hhayi uyaphila. Ngoba kwaqala kwabuza u-Anti kuqala ukuthi usenjani umakoti ngamutshela ukuthi mina hhayi uyaphila. Athi eyi, u-Antike wakhulela lapha ekhaya, uMa uhambe emhlabeni emdala, eno 79 years old. Kodwa o-Anti bebesamubiza ngomakoti. Wathi eyi sezwa umakoti, wafika umakoti ebabaza ethi akazi noma usazophila yini. Ethi nje ubuyile phela ngoba phela bekufanele abuyele ukuzohola impesheni kodwa isimo asishiye eThekwini sibi ngithi mina hhayi anti useyaphila. Uma esebuza noMa, abuzeke uMa ukuthi usenjani, ngimutshele ukuthi hhayi ma Uyaphila waphila ngaso leso sikhathi. Ebese ekhuluma nje into, athi yeyi, hhayi kodwa mtanami ngabona ngesikhathi siye lapha kuMfundisi, ukuthi uzophila.
63.Uthi uyabona ngesikhathi ningenile nilapha endlini, ngezwa nje sengiphiswa ukuchama, ngase ngibuza kuloNkosana esasihamba naye ukuthi likuphi. Wase eyangiyalela ukuthi angiye ngaphi i-toilet ngizolithola, i-toilet kwakuseyileli elilapha. Uthi kodwa ngathi uma ngehla nje emotweni nginyathela phansi, uthi mtanami ngezwa ukuthi enye indawo le enginyathela kuyona. Uthi ithemba lami ukuthi uzophila umakoti, laba khona ngesikhathi nje ngehla nje emotweni nginyathela phansi. Kodwa Wangachaza izinto eziningi, wathi nje ngezwa nje ngibeka unyawo phansi ukuthi enye indawo le enginyathela kuyona. Uma uthi umakoti uyaphila, ngabona nami ngaleliya langa ukuthi uzophila ngoba ngezwa ngifika lapha, ukuthi sengikwenye indawo, ngimdala, kade ngangizihamba izindawo, kodwa leya engafika kuyona, ngezwa ukuthi sengifike kuyona.
64.Uze wahamba uMa, ngisho uma ngimfonele, angibuze ukuthi hawu uyaphila uMkhokheli noMfundisi, kodwa ebe eseBuhleni. Wayeke ebuye efoneke ethi yeyi thina, niyaphila, ngike ngimuzwe uMfundisi uyashumayela la oKhozini, ethi” eyi thina sinenkinga lokhu abasibekela khona akukwazi ngisho ukushumayela!” Ngihleke ngibukeke ukuthi eyi umuntu ubonwa ngisho izalukwazi ukuthi akazi lutho, pho abantu bamulandela kanjani. Bantwana baseKuphakameni ngixolise nje sengidle nesikhathi.
INkosi ibusise enikuzwile