Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane; nigcine imithetho yakhe anilobela yona ngenceku yakhe uMoses Ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo Wemikhosi. Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe, akayikuyamukela imithandazo yenu. akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine.”
Lento iwukhiye ngendlela eyisimangaliso, awukho umbuzo ongabekwa phambi kwakho ukuhlule uma ulandela lento eshiwo uBabamkhulu.
Inkonzo yangeSabatha ekuseni siyiphathwele uNkosana uMduduzi Zulu mhlaka 13 May 2023.
ISIHLABELELO 227
J.G SHEMBE
1 Nkosi Baba ngiyakuthanda
Kepha wena ufihliwe,
Awubonakali kimi
Noma mina ngifisayo.
4 Loluthando lujulile
Lunamandla njengokufa
Lumnandi enhliziyweni
Noma wena ufihliwe.
5 Iminyaka eminingi
Bengihlezi emnyameni
Wangithanda wena Nkosi
Kwafika ukukhanya.
6 Woza Nkosi masinyane
Ukweqhaba kuphelile,
Woza wena othandwayo
Namhla mina ngingowakho.
1.Ngiyaxolisa ukuthi kube khona amavesi engiweqayo, ngizama uku save isikhathi ngoba angazi ukuthi kuzoma kanjani, ngenzela ukuthi ngiqede early. Isihloko engifisa ukukhuluma ngaso sithi, “Uthando lukaBaba lubanzi lujulile” Ngesizathu sokuthi kungokokuqala ngiguqa phakathi kwabangcwele, mhlawumbe kubalulekile ukuthi ngizichaze ukuthi ngiwubani wakwabani, nokuthi ngisukaphi, ngifike kanjani la, nokuthi yini kahle kahle engilethe la. Emveni kwalokho uma sengikhulume ngendaba yami, ngizofisa ukuthi ngedlule ezintweni engizifundile sengikhona phakathi kwebandla likaJehova, bese kuba izinto uJehova angenzele zona sengiphakathi kwabangcwele. Ngoba uma ngizogcina mhlawumbe ngokukhuluma indaba yami yokufika la, uzothola ukuthi kukhona abantu abasha abazele indaba kaNkulunkulu, bese kuthi ukufika kwami la, kungabathinti kangaka, kodwa nje kube indaba yami enkulu kimi. So, ngenzela ukuthi ngikukhave konke.
2.Ngokweminyaka ngisemncane, igama nginguMduduzi wakwaZulu, ekhaya kukwaNongoma, kodwa ngizinze eGoli ngokokusebenza. Ekhaya bangamaNazaretha, bathatha ubuNazaretha ngesikhathi sikaBaba iLanga, ngikhule nje ngisonta, ngiyinkosana encane. Ngiqale ukuhlakanipha ebuNazaretheni ngesikhathi sika 2010, 2011. Ebaholini balelibandla, umholi engikwazi ukumubona kube uBaba uThingo. Kuthe ngo 2011, bengenza ibanga lokugcina esikoleni e-High School kwase kuhamba uBaba uThingo.
3.Enhliziyweni yami ngangibuthanda kakhulu ubuNazaretha, noma indlela okwakufundiswa ngakhona kwakungafani nangala, ngoba kusuke ngimncane ngize ngifke ebangeni le shumi, angikaze ngiliphathe ibhayibheli ngesandla sami. Kodwa ngangazi ukuthi kukhona into ekuthiwa iSabatha, kodwa ngingazi ukuthi ithathwaphi, kodwa ngazi ukuthi lento ikhona and kufanele yenziwe.
4. So, konke esasikufundiswa, sasiye sikufunde njengezingane singaphathi Bhayibheli, kungafani namanje. Kodwa enhliziyweni yami kukhona ukuthi eyi lento yobuNazaretha ngiyayithanda. Uma kuthiwa inkosana akufanele ikwenze ukuthi, ngizame ukuthi ngingakwenzi lokho, uma kuthiwa inkosana uma yenze ukuthi izolahlekelwa ubukhosana, ngizame ukuthi ngikugcine lokho ukuze ngikwazi ukuthi ngibe iNkosana ngoba ngangingakufuni ukuthi ngingabi iNazaretha, ngithi ngifuna ukuba iNazaretha ngize ngibe mdala.
5.Phezu kwalokho into engangiyithanda kakhulu umgidi, so, kunemithetho eqinile eyayibekiwe ukuthi uma uke waphula lomthetho, definitely sure usuhlubukile. Ungahlala uhambe uphinde ubuya esontweni kodwa noma usubuyile ngeke uze uye emgidini. So, I made sure ukuthi into ekuthiwa uma uyiphulile izokwenza ukuthi ungagidi, ngangingadlaleli kuyo, ngangingadlalela kokunye kodwa ngangingadlaleli kuyo ngoba ngangazi ukuthi akufanele ngibe sesontweni bese ngingagidi ngoba ngangikuthanda kakhulu.
6.Ngo 2011 wahambake uBaba uThingo, kwase kwenzeka okwenzakala, ahlukana amabandla, kwase kushiwo ukuthi singale, umholi okhona ngale, ibandla engivela kulo iseBuhleni. Babuyake emveni kokuba sekutshalwe uBaba uThingo, kwashiwo ukuthi ayike umholi esesimulandela ilo, nami ngamemukela ngoba ayikho into engangiyanzi.
7.Indaba iqale la, sengithole indaba kamfowethu, bazokhumbula abadala, ukhona umfowethu ebesinaye la, uhambe esewuMshumayeli, waphuma ngendlela aphuma ngayo. Ngase ngithola ukuthi umfowethu akekho uBuhleni, futhi akekho eThembezinhle, ngase ngibuza ukuthi ukuphi, kwathiwa ukuMpanza, ngicela ukusebenzisa lelogama ngoba ngifuna ukuthi kuzwakale ngendlela ababekubeka ngakhona, kwathiwake ukuMpanza.
8.Ngathi mina yini leyonto leyo, ngoba sasikhule singamaNazaretha and ngazi ukuthi umfowethu akakwazi ukuthi angabi iNazaretha ngendlela esasikhule ngakhona. So, uma sekuthiwa ukuMpanza, ekubeni sifundiswa ukuthi ibandla leli aliholwa umuntu ongasiye owakwaShembe ngesibongo, leyonto yangidida kakhulu ukuthi umfowethu wenzani manje ngoba phela umfowethu uyiNazaretha. Kungenzeka kanjani ukuthi sikhule singamaNazaretha yonke le minyaka bese umfowethu ezoyilahla ekugcineni, yangihlubula kakhulu lonto leyo.
9.Kodwa ngase ngishiya nje kanjalo ngoba akusiyo into eyayingihluphile, ngase ngimkhipha enhliziyweni yami kwaphela kanjalo. Kwase kushaya u 2012, ngo 2012, aphume ama results ka Matric, abonise ukuthi no, kufanele kuyofundwa manje, and umuntu owayeseduze owayengakwazi ukuthi asize indaba yokufundwa kwakungu yena umfowethu. Kodwa lokhu kuhlukana kwamabandla ukuthi kuthiwe use NNBC, kwakusathiwa i-NNBC, kulidale uqhekeko phakathi kwethu. Kwakusetshenziswa nje amagama amaningi, amagama obuphekula.
10.NoBaba uMelusi echazwa ngezinto eziningi ezazenza ukuthi uma uzizwa umzonde ngisho ungamazi, uvele ungamthandi nje! So, zakhulunywake lezo zinto, ngadideka ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi umuntu obethanda ukukholwa ngalendlela, umuntu owayelesi simo owayeyiso, ebese elandela into enjalo. Ngase ngithi kodwa ayi kulungile.
11.Ngase ngithi-ke ake ngihambe ngiye khona eThekwini ngoba sekufanele kuqale indaba yokufunda, ngathi umfowethu noma eyiphekula enjalo, ngizokwazi mina ukuyihlukanisa lento ukuthi mina naye sihlanganiswe indaba yokufunda, le yobuphekula, uzoyibona mina angikwazi ukuya lapho.
12.Ngahambake ngafikela lapha esikoleni e Edgewood, safike sahlala, ayi baqhubeka banokukhonza, into ababeyenzake, babenemikhuba yokuthi uma kuwuLwesihlanu balungise imiNazaretha ukuthi sihambe sonke siye esontweni. Bengilungisele nami, belungisele ukuthi siya la e-NCG, ngizibuze ukuthi hawu laba bantu baqondeni ngoba bayazi phela mina ngiseBuhleni, yini befune ukuthi siye le sonke. Into engangiyenzake, ngangivele ngithi no, madoda kune class namhlanje, sasingafundi ngamaSabatha. Ngivele ngithi kune class, ngihambe ngiye esikoleni, ngifike ngingafundi, ngibalekela ukuthi ngize la ngoba sasiqeqeshwe kabanzi ukuthi into ehlangene noBaba uMelusi akufanele usondele eduze kwayo.
13.Laba bantu bangamaphekula, laba bantu bangcolile, laba bantu banomoya kaSathane, wasondela kubo, lo moya ungase ukungene. So, kwakufanele ngiqinisekise ukuthi angizi nangebhadi nangengozi la, so, ngangiwaqambake lawo manga ngithi ngiyofunda, ngibaleke, ngiye esikoleni la engangifunda khona ngifike ngingafundi. Uma kushaya isikhathi ngihambe ngiyohlala laphana e-Pinecrest silinde ngoba kwakusakhonzwa le ngase MacDonalds ezansi.
14.Ngilindeke ngoba kwakukhonzwa ilanga lonke, kusinwe kuze kube ntambama, so, I had to wait for them, ngoba isikhiye sasiphathwa yibo, kwakufanele ngilinde beze beyofika nathi le endlini. Ngayenzake leyonto leyo, kodwa ayithathanga isikhathi eside, kwase kugula omunye umfowethu esasihlezi naye endlini, wagula kakhulu, eyiwele. Bayomhlolela kwathiwa kufanele anqombiswe, enziswe zonke lezo zinto, uma esiwa ngale esibhedlela eR K Khan, kwabhekwa, kwathiwa unethumba enhliziyweni, lingase limbulale. So, ekhala ubusuku bonke, egula kakhulu. Ecela ukuthi abamsize bamyise enyangeni, bethi laba no, asihlangani nezinyanga, izinto ezinjalo asizenzi, sasivuka ebusuku sithandaze, angasindi.
15.Base bethi-ke ake sihambe uyonikela lapha esontweni, ebese eyavuma ngoba wayegula kakhulu, yena akalona iNazaretha. Bese uma sekulungiselelwa ukuhamba, bese ethi ‘ndoda ngicela ungiphelezele ngiyonikela laphana.” Ngithike mina, eyi angikwazi ukuyalaphana mfowethu, asihlangani nalaba bantu, njengoba bekhonza laphana mina nje ngile, asihlangani nangebhadi nangengozi and uma kungase kuzwakale ekhaya ukuthi bengikhona, kuyoba inkinga enkulu leyo.
16.Bese ethi yena ‘ayi asambe, phela siseThekwini la angeke baze bakubone ekhaya.” Ngokukhulu nje ukunganaki ebese ngivuma, lalingasekhoke ibandla ezansi ngase MacDonalds, lase lila emkhukhwini, la ezansi. Bese sihamba, size ngenhloso yokuphelezela yena ukuthi azonikela. Uma efika, afike awenze umnikelo kanjalo. Inkonzo yasekuseni angisakhumbuli noma yaphathwa uMkhokheli omkhulu noma yaphathwa uBaba uMelusi. Kodwa into engiyikhumbulayo eyenzeka, wathi uBaba uMelusi eshumayela emini, ngebhadi nesihloko senkonzo angisasikhumbuli. Kodwa wakhuluma into eyaba isimangaliso enhliziyweni yami, yahlala, ngazibuza ukuthi hawu lo muntu ukhuluma kanjani uma ekhuluma kanje, lento ayikhulumayo uyithathaphi.
17.Lento yahlala enhliziyweni yami ngendlela yokuthi ngesikhathi se break, angikwazanga ukudla ngenxa yento eyabakhona emva kwesikhathi. And le break eyaba khona emveni kwenkonzo ngayibona iyisikhathi eside ngoba ngangifise engathi uBaba engakhuluma ilanga lonke, ngendlela enhliziyweni yami okwakwenzeka ngakhona. So, ngazibuza ukuthi lo muntu uyithathaphi lento, ngase ngiyathula, sabuyela endlini. Uma sifika endlini, sifike sihlale futhi, ngingabatsheli laba ukuthi ayi kukhona into engiyizwile laphayana, ngiqhubeke nje ngendlela engenza ngakhona. Kodwa ukusuka kuleloSabatha, ngase ngase ngiyathanda ukuza esontweni, ngayiyeka lento yokuyodoja, ngeza esontweni kwaqhutshekwa kwashunyayelwa, ayi ngilokhu ngizwa!
Uma ngifika endlini, zifike zidlale izinkonzo kwi computer, inkonzo eyathinta kakhulu inhliziyo yami inkonzo eyayishunyayelwa uBaba isihloko esithi inkolo yobuNazaretha.
18.Echaza indaba kaBabamkhulu, mhla umama kaBabamkhulu ehamba nalawa mantombazane eyotheza ekha imbali, lowo mlando lowo. So, leyonto leyo yahlala kakhulu enhliziyweni yami, yase ihlukanisa ukuthi uShembe owumuntu noShembe owuMoya bahlukanaphi bahlanganephi. Ngoba inkinga enkulu ikakhulukazi kulabantu laba esisuka nabo ngale ebandleni engilibalulile ekuqaleni la engisuka khona, kuba inkinga yokuthi ibandla lamaNazaretha liyibandla lakaShembe, kufanele liholwe umuntu wakwaShembe ngesibongo. Noma umuntu ongesiye owakwaShembe ngesibongo engathini, as long kunomuntu wakwaShembe phambi kwethu kuphelele!
19. So, ileyonto engike ngithi yayinkinga kakhulu enhliziyweni yami ngoba ngendlela eyayigqishwe ngakhona emakhanda ethu leyanto, ngangingeke ngikwazi nokumthuka uBaba uMelusi ngoba mhla umfowethu eqinisekisa ukuthi ula ngathi mina, yini ungavelanga waya eZayoni ngoba iyafana lento mosi. So, kwaba into enjaloke, ngase ngiyahambake la eThekwini, ngahlala khona 3 months, ngase ngiyahamba ngayoqhubeka nokufunda eShowe, kodwa seyikhona into ehlezi enhliziyweni yami neyashintsha lento yokubaleka, ngase ngiqala ngiyalalela nomsakazo, ngalalela ngalalela!
20.Kusukela lapho yonke into eyayikhulunywa uBaba uMelusi, yayihlala enhliziyweni yami ngiyifune, ngisho iSabatha into engangiyijwayele ngiyazi, wathi uBaba uma eselichaza elifunda eBhayibhelini, ngahamba ngayolicinga, ngalithola. Ngiyakhumbula iBhayibheli ngangingenalo, ngaboleka iBhayibheli lo munye umfana, esasihlala naye ezalwa umfundisi waseZayoni, ngithi awungiboleke iBhayibheli. Uma ngithi pheqepheqe, iSabatha kanti libhalwe la sesiligcine kangaka, ngilithole iSabatha, bese ngimbuza lo mfowethu, ‘hawu madoda iSabatha libhaliwe la, yini ningaligcini la ngoba phela leliBhayibheli elakho and libhalwe iSabatha aniligcini kwenzenjani kanti? Wase eshona le washona le.
21.Engizama ukukuvezake ukuthi izwi leli esihlangene ngalo langithola kuleya ndawo esezansi, ngangisemncane ngeminyaka, ngangina 19 years, ngangisazifundela futhi, ngingadinge lutho, kodwa lathi lelizwi uma lifika lahlala enhliziyweni yami ngase ngilamukela. Ngithe sengilamukele, ngase ngibhekana nenkinga enkulu ke manje, inkinga yokuthi le engibuya khona lento ayamukelekile. And ngiyayazi i-treatment abayinika umfowethu ukuthi umuntu oyiphekula kufanele aphathwe kanjani.
22. So, yase ingishayisa ngovalo leyonto leyo ukuthi laba bantu uma ngase ngibatshele ukuthi le nkinga kamfowethu isikimi, ngizoba nenkinga, ngoba inkinga eyayinkulu kakhulu kwakukuthi kuthiwa uma uyiphekula akufanele abantu behlale nawe, ngoba uzobathelela ngalomoya uma ukulelibandla. Kuthiwa nasekhaya kini kufanele uxoshwe, so, ukukhathazeka kwami okukhulu kwakuyilokho ukuthi uma ngoxoshwa ekhaya ngimncane kanje, ngizoshonaphi, angisebenzi anginjani.
23.Ngase ngithi lento ngoba sengizwile and ngiyazi abahambisani nayo, ngizoke ngiyigcine enhliziyweni yami ngilandele, ebese ngikhula ngisebenza bese ngiyabatshelake ukuthi ayike sengihamba. Ngayigcina lento, 2012, 2013, into engangiyenza ngangikhonza emathempelini aseBuhleni, kodwa ngilalela uBaba. Ngiyigcina yonke imithetho yangapha kodwa ngihamba nabangale. Abanye babeqaphelake ukuthi hawu why wena ungasakwenzi ukuthi manje, ayi ngiphume kanje, why ungasakwenzi ukuthi, ngiphume kanje, ngoba babezazi izimpawu zabantu abangamaNazaretha kaNkulunkulu ukuthi yini nani abangayenzi. Ngakwenza lokho 2012, 2013, 2014, 2015, ngingingakaqedi ukufunda, so, yayingekho indlela yokuthi ngibatshele ekhaya ukuthi sengihambile.
24.Ngo 2015, kwenzeka into engingayibiza ngokuthi kwaqhuma ithumba, ngoba ngangingakafiki esigabeni sokuthi ngibabize ngibatshele. Kodwa into eyenzeka ngo 2015, kwashona uMshumayeli osiphethe eThempelini, uMshumayeli uDube, uthe uma eseshonile kanti asikho ekhaya. Wase ebuya umfowethu, wathi asambeni siyokhalela uMkhokheli ngoba uMshumayeli ushonile asikwazanga ukuyomncwaba, sahamba samkhalela uMkhokheli, uma sibuya kuMkhokheli sase sidlula komunye umuzi wothisha owayesifundisa e-primary. Uma sifika-ke kulo thisha, bese ebuza lo thisha, hawu wesibanibani, abize umfowethu ngegama, hawu wesibanibani siyezwa kuthiwa kuthiwa ibandla lakini selihlukene, ukuphi wena.? Bese eshoke ukuthi ayi ngise NNBC, kwakusathiwa yi New Nazareth Baptist Church, ngise NNBC, athi hawu ubani lowo, athi ayi singaphansi kwaMfundisi uMpanza. Oh lo oshumayela oKhozini? Uthi ayi ngiyamazi lowo Mfundisi lowo, uyabonake lowo Mfundisi lowo ungumKrestu, ushoda nje ngokuthi ayeke uShembe.”
25.Beseke ebuza indaba yamadlozi ukuthi bayithini indaba yamadlozi, bese eyichazake umfowethu, ethi ayi amadlozi awahlatshelwa, kanje, kanje. Kanti uchaza lonto layindlini nje, kukhona omunye umama wakwamakhelwane, lo mama wakwamakhelwane uma ezwa leyonto, bese ephuma, uma ethi uyaphuma ahlangane nabanye abafana bakithi.
26.Bese ethi hawu, wezingane zakwaThengamehlo, igama lo muzi wasekhaya, ini le eseniyikhuluma manje ngoba nina ningamaNazaretha, nihlabela amadlozi, benisifundisa lokho, lento eseniyikhuluma manje ukuthi amadlozi awasahlatshelwa, niyithathaphi? Bethuke laba ukuthi awu siyikhulume nini lonto leyo? Ethi ayi usibanibani nosibanibani bakhuluma leyonto leyo, bethathe laba indaba beyiyise ekhaya. Uma ngifika ekhaya, laba befike bethi mina nosibanibani siyashumayela, sishumayela ivangeli likaMpanza. Uma ngifika ekhaya, ngizwe ngilokhu ngibhinqwa, kuthiwe hhayi “hamba vangeli, hamba vangeli” ngithi yini lonto leyo? Angibuze omunye owayengijwayele, athi eyi wena sizwile ukuthi kade ukaPhoqukhalo, le ndawo esasikuyo, kade ule ushumayela, indaba yakho inkulu! Eyi ingithuse lento le, ngithi ayi ayikho into enjalo. Ngi relax nje, ngoba maningi amaqhinga engangiphuma ngawo uma bengiqhamukisela ama accusation okuthi ngikulelibandla, bese ngithi ayi ngizophuma.
27.Bese kushaye isikhathi seSabatha ngihambe ngiye enkonzweni yeSabatha. Uma ngifika eSabatheni, ingene inkonzo, ashumayele oshumayele oshumayelayo. Kwakuwubaba omdala ngoba ekhaya la engivela isigodi nje sakithi sonke, into ongayibiza ngomndeni, indawo yonke amaNazaretha, ithempeli kuba abantu bandawonye nje, obaba abadala, umuntu mhlawumbe wesibongo esinye kuze kube umuntu owuMshumayeli osuka kwesinye isibongo.
28,Ashumayele ubaba omdala, ashumayele ashumayele, bese efika la ethi khona uzofisa bonke abantu beguqe, besho ukuthi baba usibanibani, abize igama lomholi la esisuka khona. Athi bonke abantu abathi baba usibanibani 100%. Njengoba abesilisa bayazi njengoba sisuke senza ku 23 uma sithi siyayiphilela ingelosi ka 23, aqale owokuqala asho athi mina sibanibani 100%, usibanibani 100%.
29.I was the second last kulayini, bese kufika kimi ngithi nami sibanibani 100%. Ngithi nje ngingakahlali phansi, kusukume omunye ongaphethe inkonzo, inkonzo i-on.
Athi, no ndodana, kahle kahle sikuwe, sizwile lapha kuthiwa nihambile nosibanibani nayoshumayela, ethi engakaqedi bese ekhumbula lo ophethe inkonzo, ukuthi ayibo inkonzo i-on, bese ethi mana mfowethu siyilungise ngaphandle lento. Bese beyayivalake inkonzo, kudideke wonke umuntu endlini ukuthi kwenzenjani, bese sihamba siyohlala laphayana, uma sesihlezi,bengibuze ukuthi nihambile nosibanibani nayoshumayela? Ngithi mina cha asikaze sishumayele, usibanibani ubuzwe uthisha ngendaba yenkolo yakhe wayiphendula, mina bengihleli ngingasho lutho.
30.Ngizama ukuphika njalo, ngoba ngenza yonke lento nomfowethu ngiyazi ukuthi angisahambi nabo, kodwa nginabo nje ngomzimba, inhliziyo ile, just that ngilinde lesisikhathi sami engangisibekile ngoba ngangazi ukuthi uma ngingase ngiveze ngalesiya sikhathi ngizoba nenkinga. Ngiphike bese iyabaphelela imibuzo. Bese kusukuma omunye, athi no ndodana, sisize ukhulume iqiniso ngoba uma uzosikhohlisa, sizoba nenkinga yokuthi ubukhona bakho phakathi kwethu ekubeni usukuleliyabandla, kuyasingcolisa thina.
31.Okunye futhi ukuthi uma ngase kutholakale ukuthi ukuleliyabandla, ekubeni usakhonza nathi la, lizovalwa lelithempeli, singasakwazi ukuthi sikhonze, so, wena khuluma iqiniso ngeke size sikwenze lutho. Bese ngifikelwa isibindi ngithi mina, ‘ayi no, kahle kahle vele angisekho la.” Waphela kanjalo lowo mhlangano, sahlukana kanjalo, ngahamba ngaya ekhaya, ngangasakwazi ukuthi ngibuyele enkonzweni yasemini ngoba lonto leyo, yenzeka enkonzweni yasekuseni.
So, into eyangiletha la, ilo izwi bantwana basezulwini leli elisibuthileyo, njengoba ngisho ngithi uthando lukaBaba lubanzi lujulile. Lujule ngempela ngoba lafinyela nakimi ngisezonweni zami alikaze langishiya, lwangisindisa. Ayikho into engangiyiswele, kodwa kwafika izwi enhliziyweni yami, ngezwa ukuthi no mani lento ekhulunywa la angikaze ngiyizwe. And ngabona isidingo sokuthi ngiyi landele ngoba inkinga enkulu engabhekana nayo ukuthi sengithathe uhambo oluza la, ngavinjwa, ngavinjwa kakhulu, ngoba isinqumo engase ngisithathile sasingasamukelekile.
32.Kwakhalwa kakhulu ngiza la, ngiyakhumbula enkonzweni yasekuseni seyiphumile Kwathi uma kubuyelwa enkonzweni yasemini, uma kuqalwa nje kuhlatshelwa kuthiwa Bongani uJehova, ngahamba ngayozivalela endlini, ngathi ngibona kwaqhamuka u-anti egijima ephuma enkonzweni, wafike washaya isivalo sangaphezulu, wangifica ngihlezi endlini, wakhala izinyembezi, ngoba kwase kuqinisekisile ukuthi angisekho kuleliyabandla, wakhala kakhulu u-Anti wathi zingane zobhuti yini le enisenzela yona, yini uma ukukholwa sekunehlulile ningayekanga, nathatha imiNazaretha nayifaka emabhokisini kunokuthi nenze lento eniyenzile?
33.Ngoba yinto engaziwa bantwana basezulwini ukuthi ungaba iNazaretha ukhonze uJehova yedwa, ungawahlabeli amadlozi, so uma uthathe isinqumo sokuthi ube kulelibandla, usuke wenza into ongayazi, ngoba nami lokhu ngakhula akaze ngizicabange ukuthi ngingase ngingawahlabeli amadlozi. Ngenxa yaleso sizathuke bantwana basezulwuni kwaphoqa ukuthi bengivimbe ukuthi ngize kulelibandla, ngaleloSabatha ntambama, basuka abaseThempelini bayotshela ubaba nomama ekhaya ukuthi sengithathe isinqumo esifana nalesi. Wahlala umhlangano from 8 to 12, ngibuzwa ukuthi yini engisuse eBuhleni yangiletha ngapha? Ngesizathu sokuthi lento yamadlozi, ilikhuni kakhulu, neminyaka yayingangivumeli, awukwazi ukuthi le emakhaya uvele uthi ungavele uthi uyingane nje uvele uthi awusawahlabeli amadlozi, ungabulawa nokubulawa.
So, ngazama ukuthi, isizathu engabanika sona sisodwa, ngathi indlela okugidwa ngayo la, akusiyo indlela kaBabamkhulu indlela ekugidwa ngayo ngale la engibheke khona iyo ekaBabamkhulu, so ngihanjiswe ilokho. Bathi ilokho kuphela, ngathi yes ilokho kuphela. Ngangakubala konke lokhu okunye.
34. So, nokuthi abaseduze kwami base bengiqeqeshile ukuthi uma uthathe indaba kaNkulunkulu yokuza la, usesemncane, kufanele ucophelele kakhulu ohlangothini lwabazali ukuthi ungathi uza kuNkulunkulu bebe bekuhubha ngeziqalekiso. So, anything oyikhulumayo, kufanele wenze isiqiniseko sokuthi ayishayisani noNkulunkulu. So, ngabanika leso sizathu kuphela. Wayesethike ubaba, ngiyakuzwa ndoda, kodwa lento oyikhulumayo angiyemukeli, ngizocela ufake igiya eliya emuva, ubuyele le eBuhleni, uma ungakwenzi lokho, ngizothatha isinqumo ngawe njengamanje. Kwakusebusuku kuwu 12.
35.Ngase ngiyacabanga, ungaphelile u 10 seconds ngayithola impendulo ukuthi no, angiqhubeke nokuyohoba njengoba ngangihobile. Ngase ngithi kubaba, ngiyezwa Ndabezitha ngizobuyela eBuhleni, base bekwemukela lokho. Ngangikhuluma lonto leyo ngomlomo futhi ngizoyenza ngempela ukuthi ngibuyele eBuhleni, ngoba kwakunzima ngampela nami ngizwa ukuthi lento engiyenza la ayamukelekile, and uma ngingase ngihambe la, ngizoba nenkinga. Base kuvukwa ngesonto, babatshela abasethempelini ukuthi ayi ingane ithe isiyashintsha manje isinqumo sayo ibuyela emuva. Bangithatha bangiyisa kwabasethempelini. Sithe uma sisendleleni ebheke kwabaseThempelini, kwafika futhi enhliziyweni yami ukuthi no, angiqhubeke nendlela yami, uma sifika kubo, babatshela ukuthi ayi uthe umfana useyajika, baqinisekisa abasethempelini ujika ngampela? Ngathi yes ngijika ngampela.
36.Ngoba base beshilo ukuthi ngoba usethe uyajika, umhlangano wawusekuThuthukeni eGoli, umholi wakhona useku Thuthukeni, kufanele ngiphuthunyiswe eku Thuthukeni njengamanje, ngihambe ngiyobhajadiswa. Kodwa ngaphambi kokuba ngibhajadiswe ngoba bese ngivumile ukuthi ngikulelibandla lase NCG, kuyofanele ngidlule kuMfundisi uNtombela angithele ngebhakede lamanzi, bese ngiyobhajadiswa, ngoba sengibuya kulelibandla. Ngase ngikuvuma lokho ngathi hhayi ngizohamba ngiyoyikhetha iNkosi ngibhajadiswe.
37.Uma ngivuma lokho ngangazi ukuthi ngeke ngikwenze ngoba into eyayisifike enhliziyweni yami akekho umuntu owayengakwazi ukuthi ayiguqule, ngase ngithole isibindi ngaleso sikhathi. Kodwa ngase ngithi angibayeke bangiyise eGoli ukuze uma ngifika eGoli ngizofike nginqabe ukubhajadiswa, okokuqala bese ngiyofuna umsebenzi. Uma ngiwuthola umsebenzi, ila engizonqaba khona kahle sengikwazi ukuthi ngizimele.
38.Ngakhuphuka nalelo qhingake. Indlela engakhuphuka ngayo bantwana basezulwini, ngangifana nesiboshwa, imali ngangiyiphathelwa, isikhwama ngisiphathelwe, ngafike ngahlala eGoli, ngasiwa ekuThuthukeni. Akangenanga ekuseni, akafikanga enkonzweni yasekuseni, angazi ukuthi kwakuthiwa kubangwani naloMshumayeli okuthiwa uXaba. kwakuwunyaka ka 2015. Akafikanga ekuseni, yangena inkonzo kwase kuthiwa angiyikhethe iNkosi, ngahlala nje ngathula, kwathiwa ‘khetha iNkosi ndoda’ ngahlala ngathula. Yaphuma inkonzo ngingayikhethile. Bathi yini ungayikhethi iNkosi, ngathi ayi ngzobona emini akuvumanga.
39.Sabuyela emini, wathi omunye umzala: Kwenza ukuthi usibanibani akambonanga.” Esho umholi wakhona. Ngithule nje enhliziyweni yami, ngithi eyi lo muntu akayazi into engayizwayo, ucabanga ukuthi yonke lento engiyenzayo ingalomholi wakhe, angimazi ngisho ukumazi yena. Mina ngizwe lento engiyizwile. Afikeke ngenhlanhla umholi wakhe emini, ngiphinde ngingayikhethi iNkosi, esekhonake manje! Balishaye ucingo balubhekise ekhaya, ukuthi umfana walile ukukhetha iNkosi, angifonele ubaba, abuze ukuthi yini indaba, ngimutshele ukuthi akuvumanga ukuthi ngikhethe iNkosi, mhlawumbe kuyobuye kuvume!
40.Bese ethike uBaba, asivumelane ukuthi noma ungayikhethanga iNkosi, kodwa awusabuyeli kuleliyabandla lakho, ngithi ayi kuzobonakala Baba. Bese ngibhalela uBaba uMelusi i-Whatshapp message ngithi Baba ngicela umsebenzi imina uzibanibani. Ngivuke lapho kwakuwuMsombuluke, ngibuze kwababekhona eGoli. Ngithi mina kukuphi lapho engingathola khona umsebenzi ngokushesha ngoba ngangingafuni into engizo apply kulokhu kuthiwa ngizophendula, ngangifuna ukusebenza same time.
41.Kwathiwa ukhona uMlungu wezinkontileka, umnikeza ipasi nje kuphela bese ekunikeza umsebenzi, ngavukela kulowo mlungu nebala wangithatha, ngangisebenza laphaya ezinkontrakini e Sandton, ngayithola imali. Kuthe kulezo nsukwana, uBaba uMelusi amemezele athi inkonzo izobe ise Soweto, la ekuzobe kukhona amaNazaretha kaNkulunkulu khona. Bazokhumbula abaningi ngafika, noMfundisi uNtuli ngangingakamazi, ngafika khona, ngafika ngakhonza, Kwathi sekugidwa, ngase ngiyahamba.
42.Uma ngihamba ngibuyela emuva, ngifike ubhuti esengilindile, ubhuti omdala. Bese engibuza ukuthi ngibuyaphi, ngimtshele ukuthi ngibuya enkonzweni, athi enkonzweni kuphi, ngithi eSoweto. Athi ingaphansi kwabani leyo nkonzo, ngisho ukuthi ingaphansi kwaMfundisi uMpanza. Bese ethi hawu, wena usuke ekhaya wathi uzobhajadiswa, wangasabhajadiswa kwenzenjani manje? Ngithi mina: “Ayi akuvumanga. Ngoba ngifuna ukuya kuleliyabandla manje.
43.Bese ethi umfowethu, singasho yini ukuthi ubaba nomama umdelelile ngoba wena uthe uzobhajadiswa, kodwa awusakwenzi lokho?” Ngithi: “Eyi angazi bhuti, kodwa mhlawumbe kuyinto ethi ayibe njalo khona ngoba angisakwazanga ukuthi ngikwenze.” Ubhuti-ke wayehleli ngapha kwa left wami sihlezi phansi sikhuluma, wasukuma lapho wagadla ngalempama okuthiwa inxenakele, angazi noma bayayazi yini abantu inxenakele. Wangishaya ngenxenakele! Ngenhlanhla sasibawu 2 endlini, ehamba nomunye ababengibuza naye, wasukumake wamubamba, wathi ukhipha isibhakela, sakhala kulo omunye owayengilamulela, ngangikhala nami, ngibaleka!
44.Emveni kwalapho ngaba namandla ayisimangaliso, ngaba nesibindi esiyimangaliso, ngathi no, anything engase yenzeke, angife uma ngifa, ngase ngibatshela ukuthi no, emuva angisabuyeli. Ngasebenza kuleyo nkontilaki, ngathatha imali, kwakungamaholidi kaGood uma ngingaphazami. Ngase ngiya ekhaya, sengiphethe imali ephaketheni, ngafike ngabatshela ekhaya ukuthi sengiyahamba ngiya kuleliybandla angisabuyeli emuva. Ukubakhohlisake ngangingasakufuni, ngase ngibatshelake ukuthi sengihamba impela manje angisabuyeli emuva.
45.Ngangisho lokho ngoba yayisikhona imali ephaketheni ngilinde ukuthi uma ubaba engixosha, ngizobuyela eGoli, eGoli vele ngangingenayo indlu, uma bengixosha ezindlini zabo, ngizohamba ngiyohlala emabrijini, ngoba ngase ngibonile ukuthi kunabantu abahlalahlala emabrijini. Ngase ngizinikele ngaleyondlela ukuthi anything eyenzakalayo ngizoyamukela kodwa angisabuyeli eBuhleni futhi angisabakhohlisi. So, ngahamba kanjaloke!
46.Emveni kwalaphoke bantwana basezulwini, akukaze kube lula, njengoba ngisho ukuthi le ebandleni esisuka kulo, uyayifundisa inzondo, ukuthi umuntu okulelibandla umzonde futhi uziqhelelanise naye. Ngaphezu kwalokho ziningi izinto ababezikhuluma ngoBaba uMelusi ezenza ukuthi nomuntu ongamazi nje amzonde. So, le treatment yokuthi iphekula kufanele uli treat kanjani, ngayithola ngoba kusuka lapho akaze sikhulumisane nabantu bakwethu for about 3 years sihlala ndawonye uma sihlangana kungabingelelwana.
47.Ngelinye ilanga ngangena endlini ngithunyiwe, ngathi ngilinde ukuthi sibingelelane, sangabingelelana, ngasho lokho engangikuthunyiwe, ngaphuma ngahamba. So, kwabanzima ngendlela eyisimangaliso iminyaka emithathu, kodwa kwadlula lokho, bagcina bemukelile! Njengamanje usungaphika ukuthi ibona labo bantu. Manjeke ngiyambonga uNkulunkulu waseKuphakameni isibindi anginika sona ngoba ingoma ka 221, ithi le ngoma:
48. Ngiyeza Nkosi mina ngedwa
Anginaye umpheleki.
uBaba kanye nomama
Abavumi ngikulandele.
Abafowethu nodadewethu
Bayawuzonda umoya wami
Vala Nkosi izindlebe zami
Nginga lizwa izwi labo.
48. Ngiya lizwa Nkosi izwi lakho
Enhliziyweni lingi biza,
Mangiphiwe nguwe Mkhululi
Inhliziyo ethandayo.
Ngiyathanda ukukubona
Lapha ukhona nenceku yakho,
Ngibize ngezwi lakho
Ngiza kuphinda ngikulandele.
49. Umoya wami uyavuma
Nawe nhliziyo yami ungenqabi
Ngiyathanda ukuphelela,
Kulowo muzi oyiNgcwele.
Baba ngingu mntwana wakho
Noma uMhlala ungathandi,
Ngihlwithe emalangabini
Nkosi manginga liwa.
50.Ngicela ukwedlula. Bantwana baseKuphakameni ngeviki eledlule, uBaba uMelusi ukhuluma indaba kaNkulunkulu, eyohlangana noNkulunkulu, ebizwe uNkulunkulu, indaba yakhona iwusizi. Uyaye uphatheke kabi uma ubona amaNazaretha esenza izinto ezibheke eceleni ngesizathu sokuthi lobubuNazaretha mhla uBabamkhulu ekuqala akuzange kwaba lula.
51.Washiya amakhosikazi, washiya uyise nonina, wamulandela uNkulunkulu, into owayeyizwa enhliziyweni yakhe akekho umuntu owayeyibona, nguye owayezwa uNkulunkulu, abantu bakuleyandawo babengazi ukuthi ungenwe yini. Kuthiwa ingane kaMayekisa iyahlanya, abanye bethi ingenwe ubungoma, besho lokhuya nalokhuya. Mhla uBaba uMelusi ethunywa ukuthi esifundise indlela yasezulwini, lelizwi lafinyelela ezinhliziyweni zethu, langena mhla silamukela, abanye bethu akukaze kube lula.
52.Ngiyakhumbula nami ekhaya kwakungena abantu beshintshana, bezokhalela umama kuthiwa ingane kaMaNdebele ingenelwe yini. Ngaleso sikhathi wayengazi ukuthi i-NCG, engazi nokuthi yini eBuhleni ngoba yena useZayoni. Kodwa ekhala ukuthi ngikwenza kanjani ukuthi ngisuke ebandleni elifana naleli, kodwa ngize ebandleni la ekuthiwa umuntu okulo akangeni ngisho ezulwini lezinja uma efele kulo?
53.Ngaleso sikhathi ngangisuke ngazi ukuthi yonke lento ekhulunywayo ayikho, nenhlanhla noBaba uMelusi ngase ngimubonile, sengazi ukuthi zonke lezi zinto ezikhulunywa ngaye azikho. The only option enganginayo ukuze ngisule izinyembezi zikamama, kwakukuthi ngibuyele eBuhleni, kodwa uma ngikucabanga lokho, kwala enhliziyweni yami ukuthi lento esengiyizwile, angikwazi ukuthi ngingayilandeli ngoba ngiyesaba ukuthi uma ngingafa, kungenzeka kanjani ukuthi ngingahambi ngalendlela uBaba asesifundise yona.
54.Manjeke indaba yami inde, kodwa ngicela ukuma la, ngidlulele kwenye into engithe ngizokhuluma ngayo ngoba isikhathi siyangishiya. Bantwana basezulwini kwakuwunyaka ka 2010, kufika ingelosi phakathi kwethu, ngizocela abangcwele bangivulele ingcwadi, Exodus 23 verse 20. Lento esiyifunda kuleyancwadi, iyefana ncamashi nalento eyenzeka phakathi kwethu. Uthi uBaba uMelusi kwafika ingelosi ngonyaka ka 2010, yaguqa phambi kwakhe, yathi ithunywa uShembe uBaba iLanga ukuthi akamakhele indlu kaJehova. Uthi-ke uBaba ngabuza ukuthi indlu kaJehova yini, yathi ingelosi indlu kaJehova ibandla, yathi ingelosi kulelibandla, uzofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova, lokhu ukwenza ngokuthi uthathe ezimfundisweni zoMprofethi u-Isaya Shembe.”
55.Exodus 23 verse 20-22. “Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikulondoloze endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo. Yiqaphele, ulalele izwi layo, ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo. Kepha uma ulalela nokulalela izwi layo, ukwenze konke engikukhulumayo, ngiyakuba yisitha sezitha zakho, ngiphambane nabaphambana nawe.”
56.Ilentoke bantwana basezulwini eyenzeke phakathi kwethu esikhathini samanje, yenzeka kubantwana bakwa Israel, yenzekile naphakathi kwethu ngoba siseyibo abantwana bakwa Israel, uNkulunkulu usikhumbulile, kuthe ubuNazaretha sekuyinxovanxova, wayithuma ingelosi phakathi kwethu yasihola. Uthi uBaba uMelusi yafike yasho lo mlayezo, ngenhlanhla ayibuyelanga emuva, kodwa yahlala yase isifundisa ukuthi sizohamba kanjani.
57.Iziphi-ke izinto bantwana basezulwini esesizifundisiweyo ngomyalezo wokufika kwalengelosi? Enye yezinto esesizifundisiweyo kulelibandla likaJehova ukuthi asinayo enye into esiyikhonzayo kulelibandla ngaphandle KWAJEHOVA. Asinaye omunye uNkulunkulu ngaphandle kukaJehova. Lokho, ithi-ke ingelosi, uma ufundisa abantu uyophatha izincwadi ezimbili, incwadi yebhayibheli, incwadi yesihlabelelo samaNazaretha, ngoba ayikho into ebhalwe uMprofethi u-Isaya Shembe esihlabelelweni samaNazaretha engekho ebhayibhelini.
58. So, kwaphoqa bantwana basezulwini ukuthi sifune ukuthi uMprofethi Isaiah Shembe uwafundise ukuthini amaNazaretha, ikuphi imibhalo yakhe, ukuze sikwazi ukuthi sihambe ngayo, ngoba ithi ingelosi asihambe ngezimfundiso zoMprofethi u-Isaya Shembe. Ngenhlanhla enkulu sisekuso isikhumbuzo sikaBabamkhulu, asifundenike sizwe ukuthi uthini uBabamkhulu. Kuvesi 13-14 womthandazo weSabatha, kulezi zihlabelelo ezindala u 3-4. Uthike uBabamkhulu, ukhuluma nathi:
59.“Mesabeni uJehova zizukulwane ngezizukulwane; nigcine imithetho yakhe anilobela yona ngenceku yakhe uMoses Ukuze ukudumisa kwenu kwamukeleke kuThixo Wemikhosi. Ngokuba uma ningamdumisi ngemithetho yakhe, akayikuyamukela imithandazo yenu. akasoze anehlisela izibusiso uma ningayilaleli imithetho yakhe niyigcine.”
60.Lento iwukhiye ngendlela eyisimangaliso, awukho umbuzo ongabekwa phambi kwakho ukuhlule uma ulandela lento eshiwo uBabamkhulu. Omunye ubengibuza kuthangi ukuthi yini singawahlabeli amadlozi, ngathatha lento ngayifunda, sase siyofunda nencwadi yeBhayibheli. Ngithe sengiqede lapho, uthi: “Ayi uhlakaniphile wena.” Ngokufunda nje uvesi 13 and 14 usazi ukuthi ngihlakaniphile.
61.Lento iwukhiye ngendlela eyisimanga, ngoba isisusa la kuBabamkhulu bese isibuyisela back eBhayibhelini. Ngithi mina, kulelibandla likaJehova sifundiswe ukuthi ingabikhona enye into esiyikhonzayo, ngaphandle kukaJehova, asinaye omunye uNkulunkulu kulelibandla, UNKULUNKULU WETHU NGUJEHOVA KUPHEWLA!
Manjeke kuhle ukuthi yonke into esiyikhulumayo siyifunde phansi, ngoba nami into eyisimangaliso engahlangana nayo ukuthi nakuba ngangilazi iSabatha, nakuba ngangiyazi eminye imithetho yobuNazaretha kodwa ngangiyazi nje kungafundwa lutho phansi.(Njengokusho kukaJeremiya, imithetho kaJehova yayisezibilini zomzimba wami).
Manje ngiyaye ngikukhuthaze ukuthi noma ngabe abantwana bakulelibandla likaJehova bebancane kangakanani, abaliphathe iBhayibheli, bezifunde lezi zinto ngoba sizokhuluma into lapha, ibe nkulu, mhlawumbe ezinhliziyweni zabo, kodwa bengakwazi ukuyichaza, kufanele bayifunde!
62.Asifundenike ukuthi njengoba sithi asinaye omunye uNkulunkulu, sikhonza uJehova kuphela, ingenxa yokuthi sizonda abanye onkulunkulu noma kusho bani.
Incwadi ka Exodus 20 verse 1-6. “UNkulunkulu wakhuluma onke lawa mazwi, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila. UNGABI NABANYE ONKULUNKULU NGAPHANDLE KWAMI, ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokuse zulwini ngaphezulu, nowokuse mhlabeni phansi, nowokuse manzini phansi komhlaba; ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo, kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.”
63.Amazwi kaNkulunkulu lawa, kusho yena ukuthi singabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwakhe, lamazwi avela kuJehova, kodwa into enkulu ayivezayo ukuthi igama lakhe yena unguuJehova. Bakhona abanye onkulunkulu, kodwa yena uwuNkulunkulu ogama lakhe nguJehova. Siyaye sibe nenkingake yokuthi kuyaye kuqhamuke abantu left and right ngenxa mhlawumbe yezimangaliso mhlawumbe abazibonayo noma ngezizathu abanazo bese bethi hhayi nathi usibanibani uwunkulunkulu kithi. Uma ubuza ukuthi ukusho ngani lokho, bethi sikusho ngemisebenzi asenzele yona. Abagcinangake lapho, into abayenzile, bathe abanye onkulunkulu babo, abaseyibo onkulunkulu kuphela, kodwa sebewuJehova!
64.Uyabona manje ukuthi benza ukweyisa okuyisimanga, ngoba badelele uNkulunkulu ngokuthi bebe abanye onkulunkulu, babona ukuthi lokho akwenele, base bethike manje asithathe negama laloNkulunkulu owuJehova! Njengamanje umholi webandla noma umuntu enza isimangaliso bese kuthiwa leyanto yenziwe uJehova, bakhona abantu abayikholwayo leyonto leyo! Pho sizomisa kanjani? Ngoba phela nangu umholi sekuthiwa uwuJehova and isimangaliso sikhona, ezinye izimangaliso zi-real, usesenzile, usebizwa ngoJehova, usethatha manje igama likaNkulunkulu wethu. Asizwenike ukuthi sizoyihlukanisa kanjani leyo. Incwadi ka Deuteronomy 6 verse 4. “Yizwa Israel, uJehova uNkulunkulu wethu, uJehova MUNYE” Amein. UJehova uNkulunkulu wethu munye, that means noma umuntu engaqhamuka athi uwunkulunkulu bese ezibiza ngoJehova, loNkulunkulu wethu, that means usewuJehova wesibili, ngoba ukhona uJehova owuNkulunkulu wethu wokuqala.
65.Ngakho-ke asikwazi ukwamukela noma ngabe yini ezoba uJehova wesibili ngoba uJehova munye, iyezwakala lento bangcwele. Ikhona incwadi, ngeke ngisayifunda eka Isaya 43 verse 10. Ikhona incwadi engiyithanda kakhulu kulento kaNkulunkulu. Jeremiah 10 verse 11. Ngithanda kakhulu incwadi ka Jeremiya 10 verse 11, ngicela siyifunde ngoba laba bantu baqale bahlubuka Baba ongu Nkulunkulu, bangagcini ukuba onkulunkulu, base bethatha negama likaNkulunkulu wethu ngenxa yezimangaliso abazenzayo. Incwadi ka Jeremiya 10 verse 11. “Niyakusho kanje kubo, onkulunkulu ABANGEZANGA IZULU NOMHLABA, LABO NKULUNKULU BAYAKUBHUBHA EMHLABENI NGAPHANSI KWEZULU!”
66.Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba bayakubhubha, uma kuqhamuka umuntu noma esethe uwuJehova-ke, kodwa kufanele simbuze ukuthi izulu nomhlaba ulenze nini, uma engalenzanga, uzobhubha!
Kulungile-ke usewuJehova, kulungile, noma singakwemukeli kuwukweyisa lokho kodwa kulungile, kodwa ngesizathu sokuthi awulenzanga izulu nomhlaba, abekhoke abantu ozobadukisa, ubasuse kuJehova uNkulunkulu wethu, ngoba uJehova owuNkulunkulu wethu une product ayenzile, ‘izulu nomhlaba!’
67.Ama product kaNkulunkulu wethu akhona, akekho omunye unkulunkulu owenzile, ulwandle i-product kaJehova, izulu nomhlaba i-product kaJehova, umuntu uyi-product kaJehova. Manjeke noma kungakhonzwa umuntu kuthiwe usewuJehova, kodwa asikhonjiswe i-product yakhe, hhayi isimangaliso, ngoba nomubi uyazenza izimangaliso! Asibonisweke i-product yalowo muntu okuthiwa uJehova. Sibe nenkingake bantwana basezulwini ngoba uNkulunkulu usithande ngendlela eyisimangaliso, lelizwi elishunyayelwa uBaba uMelusi lafika ezinhliziyweni zethu salamukela kodwa akusilo izwi elisho, izwi elidala.
68.Kufike omubi ebandleni lobuNazaretha, wafike wadunga, wafika waxova, abantu bahlubuka, bahlubuka udede, bangagcina ngokuhlubuka udede, base bedelela uJehova! Ngitshele uma kuthiwa, ingane ezalwe ngo 2010, ikhule bese kukhonjwa umuntu, kuthiwe lo muntu uwunkulunkulu wakho! Uma ilandela le ngane izothola ukuthi before 2010 lo muntu ubengeyena unkulunkulu, uqale ukuba unkulunkulu ngo 2010, kushuthi utshela le ngane ukuthi siqale ukuba nonkulunkulu isizelwe, into enjani leyo?
69.Mina nje ngingaka, ngisho ngithi isikole ngisiqede ngo 2011, uma kuqhamuka unkulunkulu ngo 2011, kusho ukuthi siqale ukuba nonkulunkulu ngiqeda isikole? Umlando uyaziphinda bantwana basezulwini, ngoba lezi zinto uma zenzeka, ngezwa enye iNkosi ikhuluma emalangeni adlule, kwakuyiNkosi yesizwe, ngicabanga bekuyisikhumbuzo sikaBaba uThingo khona le. Ithi: “Siphambi kukaJehova!” Uma ithi ‘uJehova’ isho umholi wayo? INkosi yesizwe ikhuluma amazwi anjalo? Uyazibuza ukuthi isizwe sizoma kanjani, ngoba iNkosi ikwazi ukuthi ikhombe umuntu, ingasho ukuthi uwunkulunkulu bese ithi uwuJehova!
70.Before sidlule kulento yokweyisa uNkulunkulu wethu, ngicela sifunde incwadi ka Exodus 32 verse 1-4. Le ncwadi ngifuna ukubonisa ukuthi lento bantwana basezulwini esibhekene nayo, ayiyintsha, umlando uyaziphinda. Akuqali ukuthi abantu behlubuke uJehova, bese bengahlubuki uJehova kuphela, bese bemeyisa bamudelele.
71.Exodus 32 verse 1-4 “1Abantu sebebone ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye: “Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.” U-Aroni wayesethi kubo: “Khumulani amacici egolide asezindlebeni zawomkenu, nakwezamadodana enu, nakwezamadodakazi enu, niwalethe kimi.” Bonke abantu bakhumula-ke amacici egolide asezindlebeni zabo, bawayisa ku-Aroni. Wawamukela ezandleni zabo, wawabumba ngengwedo, wawenza aba yithole elibunjiweyo, bathi: “Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.” Amein.
72. La kwenziwe izinto ezimbili, into yokuqala eyenziwe, ukuhlubuka, eyesibili ukweyisa uJehova, zwaninike ukuthi udelelwe kuphi uJehova. Bathatha amacici komkabo, namabhangela, sebephumile eGibhithe, bayawaxova bakhanda ithole legolide bathi liwunkulunkulu, ukuhlubuka kokuqala lokho. Ukweyisa, nanka amazwi okweyisa. Bathike “Nampa onkulunkulu bakho Israel abakukhuphula ezweni laseGibhithe” Baphumile laba bantu ingakakhandwa lento, bekhishwa uJehova, esebakhiphile, base beyayikhanda, sebethi yiyo ebakhiphile eGibhithe. Ukuhlubuka okuhamba nokweyisa!
73.Ileyontoke eyehlele ibandla lamaNazaretha ukuthi ibandla lamaNazaretha uBabamkhulu ulikhandile lanesisekelo salo, kuthe kusuka kwase kulandwa abantu la abalandwa khona, kwathiwa bangonkulunkulu, laba bantu baqhamuke after unyaka ka 2010. Sesikhulile, izingane sezizelwe, abanye badala kunaye, kodwa bathike uwena osidalile, uwena uJehova! Angiku gcizelele bantwana basezulwini ukuthi kulelibandla likaJehova asinaye omunye uNkulunkulu ngaphandle kwaJehova, futhi sikhonza uJehova kuphela!
74.Mhla ngifika eGoli, sase IH Harris Primary School siqale ukuyokhonza khona, kwasukuma uMvangeli uDlamini waguqa wathi uma ukhuluma kulelibandla ayikho enye into okhuluma ngayo ngaphandle kwa Jehova. Manje singabantu abanjalo, ngenzela uma kukhona abantu abafikayo bengathi kuvele nje kwanikwa omunye umfana wakwaZulu inkonzo wazixoxela indaba yakhe, wasuka wazikhalela, kodwa ngithi angidlule kulento ukuthi, lento engangiyizwa, ngangingahunguliwe, njengoba baye besho ukuthi uma siza la siyahungulwa noma siyahlakanishelwa, kodwa into esilethe la, imfundiso, sizwa into esiyifundiswayo, kuthinteke izinhliziyo zethu.
75.Anything ongase uyibeke phambi kwethu, uma izinhliziyo zivuma, siyakwazi ukuthi siyeqe lonto leyo size kuNkulunkulu ngoba enye ingozi ekhona eyokuthi uNkulunkulu akubize kulombutho wakhe oyingcwele, umoya wakho uvume bese inhliziyo ingavumi. Bakhona abantu abanjalo. Zikhona izinsizwa esiye sikhulume nazo, ethi umuntu ngiyamulandela uMelusi, sengize ngashiya ngisho ebandleni lami, kodwa akezi la, uma umbuza ukuthi ukuphi, athi uyabona nje ngihlezi ngizikhonzela ekhaya, umbone ukuthi unenkinga, umoya uyavuma inhliziyo yakhe ayivumi!
76.Ngiyambongake uNkulunkulu ngesizathu sokuthi wathi umoya wami uma uvuma nenhliziyo yami yavuma, akuphikisananga, ngoba bazoba neshwa labo bantu ukuthi uma ngase ziphikisane lezo zinto lezo bengase befe bengaye ezulwini. Ngoba i-fan yebandla lamaNazaretha kaNkulunkulu ayingcwatshwa, angikaze ngibone kuthiwa siphuma la siyongcwaba umuntu obeyi fan yalelibandla.
77. So uma ufa noma ngabe kuthiwa ubuhlale u live every Sabbath ukwenza konke ongase ukwenze, kodwa uma ungakaze usithathe isifungo sokuthi sengiyayishiya eminye imibutho, ngingena embuthweni kaJehova, asikwazi! Asisho ukuthi ngeke ungene ezulwini, mhlawumbe ungangena, kodwa asikwazi! Manjeke ngiyambonga uNkulunkulu waseKuphakameni ngoba lento eyenzeka kulaba bantu noBabamkhulu wayikhuluma uma ufunda isihlabelelo 154 verse 2 sithi “Inhliziyo yami injengeyesilwane, ayivumi ukukulandela, ngisize wena Nkosi mina ngithande ukukholwa.” Inhliziyo yami injengeye silwane, angivumi ukukulandela, ngisize wena Nkosi mina ngithande ukukholwa.” Bakhona abantu abakanjalo.
78.UBabamkhulu akagcinanga ngaleso sihlabelelo, uBaba iLanga waphinde wakhuluma futhi kulengoma ka 221 verse 3 uthi “Ngiyalizwa Nkosi izwi lakho enhliziyweni lingibiza, mangiphiwe nguwe Mkhululi inhliziyo ethandayo. UMoya wami uyavuma nawe nhliziyo yami ungenqabi ngiyathanda ukuphelela kulowo muzi oyingcwele” Akufanele lezi zinto ziphikisane, athi umuntu uyazi uBaba uMelusi uyashaya, uBaba mlandeleni, abamlandeli, umoya wakhe uyavuma, kodwa inhliziyo iyenqaba.
79.Manjeke ngiyambonga uNkulunkulu waseKuphakameni ngaphandle kokumosha isikhathi, lathi izwi lezulu uma lifika esikhathini samanje, lizwakala, langena nakweyami inhliziyo, langathiywa, ngiyalithanda, ngaligcina, umoya wami uyavuma nenhliziyo yami yangena nayo.
80.Kwathi noma abafowethu nodadewethu sebenqaba, uNkulunkulu wayivala izindlebe zami ngangalizwa izwi labo. Kwathi noma kufika isikhathi sobunzima, wangipha isibindi ngoba angazi isibindi sithengwaphi ngoba uyasho uShembe ukuthi uma uthanda ukusilandela qala uthenge isibindi. Ngasithola leso sibindi bantwana basezulwini ngavondla, ngoba izwi engase ngilizwile wawungakwazi ukuthi ulikhiphe enhliziyweni yami. Ngathanda umoya wami wavuma, nenhliziyo yami yavuma!
81.Enye into enkulu bantwana basezulwini esiyifundisiweyo, ezifundweni ezivela engelosini, indaba yasezulwini ukuthi ukukholwa kwethu akusiyo nje into ephelela lapha, siyahamba siya ezulwini. And uma ngampela ngampela uhambe ngalezi zimfundiso esizifundiswayo, into yokuqala eyenzekayo uphelelwa ukwesaba ukufa! Njengoba ngikhona nje bantwana basezulwini ngiwumuntu oseneminyaka ephansi ngendlela eyisimangaliso. Kodwa angikhathalele lutho, konke engikwenzayo ngikwenza ngikhumbule ukuthi ngiyahamba. Lo mzimba engihleli kuwo uyidokodo lomhambi, ngiyahamba and anginalo uvalo, angesabi ngoba yonke into uBaba uMelusi asifundise yona, ngiyayizama ukuthi ngizigcine.
82.Manje ngyaye ngizibuze ukuthi out of all the things esifundiswe zona ngazizama ukuzenza, yini engangivimba ukungena ezulwini? Ngiwumuntu oyaye asebenze ebusuku, nginqamula ebusuku, abantu baye bengizwele ukuthi hawu yini awusabi yini. Yini okufanele ngiyesabe ngoba uma kuqhamuka ukufa, ngizofa and uma ngifa ngiyazi ngiya ezulwini. Manje yini ezoba inkinga? Manjeke siyambonga uNkulunkulu waseKuphakameni, owasithanda bantwana basezulwini ngothando olujulile, njengoba ngisho ngithi akulutho bantwana basezulwini, nakimi kwafika loluthando eniluzwayo, lwafinyelela kimi ngisezonweni zami, alingidlulanga lwangisindisa nami! Ingakhoke ngithi oh Baba ngiyabonga nangenhliziyo yami sengiyavuma ukuthi uwena uMsindisi.
INkosi ibusise enikuzwile.