Skip to content

KUYASA BASITSHELA UKWALANA KWABO

Uthi ke uShembe uma sithandana sothandwa nguJehova, kanti uma sizondana solahlwa nguJehova!

Isiuhlabelelo 149
 
1.Kuyasa basitshela
Ukwalana kwabo
Kanti kuhle kangaka
UmNazaretha ethandana
Ebambene ngesandla
Babe muntu munye.
 
2.MaNazaretha yibani munye
Nizothandwa nguJehova
Ningahlali nehlukana
Nizolahlwa nguJehova.
Thandanani nibe munye
Nizo thandwa nguJehova.
 
3.Kanti ke banjalo
Abahleli kweliphakade
Banamisa kwanele
Imizuzu nezikhathi
MaNazaretha yibani munye
Nizothandwa nguJehova.
 
4.Yizani ma Nazaretha
Ngenani ngothando
Umuzi sewuvuliwe
Siyomenywa ngabanye
Size siphelele
Ngalo uthando.
 
1.Njengoba lesi sihlabelelo sichaza, inqikithi yesaluleko sikaBabamkhulu ukuthi amaNazaretha ahlale ethandana!
 
2.Uthi ke uShembe uma sithandana sothandwa nguJehova, kanti uma sizondana solahlwa nguJehova!
 
3.Ungathi uShembe wayazi ukuthi emva kwakhe akakho amakholwa ayozondana njengama Nazaretha!
 
4.Ukuthi “Shembe” ke ligama lika Babamkhulu, neNkosi iLanga eyayivame ukumbiza ngalo!
 
5.Kodwa manje yonke inzalo yakwaShembe isiyaye izibize ngo “Shembe” ukuze kuthukwe uBabamkhulu kuyo yonke into abayenzayo ephambene nomthetho kaNkulunkulu!
 
6.Kodwa kubalulekile ukuthi uma kukhulunywa ngoShembe kwazeke ukuthi kuqondiswe kuBabamkhulu, ngoba ligama lakhe lelo!
 
7.Lokhu kusiza ukuthi bonke abantu bakwazi ukwahlukanisa phakathi komholi nomholi wakwa Shembe ngesibongo, noMqaliwendlela!
 
8.AbaNtwana basendlunkulu baningi, kodwa bahlukaniswa ngamagama.
 
9.Awukwazi ukukhuluma ngomNtwana ungambizi ngegama ukuze ahlukaniseke kwabanye abaNtwana.
 
10.Nalapha ke kwaShembe, kufanele uma kuqondiswe kuNyazi, kuthiwe uNyazi, uma ukhuluma ngeMisebe, uthi iMisebe, njalo njalo.
 
11.Ikakhulukazi ngoba ibandla lakwaShembe linabaholi abaningi; ngakho abangalibangi igama lomprofethi ukuthi “uShembe,” okuligama owaliqanjwa nguyisemmkhulu uNhliziyo; ngoba uma bonke bezibiza ngoShembe, badida abantu ngokuzinika abangayikho!
 
12.Maqondana noku thandana kwama Nazaretha, ibandla elino chuku kanye nomholi walo ileli laseKuphakameni!
 
13.Kubalulekile ke ukuthi lama Nazaretha akhuzwe kulomkhuba wokuhlale behlukanisa leli bandla likaMenzi wezulu nomhlaba!
 
14.Angenke ngikhulume ngebandla laseBuhleni ngoba liyibandla elikhulu, futhi umholi walo angikaze ngimuzwe echukuluza elinye ibandla!
 
15.Mina ngiyayisola into neyenziwa ngumholi webandla uma idicilela phansi umsebenzi kaNkulunkulu; njengalokhu esengikuzwa ukuthi kubaholi bakwaShembe sekukhona obeke isithombe sakhe ezihlabelelweni zikaBabamkhu, into engenziwanga ngisho yiNkosi iLanga yize kunezihlabelelo zayo kulencwadi!
Kuyinhlamba ukusuka komuntu okungekho mfundiso kaBabamkhulu oyilandelayo, bese ngokufuna ubukhulu ezofuna ukuzigqamisa ngento ongazi lutho ngokubaluleka kwayo, eqhwage izihlabelelo zomprofethi! This kind of act is highly abhominable!
 
16.Maqondana nokuhlaselwa kwe Nyangayezulu, lokhu kwenziwa ngumholi ofundile nohlale ezenza umuntu ongcwele, kodwa izenzo zakhe zisho okunye!
 
17.Nguye uqobo umholi webandla owavela wahlambalaza uBaba iNyangayezulu emsakazweni, lokhu ekwenza kumuntu omdala nonguyisemkhulu, futhi nongasekho emhlabeni! Umuntu othi ungumholi weBandla uyenza kanjani into enje?
 
18.Kwaze kwasuka ingelosi isithukuthele yathi angimqondise lomfana ngalesi senzo sokuhlasela umkhulu wakhe nongumgcotshwa kaNkulunkulu! Ukuthi uVukile uyakwemukela lokho, asinendaba nalokho, kodwa ingelosi ithi iNyangayezulu ngumprofethi kaJehova!
 
19.Njengamanje sekuqale okunye ukuhlambalaza uBaba iNyangayezulu okuvela ebandleni lase Kuphakameni okwenziwa yindoda-mfino, engikholwa ukuthi isathunywe nguye lomholi, ngoba isenza leyonto eyayenziwa nguye!
 
20.Lesi simo singagcina sidale omkhulu umsindo walama bandla, ngoba akakho umuntu ozovuma kuhlale kuhlanjalazwa umholi wakhe, ongasekho nokwenza!
 
21.Lendoda isaqhuba lento eyayenziwa ilomholi, uVukile, okwagcina ingelosi ithi angingabukeli uBaba iNyangayezulu exhashazwa ilomntwana!
 
22.Njengamanje uBaba iNyangayezulu owahamba emhlabeni ngo 1995 eno 89 years, sekuyiminyaka engu 25 wasishiya emhlabeni, kodwa kune bandla elisa hlalela uku mhlambalaza kuze kube manje!
 
23.Angazi noma ngalokhu kwenza kwabo bacabanga ukuthi lezi zinhlaba zizomkhipha ezulwini yini uBaba iNyangayezulu, noma kumbe ngalezi zihlamba bacabanga ukuthi zizoqeda ibandla laseBuhleni?
 
24.Ingempela Vukile ngalezi zinhlamba ohlale uzibhekiswe kumkhulu wakho ucabanga ukuthi ubukwa ngubani? Usifunelani isiqalekiso njengoyihlo? Manje ngikukhuza njengo Baba wakho!
 
25.Sengicikekile yilezi zinhlaba zaleli bandla laseKuphakameni, ngoba ivangeli lalo ukuhlale kuhlaselwa ngazo zonke izindlela noma imuphi umuntu owaphuma eKuphakameni! Lesi senzo sibonisa inzondo ongayazi ukuthi iyophela uma kwenzenjani?
 
26.Mina manje sengingina 72 years, kodwa anginalo icala lokuphuma eKuphakameni; uma kulicala lokho! Ngoba ngalandela abazali bami!
 
27.Kulesi sikhathi samanje bancane kabi, uma besekhona abantu abangathi baphuma eKuphakameni ngokwabo, ngoba lesi isenzo esenzeka ngo 1977!
 
28.Manje esikhundleni sokuba sixolelane, sibuyise ubuNazaretha noma sesehlukene ngokusonta, ngaso sonke isikhathi kunebandla elihlalela ukutshala inzondo kubuNazaretha!
 
29.Akuqali ngebandla lamaNazaretha ukwehlukana kwebandla. Onke amabandla obuKrestu ahlubuka ku Roman Catholic Church, baze babizwa ngama Protestants. Kodwa konke lokho manje sekwedlula!
 
30.Ibandla iZCC lehlukana, namanje lehlukene, kodwa bonke abalandeli bayathandana! Manje kanti kithi kwakhala nyonini?
 
31.Leli bandla seliqale okunye ukukhuluma okubhekiswe kimi! Lokhu kukhuluma kuthi: “Uma uzwa umuntu ethi ungowase Kuphakameni, kodwa phambi kwakhe ingekho lendlu yaseKuphakameni, (lendlu babeke isithombe sayo), lowo muntu akasiye owaseKuphakameni.”
 
32.Lenkulumo ibhekiswe kimi, ngoba amaNazaretha aseBuhleni akhuluma ngoBuhleni, kodwa yithina ingelosi eyasifundisa ukuthi singakushintshi ukuthi singabaseKuphakameni.
 
33.Manje sesizotshelwa ngama Nazaretha ase Kuphakameni ukuthi asiyibo abaseKuphakameni?
 
34.Angidingi nokuthi ngize ngizivikele kulombhedo, kodwa umbuzo engizibuza wona ukuthi kanti lelibandla laseKuPhakameni liqondeni ngaloluchuku elokhu laqalwa ngumsunguli walo unkosana uLonda?
 
35.Awukaze ukuzwe ukweyisa nokuchwensa okunje! Mina umama wami wathengwa nguBabamkhulu, waba ngumtanake, wakhulela kuye eKuphakameni; okwathi ekuhambeni kwaBabamkhulu, umama wahlala eNkosini iLanga waze wayogana kwaMpanza ephumela eKuphakameni.
 
36.Umama wathengelwa yiNkosi iLanga yonke impahla yokugana, wabanjwa ngesandla yiNkosi iNyangayezulu ekhishwa eKuphakameni eseyogana kwaMpanza.
 
37.Namuhla eKuphakameni akusekithi kanjani? Ngisho ngokosiko, ungathi uma uxabana nomfowenu uBaba wenu engasekho, noma ekhona, uthi ngoba uphuma umuzi, bese kuba nothi ekhaya lakini elikhulu akusekhona kini?
 
38.Umuzi wase Kuphakameni wakhiwa ngabazali bethu; manje sesixoshwa nguVukile kuwo! Siyavelelwa!
 
39.UBaba iNyangayezulu bamthuka ngokuphuma kwakhe eKuphakameni, bethi wathi uBaba iLanga umuzi waseKuphakameni awunakususwa endaweni owakhiwe kuyo!
 
40.Lenkulumo is out of context, ngoba uBaba iLanga wayekhuluma ngokususwa komuzi wase Kuphakameni nguhulumeni!
 
41.INyangayezulu ayikaze ikhulume ngokususwa komuzi wase Kuphakameni; kodwa wathi umuzi wase Buhleni is an extension yomuzi waseKuphakameni, waze wathi “KuseBuhleni boKuphakama.”
 
42.Ngisho ngabe iNyangayezulu yayithe eBuhleni buseKuphakameni, wayengakusho lokho, ethi: “ukuPhakama Okusha”, njengoba likhona neJerusalema Elisha!
 
43.Ngangikhona mina enkonzweni uBaba iLanga ekhononda ngobuncane bendawo yomuzi waseKuphakameni, ngoba ama Nazaretha aqala ukungeneli kulomuzi iNkosi iLanga isekhona!
 
44.Uthi ke uBaba iLanga: “Angazi ukuthi uma lendawo isincane kanje sizokwenze njani? Mhlawumbe uNkulunkulu uzosifunela enye indawo!”
 
45.Ekesithi ke ibandla lase Buhleni libuyela eKuphakameni, practicaly, is it possible ukuthi ibandla lase Buhleni lingakwazi ukuba seKuphakameni? Kungefunwe enye indawo evulekile? Ngabe lokho sekusho ukuqedwa komuzi waseKuphakameni?
 
46.Lelibandla likaVukile Shembe selithi ke umhlaba kumele wazi ukuthi mina angisiye owaseKuphakameni ngoba izinsika zendlu yase Kuphakameni azikho phambi kwami!
 
47.Lokhu kuchwensa nochuku olugqugquzela inzondo yama Nazaretha kuvela kumuntu ongumholi webandla!
 
48.Angiqondi ukuthi lomntwana uBaba iNyangayezulu, njengoba emncane kanga, enguyisemkhulu, wamdlelani? Angazi ukuthi mina ke ufunani kimi?
 
49.Muva nje usecashile, kodwa sekukhona indoda-mfino yase Kuphakameni emelene nokuhlambalaza iNyangayezulu ngamanga aluhlaza, wena ongaziyo ongathi lento lomuntu oyikhulumayo iliqiniso!
 
50.Lamanga alendoda-ndini ngiwafanisa nalamanga alentombazane evela nelumbo lokuthi umntwana wakwa Phindangene wayengesiye owakwa Buthelezi, kodwa wayengowakwa Zulu. Nohide ke lwamanga engingazukulubala lapha.
 
51.Nalendoda ke yaseKuphakameni ithengelwe ukuthi izohlambalaza uBaba iNyangayezulu!
 
52.Lesi senzo singenza ngikholwe ukuthi umoya omubi kankosana uLonda uyabusa kuleli bandla!
 
53.SasiseJudia neNyangayezulu, ngesikhathi ibandla lamaNazaretha lingakehlukani, liholwa yiyo iNyangayezulu!
 
54.Sezwa kuRadio ukuthi eKuPhakameni kufe abantu abanhlanu ngokudutshulwa kubangwa ubuholi. Singazi lutho ngalombango wobuholi!
 
55.Lombiko wafika sihleli naye uBaba iNyangayezulu eJudiya lapho owayenze umhlangano khona!
 
56.Sathola nje kuRadio ukuthi abafile badutshulwe babulawa ngabalandeli benkosana uLonda!
 
57.Sekwenzekile lokho, nabalandeli beNyangayezu, ababengaphezulu kwa 99% webandla, bafuna ukuzoziphindisela kuleli qeqebana eselibulele abantu.
 
58.Kodwa iNyangayezulu yenqaba, yathi uma sike salwa phakathi kwalomuzi, uNkulunkulu uzosishiya kulomuzi.
 
59.Ngaso leso sikhathi iNyangayezulu yaphuma yawushiya umuzi waseKuphakameni yayohlala entabeni emaQadini!
 
60.Manje kulokhu kudubulana osekunezidumbu ezingu 5, lamaqembu amabili ayezohlalisana kanjani emzini owodwa? Into enjalo yayizokwenzeka kanjani?
 
61.Ngiyakhumbula elinye iPhepha libhale ukuthi: SHEMBE’S SELF EXILE!’ besho ngoba iNyangayezulu ishiye umuzi waseKuphakameni yayohlala namaNazaretha entabeni.
 
62.Uma wena wawungumholi ofuna ukuthula, wawuzokwenze njani?
 
63.Manje ngisuswa isenzo sochuku esingakhuzeki kuleli bandla lase Kuphakameni!
 
64.Kunesisho esithi uma ufuna ukuphendula amanga abe liqiniso, ubothatha amanga uwahlanganise neqiniso, bese ulokhu uphindaphinda amanga! Ekugcineni iqiniso lophela, bese kukhula amanga!
 
65.Sekuka ningi ngithola sihlaselwa libandla lase Kuphakameni ngokungenasi dingo, kubonakale ukuthi lamakholwa nomholi wabo banobuqili obuyisi manga bokwakha ilumbo bese belokhu beli phindaphinda ukuze ligcine liyiqiniso!
 
66.Noma uBaba iNyangayezulu wahamba emhlabeni ngo1995, kodwa namanje uthola kunamalunga aseKuphakameni anevangeli lokumhlambalaza, benze sengathi lelibandla limsulwa, kodwa ibandla lama Nazaretha lahlakazwa isonakali somuntu esingachazeki!
 
67.Angidingi ukwenza ucwaningo ngempilo yalomholi wase Kuphakameni, uLonda, ngoba lomholi wangihlukumeza kakhulu!
 
68.Ngangihlala naye unkosana uLonda nonkosana uHlumela eThembalimba eminyakeni yama 60s
 
69.Ngiyazi ukuthi unkosana uLonda wayehlakaniphe cishe kunazo zonke izingane zakwaShembe.
 
70.Kodwa futhi akakho umuntu owayengcole njengo Londa! Angikwazi ukuchaza i-personality yalowa muntu ngaphandle kokuthi wayefana no Trump!
 
71.Ngake ngahlangana nenye intombazane engayilo iNazaretha ethi uLonda wayethandana nodadewabo!
 
72.Lentombazane ithi yayingakaze ihlangane nomuntu who was so arrogant, so haughty, so self-centred and so disdainful njengo uLonda!
 
73.Lomuntu wayengamazi omunye umuntu, angikhulumi ke uma wayesedakiwe!
 
74.Miningi kakhulu imikhuba emibi eyayenziwa ilonkosana, kodwa ngizothinta leyo engiyazi kahle!
 
75.Ngiyakhumbula efika ngeSabatha emini edakiwe, wafika wangena ethepelini kusontwa, wathuka abantu abadala nabashumayeli enkonzweni!
 
76.Emva kwenkonzo abagcotshwa baqulisa umnewethu, umfundisi, icala bethi nguye oze nalesi sichwensi esontweni!
 
77.Kodwa umnewethu wona ngokuhambisana naye ngoba bobabili babeya eThembalimbe, ehamba embambile ngoba wayedakiwe!
 
78.Enye inkosazane yeNkosi iLanga engingenke ngiyisho igama layo, ingixoxela ngemikhuba esabisayo kaLonda, ithi bathi beya enkozweni yesabatha eKuphakameni, unkosana uLonda wabavimba, wathi abaye emhlanganweni ngoba kunodaba okumele balixoxe njengomndeni; bagcina bengayanga enkonzweni.
 
79.Sebesemhlanganweni, kulomhlangano bafica kunomfundisi uKhumalo(Hhayi waseBuhleni.) Uthi ke uLonda sebevumelene nomfundisi uKhumalo ukuthi iNkosi iLanga kumele lelibandla ilihole izinyanga eziyisithupha, ebese ededela nabo balihole, ngoba lelibandla lakhiwe i-Trust!
 
80.Ithi ke lenkosazane: “AmaNazaretha angacabangi ukuthi ukuqhwaga ubuholi baleli bandla uLonda ukuqala kuBaba omncane, wamhlukumeza isimanga noBaba esaphila, ngisho esegula waya kuye emphoqa ethi ufuna i-Will embeka ukuhola ibandla!” Lombiko bawubikelwa uma umaKhoba owayehlala neNkosi iLanga isigula!
 
81.Mina ke imikhuba eminingi eThembalimbe waye yenza phambi kwammi!
 
82.Kwakuthi ntambama athathe umjiva kaBaba iLanga awufake eye ngawo esiguqweni simbuka.
 
83.Esebuya esiguqweni athathe isigqoko seNkosi iLanga asifake nomjiva, athathe isihlalo sikayise asibeke kuvulandi wendlu, bese ehlala kulesi sihlalo, afunde iphepha ebukwa ngabantu bonke, engenendaba namuntu!
 
84.Enye futhi into ethinta unkosana uLonda, njengokuxoxelwa ngabafowabo, ukufa kukaPhakade! Kwakunendodana yeNkosi iLanga nayo eyayihlakaniphe kakhulu! Yafunda yaze yaya phesheya, sengathi yagcina isihlala eSwatini.
 
85.Kwaduma ukuthi uma ihamba iNkosi iLanga lendodana iyona eyohola ibandla, lokhu kwayenzela isitha esikhulu kubafowabo, kodwa yona ingakuboni lokho!
 
86.Kwathi ibuyile ngokuvakasha, abafowabo, phakathi kwabo okwakukhona unkosana uLonda, bayibulala ngokuyishumpula lendodana yeNkosi iLanga! Abafowabo ababekhona bathi ubhongoza wokubulawa kwalendodana yeNkosi iLanga kwakunguye unkosana uLonda!
 
87.Lento yabambi kakhulu eNkosini iLanga! Ngangikhona uBaba iLanga ekhuluma ngayo enkonzweni, wafunda indaba kaKhayini no-Abel. Waphinda zonke iziqalekiso ezakhishwa nguJehova kuKhayini!
 
88.Kodwa kunakho konke, lonkosana abalandeli bakhe abamenza unkulunkulu, wayenobusathane engingazi ukuthi ngingakuchaza ngithini!
 
89.Kodwa kuzo zonke izinto ezimbi engake ngabona zenziwa unkosana uLonda, ngenke ngiyikhohlwe owake wayenza kuBaba iLanga! Ngo 1975 kuya ku1976 efunda e-University of Zululand, nami ngangifunda i-part time kule-University.
 
90.Unkosana uLonda wakhipha ephaketheni uR5, owawuseliphepha, wafinya ngawo maqeda wawutshinga phansi unamafinyila!
 
91.Zambuza izitshudeni ukuthi wenzani? Wabaphendula, echiza so disdainfuly, wathi: “Lento iningi kithi, abantu bahlale bemupha uBaba bencenge ukuphila, bayaphila futhi!”
 
92.Wake wamuzwa umuntu ophilayo ekhuluma into enje ngoyise, ebese lowo muntu ethi wayemthanda uyise?
 
93.Esinye isitshudeni sawuthatha lo R5 onamafinyiyo kaLonda, sawesula amafinyila, sawufaka ephaketheni, kwaqhuma elikhulu uhleko izitshudeni zihleka lesi senzo sendodana kaShembe!
 
94.UMr Nkosi owayefundisa eDlangezwa, sihlala naye, wayethanda kabi ukumlingisa uLonda mhla ehlambalaza uyise kubafundi!
 
95.Kodwa okwaba nzima kakhulu kimi ukuthi uNkosi wayenza mina ihlaya, ethi: “Hawu Mpanza, kanti nipha uShembe imali ngoba nincenge ukuphila? Ugulaphi Mpanza? Bonke bavele bafe yinsini, kwaphendulwa mina ihlaya!
 
96.Kodwa kwaba nzima ekuhambeni emhlabeni kweNkosi iLanga, sekuvela emaphepheni ukuthi unkosana uLonda ubanga ubuholi noBaba iNyangayezulu.
 
97.Bahleka baze babhuquza phansi oMr Nkosi, bethi kimi: “Nawe Mpanza usuzohamba uyokholwa kuLonda ngoba uncenge ukuphila, uyagula yini?
 
98.Njengoba wena ufundile ungavuma kanjani ukwenziwa isilima uLonda?”
 
99.Kwenye intshumayelo ngizwa unkosana uLonda ethi: “Enye into eyayiyongijabulisa, ngangiyojabuliswa nguBaba, ngoba ngangimthanda kakhulu!’
 
100.Lento unkosana uLonda owayenza phambi kwami, enza inhlekisa inkosi iLanga, ungayibiza ngokuthi LUTHANDO LWENDODANA ITHANDA UYISE?
 
102.LAPHA NGIKHULUMA NGENTO EYENZEKA PHAMBI KWAMI, NGENZIWA INHLEKISA NGAYO! THIS IS THE BRUTALLY HONEST TRUTH!!!!!
 
103.Uma uNkosi esaphila, noma uKapueja, ababengothisha eDlangezwa High School besaphila, abavele bangifakazele!
 
104.Noma imuphi oyaziyo lendaba akangifakazele, ngoba leli kwaba lihlaya elagcwala i-University yonke izifundiswa zizwa indodana yenza inhlekisa uyise! Nokwenza iNkosi iLanga!
 
105.Konke lokhu kukholwa nokuthanda iNkosi iLanga kukaLonda ngamanga aluhlaza, uLonda akaze abe ngumuntu!
 
106.USathane unobuqili obuyisimanga, futhi uyabathatha abantu ebuqilini ngobuqili bakhe!
 
107.Namuhla kunamaNazaretha enza unkosana uLonda unkulunkulwana waseKuphakameni, besho bekhuluma into abangayazi ngobulwane balowa muntu!
 
108.Kunomunye ke umhlola ongehlelayo, ngizithola sengihlaselwa ngumfundisi uMhlongo ongaphansi kwaSizwe Shembe, naye othi uyinkosi.
 
109.Angikaze ngimuzwe uSizwe nangeli lodwa ilanga eshumayela, ushunyayelelwa ngumfundisi umhlongo.
 
110.Kodwa selokhu yasungulwa iNCG, uhlale ebhekene nami, ethuma naloMhlongo wakhe ezothi akazongichwensa, ngaphandle kwesici!
 
111.Muva nje umfundisi uMhlongo ungibize ngamaYeyane! Angazi ke ukuthi yini yona leyo, nokuthi ubeqonde ukuthini uma esho kanje kimi!
 
112.Okwanamuhla angizukusho lutho olutheni ngaloSizwe nomfundisi wakhe, ngoba uSizwe wazikhulumela yena eMsakazweni wathi wayeshayela amabhasi, kwafika amaNazaretha athi akazophatha ibandla.
 
113.Kodwa angilazi ivangeli eliphethwe uSizwe ngaphandle kokuhlanyela kimi.
 
114.Uma engakuyeki lokhu kweyisa enomfundisi wakhe, ngizomqondisa, angisiye uwabo mina! Nokunganawudosi kufundela lapha kimi ukutinyela!
 
INkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *