Skip to content

UKHULULWA KANJANI UMUNTU OTHWETSHULWE WENZIWA UMKHOVU

LoNkulunkulu esimkhozayo uyabalanda abantu kubathakathi, iNkosi ibalande ngezingelosi zayo ibase emzini oyingcwele, bafike bagezwe, bahlanganyele nabangcwele!

 

UBaba iLanga eshumayela wathi njalo masithandaza, umuntu nomuntu akacele ukuba uNkulunkulu amkhumbule mhla inyama ihlukana nesidumbu, umoya wakho uye ezulwini. Nengelosi ifike yavuselela lowo mthandazo!

1..Baba ngikuloluhambo
Losizi nezinyembezi
Hamba nami wemhlekazi
Ungangishiyi kulelihlane.
 
2.Ngicabange ngembuke ngibone
Ezimpandeni zosizi lokufa
Lokho kufa makungembuke
Ngiphuze emthonjeni wokuphila.
 
3.Ukwesaba kungembethe
Kepha ngawe mangingesabi
Thela kimi umoya wamandla
Ngiyakwedlula esigodini sosizi.
 
4.Lapho abaningi bemisiwe
Esigodini sosizi lokufa
Belindele umhla wokuphela
Ukukhala nokugedla amazinyo.
 
5.Izindla mafa zonke zimenyiwe
Ziyongena ngokusina emasangweni
Makabongwe uJehova
iNkosi enamandla onke.
UKHULULWA KANJANI UMUNTU OTHWETSHULWE WENZIWA UMKHOVU.
 
1.Ngaphambi kokuba singene kulesi sihloko, ngifisa ukuqondisa leli lumbo engike ngalibona ku Tick tack elithi uBabamkhulu wahlubuka ebandleni le Apolistolic Faith Mission! UShembe akaze azihlanganise ne Apostolic Faith Mission!
 
2.Ngokomlando uShembe wahlangana noJehova eluse izimvu zomlungu eNtabazwe eneminyaka elishumi nambili.
 
3.UNkulunkulu wafika kuye engakholwe ndawo, engakaze ahlangane namaKrestu futhi engakaze alibone iBhayibheli.
 
4.Esentabeni kwavele kwashaya umbani phambi kwakhe, wabe esezwa izwi lithi: “Guqa, ngoba umi phambi kweNkosi yakho!”
 
5.UNkulunkulu waqala wafundisa uShembe ukuthandaza. Esekwazi ukuthandaza, wabe esemthuma ebandleni lamaWeseli ukuba athole khona iBhayibheli.
 
6.Efika emzini wamaWeseli, wachaza ukuthi uthunywe nguNkulunkulu ukuthi bamnike iBhayibheli.
 
7.Bamnika, bathi akalifunde, walifunda, kanti wayengakaze afunde! AmaWeseli athatheka yilomfana othi uthunywe nguNkulunkulu, futhi ukwazi ukufunda iBhayibheli engakaze aye esikoleni.
 
8.Base bemthatha beya naye enkonzweni yamaWeseli, bamethula kumfundisi owabe engumlungu, bamchazela konke ngalomfana abafika naye.
 
9.Ngelinye ilanga umfundisi wabe esethi akaphathe inkonzo. Wasukuma ngeculo elithi “Wahazulwa ngenxa yami.” Ngaso leso sikhathi kwavuka amadimoni endlini, abantu bakhala, babaleka bashiya inkonzo!
 
10.AmaWeseli amthanda kakhulu uShembe, kodwa umfundisi womlungu wabona ukuthi ukugcina lomfana lapha, kuzohlakaza ibandla lakhe.
 
11.Umfundisi wabe esethi uShembe akangabe eseza enkonzweni, kodwa ahambe aye ezintabeni eyoshumayela amaqaba, ngoba laba abasenkonzweni sebevele baphendukile bakhetha uJesu!
 
12.Kodwa wagcina ngalolo lusuku uShembe ukuza enkonzweni, wabuyela kuyimpilo yakubo yamabhinca!
 
13.Wakhula, waganwa ngamakhosikazi amathathu. Kodwa kwathi esanda kugcagcelwa yinkosikazi yesine, wabuya futhi uJehova; wamlahlisa wonke umndeni wakhe, kuhlanganisa wonke amakhosikazi akhe amane nezingane zakhe kanye nonina!
 
14.Wabuyela ebandleni lamaWeseli, wahamba eshumayela ephilisa eprofetha enoDodana laseWeseli.
 
15.Izwi lase lifika lithi akabhajadiswe ngokucwiliswa emanzini. Athi amaWeseli akakwenzi lokho. Izwi lase lithi akayofuna ibandla elibhabhadisa emanzini.
Wathola iNative Baptist Church, wabhajadiswa ngumfundisi uLeshega ngo 1906.
 
16.EseseNative Baptist Church, ngo 1910 izwi lathi akaye eMpumalanga, wabe esesuka ngesitimela eNtabazwe wafika eThekwini mhla ka 10 March 1910.
 
17.Efika eThekwini washumayela waba nabalandeli abaningi. Laba balandeli wayebanika amabandla ezimishini aseduze kwakhe, ngoba yena wayengenabandla.
 
18.Kodwa izimishini zabe sezibenqaba abantu abaphendulwe nguShembe, bethi uShembe zonke lezi zimanga uzenza ngesalamuzi.
 
19.Laba balandeli bakhe uShembe wababiza ngamaNazaretha, bemlandela nomaphi lapho eya khona.
 
20.UShembe waze wahamba emhlabeni engakaze eqambe bandla, ngaphandle kokubiza abalandeli bakhe ngokuthi ngamaNazaretha owabe ebasontisa ngaphansi kwezihlahla, ngoba lelibandla uhuumeni engalemukeli!
 
21.Kuyi Will eneTrust, le Trust ibizwa ngokuthi Nazareth Ecclesitical Endowment Trust, okuyigama nje elavela nommeli uShepstone.
22.Kuthe sekuhola iNkosi iLanga, yazama ukuliregister lelibandla, kodwa uhulumeni wenqaba.
 
23.Lelibandla laze la registwa ngokuthi i-Nazareth Baptist Church yiNkosi iNyangayezulu ngokulekelelwa uBishop Mokoena owabe engu Chairman we South African Council of Churches!
 
24.Manje ke angazi ukuthi kuvelaphi ukuthi uShembe wake waba i-Apostolic Faith Mission! Imina engenza ucwaningo ngawo wonke umlando womprofethi! UShembe akaze ahlangane ne Apostolic Faith Mission!
 
25.Besikhuluma ngokuthi 
UKHULULWA KANJANI UMUNTU OTHWETSHULWE WENZIWA UMKHOVU.
 
26.Esikhathini esiningi bengingakholwa ukuthi kuyenzeka ukuthi umuntu esefile wangcwatshwa, kungenzeka ukuthi ambululwe, avuswe enziwe umkhovu.
 
27.Kodwa sekunobufakazi obuningi obushoyo ukuthi lento iyenzeka.
28.Ekuhlaleni kwethu nengelosi sifunde izinto eziningi engangingazikholwa.
 
29.Uthi ke lomuntu wasezulwini, kuncane lokho, manje abanye abathakathi abasazihluphi ngokomba ithuna, kodwa isidumbu basithwebula sisekhaya emlindelweni. Niyothi nosincwaba isidumbu, kube kade sithwetshulwe!
 
29.Ithi ke ingelosi, yinye indlela engakwenza ube nesiqiniseko sokuthi isidumbu asithwetshulwanga, ukuthi uma usufile usiwe ngokushesha emakhazeni.
 
30.Uma isidumbu sisuka emakhazeni sishiswe, umlotha waso ufakwe emfuleni noma olwandle.
 
31.Kothi kwenziwa imilindelo, nokunye, kodwa isidumbu sibe sesishisiwe! Asikho ke isidumbu okungathi sishisiwe sithwebuleke!
Ingelosi yabe isikuncoma ukuthi amalungu e-NCG ekuthande ukuthi ekufeni bashiswe!
 
32.UShembe eseGospel ngo 1927, kokunye wakhuluma lamazwi:
 
33.“Uma ngabe abantu babazi, babezobuthana kanye nathi eKuphakameni; sikhalele abasekufeni, ngoba basosizini.
 
34.Sasizonxusa ukuba bagezwe, bathethelelwe izono zabo, bangene eMzini oyingcwele.
 
35.Namuhla yilowo nalowo akanxusele uyise nonina kuNkulunkulu ukuba bakhunjulwe ekudingisweni, babuyiselwe e Eden elinguMoya wakhe, ethembeni elisha.
 
36.Akukho okunye eningaba siza ngakho nina zizukulwane zabo, ngaphandle koku cela ukuba bahlanzwe, ba thethelelwe, bangeniswe emzini oyingcwele. Amen!”
 
37.Lentshumayelo kaBabamkhulu ikubeka ngokusobala ukuthi ekufeni ziningi izinkinga esihlangana nazo.
 
38.Ngaphandle kokwahlulelwa ngamacala esiwenzile, kunengozi yokuthi ekufeni sithwetshulwe sibe imikhovu yabathakathi.
 
39.Lesi simo asikhethi, nomfundisi esefile uyathwebuleka, ekugcineni ebe ngumkhovu womthakathi, uyathanda akathandi!
 
40.Nami anginalwazi lokuthi yenzeka kanjani lento, kodwa ngokuhlala nengelosi, sengiyazi ukuthi ikhona!
 
41.Lapha ngikhethe indaba yentombazana engezwa ichaza indaba kagogo wayo othakatha ngokuthwebula abantu, Lentombazane iyiqala kanje lendaba:
 
42.“Nginemfihlo futhi iyangidla, sekuyisikhathi lento ngiyibuka ekhaya, okushuthi ugogo wami, wathwebula umalume kamngani wami wamenza umkhovu.
 
43.Ekhaya thina sikhule sizingane nje ezihlakaniphile, thina esikoleni ugogo uma siyobhala, kukhona ipeni ebekunika lona, uma usubhala.
 
44.Uzolibamba nje ipeni, umkhovu kagogo nathi phela sesiyayazi, kukhona lento ekubhalelayo, wena uzolokhu unyakazisile ipeni, kodwa nje iyakubhalela. Besiphasa nje.
 
45.Besingekho nje isidingo sokufunda, thina ama exam besiwaphasa kahle, futhi ugogo ubengayifuni ingane ehlakaniphe yedlula ezakhe, ubengayifuni ugogo, ubesheshe aqede ngokushesha ngayo!
 
46.Ugogo manje angithi usekhulile, iminyaka isithe ukuhamba manje, uma enza lo msebenzi wakhe, uye asibize, asho ukuthi ngifuna nibone layikhaya ukuthi siphila ngani. Njengoba nibona ninayo yonke into, niphila kamnandi.
 
47.Wasikhombisake ukuthi nithi nina lezi zingadi ezingaka zilinywa ubani? Nithi igceke layikhaya njengoba hlezi lilihle, ubani o-clean leligceke leli?
48.Nathi sesiyaqala siyazibuza sizingane, hawu yazi ugogo uqinisile, asikaze sibone muntu e-clean layikhaya noma enzani, kodwa izitsha uzozifica zi-clean, yonke into i-clean!
49.Ilaphoke ugogo owavulake kulendlu yakhe, wasikhombisa ukuthi ‘nazike izingane zami ezingisebenzelayo layikhaya.’
 
50.Uma ngizibuka, laba bantu ngiyabona ukuthi Ok, bakhona laba bantu engibaziyo basendaweni, okwaziwa ukuthi bangcwatshwa.
 
51.Kodwa uma sengibuka, into eyasuke yabuhlungu kakhulu uma sengibona umalume kamngani wami, ngoba umalume kamngani wami nami bengi-close naye, ubesithatha njengabashana, esipha imali, kumalume nje olungile.
 
52.Manje sengibuka ukuthi hawu ugogo usengaze athathe nomalume amenze umkhovu pho?
 
53.Umalume uyambona ukuthi uyangibona, kodwa akakwazi ukukhuluma, ngoba ugogo angithi usebanqamule ulimi ukuze bengakwazi ukukhuluma.
 
55.Manje njengoba emnqamule ulimi, uyambona ukuthi njalo uma ebona mina, uyangibona athule, angibuke, manje kushuthi ngiyazibuza ukuthi noma usuke ezama ukuthi ‘ikhona indlela ongangisiza ngayo ungiphunyule kulenkinga engikuyona, angazi.’
 
56.Kodwa nje manje inhliziyo yami ivele ibe buhlungu, manje sengiyacabanga ukuthi, ake ngizame ukuthi mhlawumpe ngitshele umngani wami.
 
57.Mhlawumpe naye engazama indlela esingakwazi ukuthi simsize ngayo, ngoba uma singakwazi sisize, mhlawumbe kungakwazi ukusizakala laba abanye.
 
58.Ngoba abantu bazi ukuthi abantu basemakubo babangcwaba, kodwa thina ekhaya siyababona besebenza.”
 
59.Ngangikhona umalume nje wangcwatshwa, kwase kuthike, ngoba ugogo sesiyambuzake, ‘gogo kwenzeka kanjani umalume simbone engcwatshiwe kodwa sesimbona ela egcekeni lakho? Kodwa ubadedela ebusuku!
 
60.Wathi ugogo: “Lalelanike, kufanele nazi ukuthi layikhaya yinto esiyenzayo, uma umuntu eshonile, siyahamba ngalelilanga ekade engcwatshwa ngalo, siyomumba, siphinde sivale, sishiye kanjalo, siyamthathake siyomsebenzisa, siyamvusa thina…”
 
61.Wenzenjalo nje, uhamba ayomgubha, and wenza sure ukuthi ugogo uma kushoniwe, uthatha omalume bami laba, nobhuti bami, ibona abasuke bemba laphana emathuneni.
 
62.Inkinga izoba sekutheni umngani wami uzoyithatha kahle yini lento, ukuthi sengizomvusela amanxeba ngoba bona bazi ukuthi lo muntu akasekho.
 
63.Uma mina ngithi uyaphila kithi, naye ngicabanga ukuthi uzoba nokudideka, ukuthi kanjani lo muntu kuthiwa washona kodwa yena kuthiwa uyamubona.
 
64.Mhlawumpe naye ila azobona khona ukuthi kubo komngani vele kuyathakathwa!
 
65.Angiboni ukuthi uzobuye angethembe ngoba uyabona mangiqala ngikhipha lento, kuzobe sekudaluleka nezinto eziningi.
 
66.Nomphakathi nje endaweni 
bazobe sebebona ukuthi kufanele kulomuzi kwenzeke lezi zinto, ukuthi ingoba vele kuyathakathwa kulowamuzi!
 
67.Uma ethi umngani wami ukhumbule umalume akubi mnandi., kodwa ugogo uyambona ukuthi akanankinga anayo, uyazijabulela.
 
68.Uze asho naye athi ‘awubuke usibanibani ulokhu engicefezela ethi ukhumbule ubani, esho umkhovu wami, manje ucabanga ukuthi mina angimbuyisele umkhovu wami?’
 
69.Manje uyambona ukuthi ugogo uyayiphila lempilo, iphila kuye, uyayiphila akana nkinga nje.
 
70.Kushuthi thina uma kufa ugogo, ubani ozoqhubeka nalento kagogo, ngoba enye into esesize sayinaka ukuthi siyafunda sifike ku grade 12.
 
71.Kodwa isidingo sase varsity asikho, ugogo ukubuza ukuthi layikhaya ayikho into engekho, uyofundela ini, uyofundela ukuthi ube nemali le ekhona layikhaya?
 
72.Manje sesiyayibona lento ukuthi njengoba sikhula ukuthi oh ugogo usigcinele ukuthi sizoqhubeka nalento yakhe!Amen!”
 
73.Ekuqaleni ngangizibuza ukuthi kungenzeka kanjani ukuthi umuntu angafa, kuthi esefile bese evuswa ngumuntu amenze umkhovu wakhe?
 
74.Ngaba nemibuzo engingakwazi ukuyiphendula, njengoba namanje iseminingi engaphenduleki kimi.
 
75.Kodwa iqiniso ukuthi umuntu uyafa, simncwabe, kodwa esencwatshiwe bese abathakathi bembulula, bamenze aphile, basebenze ngaye njengomkhovu yabo!
 
76.Lendaba yalentombazane ngiyithathe ngoba inobufakazi obuvela kumnikazi wayo!
 
77.Noma lentombazane ingasho ukuthi iyona biyenza lomkhuba, kodwa ugogo wayo ubafundisile, bayayazi ukuthi yenziwa kanjani!
 
78.Kodwa isizathu esenze ngifune ukuchaza lento, kungukuthi namanje kukhona abantu abangayikholwa, noma kunjalo, kodwa kunabantu abasosizini, hhayi ngenxa yezono zabo, kodwa ngenxa yabathakathi abagqilaza imiphefumulo yabo, ukuthi kuze kube nini, kwazi uNkulunkulu!
 
79.Ingelosi yasichazela okukhulu kunalokhu! Njengoba sengichazile, ithi ingelosi ukumbulula abantu emathuneni yisidala, kodwa manje abathakathi bathwebula isidumbu sisemakhazeni, noma sisekhaya kuzosa songcwatshwa!
 
80.Ngenkathi nina nithi nongcwaba umuntu, kanti senongcwaba isithunzi sakhe, yena abathakathi sebemthathile! Abathakathi bakwazi ukwenza noma yini ngemithi yabo, yenzeke!
 
81.Nginenkinga ukuthi ngabe abathakathi bavusa umuntu oyisidumbu, bese bemenza umkhovu? Uma kungumoya wakhe, bawunquma kanjani umoya ulimi?
 
82.Ithi ke ingelosi alukho usizi olunzima njengokuthi usufile umthakathi akuthwebule, bese eyokwenza umkhovu wakhe, ngoba ayikho into ongayenza uma usuthwetshuliwe!
83.Lomuntu wasezulwini uthi imizi eminingi iqedwa imindeni yayo esithwetshuliwe, ngoba uma usungumkhovu, umthakathi uthuma wena ukuba uyothakatha emzini wakho, ufike ubulale abantwana bakho, kumbe abazukulu bakho, ayikho into ongayenza!
 
84.Okokuqala ubunzimama obuthwala wena uma usungumkhovu, ngoba ziningi izinto umthakathi ozenza kuwe uma esekufuyile!
 
85.Umthakathi uyaye akunqume ulimi ukuze ungakwazi ukukhuluma, ngisho ngabe kwenzekile wakwazi ukuphunyuka, kodwa ngenke ukwazi ukukhuluma!
86.Usizi lwesibili ukuba kube nguwe umthakathi othakatha ngawe ukuqeda umndeni wakho!
 
87.Ingelosi yayisitshela ukuthi asazi lutho ngezinto ezenziwa ngabathakathi kumuntu osefile, futhi zenzeke!
 
88.Inkinga ukuthi umthakathi uyakwazi ukuthwebula umzalwane, ukuthwebula umfundisi, nokuthwebula umnazaretha amenze umkhovu wakhe!
 
89.Kwenzeka kanjani lokho? Bonke abantu abasontayo bazishaya isifuba bathi bakholiwe uma besaphila, kanti ngokwenza bakude noNkulunkulu!
 
90.Abanye basuke bengabafundisi bephethe amabandla amakhulu, kanti ngenxa yemisebenzi yabo abaziwa ezulwini.
 
91.Ekufeni kwabo kutholakale ukuthi bahlwithwa yinoma isiphi isitha, baduke, ngoba ayikho ingelosi ehamba nabo!
 
92.Bebengamakholwa ngomlomo, kodwa bekude noNkulunkulu ngezenzo, bese omubi uyabafumana ekufeni kwabo!
 
93.Sengisho kaningi ukuthi uShembe wasifundisa ukukholwa ngokuhamba ngezimiso zikaJehova, nengelosi yafike yagcizelela lokho!
 
94.Uma ungakwenzi lokho, ubokwazi ukuthi uwedwa ngosuku lomhla wokuphela, ngoba uNkulunkulu uma ufuna ukuba abe seduze kwakho, ubomkhonza ngokuhamba ngokwezimemezelo zezwi lakhe!
 
95.Thina maNazaretha kaNkulunkulu ziningi izindlela esifundiswe ukuba sihambe ngazo ukuze sivike ekufweni kwethu ukuhlwithwa ngomubi!
 
96.Kodwa okwanamuhla ngizokhuluma ngento engasiza lentombazana enogogo othakatha kanye nabanye abakulolusizi!
 
97.Angikwazi mina ngokwami ukusiza umuntu okulolusizi, kodwa nginethemba lokuthi uma ngibikela uNkulunkulu ngendlela ingelosi esifundise ngayo, baningi abangasizakala!
 
98.LoNkulunkulu esimkhozayo uyabalanda abantu kubathakathi, iNkosi ibalande ngezingelosi zayo ibase emzini oyingcwele, bafike bagezwe, bahlanganyele nabangcwele!
 
99.UBaba iLanga eshumayela wathi njalo masithandaza, umuntu nomuntu akacele ukuba uNkulunkulu amkhumbule mhla inyama ihlukana nesidumbu, umoya wakho uye ezulwini. Nengelosi ifike yavuselela lowo mthandazo!
 
100.Ayikho into enzima njengokufike ukholwe, kodwa ekugcineni ungahlangani nabangcwele okade uphila nabo!
 
101.Ziningi ke izizathu ezenza lokho, njengoba nezwi lisho ukuthi ukungena ezulwini kuyinhlanhla!
 
102.Kuyenzeka ukuthi kuthi ukholiwe ushayiswe yimoto, ubulawe ngokugwazwa noma ngokudutshulwa, noma ngoku thakathwa, ufe ungaze wavikeleka!
 
103.Ngakho ke awukwazi ukuba nesiqiniseko sokuthi ekufeni, ngoba ukholiwe, uzongena ezulwini.
 
104.Yikho ke ingelosi yasifundisa ukuthi asifune ingelosi ezohlalela ukukubheka umphefumulo wakho ekufeni kwakho, umphefumulo wakho ungazuzwa ngomubi, uduke ungayi ezulwini.
 
105.Lengelosi ohlale uyinikelela, mhla umphefumulo wakho wehlukana nesidumbu, iyakuthatha iqonde nawe ezulwini. Umuntu osesimweni sokuthwetshulwa umphefumulo wakhe ungalandwa nguNkulunkulu kuphela!
 
106.Ithi ke ingelosi, uma ungumuntu okholiwe, kodwa ufuna umndeni wakini unganqotshwa ngabathakathi, uyaku bhajadiselwa lokho, ekubhajadisweni kwakho usho ukuthi ubhajadiselwa wonke umndeni wakho ongasekho.
 
107.Ngenkathi ubhajadiselwa umndeni wakho, ezulwini kukhishwa ingelosi ezohamba iqoqa umndeni wakho nomaphi lapho ukhona, iwungenise emzini oyingcwele!
 
108.Noma ngabe umndeni wakho usuthunjwe ngabathakathi, lengelosi iyowulanda noma ngabe ukuphi, iwungenise ezulwini.
108.Kodwa okwamanje sikhuluma ngesimo esifana nalesi lentombazane ebhekene naso, ukuthi laba bantu abenziwe ngugogo wayo imikhovu, lentombazane ibakhulula kanjani?
 
109.Lentombazana uma ingaxhumana nama Nazaretha kaNkulunkulu, singabuza engelosini ukuthi isimo esinje singaxazululwa kanjani ngaphandle kokuthi lentombazane izifake enkingeni yokuhlaselwa ngugogo wayo?
 
110.Uthi ke uShembe: “Uma ngabe abantu babazi, babezobuthana kanye nathi eKuphakameni; sikhalele abasekufeni, ngoba basosizini.
 
111.Sasizonxusa kuNkulunkulu ukuba bagezwe, bathethelelwe izono zabo, bangene eMzini oyingcwele.”
 
112.Ukuvuselela imfundiso yomprofethi, ingelosi ithi bonke imimoya yabo edukile, ingafunwa ngabasaphila ngokubabika kuJehova ngokubanikelela.
 
113.UJehova angabakhipha nakulolu sizi uma abaphilayo bebacelela kuJehova, uJehova uzobafuna, agcine ngokubalanda kulolusizi abakulo lokufuwa ngabanye abantu!
 
114.Nalentombazane, uma inesifiso sokuyikhulula lemikhovu ekubo, akafike e-NCG ezothola iseluleko esizosiza laba bantu abenziwe imikhovu, sibuye sisize yena!
 
INkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *