Iningi lamaphupho nezibonakaliso alethwa imimoya ngenhloso yokuthi ulandele noma ugcine lokho okushiwo iphupho.
Ngaleyondlela nomubi uyawasebezisa kakhulu amaphupho nezibonakaliso ukususa abantu kuNkulunkulu ukuze bakhonze yena
1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi, “Inkinga yemimoya enkolweni.”
2.Incwadi kaJobe 1:6-7:
“Kwathi ngelinye ilanga kwafika amadodana kaNkulunkulu ama phambi kukaJehova, kwafika noSathane phakathi kwawo.
3.UJehova wayesethi kuSathane, “uvelaphi na?” USathane wamphendula uJehova wathi, “ekuzuleni emhlabeni nasekuhambeni kuwo.”
4.Imimoya singayihlukanisa izigaba ezimbili; kukhona uMoya kaNkulunkulu, bese kuba khona eminye imimoya, okungaba umoya kaSathane, imimoya yabantu abafile, njalo njalo.
5.UMoya kaNkulunkulu uvama ukumelwa izingelosi ngoba uNkulunkulu akaqondakali. Izingelosi izidalwa eziyimimoya eyizikhonzi zikaJehova; ziyizisebenzi zikaNkulunkulu.
6.Ziningi ke izinkolelo zabantu ngezingelosi; esingazukuzibala lapha.
7.Sekuyiminyaka engaphezu kweyishumi nantathu sihleli nengelosi; angazi-ke ukuthi kwenzeka kanjani lokho.
8.Ziningi-ke nezimpikiswano ezivela kubantu ngalengelosi. Abanye bathi akekho umuntu ongahlala nengelosi aphile; abanye bathi ayikho ingelosi yomuntu wesifazane.
9.Nami angikaze ngizwe ukuthi kukhona umuntu noma abantu abangahlala nengelosi ngendlela eyenzeka kithi.
10.Nokho ukuphikisana ngamagama ezingelosi akunamqondo ngoba izingelosi eziningi eBhayibhelini azinamagama.
11.Angazi lutho olutheni ngobulili bezingelosi, ngoba imimoya uma ivela kumuntu ithatha noma yisiphi isimo.
12.Ingelosi cishe ngokwemvelo yayo inamaphiko, kodwa uma ivela kubantu iyaye ifane nabo.
13.Kunezinto abantu okumele baziqonde ngesimo semimoya, noma leyo mimoya iyizingelosi, kumbe ingamadimoni.
14.Imimoya iyacabanga, inokuhlakanipha okungaphezu kokwabantu, namandla angaphezu kwamandla ethu.
15.Imimoya inezimo kumbe ama-“personalities” ahlukene; nendlela imimoya eziphatha ngayo iyahlukahlukana njengakubantu.
16.Imimoya inesimo sokuba kuyo yonke indawo ngesikhathi esisodwa, ukuba “omnipresent” kanye nokuthatha noma yisiphi isimo ofuna ukuvela kumuntu uyiso, ukuba “shape-shifting.”
17.Ukuhlubuka kwezingelosi kuJehova akugcinanga ngesikhathi sika-Lucifer. Uthi uHlaleleni izingelosi, njengabantu, zihlale zimhlubuka uNkulunkulu ngokwenza kwazo, futhi zihlale zixoshwa eZulwini.
18.Uma lezi zingelosi sezixoshiwe eZulwini ziba izingelosi zomubi, amadimoni; zibe izitha zikaNkulunkulu.
19.Uma sezinjalo-ke zehlela emhlabeni sezingamadimoni, bese ziba izithuywa zikaSathane ezisebenza ngabantu ukuphikisa noma yini efunwa nguNkulunkulu.
20.Lokhu kusifundisa ukuthi idimoni nengelosi into eyodwa, kodwa umehluko ukuthi ingelosi iyisidalwa esikhonza uNkulunkulu, idimoni isidalwa esihlubuke uNkulunkulu sakhonza uSathane.
21.Isimo esiyingozi kakhulu ezingelosini zomubi ilesi esenza ikwazi ukuthatha noma yisiphi isimo, “ishape-shifting.”
22.Lesi simo senza ukuthi umuntu osenyameni angakwazi ukwahlukanisa phakathi kwengelosi yobumnyama nengelosi yokukhanya, ngoba ingelosi yobumnyama iyakwazi ukuza kuwe isesimweni sengelosi yokukhanya, bese ikwenza wamukele konke ekushoyo; kokunye uthatheke kakhulu, ungaze wabona ukuthi nawe usuyinceku yomubi!
23.Njengoba sengike ngasho, angikaze ngizwe ukuthi kuyenzeka ukuthi ingelosi iyehlela emhlabeni ifike ihole iBandla, ifundise abantu ngenkolo njengokwenza kwalengelosi ehlale ifika kithi.
24.Nokho isimo esicishe sibe njalo siyafunda ngaso ku-Eksodusi 23:20-23 ukuthi senzeka kwa-Israel.
25.Lengelosi ifike isifundise ngoNkulunkulu onguMdali weZulu nomhlaba, eBhayibhelini obizwa ngokuthi nguJehova.
26.Zonke izimfundiso zengelosi zisuselwa eBhayibhelini njengencwadi esemthethweni, enkolweni kaJehova.
27.Nokho ingelosi akukho ncwadi eyiphatha ngesandla, ngoba yonke imibhalo isesandleni sayo.
28.Incwadi yesibili ingelosi evama ukucaphuna kuyo uma ifundisa ngenkolo Izihlabelelo zamaNazaretha. Lena yincwadi equkethe imibhedesho namahubo oMprofethi u-Isaya Shembe.
29.Ukuba nemfundiso yalomuntu waseZulwini kukwenza uqonde inkolo ngendlela ehlukile kuleyo amakholwa inkolo ayibuka ngayo; angaba ngamaNazaretha, noma amakholwa akwezinye izinkolo!
30.Ukunikeza isibonelo: Imfundiso enkulu yenkolo yabezizwe ukufundisa ukukhonza nokudumisa uJesu Krestu; abanye bathi uJesu uNkulunkulu.
31.Kanjalo nakumaNazaretha, kunemfundiso yokuthi uShembe uNkulunkulu; kumele sikhonze uShembe njengoNkulunkulu wethu. Kodwa ingelosi imfundiso yayo ayihambi kanjalo.
32.Imfundiso enkulu yengelosi ukuthi asikholwe, sidumise uJehova njengokwenza kukaYeshua; bese ikunikeza izibonelo zokuthi uYeshua wayemkhonza kanjani uNkulunkulu.
33.Ngamanye amazwi ingelosi ichaza izimfundiso zikaYeshua njenge “authority” noma indlela esemthethweni neyamukelekile eZulwini yokuthi uNkulunkulu kumele simkhonze kanjani.
34.Kanjalo futhi nakumaNazaretha, ingelosi ifundisa ukuthi asikholwe sidumise uJehova njengokwenza kukaShembe; ikunikeze izibonelo zokuthi uShembe wayemkhonza futhi ewafundisa kanjani amaNazaretha ukuthi kumele amkhonze kanjani uJehova.
35.IBhayibheli nesiHlabelelo samaNazaretha kuba yizincwadi isikhathi esiningi ingelosi ezisebenzisayo ukubonisa lokhu.
36.Ngamanye amazwi uShembe ingelosi imchaza njenge “authority” ekuqondiseni ukuthi uJehova kumele simkhonze kanjani.
37.KuMathewu 6:9-10 kuthi: “Ngakho-ke anokhuleka kanje nithi: ‘Baba wethu oseZulwini malingcweliswe igama lakho, mawufike umbuso wakho, mayenziwe intando yakho emhlabeni njengaseZulwini.’
38.Ingelosi ingesusela kulamavesi ukuchaza ukuthi uYeshua wayefundisa kanjani ukuthi abantu basemhlabeni abadumise uNulunkulu ngendlela efanayo naleyo uNkulunkulu odunyiswa ngayo eZulwini.
39.NjengeNxusa laseZulwini ingelosi ihlale igcizelela imfundiso kaYeshua yokuthi asikhonze uSomandla ngendlela efanayo naleyo abangcwele abasezulwini abamkhonza ngayo uNkulunkulu!
40.Esihlabelelweni samaNazaretha 119:4 uMprofethi u-Isaya Shembe uthi, “Alikho nelinye igama esingasinda ngalo; kuphela igama likaJehova esingasinda ngalo.”
41.Ingelosi ithatha lamazwi oMprofethi ikufundise ngawo ukuthi uShembe wayemethemba kanjani uJehova, futhi efundisa abantu ukuthi abamethembe kanjani uSomandla nasekuphiliseni.
42.Kumele abantu abangamakholwa baphilise ngegama likaJehova, bengasho ukuthi kukhona ukuphilisa okuvela kubo.
43.Uma-ke unemfundiso yalomuntu waseZulwini, indlela obuka ngayo ubuNazaretha nezinye izinkolo iyaye iphambane neyalamakholwa, ngoba lemfundiso ibuka ubuKrestu nobuNazaretha njengenkolo eyodwa; nokuthi uYeshua noShembe bayizithunywa zaseZulwini ezize emhlabeni ukuzoxhumanisa inkolo yasemhlabeni neyaseZulwini.
44.Amanye amakholwa aba nemfundiso yokuthi inkolo ingaphansi kwamasiko abantu; kepha njengokusho kukaYeshua kuMathewu 15:1-9, ingelosi ifundisa ukuthi inkolo ingaphansi komthetho kaNkulunkulu, okulusiko lwaseZulwini!
45.Amasiko abantu avumelekile emakholweni yilawo angashayisani nenkolo. Imfundiso ethi usiko lwabantu lungaphezu kwenkolo luphambana nemfundiso kaYeshua ethi intando kaNkulunkulu ayenziwe emhlabeni njengoba yenziwa eZulwini, hayi ukuthi ayenziwe eZulwini njengoba yenziwa emhlabeni.
46.Ukuqonda izimiso noma ama-basic principles enkolo kaJehova kukwenza ukwazi ukwahlukanisa phakathi kwezithunywa ezivela kuJehova nezithunywa ezivela kwabanye onkulunkulu.
47.Isibonelo: Isithunywa esivela kuJehova sifundisa ngemiyalo kaJehova, kepha isithunywa esivela kwabanye onkulunkulu sibonakala ngokuphikisa noma ukujivaza imiyalo kaNkulunkulu ebekelwe ukuthi ngayo sidumise uJehova.
48.Uthi uYeshua ukuthi unguMprofethi wamanga noma qha sokwazi ngezithelo zakho.
49.Ngaleyo Ndlela ke noma isithunywa sabanye onkulunkulu singathatha isimo sengelosi ukuze sibukeke singesaseZulwini, kodwa sodalulwa imisebenzi yaso!
50.Ingozi enkulu enkolweni ukusebenzisa isilinganiso noma “ibenchmark” yokukholwa ngokubuka izimangaliso ezenziwa imimoya.
51.Imimoya eminingi inamandla okwenza noma isiphi isimangaliso emehlweni omuntu esingenziwa nguNkulunkulu.
52.La mandla iwasebenzisa ukuzenza kube sengathi inguMoya kaNkulunkulu.
53.Ngaleyo ndlela-ke awukwazi ngesimangaliso sokuphilisa ukwehlukanisa phakathi kwesithunywa sikaNkulunkulu nesithunywa sikaSathane!
54.Uma umoya noma umuntu owembethwe ngumoya othize eqhamuka nezimangaliso zokuphilisa, kodwa lezi zimangaliso ziphikisana nenqubo yokukholwa efunwa nguJehova, lowo moya noma lowo muntu akahlangene noNkulunkulu.
55.Kuvamisile ukuthi abantu bangicele ukuthi ngibachazele amaphupho noma izibonakaliso zabo.
56.Isikhathi esiningi ngiyaye ngithi angikwazi ukuchaza amaphupho; futhi ngisuke ngiqinisile!
57.Baningi abantu abembethwe ukuhlupheka ngenxa yokukholelwa emaphusheni nasezibonakalisweni.
58.Iningi lamaphupho nezibonakaliso alethwa imimoya ngenhloso yokuthi ulandele noma ugcine lokho okushiwo iphupho.
59.Ngaleyondlela nomubi uyawasebezisa kakhulu amaphupho nezibonakaliso ukususa abantu kuNkulunkulu ukuze bakhonze yena. Ukunika isibonelo, ku-Eksodusi 22:20 kuthi:
60.“Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kwaJehova yedwa uyobhujiswa nokubhujiswa.” Imimoya yobumnyama inezindlela eziningi zokufundisa amakholwa ukwephula lomthetho kaNkulunkulu.
61.Kukaningi uzwa umuntu ethi ngephupho kufike umzali wakhe wamtshela ukuthi ulambile, ngempela ebukeka elambile. Uvuke lapho ukhathazekile ngalesi simo obone umzali wakho ekuso, bese ubamba imbuzi umenzela ukudla.
62.Emva kwalokho umzali wakho abuye abonge, mhlawumbe nezinhlanhla zikwehlele ngalesi senzo osenzele umzali wakho.
63.Kusukela lapho usuyoba nguMshumayeli wokuthi abantu abahlabele abalele. Bese uyayiphikisa lenkulumo kaJehova, nabayishumayelayo ubazonde kakhulu, ubathuke; uzame nokubabulala, ngoba uthi bangabadukisi.
64.Abanye balemukele lelivangeli lakho, kodwa kubabhedele kakhulu; abanye kubalungele.
65.Kodwa ukulungelwa nokungalungelwa ekuhlabeleni abalele akuwushintshi umyalo kaJehova othi KOHLATSHELWA UJEHOVA KUPHELA!
66.Ekugcineni, lapho usulahlekelwe yikho konke, nayimpilo yakho, uthole ukuthi akakaze abekhona lomzali wakho, kodwa ngomubi othathe isimo sakhe, wasebenzisa wena ukuphikisa uJehova; usuyinceku yomubi!
67.Uthi-ke lomuntu waseZulwini, amaphupho alethwa imimoya ngenhloso yokuba afeze lokho esuke ifuna ukukufeza ngawe.
68.Iphupho lingalethwa nguNkulunkulu, kanti futhi liyalethwa uSathane, kodwa azenze ingelosi yokukhanya, ukuze wamukele akushoyo.
69.Ngakho-ke uma kufika iphupho kuwe, ungayibuzi kumuntu incazelo yalo, ngoba umuntu akakwazi ukubona uma uSathane eseziphendule ingelosi.
70.Ithi ingelosi, “uma uvuka thatha umnikelo, bese leliphupho uyolibika kuNkulunkulu, ngoba nguye owazi amaphupho amabi namahle, nonamandla okuvimba imiphumela yamabi, nozokwenza kufezeke amahle.”
71.Ukuba ngasenginayo le mfundiso, kwelinye iphupho elangisa ehlathini, ngangovuka nginikele ngithi, “Baba, ngiphuphe uthi ngiyagula, nginegazi elibi okumele ngilikhiphe.
72.Uma bengivakashelwe ngomubi ezenza wena, ngalomnikelo ngicela axoshwe kimi.
73.Uma bekunguwe ngempela, ngicela ngalomnikelo ngisindiswe kulokhu kufa.” Lelidimoni elangigcaba lalingenke liphumelele; laliyojabha, bese liyabaleka.
74.Omubi uyafika ngamaphupho kumakholwa, awaphendule izinceu zakhe, lezi zinceku zishumayele ivangeli eliphikisa uNkulunkulu; zingaboni ukuthi ziyizisebenzi zomubi, ziqhoshe ngokuthi lesi siphiwo safika ngephupho, noma ngesibonakaliso; kanti isiphiwo sasesihogweni!
75.Amakholwa amaningi anenkolo yokubuya kukaJesu. Kodwa uma uSathane engase azenze uJesu aqhamuke emafini ephekezelwa izingelosi zakhe, kukhale amacilongo kuzamazame umhlaba; lapha emhlabeni athathe isimo sikaJesu, amakholwa angabona ngani ukuthi akusiye uJesu lo?
76.Ngelinye iLanga uthi uBaba iLanga, “noma kungaqhamuka uNkulunkulu eZulwini athi phuzani utshwala, ningakuphuzi utshwala, futhi ningamlandeli lowo nkulunkulu, ngoba uyobe engesiye loNkulunkulu owathuma uShembe phakathi kwenu. EZulwini abuphuzwa utshwala!”
77.Ithi ingelosi, “uma kuvela unkulunkulu athi ningaligcini iSabatha, ningamlandeli lowo nkulunkulu, ngoba eZulwini ayikho into enkulu njengeSabatha!”
INkosi ibusise iZwi layo