Skip to content

NGABE IBANDLA LAMANAZARETHA LISENGAPHANSI KUKAJEHOVA

Alikho nelinye igama esingasinda ngalo, kuphela igama likaJehoiva esingasinda ngalo.

Kusukela eqala ukushumayela aze adlule emhlabeni ivangeli loMprofethi kwakungukudumisa uJehova, ethi isisekelo sebandla lamaNazaretha ukudumisa uJehova ngokugcina imithetho yakhe owayiletha kithi ngoMose!

Isihlabelelo 103-36
 
1.Sivumele wena Nkosi
Isichaka sakho
Sishumayele izwi lakho
Ezizweni zonke.
 
2.Zibheke endleleni
Zonke lezo zizwe
Zilindele leyo nqola
Yalelo lizwi lakho.
 
3.Sivumele wena Nkosi
Isithunywa sakho
Sishumayele izwi lakho
Ngalowo Moya wakho.
 
4.Sithumele wedwa Nkosi
Leso sichaka sakho
Sibuthele sigcwalise
Ngalowo Moya wakho.
 
5.Sihambise izwi lakho
Ezizweni zonke
Zivuke zikulandele
WeMsindisi wazo.
NGABE IBANDLA LAMANAZARETHA LISENGAPHANSI KWAJEHOVA.
 
1.UMprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye), wazalwa wakhula ngaphansi kwabazali abangakholwe ndawo, wakhulela epulazini eNtabazwe.
 
2.Uyise wamqamba wathi nguMudliwamafa, kodwa uyisemkhulu uNhliziyo wathi nguShembe. Igama elachuma ngelokuthi nguShembe.
 
3.UShembe wayengafundile, engazi lutho ngobuKrestu, futhi engakaze alibone iBhayibheli.
 
4.Kodwa ngelinye ilanga cishe eneminyaka engu 12, eluse amankonyane entabeni, kwashaya umbani phambi kwakhe libalele, wabe esezwa izwi lithi kuye: “Guqa, ngoba uphambi kweNkosi yakho!”
 
5.Leli lizwi lamfundisa ukuthandaza, okuthe esekwazi ukuthandaza lase limthuma ukuba aye emizini yamaWeseli eyofuna iBhayibheli.
6.Wafike wawabikela amaWeseli ukuthi uthunywe nguNkulunkulu ukuba bamnike iBhayibheli kubo.
 
7.Bamnika iBhayibheli, base bethi akalifunde. Walifunda leli Bhayibheli, kodwa engakaze aye esikoleni.
 
8.Ebona lesi simanga somfana, amaWeseli amthatha aya naye enkonzweni, bafike bamethula kumfundisi womlungu.
 
9.Ngelinye isonto umfundisi wathi inkonzo ayiphathwe nguye uShembe. UShembe wasukuma ngesihlabelelo esithi: “Wahazulwa ngenxa ami.”
 
10.Khona lapho abantu abaningi bavukwa ngamadimoni, bakhala, baphuma babaleka enkonzweni!
 
11.Amalunga amaWeseli abe esengenwa luthando olukhulu lukaShembe, umfundisi wabona ukuthi lomoya walomfana uzohlakaza ibandla lakhe, wabe esembiza, ethi kuye:
 
12.“Ngoba ngiyabona ukuthi wehlelwe nguMoya ongcwele, ungabe useza lapha enkonzweni, kodwa hamba uyoshumayela izwi leNkosi kumaqaba ezintabeni!”
 
13.Ephuma ebandleni lamaWeseli, uShembe akabe esakholwa, wabuyela empilweni yakhe yesemabhinceni!
 
14.Kodwa noma kunjalo, uShembe akabuyanga wehlukana neBhayibheli, futhi akabange esakuyeka ukuthandaza!
 
15.Wakhula waganwa ngama khosikazi amathathu. Kwathi esanda kugcagcelwa yinkosikazi yesine, wabuya futhi uNkulunkulu kuye, wathi akehlukane nomndeni wakhe, amlandele. UShembe wehlukana namakhosikazi ache nonina, walandela izwi likaJehova!
 
16.Esengumprofethi, uShembe wabuya wahlangana nezinsizwa zamaWeseli, washumayela nazo kuyo yonke iNtabazwe.
 
17.Izwi lathi akabhajadiswe emanzini, kodwa kwatholakala ukuthi ibandla lamaWeseli alibhabhadisi emanzini.
 
18.wayesefuna ibandla elibhabhadisa emanzini. Wathola iBaptist Church, kulo wabhajadiswa ngumfundisi uLeshega ngo 1906, khona eNtabazwe.
 
19.Esengumprofethi owaziwayo, izwi leNkosi lase lithi akaye eMpumalanga. Nempela wayishiya iNtabazwe, waya eNatal, wafika eThekwini mhla ka 10 March 1910.
 
20.Wafika washumayela nalapha eNatal, abalandeli bakhe wababiza ngokuthi ngamaNazaretha.
 
21.Ekusunguleni ibandla lama Nazaretha, uShembe wabhala incwadi, noma iTestamente lamaNazaretha elibizwa ngokuthi IZIHLABELELO ZAMANAZARETHA.
 
22.Leli Testamente lamaNazaretha lehlukaniswe izigaba ezine. UMthandazo wokuvuka, uMthandazo wokulala, uMthandazo weSabatha nezihlabelelo ezingu 242.
 
Kulencwadi igama likaJehova liphindaphindwe ka 158!
 
23.KuMthandazo wokuVuka igama lika”Jehova” livela ka 18, kuMthandazo wokuLala ka 21, kuMthandazo weSabatha ka 32, bese ezihlabelelo ezingu 242 ka 87.
 
24.UShembe lelibandla lama Nazaretha walakhela phezu kwesisekelo sokukhonza uJehova ngokuvuselela umthetho wakhe owawuletha kithi ngoMose!
 
25.Lesi sisekelo senkolo yobu Nazaretha uShembe wasibhala phansi kuvesi 3 woMthandazo weSabatha, lapho ethi: “MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZI ZUKULWANE, NIGCINE IMITHETHO YAKHE OWANILOBELA YONA UJEHOVA NGENCEKU YAKHE UMOSE, UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI.”
 
26.Kuvesi 21 womthandazo wesabatha, uShembe uthi: “KHUMBULA UKUTHI NAMUHLA USUWENZE ISIVUMELWANO NOJEHOVA UNKULUNKULU WAKHO SOKUTHI UYOHLALA ENDLINI KAJEHOVA KUZE KUBE SEKUPHELENI KWEZINSUKU ZAKHO.”
 
27.Lesi isifungo sobuNazaretha, njengoba neBhayibheli lichaza ukuthi umNazaretha ngumuntu impilo yakhe yonke oyinikele kuJehova!
 
28.UShembe ukubhale phansi kuyo yonke imithandazo ukuthi ibandla lamaNazaretha liyibandla likaJehova uMenzi wezulu nomhlaba!
 
29.Ubufakazi bokuthi isisekelo salelibandla nguJehova kuphela, kusihlabelelo 119 uShembe uthi: Thina siyamthanda lo onokusindisa. Isihlangu sethu nguJehova onokusindisa.
 
30.Sophelela sonke kuJehova onokusindisa; wena uyamdinga lo onokusindisa, kuphela kwakhe uJehova onkusindisa.
 
31.Alikho nelinye igama esingasinda ngalo, kuphela igama likaJehoiva esingasinda ngalo.
 
32.Kusukela eqala ukushumayela aze adlule emhlabeni ivangeli loMprofethi kwakungukudumisa uJehova, ethi isisekelo sebandla lamaNazaretha ukudumisa uJehova ngokugcina imithetho yakhe owayiletha kithi ngoMose!
 
33.Njengoba nesihlabelelo esikade sisihlabelela sifakaza, uShembe wayezibiza ngeNceku, ngesithunywa noma isichaka sikaJehova!
 
34.Lokhu kuvela kahle kusihlabelelo
 
134, lapho uShembe ethi: INkosi ikubusise wenceku yeNkosi, uhambise izwi layo wenceku yeNkosi. Zonke lezi zizwe zililindele eziphansi kwezulu.
 
35.INkosi ikubusise wenceku yeNkosi, ikwandisele imihla phansi kwezulu. Zonke izizwe eziphansi kwezulu zililindele izwi lakho.”
 
36.Njengoba sesichazile, uShembe wakubhala ezihlabelelweni zama Nazaretha ukuthi iBandla lama Nazaretha ngelikaMenzi wezulu nomhlaba, okunguJehova!
 
37.UBabamkhulu esehambile emhlabeni ibandla laholwa yiNkosi iLanga. Nayo yalandela ezinyathelweni zomprofethi, yathi lelibandla likholelwa kuNkulunkulu oyedwa, uJehova!
 
38.Ngezansi sicaphune izimfundiso zeNkosi iLanga ezingubufakazi bokuthi okwenziwa ngamaNazaretha akwaShembe KUNGUKUHLUBUKA UJEHOVA NENCEKU YAKHE UBABAMKHULU!
 
39.INkosi iLanga isizohamba emhlabeni yakhuluma lamazwi: “NIKUPHIKE ANGAKUSHONGO USHEMBE PHAKATHI KWENU, NIKWENQABE ENGIKWENQABILE!
 
40.BAYOTHI GAYANI UTSHWALA, LUMBANI AMALUMBO, BANIBUYISELE KOKUCHITHIWE. 
 
41.BATHI YIYO INDLELA YOKHOKHO BENU, NINGAYILAHLI!
 
42.MINA MUNYE UMTHETHO ENGIZONISHIYA NAWO, NENGINI NIKA WONA, YILOWO UBABA OWANIFUNDISA WONA!”
 
43.Kodwa lemfundiso kaBabamkhulu neyeNkosi iLanga ngokukhonza uJehova, aseyilahlile amaNazaretha, asethi unkulunkulu wawo nguShembe, kodwa bengaqondisile kuBabamkhulu, besho abaholi babo!
 
44.NgokobuNazaretha asibuphuzi utshwala, asizihlanganisi nezangoma, asiwahlabeli amadlozi, asiwagcini amasiko aphambana nomthetho kaNkulunkulu!
 
45.Njengoba lisho iLanga, izimfundiso zomprofethi ngokugcina umthetho kaJehova zingaphezu kwezanoma imuphi umholi ovela emva kwakhe!
 
46.Uthi ke uBaba iLanga: “MINA MUNYE UMTHETHO ENGIZONISHIYA NAWO, NENGINI NIKA WONA, YILOWO UBABA OWANIFUNDISA WONA!”
 
47.Noma imuphi umholi kulelibandla ophikisana nezimfundiso zomprofethi ngokugcina umthetho kaJehova, ULIHLUBUKA ENKOLWENI YOBUNAZARETHA!
 
48.Ekhasini 57 lencwadi ka-Advocate Mnyandu ethi IZNTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA, uBaba iLanga uthi: NgeSabatha eledlule bengikhuluma khona lokho nje kuphela, ukuthi ningakhohlwa ukuthi uma uNkulunkulu, lo kaShembe engesiye uNkulunkulu wenu, ngenke anisiza ngalutho.”
 
49.Njengoba uBaba iLanga esho, imfundiso yobuNazaretha ithi: “Nkulunkulu kaShembe”, hhayi ukuthi uShembe nguNkulunkulu!
 
50.Ekhasini 81 uBaba iLanga uthi: UbuNazaretha lobu uNkulunkulu akabenzelanga abantu, wazenzela yena.
 
51.Sisho njalo isihlabelelo senu, sithi “IDwala elihle lamaNazaretha owazikhethela lona uJehova ngokulithanda kwakhe.
 
52.Into yakhe le, akusiyo into yabantu, akusiyo futhi into kaShembe, futhi akusiyo into yamadodana ami, noma abafowethu. Nabafundisi baseKuphakameni akusiyo into yabo, ngekaNkulunkulu!”
 
53.LaboShembe abakhona bamphikisa kanjani uBaba iLanga? Lelibandla selingelakwaShembe kanjani? UShembe usenguNkulunkulu kanjani?
 
54.Abaholi bakwaShembe uma ngithunywa nguNkulunkulu ukuba ngiqhube umsebenzi wakhe, bathi akukho Nkulunkulu ongathatha into yabo ayinike omunye umuntu! Akusilona ibandla likaJehova leli!
 
55.Ekhasini 82 uBaba iLanga uthi: “Kodwa nina maNazaretha eyenu iNkosi ayibonwa, nguNkulunkulu kuphela. Ayikho enye.
 
56.Ngakho nilibambisise lelo lizwi noma nini, noma singasekho thina emhlabeni, nikhumbule ukuthi ubuNazaretha lobu, nalomuzi waseKuphakameni akusiwo owomuntu!”
 
57.INKosi iLanga yashiya ikugcizelele ukuthi ibandla lamaNazaretha alinayo inkosi ebonwayo, iNkosi yalo nguNkulunkulu kuphela!
 
58.Wathi noma yena engasekho emhlabeni, sikugcizelele ukuthi iNkosi yaleli bandla ayibonwa, nguNkulunkulu kuphela!
 
59.kodwa laboShembe abalandwe emgwaqeni beshaya emadayisi bathi yibona unkulunkul! Lokhu kuyacaca ukuthi kukhulunywa ngumuntu ongazi lutho ngokukholwa, wenza lelibandla inhlekisa!
 
60.Kwasho uShembe ukuthi iNkosi yamaNazaretha ayibonwa, nguNkulunkulu kuphela, kodwa lamadodana akwaShembe angazi lutho ngokukholwa asethi yiwo uNkulunkulu! Ayikholakali lento!
 
61.Uma iNkosi iLanga iqhubeka ithi: “UShembe lo owaphemba lobu buNazaretha wayengesiye umuntu, wayevela ezulwini.
 
62.Kodwa wayengaqali ukufika lapha emhlabeni. Wayefike ayiphembe lento esibuthene ngayo, ayishiye acabange ukuthi izosala ilunge.
 
63.Bese emva kwakhe kuvela abantu abanjengami nje, abaye bathi bangabaholi bengenawo umoya kaShembe, bese beyiphambukisa lento, sebeyiphendula ngobuthakathaka babo!”
 
64.Njengoba uBaba iLanga esho, ubuholi baleli bandla akuhambi ngokwesibongo, kodwa kubukwa ukuthi ongahola ibandla UNAWO YINI UMOYA KASHEMBE!
 
65.Ekhasini 126 lencwadi ka-Advocate Mnyandu, iLanga lithi: “Yingakho ngihlale ngithi funani abefundisi ABANOMOYA KASHEMBE, noma bebancane ngeminyaka nibafundise. Nama khosikazi nawo angaba ngabafundisi.
 
66.Kodwa nifune abefundisi ABANOMOYA KASHEMBE. YIZE BENEZONO, NGENKE KODWA BAYIFAKE INGULUBE LAPHA EKUPHAKAMENI, NGENKE FUTHI BAYIFAKE INJA NOTSHWALA LAPHA EKUPHAKAMENI”
 
67.Njengamanje ibandla lamaNazaretha liholwa abaholi bakwaShembe, kodwa abanawo UMOYA kASHEMBE! Ukuthi abanawo uMoya kaShembe ubabona ngoba befuya izangoma, bephuza utshwala emzini kaNkulunkulu! Akakho umuntu okholiwe ongakakwa yizangoma!
 
68.Ekhasini 85 uBaba iLanga uthi: “Bengichaza ukuthi anisilo ibandla lomuntu, anisilo ibandla lami, anisilo ibandla labafundisi. Aninamfund isi nina obonwayo, umfundisi wenu usezulwini.
 
69.Mina angisiye umfundisi wenu; munye umfundisi wenu, uShembe kuphela! Ngithi ke ningakuphambukisi ukuhamba kwakhe, noma nenzani nibofunda ezincwadini ukuthi uShembe wathini!”
 
70.Kodwa laboShembe sebeku phambukisile ukuhamba kwaBabamkhulu!
Bathi abasibo abafundisi, bangamakhosi, abanye bathi bangunkulunkulu! Ukhona umuntu olapha emhlabeni owake wazibiza ngonkulunkulu, ngaphandle kwalabo abayizitha zikaNkulunkulu?
 
71.Laba baholi abazi lutho ngokukholwa, abakwaziyo ukuzikhukhumeza, bethi sekuyibo onkulunkulu bamaNazaretha! Siyavelelwa!
 
72.Mhla ka 4 January 2010, kwafika ingelosi kimi, yabe isithi: “Ngithunywa nguShembe uBaba iLanga kuwe, uthi phuma eBuhleni, bese umakhela iBandla likaJehova.
 
73.Kuleli bandla uyofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova, uthathele eBhayibheli nasezi hlabelelweni zamaNazaretha!”
 
74.Njengoba iNkosi iLanga yahamba emhlabeni ingumholi weNazareth Baptist Church, manje yini eyenza ukuthi ithi angilishiye lelibandla bese ngiyakhela ibandla elizokhonza uJehova?
 
75.Kungenxa yokuthi iNazareth Baptist Church kulesi sikhathi samanje akuselona ibandla elikhonza uJehova!
 
76.Okuseqinisweni onke amabandla akwaShembe asezichithile izimfundiso zomprofethi nabaholi abamlandelayo.
 
77.Akusho ngeqholo ukuthi wona uNkulunkulu wawo nguShembe! Noma benza sengathi basho uBabamkhulu, kodwa okuseqinisweni basho laba baholi babo, okuyibo abathe bangonkulunkulu!
 
78.Yini umehluko phakathi kweNazareth Baptist Church, okulibandla lakwaShembe, ne Nazarite Church of God, okulibandla elikhonza uJehova yedwa?
 
79.INazareth Baptist Church libandla elihlobene noShembe uBabamkhulu ngokozalo, kodwa eliphambene nesisekelo senkolo yobuNazaretha njengoba yalethwa kithi nguBabamkhulu.
 
80.Kanti iNazarite Church of God libandla elingahlobene nomprofethi ngokozalo, kepha eliqhuba inkolo yobuNazaretha ngokwesisekelo senkolo eyalethwa kithi ngumprofethi u-saya Shembe!
 
81.Ubufakazi balokhu kusezihlabelelweni nasemi thandazweni yebandla lakhe! Kuvesi 3 woMthandazo weSabatha uShembe wakwenza kwaba yisisekelo salelibandla ukuthi sokholwa ngokugcina imithetho kaJehova owayiletha kithi ngoMose!
 
82.Kodwa amabandla akwaShembe aphumele obala ngokuzichitha izimfundiso zomprofethi ngokugcina umthetho kaJehova!
 
83.Kuyimfundiso yalelibandla ukugcina kuphela amasiko angaphambani nomthetho kaJehova. Asibuphuzi utshwala, asizihlanganisi nezangoma, nokunye, noma kwamukelekile ngokosiko!
 
84.Kodwa kulelibandla lakwaShembe kuke kwezwakala umfundisi uShozi eshumayela ethi: “Musani ukubulala imizi yoyihlo ngenkolo, nithi utshwala niyakuvala lapha ekhaya!” Ahalalisa amaNazaretha!
 
85.Lenkulumo yalomfundisi iwukufezeka kwesiprofetho seNkosi iLanga mhla ithi: “BAYOTHI GAYANI UTSHWALA, LUMBANI AMALUMBO, BANIBUYISELE KOKUCHITHIWE, BATHI YIYO INDLELA YOKHOKHO BENU, NINGAYILAHLI!”
 
86.Nangoke umfundisi omdala wakuleli bandla esefundisa amakholwa ukuthi angawachitha amasiko oyisemkhulu ngenkolo, abaphuze utshwala!
 
87.Kodwa ivangeli lamaNazaretha kaNkulunkulu, noma amaNazaretha kaJehova, ukudumisa uJehova njengokuyala kweNkosi iLanga, eyathi asivuse ibandla likaBabamkhulu, sigcine imithetho Yakhe!
 
88.Njengoba iNkosi iLanga yathi angiyakhele ibandla likaJehova, uma kukhona into leliBandla eliyenzayo ephambene nezimfundiso zikaMose ngomthetho kaJehova, abasivezele zona!
 
89.Noma ibandla lamaNazaretha kaNkulunkulu lingekho ngaphansi komprofethi ngokolibo, kodwa njengamanje ilona bandla eliqhuba ngokwezimiso zebandla lamaNazaretha elasungulwa nguMqaliwendlela!
 
90.Ngike ngezwa kuthiwa KUZOBA NE DEBATE YOKUTHI USHEMBE UYI CULTIST!
 
91.Ngaphambi kokuba abantu baphikisane ngoShembe, okokuqala kumele bazi ukuthi ubani uShembe, nokuthi njengamanje ibandla lamaNazaretha lehlukene kabili.
 
92.Kukhona amabandla angaphansi kweNazareth Baptist Church, onke abaholi bawo okungabakwaShembe, bese kuba khona iNazarite Church of God, umholi walo okungasiye owakwaShembe!
 
93.Umehluko omkhulu phakathi kweNazareth Baptist Church, okungamaNazaretha akwaShembe, ne Nazarite Church of God, okungamaNazaretha kaJehova, ilona:
 
94.AmaNazaretha akwaShembe inkolo yobuNazaretha bayichaza ngokwemizwa nemibono yabo, ngoba abaholi bayo babukeka bengazi lutho ngenkolo, ngaphandle kokuthi uShembe nguNkulunkulu!
 
95.Ngisho ungabuza ukuthi icontent yevangeli labo ithini, nalabo abake bashumayele, ngenke bakutshele, abakwaziyo ukuphindaphinda izintshumayelo zeNkosi iLanga kube sengathi sivela kubo, bese beqhudelana bodwa ngemigidi, noma omunye wallaba baholi engakwazi ngisho ukuthi unyawo luphakanyiswa kanjani!
 
96.Inkinga ukuthi iningi labo livele lathathwa ezigangeni kwathiwa alizohola ibandla lamaNazaretha!
 
97.Emlandweni akukaze kwenzeke ukuthi umuntu okholiwe ame phambi kwabantu azikhombe yena athi: “MINA NGINGUNKULUNKULU!”
 
98.NoYeshua akaze akusho lokho, noBabamkhulu yize wayeyisithunywa sasezulwini, akaze ayikhulume into enjalo!
 
99.Ayikho ingelosi engathi inguNkulunkulu! Uma kungama ingelosi phambi kwakho, ithi inguNkulunkulu, kungabe kuyingelosi yomubi leyo!
 
100.Kodwa ebandleni lakwaShembe kuvele kwaqhamuka umholi webandla wazikhomba ethi nguye uNkulunkulu! Ukuhlambalaza uNkulunkulu lokho, futhi kubonisa ukuthi lomuntu noma ethi ungumholi wamakholwa, kodwa akazi lutho ngoNkulunkulu!
 
101.Ngake ngachaza entshumayelweni yami eyayingo January 2011 ukuthi ingelosi yathi ekuhambeni kweNkosi uThingo emhlabeni, kuzovela oShembe abaningi bethi bangabaholi baleli bandla.
 
102.Abanye balaba baholi bobe bengazange bakholwa kwasekuzalweni kwabo, kodwa lelibandla bolihola ngokwesibongo!
 
103.Njengamaje isiyenzeka leyonto, umuntu umuzwa olimini ukuthi akazi lutho ngalento othi ungumholi wayo!
 
104.Ithi ke ingelosi:“Ibandla lama Nazaretha kaNkulunkulu kwakumele libe khona, ngoba uma lalingekho, ubuNazaretha babuzohamba buhambe bube yinhlekisa emhlabeni, ngoba buholwa ngabantu abavele babekwa nje phambi kwabantu, kodwa bengazi lutho ngalento okuthiwa abayihole!”
 
105.Isisekelo seNCG uvesi 3 womthandazo wesabatha, nokugcizelela izimfundiso zoMqaliwendlela, nalezo zabaholi abamlandelayo, uma zingaphambani nezomprofethi!
 
106.Lelibandla uShembe walakhela ukuthi livikele ubuNazaretha njengenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba, liyi-bench mark yokukholwa kulabo abomele izwi loPhezukonke njengoba lavuselelwa nguMprofethi kulesi sizwe sakithi!
 
107.Ngakho ke kungukuhlubuka ukuthi uma ethi umprofethi umthetho kaNkulunkulu uthi ningawahlabeli amadlozi, bese kuvela umholi wakwaShembe ephikise uBabamkhulu ngezintshumayelo zeNkosi iLanga!
 
108.Ekhasini 82 lencwadi kaMnyandu, iNkosi iLanga ithi: “Akukho muntu ongavela onjengami nje anikhiphe nina endleleni kaShembe.
 
109.Uma ngithi onjengami ngisho ngoba kuyaye kuthiwe ngingumholi wamaNazaretha, kepha angisiye. Umholi wenu uShembe kuphela!
 
110.Aninakuveza umthetho ophambene noShembe, ngoba lelibandla akusilo elabantu, akusilo elomuntu, elasezulwini!”
 
111.Manje usevelaphi umholi ophikisa umthetho kaNkulunkulu owagcizelelwa ngumprofethi, ngoba ethi kwasho iNkosi iLanga?
 
112.Konakele kakhulu emabandleni akwaShembe! Kodwa umhlaba uthuka uBabamkhulu ngokwenziwa libandla eselivele lihlubukile!
 
113.Ngakhoke abantu bengathuki umprofethi ngokwenziwa yilamahlubuka! UShembe waphuma kuNazareth Baptist Church mhla ethuma ingelosi kimi, ethi ayingitshele ukuthi ngimakhele ibandla likaJehova.
 
114.Kulelibandla sifundisa abantu ukuthi uJehova ukhonzwa kanjani!
 
115.Labo esebethi uShembe i-Cultist, kumele kucace ukuthi abasho yena uBabamkhulu!
 
116.UBabamkhulu nguyena yedwa kusukela kwaqedwa inkolo kaMose emva kwaYeshua, owavuselela lenkolo kaMenzi wezulu nomhlaba.
 
117.Wakubhala phansi ukuthi kuyinkolo yobuNazaretha ABANTU BOKWESABA UJEHOVA NGOKUGCINA IMITHETHO YAKHE OWAYILETHA KITHI NGOMOSE!
 
118.Ayikho iCultist eyake yafundisa ngokugcinwa komthetho kaNkulunkulu, ngoba yona isebenzela uSathane!
 
119.Kodwa akukho lutho engingaluphika uma kukhulunywa ngabaholi bakwaShembe abakhona njengamanje, ngoba ngokukhuluma nangokwenza bamhlubukile uJehova, bamhlubukile noBabamkhulu!
 
120.Akakho umholi okhonza uJehova ongaphila nezangoma, yize umprofethi wachaza kabanzi ukuthi isangoma simelene nomprofethi kaJehova!
 
121.Akakho umuntu olikholwa ongafundisa abantu ukuhlabela amadlozi, ephikise uJehova kanye nezimfundiso zomprofethi!
Phansi ngezitha zikaJehova, phansi!
Phansi ngabadukisi benkolo kaJehova, phansi!
 
 
iNkosi ibusise izwi layo!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *