Inkolo ilawulwa iqondiswe ngumsunguli wayo, bese kuthi abalandeli bayo belandele imfundiso-nkolo njengokuchaza komsunguli wayo!
Akukwazi ukuthi umsunguli wenkolo engafike esho enye into, bese abalandeli bekuphikise okushiwo ngumsunguli, bese bezakhela eyabo imfundiso -nkolo, besuse abantu ezimfundisweni zomsunguli!
Isihlabelelo 103
1.Sivumele wena Nkosi
Isichaka sakho
Sishumayele izwi lakho
Ezizweni zonke.
2.Zibheke endleleni
Zonke lezo zizwe
Zilindele leyo nqola
Yalelo lizwi lakho.
3.Sivumele wedwa Nkosi
Isithunywa sakho
Sishumayele izwi lakho
Ngalowo Moya wakho.
4.Sithumele wedwa Nkosi
Leso sichaka sakho
Sibuthele sigcwalise
Ngalowo Moya wakho.
5.Sihambise izwi lakho
Ezizweni zonke
Zivuke zikulandele
weMsindisi wazo.
USHEMBE WAYENGUMPROFETHI KAJEHOVA.
1.Kubalulekile ukuchaza kabanzi ukuthi yini eyenza ngilokhu ngikhuluma ngomlando nesimo sikaShembe.
2.Okokuqala ngokosiko uShembe ungukhokho wami, umama wayeyi ntandane, and was adopted by the Prophet. UBABAmkhulu wakhipha izinkomo ezingu 18 wazinika umalume owamthenga ngazo ukuze abe ngumntanakhe ngokyuphelele!
3.Kuyinto engaziwa ukuthi umuntu uke athenge ingane yentombazane ngezinkomo ezingaka ngenhloso yokuba ibe ngumntanakhe, kodwa uBabakhulu wakwenza lokho kumama!
4.Esehambile emhlabeni uBabamkhulu, umama wahlala kuyiNkosi iLanga kwaze kwafika isikhathi sokogana kwakhe!
5.Ngaleyo ndlela kwethu sakhula umama ehlale esixoxela ngendlela uBabamkhulu owayemphatha kahle ngayo! Uthi waqala ngoBabamkhulu ukuba nomzali!
6.Ngaphandle kwalokho, ngathunywa nguBaba iLanga ukuba ngikulwele ubu Nazaretha njenge nkolo kaJehova!
7.Mhla ka 4 January 2010, kunguMsombuluko ekuseni, sabona sekufika ingelosi esasivele sesiyazi, ngoba yayingaqali ukusivakashela.
8.Yabe isithi: “Ngithunywa uShembe uBaba iLanga kuwe, uthi phuma eBuhleni, bese umakhela ibandla likaJehova.”
9.Yaqhubeka yathi: “Uthe uBaba kulelibandla uyofundisa abantu ukuthi uJehova udunyiswa kanjani. Lonke ulwazi uyoluthola eBhayibhelini nasezihlabelelweni zamaNazaretha!”
10.Kodwa ekuqaleni angizange ngikwamukele lokhu kuthunywa kwami, noma ngingashongo njalo engelosini. Kwathi futhi ngo-August, ngawo u-2010, ingelosi yafika kithi ikhathazekile, yabe isithi: “Ngithunywa ngamakhosi amathathu ase Kuphakameni, athi lelibandla lama Nazaretha lizoba yinhlekisa emhlabeni.
11.Lamakhosi athi asethembele kuwe ukuthi uzokulwela ubuNazaretha.” Yaqhubeka yathi: “Nami mfowethu sengethembele kuwe, ungangidumazi, ulimele iqiniso”
12.Njengamanje umoya wami ukhathazekile kakhulu, ngoba ngibona lokhu okwashiwo yingelosi ngo August 2010, ukuthi lelibandla lamaNazaretha lizoba yinhlekisa emhlabeni, sekwenzeka phambi kwami!
13.Angenke ngazi ukuthi ingempela kwenzekani kuleli bandla, ngoba abantu abenza inhlekisa leli bandla loPhezukonke, nabafuna ukuqeda ngalo, ilaba abacashe ngesibongo sakwaShembe, angiqondi ukuthi bekwenzelani lokho?
14.Akengiqale ngalenkulumo yokuthi kuthiwe uShembe nguNkulunkulu! Okokuqala abacacisi ukuthi uma bekhuluma ngoShembe, bakhuluma ngobani?
15.U’Shembe’ ligama likaBabamkhulu, umprofethi, nobuye aziwe ngokuthi ‘nguMqaliwendlela’ ngoba lelibandla lamaNazaretha lasungulwa nguye!
16.UBabamkhulu wahamba emhlabeni ngo 1935, nami angimazi ngoba ngazalwa engasekho. Angiqondi noma usekhona yini umuntu njengamanje ongathi uyamazi umprofethi!
17.Inkolo ilawulwa iqondiswe ngumsunguli wayo, bese kuthi abalandeli bayo belandele imfundiso-nkolo njengokuchaza komsunguli wayo!
18.Akukwazi ukuthi umsunguli wenkolo engafike esho enye into, bese abalandeli bekuphikise okushiwo ngumsunguli, bese bezakhela eyabo imfundiso -nkolo, besuse abantu ezimfundisweni zomsunguli!
19.Yikho kwathi uma ingelosi ifika kimi, yathi uthe uBaba iLanga ivangeli engolishumayele ngilithathele kokwashiwo ngumprofethi ukuthi uJehova simkhonze kanjani!
20.Imfundiso esiyilandelayo kuma Nazaretha kaNkulunkulu ukuthi sifundise abantu indlela eyiyo yokukudumisa uJehova, njengokufundiswa ngumprofethi!
21.Njengoku thunywa nguBaba iLanga, namuhla ngifisa ukucacisela umhlaba wonke ukuthi kungani sithi uBabamkhulu ngumprofethi kaJehova!
22.Njengoba sihlale sisho, umprofethi wazalwa ngokulinganisa ko 1865 eNtabazwe, eHarrismith, eFreestate. Wakhulela epulazini lomlungu ehlala enkopholo nesikwata.
23.Wayengazi lutho ngesikole, ngoba kwakungekho sikole emapulazini. Ngakho ke wayengakaze afunde, futhi engakholwe ndawo, ngoba lapha epulazini babengekho abantu abangamaKrestu, engakaze alibone neBHayibheli!
24.Kwathi engazi lutho ngokukholwa, kodwa uNkulunkulu wafika kuye elusile, cishe eneminyaka engu 12. Kwashaya umbani phambi kwakhe, kodwa libalele. Kwase kuqhamuka izwi lithi: “Guqa ngoba uphambi kweNkosi yakho.” Lase liqhubeka lithi: “Thandaza!”
Wathi uShembe: “Angikwazi ukuthandaza.”. UJehova waze washo kathathu ukuthi akathandaze.
25.Emva kwalokho wabe esezwa kuba nesondo eliphenduka esifubeni sakhe, wazizwa esethandaza, amazwi omthandazo engazi ukuthi avelephi.
26.Ngalokho into yokuqala uNkulunkulu owayifundisa uShembe kwaba ukuthandaza! Kusukela lapho uShembe akabange abuye akuyeke ukuthandaza entabeni.
27.UJehova wabuye wafika kuShembe, wathi akahlabelele. Wathi uShembe: “Ngihlabelele ngithini?” Kwathi izwi selisho okwesithathu, wazizwa esehlabelela ukuhlabelela ongazi ukuthi kwavelaphi!
28.Waqala manje wajwayela ukuthandaza yedwa entabeni. Ngolunye usuku wabonwa yintombazana yalapha epulazini ethandaza yedwa entabeni, yabe isixoxela isikwata ukuthi ibone uShembe ethandaza.
29.Isikwata sahleka kakhulu, sathi kusho ukuthi lomfana kaMayekisa ufuna ukujoyina isonto likaBasi, besho ubuKrestu!
30.Ngelinye ilanga uShembe wahamba wayosebenza endlini yomlungu enalentombazana eyambona ethandaza. Yabe isimtshengisa iBhayibheli likaBasi elalisetafuleni. Yathi: “Lencwadi uthi uBasi iqukethe izindaba zeNkosi.”
31.UShembe walangazelela ukwazi ukuthi le “Nkosi” yehluke ngani kuleNkosi ehlale ifika kuye ehlane imfundisa ukuthandaza nokuhlabelela?
32.Ngobunye ubusuku elele wazibona esesikoleni efundiswa iBhayibheli. Leli phupho leza kuye izinsukwana, kwase kuvela izwi lithi akaye emzini wamaWeseli owawubuqamama nenkompholo, kwathiwa uma efika kulomuzi acele iBhayibheli.
33.Nempela ekuseni wavuka wathatha ihashi, waya kulomuzi. Efika kulomuzi, wabika ukuthi uthunywe yizwi leNkosi, lithe akacele iBhayibheli. Nempela umnikazi womuzi wavele wathatha iBhayibheli elisha, wamnika lona.
34.Kodwa lomnumzane wathi uShembe akalivule alifunde.
35.Nempela uShembe walivula walifunda, kodwa engakaze aye esikoleni! Lomndeni wamangala kakhulu! Wabe usumthatha uShembe uya naye enkonzweni yamaWeseli.
36.Kwathi esanda kufika enkonzweni, umfundisi wabe esemnika inkonzo. Wathi uyaqala uyashumayela, abantu bakhala amadimoni, abanye baphuma babaleka enkonzweni.
37.Lomfundisi womlungu wabona ukuthi lomfana unomoya ongcwele, manje ukumgcina lapha kuzodala inkinga ebandleni.
38.Wabe esembiza namanye amadoda. Wathi kungcono lomfana ehambe eyoshumayela amaqaba ezintabeni, ngoba uyabona ukuthi unomoya, manje akangachithi isikhathi ashumayele amakholwa.
39.UShembe wagcina lapho ukuza enkonzweni, wabuyela empilweni yakhe yamabhinca.
40.Esekhulile waganwa ngama khosikazi amathathu. Kwathi egcagcelwa ngumakoti wesine, esasina esigcawini, kwavela leliya lizwi owaqala ukulizwa elusile, lathi: “Ngathi wena ungaganwa?”
41.UShembe washawa luvalo wabaleka waye wazivalela endlini. Abantu badideka ukuthi kwenzekani kumfana kaMayekisa!
42.Njengenhlala yenza, ntambama uShembe waya enhla nomuzi, wafika wathandaza. Wathi esathandaza, wavele wafikelwa ubuthongo walala.
43.Wazibona ehamba emkhathini, ngaphezu kwakhe kunezinsizwa ezazifake izingubo ezimhlophe, zizibophe ngebhande okhalweni.
44.Wazama ukuzifica lezi zinsizwa, kodwa wehluleka, noma zona zazimi! Uthe esacabanga ukuthi kwenziwa yini engazifici, wezwa kukhuluma umuntu ngaphakathi kuye, ebuza ukuthi uyafuna yini ukufica leziya nsizwa? Wavuma ngenhliziyo.
45.Kwase kuvuleka isifuba sakhe, kwaphuma kuye umuntu ongumoya, kubhaliwe emahlombe akhe ukuthi: “Shembe.”
46.Lomuntu wahlangana naleziya nsizwa, base bekhomba ngomunwe emhlabeni. Kwakhanya, wabe esebona isidumbu sakhe silokhu siguqile, kodwa sisibi, siphethuza izimpethu.
47.Laba bantu base bebuza ukuthi sinjani lesiya sidumbu? Wathi: “Sibi.” Base bethi: “Uma usahlala esidunjini esingcole kanje, awukwazi ukuhlangana nathi.”
48.Babuye bakhomba emhlabeni ngaleminwe enombani. Kwakhanya phansi.
49.Wabe esebona ingane ibangwa ngamakhosikazi amane. Amabili bedonsisana ngezingalo, abanye ababili bedonsisana ngemilenze.
50.Wamemeza uShembe, wathi: “Nenzani, nizoyilimaza leyo ngane!” Kwase kuqhamuka izwi lithi: “Uyayizwela yini leya ngane?”
51.Wathi uShembe: Yebo ngiyayizwela ngoba bazoyilimaza.” Labe selithi lelizwi: “Leyangane nguwe, laba abadonsisana ngayo abafazi bakho, babanga wena. Uma usabangwa ngabafazi, awukwazi ukuhlangana nathi!”
52.Zabuya lezi zinsizwa zakhomba phansi ngeminwe, yakhipha imibani eyaye yahlaba emhlabeni, uShembe waphaphama isidumbu sakhe silokhu siguqile!
53.Umoya wakhe wahlupheka usuku lonke ecabanga ngalesi sibonakaliso. Wabuye wamuzwa lomuntu ekhuluma naye, sengathi ukhuluma ngaphakathi kuye, wathi:
.
54.“Hlukana namakhosikazi akho, ngoba ngifuna ukukhuluma nawe! Wena unguShembe, ngoba ngaphakathi kwakho kuhlala mina Shembe!”
55.Waqala manje uShembe ukwesaba ukusondela kumakhosikazi akhe, waphuma ekhaya lakhe wakha idokodo ngaphandle komuzi.
56.Endaweni kwase kuduma ukuthi indodana kaMayekisa ingenwa ukuhlanya!
57.Ethandaza, uShembe wabhekisa kuNkulunkulu wathi: “Nkosi, ngicela ukuba uwabulale onke amakhosikazi ami, kunokuba ngiwabone egana abanye abantu ngiphila.” Wezwa izwi liphendula lithi: “Ngiyezwa.”
58.Wathi ebona kwakufa cishe bonke abantwana bakhe. Kumakhosikazi amane, uShembe wabe enabantwana abangu 16.
59.Bafa bonke abantwana abalishumi, befa ngokulandelana!
60.Mhla kufe oweshumi, uShembe wenqaba ukuba umntwana angcwatshwe, wazivalela endlini nesidumbu izinsuku ezintathu ethandaza, ecela kuNkulunkulu ukuba umntwana avuke; ebuza ukuthi uNkulunkulu ubabulalelani abantwana bakhe? Kodwa umntwana akavukanga!
61.Isikwata sabe sesiyobikela umlungu wepulazi ukuthi uShembe uzivalele endlini nesidumbu, akafuni songcwatshwa! Lolu sekulusuku lwesithathu.
62.Umlungu wafike wasivula isicabha, bamephuca uShembe isidumbu esasesibolela ezandleni zakhe elokhu esigonile, ekhala!
63.Esephuciwe isidumbu, wahamba wayohlala ehlathini kwaba sengathi ungenwa ukuhlanya!
64.Wathi esahleli khona ehlane, ekhala, esefana nohlanya, wezwa izwi limbiza lithi: “Shembe, Shembe!” Wathi: “Nkosi!”
65.Lathi: “Uyakhumbula mhla ngithi hlukana namakhosikazi ngoba ngifuna ukukhuluma nawe? Wena wathi kungcono ngibabulale, ngoba awufuni ukubona amakhosikazi akho egana amanye amadoda uphila. Laba bantwana engibabulalayo ngenza okwacelwa nguwe.
66.Esikhundleni sabafazi bakho sengibulale abantwana bakho ngoba bona abakaba naso isono. Sebefile abafazi bakho, ngilandele!”
67.UShembe wabuyela ekhaya, wageza, waqoqa umndeni wakhe, wawutshela konke okukhulunywe nguJehova kuye.
68.Unkosikazi omncane wamthatha wambuyisela ekhaya, amakhosikazi amathathu wathi bengagana lapho bethanda khona, ngoba yena uselandela izwi likaJehova!
69.Umakoti omncane uShembe wamthatha waye wamshiya ngenxa komuzi kubo kwamakoti.
70.Lomakoti wakhala kakhulu, wathi: “Kodwa ungihlekiselani ngabantu, bazothi ngaliwe ngifika emshadweni!” Wathi uShembe: “Angikwali, kodwa ngibizwa ilizwa likaJehova!’
71.Wathi umakoti: “Ngiyafisa ukumbona loJehova ononya kangaka, ongishiyisa umyeni wami ngisashade ngoku kokudwa nje!” Wakhala kakhulu, noShembe wakhala, babambana bekhala!
72.Ebuya koshiya umakoti wakhe uShembe, waya ehlathini ephethe intambo ethi uyozikhunga. Wahlala ehlathini ubusuku bonke ethandaza, ethi ucela uNkulunkulu amhlanganise naleziya nsizwa ezinhle owazibona emkhathini!
73.Kwathi sekuyosa, wathatha intambo esethi uyazikhunga, wezwa izwi lithi: “Shembe, bheka phezulu!” Wabheka, wabona emkhathini umuzi omuhle isimanga!
74.Lase lithi ilizwi: “Lowa muzi ngowakho, kodwa uma uzibulala uyoboshwa uze ukhululwe usuqede iminyaqka ubozoyihlala emhlabeni!
75.Wabuyela ekhaya, wafike waqoqa wonke umndeni wakhe, kuhlanganisa nonina, wabe esethi: “UJehova ungehlulile, manje sengilandela yena yedwa. Ngiyehlukana namakhosikazi ami, abathandayo bengaziganela amanye amadoda!
76.Nawe mama sengiyakushiya; ngiyehlukana nabantwana bami, nemfuyo yami yonke, manje sengilandela uJehova!”
77.Wathi unina: “Mntanami, awungenwa ukuhlanya kodwa, uthi laba bantwana babantu obalahlayo ngibenze njani!?”
78.Wathi uShembe: “Angazi mama, kodwa mina angiboni kanjalo, kodwa sengilandela izwi likaJehova!”
79.Kwaqhuma isililo ekhaya, kwakhala wonke umuntu, kwaba sengathi kufiwe!
80.UShembe wathatha ubhoko nethini lamanzi, nalokho owabe ekugqokile, wawufulathela umuzi wakhe, engazi ukuthi uyaphi, kodwa elandela izwi laphakade!
81.Unina wamlandela ehamba encenga, wathi: “Mntanami, ungazibulali, kulungile uhlale emahlathini noJehova wakho, uma nje ngokwazi ukuthi usaphila!”
Isihlabelelo 136.
82.Mina ngabizwa izwi lakho
Ngasuka ngakulandela
Ngashiya izwe lakithi
Ngasuka ngakulandela.
83.Wangibiza Nkosi ngezwi lakho
Ngalilalela izwi lakho
Ngashiya inzuzo ngezwi lakho
Ngasuka ngakulandela.
84.KunamaKrestu ke akholwe kakhulu, athi lento kaShembe ngamanga! Kodwa abazi nokuthi uShembe ngubani?
Uma uhlakaniphile, ngaphambi kokuba uvele ezinkundleni ukhulume ngento, kumele kuqala wenze ucwaningo ngayo!
Ungayikhulumi into ozothi uma ubuzwa ngayo bese uthi bengingazi!
NgokwalamaKrestu, uShembe kuso sonke lesi simo owabhekana naso efunwa nguNkulunkulu, ngamanga! NaloJehova uShembe owayesifundisa ngaye, ngamanga!
85.Kunamanye ke amaNazaretha okufanele ngabe atshela umhlaba ukuthi uNkulunkulu weza kanjani phakathi kwethu ngoShembe.
86.Kufanele ngabe bazise umhlaba ukuthi uBabamkhulu wahlupheka kanjani ebizelwa kuloluhambo lwasezulwini, kodwa bona bathi nguye uShembe uNkulunkulu! Bahlekisa ngoBabamkhulu!
87.Akekho umuntu okholwe ngempela ongekhathazeke uma ebona indlela amanye amaNazaretha asewucikele phansi ngayo umsebenzi womprofethi!
88.Ngokusobala yiso lesi sikhathi owakhuluma ngaso uBabamkhulu ukuthi kuza isikhathi lapho amaNazaretha ayomhlubuka uJehova, belandele izithixo zabo bazozifaka lapha eKuphakameni!
89.Ngangingazi ukuthi uma ithi ingelosi lelibandla lizoba yinhlekisa emhlabeni, kanti kwakushiwo into enje!
Isihlabelelo 3.
90.Nkosi, Nkosi kubusise
Lobu buNazaretha
Uchoboze izitha zabo
Zingabuvukeli
92.Vuka vuka wena Nkosi
Mabulwelwe nguwe
Uzuhambe phambi kwabo
Zingabuvukeli
93.Noma siya entabeni
Owasikhethela yona
Ethiwa iNhlangakazi
Bungakhubeki.
INkosi ibusise izwi layo