Skip to content

USHEMBE NOKWANDA KOBU NAZARETHA

UShembe nguyena yedwa kubaprofethi bonke owabuyisa ibandla lamaNazaretha elalisungulwe nguJohane, laholwa nguYeshua noSha’ul.

Njengoba ngaso sonke isikhathi sikhuluma ngoJEHOVA, sithunywe ukuba sivuselele ivangeli likaBabamkhulu lokuthi SIDUMISE UJEHOVA NGOKUGCINA IMITHETHO YAKHE OWAYILETHA KITHI NGENCEKU YAKHE UMOSE!

Isihlabelelo 90
 
1.Ekufikeni kwethu kulelizwe
Lase Mpumalanga
Sazula singena ndawo
Lapha singaphumula khona.
 
2.Kepha wena Nkosi Jehova
Awuzange usilahle
Ekudabukeni kwethu
Wasilondoloza njalo.
 
3.Nanamuhla sesiyakubonga
Wena Dwala labadala
Wena Mthunzi woku phumula Mpompozela phezu kwethu.
 
4.Thina siyesaba umusa wakho
Wehlele phezu kwethu
Hlezi singawugcini
Ulaka lwakho lusehlele.
USHEMBE NOKWANDA KOBU NAZARETHA.
 
1.Kuyinkonzo edlule sigcine uShembe eshiya umuzi wakhe elandela izwi leNkosi. Ekushumayeleni kwakhe, wabuye wahlangana nezinsizwa zaseWeseli, wabe esehamba eshumayela, esindisa abantu ehamba nalezi zinsizwa!
 
2.Esashumayela, wathola umsebenzi kwelinye ipulazi, okwakuthi njalo uma eseshayisile emsebenzini bese eyoshumayela. 
 
3.Kodwa ngobunye ubusuku elele, wabona kufika kuye amadoda amathathu, amtshela ukuthi amlandile ukuba baye naye eMpumalanga beyoshumayela.
 
4.Kodwa uShembe wakhononda kulamadoda, wathi uzokuya kanjani eMpumalanga eshiye unina yedwa, ngoba lapho abathi akaye khona kukude.
 
5.Kwaphela unyaka engakaze ebuyele ekhaya, kwathi ekuqaleni konyaka wesibili wabe eseya ekhaya eyobona unina.
 
6.Kuthe ngelinye ilanga ehleli ekhaya kwaqhamuka umbani ezintabeni zoKhahlamba, wathi nje dwi! Kwase kuvela izwi, lithi: “Lombani uzodla inyama yakho!” Wangazi ukuthi kusho ukuthini lokho.
 
7.Kuthe ntambama wabophela izinkabi ukuyothatha umhlanga. Kwakunenkabi, uKolber, eyayizizela ejokweni.
 
8.Kodwa ngalelo langa yenqaba ukuza ejokweni. Ethi uma eyibiza, inikine ikhanda, ibukeka ikhathazekile.
 
9.Wamangala uShembe ukuthi lenkabi yenzani. Wabe esebiza omunye umfana owayehamba naye, ethi akazombukisa nasi isimanga.
 
10.Naye wafika wasibona isenzo salenkabi. UShembe wabe eseyibopha ngomchilo ekhanda eyidonsa, lomfana wayishaya ngemuva.
 
11.Bathe sebesendleni ebusuku behamba nezinkabi, laguqubala izulu, laqhaphazela amathonsi amakhulu, laduma, washawa uvalo uShembe, wakhumbula leliyazwi elithe: “Lombani uzodla inyama yakho.”
 
12.Khona lapho laduma kakhulu, wabe esebona into encane engangempukane ivela phezulu iza kuye. Ithe lento uma isiseduze kwakhe, yaphenduka inyoni enkulu, enama phiko amakhulu.
 
13.Laduma izulu izikhathi ezinhlanu, kuqhamuka umbani ufuna ukumshaya, kodwa lenyoni imvikela ngalamaphiko amakhulu. Kodwa kwathi ngokwesithupha, umbani wehla wafike washaya lenkabi uKolber, yafa khona lapho!
 
14.UShembe lombani wamshaya ethangeni, waquleka, waze waphaphama esesemzini wenyanga eyayimelapha.
 
15.Ekulenyanga, kwafika izwi likaJehova lathi: “Wena ukhonze unyoko kunami, yikho lombani ubufuna ukukubulala!”
 
16.UShembe lomyalezo kaJehova wawuhambisa kunina. Unina wayesethi: “Namathela kuJehova mntanami, hleze uJehova aze akubulale. Angifuni ukuba ufe, kulungile uhambe uzula ezintabeni, kodwa uphila.”
 
17.Nempela izwi likaJehova labuyela kuShembe, lathi: “Awuzukuphiliswa imithi yalenyanga, kodwa uzophiliswa nguJehova!”
 
18.Yathi uma ifika kuye inyanga wayitshela ukuthi uzoyikhokhela inkomo yayo, kodwa useyahamba ngoba uthe uJehova uzophiliswa nguye, hhayi umuthi! UShembe waphila ngaso leso sikhathi.
 
19.Emva kwalokho wabona ukuthi ayikho indlela yokubalekela uJehova: Sebefile abantwana bakhe, usehlukene nabafazi bakhe, inxuluma lomuzi selishabalele, nonina esemkhulule, engasenalutho ongabambelela kuyo!
 
20.Wasuka lapho owayegulela khona esephilile. Waqala phansi washumayela ezindaweni eziningi eFree State, esindisa abantu, kodwa engasonti ndawo, futhi engabhajadisiwe.
 
21.Ngesikhashana uShembe waduma yonke iFree State, kukhulunywa ngoMprofethi othandazela abantu abakhiphe amadimoni.
 
22.Kwaba noMsuthu owabe kade enguthisha eWeseli, wabe eseba ngumshumayeli ebandleni lase African Native Baptist Church, uSoul Luphuthi.
 
23.USoul Luphuthi wathatheka kakhulu ngalendlela kaShembe yokushumayela ebe ethandazela abantu ebakhipha amadimoni, ngoba leyonto yayingaziwa, kwaziwa ukuthi yagcina ngezikhathi zikaYeshua nabaprofethi.
 
24.USoul Luphuthi wabe esetshela uShembe ukuthi kuzofika abafundisi abakhulu abasuka eGoli ebandleni, wathi ucela uShembe abe khona ngoba futhi kuyoba kubhabhadiswa.
 
25.Nempela uShembe wahlangana nalaba bafundisi, base bemmema ukuthi afike ngakusasa ngoba boba bebhabhadisa emfuleni.
 
26.UShembe wathatheka kakhulu ngalendlela yokubhabhadisa emanzini, ngoba ebandleni lamaWeseli owayeke sonte kulo babe ngayemukile indlela yokubhabhadisa emanzini. Wase ecela ukuba bafike endaweni owayekuyo bezombhabhadisa.
 
26.Wathi uShembe ebhajadiswa wabe esedume izwe lonke ukuthi ungumprofethi. Kwathi mhla ezobhajadiswa kwagcwala abantu abaningi bezobona lesi simanga somuntu sibhajadiswa.
27.UShembe wabhajadiswa nguMfundisi W.L. Leshega owayengumholi we African Native Baptist Church. Wabhajadiswa mhla ka 22 July 1906, umfundisi uLeshega wametha igama lokubhajadiswa elithi u-ISAIAH SHEMBE.
 
28.Lapha asizukuzibala izindawo owahamba kuzo nezimangaliso owayehamba ezenza ekushumayeleni kwakhe eFree State.
 
29.Ngenxa yokuthi wathi ebhajadiswa wayevele esedume njengoMprofethi, eqeda ukubhajadiswa umfundisi uLeshega wamkhulula ukuthi ashumayele njengokuholwa kwakhe iNkosi, kodwa wabe esinikwa isikhundla sokuthi ungumvangeli.
 
30.Mhla umfundisi esemkhulula wamnika isibusiso emkhulekela, wathi: “Hamba mntanami ungabheki emuva, uzishumayeze izizwe, uzibhabhadise egameni likayise nelendoda nelikaMoya ongcwele! UNkulunkulu wakho ahambe phambi kwakho.” 31.Nebandla lasho lonke lathi: “Hamba naye Nkosi ungamshiyi!”
 
“INkosi ikubusise weNceku yeNkosi
Ulihambise weNceku yeNkosi
Nazo izizwe zililindele
Zonke eziphansi kwezulu.
 
32.INkosi ikubusise weNceku yeNkosi
Ikwandisele imihla phansi kwezulu
Zililindele zonke lezo zizwe
Zonke eziphansi kwezulu.
 
33.Noma umndeni wakwaShembe wawudabuka eNatal, kodwa yena wayekhulele eFree State.
 
34.Kusukele ekukhuleni kwakhe kwakuhlale kufika izwi lithi: “Asihambe siyoshumayela eMpumalanga.”
 
35.Esebhajadisiwe, lafika futhi leli lizwi lathi: “Shembe, hamba uye eMpumalanga, ilapho sohlangana khona.”
 
36.Mhla ka 10 March 1910 uShembe wasuka eFree State, wathatha isitimela, wehla eThekwini esiteshini eMsizini. Wafika ebusuku eThekwini, wabe eselala esiteshini.
 
37.UShembe wayeqala ukufika eThekwini, engazi muntu! Wabonwa yinkosikazi yomfundisi uMathe, naye engowase African Baptist Church. Yathi uma imbuka yamdabukela, yabe isithi akaze endlini yakhe.
 
38.Wafika umyeni wayo, yase imbikela ngalesi sihambi esifice silele kabi esiteshini sesitimela. Wasechaza uShembe ukuthi naye ungumvangeli eBaptist Church.
 
39.Wajabula kakhulu lomfundisi, wabe esethi abaye enkonzweni eyayisebusuku. Nempela wahamba naye uShembe. Lomfundisi wabe engazi ukuthi kanti uhamba nesilwane sasezulwini!
 
40.Wathi evula inkonzo, wabe esethi uShembe akayiphathe lenkonzo ngoba wabe esevele eshilo ukuthi ungumvangeli. Wathi uyasukuma uyahlabelela, sesuka isidumo, kwakhala amadimoni, abanye abantu baphuma ngamafastela babaleka, wethuka lomfundisi ukuthi kanti inhloboni yomuntu lo ohamba naye.
 
41.Ngakusasa kwathi koshona ilanga wabe uShembe eselandelwa zihlwele zabantu, wayeshumayela khona eMsizini, ekhipha amadimoni kubantu, enza zonke izinhlobo zezimangaliso!
 
42.Ekufikeni kukaShembe eThekwini wayehamba elala emzini yabantu, kwesinye isikhathi uma engatholwanga muntu othi umlungisele emzini wakhe, alale entabeni.
 
43.Washumayela waze wafika eMgwahume ethandazela futhi ekhipha abantu amadimoni.
 
44.Washumayela waze wafika eVondela, eVokwe, eFiniksi, wakhuphukela eDanganye lapho watholwa khona iNdiya uParsaria elamnika indawo yokulala.
 
45.Wavuka ngakusasa waqonda ngasOhlange ehamba eshumayela, ephilisa abantu abagulayo.
 
46.Bonke abantu abaphenduka wayebanikela kumabandla aseduze, njengamaWeseli nama-American Board.
 
47.Esefikile eNatal uShembe waduma izwe lonke, kodwa waba isitha esikhulu sezimishini; wathukwa kuthiwa ungu mhunguli, uphilisa ngomlingo.
 
48.Kodwa lapho eqhamuka khona abantu babeshiya konke bamlandele, bezwa ukushumayela, ukuphilisa abangakwazi, nababazi ukuthi lesi senzo sagcina ngoYeshua nabapostoli.
 
49.Kwathi uma ephendula abantu, ebathumela kuyizimishini, kodwa zona zabenqaba, zathi azikwazi ukwamukela abantu abaphendulwe umkhohlisi nomhunguli.
 
50.Kwathi uma izimishini sezibaaxosha abantu abaphendulwe nguShembe, bona base bemlandela nomaphi lapha eya khona.
 
51.Uma elala entabeni, nabalandeli bakhe belale lapho elala khona, uma enikwa ngumuntu indawo yokulala, nabo belale lapho elele khona.
 
52.Laba balandeli bakhe uShembe waba biza ngokuthi NGAMA NAZARETHA.
 
53.Alukho usuku lapho uShembe owake wahlala khona phansi waqamba igama lebandla, kodwa wavele wabiza abantu abamlandelayo ngokuthi ngama Nazaretha; kwase kuba NEBANDLA LAMANAZARETHA.
 
54.Kwathatha iminyaka engaphezulu kwemithathu uShembe eshumayela izwe lonke, kodwa engenawo umuzi, ehamba elala ezintabeni.
 
55.Okwanamuhla asizukukhuluma ngokuya kukaShembe entabeni yaseNhlangakazi, ngoba kuyindaba ende, kodwa futhi asizukukhuluma ngokwakhiwa komuzi wase Kuphakameni.
 
56.Kodwa uShembe waya eNhlangakazi ngo 1913, emva kwalokho, kusukela ngo 1914 kwaqalwa ukwakhiwa komuzi waseKuphakameni.
 
57.UBabamkhulu ehla eNhlangakazi ngo 1913, washumayela kuyiTheku namaphethelo alo, wabe esebheka eNyakatho KwaZulu.
 
58.Eningizimu yeTheku washumayela eManzimtoti nase Mbumbulu nakwa Makhutha. KwaMakhutha wakha ithempeli, noma imishini yakhe owayibiza ngokuthi IBEKIZITHA.
 
59.Washumayela emakhosini asemaQadini nakwaShangase; esifundakantolo iNdwedwe wakha amaThempeli ENGONWENI, EGAMENI, nase-HOMIS.
 
60.Enyakatho yeTheku washumayela endaweni yase Verulem, oThongathi, kwaDukuza naseGroutville.
 
61.EGroutvile wahlaselwa ngamakholwa akuleyo ndawo, bamephuca ubhoko lwakhe.
 
62.Sebeluthathile ubhoko balubeka endlini yesonto labo, lwaphenduka lwabashaya lungasaphethwe muntu, balubuyisela kuye sekukubi lubashaya!
 
63.Washumayela wabheka ngaseMsinga; endaweni yakwaMaphumulo wakha imishini noma ithempeli, IKHANGELA.
 
64.Washumayela waze wawela uThukela, wakhuphukela kwelenkosi yase Langeni, inkosi uMhlongo.
 
65.Kulenkosi yakwaMhlongo isizwe sakhona esasesibuswa imishini, samxosha uShembe, waze wemukelwa inkosi yakwaMathonsi esizweni sakwaMathonsi.
 
66.Kulenkosi wakha iThempeli owaliqamba igama wathi kuse-VUNIZITHA; wathi inkosi yakwaMathonsi ivune izitha ezixoshwe kwaMhlongo eNdulinde!
 
67.Wedlula waze wayofika esifundankatolo eMtunzini, wakhuphukela kwesenkosi uNzuza, wafike wakha imishini iJUDIYA.
 
68.Wehlela kwesikaMathaba ehamba eshumayela, wafike wakha imishini iZIBINDLELA. Waqonda enhla kwesenkosi yaseManzimeleni, washumayela ethandazela abantu, lapho wakha imishini iZILIYA ne VELABAHLEKE.
 
69.Waqala wakha umuzi ezintabeni zoNgoye, wawubiza ngokuthi kuse NSALABEBUZA.
 
70.Wathi kuza isikhathi lapha lomuzi uyosuswa lapha, abantu bayobuza ukuthi kwakwakhe bani lapha, abanye bese bethi: kwakwakhe uShembe.
 
71.Nempela ngesikhathi sikaBaba iLanga imishini yamaLuthela yalwa namaNazaretha, wagcinwa ususwa lomuzi iNsalabebuza, yabe isiyokwakhiwa kwenye indawo, sekubhaliswa ngokuthi ngumuzi kaVelemu Mpanza, ubaba wami, kuvikwa amaLuthela ayengafuni ukumbona uShembe eduze kwemishini yakwaManzamnyama.
 
72.UShembe wakhuphukela kwesakwaMkhwanazi eduze kwe-University yasoNgoye. Kukulenkosi lapho okwaphenduka amakhehla akwaMjadu, athi uma ephenduka wayowabhabhadisa elwandle. Lapha uShembe wakha imishini owayibiza ngokuthi KUSENELISIWE.
 
73.Wabheka enyakatho kwesenkosi yakwaDube uMagemegeme. Njengenkosi yase Manzimeleni, lenkosi yaba ngumNazaretha. Yakhula kakhulu yaze yafa isindala kakhulu. Kulendawo uShembe wakha izimishini iBHEKIZITHA ne GIBISILE.
 
74.Washumayela uMprofethi waze wawela uMhlathuze wayofika emakhosini akwaBiyela.
 
75.Noma ukuhamba lezi zindawo kokunye kungalandelani njengoba sisho, kodwa ngo 1930, uMprofethi wathathwa ingelosi yase maMpondweni ukoshumayela emaMpondweni.
 
76.Washumayela waze wafika eMthwalume. Washumayela kuso sonke isifunda saseMzumbe, waye wayofika eMzimkhulu. Kuzo zonke lezi zindawo wayefike akhe amaThempeli noma izimishini.
 
77.EMthwalume wakha iGOSPEL, eNhlangwini wakha imishini ILETHEZINYE, waqhubeka EXOPHO wakha IKHANGELA neBHEKIMESIYA.
 
79.Enyakatho waqhubekela kwelakwa Mthethwa, wenza izimangaliso eziningi, inkosi yakwaMthethwa, uMhlane, yathi uma isihamba emhlabeni yathi uShembe akayigone, yafa uShembe eyigonile.
 
80.Imishini iTHEMBALIMBE isendaweni yakwaMthethwa. Ngaphambi kokufa lenkosi yanikela ngezwe layo kuShembe, yikho amaNazaretha amaningi esezweni lakwaMthethwa!
 
81.Washumayela waye wafika kwaMbonambi eNkosini uManqama Mbuyazi ngase Richards Bay, nayo eyayingumNazaretha. Wakha imishini uMKHAYIDENI, lapho umphefumulo wakhe waphumela khona.
 
82.Washumayela waze wafika enkosi yasemaNdlazini, inkosi uMthiyane, eduze kwase Richards Bay, lapho wakha imishini IMPUNZABANELE. Washumayela enseleni kwesika Khoza.
 
83.Washumayela wawela imfolozi wayewafika kwesikaMtubatuba. Washumayela kwaphenduka abantu, wakha umuzi iBHEKUZULU, KWASISUSOMFAZI naseNSABALELE.
 
84.Waqhubeka waye wafika kwaHlabisa lapho owakha imishini iZILIPHA, waqhubeka eshumayela waze wakha imishini UDUMABESABE!
 
85.Washumayela wangena phakathi kwaNongoma, lapho wakha imishini ILINDA. Wedlulela eNgoje, lapho owakha imishini EDLOZINI.
 
86.Waze wayofika esifundankantolo saso Bonjeni, kwaMhlabuyalingana. Washumayela eBiyela eMkhuze, wakhuphukela ezaintabeni zasoBonjeni.
 
87.Wehlela eMakhathini waze wayofika kwesakwaNxumalo lapho owakha imishini- ILOMBO, esibizwa ngokuthi kuSesibusisweni.
 
88.Wehla wabheka ngasolwandle kwesenkosi yakwaMdluli lapho owakha khona izimishini INTONGANE kanye NEMZIPHATHE manje esibizwa ngeNKANYEZINI.
 
89.Wabheka enhla nenyakatho eNgwavuma lapho owakha khona Imishini-IMPANDE.
 
90.Zonke lezi zindawo wayezihamba ngezinyawo, engenamoto, ngaphandle kokuthi mhlawumbe uma kuseduze naseKuphakameni agibele ihhashi! Ezindaweni ezikuqhelelene kakhulu wayegibela isitimela uma ukhona umzila wesitimela!
 
91.Kodwa kwezinye izindawo uShembe wayefika ngoMoya, afike ashumayele ephilise abantu, kodwa engekho kulendawo ngokwenyama, abantu bengakuboni lokho.
 
92.Eswatini uShembe akaze abe khona ngokwenyama, kodwa njengoba sake sachaza, uShembe wayefika kuMfundisi uHlophe oseSwatini, kwaze kwaba nemishini eSwatini igama layo IMVELABUSHA.
 
93.Ivangeli likaShembe lalithi asikhonze uJehova ngokugcina imithetho yakhe owasilobela yona ngeNceku yakhe uMose. Akakho omunye uMprofethi owake waba nalokhu kukhuluma emva kwaYeshua.
 
94.UShembe wakwenza kwaba isisekelo sobuNazaretha ukugcina umthetho kaJehova, waze wakubhala phansi kuvesi 3 womthandazo wesabatha, lapho ethi:
 
95.“MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKULWANE, NIGCINE IMITHETHO YAKHE OWANILOBELA YONA UJEHOVA NGENCEKU YAKHE UMOSE, UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI.
 
96.UShembe nguyena yedwa kubaprofethi bonke owabuyisa ibandla lamaNazaretha elalisungulwe nguJohane, laholwa nguYeshua noSha’ul.
 
97.Njengoba ngaso sonke isikhathi sikhuluma ngoJEHOVA, sithunywe ukuba sivuselele ivangeli likaBabamkhulu lokuthi SIDUMISE UJEHOVA NGOKUGCINA IMITHETHO YAKHE OWAYILETHA KITHI NGENCEKU YAKHE UMOSE!
 
98.Ngalomlando ngivezela abantu abafuna ulwazi ngenkolo yobuNazaretha, ukuze baqonde ukuthi lenkolo yama Nazaretha akwa Shembe ngeyaba hlubuki iphambene nezimfundiso zomprofethi ngokugcina umthetho kaJehova!
 
99.UShembe wakubhala phansi ukuthi silibandla likaMenzi wezulu nomhlaba, okunguJehova, futhi nguye uJehova owathuma uShembe ukuvusa inkolo yakhe emhlabeni!
 
100.Kuyinhlamba eyisimanga ukuthi amaNazaretha akwaShembe alande umuntu emgwaqeni eshaya amadayisi bezombeka epulpit, okuyindawo kaNkulunkulu, bese ezikhomba yena ethi: “Yimina uNkulunkulu wamaNazaretha!”
 
101.Nawo lamaNazaretha ahalalise, ebonga inhlamba ebhekiswe kuJehova nakumprofethi!
 
102.Thina ma Nazaretha ka Nkulunkulu sifana nezinsizwa zakwa-Israel iNkosi iLanga eyayihlale isifundisa ngazo, oShadrack, oMeshack no-Abednego; asisoze sasikhothamela isithombe esibaziweyo, ngisho bengazama ukusiphoqa ngokusifaka esithandweni somlilo!
 
103.Laba bafana abathathu bathi: “UJehova engasivikela kulesi sithando somlilo. Noma bekunge njalo, kodwa kokwaziwa ukuthi asivumanga ukukhothamela isithombe esibaziwe!”
 
104.NakumaNazaretha kaJehova ngisho njalo, ngithi uma ethanda amaNazaretha akwaShembe akasibulale, esenze noma yini, kodwa kokwaziwa emlandweni nasezulwini ukuthi senqaba ukubiza umuntu ngonkulunkulu, ngoba leso isono sokuqala esingenantethelelo!
 
105.Asisoze sasuka ezimfundisweni zika Babamkhulu, ukuthi sino Nkulunkulu oyedwa, uJehova!
 
106.Ngakho asizuvumi ukulandelwa izithombe emgwaqeni kuthiwa zinguNkulunkulu!
 
107.Ngike ngezwa omunye waseBuhleni ethi uNyazi selake laya enkosini yaseNigeria.
 
108.Kodwa okuseqinisweni naye uphunyukile, ngoba kwafihlwa ukuthi uNyazi lwake lwaya eNigeria!
 
109.Ngaso sonke isikhathi uma uNyazi luya ezindaweni kuyahalaliswa, kube umkhosi owaziwa yiwo wonke umuntu, njengoba kube njalo naseSwatini.
 
110.Umbuzo uthi kwakufihlelwani mhla uNyazi luya eNigeria? Kanti loluhambo loNyazi lokuya eNigeria lwehluke ngani ohambeni lokoshumayela?
 
111.Kuyinto engakholakali ukuthi kanti uma abantu sebehlubuka uNkulunkulu baba yinto enje? Nobuthi uhlakaniphile, kodwa uma esebanjwe ngusathane uba yisiyingayinga osingaqondi! Yini eyenza ukuthi umuntu ohlakaniphile efundisiwe ngoJehova, bese esukela umuntu olandwe emgqaqeni, ongazi lutho ngokukholwa, ethi lowo muntu nguNkulunkulu?
 
112.Lwanyonyobelani uNyazi mhla liya eNigeria? Yini le elaloyifuna eNigeria engekho kuwo wonke amazwe ase Southern Afrika?
 
113.Kungenzeke yini ukuthi nalo, njengabafundisi abaningi, lwalofuna ukuziqinisa ku T.B. Joshua?
 
114.Leli bandla lakwa Shembe liwu bulala sibhekile umsebenzi womprofethi, ngoba lithembe ukuthi sizothi uma sikhuza, sithukwe ngazo zonke izinhlamba, mhlawumbe sibulawe!
 
115.Uthi ke uShembe:“Thina siyesaba umusa wakho Jehova, ngoba wehlele phezu kwethu. Hlezi singawugcini, ulaka lwakho lusehlele!
 
116.Abantu abahlakaniphile nabayaziyo indaba kaNkulunkulu ngabe bayabaleka eBuhleni, ngoba ulaka lukaNkulunkulu oluzogcina ngokubehlele angifisi ukulubona!
 
117.Angikaze ngikubone ukuhlambalaza uNkulunkulu okunje, uqhwage ibandla likaJehova ulenze ibandla lezangoma nongqingili emini, yize wazi kahle ukuthi lesi senzo siwuku hlasela uNkulunkulu, siphambene nemfundiso kaShembe!
 
118.Asisho lutho, wathi uBaba iLanga abalwisa uNkulunkulu sibayeke, kodwa isihlungo siyakuzihlungela!
 
INkosi ibusise izwi layo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *