Skip to content

ISAMBULO SIKASHEMBE NGOBUNAZARETHA

Kunesinye isiprofetho senkosi iLanga amaNazaretha abevame ukukhuluma ngaso, lowo nalowo mholi wakwaShembe kuthiwe ungukubuya kweNkosi iLanga. Kodwa angisasizwa manje!

Ithi ke iNkosi iLanga: “Ngizohamba phakathi kwenu, kodwa emva kweminyaka engamashumi amathathu kuya kwengamashumi amane ngizobuya, kovuka inhlansi emlotheni! Amen!

1.Imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko salenkonzo sithi: “Isambulo sikaShembe ngebandla lamaNazaretha.”
 
2.IZaga 1:24-33 “Ngokuba ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubanga bikho onakayo; kepha nichithile konke ukweluleka kwami.
 
3.Anivumanga ukusola kwami, nami ngohleka ingozi yenu; ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo…..lapho nehlelwa ukuhlupheka nosizi.
 
4.Khona bayongibiza, kepha angiyikuphendula; bayongifunisisa, kepha abayakungifumana.
 
5.Ngenxa yokuba babezonda ukwazi; kabakhethanga ukwesaba uJehova; bengavumanga ukweluleka kwami; bedelela konke ukusola kwami.
 
6.Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo; basuthe ngamacebo abo. Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyobabulala; nokunganaki kweziwula kuyoba bhubhisa.
 
7.Kepha ongilalelayo uyohlala elondekile; agcineke; angabi novalo ngokubi. Amen”
 
8.Igama elithi “Isambulo” lisho isiprofetho ngesigameko noma ngezigameko ezohamba zihambe zenzeke.
 
9.EBhayibhelini abaprofethi abaningi babeba nazo iziprofetho, njengo-Isaya, oJeremia nabanye. KuyiTestamente Elisha sineziprofetho ezimbili ezidumile, yileso sikaYeshua esikuMathewu 24, kanye nencwadi yeSambulo sika Johane.
 
10.Omunye umprofethi owaba neziprofetho eziningi, ezinye zazo esezafezeka, kwakungumprofethi u-Isaya Shembe (ukuthula kube kuye).
 
11.Kodwa namuhla ngizogxila eziprofethweni zeNkosi iLanga.
 
12.Ngiyazi ukuthi iziprofetho zeNkosi iLanga zithinta amaNazaretha ngqo, lokho okuyaye kwenze ukuthi uma umuntu ebona ukuthi lesi siprofetho sithinta yena, avele asivimbe ngokukuthuka!
 
13.Kodwa isiprofetho siyintshumayelo okumele yaziwe ngabantu, ngoba isuke ifakazisa ukuthi oprofethayo usuke ethunywe nguNkulunkulu, ikakhulukazi uma okuprofethiwe kufezeka!
 
14.Kwenye intshumayelo iNkosi iLanga izwakala ithi: “Uma thina boShembe sisithela ngale kwaleliya gquma kovela oShembe abaningi.
 
15.Nalowo uyothi nami nginguShembe, abantu bamlandele; nomunye athi nami ngiwuShembe, abantu bamlandele; nenkawu iyothi nami ngiwuShembe, abantu bayilandele.
 
16.Kodwa ngiyaniyala ngithi uShembe mudleni, ningamgcobi; ngoba uma nimgcoba uyosuka masinyane.
 
17.Ngithi funani uShembe kaMoya, ngoba uShembe wenyama uyaphela, uyadlula. Kodwa uShembe kaMoya yena akedluli.
 
18.Kuzokuhlwa, baningi abazohamba ebumnyameni. UNkulunkulu uzokwenza inkokhelo lapha eKuPhakameni; kuzoba khona inkokhelo yendoda.
 
19.Yayingcono ekaMaMthembu ngoba uNkulunkulu wenza iNkokhelo ngoMfazi, namhla uzokwenza inkokhelo yendoda egqoke ibhulukwe njengami, iyophuma emkhonweni wejazi lami. Amen!”
 
20.Ngiyazi ukuthi amaNazaretha amaningi akazi ukuthi inkokhelo yini. Emva kokuhamba emhlabeni kwaBabamkhulu, kwaba noNkosikazi, uMaMthembu owathi umoya kaBabamkhulu ungene kuye, wayesethi sekunguya umholi webandla lamaNazaretha.
 
21.Lendaba inde, kodwa kafuphi, ekuqhamukeni kwamaMthembu, kwaba nomsindo kuleli bandla, kodwa owagcina ngokunqotshwa!
 
22.Uthi ke uBaba iLanga leso simo sizophinde senzeke ekuhambeni kwakhe emhlabeni.
 
23.Kodwa lenkokhelo iyobe isiphethwe ngumuntu wesilisa, futhi lomuntu wesilisa uyovela enzalweni yakhe.
 
24.Nempela kwaba njalo, umuntu owehlukanisa ibandla lamaNazaretha wavela enzalweni yakhe uBaba iLanga.
 
25.Futhi ekuhambeni kweNkosi iLanga bavelile abaholi abaningi emndenini wakwaShembe. Mhlawumbe manje sebedlulile kwabayisihlanu! Lowo nalowo uthi: “Yimina uShembe!”
 
26.Kunesinye isiprofetho senkosi iLanga amaNazaretha abevame ukukhuluma ngaso, lowo nalowo mholi wakwaShembe kuthiwe ungukubuya kweNkosi iLanga. Kodwa angisasizwa manje!
 
27.Ithi ke iNkosi iLanga: “Ngizohamba phakathi kwenu, kodwa emva kweminyaka engamashumi amathathu kuya kwengamashumi amane ngizobuya, kovuka inhlansi emlotheni! Amen!”
 
28.Ukuthi “Kovuka inhlansi emlotheni” isaga esisho ukuthi kothi sekucatshangwa ukuthi into ethize inqotshiwe, ibuye ivuke!
 
29.Lesi siprofetho seNkosi iLanga amaNazaretha asilandela kakhulu, lowo nalowo ethi umholi wami ongukubuya kweNkosi iLanga!
 
30.U 30 years waphela ngo 2007 uShembe wahamba emhlabeni. Kodwa ngo 2007 kwafika ingelosi uHlaleleni eyathi ihamba nayo iNkosi iLanga!
 
31.Lengelosi yafike yahlala nathi kuze kube namuhla. Okukhulu kunakho konke ukuthi ingelosi, njengeNkosi iLanga, ifike yavuselela ubuNazaretha okwalethwa nguBabamkhulu phakathi kwethu.
 
32.Yasho futhi ukuthi ithunywe yiNkosi iLanga ukuthi izovuselela ubuNazaretha!
 
33.Ngabe isiprofetho sokubuya kweNosi iLanga safezeka?
 
34.Uthi ke uBaba iLanga: “Emva kweminyaka engamashumi amathathu kuya kweyangamashumi amane ngobuya, kovuka inhlansi emlotheni!”
 
35.Okuliqiniso ukuthi kuthe inqubo yobuNazaretha abantu bethi isishabalele, kwavele kwafika ingelosi yabuvusa ubuNazaretha! Angazi ke noma nalesi siprofetho seNkosi iLanga safezeka yini?
 
36.Kodwa namuhla ngifisa ukuveza iSambulo seNkosi iLanga eyasiveza eminyakeni yama 70s, isizohamba emhlabeni.
 
37.Ngicabanga ukuthi lesi siprofetho ngingasifanisa nesiprofethi sikaYeshua esikuMathewu 24!
 
38.Lesi siprofetho sixoxwa ngumfundisi uMadlala owayekhona kwenzeka konke lokhu. Kwabe sekunguye yedwa umfundisi owagcotshwa yiNkosi iLanga, nosanda kwedlula emhlabeni. Uthi ke umfundisi uMandlala:
 
39.”SasiseKuphakameni, nendlu yesonto iseyakhiwa yaphela; sekumnandi!
 
40.Sesijwayele, kukuhle konke; iminyaka eminingi siphila ngezwi. Ngokungena nje siphile singaka thandazelwa nokuthandazelwa.
 
41.Kukuhle Ekuphakameni ngenxa yenkokhelo; udumo luka Shilo lulukhulu; singacabangi lutho olunye ngaphandle kokungena eZulwini. Sasingafisi nokuthintwa umuntu ongakholwa.
 
42.Kwathi ngonyaka othile, iNkosi isikhulile; nami sengingumfundisi, iNkosi yaphatheka kabi kakhulu.
 
43.Emva kwale nkonzo yaphatheka kabi yaze yedlula emhlabeni.
 
44.Kwaku nguJuly sibuthene Ekuphakameni, iNkosi yashumayela intshumayelo ende emayelana nokuzithanda nokuthanda uNkulunkulu.
 
45.INkosi yenaba ikhuluma ngendlela kaShembe, izibeka izindaba ezinhle zokuhamba kwalapha Ekuphakameni.
 
46.INkosi yakhuluma ngesikhathi esizayo sokwanda kobuNazaretha emhlabeni wonke. Ithi ayikho into ezobanhle ukwedlula ubuNazaretha emhlabeni.
 
47.Sajabula kakhulu, sahalalisa; ngoba umuntu omnyama wayengelutho kulezonsuku; nobuNazaretha babuyihlaya, nezimfundiso ziziningi ezimbi ngabo.
 
48.Sasibona ukuthi sesizoba ngabantu abamukelekayo ezweni, sesizohamba ngenkululeko noma siphuma ngaphandle kwelakwaZulu.
 
49.Kuthe seseneme, sambona egqunqa uBaba; wakhala kabuhlungu, wabanzima; kwaphela nasozwaneni kithi; asaze sazi ukuthi sizothini, sesenzeni. Wayivala inkonzo; wasithandazisa.
 
50.Ngaleli langa umthandazo wabamude kakhulu. Ngaze ngavula amehlo, ngabona ukuthi iNkosi isisishiye sodwa, yaphuma eParadeyisi.
 
51.Ngabheka kozakwethu, nabo base bebhekile. UMfundisi Khumalo uyena owathi Amen; yavuma inhlangano.
 
52.Abantu babona ukuthi iNkosi iye yasishiya, bakhala isililo; saba sibi, sabancenga noma kukubi nakithi.
 
53.Saphuma sambheka uBaba endlini emhlophe; samfica ekhala, amaduku esemaningi; nezingane zingasangeni lapho ayehleli khona.
 
54.Sakhala nathi, sazilahla phambi kwakhe, sicela ukuzwa isici nesono sethu.
 
55.Wayehluleka nokusibheka. Isikhathi esingange hora singene endlini eMhlophe enosizi; ekhala; esenesilokozane. Wabe esethi:
 
56.“Nginosizi; inhliziyo yami idabukile; ngiyesaba kakhulu okuzokwenzeka emva kwami. Ngibona igazi ligobhoza lapha Ekuphakameni!
 
67.Lomuzi uNkulunkulu uzowushiya, kube umhume wabaphangi nonondindwa, neziphingi, nabathakathi; kuzosala abafile, bethi bayaphila.
 
58.Uzochitheka lomuzi; usizi lukhulu oluzoba khona emva kwami. ABANTU ABEZAYO NGENKE BAPHENDUKE!
 
59.Ngeke balifune izwi loPhezukonke; ngeke bamlalele nozayo. EMVA KWAMI ABANTU BAYOKHOLWA NGENXA YOKUFUNA IMaLI!
 
60.Ngeke alinake izwi laphezulu, abanye bazofika nemikhuba yabo, amasiko abo; bazokwenza indabuko yabo, le uShembe ayichitha phakathi kwenu.
 
61.Izangoma nabathakathi bayongena ngokuthanda, baphume ngokuthanda. Ababi bayobakhipha abahle lapha Ekuphakameni.
 
62.Emizini yenu ngibona kumi izimbiza zotshwala kuyo, nezangoma zisina emzini yamaNazaretha. Nidla nilobolisa izingane zenu abangakholwa!
 
63.NGIBONA ABANTU BEZA NGAMANDLA LAPHA EKUKHOLWENI. BAZOFIKA BAZI; ABAYIKUVUMA UKUKHOKHELWA; ABAYIKULITHANDA IZWI ELISIBUTHILE!
 
64.Bayofika nokwazi kwabo; bahlakaniphile, banolimi nemibono, nezibonakaliso. Nani niyothatheka, niyilahle indlela kaBaba anishiye kuyo.
 
35.Ngiyanicela, nibafundise abezwayo, nibayeke abangafuni; isihlungo siyozihlungela!
66.Ningavumi noma sekunjalo, nikuphike ongakushongo uShembe phakathi kwenu; nikwenqabe engikwenqabile.
 
67.Bayothi gayani utshwala, lumbani amalumbo, banibuyisele kokuchithiwe; bethi yiyo indlela yokhokho benu, bethi ningayilahli.
 
68.Mina munye umthetho engizonishiya nawo, nengininika wona; ilowo uBaba anifundisa wona.”
 
69.Yabe isiyikhala iNkosi; yadabuka; yahlanganisa izandla kuyo. Yasiyala yathi asime emasangweni; sisho okwakushiwo. Noma kungena izinhlangano,sifundisane ngendlela kaBaba! Amen!
 
70.Le ntshumayelo kaMfundisi uMadlala ibalulekile ngoba iyiSambulo sikaBaba iLanga ngezinto ezazizokwenzeka emva kwakhe. Namuhla esezenzeka zonke sibhekile!
 
71.Okokuqala uthi uBaba ubona emva kwakhe kugobhoza igazi emzini waseKuphakameni. Nempela kwathi isidumbu seNkosi iLanga sisesemakhazeni, amaNazaretha akhanda umuntu ngamatshe, wafela khona eKuphakameni.
 
72.Sekuphele cishe izinyanga eziyisithupha ihambile iNkosi emhlabeni, eKuphakameni kwaba khona umbango wobuholi, kwadutshulwana, kwafa abantu abangaphezu kwabane.
 
73.Lokhu kulwa kwenza uBaba iNyanga yezulu aphume eKuphakameni eyokwakha umuzi waseBuhleni; kwasala sekunama Nazaretha ambalwa eKuphakameni; njengokusho kukaBaba iLanga.
 
74.Emva kwalokho kwahlala kunokubulalana kwamaNazaretha ngisho eNhlangakazi, osekwedlula nemiphefumule cishe engaphezu kweyishumi.
 
75.Okwesibili uBaba iLanga waprofetha ngokwanda kweBandla, kodwa lokhu kwanda okwakuzozala enye inhlobo yamaNazaretha.
 
76.Nempela emva kwaBaba iLanga iBandla lamaNazaretha lakhula ngesivinini; kodwa lokhu kukhula kwebandla kuhamba nokuhlubuka kwamaNazaretha okusobala!
 
77.Kuthe kubonakala eBandleni kwasekunaba thandazi nezangoma; amanazaretha sekuyiwo angompetha ekwenzeni amasiko anjengokuhlabela amadlozi, ukukhuphula, ukungenisa abadala, ukubhula, ukuhlola, ukuphuza utshwala, nokuningi okuphambene nobunazaretha.
 
78.Uthi ke umfundisi uMadlala iNyangayezulu yathi: “Buyelani ebungomeni benu, nibuyele nasemasikweni enu onke uShembe owanikhipha kuwo.
 
79.Okuzibophile kuyozikhulula; uBaba neNkosi banifundisile; niyenqaba ukubuyela ezwini leNkosi! Amen”
 
80.Uyaqhubeka umfundisi uMadlala uthi: “Ngidumele kakhulu sise-Ermelo, ngikhuza ebengikukhuza; kwasuka indoda endala yathi “Siyekeni ngesidala!”
 
81.Nani bantwana beNkosi, ningafani nalendoda; ningenzi njengalaba okwathiwa bayeza, ubuNazaletha bayobenza bufane nezinto zasemhlabeni!
 
82.Siphuma eNkosini iNyangayezulu, njengamanje, nayo idumele ngomsindo olapha egcekeni. Ithi ayazi noma senithi uShembe akaphindele kubo eZulwini yini, noma nizonda yona?
 
83.Ithi ayisafisi ukuba nathi; isiphinde amazwi akhulunywe iNkosi ekhotheme. Ithi buyelani ebungomeni benu, nibuyele nasemasikweni enu wonke uShembe anikhiphe kuwo.
 
84.Okuzibophile kuyozikhulula. Ithi,” uBaba neNkosi banifundisile, niyenqaba ukubuyela ezwini leNkosi.
 
85.UBaba uzothula; kuyoze kusho nina ukuthi sibuyela kuwe Nkosi; usizi nalo uzoludedela lusidle. Amen.”
 
86.Ngalentshumayelo ngikhumbuza lawo maNazaretha afuna ukuya ezulwini ukuthi ukukhathazeka ngesimo esiyiso manje kulelibandla, neNyangayezulu yakhuluma kabanzi ngaso. Isiprofetho seNkosi iLanga safezeka!
 
87.Kulenkulumo uthi uBaba iLanga, “MINA MUNYE UMTHETHO ENGINISHIYA NAWO, NENGININIKA WONA; ILOWO UBABA OWANIFUNDISA WONA.”
 
INkosi ibusise izwi layo!
 
Le ntshumayelo iyatholakala ku YouTube Channel ethi: Rev. Mpanza NCG

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *