Ayikho imfundiso kaShembe ethi ukuze umuntu ahole lelibandla kufanele abe nesibongo sakwaShembe, kodwa imfundiso kaShembe ithi ukuze umuntu abe ngumholi oqondile waleli bandla kumele abe NOMOYA KASHEMBE!
Isihlabelelo 130.
1.Sibuthene lapha
Ebusweni bakho Nkosi
Sincida izembe lezwi lakho
Silincinde ngokugcina.
2.Sitshele zonke izizwe
Umkhondo wezwi lakho
Ufunwa ngabalithandayo
Bavule izinhliziyo zabo.
3.Lingene lingathiwa
Ezinhliziweni zabo
Balithande baligcine
Lelo lizwi lakho.
4.Sanibona makholwa
Nina zitsha ezinhle
Zokuphatha lelo lizwi
Zisinde zonke izizwe.
5.Niyothokoza ngokubongwa
Nibongwa nguSimakade
Ngokugcina leli lizwi
Zisinde zonke izizwe.
UMPROFETHI U-ISAYA SHEMBE NABANYE OSHEMBE.
1.Kujwayelekile ukuthi ngizwe amanye amaNazaretha, ikakhulukazi awaseBuhleni engithuka ethi ngihlale ngishumayela ngabo.
2.Kungagcini lapho, akhona namanye amaKrestu ahlale ekhononda ngokuthi ngihlale ngishumayela ngabo.
3.Kusukela kwafika ingelosi ngo 2010 kuze kube manje ku June 2025, alikho nelilodwa isabatha engingakaze ngishumayele ngalo. Ungacabangake ukuthi kusukela ngaleso sikhathi zingaki izinkonzo zami.
4.Ngaqala ukushumayela ngino 57 years kuze kube manje njengoba sengino 72 years!
5.Zonke izintshumayelo zami ziba nesihloko, futhi zibhalwe phansi. Cishe intshumayelo ngayodwa ingaba ubude obuyi- average engu 17 pages nesikhathi esingaba ihora namaminithi ngaphezulu!
6.Kusukela ngo 2013 kuya ku 2022, sinezintshumayelo ezinama khasi angaphezulu kuka 2100, mhlawumbe manje afikile ku 4000.
7.Lezi zintshumayelo zehlukaniswa izigaba eziningi. Kukhona ezichaza ngobuNazaretha njengenkolo, kube ngezichaza ngomlando wenkolo yobuNazaretha, kube khona ezichaza ngabaholi bamaNazaretha, kube khona ezichaza ngobuKrestu, njalo njalo.
8.Noma isiphi isigaba esikhuluma ngaso siyaye senabe ngaso ukuze kuthi esikuchazayo nabofunda ngakho esikhathini esizayo bengabi nankinga!
9.Ngalezi zintshumayelo asishumayeli, kodwa siyafundisa, sikhanyisele abantu ngayo yonke inkolo yobuNazaretha njengokuthunywa kwethu!
10.Ngicabanga ukuthi ngangifunda u Std 3, lapho okwathi ngilele, ngase ngibona iBhayibheli elikhulu elingaphezu kwaleli Bhayibheli esinalo. Ngaphandle kubhalwe ukuthi: “IBHAYIBHELI LAMANAZARETHA.”
11.Ngajabula kakhulu ukubona leliBhayibheli, ngathi: “Hawu kanti namaNazaretha aseneBhayibheli?” Khona lapho kwavela izwi lathi: “UNGAJABULI, NGOBA LELIBHAYIBHELI LOBHALWA NGUWE!” Ngase ngiphaphama, kodwa angaqonda ukuthi leliphupho lisho ukuthini?
12. kodwa namuhla sengiyazi ukuthi ngathunywa ngingakabi bikho kulelizwe ukuba ngibhale leliBhayibheli lamaNazaretha!
13.Kuza isikhathi lapho leliBhayibheli esilibhala ngokushumayela lofundwa izizukulwane ngezizukulwane.
14.Lenkulumo yeNkosi iLanga ethi ayikho into emhlabeni eyobanhle njengobuNazarethsa, iyosuselwa ekuqondeni ngaleli Bhayibheli lamamaNazaretha.
15.Manje ke angikwazi ukuthi ekwenzeni kwami lomsebenzi kaNkulunkulu, bese ngikhethelwe ngabantu ukuthi ngiwenze kanjani!
16.Miningi imikhuba eyenziwa ngamaNazaretha akwaShembe, ikakhukazi awaseBuhleni, ewukuhlubuka kulelibandla lasezulwini elafika kithi ngoShembe!
17.Muva nje ngibone kunokuhlaselwa okukhulu kuka Siyabonga Thwala ngamaNazaretha aseBuhleni.
18.Kodwa ngakho konke ukwenza, lelibandla laseBuhleni akuselona ibandla, kodwa sekuyi Cult!
19.Yini umehluko phakathi kweBandla ne Cult? Ibandla inhlangano yabantu ekhonza uNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba, kodwa iCult inhlangano yabantu ekhonza unkulunkulu wasebumnyameni ophikisana noNkulunkulu uJehova!
20.AmaNazaretha aseBuhleni akamkhonzi uNkulunkulu onguJehova, futhi ngokusobala sebeyichithile imithetho kaNkulunkulu nezimfundiso zomprofethi ngokukhonza uJehova!
21.Nabo abakufihlile lokho! Ngisho ungaya kuzo zonke izinkonzo zabo uyofica kudunyiswa uNyazi, besho ngokusobala ukuthi sekuyilona unkulunkulu wabo!
22.Akukho lutho ke okuliphutha kulokho, ngoba umuntu nomuntu wenza lokho okuthandayo. Kodwa okuliphutha ukuthi uthi uyi Cult uzenze sengathi ulibandla, uzifanise nebandla likaJehova, kanti wena usuholwa isitha sikaJehova!
23.USiyabonga Thwala akashiyanga ibandla likaNkulunkulu njengoba laliholwa iNkosi iLanga, kodwa ushiye i-Cult ezenza ibandla likaNkulunkulu ngegama lokuthi bangamaNazaretha!
24.AmaNazaretha aseBuhleni asemchithile uJehova nenqubo yakhe yokukholwa, aqhamuka nonkulunkulu wawo, uNyazi, olubafundisa zonke izinto eziyisono kuleli bandla, sebephikisa uBabamkhulu noJejova ngendlela eyamukelekile yokukholwa!
25.Lokho bakufakazise ngokuthi bachithe yonke imithetho kaJehova esayifundiswa nguBabamkhulu; emzini kaNkulunkulu loluNyazi lukhonza nezangoma ngenkani, umprofethi owathi ziyisitha sikaJehova!
26.LamaNazaretha akagcini nokukhonza nezangoma, kodwa afufundiswe ukuthi ahlanganise ukukholwa nokuhlabela amadlozi, into enqatshiwe kulelibandla lamaNazaretha.
27.Ngakho ke umuntu ohlakaniphile angenke ebambelele entweni oyibonayo ukuthi iCult le, ngoba ethi libandla labazali bakhe, yize sebemhlubukile uJehova!
28.LoShembe owanika abazali bakwaThwala umntwana, okwakuyiNkosi iLanga, kwakungumholi wamaNazaretha owayewafundisa ngokukhonzwa kukaJehova!
29.Okwethusayo ukubona izigidi zabantu ziholwa ngumuntu owembethwe ngamadimoni noyogcina ngokuba holela esihogweni!
30.UHerode uNkulunkulu wambulala ngoba abalandeli bakhe bethe unguNkulunkulu, yize yena engakushongo lokho.
31.Kodwa lomholi wamaNazaretha aseBuhleni uzisholo yena ukuthi unguNkulunkulu, lokho okusho ukuthi uyilabo nkulunkulu abalwa noJehova, uyiSatanist, noma iCultist!
33.Umuntu ongumholi webandla uma ethi unguNkulunkulu, usuke eholwa ngumoya kaSathane, ngoba amakholwa asuke emkhethe ngoba ethi uzobafundisa ngoJehova, kodwa yena bese ebavukela phakathi!
34.Lomholi ngike ngamuzwa ethi: “Nina into okufanele nibe nayo ukucela kunkulunkulu onguShembe, kungaba uBabamkhulu, umkhulu iLanga, iNyangayezulu, uThingo, kungaba yimina futhi!”
35.Ungakuphika kanjani ke ukuthi lomholi uselisusile lelibandla lamaNazaretha kuJehova njengoba kubhalwe kanjalo ezihlabelelweni, kodwa uyaziveza ukuthi ungunkulunkulu wobumnyama ofana nalama Cultist esiyaye siwabone kuma film aseNigeria!
36.Kodwa usecasha ngabaholi ababekhonza uNkulunkulu, futhi behlale befundisa amaNazaretha ngokudumisa uJehova yedwa! Lo nguSathane uqobo owembethe umuntu!
37.Uma kungenjalo, ubani umuntu ongumholi webandla owake wathi unguNkulunkulu, ngaphandle kwe Satanist ecashe ebandleni likaNkulunkulu?
38.Noma lelibandla lingakuphika ukuthi likuyi Satanism, kodwa izenzo zalo zibonisa lokho, ngoba liphonsela uNkulunkulu inselelo ebandleni uBabamkhulu owakubhala phansi ukuthi ngelakhe!
39.AmaNazaretha oNyazi ayilahlile imfundiso kaBabamkhulu nabamlandelayo ngokukhonzwa kwaJehova! UNyazi luthi akukhonzwe lona, yilo uNkulunkulu!
40.Kuyihubo 55 uShembe uthi: “Izimpi zifikile, izwe lakithi selifile, hlabani umkhosi omkhulu!
41.Umkhosi wencithakalo sewuphumile, uze kusichitha eNkosini yezulu; uphume nezwi lokonakalisa!
42.Uphume nenkemba ufuna ukweyisa lenkonzo kaThixo ize iphele! Hlomani mabutho sekuzwakele!”
43.Lempi ke efuna ukusichitha eNkosini yezulu, impi yeBandla laseBuhleni eliholwa unkulunkulu uNyazi!
44.Lomuntu waziwa kahle ukuthi kwasekuzalweni kwakhe akaze akholwe, sekuthi ngenxa yesibongo sakwaShembe, esenziwa umholi webandla, usethi usengunkulunkulu!
45.Sesinonkulunkulu ongakwazi ngisho ukufunda iBhayibheli, ongazi lutho ngokukholwa, kodwa sekunguye osekhozwa esikhundleni sikaThixo!
46.Angazi ukuthi uBabamkhulu kanye noShembe abamlandelayo bathini ngalezi zimpi ezifuna ukuchitha inkonzo kaThixo?
47.Kodwa uthi uBabamkhulu: “Sengiyibonile ingelosi yasezulwini, sekuzwakele ukulwa ezulwini. Qinani amandla maqhawe ezulu!” UJehova uzosinqobela lempi yebandla laseBuhleni eselichitha ubuNazaretha ngokusobala!
48.NJengoba sichazile nasenkonzweni yasoKhozini, iNkosi iLanga yakhuluma ngalamabandla akwaShembe, umuntu ovele ebe ngumholi webandla ngokuthi nje ungowakwa Shembe!
49.Uthi ke uBaba iLanga: “Uma thina boShembe sisithela ngale kwaleliya gquma kovela oShembe abaningi.
50.Nalowo uyothi nami nginguShembe, abantu bamlandele; nomunye athi nami ngiwuShembe, abantu bamlandele; nenkawu iyothi nami ngiwuShembe, abantu bayilandele.
51.Kodwa ngiyaniyala ngithi uShembe mudleni, ningamgcobi; ngoba uma nimgcoba uyosuka masinyane.
52.Ngithi funani uShembe kaMoya, ngoba uShembe wenyama uyaphela, uyadlula. Kodwa uShembe kaMoya yena akedluli.
53.Kuzokuhlwa, baningi abazohamba ebumnyameni, Amen!”
54.Ekhasini 126 lwencwadi kaMnyandu ethi: IZINTSHUMAYELO ZENKOSI ILANGA, uBaba iLanga uthi:
55“Yingakho ngihlale ngisho ngithi funani abefundisi ABANOMOYA KASHEMBE. noma bebancane ngeminyaka nibafundise. namakhosikazi nawo engaba ngabafundisi.
56.Kodwa nifune abafundisi ABANOMOYA KASHEMBE. Yize benezono, kodwa ngenke bayifake ingulube lapha eKuphakameni; ngenke futhi bayifake inja notshwala lapha eKuphakameni. Amen!”
57.Ekhasini 82 layo lencwadi kaMnyandu iNkosi iLanga ithi: “UShembe lo owaphemba lobu buNazaretha wayengesiye umuntu, wayevela ezulwini. kodwa wayengaqali ukufika lapha emhlabeni. wayefike ayiphembe lento esibuthene ngayo, ayishiye, acabange ukuthi izosala ilunge.
58.Bese emva kwakhe kuvele abantu abanjengami nje, abaye bathi bangabaholi bengenawo umoya kaShembe, bese beyiphambukisa lento, beyiphendula ngobuthakathaka babo!”
59.Njengoba yasho iNkosi iLanga, izigidi zamaNazaretha zihamba ebumnyameni, kodwa zona aziboni, zithi zihamba ekukhanyeni!
60.Uma kuba nabantu ababonayo ukuthi sekukhonzwa isithixo kulelibandla, uma sebephuma kulo bese belokhu behlaselwa!
61.Ayikho imfundiso kaShembe ethi ukuze umuntu ahole lelibandla kufanele abe nesibongo sakwaShembe, kodwa imfundiso kaShembe ithi ukuze umuntu abe ngumholi oqondile waleli bandla kumele abe NOMOYA KASHEMBE!
62.Njengoba iNkosi iLanga isho, umuntu onguShembe ngesibongo, kodwa engenawo uMoya kaShembe, umbona ngoba esefundisa amakholwa ukuthi unguNkulunkulu!
63.Umbona ngokuchitha yonke imithetho kaNkulunkulu esayinikwa nguBabamkhulu, etholakale esekhonza nezangoma, ephendule ibandla iCult!
64.Umbona ngoba efundisa amaNazaretha ukuhlabela amadlozi, enza zonke izinto eziphambene nokukholwa, bese kuyacaca ukuthi le sekungenye inkolo, hhayi le kaThixo esayifundiswa nguShembe!
65.Kulelibandla likaMenzi wezulu kumele sazi ukuthi sihamba noNkulunkulu, ngakho ke kukho konke esikwenzayo sikwenza sihamba ngokwezimiso zakhe!
66.Kulelibandla awubangwa umsindo emkhosini kaJehova; umuntu umbiza ngokuthi sh! kuphelele lapho!
67.Kulelibandla likaJehova abasinelwa abantu basemhlabeni, kusinelwa uNkulunkulu kuphela. Lento ebonakala kulelibandla laseBuhleni, lapho kusinwa emigwaqeni kufake amavesti, izinsizwa zibophe amabhulukwe ngamaduku, kuyisiboniso sokuthi lelibandla selinomunye unkulunkulu!
68.Umgidi ngumkhosi kaNkulunkulu ongahambi usinelwa abantu emgwaqeni. Akufanele ukuthi amakholwa etholakale ehlale ethatha izithombe elinganisa umgidi, ngoba le into kaNkulunkulu!
69.Imvunulo yomgidi noma yesonto ayifakwa kwenye indawo, futhi awukwazi ukuyeboleka umuntu ukuba ayifake kwenye indawo, ngaphandle kwasemgidini noma enkonzweni. UmNazaretha akagiyi njengensizwa yomgangela!
70.Kodwa ukugcwalisa ukuthi ibandla laseBuhleni seliyi Cult, kubonakala ngokushintshwa kwengubo emhlophe iblonywe ibe buhlaza, ithungwe izitayela!
71.Akakho umuntu ongazi ukuthi ingubo emhlophe inemithetho eminingi, ayigqokwa ngaphansi kwenye ingubo, ayibekwa ngaphansi ezingutsheni, futhi ayikwazi ukuthungwa isitayela ngaphandle kwendlela esakufundiswa ngoMprofethi, ngoba le ingubo yasezulwini. Kodwa eBuhleni umnazaretha usuyingubo yokuswenka!
72.Lelibandla limhlubukile uJehova, lathi unkulunkulu walo uNyazi! Manje licabanga ukuthi ngoba likhulu, lizokwazi ukuchitha bonke abantu ekukhonzeni uNkulunkulu ophilayo!
73.UbuNazaretha buyindlela encinyane ehanjwa ngabambalwa! Uthi ke uShembe: “Uma uthanda ukusilandela ubozidela kuqala, ungayesabi imiyalo ephelisa amandla! Lelibandla laseBuhleni alizimele, lingasho ukuthi lingamaNazaretha, bese lenza lobu bu Cult balo!
74.Kodwa ngifisa ukuba kafuphi kengiqondise lezi zinkulumo zalompostoli ozenza usiyazi ngobuNazaretha, kodwa ebe engazi lutho ngisho ngobuKrestu!
75.Ayikho into eyinkinga njengokufundisa ifanatics, yikho ngingazukuchitha isikhathi esiningi ngiphikisana nalompostoli wakwaMbatha!
76.NjengomNazaretha, nathi siyamvumela uMbatha uma ethi akakho umuntu okholiwe owake wazikhomba wathi unguNkulunkulu, noma ulingana noNkulunkulu, ngaphandle komuntu ongenwe umoya kaSathane!
77.Kodwa ukuba lompostoli uyayazi into okhuluma ngayo, ngabe uyazi ukuthi bekungafanele ehlasele ibandla lamaNazaretha ngesenzo nathi esingamaNazaretha elisithusayo! Manje sonke usifaka ebhodweni linye nebandla laseBuhleni!
78.Ngisho kwawona amaNazaretha oNyazi, angenke athi ukhona umholi wakulelibandla owake wazikhomba wathi unguNkulunkulu!
79.Ngakhoke ukukhuluma kokuthi umholi webandla ungunkulunkulu, kungavela kumuntu owembethwe ngumoya kasathane kuphela!
80.Kodwa uMbatha usethole izinhlamba ozothuka ngazo uShembe(okunguBabamkhulu), namaNazaretha onke, usesizakele ngalokhu kusangana okwembethe amaNazaretha aseBuhleni!
82.UMbatha akazi lutho ngenqubo yokukholwa kwamaNazaretha! Ngenke nje asho ukuthi inqubo yokukholwa yeNCG imi kanjani?
83.Mina angilokothi ngikhulume ngento ngingalwenzanga ucwaningo ngayo! UbuKrestu nobuNazaretha ngicwaninge kabanzi ngabo. Ngakho nginolwazi olunzulu ngalezi zinkolo ezimbili!
84.Kungumlando oliqiniso ukuthi akaze abe khona emhlabeni umuntu onguJesu! Igama elithi “Jesus” lavela eminyakeni yo 500 A.D!
85.Umuntu owaba khona kusukela ku 6 A.D kuya ku 33 A.D kwaba ngu Yeshua Hamashiagi, onguHebheru!
86.Kodwa futhi uYeshua akaze abe senkolweni yamaRoma ebizwa ngokuthi ubuKrestu, kepha waba ngumprofethi nomholi webandla lamaNazaretha enkolweni kaMose!
87.KuyiZenzo 24:5 kuthi uPaul wayengumholi wehlelo lamaNazaretha. Kodwa uMbatha angenke angichazele ukuthi iliphi lelihlelo lamaNazaretha elaliholwa nguPaul?
88.Kodwa iqiniso lomlando ukuthi uPaul waba ngumholi wehlelo lamaNazaretha ngoba wabe engumpostoli ebandleni likaYeshua okwakunguye owayengumholi wamaNazaretha!
89.UYeshua wayengaphansi kwenkolo kaMose, okwathi ekunqotshweni kwamaJuda ngamaRoma ngo 70 A.D, amaRoma abe eseyiqeda lenkolo ngamaCreeds, esikhundleni sayo abe esemisa inkolo yamaRoma okungubuKrestu!
90.Enkolweni yamaHebheru okuyinkolo kaMose, uYeshua wayaziwa ngokuthi ungumprofethi, kubuye kuthiwe uyinceku kaNkulunkulu!
91.Ku Luke17:16 kuthi: “Bafikelwa ukwesaba bonke, bamdumisa uNkulunkulu bathi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu.”Besho uYeshua!
92.Kodwa ngenkathi uYeshua eseba nguJesu enkolweni yamaRoma, wabe esevunuliswa ngama titles owayengenawo enkolweni kaMose!
93.Kuyimfundiso yamaRoma ukuthi uYeshua uyiNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu. Kodwa inkulumo enjalo ayikaze ibe khona enkolweni kaMose!
94.KuLuka 24:19 kuthi: “Wayesethi kubo: Zinto zini na? Bathi kuye: “NgoJesu waseNazarewtha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kwaNkulunkulu.”
95.KuMathewu 21:10 kuthi: “Izixuku zathi: “Lo ungumprofethi, uJesu waseNazaretha laseGalile!”
96.KuJohane 7:40 kuthi: “Abanye besixuku sebezwa lawa mazwi bathi: “Lo ungumprofethi isibili!” besho uYeshua!
97.Njengoba sesishilo, uYeshua wayengaphansi kwenkolo kaMose, kanti kulenkolo asikho esinye isikhundla sesithunywa sikaNkulunkulu ngaphandle komprofethi!
98. Kodwa enkolweni yamaRoma uJesu akabange esaba iloYeshua owayesenkolweni kaMose!
99.UMbatha uveza isihlabelelo samaNazaretha esisodwa bese echaza uShembe ngaso, kodwa uShembe wabhala izihlabelelo ezingaphezulu kwa 200 uMbatha ongazazi, ngoba akafunde lutho ngoBabamkhulu!
100.Kusihlabelelo 139 uShembe uthi: “Ufikile uMthokozisi. Mlandeleni zizwe nonke. Mlandeleni makhosikazi akithi, mlandeleni zintombi zakithi. Kwathiwa akayikusishiya sisodwa, ufikile simzwile.”
101.Kulesi sihlabelelo uBabamkhulu uchaza uJohane 16 lapho khona uYeshua ethi ezulwini uyofike acele kuNkulunkulu ukuba alethe uMthokozisa noma uMduduzi ukuba ahlale nathi. Uthi ke uShembe loMduduzi onguMoya ongcwele, nguShembe!
102.Ngiyazi ukuthi ngoba uMbatha ungumKrestu, uzomphikisa uShembe kuleli hubo uma ethi ngoMoya ongcwele uYeshua wayeqondise kuye. Lencazelo uzoyiphikisa ngoba iphambana nencazelo yobuKrestu.
103.Kodwa awukwazi ukuphikisa imfundiso-nkolo yenye inkolo ngemfundiso-nkolo yenkolo yakho. Mina engikuphikisayo ngoJesu kungumlando, hhayi ngoba ngingumNazaretha, ngikuthathe emilandweni yezincwadi zawo amaKJrestu!
104.Ngiyazi ke ukuthi lompostoli uzovele eklaye ebhekise le, ekhulume into engalandeleki, ngoba ubuswa inzondo yobuNazaretha!
105.Umuntu ke oyifanatics uyaye afune kulandelwe lokho okukholwa nguye, noma engazi lutho ngisho ngenkolo yakhe!
106.Sikhuluma ngomprofethi u-Isaya Shembe nabanye oShembe. uBabamkhulu uyise nguMayekisa, kaNhliziyo kaMzazela Khumalo.
107.UMzazela wayakhe kwaCeza kuyisifundakalo saseMahlabathini KwaZulu. Wasuka emahlabathini wayokwakha eNtabamhlophe, e-Escourt, ebalekela izimpi zenkosi uShaka.
108.Esendleleni, kwafika izwi lathi uma ufika eNtabamhlophe ngenke usaziwa ngokuthi unguKhumalo, kodwa uyobizwa ngoShembe!
109.EseseNtabamhlophe wazala uNhliziyo, yena wazala uMayekisa owaganwa yintombi yakwaHadebe, uSitheya.
110.Ziningi izinto ezenzeka kuSitheya ezazibonisa ukuthi uyintombi ekhethiwe ezulwini, kodwa egqamile yile:
111.Kwathi esehlathini etheza nezinye izintombi bezwa iphunga elimnandi ababengazi ukuthi livelaphi.
112.Besalifuna leliphunga, babona imbali enhle isimanga enayo yonke imibala. Bagijima baya kuyo, kodwa uSitheya wagijima wabedlula, uthe uma efika kulembali, wayikha wabe eseyifaka emlonyeni eyigwinya.
113.Kwathi eseya ekhaya eyedwa, kwase kukhuluma izwi kuye lathi: “Lokhu okugwinyile bekungasiyo imbali, kodwa bekungumoya ongcwele; uyozala umntwana oyobe eyisikhonzi sikaNkulunkulu, igama lakhe nguShembe!”
114.Eseganile kwaShembe, kwathi uSitheya ezobeletha ngakusasa, kwafika izwi kuNhliziyo, lathi lomntwana ozobelethwa igama lakhe nguShembe.
115.Wathi ezalwa umprofethi, uyisemkhulu wathi nguShembe, kodwa uyise wathi uMdliwamafa. Leli lika Mdliwamafa alaze lachuma!
116.Sesikusho kaningi ke ukuthi igama elithi SHEMBE kwakuli gama lomprofethi owayaziwa ngalo. iNkosi iLanga yayikwejwayele ukuthi uma ikhuluma ngoBabamkhulu ithi “uShembe wathi!”
Ngakhoke kufanele sehlukanise phakathi kwegama”SHEMBE” nesibongo sakwaShembe.
INkosi ibusise izwi layo.