NguJohane owabhabhadisa uYeshua, wabuye wamgcoba ukuba abe ngumpristi omkhulu emva kwakhe!
NGAKHO KE AKULONA IQINISO UKUTHI INAZARENE SECT NJENGABAFARISI, IYIHLELO ELAVELA MUVA, NGOBA LELIHLELO LALIKHONA NGESIKHATHI SIKAYESHUA.
Ngathi uma ngiqhubeka nocwaningo, ngathola ukuthi ivangeli likaPaul lalingomthetho kaMose nezimfundiso zikaYeshua!
Isihlabelelo 208
1.Thabani, thabani
Bufikile ubuNazaretha
Thabani, thabani
Izizwe zosinda
Ebezihlakazekile
Zizula emahlane
Ngezwi lakho.
2.Thabani, thabani,
Bufikile ubuNazaretha
Thabani, thabani
Izizwe zosinda
Buphelile ubumnyama
Jabulani nithokoze
Zizwe zonke.
3.Izizwe eziningi
Eziphansi kwezulu
Sizibona zihlakazekile
Zihlabelela zijabhile.
4.Thuthuka, thuthuka
Thuthuka buNazaretha
Thuthuka, thuthuka
Izizwe zomile
Zifuna ukuphuza kuwe
Zikholwe zichichime
Ngezwi lakho.
UYESHUA HAMMASHIASH WAYENGUMHOLI WEBANDLA LAMA NAZARETHA.
1.Ngalentshumayelo ngiphendula inkulumo kaMgobhozi kuyi- slot sakhe esithi: “My Theology Corner”, lapho ethe “Ubaba uMpanza wenza iphutha uma ethi uYeshua wayengumholi webandla lamaNazaretha.”
2.Kuningi ke okunye okushilo uMgobhozi ukubonisa ukuthi mina nganginephutha uma ngithi uYeshua wayengumholi webandla lama Nazaretha.
3.Kodwa ke ngalokho angilwi naye njengoba yena ecabange lokho, ngoba ubeveza umbono wakhe, futhi konke akushoyo mhlawumbe kusukela ocwaningweni lwakhe.
4.Umehluko phakathi kwaMgobhozi nami ukuthi yena ubuka inkolo ngokwemfundiso-nkolo (theology) yobuKrestu, kanti mina ngibuka inkolo ngokomlando(history) wenkolo nenkolo!
Imfundiso-nkolo (itheology) yakhelwe phezu kwemibono yezifundiswa ezisuke zinayo ngesimo senkolo nenkolo; kanti umlando noma ihistory yakhelwe phezu kweqiniso noma i-reality ngokwenzeka ngaphambili. Ukuthi uYeshua wayengumholi wama Nazaretha ngamaqiniso omlando wenkolo i-Mosaic Faith!
5.Mina angiyikhulumi into engingayicwaninganga, ngisho kufika ingelosi kimi ithi into ethize imi kanje, kodwa ngaphambi kokuba ngiyifundise abantu ngayo, ngiyaye ngenze ucwaningo ngokwami ukuze ngikumele engikukhulumayo!
Ngethemba ke ukuthi uMgobhozi uzokweneliseka ilempendulo engizomnika yona!
6.Kujwayelekile ukuthi uma kukhulunywa ngamaNazaretha, amaKrestu bese ecaphuna incwadi kaNumeri 6, bethi iyona echaza amaNazaretha; okusho ukuthi ubuNazaretha isifungo osithatha okwesikhashana.
7.Kodwa ukuchaza umNazaretha akukho kuNumeri 6 kuphela. Angazi ke ukuthi ezinye izincwadi azifundwa ngani?
8.KubaHluleli 13:4-5, lapho ingelosi ikhuluma nonkosikazi kaManowa ithi: “Ngalokho ake uxwaye ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolile, ngokuba bheka, uyakukhulelwa uzale indodana, impuco ayiyi kuyithinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNazaretha.”
9.USamson wayengasenzanga isifungo sesikhashana sobu Nazaretha, kodwa wathi ezalwa wayengum Nazaretha, ngoba ubuNazaretha kuchaza ubungcwele.
10.KuNumeri 6:5 kuthi: Zonke izinsuku zesethembiso sakhe sobuNazaretha kungasondeli mpuco ekhanda lakhe; UYAKUBA NGCWELE zize ziphelele izinsuku azahlukanisela ngazo kuJehova, avume isihluthu sezinwele zekhanda lakhe sikhule.”
11.Ku Samuel wokuqala isahluko 1:11 kuthi: U(uHana) wenza isethembiso, kuJehova wathi: “Jehova wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho, ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho, yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyakumnikela kuJehova ZONKE IZINSUKU ZOKUHAMBA KWAKHE, AKAYIKUTHINTA NSINGO EKHANDA LAKHE.”
12.UMprofethi uSamuel wayengumNazaretha kwase kuzalweni kwakhe waze wafa engumNazaretha!
13.KuLuka 1:15 ingelosi yathi: “UJohane uzoba mkhulu emehlweni eNkosi, akayikuliphuza iwayini nophuzo olunamandla, uzakugcwaliswa nguMoya ongcwele esese siswini sikanina.” NoJohane waba ngumNazaretha kwasekuzalweni kwakhe!
14.Ngakho ke baningi abantu ababa ngamaNazaretha kwasekuzalweni kwabo.
15.Sengathi kungathi uma abantu bekhuluma ngamaNazaretha bengagcini ngamaNazaretha aku Numeri 6 kuphela, ngoba kulo lonke iBhayibheli bakhona abantu ababeba ngamaNazaretha impilo yabo yonke!
16.Ngokomlando uYeshua Hammashiack, owayengumHebheru, enkolweni yobuKrestu osebizwa ngoJesu, wazalwa phakathi kuka 4 kuya ku 6 A.D, wabulawa ngo 33 A.D.
17.Unina kwakungu Maria, uyise kunguJosefa, engaphansi kwenkolo kaMose, iMosaic faith.
18.Futhi siyavumelana ukuthi kwagcizelelwa nguye uYeshua kuMathewu 10:5-6 ukuthi inkolo kaMose ishunyayelwe kubantwana bakwa-Israel kuphela!
19.Kodwa emva kokuhamba kukaYeshua, cishe ngo 55 A.D, abafundi bakaYeshua baphuma eJerusalema bayoshumayela inkolo kaMose nevangeli likaYeshua kwabezizwe.
20.Lapha sihlanganisa nompostoli uPaul, yena owajoyina inkolo kaMose muva uYeshua engasekho emhlabeni.
21.Ngokwemfundiso yobuKrestu uYeshua no Paul babengamaKrestu, kuze kube nemfundiso ethi inkolo yobuKrestu yasungulwa nguYeshua, yaqhutshwa nguPaul!
22.Kodwa umlando obhalwe phansi uyakuphika lokho! Umlando uthi uYeshua waze wahamba emhlabeni engakaze akubone ubuKrestu, kanjalo noPaul. Lomlando sizobuye siwuchaze.
23.Uthi ke uMgobhozi ngenza iphutha uma ngithi uYeshua wayengumholi webandla lamaNazaretha. Kodwa kuyiZenzo
24:5 kuthi: “Ngokuba lendoda siyifumene iyishinga, ivusa ukwambuka phakathi kwabaJuda ezweni lonke, iyinhloko yehlelo lama NamaNazaretha.” Igama amaNazaretha liyisizulu, lisho “Nazarenes.”
24.Lenkulumo yashiwo ngamaJuda ayephambene nebandla likaYeshua ngisho esaphila.
25.Angazi noma uMgobhozi uyakuphika yini ukuthi uPaul WAYENGUMHOLI WEBANDLA LAMANAZARETHA njengoba iZenzo 24:5 zisichazela kanjalo, noma uthi nguPaul yedwa owaba ngumholi webandla lamaNazaretha, kodwa hhayi uYeshua?
26.Angiqondi ukuthi uPaul wayengumholi webandla lamaNazaretha kanjani uma uYeshua wayengazani nalelibandla!
27.Kusobala ukuthi kunamaqiniso ahlanekezelwe ngoba lenkulumo ekuyiZenzo 24:5 iyadida!
28.Ilesi sizathu ke esangiholela ekwenzeni ucwaningo olunzulu ngaleli gama lamaNazaretha eseliqhamuka nje esikhaleni.
29.Ocwaningweni lwami ngathola ukuthi ngesikhathi uYeshua esaphila, enkolweni yobuJuda kwakunama hlelo noma ama Sects amathathu.
30.Kwakungaba Sadusi, abaFarisi nama -Essenes, kuwo okwavela amaNazarenes.
31.Ama-Essenes kwakungamaJuda afana neNCG, egcizelela ukukholwa ngokugcina umthetho kaNkulunkulu!
32.Kodwa leligama elithi ngamaNazarenes noma amaNazaretha lafihlwa kuyiNew Testament ngezizathu ezaziwa yiwo amaKrestu!
33.AmaKrestu abuye akufihla ukuthi uJohane wayengumprofethi, hhayi umbhabhadisi!
34.AmaKrestu kuyiTestamente lawo balichitha futhi igama likaJehova, njengoba lase lichithiwe kudala ngama Creeds!
35.NguJohane owabhabhadisa uYeshua, wabuye wamgcoba ukuba abe ngumpristi omkhulu emva kwakhe!
36.NGAKHO KE AKULONA IQINISO UKUTHI INAZARENE SECT NJENGABAFARISI, IYIHLELO ELAVELA MUVA, NGOBA LELIHLELO LALIKHONA NGESIKHATHI SIKAYESHUA.
37.Ngathi uma ngiqhubeka nocwaningo, ngathola ukuthi ivangeli likaPaul lalingomthetho kaMose nezimfundiso zikaYeshua!
38.KuyiZenzo 28:22-23 kuthi: “Kepha thina siyathanda ukuzwa ukuthi ucabangani, ngoba siyazi NGALELI HLELO ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.” Besho ihlelo lamaNazaretha!
39.Liyaqhubeka ivesi lithi: “Sebemmisele uPaul usuku, baya kuye endlini ngobuningi, wabacacisela efakaza NGOMBUSO KANKULUNKULU, ebanxenxa ngoJesu ETHATHELA EMTHETHWENI KAMOSE NABAPROFETHI..!”
40.Zimbili izinto eziphikisanayo ngoPaul okumele zicace lapha; ukuthi “UPAUL WAYESHUMAYELA NGOMBUSO WEZULU ETHATHELA EMTHETHWENI KAMOSE NASEZIMFUNDISWENI ZABA PROFETHI, kodwa ezincwadini zakhe simthola ewuchitha umthetho kaMose! Okwanamuhla asizukhuluma ngalokho!
41.Emva kokuba abapostoli ngo 55 A.D bephume eJerusalema ukoshumayeza abezizwe, kusukela ngo 66 A.D kwaba nezimpi phakathi kwamaJuda namaRoma, okwathi ngo 70 A.D amaJuda anqotshwa!
42.Umlando wempi yamaJuda namaRoma, kanye nomphumela waleyompi, uzowuthola encwadini ethi FROM BABYLON TO TIMBUKTU, ebhalwe nguprofesa Windsor!
43.AmaRoma esewanqobile amaJuda, ayichitha nenkolo yawo ababeyibiza ngokuthi inkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaMose! Abantu ababetholakala beqhuba lenkolo babebulawa!
44.Kodwa ngo 325 A.D, sekukhona umbusi uConstantine, okokuqala wasungula inkolo yobuKrestu, okwesibili inkolo yamaHebheru wayiqeda ngama Creeds.
45.Okuyisimanga ukuthi amaKrestu amnyama akalokothi ekhulume ngalama Creeds aqeda inkolo yamaHebheru, okuyinkolo yawo!
46.Kafuphi, lama Creeds ami kanje: “Ngiyayichitha yonke imikhosi, nemicimbi, nemithetho, ukudla isinkwa esingena mvubelo, iminikelo yamawundlu eyenziwa ngama Hebheru.
47.Ngichitha nayo yonke imikhosi yama Hebheru, iminikelo, imithandazo, ukuzi ngcwelisa kanye nokudumisa kwabo.
48.Ukuzila kwabo, imikhosi yokweshwama, amaSabatha, amahubo, nezaga, nenkoloze yokuya kwabo ukuyokhonza emathempelini.” Kafuphi kuchithwa lonke iTestament Elidala. Kodwa ngaleso sikathi lalingakabi khona iBhayibheli!
49.“Mina ngokwami ngithi angikufisi nakancane ukuthi kube khona ukubuya kule nkoloze yamaJuda, noma ukutholakala ngidla namaJuda, noma ngenza imikhosi kanye nabo, noma ngandlela thile kukhulunywa nabo ngasese kuphikiswana noma kugxekwa inkolo yobuKrestu.
50.Kunalokho uma kukhona ukukhuluma nabo kufanele kube ukuthi bayatshelwa ngokusobala ukuthi bashiye lomsangano wabo wenkolo yamaJuda.(Okuyinkolo kaJehova).
51.Uma eke wabakhona otholakala enza lokho noma yimina uqobo, ngiyacela isiqalekiso sikaKhayini noma isifo sobulepheru buka Gehazi sivele sehlele kimi ngaleso sikhathi.
52.Noma nhloboni yesijezizo sokwephula umthetho ngiyase mukela njengesingi fanele.” Amen!
53.LamaCreeds aba khona iNew Testament ingakabi khona. Ngakho iNew Testament lakhiwa phezu kwesisekelo sokuthi inkolo kaMose isichithiwe.
54.Lemfundiso-nkolo ethi “Asiphili ngaphansi komthetho” iyibeka ngokuhlonipha imfundiso yobuKrestu echitha umthetho kaMose ngama Creeds!
55.Ngakho ke asikho isidingo sokuba size sivule iBhayibheli siphikisane ngemithetho kaNkulunkulu, kuhlanganisa nesabatha, ngoba isabatha lachithwa ngamaCreeds kudala lingakabi khona iBhayibheli!
56.ICreed yamaRoma eyachitha iSabatha lingakabi khona iBhayibheli imi kanje: “Ngiyawemukela onke amasiko, imicimbi, imithetho, nemikhosi yama Roma.
57.Ngamukela nomkhosi weSabatha likankulunkulu oyilanga “Sol dei” noma Sun-day.
58.Ngalokho usuku lwangeSonto elokukhonza uJesu iNkosi, njengoba bekade lwaziwa ngokuthi usuku lwenkosi uBhali, uma uBhali ekhonzwa ngalolusuku ngoba eyinkosi, kanjalo noJesu ukhonzwa ngalo ngoba eyinkosi!
59.AmaKrestu angenzi ubuJuda agcine iSabatha, kodwa kufanele asebenze ngalolu suku, kodwa bahloniphe usuku lwenkosi uBali, okuyiSonto!
60.Otholakala esebenza ngalolu suku lwesabatha lwamaJuda uyojeziswa!”
61.LamaCreeds akubeka ngokusobala ukuthi kungani amaKrestu kungafanele agcine isabatha!
62.Lenkolo yobuKrestu yakhiwe ngendlela yokuthi uma ungawazi umlando wayo, ucabange ukuthi ubuKrestu kungukuqhubeka kwenkolo yamaHebheru, kanti akunjalo, ubuKrestu bayiqeda kudala ngama Creeds inkolo kaJehova!
63.AmaRoma ayengazimisele ukuba ngaphansi kwenkolo yesizwe abalwa naso basinqoba!
64.UDr Koster encwadini yakhe ethi COME OUT OF HER MY PEOPLE, ukuchaze kahle ekhasini 60 ukuthi uYeshua noJesu ngabantu abehlukene lapho ethi:
64.“Abezizwe babemfuna uMsindisi, kodwa hhayi lo oliJuda, (esho uYeshua) ngoba babewazonda amaJuda, bezonda no-Elohim okuTestament Elidala, (okungu Jehova), ngalokho base bezakhela umsindisi wabo oliGriki (esho uCaesar Borgia owagcina esengu “Jesu!”).
65.Abezizwe bamchitha uYeshua owabe eliJuda, base bezakhela umsindisi wabo, okwakuyinsizwa yeNtaliyane noma iGriki, uCaesar Borgia, eseba ngu Jesu ongumsindisi enkolweni yobuKrestu!
66.Maqondana nokuthi uYeshua wayengumholi wamaNazaretha, kuyikhasi 10 lencwadi ka Rav Sha’ul, ethi THE NAZARENE: Betrayed, Beaten….Begotten! kuthi:
67.“Abantu abaningi sebeqala ukuqonda ukuthi abalandeli bakaYeshua kwakungama Nazaretha, hhayi leli gama labezizwe, amaKrestu!
68.Ngoku tholakala kwama Dead Sea Scrolls, okuyimibhalo yamaHebheru emidala eyabakhona noYeshua engakazalwa, nasekhulwini leminyaka yokuqala, sesinolwazi ngebandla lamaNazaretha elaliholwa nguYeshua.”
69.Ekhasini 25 uSha’ul uyaqhubeka uthi: “Siyazi ukuthi ibandla lamaNazaretha lasungulwa nguMprofethi uJohane.
70.NguJohane owafundisa uMesaya, okunguYeshua, wamcijela ukuba abe nguMpristi oMkhulu.
71.UYeshua wakuthatha kuJohane ukuhola ibandla lamaNazaretha.
72.Okwathi ekugcineni leli bandla lamaNazaretha laholwa nguMpostol uSha’ul.” Amen
73.Uyaqhubeka futhi uRav Sha’ull uthi: “UJakobe Olungileyo (James the Just) wathatha lo msebenzi engasekho umnewabo ongu Yahusha, wahola amaNazaretha akuqala.
74.USha’ul (noma uPaul) onguMpostoli wabe esethatha wona lo msebenzi kuJakobe Olungileyo wabe eseba ngumholi onohlonze kakhulu wamaNazaretha emlandweni (kunguYahusha kuphela owayemedlula).”
75.Mhlawumbe kumele ngithi ukuchaza ngama Dead Sea Scrolls uRav Shaul okhuluma ngawo.
76.Ama Dead Sea Scrolls imibhalo yasendulo eyatholakala ngasemigedeni iQumran kusukela onyakeni ka 1947 kuya ku 1956.
77.Lemibhalo yasendulo icacisa kabanzi ngomlando wama Yisra’el, ikakhulu indlu kaJuda, namasiko, kanye nemibhalo yokuqala yeBhayibheli lesiHebheru.
78.Asizukwenaba kakhulu ngokuningi okukulama ngamaScrolls ngaphandle kwalokho okuqondene nebandla lamaNazaretha.
79.Ukutholwa kwalama scrolls kwaholela ekumbiweni kwemigede ewu 11, okwaveza imibhalo yesandla engaphezu kuka 900 ebhalwe ngesiHebheru, bese kuba ngemibalwa ebhalwe ngesi-Aramic nesiGriki!
80.Kukholakala ukuthi lama scrolls ayebhalwe yihlelo lamaJuda elabe laziwa ngelama-Essenes, ayehlala endaweni yase Qumran.
81.Lomphakathi wabakhona kusukela ku 100 B.C. kuya ku 68 A.D, okungubufakazi bokuthi eminye yalemibhalo yabhalwa uYeshua esanda kuhamba emhlabeni.
82.Lama scrolls abe lusizo olukhulu kuma scholars ngoba acacisa ngomlando wokubhalwa kweBhayibheli lesiHebheru, bese eqhathanisa kalula nemibhalo yeBhayibheli esilisebenzisayo!
83.Mayelana nokuqonda phakathi kwaYeshua noJesu, kanjalo naphakathi kwamaNazaretha (Nazarenes) namaKrestu, kuma Dead Sea Scrolls kukhulunywa kuphela ngoYeshua namaNazaretha, alikho igama likaJesu nelobuKrestu!
84.Lokhu kuyisiqiniseko ukuthi enkolweni yamaHebheru, eyaze yaqedwa ngamaRoma emva ka 70 A.D, wayengekho umuntu onguJesu kanye nenkolo yobuKrestu!
85.Kuma Dead Sea Scrolls amaNazaretha abizwa ngaBalondolozi beTorah, nabalondolozi babaProfethi kanye noMesiya.
86.EmaBhayibhelini ethu kubhalwe ngo ’Jesu waseNazaretha,’ kodwa lokhu kuyisihumusho okungasilo iqiniso ngoba kuma Dead Sea Scrolls kuthi ‘uYeshua ongumNazaretha.’
87.Ukuze lomlando wenkolo yamaHebheru neyamaRoma icaciseke, ngizonika umlando wayo kafuphi!
88.UYeshua owayengumJuda, wazalwa nguMaria noJosefa ngo 4-6 A.D, nabo ababengamaJuda; wahamba emhlabeni ngo 33 A.D!
89.Inkolo yamaHebheru ngesikhathi sikaYeshua yayingazemukeli ezinye izizwe ukuba zibe
kulenkolo(Mathewu 10:5-6).
90.Kulama sects amathatu, abaFarisi, abaBhali nama Nazarenes, uYeshua wayengumholi weNazarene sect, egcotshwe ngumprofethi uJohane ukuba ahole amaNazarenes noma amaNazaretha.
91.Esehambile emhlabeni uYeshua ngo 55 A.D abafundi bakhe baphuma eJerusalema beyoshumayela ivangeli lakhe kwabezizwe.
92.Ngo 70 A.D kwaba nempi phakathi kwamaRoma, (okungabezizwe) namaJuda, kodwa amaJuda anqotshwa.
93.Emva kokuba amaRoma esewanqobile amaJuda, bayiqeda inkolo yamaHebheru, kwathi abatholakala besayilandela, babulawa.
94.Ngo 352 A.D kwavela umbusi wamaRoma, uConstantine, owasungula ubuKrestu, wabuye wachitha inkolo yamaHebheru ngama Creeds!
95.Sekunenkolo yobuKrestu, amaRoma akuqeda ukukhuluma ngoYeshua, owayevele engasekho emhlabeni, base bezakhela umsindisi wabo.
96.Eminyakeni yo 500 A.D, amaKrestu aqoka insizwa uCaesar Borgia ukuba aziwe ngokuthi unguJesu Krestu, osengumsindisi wabo esikhundleni sikaYeshua.
97.Kwathi uma sekuhlanganiswa iTestament Elisha, igama likaJehova, okunguNkulunkulu wamaHebheru, noYeshua, okunguMsindisi enkolweni kaMose, kanye nama Nazarene okulibandla elaliholwa nguYeshua, kwachithwa enkolweni ka Constantine!
98.Incwadi eyayibhalwe ngabapostoli ebizwa ngokuthi, THE GOSPEL OF THE TWELVE APOSTLES, amaRoma ayishisa; kwase kuthi le ethi THE GOSPEL OF THE NAZARENES, amaRoma ayihunyushela kuyisiLatin, sekuthiwa “uMathewu.” Kodwa okuningi okuphakathi kuyo kwahlakanezelwa!
99.Umbuzo ke uthi isiphi isiqiniseko esinaso sokuthi enkolweni yamaHebheru uMesaya onguMsindisi kwakungu Yeshua, nokuthi ibandla lakhe kwakungamaNazaretha, hhayi amaKrestu?
100.Njengoba amaDead Sea Scrolls abhalwa kwaze kwaba ngo 68 A.D, uYeshua engasekho emhlabeni, futhi eminye imibhalo yayikhuluma ngaye, kwatholakala ukuthi kulama Dead Sea Scrolls alikho igama likaJesu nelobu Krestu, kodwa esikhundleni sikaJesu nobuKrestu, amaScrolls akhuluma ngo Yeshua ne Nazarene Sect, okulibandla lamaNazaretha!
102.Yikho ke uRav Sha’ull ethi: Ngoku tholakala kwama Dead Sea Scrolls okuyimibhalo yamaHebheru emidala eyabakhona noYeshua engakazalwa, nasekhulwini leminyaka yokuqala, sesinolwazi ngebandla lamaNazaretha elaliholwa nguYeshua.”
Ukutholakala kwalama Dead Sea Scrolls kubuye kufakazele incwadi ka Dr Koste lapho ithi:
“Abezizwe babemfuna uMsindisi, kodwa hhayi lo oliJuda, ngoba babewazonda amaJuda, bezonda no-Elohim okuTestament Elidala, (okungu Nkulunkulu wamaHebheru), ngalokho base bezakhela umsindisi wabo oliGriki, (okunguCaesar Borgia owagcina esenguJesus!!)”
Manje sesinesi qiniseko esingaphikiseki ukuthi umprofethi owaba khona emhlabeni, futhi engaphansi kwenkolo yamaHebheru, okuyi Mosaic Faith, kwaba ngu Yeshua onguMesaya. UJesu Krestu ngumesaya owakhiwa ngabezizwe emva kokuchitha uYeshua owayenguMesaya esizweni samaHebheru!
Siyazi ukuthi uYeshua wazalwa ngo 6 A.D, wabethelwa ngo 33 A.D, kodwa asitshelwa ukuthi uJesu wayengamuphi unyaka emhlabeni?
Ngakho ke ngokomlando akaze abe khona umuntu onguJesu Krestu, kodwa ngokwemfundiso-nkolo yobuKrestu uJesu Krestu unguMesaya nomsunguli wenkolo yobuKrestu!
INkosi ibusise lokho enikuzwile!