Akuhlale kusibusa ukuthi sihleli noJehova, ikakhulukazi uma kungumhlangano. Ziningi kakhulu izinto ezibhekwayo ukuthi zihamba ngakho yini uma kungumhlangano!
Isihlabelelo 73
1.Ngiyakholwa kuYise
Onamandla onke
KuMdali wezulu nomhlaba
NakuMoya oyingcwele
2.Nakuyo iRamente yabangcwele
YamaNazaretha
Nobudlelwane babangcwele
Base Nazaretha
3.Idwala elihle
Lama Nazaretha
Owazikhethela lona uJehova
Ngokulithanda kwakhe.
4.Useze wahloba ngabo kathathu
Lobu buNazaretha
Phambi kwamaZulu onke
Umnyaka umunye.
5.Ngigeze ngehisop
Yasezulwini
Ngikhanye ngokukhanya
Ebusweni bakho.
1.Namuhla singenisa umhlangano kaJuly. Ngiyazi ukuthi amakholwa amaningi akazi ukuthi umhlangano uyini, ikakhulukazi laba abasanda kukholwa.
2.Sisese Buhleni kwakwejwayelekile ukuthi uma kungumhlangano kaJanuary umhlangano siwenze entabeni yaseNhlangakazi.
3.Kodwa kuthe uma kufika ingelosi yabe isithi asingabe sisaya eNhlangakazi ngoba uNkulunkulu akasekho khona.
4.Ingelosi yathi intaba yaseNhlangakazi isingcolile, amaNazaretha aseyi ngcolisa kakhulu, ngakho akuseyiyo indawo engcwele uJehova ongenza kuyo umhlangano wakhe!
5.ingelosi yayisho yonke imikhuba esiyeyenziwa eNhlangakazi njengoba nje lentaba isembangweni! Kodwa angizukuyibala lapha!
6.Ithi ke ingelosi: “Akunina eninomhlangano noJehova, kodwa uJehova onomhlangano nani.
7.Ngaleyo ndlela ke nguYena uJehova onqumayo indawo ozoba nomhlangano nani kuyo, hhayi kube yini eninqumela Yena!”
8.Lenkulumo ethi, uJehova unomhlangano nathi yasukela lapho, ukuthi thina sizimenywa zikaJehova ukuthi ngoJanuary, ngoJuly nango-October uJehova uba nomhlangano nathi!
9.Kulenyanga ke uJehova uhleli phakathi kwethu njengoba siyisizukulwana sabantwana bakwa-Israel!
10.Ayikholeki lento ukuthi njengabantwana bakwa-Israel, uNkulunkulu usephinde wakwenza owakwenza kokhokho bethu, ukusuka ezulwini ezohlala nathi emhlabeni!
11.UShembe ke uthi: “UJehova useze wahloba ngathi kathathu unyaka umunye, okungu January, u-July no-October.”
12.Kodwa ekuqaleni kwakungenjalo, izinyanga zomhlangano Kwaku nguJanuary, u-April noJuly!
13.Ku-Eksodusi 23:14-15 uJehova uthi: “Kathathu ngonyaka wongigcinela umkhosi wesinkwa esingena mvubelo, udle isinkwa esingena mvubelo izinsuku eziyisikhombisa, njengalokho ngakuyala ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka-Abibi, ngokuba waphuma ngayo eGibhithe. Akungabonakali muntu phambi kwami engaphethe lutho.”
14.Inyanga yePasika abaphuma ngayo abantwana bakwa-Israel eGibhithe, neyinyanga yokuqala konyaka ngokwekhalenda lamaHebheru, kuphakathi kwaMarch no-April.
15.Yikho ke sasiba nomhlangano ngo-April omele umhlangano wamadokodo ngokweBhayibheli, kanti uJanuary umele umkhosi waseNhlangakazi!
16.UJuly ummele ukuthi umkhosi kaJehova ngonyaka siwugubhe komkhulu walelibandla lamaNazaretha, okuseKuphakameni.
17.Njengoba uJehova enomhlangano nathi, kusho ukuthi kumele siziphathe kahle, singasoleki ndawo! Uma umthetho uthi singasidli isinkwa ngomhlangano, silalele esikutshelwayo!
18.Uma umthetho uthi asiphume ezindlini zethu ngesikhathi somhlangano, nanoma ngamuphi umkhosi kaJehova, sikwenze lokho, singamdumazi uNkulunkulu.
19.Akuhlale kusibusa ukuthi sihleli noJehova, ikakhulukazi uma kungumhlangano. Ziningi kakhulu izinto ezibhekwayo ukuthi zihamba ngakho yini uma kungumhlangano!
20.Umsindo awubangwa emhlanganweni, sikhulumela phansi, asimemezani, ngaphandle kokuthi nje sh! Thina sikhule kunjalo kulelibandla lamaNazaretha lisahamba noNkulunkulu!
21.Ngisho emadokodweni nihleli, asizixoxi izindaba ezingathi shu, sikhuluma ngokukholwa kuphela. Ayikho into edlula ukuhloniphana kuleli bandla!
22.Umuntu wesifazane uma ekhuluma nomuntu wesilisa uyakhothama azithobe.
23.Lokhu bengijwayele ukukubona kwenziwa ngabakhokheli, behlonipha ngisho inkosana!
24.Kulelibandla akuxhawulwana, ikakhulukazi emhlanganweni. Umkhuba wokuthi uma uhlangana nomuntu, ikakhulukazi wesifazane, bese nixhawulana, awenziwa kuleli bandla!
25.Ngikhiphe umyalezo wokuthi singabuye sisebenzise ublom ukuwasha izingubo zethu zenkonzo, ngoba zigcina seziluhlaza zifane nalezi zalamahlubuka esiwabona kwamanye alamabandla akwaShembe!
26.Ingubo emhlophe kulelibandla akusiyo nje imifaniswana yokuswenka kwamakholwa njengoba kwenzeka kwamanye amabandla, kodwa ingubo emhlophe ngeyasezulwini, ifakwa zingelosi, ifakwe yibo bonke abantu abangcwele. Kafuphi, ezulwini zonke izidalwa khona zifaka ingubo emhlophe!
27.NgokukaMarku 16:5 kuthi: “Kuthe sebengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene, YEMBETHE INGUBO EMHLOPHE; bethuka.” Leyo kwakuyingelosi!
28.Ku-Isambulo 7:9 kuthi: “Emveni kwalokho ngabona isixuku esikhulu….., SEMBETHE IZINGUBO EZIMHLOPHE!” laba kwakungamaNazaretha ayesuka emhlabeni eya ezulwini.
29.Ku-Isambulo:4:4 kuthi: “Phezu kwezihlalo zobukhosi kuhleli amalunga angu 24, EMBETHE IZINGUBO EZIMHLOPHE!”
30.Uma ke umuntu othi ungumNazaretha eshintsha ingubo emhlophe eyenza noma imuphi umbala, usuke engenwe ngumoya wokuhlubuka, ngoba le akusiyo ingubo yomuntu, kodwa ingubo yasezulwini!
31.Njengoba ngilapha ngithunywe ezulwini ukuba ngiqondise ubuNazaretha. Angincengagwa ukuba ngikwenze lokhu, kodwa ngathunywa; ezulwini ngibhekeke ukuba ngenze lokho engithunywe ukukwenza!
32.KuHezekeli 3:18-19 uNkulunkulu uthi kuHezekeli: “Ndodana yomuntu, uma ngithi komubi, uyokufa nokufa, bese ungamxwayisi omubi endleleni yakhe embi, ukuba umsindise, uyakufa ngenxa yezono zakhe, kodwa igazi lakhe ngolibuza esandleni sakho.
33.Kepha wena uma umxwayisa omubi, kepha awaze wakuyeka ububi bakhe, uyakufa ngenxa yesono sakhe, kodwa wena uwusindisile umphefumulo wakhe!”
34.Lencwadi ngangingayazi, kodwa sayifundiswa yingelosi, iseluleka ukuthi uma uthunywa nguNkulunkulu kubantu ukuba ubabuyise emthethweni kaNkulunkulu, noma bekuthuka nganhloboni yenhlamba, kodwa wena yenza lokho okuthunyiwe.
35.UNkulunkulu usuke vele ekwazi ubunzima ozobhekana nabo, kodwa akuthume noma kunjalo!
36.Ingelosi yabuye yasifundela incwadi kaHezekeli 2:5-7, lapho uNkulunkulu ethi: “Noma ngabe bayalalela, noma abalaleli, ngoba bayindlu ehlubukayo, nokho bayokwazi ukuthi bekukhona umprofethi phakathi kwabo.
37.Wena ndodana yomuntu ungabesabi, ungawesabi namazwi abo, noma afana nameva kubo, ungapheli amandla ngenxa yobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.
38.Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki!”Amein!
39.Isimo esasibhekene noHezekile, namuhla sibhekene nathi njengoba sinjalo.
40.Lamabandla akwaShembe angabahlubuki, kodwa uma uthi uyabatshela ukuthi lokhu nalokhu kungukuhlubuka, bavele bakuthuke ngazo zonke izinhlamba!
41.Kodwa uNkulunkulu ngezwi lengelosi uthi ngingesabi, ngikhulume lokho engithunywe ukuba ngikukhulume, ozwayo uyokuzwa, ongezwayo uyobhekana noNkulunkulu ngesinye isikhathi!
42.Akungakho ukuthi lamabandla akaboni ukuthi amhlubukile uJehova, kodwa akanendaba!
43.Abheke ozowakhuza, bese ayamthuka ukuze abesabe, bese beqhubeka nakho konke lokhu kuhlubuka bengasakhuzwa muntu!
44.Thina sihlala nengelosi. Ngaso sonke isikhathi ingelosi ifaka ingubo emhlophe ende ize ivale izinyawo zayo, ekhanda imboze ngenansuka enkulu emhlophe njengoba kwenza amakhosazana.
45.Ngakho ke ngaphandle kokubhalwe eBhayibhelini, siyazi ukuthi ingubo emhlophe yingubo yasezulwini!
46.Angazi ke ukuthi uma umuntu eseshintsha ingubo emhlophe eyenza iba luhlaza usuke engenwe yinhloboni yedimoni?
47.Kulesi sikhathi samanje kumele sazi ukuthi kukhethwe thina ezulwini ukuthi sibuyise ibandla likaJehova elalethwa lapha emhlabeni nguMose, lashunyayelwa yibo bonke abaprofethi, laqedwa abezizwe, lavuselelwa nguShembe!
48.UShembe uthi: “Kuza isikhathi
lapho amaNazaretha eyoyilahla khona indlela kaShembe. Lapho bobe sebenza imicabango yabo kunezwi esibayala ngalo thina boShembe!
49.Ngaleyo nkathi bobe bengasalikhathalele izwe laphakade, bayobe sebethembe amazulu amaningi, nangekho.
50.Ngalezo zinsuku bayokudebesela ukugcina umthetho kaJehova, lo okuthiwe angiwuvuselele!
51.Bayowugxoba, bawuzibe, kuphase imithetho yabo, nemithetho yezithixo zabo abayozibuyisa bazifake lapha eKuphakameni.” Amein!
52.Uma kukhulunywa ngomprofethi kaJehova, kusuke kushiwo umprofethi ofana nomprofethi u-Isaya Shembe, (ukuthula kube kuye).
53.Njengoba washo emandulo uBabamkhulu ukuthi kuza isikhathi lapho amaNazaretha ayoyilahla khona indlela kaShembe, emlandweni wobuNazaretha asikho isikhathi esinjenga lesi!
54.Akudingi nokuthi ungaze uzibuze ukuthi amaNazaretha akwaShembe ayilahle kanjani indlela kaShembe, ngoba lokho kusobala!
55.Wakubhala phansi uShembe ukuthi sokhonza uJehova yedwa, nokuthi ezulwini kwathunywa yena ukuba avuselele imithetho kaJehova.
56.Kodwa manje amaNazaretha aseyidicilele phansi indlela kaShembe yokukhonza uJehova, bazakhele isithixo abasibiza ngoNyazi, bathi yisona unkulunkulu wabo!
57.Wathi Shembe singazihlanganisi nesangoma, singasingenisi ngisho emzini yomNazaretha. Kodwa namuhla amaNazaretha akwaShembe asonta nezangoma, ezinye sezinezikhundla zokuhola ibandla!
58.Wathi uShembe singawahlabeli amadlozi, kodwa kulamabandla akwaShembe onke ayawahlabela amadlozi ngenkani!
59.Uma umuntu ebona ukuthi lendlela kaShembe yokukhonza uJehova akayamukeli, akaphume kulelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba, engashintshi inqubo yebandla ongazi lutho ngalo, bese ethi kulo sekunguyena uNkulunkulu!
60.Thina ke sithunyelwe ingelosi ukuba ihlale nathi ukuze iqondise ukukholwa kwethu! Njengaku Eksodusi 23:20-22, siyaliwe ukuthi lengelosi singayicunuli, siyilalele, sithathe esikufundiswa yiyo! UNkulunkulu ukhuluma amazwi amakhulu ngathi, uthi:
“61.Kepha uma ulalela nokulalela, izwi layo, wenze konke ekutshela khona, ngiyakubazonda abakuzondayo, ngibe isitha sezitha zakho!”
62.Mhla ingelosi ifika kithi mhla ka 4 January 2010, yathi: “Ngithunywa nguShembe uBaba iLanga kuwe, uthi ‘makhele indlu kaJehova, indlu kaJehova ke libandla.
63.Kulelibandla uyofundisa abantu indlela eyiyo yokukhonza uJehova, ususele ezimfundisweni zikaBaba efundisa amaNazaretha.”
64.Ngokuthi: “NGAKHELE IBANDLA LIKAJEHOVA”, inkosi iLanga yayichaza ukuthi lelibandla eyalishiya emhlabeni lamaNazaretha akwaShembe ayisazihlanganisi nalo, ngakho ke ANGIYAKHELE ELAYO IBANDLA ELIZOFUNDISA ABANTU INDLELA EYIYO YOKUKHONZA UJEHOVA!
65.Uthi ke uBaba iLanga, ekufundiseni abantu ukuthi kumele akhonzwe kanjani uJehova, NGIYOTHATHA EZIMFUNDISWENI ZIKABABAMKHULU EFUNDISA AMANAZARETHA.
66.Kusukela salisungula lelibandla, sesinemibhalo engaphezulu kweyeBhayibheli.
67.Zonke lezi zimfundiso zikhuluma into eyodwa, ukuthi asibuyele kuJehova, njengoba sayalwa nguShembe iNkosi iLanga!
68.Mina angikaze ngiphume endleleni engayinikwayo ngokufundisa abantu ukukhonza uJehova!
69.Kodwa kunomuntu othi ungumpostoli Mbatha ohlalela ukuhlambalaza uBabamkhulu nobuNazaretha, yize engazi lutho ngalento okhuluma ngayo!
70.Sengachaza kaningi ukuthi “USHEMBE” uMprofethi nguye umsunguli wobuNazaretha.
71.Kuyamangalisa ke uma sekunomKrestu nakulesi sikhathi osahlasela uBabamkhulu ngokuthi unezimfundiso zokukholwa ezingahambelani nomthetho kaNkulunkulu! Kodwa engenke asho ukuthi iyiphi into uBabamkhulu owake wayifundisa amaNazaretha ephambene nomthetho kaNkulunkulu!
72.Isisekelo sobuNazaretha esasinikwa nguShembe sithi: MESABENI UJEHOVA ZIZUKULWANE NGEZIZUKULWANE, NIGCINE IMITHETHO YAKHE OWANILOBELA YONA NGENCEKU YAKHE UMOSE, UKUZE UKUDUMISA KWENU KWAMUKELEKE KUTHIXO WEMIKHOSI.”
73.Kusihlabelelo 119 uShembe uthi: Thina siyamthanda lo onokusindisa; ISIHLANGU SETHU NGUJEHOVA ONOKUSINDISA! SOPHELELA SONKE KUJEHOVA ONOKUSINDISA.
74.WENA UYAMDINGA LO ONOKUSINDISA, KUPHELA UJEHOVA ONOKUSINDISA.
75.ALIKHO NELINYE IGAMA ESINGASINDA NGALO, KUPHELA IGAMA LIKAJEHOVA ESINGASINDA NGALO.
76.ASINAZIHLANGU ESINGAVIKA NGAZO, KUPHELA IGAMA LIKAJEHOVA ESINGASINDA NGALO. ASINAZIKHALI ESINGALWA NGAZO, KUPHELA IGAMA LIKAJEHOVA ESINGALWA NGALO!”
77.Akukho lapho uShembe owake wafundisa khona ukuthi yena unguNkulunkulu!
78.Lompostoli ohlasela uBabamkhulu akazi lutho ngisho ngenkolo yakhe, kodwa uzohlomekela ubuNazaretha!
79.Lompostoli sengimbekezele kakhulu, ngibona ukuthi sekufike isikhathi sokuba abhekane nami ngqo, ngoba yimina engathunywa ukuba ngifundise ngobuNazaretha!
80.Akakho umuntu ophile kahle ekhanda ongavele ehlasele inqubo yokukholwa yakwenye inkolo ongazi lutho ngayo!
81.Kungaba isimanga uma ngingase ngihlasele amaHindu ngokuthi akayidli inyama, ngingazi lutho ngezimiso ze Hindusm!
82.Lompostoli uyachwensa, kungakuhle bemyale abakubo ngoba akuzukuba mnandi uma sesibhekana naye ngamaqiniso enkolo yakhe!
83.Lompostoli usola uShembe ngokuthi wathi singazifuyi izinja. Kodwa akazi lutho ngokuthi kungani wathi uShembe singayifuyi inja!
84.Kwasho uNkulunkulu ukuthi singayifuyi inja, kodwa akukho lokho eBhayibhelini, ngoba emandulo vele izinja zazingafuwa, zizilwane zasendle njengoba namanje ezinye izinja zingafuyiwe!
85.Kodwa ngaso sonke isikhathi, noma iBhayibheli selabhalwa laqedwa, uJehova uyaye eyibukeza imithetho yakhe ngomprofethi osuke emthumile!
86.Kuthe uma abantu sebefuya izinja, uNkulunkulu wafike wamtshela uShembe ukuthi thina esingamaNazaretha singazifuyi izinja!
87.Ekukholweni ke uNkulunkulu akaze abuzwe ukuthi umthetho othile uwushayelani.
88.Uma ethi uJehova isinkwa esinemvubelo singasidli ngomhlangano, akukho muntu ozobuza uJehova ukuthi kungani singesidle isinkwa esingenamvubelo! Asazi ke noma unkulunkulu wamaKrestu uyabuzwa yini?
89.Lompostoli akagcini lapho, usezophikisa uBabamkhulu uma ethi unguMoya ongcwele. Ukwazi kanjani ukulawula ukuthi enye inkolo ayikholwe yini iyekeni, engekho kuleyo nkolo?
90.UbuKrestu buhlangene nohulumeni kwahlukumeza kakhulu ubuNazaretha, asikwazi ke ukuthi nakulesi sikhathi sivume ukuzophashelwa iloMbatha ndini, leso sikhathi sesedlula!
91.Uma umprofethi u-Isaya Shembe engasiye uMoya ongcwele, ngubani ke uMoya ongcwele? Akasichazele phela ngokwenkolo kaBali?
92.Manje sekuyisikhathi ukuthi uMbatha ngimchazele ngenkolo yakhe, ngoba uzosifundisa ngobuNazaretha yize engazi lutho ngisho ngalobu buKrestu othi uyikho, uyahlomeka nje!
93.Kumele lompostoli azi ukuthi loJesu Krestu olokhu esibelesela ngaye, ungumuntu ongakaze abe khona emhlabeni; uMbatha ukhonza isithixo! Angimhlambalazi leli iqiniso elimsulwa!
94.UMesaya owaba khona emhlabeni nguYahusha wesizwe samaJuda, owazalwa ngo 6 A.D, nguMaria noJosefa, wabethelwa esiphambanweni ngo 33 A.D!
95.UYahusha waze wahamba emhlabeni enguYahusha; noma engasekho emhlabeni iminyaka edlulile ekhulwini, wayaziwa ngokuthi uYahusha!
96.Manje ke uma uJesu Krestu wake waba khona emhlabeni, wayesemhlabeni kuyiphi iminyaka, engowasiphi isizwe? Kwakungobani abazali bakhe?
97.Ngiyazi ukuthi ngoba nifunzwa wonke amanga, niwakholwe, bese kuba yini eniwafafaza umhlaba wonke, usuzothi uYahusha noJesu ngumuntu oyedwa, kodwa ngamanga aluhlaza lawo!
98.Ngo 70 A.D amaRoma abulala amaJuda abalelwa esigidini, emva kwalokho ayichitha inkolo yamaJuda ngamaCreeds, njengoba ngiwafundile enkonzweni edlule.
99.Manje imuphi unyaka lapho uYahusha washiya khona inkolo yakhe yamaHebheru wabe eseyojoyina inkolo yamaRoma?
100.Ngabe uYahusha wavuka ekufeni wabe esezihlanganisa nesizwe esabulala isizwe sakubo?
101.Ubani owanika uYahusha igama lokuthi nguJesu, kumuphi unyaka, elishintshelani elakhe igama elavela ezulwini?
102.Iqiniso ukuthi awukho umlando ochaza lokho, ngoba uJesu akaze abe khona emhlabeni, kodwa leli yigama lesithixo esakhiwa ngabezizwe!
103.Emva kokunqotshwa kwamaJuda ngo 70 A.D, amaRoma ayiqeda inkolo yamaHebheru, okungamaJuda, nokuyisizwe esimnyama esagcina sihlakazeka i-Afrika yonke.(Bheka u-Isaya 11:11-12).
104.AmaRoma ayengachitha uJehova bese elanda umprofethi wakhe ukuba ezoba nguMsindisi wabahedeni? Uma kunjalo, pho akekho ngani uYahusha ku New Testamente?
105.Njengoba esho uDr Koste, okuliqiniso ukuthi amaRoma azakhela umsindisi wawo oliNtaliyane, ngoba bewenyanya amaHebheru, kwase kuntshontswa umlando wempilo kaYahusha ongumJuda sekuthiwa ngowalesi sithixo!
106.Emnyakeni yo 500 A.D, omunye woPope wathatha indodana yakhe, uCaesar Borgia, kwase kuba nguye osenguJesu Krestu!
107.Uma uJesu Krestu wake waba khona, kwakunasidingo sini sokuba kube nguCaesar Borgia owenziwa uJesu Krestu?
108.Inkolo yobuKrestu yayichitha inkolo yamaHebheru, okuyinkolo kaJehova, uYahusha owayengaphansi kwayo; uthi kungumlando wenkolo yobuKrestu ukuthi unkulunkulu wamaKrestu nguBhali, neSabatha lachithwa kwasontwa ngeSonto ngoba kugcinwa umkhosi wokukhonza uBhali!
109.Nanka amaCreeds asifakazelayo ukuthi unkulunkulu wamaKrestu nguBhali, nokuthi isisekelo senkolo yabo amasiko aseRoma:
110.“Ngiyawemukela onke amasiko, imicimbi, imithetho, imikhosi yamaRoma, iminikelo, imithandazo, ukuzihlanza ngamanzi,
Aukungcweliswa umPriest omkhulu wamaRoma.
111.Kwamukeleka nayo yonke imigubho yamaKrestu, kanye nokudla neziphuzo zesizwe samaRoma.
112.Ngamafushane nje, konke okuwusikompilo lwamaRoma, nemigubho yabo, nemicimbi, siyekwemukela kulenkolo entsha yaseRoma ebizwa ngokuthi yi-Christianity.
113.Ngokusobala le Creed ithathatha indawo yamaCreeds achitha ukugcinwa kwemithetho nemikhosi kaJehova!
114.NGAMUKELA UMKHOSI WESABATHA LIKA NKULUNKULU OYILANGA OKUYI SUN-DAY!
115.Ngalokho usuku lwangeSonto elokukhonza uJesu iNkosi, njengoba bekade lwaziwa ngokuthi USUKU LWENKOSI UBALI, uma uBali ekhonzwa ngalolusuku ngoba eyinkosi, kanjalo noJesu ukhonzwa ngalo ngoba eyinkosi!
116.AmaKrestu angenzi ubuJuda agcine iSabatha, kodwa kufanele asebenze ngalolu suku, kodwa bahloniphe usuku lwenkosi uBali, okuyiSonto!
117.Otholakala esebenza ngalolu suku lwesabatha lwamaJuda uyojeziswa!”Amein!
118.Kubhalwe phansi ukuthi inkosi yamaKrestu akusiye uYahuwa, kodwa nguBali, nokuthi kumele amaKrestu agcine onke amasiko esizwe samaRoma!
119.UbuKrestu njengenkolo kuyayichitha inkolo kaYahuwa, okuyi Mosaic Faith! Kulenkolo entsha, okungubuKrestu, aliphathwa igama lika Yahuwa okunguNkulunkulu wamaHebheru, noYahusha, okunguMesaya wamaHebheru! Yikho lamagama engatholakali eBhayibhelini lamaKrestu!
120.ISISEKELO SENKOLO YOBUKRESTU KE UKUKHONZA UBALI, NIGCINE USUKU LWESONTO OKULUSUKU LOKUDUMISA UBALI! Akusho mina, kodwa ngumthetho wobuKrestu!
121.Ukuchitha isabatha kwamaKrestu akuhlangene nokubhalwe eBhayibhelini, ngoba iSabatha lachithwa ngama Creeds lingakabi bikho iBhayibheli!
122.Okuyikho ukuthi iSabatha lichithwa ngoba luwusuku lokukhonza uNkulunkulu wama Hebheru, uYahuwa, kumaKrestu oyimbangi kaBali!
123.Ngakho ke uMbatha akangazami ukusuka kuBali bese ezozenza usiyazi ngalelibandla likaMenzi wezulu nomhlaba, ongahlangene ngalutho nalo!
124.Akukwazi ukuthi ngokuhlubuka kwamaNazaretha umprofethi owaprofetha ngakho, bese kuthi uma sekwenzeka, bese kuba uMbatha ohlulela lelibandla, yize yena engumlandeli wabanye onkulunkulu. Okucasula nya ukumuzwa esehlasela nomprofethi. Ucabanga uthi uyini loMbatha! Siyavelelwa!
125.UMbatha uthi ungumpostoli kaJesu! Njengoba sesishilo, uJesu akaze abe khona! Angazi ke ukuthi ibaphi abapostoli okhuluma ngabo?
126.Abafundi bakaYeshua babehamba ngokwezimiso zikaYahuwa, begcina iSabatha, bengaligundi ikhanda!
127.Kuzofanele lompostoli angakujwayeli ukuhamba ejukujela abantu ngamatshe kanti naye uhlala endlini eyakhiwe ngamaglasi!
INkosi ibusise lokho enikuzwile.